Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla ziyi-10 kuNtulikazi 2019

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu, mhla ziyi-10 kuNtulikazi 2019 eTuynhuys eKapa.

A. Izindaba Ezisematheni

1. Imiphumelo yeNgqungquthela Yamazwe angama-20 (i-G20)

1.1 IKhabhinethi lamukela imiphumela yeNgqungquthela ye-G20 ebanjwe e-Osaka, eJapan kusukela ngomhla zingama-28 kuya kumhla zingama-29 kuNhlangulana 2019. UMongameli Cyril Ramaphosa ubambe imihlangano eminingi ngesikhathi sale ngqungquthela ukuqinisa ubudlelwane namazwe amaningi.

1.2 Ubambe umhlangano noSihlalo weNhlangano yaMazwe ase-Afrika (i-AU), uMongameli Abdel Fattah el-Sisi wase-Egypt noSihlalo Wenhlangano Entsha Ykuthuthukiswa kwe-Afrika (i-Nepad), uMongameli Macky Sall wase-Senegal, ngemuva kwaloko ubambe omunye umhlangano ne-Russia, omunye ne-China, omunye neJapan nomunye ne-Saudi Arabia, waze futhi wabamba owokugcina kanye noMongameli Webhange Lomhlaba uMnu. David Malpass.

1.3 UMongameli Ramaphosa uqede uhlelo lwakhe lwase-Osaka ngomhlangano nosomabhizinisi emhlanganweni wezikhulu eziphezulu, i-Japan-South Africa CEO Business Roundtable ukuqhubeka nokuthuthukisa izwe lethu njengendawo elungele utshalomali.

1.4 Abaholi bamazwe omhlaba engqungqutheleni baqinisekisile ukuba baza kusiza kwimikhankaso yokuqalisa uHlelo Lwentuthuko Esimeme yowezi-2030 nollelo lokusebenza lwase-Addis Ababa, i-Addis Ababa Action Agenda.

2. Uhambo oluqondene nomsebenzi lwaseLesotho

2.1 Uhambo oluqondene nomsebenzi lukaMongameli Ramaphosa lwakamuva lwaseKingdom of Lesotho lusize ubudlelwano obuqinile nokuzwana phakathi kwalezi zizwe ezimbili. Ubeye lapha njengomxhumanisi weNhlangano yokuThuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) weLesotho.

2.2 Kulolu hambo, uMongameli waziswa ngenqubekela phambili eseyibe khona enqubweni yoguquko eKingdom of Lesotho. Lokho akutsheliwe kuzoba yingxenye yombiko Wezinhloko Zemibuso noHulumeni Bamazwe angamalungu e-SADC ezizoba nomhlangano e-United Republic of Tanzania ngoNcwaba 2019.

2.3 IKhabhinethi lamukela ukusayinwa kwesivumelwano ngamaqembu ezepolitiki eLesotho sokusungula uPhiko Lokuguquka Komthetho Kuzwelonke olumiswe ngokomthetho. Lesi sivumelwano sithi lolo phiko lwezoguquko luzokwakhiwa ngokoMthetho wePhalamende futhi lolo phiko luzohola izwe ekuqaliseni uguquko lomthethosisekelo, ukubusa, ezokuvikela nezemithombo yezindaba.

2.4 IKhabhinethi linxusa bonke abathintekayo ukuthi beseke ukuqala ukusebenza kabusha kwePhalamende okuzoqinisekisa ukwamukelwa kwalesi sivumelwano.

3. Ukucekelwa phansi kwempahla kahulumeni

3.1 IKhabhinethi ligxeka isenzo sakamuva sababhikishi sokushiswa kwesikole samabanga aphansi eKatlehong, eGauteng. Asikho nhlobo isikhalo esifanelwe ukubiza ukucekelwa phansi kwempahla kahulumeni enjengezikole, ezisebenza njengesikhungo sokuthuthukisa nokwakha ikusasa lezingane zethu.

