Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana
Mayelana nokuhlolela ukukhulelwa
Uma usola sengathi ukhulelwe, kufanele uye emtholanpilo oseduze nawe noma kudokotela ukuze uhlolwe ukuthi ukhulelwe na. Ungaphinde uzithengele ekhemisi insizakuhlola yokuzihlolela ukukhulelwa usekhaya.
Uma unezimpawu ezifana:
- nokweqiwa ukuya esikhathini
- isicanucanu
- amabele azwelayo
- ukukhathala
ukuhlolela ukukhulelwa kungaqinisekisa izinsolo zakho.
Qaphela: Ukuhlolela ukukhulelwa kuphinde kwenziwe ezimweni lapho umuntu edlwenguliwe.
Okufanele ukwenze
- Vakashela emtholampilo oseduzane nawe noma kudokotela oqeqeshiwe
- Gcwalisa ifomu lesiguli
- Uma ukhetha:
- ukuhlolwa kwegazi, udokotela wakho uzothatha isampula legazi bese elithumela elabholethri ukuze liyohlaziywa
- ukuhlolwa komchamo, udokotela wakho uzokunikeza inkomishana encane ozochamela kuyona isampula lakho lomchamo.
Qaphela: Ungaphinde uzithengele emakhemisi insizakuhlola yokuzihlolela ukukhulelwa usekhaya.
Kuthatha isikhathi esingakanani
- Imiphumela yokuhlolwa komchamo – ngaleso sikhathi
- Imiphumela yokuhlolwa kwegazi – amahora ambalwa noma izinsuku
Kubiza malini
Le nsizakalo itholakala mahala emitholampilo nasezibhedlela zikahulumeni. Izikhungo zezokwelapha ezizimele ziyokukhokhisa imadlana ethile.
Qaphela: Ungaphinde uzithengele ekhemisi eseduze nawe insizakuhlola yokuzihlolela ukukhulelwa usekhaya.
Amafomu agcwaliswayo
Ifomu lesiguli.
Ubani ongaxhumana naye
Vakashela umtholampilo oseduzane nawe noma esikhungweni sokwelashwa esizimele.