Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla ziyi-18 kuLwezi 2020

A. Ezisematheni

1. Ingqungquthela ye-12 yombimbi lwamazwe i-Brazil, Russia, India, China kanye neNingizimu Afrika (i-BRICS)

1.1. IKhabhinethi liyamukelile imiphumela yeNgqungquthela ye-12 ye-BRICS ebiholwa nguMongameli u-Cyril Ramaphosa. Kule ngqungquthela ebisingethwe nguMongameli wezwe lase-Russia u-Vladimir Putin, kubhungwe kabanzi ngobambiswano lwe-BRICS okuhloswe ngalo ukuletha uzinzo emhlabeni jikelele, nokubambisana ekuqinisekiseni ukuvikeleka kwawo wonke amazwe kanye nokukhuliswa kweminotho okugxile ekusetshenzisweni kwezindlelakusebenza ezintsha.
1.2. Le miphumela ibandakanya nokwamukelwa ngokusemthethweni kweQhingasu le-BRICS Lobambiswano Lwezomnotho (lowezi-2020-2025) kanye nokwamukelwa kweQhingasu le-BRICS Lokulwisana Nobushokobezi. Isitatimende esakhishwa ngamazwe wonkana ngokuhlanganyela, i-Moscow Declaration, esamukelwa ngokusemthethweni ekupheleni kwengqungquthela sazwakalisa, phakathi kwezinye izindaba, ukwesekwa kwe-Agenda 2063 yeNhlangano Yobumbano Yamazwe ase-Afrika (i-AU)  kanye nemizamo yokuqinisa ukudidiyelwa kwamazwe nokuthuthukiswa kwezwekazi, kubandakanya nokuqaliswa kweSivumelwano esiphathelene neNdawo Yokuhwebelana Mahhala Ezwekazini lase-Afrika.
1.3. Ingqungquthela iyiphawulile futhi nenqubekelaphambili eseyenziwe yi-AU ekulungiseni udaba lwamagebe akhona kwezengqalasizinda, ikakhulukazi ngaphansi kohlaka loBambiswano Olusha Lokuthuthukiswa kwe-Afrika, kanye nokubaluleka kokugqugquzela utshalomali ukuze kwesekwe ukuthuthukiswa kwezimboni, kwakhiwe imisebenzi, kuqinisekiswe ukutholakala kokudla okwanele, kulwiswane nobubha futhi kuhlinzekelwe intuthuko ye-Afrika esimeme.

2. Uhambo Olusemthethweni Lokuvakashela kukaMongameli waseMalawi kuleli

2.1. IKhabhinethi lilwamukele ngezandla ezimhlophe uHambo Olusemthethweni lwakamuva nje lokuvakashela eNingizimu Afrika kwamalungu kahulumeni waseMalawi abeholwa nguMongameli u-Lazarus Chakwera, olube yimpumelelo. Emhlanganweni phakathi kukaMongameli Chakwera noMongameli Ramaphosa kubhungwe ngezindaba ezithinta lawa mazwe amabili, ngokunjalo futhi nezithinta isifunda kanye nezwekazi lonkana.
2.2. INingizimu Afrika isalokhu izibophezele ekuqiniseni ubudlelwano bayo neMalawi ngokuthi kwelulwe futhi kukhuliswe uhwebo notshalomali phakathi kwalawa mazwe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi baphila impilo esezingeni elikahle nelamukelekile abantu balawa mazwe womabili. Lawa mazwe amabili anobudlelwano obuhle obaqala eminyakeni engamashumi ngamashumi eyadlula futhi okuwubudlelwano obusaqhubeka namanje.
2.3. IKhabhinethi lithulelwe futhi nombiko maqondana nodaba lukaMnu Shepherd Bushiri nowakwakhe uNkz u-Mary Bushiri, abashaye utshani balibangisa kwelakubo e-Malawi ngenkathi bengaphandle ngebheyili yama-R200 000 umuntu ngamunye kulandela amacala ababekwe wona okukhwabanisa nokushintshisana ngemali okungekho emthethweni.
2.4. IKhabhinethi ligculisekile ngendlela eliluphathe ngalo lolu daba iQoqwana Lezobulungiswa, Ukuvinjelwa Kobugebengu kanye Nokuqinisekisa Ukuphepha, futhi lizowazisa umphakathi ngalokho okuqhubekayo mayelana nalolu daba. Seyiqalisiwe inqubo yomthetho yokunxusa ukuthi laba babuyiselwe kuleli bazobhekana namacala ababekwe wona.

