ISitatimende Somhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla woku-01 kuNdasa 2023

A. Ezisematheni

1. INkulumo yeSabelomali sangowezi-2023

1.1. IKhabhinethi lisamukele isabelomali sikazwelonke sangowezi-2023 esingumphumela wezingenelelo ezibalulekile ezacaciswa kwiNkulumo Echaza Ngesimo Sezwe kaMongameli u-Cyril Ramaphosa. INkulumo yanika imininingwane ngezinhlelo zokubhekana nenselele kagesi, zokunciphisa ukuswelakala kwemisebenzi, ububha kanye nezindleko ezenyukayo zokuphila, kubandakanya ukulwa nobugebengu nenkohlakalo.

1.2. Ngesikhathi sihambelanisa izibopho zethu nobuqotho kwezezimali, ukukhula komnotho notshalomali kanye nezimali zomphakathi kuyaqhubeka nokuthola inqwaba yezinsiza zomphakathi, ezinezigidigidi ezingama-R66 ezatshelwe ukuThuthukiswa Komphakathi kanye nezigidigidi ezingama-R36 zokuxhasa ukululwa kwezibonelelo zosizo ze-COVID-19 kuze kube kuNdasa wezi-2024.  

1.3. Okunye futhi, izabelo ezengeziwe zayo yomithathu imikhakha kahulumeni zizosiza ukunciphisa enye yengcindezi yezimali, ikakhulukazi kwezempilo, ezemfundo, kanye nokuthunyelwa kwezidingongqangi zamahhala uma izindleko zokuhlinzeka ngezidingongqangi zikhuphuka.

2. UCwaningo Lwezabasebenzi Lwekota

2.1. IKhabhinethi lamukele ucwaningo Lwezabasebenzi Lwekota oluvela kwabeZibalo eNingizimu Afrika lwekota yesine yangowezi-2022, olubonise ukwehla kancane kwezibalo zabantu abangasebenzi ezweni. Isibalo esiqinisekisiwe sehle ngamaphesenti angu-0.2 kusuka kuma-32.9% kuya kuma-32.7%. 

2.2. Yonke imikhakha yomphakathi iyacelwa ukuthi ize namathuba okusungula imisebenzi ukuze sizoqhubeka sehlise inani labantu abangasebenzi njengoba kubonakele emakoteni amathathu edlule. Ngokusebenza ngokubambisana, singalunqamula lolu khondolo lokuswelakala kwemisebenzi esizweni sakithi.

2.3. Uhulumeni usalokhu ezinikele kuHlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselela Umnotho (i-ERRP), olubandakanya uhlelo lwethu olukhulu lokuqashwa kwabantu kanye nemizamo yokweseka ukukhula komnotho okuqinisa amathuba emisebenzi emva kokukhahlanyezwa i-COVID-19.

3. IPhini likaMongameli

3.1. IKhabhinethi liqinisekisa ukuthi iPhini likaMongameli u-David Mabuza usesulile njengeLunga lePhalamende, lokho okuqeda isikhathi sakhe njengePhini likaMongameli wezwe.

3.2. IKhabhinethi lihlanganyele noMongameli u-Cyril Ramaphosa ekumubongeni ekusebenzeleni izwe ngokuncomeka eminyakeni emihlanu eyedlule. IPhini likaMongameli u-David Mabuza usebenze kahle kakhulu futhi igalelo lakhe ekwakheni izwe esilifunayo lizohlale likhunjulwa ngabantu baseNingizimu Afrika.

4. Ezamandla

4.1. IKhabhinethi liyakuqonda ukukhungatheka kwezakhamuzi namabhizinisi ngenxa yokubambezeleka nokuphazamiseka okudalwe ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga okubelesele.

4.2. Izibopho zeNkulumo Echaza Ngesimo Sezwe kanye nokwabiwa kweSabelomali kuqinisa ikhono lombuso lokusheshisa ngezingenelelo ezichazwe kuHlelo Lokusebenza Lwezamandla.

4.3. Imithethonqubo yeSimo Senhlekelele Kuzwelonke esanda kushicilelwa nguNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko ivumela uhulumeni ukuthi abhekane ngempumelelo futhi nangesivinini esidingekayo nezinkinga zokuthunyelwa kukagesi. Ngaphezu kwalokhu, iqinisekisa ukusebenza obala kanye nokuziphendulela kweminyango ekwaziyo ukubonisa indlela imikhakha yayo. Imibiko ngokuqhubekayo izolokhu ikhishwa njalo-nje.

