Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangomhla wesi-7 kuNhlangulana 2023

A. Ezisematheni

1. Ukulawulwa kokuqubuka kweSifo Sohudo 
1.1. IKhabhinethi lamukele uhambo oluhleliwe lukaMongameli u-Cyril Ramaphosa lokuyoxoxisana nabahlali base-Hammanskraal.

1.2. Lolu hambo lwenzeke namuhla, ngoLwesine, mhla wesi-8 kuNhlangulana 2023, kanti lokhu kuxoxisana kunike uMongameli ithuba lokuzizwela ngezakhe kubahlali ngezinselele ababhekene nazo.

1.3. UMongameli, uNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle kanye noSodolobha Omkhulu wase-Tshwane bakwazile ukuhlola izingenelelo zikahulumeni kule ndawo kanye nokunikeza abahlali izimpendulo.  

1.4. Izingenelelo zikahulumeni zibandakanya ukusebenza kwesibhedlela sesikhashana esingumahambanendlwana eKanana, e-Hammanskraal, kanye nethimba longoti abanamakhono ehlukahlukene abazonqanda ukubhebhetheka nasebelaphe ngempumelelo amakhulu abantu. 

1.5. Umsebenzi uyaqhubeka ukuqinisekisa ukuthi imikhandlu yendawo isebenzisa izibonelelo zengqalasizinda yamanzi ngendlela efanele. Kunyakamali wamanje, ingaphezu kwezigidigidi ezi-R14 imali ebekelwe ukuthi omasipala babhekane nokusilela emuva kwengqalasizinda yamanzi.  

1.6. IKhabhinethi liyakwamukela ukusebenzisana phakathi kweDolobha lase-Tshwane kanye noMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle ohlelweni lokulungisa isiHlanzimanzi i-Rooiwal, okuzokwenzeka ngokwezigaba ezintathu ezizodla izigidigidi ezi-R4.

1.7. Ikhabhinethi licela imiphakathi ethintekile ukuthi ihlale iqaphile futhi inakekele kakhulu abantwana. 

1.8. ISifo Sohudo singagwemeka ngokusebenzisa amanzi aphephile.  Hlanza amanzi ngokuwabilisa kuqala okungenani umzuzu owodwa futhi uhlanze izandla zakho ngamanzi ahlanzekile nensipho.  Ngeminye imininingwane ngamasu okugwema lesi sifo vakashela ku-www.gov.za/cholera.

1.9. Uhulumeni ubonga lezo zinhlangano zamavolontiya kanye nabantu abeze ngaphambili bazofaka isandla.  

2. UMbiko Wokuhlanzeka Kwamanzi
2.1. IKhabhinethi lamukele ukwethulwa futhi kohlelo lwe-Blue, Green and No Drop Watch olwagcina ukwenziwa ngowezi-2013 nowezi-2015.  Izinhlelo ze-Green, Blue and No Drop Certification ziyizindlela zokulawula zoMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle (i-DWS) njengomlawuli womkhakha wezamanzi ngokoMthetho Kazwelonke Wezamanzi kanye noMthetho Wezinsizakalo.

2.2. Inhloso yale ndlela yokulawula ehlukile yaseNingizimu Afrika ngukwenza ngcono ukuhlanzeka kwamanzi aphuzwayo komasipala, ukulawulwa kwamanzi angcolile kanjalo nokugcinwa kwamanzi nokulawula indlela amanzi adingeka ngayo.  

2.3. IKhabhinethi lixoxisane kabanzi ngemiphumela kanye nemithelela yemibiko ye-Blue, Green and No Drop Watch yangowezi-2023, eyakhishelwa emphakathini ngoLwesibili, mhla wesi-6 kuNhlangulana. 

2.4. IMibiko ibonisa ukuthi kube nokwehla kumgangatho wokuhlanzeka kwamanzi aphuzwayo kanye nokwenyuka kwamanzi amoshekayo kusukela kwakhishwa imibiko yokugcina. 

2.5. IKhabhinethi lamukela izinyathelo ezizothathwa nguMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle zokubhekana nesimo samanje esihlobene nokulawulwa kwamanzi namanzi angcolile.  UNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle emavikini alandelayo uzomemezela lezi zinyathelo iSifundazwe ngasinye.  