3. Ukhetho lokuchibiyela komasipala

3.1. IKhabhinethi liyishayela ihlombe iKhomishana Yokhetho Ezimele ngokuqhuba ukhetho lokuchibiyela olube yimpumelelo, obelubanjwe ezigcemeni ezingama-95 komasipala abangama-55 ngoLwesithathu mhla ziyi-11 kuLwezi 2020. Ukhetho lomasipala lusalokhu luyinsika yokuqinisa nokuthuthukisa intando yabantu emazingeni ezifunda kanye nomasipala.
3.2. IKhabhinethi lizwakalise ukubabonga bonke abantu baseNingizimu Afrika ababambe iqhaza okhethweni lokuchibiyela, obelungolokuqala emuva kokumiswa kwayo yonke imisebenzi ephathelene nokhetho ngoNdasa ngenxa yobhubhane lwesifo segciwane le-corona (i-COVID-19).

4. Izinsuku ezinhlanu zokulila ezweni lonkana

4.1. IKhabhinethi liyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babambe iqhaza ezinsukwini ezinhlanu zokulila ngenhloso yokukhumbula labo abalahlekelwe yizimpilo zabo ngenxa ye-COVID-19 kanye nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabantu besifazane (i-GBVF). Wonke amafulegi esizwe azondiziselwa phansi ngalezi zinsuku ezinhlanu zokulila kusukela ngoLwesithathu mhla zingama-25 kuLwezi kuze kube yiSonto mhla zingama-29 kuLwezi 2020.
4.2. Esinyathelweni sobumbano nokubambisana ukuze kuhlonishwe futhi kukhunjulwe bonke labo abashone ngenxa ye-COVID-19 ne-GBVF, zonke izakhamuzi ziyakhuthazwa ukuthi zigqoke izingubo nempahla ewuphawu lokulila ngokosiko lwabo kanye nezinkolo abakholelwa kuzona.

5. Ukusayinwa koHlelo-ngqangi lukaShukela

5.1. IKhabhinethi lilwamukelile uHlelo-ngqangi Lwemboni Kashukela olusayinwe nguNgqongqoshe Wezolimo, Izinquguko Kwezomhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya, u-Thoko Didiza, kanye nabomkhakha wemboni kashukela. UHlelo-ngqangi Lwemboni Kashukela luhlose ukuthatha izinyathelo eziphuthumayo ukuvikela izinkulungwane ngezinkulungwane zemisebenzi, futhi kuvikelwe nendlela abaziphilisa ngayo abantu abahlala ezindaweni zasemakhaya kanye namabhizinisi futhi kusenjalo kwakhiwe injongo entsha ebonisa isibindi maqondana nengomuso, okuhloswe ngayo ukwakha imigudu ehlukahlukene yokungenisa imali kubakhiqizi bakashukela, futhi kudalwe namathuba amasha omsebenzi amaningi.
5.2. Imboni kashukela ingumqashi wabasebenzi osemqoka kakhulu futhi ingumthombo wokuziphilisa wemiphakathi eminingi esezindaweni zasemakhaya.

B. Izinqumo zeKhabhinethi

1. Iqhingasu Likazwelonke Lokulwisana Nenkohlakalo (i-NACS)

1.1. IKhabhinethi liyigunyazile i-NACS ehlinzeka ngohlaka lokungenelela ezweni lonkana. Leli qhingasu liwumphumela wokubonisana nemikhakha ehlukahlukene okwenziwe ezweni lonkana, kubandakanya abamabhizinisi, uhulumeni kanye nezinhlangano zomphakathi. Ithimba le-NACS, elifaka phakathi izinhlangano zomphakathi, izifundiswa, amabhizinisi kanye nabameleli bakahulumeni, likwesekile ukuhlanganiswa kwaleli qhingasu.
1.2. I-NACS igxile ezinsikeni eziyisithupha, ezibandakanya ukugqugquzela nokukhuthaza ukuzibandakanya kwezakhamuzi ngenkuthalo, ukubikwa kwezenzo ezingalungile, ubuqotho kanye nokusebenzela obala;  ukuthuthukisa ukusebenza kwabasebenzi ngobunyoninco nobungoti, ukuthuthukisa inqubo yokuphatha ezikhungweni, kanye nokuqinisa ukuhlinzekwa kwezinsizakusebenza kanye nokuhanjelaniswa komsebenzi owenziwayo kanye nokuphendula ngendlela efanele.
1.3. Leli qhingasu liphakamisa futhi ukuthi kusungulwe uMkhandlu Kazwelonke Wokululeka Ukulwisana Nenkohlakalo wesikhashana, njengohlaka lokuqinisekisa ukuqapha kakhudlwana, ukuphendula kanye nokusebenzela obala. Lolu hlaka lwesikhashana luzoqalisa inqubo yokusungulwa kohlaka oluzimele olwakhiwe ngokuyalela komthetho olubandakanya imikhakha yonke oluzobika ngqo kwiPhalamende.

