Sifakwa kanjani isicelo sokubuyiselwa intela yentengo i-VAT

Abantu bakwamanye amazwe abavakashela eNingizimu Afrika bangasifaka isicelo sokubuyiselwa i-VAT abayikhokhe ngenkathi bethenga izimpahla abazobuyela nazo emazweni abo, uma isamba esiphelele singaphezu kwama-R250. Isicelo sokubuyiselwa i-VAT kumele sifakwe emahhovisi oMlawuli Wezicelo Zokubuyiselwa i-VAT. La mahhovisi atholakala esikhumulweni sezindiza saseGoli kanye nasesikhumulweni sezindiza saseKapa, nasemingceleni yaleli lizwe ehlukahlukene kanye nezikhumulo zemikhumbi ezikhethiwe.

Uma uthenga izimpahla, kumele umazise umsizi wasesitolo ukuthi wena ungumuntu wakwelinye izwe bese ucela i-invoyisi yentela. I-invoyisi yentela kumele iqukathe lolu lwazi olulandelayo:

  • isamba se-VAT oyikhokhisiwe, noma isitatimende esikhombisa ukuthi i-VAT ifakiwe kwisamba esiphelele sentengo yezimpahla
  • inani kanye nencazelo ephelele yezimpahla ezithengiwe
  • inombolo engafani nezinye ye-invoyisi yentela
  • igama nekheli lomthengi
  • isamba se-VAT oyikhokhisiwe, noma isitatimende esikhombisa ukuthi i-VAT yezinga elingama-15% ifakiwe kwisamba esiphelele sentengo yezimpahla.

Kumele uveze izincwadi okungezoqobo, hhayi amakhophi kanye nezimpahla ezithengiwe.

 

 

 

Postal address  

The VAT Refund Administrator
PO Box 107
OR Tambo International Airport
South Africa
1627

E-mail addresses  

Botswana : botswana@taxrefunds.co.za
Swaziland : swaziland@taxrefunds.co.za
Namibia : namibia@taxrefunds.co.za
Other countries : generalqueries@taxrefunds.co.za

Website: www.taxrefunds.co.za

Tel: + 27 11 979 0055

Share this page