3.2 Eminyakeni engama-25 edlule, uhulumeni utshale imali ezizigidigidi zamarandi ekwakhiweni kwezikole ezintsha nasekuthuthukisweni kwengqalasizinda yesikole ekhona. Kulo nyaka, uhulumeni wabe imali elinganiselwa kuzigidigidi ezingama-30 zamarandi okungezokwakha izikole ezintsha nokulungisa ingqalasizinda ekhona.

3.3 IKhabhinethi linxusa imiphakathi ukuthi iyinakekele ingqalasizinda yayo, ehlomulisa yona. Liphinde lanxusa amalungu omphakathi ukuthi asebenzisane namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi abantu abacekela phansi impahla kahulumeni bayaboshwa.

4. UMbiko KaMncwaningimabhuku-Jikelele waseNingizimu Afrika (i-AGSA)

4.1 IKhabhinethi likhathazekile ngemiphumela yocwaningomabhuku yomasipala ekhishwe i-AGSA kamuva. Amazinga angamukeleki aphezulu okuphatha okuntengantengayo, ikakhulukazi ekuphathweni kwezimali zikahulumeni kwinqwaba yomasipala, abonakalisa ukwahluleka nokuntengantenga kokuqaliswa kwezinhlelo zokuhlinzeka ngezidingo zomphakathi.

4.2 UMthethosichibiyelo Wocwaningomabhuku Lukahulumeni, wezi-2018 (uMthetho 5 wezi-2018), unika i-AGSA igunya lokubenza bayilungise inkinga labo okutholakale ukuthi banesandla ekuphathweni kwemali ngokungafanele nokulwa nokusetshenziswa ngokungafanele kwezinsiza zikahulumeni, ikakhulukazi komasipala abalokhu benemiphumela eqhubeka nokubonisa ukungabi ngcono.

4.3 Phezu kwalokho, iKhabhinethi, lisebenzisana noNgqongqoshe Wokwengamela Ngokubambisana Nezendabuko, uDkt. Nkosazana Dlamini-Zuma kanye noMnyango Wezezimali Kuzwelonke, ligunyaze uhlelo lokuqaliswa kweMazibuyele Emasisweni, okuwuhlelo lokuqalisa okucijwa kwabasebenzi komasipala. Lolu hlelo, phakathi kokunye, luqonde ukucija amakhono abasebenzi ngokuqeqesha nokufundisa amakhono, nokuqalisa imigomo yokulandelwa kwezimiso eyisisekelo yabaphathi bomasipala nezikhulu.

4.4 Esebenzisana nabaholi bezifundazwe, uNgqongqoshe Dlamini-Zuma uzoqhubeka nokuhlinzeka ngokweseka okudingekayo komasipala.

5. Uguquko Lwezimbono Lwesine Olugxile Ekusetshenzisweni Kobuchwepheshe Besimanjemanje. (i-4IR)

5.1 IKhabhinethi lithokozile ngokuthi iNingizimu Afrika isingathe ngempumelelo iNgqungquthela Yezomnotho Wezobuchwepheshe Be-inthanethi yokuqala ngqa, ebanjwe eGoli mhla ziyi-5 kuNtulikazi 2019, njengebanga elibalulekile lokubumba uhlelo lwe-4IR oluhambisanayo lwezwe. Le ngqungquthela ihanjelwe uMongameli Ramaphosa, umbikezeli wengomuso u-George Friedman, abezemisebenzi, abezemfundo ephakeme nezinhlangano zomphakathi, evukuze izingxoxo, ukuqonda nezinhlelo zokuzokwenziwa ezizobeka iNingizimu Afrika esimweni sokuba umbambiqhaza oncintisana emhlabeni jikelele.

5.2 IKhabhinethi lamukela nezinhlelo ze-Google zokwakha ikhebula elisha elihamba ngaphansi kolwandle elisuka e-Portugal liya eNingizimu Afrika elizo ubuchwepheshe be-inthanethi ngokuphindaphindwe ngama-20, okuzoqinisekisa ukushesha kokusebenza kwe-inthanethi. Leli khebhula kulindeleke ukuthi liqedwe ngowezi-2021. Ukwakhiwa kwaleli khebhula kuzoba negalelo ekwenzeni iNingizimu Afrika ilungele abatshalimali abangase bavele ngaphakathi ezweni noma kumazwe ngamazwe.

6. Amandla

6.1 IKhabhinethi lamukela isimemezelo se-Eskom sokuthi Iyunithi 3 yeSiphehlimandla saseMedupi eduze kwaseLephalale eLimpopo sesifinyelele ezingeni lokusebenza futhi sihlanganiswe sangena kuziphakeli zakuzwelonke.

6.2 Lokhu kuzohlinzeka ngamanye ama-megawatt angama-796. IBhange Lomhlaba nalo lidlulise ukuyethemba imizamo kahulumeni yokweseka u-Eskom.

6.3 Njengoba siqhubeka nokweseka u-Eskom, iKhabhinethi linxusa izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi ziqhubeke nokusebenzisa ugesi ngokonga, ikakhulukazi phakathi kwehora le-17:00 nele-21:00, lapho ugesi udingeka kakhulu emakhaya ezweni lonke.

7. Ubugebengu

7.1 IKhabhinethi lidlulise ukwethuka nokudumala kulandela ukubulawa kwabantu base-Phillippi, eKapa abalinganiselwa ku-13 ngempelasonto. Sidlulisa amazwi enduduzo kulabo abashonelwe yizihlobo zabo, ezibandakanya abantu besifazane abayisithupha abaneminyaka yobudala ephakathi kweyi-18 nengama-26.

7.2 IKhabhinethi lazisiwe ngezinyathelo ezithathiwe ukuqinisa ezokuphepha nezokuvikela kuleya ndawo, futhi liwanxusa kakhulu amalungu omphakathi anolwazi olungase luholele ekuboshweni kwalaba babhebhethekisi, ukuthi bathintane nesiteshi samaphoyisa esiseduze.

8. Ukuqubuka kwe-African swine fever  

8.1 IKhabhinethi lincoma uMnyango Wezolimo, Ukubuyiswa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya ngokungenelela ngokushesha ekuqubukeni kwe-swine fever okubikwe eNyakatho Ntshonalanga, e-Gauteng, e-Free State naseMpumalanga. Lokhu kusize ukunqanda ukusabalala kwale sifo. Yize abantu bengatheleleki nge-African swine fever, noma eyiphi inyama nemikhiqizo evela ezingulubeni ezithelelekile ingazithelela ezinye izingulube. 

8.2 IKhabhinethi linxusa bonke abalimi abasezindaweni ezithelelekile ukuthi bahlale beqaphele futhi babike nganoma eziphi izimpawu zalesi sifo emfuyweni yabo.

9. Ukuphepha ezikhungweni zempilo

9.1 IKhabhinethi liveze ukubaluleka kokuphepha kwabasebenzi abasemkhakheni wezempilo kanye neziguli. Lokhu kulandela izigameko zamakumuva okubikwe ngazo zokuhlaselwa kwabasebenzi bama-ambulensi lapho babebizelwe ukuhlinzeka ngosizo oluphuthumayo. Kusukela kuMasingana 2019, zibalelwa kwi-10 izigameko zokuhlaselwa kwalolu hlobo ezibikwe, esakamuva kungesehle e-Cosmo City Extension 2 eGoli.  IKhabhinethi linxusa amaphoyisa ukuthi asebenzisane nezikhungo zezempilo zikahulumeni ukuqinisa ezokuphepha nezokuvikela kulezi zikhungo nasekuthuthweni kweziguli. 

9.2 IKhabhinethi linxusa bonke abasebenzi bezempilo ukuthi bahlale begcina imigomo yabo yokwenza umsebenzi ngokusezingeni eliphezulu lapho benakekela iziguli.

10. Ukuthelela umgwaqo owuthelawayeka ngendlela yobuchwepheshe (i-e-tolling)

10.1 UMongameli Ramaphosa ujube uNgqongqoshe Wezokuthutha uFikile Mbalula, uNgqongqoshe Wezezimali uTito Mboweni kanye noNdunankulu waseGauteng uDavid Makhura ngomsebenzi wokuxazulula inkinga ye-etolling emigwaqweni ewuthelawayeka eGauteng.

10.2 Izingxoxo ezizoqhubeka kuhulumeni emasontweni azayo kulindeleke ukuthi ziphume nemiphumela engasebenza, ezobe seyethulwa kuKhabhinethi ekupheleni kukaNcwaba 2019.

10.3 Kudingeka impendulo eyodwa kuyo yonke imikhakha kahulumeni ngezinkinga ezinjenge-e-tolling ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iyawethemba umsebenzi kahulumeni.

11. Ivoti lesabelomali

11.1 Ngenyanga kaNtulikazi 2019, iminyango kahulumeni yethula amavoti esabelomali ayo, ahlinzeka ngezinhlelo zezimali ezicacile ezizofezekisa izethembiso ezenziwa nguMongameli Ramaphosa Enkulumweni Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA) yokuqala yalo mbuso ukhethwe ngoNhlaba kulo nyaka.  

11.2 Amavoti esabelomali ahlinzeka ngemininingwane egcwele yezinhlelo zonyaka zeminyango ehlukene, okuqalise uHlaka Lokusebenza Kwesikhathi Esimaphakathi lowezi-2019-2024 (i-2019-2024 MTSF).

11.3 IKhabhinethi likhuthaza izakhamizi ukuthi zithole ulwazi ngalamavoti esabelomali futhi bayiphendulise iminyango ngalokho ekwenzile. Amavoti esabelomali aqinisekisa ukuthi izimali zikahulumeni zisetshenziswa ngokwalokho okuseqhulwini kuhulumeni nangezindlela ezizohlomulisa izakhamizi eziningi.

B. Izinqumo ZeKhabhinethi

1.1 IKhabhinethi ligunyaze ukuthi kwethulwe uMbiko Wezwe Wokubuyekeza Owethulwa Ngokuzithandela kwiNhlangano Yezizwe (i-UN).  INingizimu Afrika iphakathi kwamalungu e-UN ayi-193 amukele ngokusemthethweni Imigomo Yentuthuko Esimeme (ama-SDG). Ngowezi-2017, iNingizimu Afrika yaba ngelinye lamazwe angama-51 awethula ngokuzithandela umbiko wenqubekelaphambili ku-UN.

1.2 UHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) lwaseNingizimu Afrika, i-Agenda ye-AU yowezi-2063 kanye nama-SDG e-UN konke kugcizelela uhlelo lwentuthuko lwaseNingizimu Afrika nasezwenikazi lase-Afrika.

1.3 Umbiko wenqubo wabhalwa ngemuva kokubonisana nababambiqhaza abaningi, ababandakanya izinhlangano zomphakathi, umkhakha wezamabhizinisi azimele nezikhungo zemfundo ephakeme nezocwaningo. Umbiko uqhubeka ugqamise imikhakha okusanenselele kuyo. Uma sewethuliwe, uyotholakala kuwebhusayithi ye-UN (https://www.un.org/en/).

C. IMithethosivivinywa

1.1 IKhabhinethi ligunyaze ukuthi uMthethosivivinywa Womshwalense Wezempilo Kazwelonke (i-NHI) wezi-2018 wethulwe ePhalamende. Ngowezi-2018, iKhabhinethi lagunyaza ukuthi lo Mthethosivivinywa ukhishwe isikhathi esizinyanga ezintathu, kusukela kuNhlangulana kuya kuMandulo 2018, ukuze kutholakale izimvo zomphakathi. Izimvo ezatholakala kule nqubo zididiyelwe kulolu hlaka lwakamuva lwalo Mthethosivivinywa, okuzodingeka ukuthi zidlule kwenye inqubo yasephalamende.

1.2 Lo Mthethosivivinywa ufezekisa i-NDP eqonde ukuhlinzeka  zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ngezinsizakalo zezempilo ezifanayo noma ngabe ziphuma emakhaya adla izambane likapondo noma adla imbuya ngothi. Uzosuselwa emgomweni wobulungiswa, ukulinganisa nobunye bomphakathi. Uzolungisa inkinga yohlelo lwezempilo lwezikhungo ezizimele olukhona njengamanje oluhlinzekela ngosizo lwezempilo izakhamizi zaseNingizimu Afrika ezingama-16% kuphela lube lushiya iningi labantu ngaphandle.

1.3 UMthethosivivinywa i-NHI uhlinzekela ukusungulwa kweSikhwama se-NHI (i-NHI Fund) njengesikhungo sikahulumeni esingaphansi kukaNgqongqoshe Wezempilo. Sizosungulwa njengesikhungo esizimele esingusheduli 3A ngaphansi komthetho wokuphathwa kwezimali zikahulumeni, i-Public Finance Management Act, we-1999 (uMthetho 1 we-1999).

1.4 Uma uMthethosivivinywa sewuphasisiwe, uhlelo lokuwuqalisa oluwuhlaka olukhona luzochitshiyelwa ngokufanele ukuze kuqaliswe izinhlelo zezinguquko zokuqalisa i-NHI ngezigaba. Isikhathi soguquko sizophinde sivumele ukuchithwa kwemithetho ethile ukuze kube nokuqondanisa nokuhambisana.

1.5 UNgqongqoshe Wezempilo, uDkt. Zweli Mkhize, uzobamba umhlangano nabemithombo yezindaba ukuzonika imininingwane egcwele ngalo Mthethosivivinywa.

D. Imicimbi Ezayo

1.1 NgoLwesibili, mhla zingama-23 kuNtulikazi 2019, uMongameli Ramaphosa uzohola ithimba likahulumeni eNgqungqutheleni yezinsuku ezimbili ngaphansi kwesiqubulo esithi "Iminyaka angama-25 Yentando yeningi - Iminyaka engama-25 Ezayo" eNyuvesi yaseGoli (i-UJ). UMongameli uzokwethula inkulumo yokuvula engqungqutheleni, okubambisene kuyo i-Mapungubwe Institute for Strategic Reflection, i-UJ neHhovisi likaMongameli.

1.2 Le ngqungquthela izobheka Iminyaka engama-25 yeNtando yeningi futhi kuveze imibono ngeminyaka engama-25 ezayo yesimo sentuthuko seNingizimu Afrika. Izohanjelwa izifundiswa eziphuma phambili, abaholi bakuhulumeni kanye nabalingani esibambisene nabo - abezamabhizinisi, abezemisebenzi, umphakathi nentsha, okubandakanya abafundi.

E. Imiyalezo

1. Amazwi Enduduzo

IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo kumndeni nabangani babalandelayo:

1.1 Uqweqwe lo mdwebi owawola inqwaba yemiklomelo, uMnu. David Koloane. Lo mdwebi ohlonishwa yonke indawo oyilungu elasungula i-Bag factory (ebeyaziwa ngokuthi i-Fordsburg Artists' Studios), owenze ukuthi abantu abamnyama nabamhlophe abangamaciko bakwazi ukusebenzisana ezingeni lezongoti kulo mkhakha, yize bekunomthetho wobandlululo.

1.2 UMama uVivian Magdalene Sarah Daniels. Wayeyiqhawekazi lomzabalazo futhi eyisibonelo esasebenzela izwe ekulweni nobandlululo. Ukuba yisishoshovu kwakhe ngokuzidela kudale ukuthi igalelo lakhe libonakale imiphakathini eseKapa.

1.3 Owayeyinxusa lezwe, uDkt. Khorshed Ginwala, owaba ngomunye wamanxusa okuqala angabantu besifazane baseNingizimu Afrika yentando yeningi labantu futhi waba wungqondongqondo ekulweleni inkululeko.

1.4 UMnu. Mandla Maseko, obezoba ngumuntu wase-Afrika omnyama wokuqala ukuya emkhathini. Ngowezi-2014, uMnu. Maseko wahlula isigidi sabantu ayencintisana nabo ukuze abe ngomunye wabantu abangama-23 abathola isihlalo ohambweni oluya emkhathini oluxhaswe yi-Axe Apolllo Space Academy.

1.5 Uqweqwe lomlingisi uMama Nomhle Nkonyeni, oshone eseneminyaka engama-77. UMongameli Ramaphosa ubesanda kumklomelisa ngendondo yesizwe, i-Order of Ikhamanga ehlonipha umsebenzi wakhe njengomlingisi. Umgwaqo i-Aggrey Road wase-New Brighton eMpumalanga Kapa, lapho akhulela khona, waqanjwa ngegama lakhe njengophawu lokumhlonipha. Eminye yemidlalo alingise kuyo ithi: Mzansi, Tsha Tsha, Igazi kwathi ngowezi-2007 wadlala kwi-mini-series ethi:, Society.

1.6 UMama Susan Manana Matona – umama kaNobhala weKhomishana Yokuhlela Kazwelonke (i-NPC), uMnu. Tseliso Matona - oshone eseneminyaka engama-90.

1.7 Owayengumdlali wama-Springbok uJames Small, oshone eneminyaka engama-50. Wayeyingxenye yeqembu le-Springbok elanqoba kuNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo ngowe-1995 lapha ekhaya.

1.8 UMama Betty Philile Khumalo-Zulu, ongumamezala wePhini LikaNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi, uNkk. Hendrietta Bogopane-Zulu.

1.9 Abagilwa bezimvula ezinkulu ezehle kwelase-India, kubandakanywa noHulumeni wase-India. IKhabhinethi lifisela bonke abalimele ukululama ngokushesha.

2. Ukuhalalisa

IKhabhinethi njengazo zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika lihalalisela:

2.1 Unyazi lomsubathi wethu uCaster Semenya ngokunqoba kwakhe emjahweni i-Prefontaine Classic, ebangeni elingama-800m, e-California, e-USA. USemenya, ongumpetha owanqoba amahlandla aze amabili kuma-Olimpikhi, usaqhubeka nokungahlulwa emjahweni olibanga elingama-800m kusukela kuMandulo wezi-2015.

2.2 IBafana Bafana ngokudlulela emzuliswaneni wamaqembu ayisishiyagalombili okugcina (ama-quarter final) eNdebeni Yamazwe Ase-Afrika (i-Afcon) e-Egypt futhi libafisela inhlanhla emdlalweni abazobhekana ne-Nigeria kuwo.

2.3 U-Amy Claire King, othweswe umqhele wokuba umpetha we-World Masters Singles emcintiswaneni ohloniphekile we-World 8 Ball Pool Championships obuse-Blackpool e-United Kingdom.

2.4 Isihlabani somdlalo womphebezo uKgothaso Montjane, obe ngumuntu wesifazane wokuqala omnyama waseNingizimu Afrika odlale umdlalo wakhe wokuqala ngqa eWimbledon. Uhlule uKatherina Kruger wase-Germany emzuliswaneni wama-quarter final abantu besifazane abahamba ngesihlalo esinamasondo abadlala ngabodwana. UMontjane usendaweni yesi- 8 ohlwini lomhlaba lwabadlali bebhola lomphebezo abahamba ngesihlalo esinamasondo.

2.5 UKevin Anderson ngokufinyelela emzuliswaneni wesithathu wamadoda adlala ngawodwana noRaven Klaasen ngokufinyelela emdlalweni owandulela amanqamu wamadoda adlala ngamabili.

2.6 Iqembu labantu abasha abangama-20 baseNingizimu Afrika abaqophe umlando kwezezindiza ngokuzakhela indiza yabo ehlala abantu abane. Leli thimba lakhe le ndiza esikhathini esingamaviki amabili ngaphansi kweso le-The Airplane Factory, i-U-Dream kanye nabaholi bethimba abahlanu baku-Denel Aviation. Le ndiza enezihlalo ezine yaziwe ngokuba i-Sling 4 yehlele eNamibia, eMalawi, e-Ethiopia, eZanzibar, eTanzania nase-Uganda ohambweni olungama-12 000km obeluya e-Egypt, emuva kokuba lisuke eKapa ngenyanga edlule.

6. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

6.1 IBhodi Lesikhashana Labaqondisi le-Public Investment Corporation kusukela mhla ziyi-12 kuNtulikazi 2019 kuya kumhla zingama-31 kuNtulikazi 2020. Amagama akhishwe izolo wuMnyango Wezezimali Kuzwelonke.

Imibuzo:
Nkz Phumla Williams- iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore