Uhwebo kwezinhlanzi ukuzithokozisa

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Mayelana nokungenisa izinhlanzi ngenhloso yokuzijabulisa

Ukungenisa izinhlanzi,  njengenhlanzi yasolwandle, ngenhloso yokuzijabulisa kufanele ufake isicelo sephemithi Emnyangweni Wezolimo, Amahlathi kanye Nabadobi. Angeke ukwazi ukudayisa izinhlanzi ezingenisiwe kodwa ungazisebenzisa ngenhloso yokuzijabulisa.

Kufane ufake isicelo ngaphambi kwamaviki amabili uye kwelinye iziwe ukuze kuzodluliswa isicelo sakho kusanesikhathi.  Angeke ukwazi ukungenisa izinhlanzi ngenhloso yokuzijabulisa ngaphandle kwephemithi yokungenisa.  Awudingi iphemithi yokufaka udobo; kodwa, sicela uqikelele ukuthi unephemithi yodobo lokuzijabuliisa (Inani lesikhwama esivumelekile elingadluliswa)  noma isiliphu sodobo oluthengiwe.

Imigomo  eqaphelisisiwe iyalandela:

  •  Angeke ube nemvumo yokungenisa izilwane eziyindlala(CITES)  izilwane ezibaliwe ( Imininingwano mayelana  CITES  vakashela www.cites.org.
  •  Iphemithi izobe inikezelwe isikhathi ozobe uvakashe ngaso futhi izobe iphuma ezweni ofuna ukuya kulo.
  •  Angeke ukwazi ukungenisa izinhlanzi eziphilayo. cites

Qaphela:  Iphemithi yokungenisa ngokuzijabulisa  akufaki amanzi ezinhlanzi ahlanzekile.  Ukuhluleka ukulandela imigomo yephemithi kungabangela ekutheni iphemithi isulwe noma ingasasebenza.

Okufanele ukwenze

  1. Thola ifomu lokungenisa izinhlanzi kuleli ngenhloso yokuzijabulisa  Egatsheni  labaphetheizinhlanzi Emnyangweni Wezolimo, Amahlathi kanye Nabadobi, Foretrust Building, Martin Hammerschlag Way, Foreshore,  Ekapa.
  2. Gcwalisa ifomu lokubhalisebe bese uletha lokkhu okulandelayo:
    •  Usuku ozohamba ngalo nozobuya ngalo Eningizimu Afrika
    •  Igama lezwe ozovakashela kulo
    •  Umncele ozosetshenziswa uma usubuya lapha e Ningizimu Afrika
    •  Bhala ukuthi izinhlanzi zizongeniswa kanjani ( eziseqhweni/  eziqandisiwe/ nokunye.)
    •  Ikhophi kamazisi wakho onesigxivizo sasemthethweni.
  3. Khokha inani elifanele emininingwaneni yesikhwama elandelayo: Ibhange: First National Bank
    Inombolo yesikhwama: 62123256382
    Uhlobo lwesikhwama: Current
    Igama lesikhwama: Marine Living Resources Fund
    Igama legatsha: Corporate Account Service Cape Town
    Inombolo yegatsha: 204109
    Ukunikezela imininingwano yokhokhile shayela kulenombolo 0860 000 3474.
  4. Faka lokhu okulandelayo efomoni lokufaka isicelo:
    • Isiqinisekiso sokuthi kukhokhiwe ( isiliphu sokufaka imali ebhange)
    • Isiqinisekiso sekheli lendawo yokuhlala,  Inombolo yocingo,  inombolo yesikhahlamezi,  kanye nekheli lesimanjelase Ningizimu Afrika
    • Ikhophi enesigxivizo sasemthethweni sikamazisi wakho.
  5. Thumela ifomu lesicelo Emnyangweni Wezolimo, Amahlathi kanye Nabadobi ku: Private Bag X2, Roggebaai,  Ekapa, 8012  noma thumela ifomu ku  Kwigatshala labaphathi babadobi  Emnyangweni Wezolimo, Amahlathi kanye Nnabadobi ebhilidini elisezansi, Foretrust Building, Martin Hammerschlag Way, Foreshore, Ekapa.  Akuvumelekile ukuba uthumele isicelo sakho ngesikhahlamezi noma nge meyili.

Isikhathi esinqunyiwe

Kungathatha izinsuku ezuyisikhombisa zokusebenza noma ngaphezulu, Kuyangokuthi isicelo senziwe ngokuthi yikho

Amafomu okumele agcwaliswe

Thola imininingwano yokufaka isicelo sokungenisa izinhlanzi ngenhloso yokuzijabulisa  Egatsheni lalbaphethe Abadobi boMnyango Ezolimo, Amahlathi kanye Nabadobi ebhilidini elisezansi, Foretrust Building, Martin Hammerschlag Way, Foreshore, Cape Town.

Imininingwane yokuxhumana

 

Call Centre

Tel: +27 12 399 9000
Fax: +27 12 359 3625

Share this page