Isicelo semvume yesikhashana yokungenisa izilwane ngenhloso ethile efana nemibukiso

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo lokubhalisela iphemithi yokungenisa nokudlulisa okwesikhashana ngenhloso ethile

Uma ufuna ukungenisa noma ukudlulisa izilwane okwesikhashana ukuza Eningizimu Afrika noma zidlula Eningizimu ngesizathu esithile njenge, imibukiso,imincintiswano kanye nokuzalanisa noma ukuhlolwa kwezilwalane, kufanele ubhalise bese unikezwa iphemithi yokwenzangcono izilwane etholakala ku Mbhalisi obhekele ukwenzangcono izilwane.

Kufanele ubhalisele iphemithi yokungenisa kokuhlolwa kwezilwane ku Mqondisi obhekele ezezempilo zezilwane kanye ne sitifiketi sokuhlolwa kwezilwane ezweni elidlulisa izilwane.

Kufanele ufake isicelo ngaphambi kwezinsuku ezingamashumi amathathu ngaphambi kokuba ungenise noma udlulise izilwane. 

Okufanele ukwenze

  1. Gcwalisa amafomu esicelo: Isicelo sokungenisa noma ukudlulisa izilwane ngenhloso ethile (Okukhombisa).
  2. Uma ungenisa isilwane ngenhloso yokuthi zizale ezinye noma ngenhloso yokuhlola izilwane, kufanele:
    • isitifiketi esiphuma ku Mbhalisi owaziwayo ezweni la ungenisa khona izilwane. Isitifiketi kumele sikhombise i DNA noma uhlobo lwegazi lwesilwane noma imininingwane yesilwane.
  3. Izincomo eziphuma kwikomidi lokuzalanisa Ningizimi Afrika kwabazalanisi be ndawo.
  4. Ungakhokha nangesheke noma eposini ku:
    • Umqondisi jikelele: Umnyango wezolimo, ezamahlathi kanye nezezinhlanzi.
      Standard Bank of South Africa
      Igatsha: Arcadia
      Inombolo yasebhange: 011219556
      Inombolo yegatsha: 000845/ 010845
      Okukhombisa ukuthi ukhokhile kumele kube igama lakho noma isibongo sakho.
  5. Izindleko zasebhange kanye ne zasebhange lakwamanye amazwe kuzoba ezakho. Umnyango angeke ukhiphe iphemithi ungakatholi imali engamakhulu amathathu nambili.
  6. Ungakhokha naku Mnyango wezolimo, amahlathi kanye nezinhlanzi kubhaliwe ohlwini lokuxhumana.
  7. Uma ubhalisela omunye umuntu, sicela uqinisekise ukuthi ubhala igama  nesibongo sakho noma igama lenkampani.
  8. Azikho izicelo eziphasiswayo ngaphandle kwesiqiniseko sokuthi kukhokhiwe. 
  9. Thumela ifomu nesiqiniseko sokuthi ukhokhile ku:
    Umbhalisi obhekele ukwenzangcono izilwane
    Private Bag X138
    Pretoria
    0001
    Eningizimu Afrika
    Noma thumela ngesikhahlamezi ku (012) 319 7570/7425.
  10. Okulandela ukuthunyelwa kwefomu lesicelo kanye nesiqiniseko sokukhokha, iphemithi yokwenzancono izilwane izonikezwa Umqondisi wezempilo zezilwane ukuba akhiphe iphemithi.
  11. Emva kokufaka isicelo sephemithi yokwenzancono izilwane, kufanele ufake isicelo sephemithi yokuhlola izilwane ku Mqondisi wezempilo yezilwane. Uma unemibuzo mayelana nephemithi yokuhlolwa kwezilwane sicela ushayele (012) 319 7514.
  12. Ababhekele ukwenza kancono izilwane bazodlulisela ifomu lesicelo sakho bese bekunikeza isitifiketi basinikeze Umqondisi ukuze uthole iphemithi yokungenisa kuleli.
  13. Kufanele ubhalisele isitifiketi sokuhlolwa kwezilwane ku Mqondisi wezempilo zezilwane.
  14. Kufanele ube namaphemithi amabili angakopishiwe kwiSkhulu sabahlola izilwane echwebeni lokungenisa kanye nesitifiketi sokuhlolwa kwezilwane esiqhamuka ezweni elidlulisayo.

Qaphela: Izicelo ezingaphelele zibuyiselwa emuva futhi akwamukelwa ukuphazamiseka kwakho.

Isikhathi esinqunyiwe

Kuthatha izinsuku ezingamashumi amathathu ukudlulisela isicelo.

Kubiza malini

R220

Amafomu okumele agcwaliswe

Application to import/export animals for certain purposes

Imininingwane yokuxhumana

 

Directorate Animal Production
Tel: 012 319 7424 / 012 319 7576 / 012 319 7590 / 012 319 7429 / 012 319 7434 / 012 319 7486
Fax: 012 319 7570/7425
Physical address: Delpen Building, Cnr Annie Botha Avenue and Union Street, Riviera, Pretoria
Postal address: The Registrar of Animal improvement Private Bag X138, Pretoria, 0001

Share this page