4.4. Usizo ngesikweletu sezigidigidi ezingama-R254, oluzokhishwa ngaphansi kwezimo eziqinile luzokwehlisa ingcindezi enkulu ku-Eskom futhi lumuvumele ukuthi aqhube utshalomali olufanele nokunakekela iziphehlimandla.

4.5. Izikhuthazi zentela ezizokhishelwa amaphaneli elanga abekwa ophahleni lwendlu, ngeke nje zisize amakhaya namabhizinisi ukuthi aziphehlele ugesi wawo kodwa lokhu kuzophinde kweseke isizinda sikagesi kuzwelonke. Ngaphansi kohlelo lwezikhuthazi zamabhizinisi, ukutshala izimali kugesi ovuselelekayo kuzovumela amabhizinisi ukuthi afake isicelo sokudonselwa amaphesenti ayi-125 onyakeni wokuqala kuyoyonke imiklamo kagesi ovuselelekayo, ngokunganamkhawulo kumthamo wokuphehla ugesi.

5. Izingxoxo Zamaholo

5.1. IKhabhinethi licela wonke amaqembu ukuthi ahlale ezinikele kwinqubo yeSivumelwano Somkhandlu Oxoxisana Ngamaholo Abasebenzi Bakahulumeni, nokuthi bafike kwisisombululo esizosebenzela kahle izwe.

5.2. Kubaluleke kakhulu ukuthi sisebenze ngokubambisana ukuze senzele kahle izwe lethu nabantu bakithi. Ngesikhathi ilungelo lokubhikisha livikelekile, kumele kwenziwe ngendlela efanele eqhakambisa intando yeningi labantu kanye nomthetho.  

5.3. IKhabhinethi likhumbuza wonke umuntu ukuthi labo abahlela ukubhikisha kufanele bakwenze lokho ngendlela enokuthula, futhi kufanele bayeke ukusabisa noma ukucekela phansi izingqalasizinda kanye nezakhiwo. 

6. Ukulwa nenkohlakalo

6.1. IKhabhinethi lihlanganyele noMongameli u-Cyril Ramaphosa kwisicelo sakhe esibhekiswe kobeyi-CEO yakwa-Eskom u-Andre de Ruyter ukuthi abike izinsolo zenkohlakalo ebeyenzeka kwa-Eskom emaphoyiseni. Izikhungo zethu ezilwa nobugebengu zime ngomumo ukubopha, kanye nokushushisa izephulamthetho.

6.2. Sicela noma ubani onolwazi oluhlobene nobugebengu nenkohlakalo ukuthi abike lokho akwaziyo kwiziphathimandla ezifanele zezomthetho. Sonke sinomsebenzi wokulwa nenkohlakalo futhi ngokwemiyalelo yoMthetho Wokunqanda Nokulwa Nezenzo Zenkohlakalo, odinga abantu “abasezikhundleni eziphezulu” kuhulumeni nakwimikhakha ezimele ukuthi babike zonke izenzo zenkohlakalo.

7. I-Financial Action Task Force (i-FATF)

7.1. IKhabhinethi lisiphawulile isinqumo se-Financial Action Task Force (i-FATF) sokufaka iNingizimu Afrika ohlwini lokulawulwa ngemithetho ethile ngaphansi kokuqashwa ngeso lokhozi noma ngalokhu okwaziwa ngokuthi yi-“grey list” ye-FATF.

7.2. Ngesikhathi i-FATF iyibona inqubekelaphambili eyenziwe yizwe ekubhekaneni nezinkinga ezigqanyiswe embikweni wokuhlolwa kwezwe (i-MER), ithole ukuthi kuningi okusamele kwenziwe.

7.3. IKhabhinethi liyazi ukuthi ukubhekana nalezi zinkinga ezitholiwe kuzokwenzela kahle iNingizimu Afrika. Uhulumeni uzinikele ukusebenza ngokushesha ukuqinisa ukusebenza kahle kombuso olwa nokuhlanzwa kwemali kanye nokuxhasa ngezimali izenzo zobuphekula.

8. Ukuvakasha Kombuso wase-Uganda

8.1. IKhabhinethi lamukele Ukuvakasha Kombuso eNingizimu Afrika okube yimpumelelo kukaMongameli u-Yoweri Kaguta Museveni waseRiphabhulikhi yase-Uganda mhla wama-28 kuNhlolanja 2023.

8.2. Ngesikhathi sokuvakasha, zombili iZinhloko Zombuso zikhulume kwiSigcawu Samabhizinisi, zahlolisisa amathuba okuhweba notshalomali. Ziphinde zaba ngofakazi ekusayinweni kweZivumelwano Zokuzwana (i-MoU) emikhakheni eminingi, ebandakanya: iNhlangano Yokuthuthukiswa Kwezimboni, Ezokuvakasha; Ezokuthutha; Ubuchwepheshe Bezokuxhumana; Ezokuhlunyeleliswa Kwezimilo; kanye Nabesifazane, Intsha naBantu Abaphila Nokukhubazeka.

8.3. IRiphabhulikhi yase-Uganda ingumlingani we-15 omkhulu kwezokuhwebelana eZwenikazini kanye nowesibili omkhulu eMpumalanga Afrika. Phakathi kowezi-2017 nowezi-2021, ukuhwebelana sekukonke phakathi kwala mazwe womabili kwafinyelela kwizigidigidi ezi-R3.

9. INgqungquthela yeNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika (i-AU)

9.1. UMongameli u-Cyril Ramaphosa uhole ithimba laseNingizimu Afrika kwiNgqungquthela yeNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika e-Ethiopia ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ukuqhuba Ngesivinini Ukuqaliswa Kwendawo Yokuhwebelana Kwamazwe ase-Afrika (i-AfCFTA)”.

9.2. INingizimu Afrika inikeze ngokwakamuva ekuqalisweni kwendawo Yokuhwebelana Kwamazwe ase-Afrika. NjengoSihlalo woMkhandlu we-AU Wezokuthula Nezokuvikeleka, leli lizwe liphinde labika ngenqubekelaphambili ngoHlelo Lokuqedwa Kwezibhamu e-Afrika ngowezi-2030.

9.3. Njengohamba phambili ku-AU ezindabeni eziphathelene ne-COVID-19, uMongameli u-Ramaphosa wethule iziphakamiso zokuthi iZikhungo zase-Afrika Ezilawula Izifo (i-CDC) zingaqiniswa kanjani futhi izinyathelo zingathathwa kanjani ukulungiselela izwekazi ukubhekana nezifo ezilubhubhane.

9.4. Ngaphansi kobuholi bukaMongameli u-Ramaphosa, iThimba Elibhekele Ukutholakala Komgomo we-COVID-19 e-Afrika lasungulwa ngenhloso yokweseka iQhingasu Lomgomo lase-Afrika. INingizimu Afrika iphinde yatholela izwekazi umgomo we-COVID-19 ongaphezu kwezigidi ezingama-500. Okunye futhi, iSikhwama Esibhekele Ukulwisana Nobhubhane sase-Afrika sasungulwa, nesathola izigidi eziyi-$137 ukuze kuzokhiqizwa imigomo khona lapha ekhaya, izinsiza zokuxilonga, izinsizakusebenza zokuzivikela, i-oksijini kanye nemithi ebalulekile. INkundla Yemikhiqizo Yezokwelapha e-Afrika nayo yethulwa, ukuqinisekisa ukufinyelela kwimithi yokwelapha ebalulekile kwawo wonke amazwe ase-Afrika. 

10. Udlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane

10.1. Uhulumeni ugxeka kakhulu izigameko ezilokhu zibelesele zodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF) futhi uyaqhubeka nokuqinisa izindlela zokulwa ngokusebenzisa izingenelelo eziningana.

10.2. Lokhu kubandakanya izinguquko ezinkulu kwezomthetho, ukusungulwa kweSikhwama Sokulwa ne-GBVF, kanye nokweseka iZikhungo Zokunakekela iThuthuzela neKhuseleka, ezihlinzeka ngezinsizakalo ezibalulekile kulabo abasinde ku-GBV. 

10.3. Ngale kwalokho, ukusebenzisana uhulumeni akusungulile nomphakathi, amabhizinisi, abalingani kwezentuthuko, umkhakha wezenkolo kanye neminye imikhakha ukuthi kusetshenzwe ngokubambisana ukulwa nalesi sihlava se-GBVF, kusalokhu kubaluleke kakhulu.

11. Ezempilo

11.1. IKhabhinethi lamukele izingxoxo eziyingqophamlando zoMhlangano Womhlaba Kwezokwelashwa Wokuqhamuka Nezindlela Zokuvimbela Izifo izwe ebeliwusingathe ngaphansi kwesiqubulo esithi “Sakha isivumelwano senkundla kwezokwelashwa ezoqhamuka nezindlela zokuvimbela ubhubhane olulandelayo okuzofinyeleleka kuyona ngokulinganayo futhi ngendlela esimeme.”

11.2. Umhlangano ubhekisise izindlela zokuthola ukufinyelela okulinganayo kwimigomo esindisa izimpilo, ukuxilongwa kanye nokwelashwa kwezifo ezilubhubhane ezingaqhamuka ngokuya kwesidingo hhayi ngokwengcebo. Lokhu kuqalise ngokuthola isivumelwano ngaphambi koMhlangano Osezingeni Eliphezulu Omayelana Nokugwenywa Kwezifo Ezilubhubhane, Ukuzilungiselela kanye Nokubhekana nazo eMhlanganweni Wenhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika yama-78 kulo nyaka.

11.3. Ngakolunye udaba oluhlobene nalolu, iNgqungquthela Yezamakhambi Endabuko ebisingathwe uMnyango Wezempilo iyingxenye yezisombululo ezathathwa kwiNhlangano Yomhlaba Yezempilo (i-WHO), iNhlangano Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika kanye neNhlangano Yamazwe Asathuthuka aseNingizimu ye-Afrika (i-SADC) ukuthi kuhlanganiswe amakhambi endabuko ohlelweni lokusebenza lwezempilo.

12. Ukugonywa Kwabantwana neSifo Sohudo

12.1. Ukuqubuka kwesimungumungwane kuyingozi ebantwaneni abangagonyiwe. Abazali nabaqaphi abasemthethweni babantwana bayanxuswa ukuthi baqinisekise ukuthi abantwana babo bayagonywa njengengxenye yomkhankaso kazwelonke wokugonywa kwabantwana. Izimpawu zesimungumungwane zibandakanya imfiva, amehlo abomvu, ukugxaza kwamakhala nokukhwehlela, ezivame ukuvela ngaphambi kokuqubuka emzimbeni.

12.2. Kulandela ukuqubuka kwakamuva kwezigameko zesifo sohudo, iKhabhinethi linxusa izakhamuzi ukuthi ziqaphele noma yiziphi izimpawu, ezibala ukuphelelwa ngamanzi emzimbeni ngenxa yohudo, ukuhlanza kanye nobuntekenteke bomzimba. Sisabalala kakhulu ngamanzi angcolile noma ukudla okunamagciwane, umphakathi uyakhunjuzwa ngokuthi ubilise amanzi, upheke ukudla kuvuthwe, kanye nokulandela izindlela zenhlanzeko zokuhlanza izandla ngensipho namanzi ukugwema ukusulelana. Bonke abantu abanezimpawu ezifana nezesifo sohudo, abake bavakashela amazwe angaphandle nabangakaze, kufanele baphuthume ngokushesha esikhungweni sezempilo esiseduze nabo. 

13. Ukutholakala kwamanzi

13.1. IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kwesigcinamanzi esikhulukazi ezwekazini, i-Vlakfontein Reservoir e-Gauteng, esingagcina amanzi angafika kumalitha ayizigidi ezingama-210 alingana namahora angama-24 amanzi adingekayo, okulindeleke ukuthi siphothulwe ngoMbasa wezi-2023. Lo mklamo usungule amathuba emisebenzi angama-220 emiphakathini yendawo kanye nemisebenzi eyi-110 kuMasipala Wendawo wase-Ekurhuleni.

13.2. IKhabhinethi licele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bavikele ingqalasizinda yethu yamanzi ngokubika ngokucekelwa kwayo phansi emaphoyiseni ku-0800 10111 futhi babike nangokuvuza kwamanzi kumasipala wendawo. Izakhamuzi zingadlala indima yazo ekusebenziseni amanzi ngokuwonga.

14. Isimo esibi sezulu

14.1. Ukuzilungiselela kwamathimba eZokulawulwa Kwenhlekelele kunciphise umthelela wezimvula ezinkulu, nezidlondlobaliswe isishingishane u-Freddy esithinte izingxenye ezisenyakatho-mpumalanga yeNingizimu Afrika.

14.2. Uhulumeni uyaqhubeka nokuhlanganisa zonke izinsiza ezikhona njengengxenye yesimo senhlekelele kuzwelonke ukweseka imizamo yokutakula ezingxenyeni ezithintwe izikhukhula. Umoya woBuntu waboniswa ngama-NGO amaningi, umphakathi, amabhizinisi kanye nezinhlangano zosizo ezelule isandla kulabo abadinga usizo. Ukuvuka kwethu kuzothatha umzamo omkhulu kakhulu, uma sibheke izinsiza namakhono esizwe sethu sisonke.

14.3. Abahlali bayanxuswa ukuthi bahlale ezindlini ngezikhathi zezimvula neziphepho, bangazami ukuhamba, ukubhukuda noma ukushayela emanzini ageleza ngesivinini noma emifuleni, futhi abantu abahlala ezindaweni ezingumehlelo kufanele baqaphelisise izexwayiso zesimo sezulu bese bethatha izinyathelo zokuphepha ezifanele.

15. ISikimu Sikazwelonke Soxhasomali Lwabafundi (i-NSFAS)

15.1. I-NSFAS imele uhlelo oluya phambili lukahulumeni lokunqamula ukhondolo lokungalingani kwezenhlalo kwimfundo ephakeme nokuqeqeshwa.

15.2. Ngaphandle kwezinselele, i-NSFAS yenze inqubekelaphambili ebonakalayo, ngokuxhasa abafundi abangaphezu kwesigidi esisodwa ngesabelomali esihlongozwayo sezigidigidi ezingama-R47.

15.3. Abafundi abanezicelo zoxhasomali ezichithiwe, bangafaka izikhalazo ngobuchwepheshe besimanjemanje ku-Independent Appeals Tribunal ngokusebenzisa i-myNSFAS Portal (https://my.nsfas.org.za/).

16.  Ukubhalisela ukuvota ngobuchwepheshe

16.1. IKhabhinethi licela bonke abavoti abafanelekile ukuthi babhalise ngokusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ku-https://registertovote.elections.org.za ukuze bezovota oKhethweni Lukazwelonke Nolwezifundazwe lwangowezi-2024.

16.2. IKhomishana Yezokhetho yethule umkhankaso wokubhalisela ukuvota ngobuchwepheshe besimanje mhla wama-20 kuNhlolanja 2023, yabe seyinxusa intsha efanelekile ukuvota ukuthi ibhalise ukuze izosebenzisa ilungelo layo lentando yeningi labantu lokuvota. Izakhamuzi esezakubhalisela ukuvota nazo ziyagqugquzelwa ukuthi zibheke ukuthi zivotela kuphi, bese befaka imininingwane emisha yalapho behlala khona uma beke bathutha emva kokhetho olwedlule. Abavoti kufanele babhalise lapho behlala khona, bese bevota lapho bebhalise khona.

16.3. Ufanelekile ukubhalisela ukuvota uma:

  • Uyisakhamuzi saseNingizimu Afrika;
  • Okungenani uneminyaka eyi-16 nangaphezulu (ungakwazi ukuvota kuphela kusuka eminyakeni eyi-18); futhi
  • Unencwadi kamazisi eluhlaza enamagabelo, ikhadi likamazisi noma isitifiketi zomazisi sesikhashana esisemthethweni.

17.  Isexwayiso seMelika (i-US)

17.1. IKhabhinethi lisiphawulile isexwayiso esikhishwe iHhovisi Lenxusa lase-US njengengxenye kahulumeni wase-US yendlela yezokuxhumana nezakhamuzi zayo ezivakashele nezihlala kuleli lizwe.

17.2. Ibonise ukuthi iSigaba sesi-2 seseluleko kwezokuvakasha sikhishiwe, ebesibeluleka ngokuthi baqaphelisise ngenxa yobugebengu nemibhikisho yemiphakathi nokuthi bathenge ngobuningi izinto abazidingayo zezinsuku ezintathu, imithi kanye nezinto zosizo lokuqala.

17.3. Uhulumeni uyaqhubeka nokubeka iso zonke izindawo ezithikameza isizwe sakithi, noma yikuphi okusolisayo kusukunyelwa phezulu ukuze kuzoqinisekiswa ukuphepha kwawo wonke umuntu okuleli lizwe. Uma kungaba khona okushaya amanzi, uhulumeni uzoba ngowokuqala ukuwuhlaba awulawule.

18. I-SAPS

18.1. IKhabhinethi lithokoze kakhulu ukuthi uPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika selusondele nokuqeda ukusilela emuva kokuhlolwa kolibofuzo kumalabhorethri abo okuhlolwa kobufakazi ngobuchwepheshe besayensi. Lokhu kuphumelela kuzoqinisekisa ukuthi amacala ahlobene nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile asonjululwa ngokushesha.  

18.2. I-SAPS iphinde yengeza umthamo wokuhlolwa kolibofuzo ngokuphothulwa kwelabhorethri yokuhlola ubufakazi ngesayensi eGqeberha eMpumalanga Kapa, lokho okuzokwehlisa ingcindezi kwilabhorethri ekhona eNtshonalanga Kapa. 

B. Izinqumo zeKhabhinethi

1. UHlelo Lweqhingasu Lukazwelonke (i-NSP) lwe-HIV, i-TB kanye nama-STI lwangowezi-2023-2028.

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koHlelo Lweqhingasu Likazwelonke (i-NSP) lweGciwane Lwesandulela-ngculazi, iSifo Sofuba kanye Nezifo Ezithathelana Ngocansi lwangowezi-2023-2028.

1.2. I-NSP 2023-2028 ephelele izokhishwa emphakathini ngoSuku Lomhlaba lwe-TB mhla wama-24 kuNdasa 2023 e-Rustenburg eNyakatho Ntshonalanga.

1.3. I-NSP ihlongoza ukuthi kubhekanwe ne-HIV, izifo ezithelelana ngocansi kanye nesifo sofuba ngendlela ephelele ebandakanya izindlela zokuzigwema kanye nokuzilapha. Lena yi-NSP yesihlanu ye-HIV, i-TB kanye nama-STI futhi icacisa inqubekelaphambili esiyenziwe iNingizimu Afrika ekubhekaneni nalezi zifo ezintathu kuze kube yimanje.

1.4. Uhlelo lweminyaka emihlanu luhlinzeka ngohlaka lweqhingasu lwendlela emikhakha-miningi ebeke abantu phambili lokuqeda i-HIV, i-TB nama-STI njengezifo eziqeda impilo yabantu ngowezi-2030.

1.5. Ukubhalwa kwe-NSP kwakwenganyelwe nguMkhandlu Kazwelonke Wesifo Sengculazi eNingizimu Afrika (i-SANAC) ohlanganise ndawonye uhulumeni, umphakathi, kanye nabanye okubanjisenwe nabo emphakathini ukwakha isivumelwano nokuqhuba indlela edidiyelwe kahle, ehlangene yokulwa nalolu bhubhane lwezifo ezintathu esikhathini esiyiminyaka emihlanu. Inqubo yokusungula leli buya lesihlanu lohlelo lukazwelonke kwaxoxiswana ngayo kabanzi emphakathini wonke ukuze kuzotholwa uchungechunge lwemibono, kanye nokwakhela kulokho esikufundile kwizinhlelo ezedlulile.

1.6. I-NSP igcizelela isidingo sokuqeda imigoqo kanye nokwandisa ukufinyelela okulinganayo kwizinsizakalo ngokusebenzisa izinhlelo zokusebenza ezinamandla nezihlanganisiwe.

1.7. Ukubandakanywa kwezinsizakalo zezempilo yezengqondo nokwesekwa komphakathi kume ekuhambelaneni okuqinile phakathi kwe-HIV, i-TB, ama-STI nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF), amalungelo abantu kanye nokungalingani.

1.8. Uhlelo olusha lufake ukuchazwa kabanzi kokulashwa kwama-STI, kubandakanya ukuvuvukala kwesibindi kanye nezinsumpa, okuyizifo ezijwayelekile kubantu abasuleleke nge-HIV.

2. Umbiko ngemiphumela yeNgqungquthela Yohlaka Lwezizwe Ezibumbene Ngokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-UNFCCC COP 27).

2.1. IKhabhinethi lithole umbiko ngemiphumela yeNgqungquthela Yohlaka Lwezizwe Ezibumbene Ngokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-UNFCCC COP27) ebibanjwe e-Sharm El Sheik e-Egypt ngoLwezi wezi-2022. Ngesikhathi iNingizimu Afrika yazi ngezinselele ezisalele ekulweni nokuguquguquka kwesimo sezulu, lokho okuzuzwa ngamaqembu ehlukene ekulweni nale nkinga kwamukelekile. Izingxoxo ze-COP27 zifake igalelo kwingqophamlando yesinqumo sokusungula iSikhwama esizosiza amazwe asathuthuka ukuthi abhekane noKulahlekelwa Nokulimala okwadalwa ukuguquguquka kwesimo sezulu. Lisungule iKomidi Lesikhashana elizosebenza ngemicikilisho yalesi sikhwama ngokombono wokuthatha isinqumo kwi-COP28 ngowezi-2023. 

2.2. I-COP27 iphinde yagcizelela isidingo sokukhuphula umfutho wokuguqula Amabhange Okuthuthukisa Amazwe Ehlukene neziKhungo Zamazwe Ngamazwe Zezimali kanye nokucela abanikazi bamasheya bakulezi zikhungo ukuthi bathathe isinyathelo esingijuqu sokukhuphula izimali ezibhekele isimo sezulu ngowezi-2023 futhi benze izinhlelo zezikhungo zabo zihambelane nomsebenzi.

2.3. Umphumela wokugcina we-COP27 ubonisa ukuphuthuma kwenkinga yesimo sezulu, kanye nesidingo sokugcina izinga lokushisa liku-1.5 degree ngesikhathi salokhu iPhaneli Yomhlaba Yokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-IPCC) ekubiza ngokuthi “yiShumi Leminyaka Elibucayi”, kubandakanya ukunikeza ngohlelo olucacile lokuqhubela phambili uhlelo lokunciphisa kusuka manje kuze kube ngowezi-2026.  

3. Ukusingathwa koMhlangano Womhlaba Wemfucuza wangowezi-2024

3.1. IKhabhinethi ligunyaze iNingizimu Afrika ukuthi isingathe uMhlangano Womhlaba Wemfucuza eKapa kusuka mhla we-15 kuya mhla we-18 kuMandulo 2024. Lo mcimbi uhlelwa iNhlangano Yomhlaba Yemfucuza, ongcweti bomhlaba kwezemfucuza kanye nongoti abaphuma emhlabeni jikelele.

3.2. Lo mhlangano uzosiza iNingizimu Afrika, njengoba izithunywa zizokwabelana ngokwenziwayo esikhathini samanje kanye nezindlela ezihamba phambili zokulawula imfucuza. Umhlangano uzoheha ongoti bezomhlaba nabahlinzeki bezobuchwepheshe futhi umkhakha ongahlelekile wemfucuza waseNingizimu Afrika kanye namabhizinisi amancane azozuza kulokhu.

3.3. Ngowezi-2011, iKhabhinethi lagunyaza iQhingasu Likazwelonke Lokulawulwa Kwemfucuza (i-NWMS) ukuthi liqaliswe ukusebenza.  I-NWMS inezinhloso-nqangi eziyisishiyagalombili kubandakanya nokugqugquzela ukuncishiswa kwemfucuza, ukuphinde kusetshenziswe imfucuza, ukwenza imikhiqizo emisha ngemfucuza kanye nokuqoqwa kwemfucuza. Liphinde lisize izwe ukuletha izinsizakalo zemfucuza ezisebenzayo neziphumelelayo futhi likhulisa igalelo elifakwa umkhakha wemfucuza emnothweni ongangcolisi imvelo. INingizimu Afrika nayo iyingxenye yezivumelwano zomhlaba ezihambisana nokulawulwa kwezinkinga zemfucuza. 

4. Ukukhethwa Kwedolobhakazi Elizosingatha iNgqungquthela ye-BRICS ye-15

4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthi i-Gauteng izosingatha iNgqungquthela ye-BRICS ye-15 ezoba seNingizimu Afrika kusuka mhla wama-22 kuya mhla wama-24 kuNcwaba 2023.  

4.2. INingizimu Afrika yaqala esikhundleni esijikelezayo sokuba nguSihlalo we-BRICS kusuka mhla lu-1 kuMasingana 2023 ngaphansi kwesiqubulo esithi “Ukusebenzisana kwe-BRICS ne-Afrika ukuze Kuzosheshiswa Ukukhula, Ukuthuthuka Okusimeme kanye Nokubandakanywa Kwamazwe Amaningi”.

4.3. Ubulungu beNingizimu Afrika ku-BRICS sebukhule kakhulu selokhu leli lizwe lahlanganyela kuleliqembu leminotho esafufusa eminyakeni eyi-12 edlule.

4.4. Ngowe-2021, impahla engaphezu kwamaphesenti ayi-17 yaseNingizimu Afrika ethunyelwa kwamanye amazwe yayizothunyelwa kwamanye amazwe angamalungu e-BRICS kanti impahla engaphezu kwamaphesenti angama-29 ephuma kwamanye amazwe yayivela kula mazwe.

C. Imicimbi Ezayo

1. INyanga Yamalungelo Abantu

1.1. Izwe libungaza iNyanga Yamalungelo Abantu ngaphansi kwesiqubulo esithi “Sihlanganisa futhi Seseka Amalungelo Abantu sibheke kwikusasa”. IKhabhinethi ligqugquzela abantu baseNingizmu Afrika ukuthi babungaze ifa lethu elicebile lamasiko kanye nokwehlukana okunamandla okuhlanganisa isizwe sakithi.

1.2. Masikhumbule labo abadela izimpilo zabo emzabalazweni wethu wenkululeko ukuqinisekisa ukuthi sithokozela amalungelo abantu futhi siyaqhubeka nokusebenzela ukuthuthuka kwenhlalo-mnotho ebandakanya wonke umuntu njengoba kwakungumbono wokhokho bethu.

D. Imiyalezo

1. Amazwi Okuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle kodwa ku:

  • Iqembu lekhilikithi Labesifazane laseNingizimu Afrika ngokundizisela phezulu ifulegi ngokufinyelela kowamanqamu okokuqala ngqa emidlalweni ye-ICC Women’s T20 World Cup ebisingathwe kuleli lizwe.
  • Iqembu labesifazane laseNingizimu Afrika le-ice hockey elidlale okokuqala ngqa emidlalweni yomhlaba ye-Women’s Ice Hockey World Championships ebiseKapa.
  • I-SA Hockey ngokusingatha ngempumelelo imidlalo yomhlaba ye-FIH Indoor Hockey World Cup ePitoli kusuka mhla wesi-5 kuya mhla we-11 kuNhlolanja 2023.
  • Oshampeni base-Afrika i-Banyana-Banyana kulandela ukudlala kwabo emidlalweni ye-Turkish Women’s Cup, lapho leli qembu laba ngabanqobi baka-Group A babuya nendebe.
  • Abahleli bokusingatha okube yimpumelelo kuleli lizwe okokuqala umjaho we-Formula E ezwenikazi i-Afrika, obuseKapa. Leli dolobhakazi lihlanganyele namanye amadolobhakazi omhlaba ayi-11 asingathe umjaho we-Formula E World Championship, obuqhutshwa ngamandla kagesi ovuselelekayo ongamaphesenti ayi-100.
  • Mnu Calib Cassim njenge-CEO yesikhashana yakwa-Eskom ethathe izintambo ku-Mnu André Marinus de Ruyter, ofiselwa okuhle lapho aya khona.
  • Abantu base-Nigeria kulandela isimemezelo se-African Union Election Observation Mission ngempumelelo yokhetho obelubanjiwe.

2. Amazwi Enduduzo

IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani baka:

  • Peter Cyril Jones, isishoshovu senkululeko kanye nomholi we-Black People’s Convention.
  • INkosazane Yasebukhosini u-Alice, indodakazi yeNkosi u-Solomon kaDinuzulu.
  • Paul Herbst, uMqondisi we-Medi-Response, umholi ohlonishwayo nozinikele emkhakheni wezokwelashwa kwizimo eziphuthumayo kamuva-nje osize izwe emsebenzini wokutakula e-Türkiye nase-Seria.
  • Rafiq Rohan, intatheli eyaziwayo kanye nobeyisiboshwa sezepolitiki eNingizimu Afrika esasivalelwe e-Robben Island owake wasebenza njengoMhleli wokuqala wephephandaba likahulumeni i-Vuk’uzenzele, umhleli wezindaba kanye nomhleli wezepolitiki ku-“The Sowetan”, umhleli ophezulu wephephandaba i-“The Star”, kanti kamuva-nje ubengumhleli omkhulu e-Al Jazeera.

E. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo kanye nokuhlolwa okufanelekile.

1. Mnu Hishaam Emeran njenge-CEO ye-Ejensi Yezokuthuthwa Kwabantu Ngezitimela eNingizimu Afrika (i-PRASA).

2. Mnu Themba Rikhotso njenge-CEO yeBhange Lezokuthuthukiswa Komhlaba Nezolimo eNingizimu Afrika (i-Land Bank) kanye noMqondisi Ophezulu kwiBhodi Yabaqondisi base-Land Bank.

3. Mnu Maesela Kekana njengePhini loMqondisi-Jikelele: Kwezokulawulwa Kokuguquguquka Kwesimo Sezulu Nokuhlanzeka Komoya eMnyangweni Wezamahlathi, Ezokudoba Nezemvelo.

IKhabhinethi lisho ngazwi linye ngokuqashwa kwalaba abalandelayo

4. IBhodi Labaqondisi Elingaphethe leNkampani Yezikhumulo Zezindiza eNingizimu Afrika

(i) Ummeli Sandile Nogxina (uSihlalo)
(ii) Mnu Yershen Pillay
(iii) Dkt Kgabo Hendrik Badimo
(iv) Nks Ntombifuthi Mvelase
(v) Nks Dudu Hlatshwayo
(vi) Mnu Gcobani Mancotywa
(vii) Nks Sibongile Rejoyce Sambo
(viii) Nks Nonzukiso Siyotula

Imibuzo:
Nks Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo weKhabhinethi
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485                                    

Share this page

Similar categories to explore