2. Iqhingasu Lokwelulwa Kwezindawo Zikazwelonke Ezivikelekile (i-NPAES)

2.1. IKhabhinethi liyigunyazile i-NPAES ebuyekeziwe ukuze iqale ukusebenza. Leli qhingasu lagunyazwa ngoLwezi 2018 ukuze kuboniswane ngalo nomphakathi. Lokhu kubonisana kwaholela ekutheni kufakwe ulwazi olubuyekeziwe oluqukethe nalokho okufiswa ngumphakathi nababambiqhaza ezahlukweni eziyisishiyagalolunye zaleli qhingasu.
2.2. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe anothe kakhulu uma kuza ngasekutholakaleni kwezinhlobo ezihlukahlukene zezitshalo kanye nezilwane. Isohlwini lwamazwe amathathu aphuma phambili emhlabeni wonke jikelele anezinhlobo ngezinhlobo zezitshalo nezilwane kanye nezinye izinto zemvelo eziphilayo. Ukuphatha nokulondoloza lezi zinto zemvelo ezihlukahlukene ezisemqoka kakhulu kuyalekelela futhi nasekwakhiweni kwamathuba omsebenzi ngokusebenzisa ezokuvakasha kanye nezinhlelo zokulondolozwa kwemvelo, futhi lezi zindawo zisetshenziswa futhi njengezindawo zocwaningo lwezesayensi.

3. Uhlaka Olubuyekeziwe Lukazwelonke Lwezitshalo Nezilwane Ezihlukahlukene Ezitholakala Kuleli (i-NBF)

3.1. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kwe-NBF ukuze umphakathi uphawule ngayo. Lolu wuhlelo lokusebenza lomkhakha okuhloswe ngalo ukubhekana nezinto ezibeka engozini izinto zemvelo ezihlukahlukene ezihlonzwe ngenkathi kwenziwa uhlolo lwezesayensi lwesimo sezinto zemvelo ezihlukahlukene eziphilayo kanye nezindawo eziphila kuzo eNingizimu Afrika olwenziwa yi-South African National Biodiversity Institute ngowezi-2019.
3.2. Imikhakha esemqoka kakhulu kulo mbiko wokuhlola iphathelene nezinto zemvelo eziphila emifuleni nasezizalweni zemifula njengoba izinhlanzi eziphila emifuleni kuyizona ezisengozini kakhulu kunazo zonke ezinye izinto zemvelo eziphila emanzini.

4. UHlelo-ngqangi lweNingizimu Afrika Lomkhakha Wezamahlathi Okuhweba (i-CFS) (2020-2025)

4.1. IKhabhinethi likugunyazile ukuqaliswa koHlelo-ngqangi lwe-CFS, oluvunywe ngabemboni, uhulumeni kanye nabasebenzi. Lolu hlelo luyalinganisa phakathi kwemihlomulo yezemvelo, yezomnotho kanye neyezenhlalo etholakala kwizinsiza zamahlathi.
4.2. Lugxile ezindaweni eziyisikhombisa ezisemqoka: (a) ukwelulwa kwezinsiza zamahlathi kanye nokugcinwa kahle/ukuvikelwa kwamahlathi, (b) ukulethwa koguquko kulo mkhakha, (c) ukulungiswa komkhiqizo ngenhloso yokuletha imihlomulo engeziwe, (d) ukwebiwa kwezingodo kanye nezenzo ezingekho emthethweni, (e) ucwaningo, intuthuko, ukusungulwa nokusetshenziswa kwezinto ezintsha kanye nezindlelakusebenza zesimanjemanje kanye nokuthuthukiswa kwamakhono, (f) izinto ezisemqoka okuyizona ezivimbela ukukhula komkhakha kanye (g) nokuthuthukiswa kwezikhungo.

5. Uhlaka lukazwelonke lokuqaliswa komsebenzi wokuqinisekisa ukuthi umkhakha wezoMsebenzi Kahulumeni usebenza ngobunyoninco nobungoti

5.1. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kohlaka lukazwelonke lokuqaliswa komsebenzi wokuqinisekisa ukuthi umkhakha wezoMsebenzi Kahulumeni usebenza ngobunyoninco nobungoti. Lokhu kuhambisana nesibophezelo esenziwe nguhulumeni wehlandla lokuphatha lesithupha sokwakha umkhakha wezoMsebenzi Kahulumeni onekhono namandla okusebenza, olandela inkambiso elungileyo nobuqotho futhi othuthukisayo. 
5.2. Lolu hlaka luphakamisa ukuthi kube nezinsika ezinhlanu ezisemqoka kakhulu zokuqinisekisa ukusebenza ngobunyoninco nobungoti ezizoholwa yiSikole Sikahulumeni Sikazwelonke (i-NSG), ngokubambisana nezikhungo zemfundo ezihlukahlukene. Lezi zinsika ezinhlanu zibandakanya inqubo yokuqashwa nokuqokwa kwabantu ngaphambi kokuba bangene emkhakheni wezoMsebenzi Kahulumeni, inqubo yokujwayezwa kwabasebenzi abasha umsebenzi futhi bajwayezwe nezinqubokusebenza zesikhungo kanye nokudidiyelwa kwabo emsebenzini; ukuhlela nokuphatha kokusebenza; ukufunda okuqhubekayo kanye nokuthuthukiswa kwabasebenzi emsebenzini abawenzayo kanye nokukhula nokudlondlobala emsebenzini wabo kanye noshintsho oluphathelene nomsebenzi.

6. Iziphakamiso zenqubomgomo zokuchibiyela uMthetho Wokuphathwa Komsebenzi Kahulumeni (i-PAMA) wonyaka wezi-2014 kanye noMthetho Wezemisebenzi Kahulumeni (i-PSA) wonyaka we-1994

6.1. IKhabhinethi lizigunyazile iziphakamiso zenqubomgomo okuhloswe ngazo ukuchibiyela i-PAMA, yonyaka wezi-2014 (uMthetho we-11 wonyaka wezi-2014) kanye ne-PSA, yonyaka we-1994 (uMthetho we-103 wonyaka we-1994). Phakathi kwezinye izinto, lezi ziphakamiso ziphakamisa isinyathelo sokuthi kube nomkhakha owodwa woMsebenzi Kahulumeni, ukugcinwa kwesimo se-NSG njengomnyango kazwelonke kanye nokuchasisa indima yeHhovisi Lokuqinisekisa Ukuthotshelwa Kwamazinga Ezempilo maqondana nezindlela zokulawulwa nokuhanjelaniswa kwemigomo namazinga emkhakheni wokuphathwa kukahulumeni.
6.2. Iziphakamiso zenqubomgomo ze-PSA zibandakanya ukuchasiswa kwezinhloko zeminyango eHhovisi likaNdunankulu naseHhovisi likaMongameli, futhi nokulungisa ezinye zezindaba ezingumphumela wezinqumo zenkantolo.
6.3. Izichibiyelo zisuselwa emzamweni wokuqhubekisela phambili uhlelo lokwakhiwa komkhakha Owodwa Wokuphathwa Kukahulumeni futhi kuqaliswe nezinguquko zenqubomgomo ezishiwo oHlelweni Lukazwelonke Lokuthuthukiswa Kwezwe ukuze kwakhiwe umkhakha womsebenzi kahulumeni osebenza ngobunyoninco nangobungoti.
6.4. Uhlelo lokwakhiwa komkhakha Owodwa Wokuphathwa Kukahulumeni lusekelwe phezu komgomo wokuqinisekisa ukuhlinzekwa kwezidingo-ngqangi ngendlela efanele, futhi okuyizidingo-ngqangi ezisezingeni eliphezulu, ezihlinzekwa ngokubambisana kanye nokuphendula ngendlela efanelekile.

7. Inqubomgomo Yokuphathwa Kwesimo-bunjalo Somuntu Esisemthethweni

7.1. IKhabhinethi likugunyazile ukukhishwa kweNqubomgomo Yokuphathwa Kwesimo-bunjalo Somuntu Esisemthethweni ukuze umphakathi uphawule ngayo. Inqubomgomo iphakamisa izinququko eziningana, kubandakanya nokuchitshiyelwa koMthetho Wesimo-bunjalo Somuntu Nokuzazisa, i-Identification Act, wonyaka we-1997 (uMthetho wama-68 wonyaka we-1997) kanye noMthetho Wokuguqulwa Kwencazelo Yobulili kanye Nesimo Sobulili, uMthetho wama-40 wonyaka wezi-2003) ngenhloso yokuhambelanisa le mithetho noMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wonyaka we-1996 kanye noMthetho Wokuvikelwa Kwemininingwane Yomuntu, wonyaka wezi-2013 (uMthetho wesi-4 wonyaka wezi-2013).
7.2. Inqubomgomo iphakamisa futhi nokudidiyelwa kweRejista Kazwelonke Yabantu Bonke Abakhona Ezweni ukuze kuvunyelwe ukuboniswa nokuvezwa kwesimo-mbono esisodwa somuntu futhi izicibunjalo zakhe ezikhethekile zitholakale nakwezinye izinhlelo zokuphathwa kwesimo-bunjalo somuntu zikahulumeni kanye nezomkhakha ozimele. Inqubomgomo izodidiyela izinhlelo ezikhona njengamanje noHlelo Lukazwelonke Lokuveza Nokubonisa Isimo-bunjalo Somuntu olusebenzisa izici-bunjalo zomzimba wakhe ezimenza ahluke kwabanye abantu (amabhayomethriki). Irejista entsha yabantu bonke abakhona ezweni ehlongozwayo izoba yisisekelo sohlelo olusemthethweni lokuvezwa nokuboniswa kwesimo-bunjalo somuntu kusetshenziswa ubuchwepheshe be-inthanethi, nokuwuhlelo oluzoba ngumgogodla wezinhlelo-kusebenza zombuso nezomkhakha ozimele zobuchwepheshe besimanje. 

8. Isivumelwano soMthetho Wokuzibandakanya Kwezwe kwi-AU ngokusemthethweni (Constitutive Act) Ophathelene nePhalamende Lamazwe ase-Afrika (i-PAP)

8.1. IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa ku-PAP kweSivumelwano soMthetho Wokuzibandakanya Kwezwe kwi-AU ngokusemthethweni ukuze samukelwe futhi siqinisekiswe. Ukuze kuqaliswe ukusebenza kwalesi sivumelwano, imibuso engamalungu kumele isamukele ngokusemthethweni ngokulandela inqubo yamaphalamende ayo. INingizimu Afrika iyona esingethe i-PAP, ewuhlaka lokushaywa kwemithetho lwe-AU.

C. Imithethosivivinywa

1. Umthethosivivinywa Wokuchibiyela Umthetho Kazwelonke Wezamabhizinisi Amancane (i-NSEA) wezi-2020

1.1. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kwe-NSEA ukuze umphakathi uphawule ngayo, okungumthethosivivinywa okuhloswe ngawo ukuchibiyela uMthetho Kazwelonke Wezamabhizinisi Amancane, wonyaka we-1996 (uMthetho we-102 wonyaka we-1996). Izichibiyelo zihlinzekela ukusungulwa kweHhovisi LoMlamuli Wemibango Yezamabhizinisi Amancane futhi zichitha ukuhlinzekelwa kokusungulwa kweSigungu Sokweluleka.
1.2. UMthethosivivinywa welula ukufinyelela kwamabhizinisi amancane kubulungiswa ngokusebenzisa uMlamuli Wemibango, okuwuyena ozothweswa umsebenzi wokucubungula nokuxazulula izikhalazo ezifakwe ngamabhizinisi amancane.
1.3. Ukuqaliswa kokusebenza kwezichibiyelo kuzoletha uzinzo olukhudlwana kulo mkhakha futhi kuthuthukise amathuba ezomnotho ngokwakhiwa kwamathuba omsebenzi ngamabhizinisi asafufusa.

2. Umthethosivivinywa Wokuchibiyela uPhiko Lukazwelonke Lwezokuthuthukiswa Kwentsha (i-NYDA)

2.1. IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela uPhiko Lukazwelonke Lwezokuthuthukiswa Kwentsha ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lezi zichibiyelo zithuthukisa ukusebenza kahle kwe-NYDA ekweluleni ukufinyelela kwayo kubantu abasha kanye nokukhulisa ukusabela kwayo ekubhekeleleni izidingo zabo.
2.2. Inani labantu abasha cishe liyingxenye yokuthathu eshumini esibalweni sabantu baseNingizimu Afrika uma sebebonke futhi ukuqaliswa kwalo Mthethosivivinywa kuzolekelela kakhulu ekwakheni ithimba labasebenzi abanamakhono amakhulu kuleli futhi kulekelele ekukhuliseni ukwesekwa kokusungulwa kwamabhizinisi. Lokhu kuzofaka isandla ekuxazululweni kwezinselele zentuthuko ezintathu, okuwububha, ukungalingani kanye nokuntuleka kwamathuba omsebenzi.

D. Imicimbi Ezayo

1. Izinsuku eziyi-16 Zokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF)

1.1. IKhabhinethi lisigunyazile isiqubulo somkhankaso weziNsuku eziyi-16 Zokulwisana ne-GBVF esithi: “Ubulungiswa Bezomnotho Obuqondiswe Kwabesifazane okuhloswe ngabo ukuqinisekisa iNingizimu Afrika engenalo udlame futhi engenakho ukucwasana ngokobulili”, okuwuvuthondaba lomkhankaso weziNsuku ezingama-365 Wokulwisana ne-GBVF. Ngenxa yemithethonqubo yeSimo Senhlekelele Sikazwelonke enqabela ukubanjwa kwemibuthano emikhulu, uMongameli Ramaphosa uzowethula ngohlelo-xhumano lwe-inthanethi lo mkhankaso ngoLwesithathu, mhla zingama-25 kuLwezi 2020. Uhlelo Lokusebenza Lokubhekana Nesimo Esiphuthumayo lokulwisana ne-GBVF olwagunyazwa ngonyaka wezi-2019 luqalile ukusebenza ukuze kwesekwe izisulu; kuthuthukiswe imikhankaso yokuqwashiswa kwabantu nokuvinjelwa kwe-GBVF; kuthuthukiswe imithetho nezinqubomgomo; kugqugquzelwe ukufukulwa nokuthuthukiswa kwabesifazane kwezomnotho, futhi kuqiniswe nohlelo lwezobulungiswa nokulwisana nobugebengu.
1.2. Uhlelo Lwamasu Lukazwelonke (i-NSP) olwamukelwe ngokusemthethweni, olwafinyelela kuMongameli Ramaphosa ngasekuqaleni kwalo nyaka, luqhubekisela phambili izinyathelo zokubhekana nesimo esiphuthumayo ezaqalwa ngonyaka wezi-2019. IKomidi loNgqongqoshe Abahlukahlukene eliqondene ne-GBVF eliholwa nguNgqongqoshe weHhovisi likaMongameli ophathiswe Ezabesifazane, Ezezingane Nezabantu Abaphila nokukhubazeka, uNks Maite Nkoana-Mashabane, liyaqhubeka nokwengamela umsebenzi wokuqinisekisa ukusetshenziswa kwezinhlelo ze-NSP.

2. Usuku Lwengculazi Lomhlaba Wonke – 1 Zibandlela 2020

2.1. Isiqubulo soSuku Lwengculazi Lomhlaba Wonke, mhla lu-1 kuZibandlela 2020, esithi: “Sisonke kulokhu, Cheka Impilo!” sigcizelela isibopho somuntu ngamunye sokuqinisekisa ukuthi impumelelo eseyenziwe kuze kube manje ekubhekaneni nobhubhane lwesandulelangculazi (i-HIV) nesifo sofuba (i-TB) ayipheleli emoyeni okwezithukuthuku zenja.
2.2. INingizimu Afrika inabantu abaningi kunawo wonke amanye amazwe emhlabeni abane-HIV, njengoba beyizigidi eziyi-7.7 abantu abaphila ne-HIV kuleli, futhi eNingizimu ne-Afrika ingxenye yokuthathu eshumini yabo bonke abantu abathelelekayo nsuku zonke ikuleli lizwe laseNingizimu Afrika. Manje sebebaningi abantu abahlolelwa i-HIV. INingizimu Afrika inohlelo olukhulukazi emhlabeni wonke jikelele lokwelashwa kwabantu ngemishanguzo. Iyizwe lokuqala esifundeni se-Afrika esiseningizimu yogwadule i-Sahara elilugunyaze ngokuphelele uhlelo lokugomela i-HIV ngemishanguzo esetshenziswa ngabantu abangakatheleleki ngegciwane i-Pre-exposure Prophylaxis, okuyimishanguzo manje ehlinzekwa kulabo abasengcupheni enkulu yokutheleleka.
2.3. IKhabhinethi liyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba balandele izinyathelo ezintathu ze-Cheka Impilo: Esokuqala, thola ukuxilongwa kwesimo sempilo yakho, hlolelwa i-HIV ne-TB mahhala kunoma yimuphi umtholampilo oseduze nawe. Esesibili, thatha izinyathelo ezifanelekile uma usuyitholile imiphumela yokuhlolwa kwakho, qala ukwelashwa ngokushesha noma uqhubeke nokusebenzisa imithi owelashwa ngayo. Esokugcina, phila ngobuhlakani, nakekela impilo yakho ngokugwema ukubhabhalala kanye nokuya ocansini ngendlela enobungozi, gwema ukuziphatha okubeka impilo yakho engcupheni, futhi uqikelele ukuthi udla ukudla okunempilo nomsoco.

3. Ingqungquthela Yabaholi Bamazwe ayingxenye yeqembu Lamazwe angama-20 (i-G20)

3.1. UMongameli Ramaphosa uzohola ithimba laseNingizimu Afrika elizobamba iqhaza eNgqungqutheleni Yabaholi Bamazwe e-G20 ezobanjwa ngohlelo-xhumano lwe-inthanethi ngoMgqibelo mhla zingama-21 kuLwezi kanye nangeSonto mhla zingama-22 kuLwezi.
3.2. INgqungquthela Yabaholi Bamazwe e-G20 izosingathwa yi-Saudi Arabia futhi izogxila ekuqiniseni ubambiswano lwamazwe omhlaba ngaphansi kwesiqubulo esithi “Sifezekisa Amathuba Ekhulunyaka lama-21 ukuze Kuhlomule Abantu Bonke”. Le ngqungquthela kuhloswe ngayo ukuhola imizamo yamazwe omhlaba yokuthuthukisa izinyathelo ezinohlonze futhi ezihambelanayo zomhlaba wonke zokulwisana nobhubhane lwe-COVID-19, kuvikelwe umnotho womhlaba futhi kuthuthukiswe ukubambisana kwamazwe omhlaba.
3.3. Izingxoxo zizogxila ekuhlomiseni nokuthuthukisa abantu, ukuvikela umhlaba kanye nokuxazulula izinselele zamazwe omhlaba ngokuthi kuqhanyukwe nezisombululo ezihlomulisa isintu sonke.

A. Imiyalezo

1. Ukuhalalisa

  • IKhabhinethi liyabahalalisela futhi libafisela okuhle kodwa laba:
  • UMongameli Ramaphosa osukwini lwakhe lokuzalwa lapho ebegubha khona iminyaka engama-68 azalwa, ngoLwesibili mhla ziyi-17 kuLwezi 2020.
  • UMongameli Alassane Ouattara kanye nabantu base-Cote d’Ivoire ngokubamba kwabo ukhetho olube yimpumelelo.
  • Lowo ozothatha izintambo zokuba nguMongameli waseMelika (i-USA) u-Joseph R. Biden, kanye nabantu base-USA, kulandela ukubanjwa kokhetho olube yimpumelelo.
  • U-Master KG ngokunqoba kwakhe iNdondo Yomculi wase-Afrika Ovelele emcimbini we-MTV EMA kulandela inoni lengoma yakhe i-Jerusalema okucula phambili kuyona uNomcebo Zikode, okuyingoma ebe ngenye yezingoma ezishisa izikhotha emhlabeni wonke jikelele.
  • I-Banyana Banyana enqobe isicoco sayo sesine kulandelana, seNdebe Yomqhudelwano Wabesifazane we-COSAFA ngokubhaxabula i-Botswana ngamagoli amabili kwelilodwa.
  • I-Bafana Bafana enqobe imidlalo yayo emibili lapho ibidlana khona imilala ne-Sao Tome and Principe futhi ngalokho yazibeka ethubeni elihle lokungena ohlwini lwamazwe azoba yingxenye yomqhudelwano weNdebe Yamazwe ase-Afrika wonyaka wezi-2022.

2. Amazwi enduduzo

  • IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo:
  • kubantu base-Ghana kanye nomndeni nabangani bakaMongameli waphambilini wase-Ghana u-Jerry Rawlings.
  • emndenini, abangani kanye nozakwabo bakaMcwaningi-mabhuku Omkhulu uMnu Kimi Makwetu obekungasensuku zatshwala aphume esikhundleni sakhe, olisebenzele kahle kakhulu izwe lethu futhi ofake isandla  ekuletheni usiko-mpilo lokuphendula ngendlela efanele maqondana nokusetshenziswa kwezinsiza nezimali zombuso.  Ukudlula emhlabeni kukaMnu Makwetu kusho ukulahlekelwa okukhulu emsebenzini wokucwaningwa kwamabhuku kanye nasemsebenzini oqhubekayo wokwakha uhulumeni ophendulayo. IKhabhinethi lizwakalise ukuziqhenya kwalo ngokuthi uMnu Makwetu ubekhethwe ngaphandle kokubangisana nomunye umuntu ukuthi abe yingxenye yeKomidi Elizimele Lokweluleka Kwezokucwaningwa Kwamabhuku leNhlangano Yezizwe, okungumsebenzi okungangabazeki nakancane ukuthi ubezowenza ngobuchule nobungoti obukhulu. 
  • kuhulumeni nabantu base-Palestine kulandela ukudlula emhlabeni kukaDkt Saeb Erekat. UDkt Erekat ubenguNobhala-Jikelele weKomidi Lesigungu Seziphathimandla le-Palestine Liberation Organisation, eyilungu leKomidi Elikhulu le-Fatah futhi eyisifundiswa esiqavile, wabe engumholi wezingxoxo zoxolo kwelase-Palestine futhi engumngani omkhulu weNingizimu Afrika. 

E. Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1. Isigungu Esilawulayo seKhomishana Yokubuyisana, Ukuxazulula Nokwahlulela (i-CCMA):

a. UMnu Enos Ngutshane (uSihlalo);
b. UMnu Siobhan Leyden;
c. UMnu Kaizer Moyane;
d. UMnu Sifiso Lukhele;
e. UNks Riefdah Ajam;
f. UMnu Narius Moloto;
g. UMnu Bheki Ntshalintshali;
h. UMnu Thembinkosi Mkalipi;
i. UNks Thabitha Constance Mametja; kanye no
j. Nks Tshepo Mahlaela.

2. Amalungu angekho ezingeni lokuphatha eBhodi labaQondisi be-Armaments Corporation of South Africa:

a. Inxusa u-Jeanette Thokozile Ndhlovu (oqokwe kabusha);
b. Dkt Reginald Cassius Lubisi;
c. Dkt Phillip David Dexter;
d. UNks Refilwe Matenche;
e. Maj Gen (osewathatha umhlalaphansi) Lungile Christian Pepani;
f. UNks Fundiswa Skweyiya-Gushu;
g. UMnu Timothy Mandla Sukazi; kanye no
h. Nks Peta Nonceba Mashinini.

3. Ihlandla lesi-6 lokuphatha loMkhandlu we-Engineering Council of South Africa:

1. UNks Refilwe Buthelezi;
2. UNks Prudence Madiba;
3. UNks Tshwaraganang Ramagofu;
4. UMnu John Daniels;
5. UMnu Mashao Lawrence Lebea;
6. UMnu Kasango Nyembwe;
7. UMnu Simphiwe Nathaniel Zimu;
8. UMnu Thembinkosi Cedric Madikane;
9. UMnu Sipo Mkhize;
10. UNks Nirvanna Rampersad;
11. UNks Liezl Smith Smith;
12. UNks Refilwe Lesufi;
13. UNks Sarah Skorpen;
14. UNks Abimbola Olukunle;
15. UMnu Sandiswa Jekwa;
16. UNks Linda Njomane;
17. UMnu Mpho Ramuhulu;
18. UNks Philile Precious Mdletshe;
19. UMnu Lesetja Boshomane;
20. UNks Amelia Mtshali;
21. UMnu Thulebona Memela;
22. UNks Simangele Mngomezulu;
23. UNks Otilia Mthethwa;
24. UMnu Thembinkosi Gamedze;
25. UNks Phumza Zweni;
26. UMnu Bhekinkosi Williamson Mvovo;
27. UNks Patronella Fikile Sibiya;
28. UNks Cingisa Mbola;
29. UNks Thulisile Mwelase;
30. UMnu Kemraj Ramgobind Ojageer;
31. UMnu Enson Muranganwa Mangwengwende;
32. UNks Thandeka Chili;
33. UMnu Sifiso Keswa;
34. UNks Sejako Morejwane;
35. UNks Nirasha Sampson;
36. UNks Sewela Mutileni;
37. UNks Nokhana Moerane;
38. UMnu Mamadi Isau Mailula;
39. UNks Natalie Skeepers;
40. UMnu Matome Edmund Modipa;
41. UDkt Reginald Sethole Legoabe.
42. UMnu Carlo Van Zyl;
43. UMnu Ranthekeng Moloisane;
44. UMnu Njabulo Nhleko;
45. UNks Elizabeth Theron;
46. UMnu Arnold Heinz Sommer;
47. UNks Rachel Ledwaba;
48. UMnu Nic Smit; kanye no
49. Mnu Sekete Zachia David Botsane;

4. IKhomishana Yezokuqasha Ngokulingana

a. UNks Tabea Kabinde  (uSihlalo);
b. UMnu Bhabhali kaMaPhikela Nhlapho;
c. UNks Lebogang Mulaisi;
d. UMnu Puleng Tsebe;
e. UMnu Mpho Vuma;
f. UNks Thembi Chagonda;
g. UNks Zinzisa Pearl Mgobondela;
h. UNks Stieneke Jensma; kanye no
i. Nks Dineo Mmako.

5. UMnu Mashwahle Joseph Diphofa – Owelulelwe inkontileka yakhe yeminyaka emihlanu njengoMqondisi-Jikelele (u-DG) woMnyango Wezindaba Zendabuko.

6. UDkt Phil Mjwara – Owelulelwe inkontileka yakhe yeminyaka emibili njengo-DG woMnyango Wezesayensi Nokusungulwa Kwezinto.

7. UDkt Duncan Ettienne Pieterse – oqashwe njengePhini lika-DG (u-DDG): Wezenqubomgomo Yezomnotho, eMnyangweni kaMgcinimafa Kazwelonke.

8. UDkt Thuli Nomsa Khumalo – oqashwe njengo-DDG: Wezokuphathwa Kwezinganhle Lomoya Nokuguquguquka Kwesimo Sezulu, eMnyangweni Wezemvelo, Ezamahlathi kanye Nezokudoba.

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uMkhulumeli weKhabhinethi

Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore