Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa Ngenqubekela-phambili Esiyenziwe Emizamweni Kazwelonke Yokunqanda Ubhubhane Lwe-COVID-19

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Kusihlwa nje, ngithanda ukuqala ngokuthi nginixoxele ngezimo esihlangabezane nazo njengesizwe, evikini elilodwa, maqondana nomsebenzi esiwenzayo ohlelweni lwezempilo kwesinye sezifundazwe zethu.

Phakathi komhla ziyi-14 nomhla zingama-20 kuNcwaba kulo nyaka, uMnyango Wezempilo wesifundazwe saseNtshonalanga Kapa waqoqa futhi wahlanganisa izibalo zabantu abaneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala abatheleleka nge-COVID-19.

Bangama-30 kuphela kuma-729 abantu abaneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala abasebegonyiwe abalaliswa esibhedlela ngenxa ye-COVID-19 kulelo viki.

Lokhu kusho ukuthi abangama-699 kulabo bantu babengagonyiwe.

Futhi kubantu abangama-292 abaneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala abaphangalala ngenxa ye-COVID-19 kulelo viki, abangama-287 kubona babengagonyiwe, okusho ukuthi bayisihlanu kuphela abasebegonyiwe.

Ngamanye amazwi, abantu abangama-96% abaneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala abalaliswa esibhedlela kulesiya sifundazwe kanye nabantu abevile kuma-98% abaneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala abashona ngenxa ye-COVID-19 ngabantu ababengagonyiwe.

Nakwezinye futhi izibhedlela ezweni lonkana kubonakala isimo sezinto esifanayo.

Siyazi ukuthi umuntu ogonyiwe usengatheleleka ngegciwane futhi angalidlulisela nakwabanye abantu.

Kodwa esikubonayo wukuthi bambalwa kakhulu abantu abagonyelwe i-COVID-19 abahlaselwa wukugula okunamandla nokubucayi ngenxa yalesi sifo, futhi bayingcosana kakhulu abagcina sebengeniswe egunjini labagula kakhulu (i-ICU) noma abadinga ukuxhunywa imishini yokuphefumula.

Futhi okusemqoka kakhulu, mancane kakhulu amathuba okuthi abantu abagonyelwe i-COVID-19 babulawe yilesi sifo.

Ngesivinini esikhulu, iNingizimu Afrika yonkana isiqala ukuba yisizinda sokugoma.

Bangaphezu kwekota yabo bonke abantu abadala baseNingizimu Afrika labo asebewutholile okungenani owodwa umthamo womgomo futhi bangaphezu kwezigidi eziyisikhombisa labo asebegonywe ngokuphelele.

EMpumalanga Kapa, e-Limpopo kanye naseNtshonalanga Kapa manje sebengaphezu koyedwa kwabahlanu abantu asebegonywe ngokuphelele.

Inani eliphelele lemithamo yomgomo enikezwe abantu ezweni manje selime kwimithamo eyizigidi eziyi-14.6.

Manje sesikhipha imithamo yomgomo eyisigidi njalo emva kwezinsuku ezine kuya kwezinhlanu.

Uhulumeni usekwazile ukuthola imigomo eyanele ukugoma bonke abantu abadala bakuleli, futhi ukuphakelwa komgomo akuseyona neze into eyisithiyo.

Kodwa-ke, kusekuningi impela okumele sikwenze.

Futhi kukhulu esikwenzayo njengoba sithuthukisa izindlela zethu zokusebenza.

Siyasikhuphula isivinini sokugonywa kwabantu futhi siyaqinisekisa ukuthi siyafinyelela kulabo abasengcupheni enkulu yokuhlaselwa wukugula okubucayi.

Nakuba wonke umuntu oneminyaka yobudala eyi-18 kuya phezulu esefanelekile ukugonywa, imizamo nezinsiza zethu sikugxilise kulabo abaneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala kanye nalabo abanezifo ezingamahlalakhona.

Kuze kube manje, bangaphezu kwama-57% abantu abaneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala asebegonyiwe.

Lokhu kuyimpumelelo enkulu, kodwa-ke kumele sifinyelele kubo bonke.

Esikutholayo wukuthi lingaphezulu kwelabesilisa inani labantu besifazane abezayo bezogonyelwa i-COVID-19.

Nakuba eya ngokuba ngcono amanani abantu abagonywayo, amadoda asemadolo nzima ukuza azogonywa.

Umyalezo siwusabalalisa ngazo zonke izilimi ukuqinisekisa ukuthi abantu bayaqonda ukuthi le migomo iphephile, isebenza kahle futhi itholakala mahhala.

Abantu abaningi emhlabeni wonke bayagonywa, futhi kuze kube manje ingaphezu kwezigidigidi ezinhlanu nesigamu imithamo yomgomo esikhishiwe yanikezwa abantu emhlabeni wonke jikelele.

Manje sekunobufakazi obuqanda ikhanda obuvela kumakhulu ngamakhulu amazwe bokuthi iphephile imigomo futhi ihlinzeka ngokuvikeleka okuqinile impela.

Sesithathe izinyathelo zokwenza kube lula ukuthi abantu bakwazi ukuthola umgomo noma kuphi lapho bekhona.

Manje sesinezizinda zokugoma zikahulumeni kanye nalezo ezizimele ezevile ezi-3,000 ezweni lonkana, futhi iningi lezizinda ezizimele ligoma noma yiliphi ilungu lomphakathi mahhala kungakhathalekile ukuthi linawo umshwalense wezempilo noma cha.

Ngifuna ukugcizelela ukuthi uhlelo lokugoma luvulelekile kubo bonke abantu eNingizimu Afrika, noma ngabe bayizakhamuzi zaseNingizimu Afrika noma cha.

Kusemqoka ukuthi kukhumbuleke ukuthi leli yigciwane elisha, umhlaba ongakaze uhlangabezane nalo ngaphambilini.

Yize kungekho muntu ongabikezela ukuthi igciwane lizoguquguquka kanjani esikhathini esizayo, umphakathi wezesayensi usuthuthukise izindlela ezintsha futhi ezibonisa ubuhlakani obukhulu zokulandela nokuqapha ngamehlo okhozi ukuqubuka kwezinhlobo ezintsha zegciwane.

Uma abantu abaningi bengagonyiwe futhi belokhu besengcupheni yokutheleleka ngegciwane, makhulu kakhulu amathuba okuqubuka kwezinye izinhlobo zegciwane ezintsha futhi eziyingozi kakhulu.

Yingakho-ke njengamanje imigomo iyisona sikhali esinaso esisebenza kahle kakhulu sokulwisana nalolu bhubhane.

Ngokushesha uma sonke sesigonyiwe, izinkundla zemidlalo nazo ziyovulwa ngokushesha ukuze zamukele izethameli.

Ngokushesha uma sonke sesigonyiwe, sizokwazi ukuthi futhi ngokushesha sibe sesimweni sokwamukela izivakashi kuleli lizwe lethu elihle.

Uma sonke sesigonyiwe, ngokushesha sizokwazi ukuhlangana nabangani bethu kanye nemindeni, futhi siyokwazi ukuthi ngokushesha sibuyele emahhovisi ethu kanye nezinye izindawo zokusebenzela.

Uma sesigonyiwe, sizokwazi ukubuyisela umnotho wethu esimweni sokusebenza ngokuphelele futhi sakhe amathuba omsebenzi adingwa yizwe lethu.

Futhi okusemqoka, uma sesigonyiwe, sizokwazi ukuphinda futhi sihlinzeke ngazo zonke ezinye izinhlelo zosizo lwezempilo nokwelashwa ezidingeka kakhulu futhi sinciphise nomthwalo omkhulukazi osemahlombe abasebenzi bethu bezempilo.

Kusemahlombe omunye nomunye wethu ukuthi siyincenge futhi siyibonise imindeni yethu, abangani kanye nozakwethu ukuze bakholwe futhi babone ukuthi umgomo uphephile futhi ungazisindisa izimpilo zabo.

Ngenkathi ngigcina ukukhuluma nesizwe, sabe sibheke esiqongweni sehlandla lesithathu lokutheleleka kwabantu, okwabe kubhebhethekiswa wuhlobo lwegciwane i-Delta.

I-Delta idluliseka ngokushesha okukhulu uma iqhathaniswa nezinye izinhlobo zegciwane ezike zaqubuka ngaphambilini futhi ngoba ihlasela abantu abaningi kakhulu kunezinye izinhlobo isibeke enkulu ingcindezi nomthwalo phezu kwezikhungo zethu zezempilo.

Sathi ihlandla lesithathu lizoba namandla kakhulu futhi liqhubeke isikhathi eside uma liqhathaniswa namahlandla amabili adlule, futhi lokho sekubonise ukuba yiqiniso elingephikiswe.