3. Ezamandla

3.1. IKhabhinethi lamukele izingxoxo zakamuva phakathi kukaNgqongqoshe Kagesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa kanye noNgqongqoshe wase-Mozambique Wezezimbiwa Nezamandla, u-Carlos Zacarias, ukuze kuzotholakala ugesi owengeziwe osuka e-Mozambique ukuseka isizinda sikazwelonke sikagesi. 

3.2. Okwamanje, i-Mozambique ingakwazi ukuthi ihlinzeke ngama-80MW bese kuthi amanye ama-1000MW esikhathini esingengakanani esizayo.  

3.3. IKhabhinethi liyaqhubeka nokunxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi beseke umkhankaso Wokulawula Ukudingeka Kukagesi Ebusika owethulwa nguNgqongqoshe Kagesi, ngenhloso yokonga ugesi ukuze kuzoncishiswa ukusindwa kwesizinda sikazwelonke sikagesi kanye nokusiza ukwehlisa izigaba zokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga kulobu busika. 

3.4. IKhabhinethi lithole umbiko owenziwe nguNgqongqoshe Kagesi ochaza kabanzi okuzuziwe kamuva ekulawulweni kweziteshi zikagesi kanye neminye imisebenzi, isibonelo, evimbele ukuthi kube nesidingo sokuthi u-Eskom ashise udizili kule mpelasonto edlule nokuvimbele ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga. 

3.5. UNgqongqoshe Kagesi uzokwethulela kafushane abezindaba kusasa ngehora le-14:00, ngoLwesihlanu, ngalokhu kanye nokunye okwenzekayo.

4. I-Operation Vulindlela

4.1. IKhabhinethi lamukele inqubekelaphambili yohlelo lwe-Operation Vulindlela njengokuchaza kukaNgqongqoshe eHhovisini likaMongameli, uKhumbudzo Ntshavheni, mayelana nokuqaliswa kwezinguquko zezakhiwo emikhakheni yezokuthunyelwa kwezamandla, ingqalasizinda yezokuthunyelwa kwempahla, ezokuxhumana ngokwedijithali kanye nezimvume zokungena nokuphuma kwamanye amazwe.  

4.2. Inani lezinguquko eseziphothuliwe likhuphuke lisuka kwezintathu laya kweziyi-11, lapho ezinye eziyi-14 sizaqhubeka.  Lapho kugxilwe khona kakhulu kusekuxazululeni inkinga kagesi kanye nokuthuthukisa ukusebenza kahle kojantshi nezitimela ezithwala impahla, kokubili okusemahlombe okukhula komnotho.  

5. UMkhandlu Wokuxhumanisa KaMongameli

5.1. IKhabhinethi leseke isicelo sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngesikhathi somhlangano woMkhandlu Wokuxhumanisa KaMongameli mhla zi-2 kuNhlangulana 2023 sokusheshisa ukuthunyelwa kwezidingonqangi njengendlela yokuphendula izidingo zemiphakathi. 

5.2. UMongameli uyalele uMkhandlu ukuthi usheshise ukuthunyelwa kwezidingonqangi futhi uxazulule izinselele ezihlobene nokushaywa komthetho, ukuphatha kanye nezithiyo kwezamakhono.

5.3. Umhlangano uphinde wabheka izinguquko kuMthetho Wezamanzi kanye noMthetho Wezinsizakalo Zamanzi ngenhloso yokuhlinzeka ukuthunyelwa okungcono kwamanzi. 

5.4. Ngokufanayo, uMkhandlu waziswe kafushane ngezingenelelo zoMnyango Wezokuthutha ngomsebenzi ophuthumayo kanye nomsebenzi wokunakekela, kanjalo nokudluliselwa kwemigwaqo emikhulu isuka emagunyeni esifundazwe iye kuzwelonke ukuze kuzophathwa kangcono imigwaqo yezifundazwe yi-Ejensi Kazwelonke Yezemigwaqo eNingizimu Afrika.   

6. ISikhungo i-Batyi Automotive Component Supply 
6.1. IKhabhinethi lamukele ukuvulwa kweSikhungo i-Batyi Automotive Component Supply (i-BACS) ePitoli lokho okuqinisekisa indawo yaleli lizwe njengezwe emhlabeni eliyingxenye yomkhakha wezokukhandwa kwezimoto. I-BACS ingumkhiqizo wesikhungo esakha izimoto sakwa-Ford Motor Company kanye no-Motherson, okuyibona abahlinzeki bopende ofazwayo kanye nezingxenye zemoto.  

6.2. Lesi sikhungo seseka abahlinzeki abamnyama ukuthi bazimele futhi bancintisane nomhlaba emva kokuthola iziqu zabo eZifundweni Zokwakhwa izimoto eSikhungweni Semboni Yokwakhiwa Kwezimoto (i-AIDC). 

6.3. Isikhungo se-BACS njengamanje siqashe abantu abangama-60, abangama-30 basebenza emini, bese kuthi abanye abangama-30 basebenza ebusuku. Ngaphezu kwalokhu, sibheke ekuthatheni intsha ezoqeqeshwa ukuze izothuthukisa amakhono ayo. 

7. UMklamo Wezindlu Zokuhlala e-Lufhereng 
7.1. IKhabhinethi lamukele ukwethulwa koMklamo Wezindlu Zokuhlala e-Lufhereng e-Soweto nguMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu, onezindlu ezingama-407 zokurenta ezabantu abathile. 

7.2.    Uhlelo lukahulumeni lwezindlu zokuhlala luhlanganisa abantu abahola imiholo ehlangene, luqeda ukusilela emuva ekwakhiweni kwezindlu futhi lusondeza eduze namathuba omnotho kulabo bantu abahlala ngemuva kwamajalidi kanye nasemikhukhwini. 

8. INgqalasizinda Yomgwaqo
8.1. Ukuvulwa komklamo womgwaqo obiza izigidi ezingama-R56 e-Estcourt, KwaZulu-Natali, kuyingxenye yemizamo kahulumeni yokuthuthukisa ukuthunyelwa kwempahla emadolobheni asemakhaya. 

8.2. Umsebenzi owenziwe kumklamo womgwaqo ubandakanya ukwakhiwa kabusha komgwaqo wobhuqu wase-D1252 ube yitiyela. Umgwaqo uphumela kumgwaqo omkhulu u-N3, ohlanganisa iTheku neGoli, lokho okuzovulela intsha yendawo engasebenzi amathuba kanye nosonkontileka abasafufusa. 

8.3. Ngempahla engaphezu kwamaphesenti angama-60 ehanjiswa ngomgwaqo u-N3, ukulungiswa komgwaqo kuzoqinisekisa ukuhanjiswa kwempahla nezinsizakalo kuyoyonke iNingizimu Afrika ne-Afrika eseNingizimu ye-Sahara. 

9. Ukubambisana Nomphakathi
9.1. IKhabhinethi lamukele ukubambisana nenkampani yemayini i-Impala Platinum e-Rustenburg ukuze kwakhiwe umtholampilo kanye nesikhungo senkulisa njengengxenye yoHlelo Lwezenhlalakahle Nezabasebenzi.

9.2. UMtholampilo wase-Freedom Park kanye neSikhungo Senkulisa zidluliselwe kuMnyango Wezempilo kanye noMnyango Wemfundo Eyisisekelo eSifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga. 

10. Ukusebenzisana phakathi kukahulumeni namabhizinisi ahlelekile
10.1. IKhabhinethi lamukele ukusebenzisana phakathi kukaHulumeni namabhizinisi ahlelekile ukuthi kusetshenziswane ekususeni izingqinamba ezivimbela ukukhula komnotho ofaka wonke umuntu kanye nokusungulwa kwemisebenzi. 

10.2. Izingxenye ezibekwe eqhulwini ezamandla, ezokuthuthwa kwempahla kanye nokulwa nobugebengu nenkohlakalo, kanye nomunye umsebenzi owenziwayo ohlelweni lokusungula imisebenzi. 

11. Ezokuphepha Nokuvikeleka

11.1. Ukuqapha nokuvikela imiphakathi ethintwe udlame, uPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika selubeke eceleni cishe izigidigidi ezi-R2 ukuze kuzothengwa ama-drone kanye nezimoto ukuze kuzokwanda ukubonakala kwamaphoyisa emphakathini. 

11.2. Izigidi ezingama-R65 nazo zibekelwe iziteshi ezingama-30 ezihamba phambili ngokuba nobugebengu ukuze zizolwa nokubulawa kwabantu namanye amacala. Ngaphezu kwalokhu, ama-Tactical Response Team ayatshalwa eziteshini nasezifundeni ezindaweni ezinamazinga aphezulu obugebengu.  
11.3. UPhiko Lwamaphoyisa eNingizimu Afrika luthuthukisa amaqembu okuthungatha amacala akhethekile, azoqeqeshwa esigabeni sesifundazwe nakwisifunda ukuze ezothungatha aphinde abophe izigilamkhuba. 

12. IThimba Lophenyo Elizimele
12.1. IKhabhinethi lamukele ukuthi uMongameli u-Cyril Ramaphosa abeke ithimba elizimele lamalungu amathathu elizophenya ngezimo zokuboshwa komkhumbi wase-Russia owaziwa ngelika-Lady R.

12.2. Ithimba osihlalo lalo iPhini laphambilini likaMongameli wamaJaji eNkantolo ePhakeme eNingizimu ye-Gauteng uJaji Phineas Mojapelo linikezwe amaviki ayisithupha ukuhlolisisa ukuthi ngabe izibopho zomthethosisekelo, ezomthetho kanye nezinye zagcinwa na ngesikhathi kuboshwa umkhumbi e-Simon’s Town, eKapa, futhi lizokwethula umbiko walo kuMongameli.  

13. Izithunywa ezizoya emazweni e-G7
13.1. IKhabhinethi lamukele isinqumo sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa sokuthumela izithunywa zongqongqoshe ukuthi bayohlangana neQembu Lamazwe Ayisikhombisa (i-G7) ukuze beyochaza ukuthi iNingizimu Afrika ayihlangene neze nempi ephakathi kwe-Russia ne-Ukraine.  

13.2. Iqembu lezithunywa lizobandakanya uNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokusebenzisana u-Naledi Pandour, uNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana u-Ebrahim Patel, uNgqongqoshe Wezezimali u-Enoch Godongwana kanye noNgqongqoshe weHhovisi LikaMongameli u-Khumbudzo Ntshavheni. 

14. Amalungiselelo eNgqungquthela ye-BRICS
14.1. Ukulungiselela iNgqungquthela ye-BRICS ezayo kusuka mhla wama-22 kuya mhla wama-24 kuNcwaba 2023, iNingizimu Afrika isingathe ngempumelelo uMhlangano Wongqongqoshe Bamazwe e-BRICS mhla lu-1 kuNhlangulana 2023 eKapa. 

14.2 IKhabhinethi likuphawulile ukushicilelwa kusomqulu kwesaziso soMthetho Wamalungelo Nokuvikeleka Kwamanxusa, okuyinto eyenziwayo uma kunezingqungquthela zamazwe ngamazwe ezizobanjelwa eNingizimu Afrika.  

14.3. Izindlela zokuvikeleka zenzelwe ingqungquthela yonke hhayi abantu abathile. Lokhu kungukuhlinzeka ngezokuvikeleka okujwayelekile esikwenzayo kuzo zonke izinkomfa nezingqungquthela zamazwe ngamazwe ezibanjelwa eNingizimu Afrika ngaphandle kokubheka ukuthi bangakanani abantu abazoba yingxenye yayo. Zenzelwe ukuvikela ingqungquthela kanye nezethameli zayo ukuthi izwe lingasebenzisi amandla alo njengezwe elisingathile kuze kuphele ingqungquthela. 

B. Izinqumo zeKhabhinethi 
1. IMibiko Yakabili Ngonyaka yeNqubekelaphambili Yomsebenzi

1.1. IKhabhinethi ligunyaze imibiko yakabili ngonyaka yenqubekelaphambili yomsebenzi yesikhathi sikaMfumfu 2022 kuya kuNdasa 2023 eba yingxenye yoHlakamsebenzi Lweqhingasu Lesikhathi Esiphakathi (i-MTSF) lwangowezi-2019-2024.

1.2. UMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuthuthukisa, kuzothi evikini noma kwamabili ezayo lazise izwe ngemininingwane mayelana nale mibiko yenqubekelaphambili. 

1.3. Isikhathi esibuyekezwayo sihambisane nokuphazanyiswa ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga lokho okuhambise ngonyawo lonwabu imisebenzi yomnotho futhi kwaphazamisa ukulethwa kwezidingonqangi ezweni. 

1.4. Noma kunjalo, iKhabhinethi lithokoze kakhulu ngenqubekelaphambili esiyenziwe ekuqalisweni lokho abakwazile ukuthi kwenziwe. 

1.5. IKhabhinethi liphinde laphawula izinhlelo zokuhlenga ezihlosiwe ezethulwe ngamaklasta ngokulandelana kwawo. 

1.6. NgoMfumfu wezi-2019, iKhabhinethi lagunyaza i-MTSF, njengohlelo lukahulumeni lweminyaka emihlanu lokuqaliswa kwe-NDP 2030 kanye negunya lezokhetho lezokuBusa Kwehlandla Lesithupha. 

1.7. Imibiko yeminyango yamaklasta igxile ezintweni eziyisikhombisa ezibekwe eqhulwini ezamukelwa nguhulumeni ekubuseni kwehlandla lesithupha okuyilezi: Okokuqala okuseqhulwini: Ukwakha umbuso onekhono, oziphatha ngendlela nothuthukayo; Okwesibili okuseqhulwini: Izinguquko kwezomnotho nokusungulwa kwamathuba emisebenzi; Okwesithathu okuseqhulwini: Ezemfundo, amakhono kanye nezempilo; Okwesine okuseqhulwini: Ukuhlanganisa amaholo omphakathi ngokuletha izidingonqangi ezisemgangathweni nangokwethembeka; Okwesihlanu okuseqhulwini: Ukuhlanganiswa kwezindawo, ukuhlaliswa kwabantu kanye nohulumeni basekhaya; Okwesithupha okuseqhulwini: Ukubumbana komphakathi nokuphepha kwemiphakathi; Okwesikhombisa okuseqhulwini: I-Afrika kanye Nomhlaba Ongcono.  

1.8. Enye yalezi zingxenye zenqubekelaphambili yileyo yokuvikeleka komphakathi okuyinto ebaluleke kakhulu ukuqinisekisa imali engenayo kanye nokuvikela abantu baseNingizimu Afrika ababuthakathaka. 

1.9. Mayelana nalokhu kanye nokuphumelelisa iphuzu Lesine lokuseqhulwini, isabelomali sangowezi-2023 sezibonelelo zomphakathi sanyuka ngezigidigidi ezi-R1 165 futhi lokhu kwenze ngcono izimo zokuphila zabantu baseNingizimu Afrika abangaphezu kwezigidi eziyi-18 abadla imbuya ngothi. Ukugcina izethembiso zokubhekana nomthelela we-COVID-19, zingaphezu kwezi-27 344 izibonelelo ezakhokhelwa abantu baseNingizimu Afrika abafanelekile ngoNdasa wezi-2023.   

1.10. Ngesikhathi esibuyekezwayo, abomthetho baqinise isandla ekulweni nobugebengu obuhleliwe. Kube nokwenyuka okungamaphesenti angama-86.7 kwezinga lokugwetshwa kwabantu ababoshelwe ukwebiwa kwamakhebuli; lokhu kubaluleke kakhulu uma ubheka izingqinamba zikagesi izwe elibukene nazo. 

2. Ukunqatshelwa Wemfucuza Yensimbi
2.1. IKhabhinethi licubungule umbiko ngenqubekalaphambili yezinyathelo zokunciphisa ukwebiwa kwemfucuza yensimbi kanye namakhebuli ethusi. 
2.2. Imithethonqubo yashicilelwa ukuze umphakathi uphawule.
2.3. Isitatimende sizokhishwa ngokushesha uma udaba selucutshunguliwe. 
2.4. IKhabhinethi liphinde labonisa ukuzimisela ukuqinisekisa ukuthi zonke izinyathelo ziyathathwa ukusombulula le nkinga edala umonakalo kwizigidigidi zamarandi emnothweni lokho okuholela ekucimeni kukagesi nokuphazamiseka kwemisebenzi. 

C. Ukuqasha 
1. U-Hosi Pheni Cyprain Ngove njengoSihlalo we-Housing Development Agency.

D. UMthethosivivinywa
1. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Osahlongozwa Wamabhizinisi Amancane Kuzwelonke
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa ePhalamende Komthethosivivinywa Wokuchibiyela osahlongozwa Wamabhizinisi Amancane Kuzwelonke. 

1.2. Lo Mthethosivivinywa ohlongozwayo uhlose ukuchibiyela uMthetho Kazwelonke Wamabhizinisi Amancane (uMthetho we-102 we-1996) futhi uhlinzekela ukusungulwa nokubhaliswa kweHhovisi Lezikhalazo Zamabhizinisi Amancane. 

1.3. Unweba ukwenzeka kwemisebenzi yamabhizinisi amancane ngendlela efanele ngokulandela iHhovisi Lezikhalazo, elizonikwa umsebenzi wokubheka nokucubungula izikhalazo zamabhizinisi amancane. Ukuqaliswa kwezichibiyelo kuzokwenza uzinzo olukhulu emkhakheni futhi zizothuthukisa amathuba omnotho ngokuthi amabhizinisi amancane, aphakathi namancanyana asungule amathuba emisebenzi. 

1.4. Ngaphezu kokubeka iHhovisi; izichibiyelo ziphinde zibandakanye ukubekwa koMphathi Omkhulu nePhini lakhe; ukwabiwa kwamandla nemisebenzi yoMphathi Omkhulu; ukungena kwezikhalazo, ukuhlaziywa kwezikhalazo, igunya nophenyo; ucwaningo loMphathi Omkhulu; abasebenzi basehhovisi; ukuthunywa nguMphathi, iPhini likaMphathi kanye noMqondisi. 

E. Imicimbi Ezayo
1. USuku Lwentsha
1.1. IKhabhinethi licela isizwe, ikakhulukazi intsha, ukuthi ihambele imibungazo yalo nyaka yoSuku Lwentsha, ezobanjwa ngezinsuku ezimbili, umhla we-16 kuya mhla we-17 kuNhlangulana 2023 e-Mangaung Outdoor Sport Centre, e-Mangaung, e-Bloemfontein, eFreyistata.  

1.2. Ngalezi zinsuku ezimbili, abantu abasha bazothola ithuba lokuxoxisana noNgqongqoshe, amaPhini oNgqongqoshe kanye nabanye ababambiqhaza mayelana nokuthi bangasiza kanjani ekuxazululeni izingqinamba zentuthuko kuleli lizwe.

1.3. Izinsuku zikazwelonke ezifana noSuku Lwentsha yizinsuku lapho bonke abantu baseNingizimu Afrika ababuya kulolonke imuva, zonke izinkolelo kanye nemibono yezepolitiki bemenywa ukuba babe yingxenye yokwakha iNingizimu Afrika yawowonke umuntu, futhi engacwasi ngokwebala.

2. IMbizo kaMongameli yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda (i-DDM)  
2.1. Amalungiselelo ayaqhubeka eMbizo kaMongameli yesikhombisa ye-DDM ezoba mhla wama-30 kuNhlangulana 2023 kuMasipala Wesifunda sasoThukela, KwaZulu-Natali, lapho uhulumeni ezobe exoxisana nabahlali mayelana nezinselele zokulethwa kwezidingonqangi, kanjalo nangezinhlelo zentuthuko.  

2.2 Uchungechunge lwemikhankaso eyakhela phezu kwalo mcimbi eholwa ngoNgqongqoshe, ama-MEC noSodolobha iyaqhubeka ukuhlolisisa ukulethwa kwezidingonqangi kanye nokuxoxisana nemiphakathi.

3. Umqhudelwano Wendebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano wezi-2023
3.1. IKhabhinethi linxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bangene emoyeni womqhudelwano weNdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano wezi-2023 ozoba se-Cape Town International Convention Centre kusuka ngoLwesihlanu, mhla wama-28 kuNtulikazi, kuya ngeSonto, mhla wesi-6 kuNcwaba 2023. 

3.2. INdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano ye-Vitality yangowezi-2023 izoba ngumbukiso we-16 walomqhudelwano lapho amazwe ayi-16 azoba yingxenye yawo, kubandakanya ama-Proteas akithi.  

3.3. Abalandeli bayacelwa ukuthi bandizisele phezulu ifulegi kanye nemibala yama-Protea njalo ngoLwezihlanu kanye nemiphakathi eseKapa nakwezinye izindawo iyanxuswa ukuthi ilungiselele ukusingatha abadlali bamazwe ngamazwe kanye nezivakashi ezizovakashela zonke izingxenye zezwe. 

3.4. INdebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano izokwakhela phezu kwempumelelo Yemiqhudelwano Yomhlaba Yebhola Lomphebezo ebiseThekwini esikhathini esingaphansi kwenyanga esedlule, kanye neMiqhudelwano Yendebe Yomhlaba ye-Hockey ebibanjwe ePitoli ngoNhlolanja.  

3.5. INingizimu Afrika isebenza ngokukhuthala futhi iza namasu amasha okuheha imicimbi esezingeni lomhlaba ebeka izwe ebalazweni futhi esungula amathuba omnotho nokwesekwa kwemisebenzi kwimikhakha eyahlukahlukene. 

F. Imiyalezo
1. Ukuhalalisa 

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 

  • UMongameli waseRiphabhulikhi yase-Türkiye, uMhlonishwa u-Recep Tayyip Erdoğan, ngokuphinde akhethwe.  
  • IJajikazi u-Mahube Betty Molemela kulandela ukubekwa kwakhe njengoMongameli weNkantolo Enkulu Yokudluliswa Kwamacala.  
  • UMusa Motha ngokundizisela phezulu ifulegi nokufinyelela kowamanqamu ku-Britain’s Got Talent. Umdanso wakhe ovuselelayo uzuze i-Golden Buzzer yokuqala ngqa kumajaji.  
  • Iqembu lomculo i-Mzansi Youth Choir eliqophe umlando ngesikhathi becula ku-America's Got Talent bathola i-golden buzzer yokuqala ngqa yeqembu eliculayo. I-golden buzzer idlulisela leli qembu kumzuliswano owandulela owamanqamu ozoba ngoNcwaba wezi-2023.
  • USolwazi Taole Mokoena kulandela ukubekwa kwakhe njengomphathi omusha wehhovisi lezikhalazo kwezempilo.


2. Amazwi enduduzo
IKhabhinethi lizwakalisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 

  • Umhlaziyi, umsakazi kanye nombhali u-Eusebius McKaiser othe ngesikhathi sakhe sokusebenza wasebenza ezikhundleni eziningi kwabezindaba eNingizimu Afrika, kubandakanya ku-702, ku-Mail & Guardian, ku-Sunday Times, ku-Business Day kanye naku-Power fm.
  • Umlingisi odumile u-Patrick Ndlovu igalelo lakhe kwezobuciko namasiko eNingizimu Afrika libonakale ngaphezu kweminyaka engamashumi amane. 
  • Usaziwayo kwezikamabonakude nomsakazi u-Marietjie Bothma owathatha izinhliziyo zabaningi ngokukhuluma kahle isiZulu kanye nezinye izilimi zaseNingizimu Afrika.  
  • Uhulumeni kanye nabantu base-India, ikakhulukazi imindeni yalabo abashonile kulandela ingozi yesitimela edolobheni lase-Odisha


Imibuzo:
Mnu Tyrone Seale – iBamba likaSomlomo Kahulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 575 7440

Share this page

Similar categories to explore