Nakuba lingakadluli ihlandla lesithathu, sikubonile ukwehla ngokuqhubekayo kwezigameko zokutheleleka kwabantu ezweni lonkana kula maviki ambadlwana adlule.

Isilinganiso-nani sezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu kuleli viki eledlule singaphansi ngama-29% uma siqhathaniswa nesilinganiso-nani sezinsuku eziyisikhombisa ezandulelayo, futhi sehle ngama-48% uma siqhathaniswa nezinsuku eziyisikhombisa ngaphambi kwalokho.

Nakuba esifundazweni sase-Gauteng ihlandla lesithathu lisheshile ukufinyelela esiqongweni kunalokho obekulindelekile futhi lehle ngokushesha okukhulu uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe, manje sekubonakala ukwehla okuphawulekayo impela kuzo zonke izifundazwe.

Izifundazwe eziphuma iqhubu eceleni kwezinye yiNyakatho Kapa kanye ne-Freyistata, lapho sekuphele izinyanga eziningana inani lezigameko zokutheleleka kwabantu lilokhu liphakeme njalo uma kuqhathaniswa izinga-silinganiso lokutheleleka kanye nenani labantu uma sebebonke.

Ngakho-ke imizamo yethu siyigxilise kulezi zifundazwe ukuze siqonde ukuthi yini lena edala ukubhebhetheka okungaka kwalokhu kutheleleka kwabantu ngegciwane futhi nokuthi yiziphi izinyathelo okumele sizithathe ukwehlisa lokhu.

Njengoba kwehla ukutheleleka kwabantu kuzo zonke izifundazwe, iKomidi loNgqongqoshe Lokweluleka nge-COVID-19 selincome ukuba kuxegiswe imikhawulo ebekiwe evimbela ukuhambahamba kwabantu ngokukhululeka kanye nokubanjwa kwemibuthano.

Lezi zincomo kuxoxiswene ngazo eMkhandlwini Kazwelonke Oyala Ngegciwane le-Corona futhi kwaxoxiswana ngazo noNdunankulu, izimeya kanye nabaholi bendabuko eMkhandlwini Odidiyelayo kaMongameli. Lezi zincomo kubhungiwe ngazo futhi  nabaholi bamaqembu ezepolitiki amelwe ePhalamende kanye nezinhlangano zezenkolo.

Ngokususela kulezi zingxoxo, iKhabhinethi selinqume ukuthi izwe lisuswe eSigabeni Esiguquliwe Sokuqapha Sesithathu libekwe eSigabeni Esiguquliwe Sokuqapha Sesibili kusukela kusasa, ngoMsombuluko, mhla ziyi-13 kuMandulo 2021.

Lokhu kusho ukuthi:

  • Amahora omthetho wewashi manje asezoqala ngehora le-11 ebusuku kuze kube ngelesi-4   ekuseni.
  • Izakhiwo ezingahlinzeki ngemisebenzi esemqoka njengezindawo zokudlela, emashibhini kanye nezindawo zokuzivocavoca kuzodingeka ukuthi zivalwe lingakashayi ihora le-10 ebusuku. Lokhu kwenzelwa ukuthi abasebenzi nabathengi balezi zakhiwo bakwazi ukugoduka bafinyelele emakhaya ngaphambi kokuqala kwesikhathi somthetho wewashi.
  • Yonke imibuthano izobekelwa umkhawulo wenani labantu abangekho ngaphezu kwama-250 uma umbuthano ubanjelwe ngaphakathi esakhiweni kanye nomkhawulo wenani labantu abangama-500 uma umbuthano ubanjelwe ngaphandle.

Lapho indawo yombuthano incane kakhulu futhi ingeke ikwazi ukumumatha lawa manani abantu ngendlela ezovumela ukuqhelelana kwabantu ngokufanelekile, kusho ukuthi inani labantu abethamele umbuthano kumele lingabi ngaphezu kwama-50% omthamo ophelele wendawo leyo okubanjelwe kuyona umbuthano.

Lokhu kubandakanya izinkonzo zezenkolo, imicimbi yezepolitiki kanye nemibuthano yomphakathi, ngokunjalo futhi nezindawo zokudlela, izindawo zokucima ukoma, emashibhini kanye nezinye izindawo ezinjengalezo.

  • Ukudayiswa kotshwala ezitolo lapho umuntu ebuthenga khona ahambe nabo ayobuphuzela kwenye indawo kuzovumeleka phakathi kwehora le-10 ekuseni nelesi-6 kusihlwa kusukela ngoMsombululo kuya kuLwesihlanu.
  • Ukudayiswa kotshwala buphuzelwe kuleyo ndawo obuthengwe kuyona kuzovumeleka ngokwemibandela yelayisensi, kuze kuyoshaya ihora le-10 ebusuku.

Kusalokhu kuyinto engavumelekile neze ukuphuza utshwala ezindaweni zomphakathi.

Lezi zinyathelo zizobuyekezwa esikhathini esingamaviki amabili ezayo, ngokuya kwesimo sobhubhane.

Sizohlinzeka futhi ngolwazi oluthe xaxa mayelana nendlela esizoyilandela maqondana nezimvume eziyisiqinisekiso sobufakazi bokugonywa, phecelezi, ‘amaphasiphothi omgomo’ okuyizimvume ezingasetshenziswa njengobufakazi bokuthi umuntu usegonyiwe ukufezekisa izinhloso ezahlukahlukene kanye nokwethamela imicimbi.

Izinyathelo eziningana ezibalulekile zisazoqhubeka zisebenze njengoba bezisebenza, ngaphandle koshintsho.

Kusaphoqelekile ukuba wonke umuntu agqoke isifonyo esimboza ikhala nomlomo ngaso sonke isikhathi uma esemphakathini.

Kuyicala ukungakwenzi lokho, futhi abaphathi bezitolo kanye nezindawo zokudlela ngokunjalo futhi nabashayeli bamatekisi nabamabhasi banomthwalo emahlombe abo wokuqinisekisa ukuthi amakhasimende abo agqoka izifonyo futhi kumele bathathe nezinyathelo zokuqinisekisa ukuqhelelana kwabantu ngendlela efanele.

Imingcwabo isalokhu ibekelwe umkhawulo wabantu abangekho ngaphezu kwama-50, futhi njengaphambilini, ayivumelekile imilindelo, imibuthano ebanjwa emva komngcwabo kanye naleyo mibuthano yokuziduduza ebizwa, phecelezi, ‘ngama-after-tears’.

Into eyenza ukuthi sikwazi ukuxegisa le mikhawulo yimizamo yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika yokuhlonipha nokuthobela imithethonqubo ebekiwe kanye nezinyathelo zezempilo eziyisisekelo.

Siyabonga ikakhulukazi kuleyo mikhakha yomphakathi osekuphele isikhathi eside ibekezelele imikhawulo ebekwe phezu kwemisebenzi nemicimbi yayo.

Lapha ngikhuluma ngemiphakathi yazo zonke izinkolo, ezithola ingakwazi ukudumisa nokubhekelela ngendlela ejwayelekile izidingo zangokomoya zabazalwane bayo.

Ngikhuluma ngamaciko, abagqugquzeli bemicimbi, abanandisi kanye nabasebenzi bezamasiko osekudingeke ukuthi bathole ezinye izindlela zokubonisa ubuciko babo futhi asebezithole bebhekene nobukhulu ubunzima.

Ngikhuluma ngabanikazi bezindawo zokudlela, izindawo zokucima ukoma, amashibhi, amahhotela, izikhungo okubanjelwa kuzona izingqungquthela kanye nezinye izikhungo emkhakheni wezokwamukelwa nokunakekelwa kwabavakashi esezihlangabezane nokwehla okukhulu emsebenzini wazo webhizinisi.

Siyabubona lobu bunzima ababhekene nabo, futhi sizoqhubeka nokuthola izindlela, ngangokusemandleni ethu, zokweseka le mikhakha kanye nokuthatha izinyathelo ezizokwenza ukuthi iphinde isimame.

Umkhankaso wokugoma uhlinzeka ngethuba lokuthi kuvulwe ezinye izindawo ezisalokhu zivaliwe, futhi siyaqhubeka nokusebenzisana nabo bonke labo esibambisene nabo ukuthola indlela ephephile futhi esheshayo yokwenza lokhu.

Kudingeka ukuthi kugcizelelwe ukuthi alikadluli ihlandla lesithathu, futhi kuphela yizenzo zethu – umuntu ngamunye kanye nathi sonke ngokuhlanganyela – ezizosibeka esimweni sokunciphisa kakhudlwana inani lezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu ngaphezu kwalokhu esikubonayo.

Uma sesikwenzile lokho, into okumele siyibeke eqhulwini kumele kube wukunqanda ukuqubuka kabusha kokutheleleka kwabantu.

Umsebenzi wethu ophuthuma kakhulu wukuthi ngaphambi kokufika kwanoma yikuphi ukuqubuka kabusha kokutheleleka kwabantu sibagome abantu bakithi ukuze abantu abaningi ngangokunokwenzeka bavikeleke ekuhlaselweni wukugula okunamandla futhi okubucayi noma ukufa.

Uma bebaningi abantu abagonywayo ngaphambi kokufika kukaZibandlela, mancane amathuba okuthi ngesikhathi samaholidi sizithole sibhekene ngqo nehlandla lesine elingadala umonakalo nokukhahlamezeka okukhulu.

Yileso-ke isizathu esikhulu sokuthi sonke thina esingakakwenzi lokho siphume siye ezizindeni zokugoma ukuze sithole ukuvikeleka.

Kumele kube yinto esiyikhuthalelayo ukuqinisekisa ukuthi kungena umoya owanele emakhaya ethu, ezindaweni zokusebenzela kanye nanoma iyiphi enye indawo lapho kubuthana khona abantu.

I-COVID-19 idluliseka ngomoya, ngakho-ke, kumele sonke sikhathazeke uma sizithola sisezindaweni ezivalekile ezingenawo umoya ongenayo owanele.

Labo abenza umsebenzi wokuhlela imihlangano ebanjelwa ngaphakathi esakhiweni kumele baqinisekise ukuthi esakhiweni leso kungena umoya owanele.

Ncamashi esikhathini esiyizinsuku ezingama-50, abantu baseNingizimu Afrika bazolibangisa ezikhungweni zokuvota beyovota okhethweni lohulumeni basekhaya.

Kusemqoka ukuthi ngenkathi siqhuba lo msebenzi omkhulu kangaka wentando yeningi labantu, senze konke okusemandleni ethu ukunqanda ukuqubuka kabusha kokutheleleka kwabantu nge-COVID-19.

Futhi kusenjalo, kumele siqinisekise ukuthi lolu bhubhane aluwanciphisi amandla abo bonke abantu baseNingizimu Afrika okusebenzisa ngokukhululeka ilungelo labo lentando yeningi labantu lokukhetha amakhansela ezindawo zabo.

Lolu wudaba engixoxisane ngalo nabaholi bamaqembu ezepolitiki ngasekuqaleni kweviki, futhi kunokuzibophezela okuqinile okuvela kuwo wonke amaqembu ukuthi ukukhankasela ukhetho kumele kuthobele imithethonqubo ebekiwe yesimo senhlekelele kanye nayo yonke imithetho yezempilo.

Siyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi balisebenzise ilungelo labo lokukhankasa ngendlela efanelekile, futhi baqikelele ukuthi bayayivikela impilo yabo futhi bavikele nempilo yabanye.

Ngenkathi siqinisa impi yokulwisana ne-COVID-19, asikwazi neze ukulushaya indiva lolu olunye ubhubhane oludala usizi nomonakalo ongaka emphakathini wethu.

Sisanda kuphothula iNyanga Yabesifazane, lapho besihlele khona ukubungaza impumelelo yabesifazane emikhakheni eminingi.

Kodwa esikhundleni salokho, izwe lethu libone izigameko eziningana zokuhlaselwa ngesihluku esikhulu kwabesifazane behlaselwa ngamadoda.

Kule nyanga nje kuphela sekube nezigameko eziningana zamacala ahlasimulisa umzimba enziwe kubantu besifazane namantombazane.

Kunomfundi wezomthetho waseNyuvesi yase-Fort Hare, uNks Nosicelo Mtebeni, owabulawa futhi umzimba wakhe waqotshwa waba yizicucu eMonti; kunomfundi weBanga Lokuqala wesikole samabanga aphansi i-Khensani eSoshanguve, owadlwengulwa ezindlini zangasese zalesi sikole; kunoNks Palesa Maruping, owatholwa elenga kusilingi wendlu esigodini sase-Khuma esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga; futhi kunoNks Pheliswa Sawutana, obulawe ngokuklinywa emijondolo yaseKosovo eKapa.

Lawa nje kuphela yilawo macala aphume ezindabeni; akhona amanye angaphumanga ezindabeni.

Ngeke neze kulunge ukuthi abenzi balezi zenzo zodlame oluhlasimulisa umzimba bangajeziswa.

Lawa macala kumele aqinise ukuzimisela kwethu ukuqeda zonke izinhlobo zodlame olubhekiswe  kwabobulili obuthile.

Kumele siyiqinise nxazonke imizamo yethu.

INdlu YesiGungu Sikazwelonke, ePhalamende, seyigunyaze imithetho emithathu esemqoka kakhulu ezoqinisa kakhudlwana uhlelo lobulungiswa nokulwisana nobugebengu futhi iqinisekise ukuthi banikezwa izijeziso ezinzima kakhulu labo abatholwe necala lodlame olubhekiswekwabobulili obuthile.

Kuya ngokwanda ukuthi izinkantolo zikhiphe izigwebo zodilika jele maqondana namacala okudlwengulwa kwezingane ezineminyaka engaphansi kwe-16 ubudala, ukuphanga kanye namacala ahambisana nesihluku abandakanya ukudlwengula.

Siyaqhubeka nokuqalisa ukusebenza kwazo zonke izinsika zoHlelo Lukazwelonke Lwamaqhinga Okulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile kanye Nokubulawa Kwabantu Besifazane.

Ekugcineni, ukuphumelela kwalo msebenzi kuncike ezinyathelweni esizithathayo thina sonke ukuqeda lesi sihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Ngifuna ukuphinda futhi nginxuse amadoda aleli lizwe ukuthi aqonde ukuthi amalungelo kanye nezinkululeko eziqinisekiswe nguMthethosisekelo wethu ngezabo bonke abantu, amadoda nabantu besifazane ngokufanayo.

Siyaqhubeka nokuqalisa izinyathelo zokulekelela amakhaya, abasebenzi kanye namabhizinisi akhahlanyezwe wubhubhane kanye nodlame lomphakathi olwaqubuka ezingxenyeni ezithile zaKwaZulu-Natali kanye nase-Gauteng ngoNtulikazi.

Kusukela savula kabusha ukufakwa kwezicelo zesibonelelo esikhethekile Sosizo Olubhekiswe Emiphakathini Ekhahlamezekile, ngeviki lokuqala kuNcwaba, sesithole izicelo ezibalelwa ezigidini eziyi-13.

Kulezi zicelo, ziyizigidi eziyisi-8.3 izicelo esezigunyaziwe, futhi sebeqalile ukuthola imali yabo laba bahlomuli besibonelelo.

Zichithiwe izicelo ezingaphezudlwana nje kancane kwezigidi ezi-3.7, ikakhulukazi ngoba abafakizicelo banayo eminye imithombo yemali ehlonziwe noma babhaliselwe ukuthola usizo olunjenge-UIF kanye ne-NSFAS.

Zibalelwa kwizi-845 000 izicelo ezisengaphansi kwenqubo yokucutshungulwa nokuqinisekiswa.

Ngokuhlanganyela nezinye izinyathelo esizithathile, lesi sibonelelo sihlinzeka ngosizo olusemqoka kakhulu kulabo bantu baseNingizimu Afrika abangenawo amatoho kulesi sikhathi esinzima kakhulu.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Kusukela kwabheduka ubhubhane, siyenzile imizamo yokuthi sinakekelane futhi sivikelane.

Njengoba abantu abayizigidi ngezigidi sebegonyiwe kakade futhi njengoba sinezigidi ngezigidi zemithamo yomgomo esitokweni sethu, sesiqala ukusondela kakhulu ekunqandeni lolu bhubhane.

Akusensuku zatshwala lufike usuku lapho siyobuthana ngaphandle kwemikhawulo ebekiwe, sigcwalise izinkundla zemidlalo kanye nezindawo zamakhonsathi omculo, sivakashe futhi sihambe ngokukhululeka ngaphandle kovalo lokugula noma lokulahlekelwa ngabantu esibathandayo.

Ukuthi lolo suku luzoshesha kangakanani ukufika, kuncike entweni eyodwa: okungukuthi, bangaki kithina abagonywayo nokuthi bashesha kangakanani ukugonywa.

Sikwazile ukudlula emahlandleni amathathu okutheleleka kwabantu ngenxa yokuzimisela kwethu sonke ngokuhlanganyela, kanye nokulandela kwethu izinyathelo zokuzivikela zezempilo eziyisisekelo.

Masikwenze kube yimpokophelo yethu ukugoma abantu abaningi ngangokusemandleni ethu ukuze sikwazi ukuqhubekela phambili nomsebenzi wethu wokwakha kabusha umnotho wethu ngokunjalo futhi nezimpilo zethu.

UNkulunkulu ayibusise iNingizimu Afrika futhi abavikele nabantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore