Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangoLwesibili, mhla lu-1 Ncwaba 2017

IKhabhinethi ihlangane eSefako M Makgatho Presidential Guesthouse ePitoli ngoLwesibili, mhla lu-1 Ncwaba 2017.

1. Izinqumo Zekhabhinethi

1.1. INingizimu Afrika ibungaza Inyanga Yabesifazane ngoNcwaba, njengendlela yokuhlonipha abesifazane abangaphezu kwezi-20 000 abamashela e-Union Buildings ngomhla ziyi-9 Ncwaba 1956 bemashela ukulwisana nokudluliselwa kwemithetho yamapasi kwabesifazane.

Imigubho yoSuku Lwabesifazane Lukazwelonke izobanjelwa eGaleshewe Stadium, eKimberley eNyakatho Kapa. IKhabhinethi igunyaze indikimba yemigubho yalo nyaka njengethi “Unyaka ka-OR Tambo: Abantu besifazane babumbene ukuqhubela iNingizimu Afrika phambili.” IKhabhinethi inxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuba basebenzise inyanga kaNcwaba ukubungaza indima edlalwa ngabantu besifazane ezweni lakithi.

1.2. IKhabhinethi ithiwe fahla fahla maqondana nohlelo lweminyaka emithathu oluzokhishwa yiNhlangano Yokuvuselelwa Kwezimilo (i-MRM). I-MRM inikezwe igunya lokugqugquzela, ukukhuthaza kanye nokudidiyela uhlelo oluhlose ukubuyisa isimilo esiqotho sabantu bakithi. Le nhlangano ihlose ukuvuselela umoya woBuntu isebenzisa imithombo nosizo lukahulumeni kanye nolwezinhlangano zomphakathi.

IKhabhinethi igunyaze uhlelo lokusebenza lweminyaka emithathu lwe-MRM kanye nendlela yokusebenza ehlukaniswe ngezigaba yokugxilisa uhlelo lokuvuselelwa kwezimilo ngaphakathi kuhulumeni.

1.3. IKhabhinethi igunyazile ukuthi iNingizimu Afrika ingenelele ukusingatha iNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo yowezi-2023 (i-RWC). Lokhu kuzophinda kunikeze iNingizimu Afrika elinye ithuba lokubukisa ngezwe lethu emhlabeni wonke.

INingizimu Afrika ike yasingatha imicimbi esezingeni lomhlaba ngaphambilini enjengama-All Africa Games, iNdebe Yomhlaba Yekhilikithi, iNdebe Yomhlaba ye-FIFA yowezi-2010 kanye nezingqungquthela zamazwe omhlaba eziningi.

Njengezwe sifunde okuningi kule micimbi edlule ikakhulukazi ukweqa esilinganisweni kwezindleko kanye nezivumelwano ezenziwa ngasese ezasibekela unyaka wezi-2010.

Ngenxa yalokhu, uhulumeni wenqaba ukuzibophezela ukuthi uzokuzikhokhela zonke izindleko yize zeqile esilinganisweni esibekiwe nokwaholela ekutheni iNingizimu Afrika ihoxise umkhankaso wayo wokungenela ukusingatha imidlalo yama-Commonwealth Games.

IKhabhinethi ichazeliwe maqondana nongqimphothwe abashaywa emicimbini efuze lena. INingizimu Afrika ivele isinayo ingqalasizinda edingekayo kakade ukusingatha lo mqhudelwano ngakho-ke akuzodingeka ukuba ibeke eceleni izimali zokwakhiwa kwezingqalasizinda. Ezemidlalo zithathwa njengenye yezinto ezigqugquzela kakhulu ubumbano lwesizwe kanti-ke izinhlelo zemidlalo yebhola lombhoxo zizothuthukisa ukubumbana komphakathi.

Izinhlelo ezizosatshalaliswa ezweni lonkana ukwendlalela unyaka wezi-2023 zizoshiya ifa laphakade ekuthuthukisweni kwebhola lombhoxo emiphakathini eyayincishwe amathuba ngaphambilini.

IKhabhinethi igunyaze isiphakamiso esiphelele esihlongozwayo salo mqhudelwano esibhekelela kakhulu ezomnotho esizonciphisa ukufunwa kwezimali esikhwameni sezimali sigqugquzele amathuba omsebenzi kanye nokusimamiswa kwabantu.

Lo mqhudelwano uzoba negalelo ekufukulweni komnotho wethu ngokweseka izinto eziseqhulwini zikahulumeni, ikakhulukazi njengoba uhlobene nokuthengwa ngokukhethekile kwezimpahla nezinsizakalo ebantwini ababencishwe amathuba ngaphambilini kanye nokubanjelelwa kuMqulu Wokuguqulwa Kwezemidlalo kanjalo nokwabelana ngenzalo eyenziwe.

Lo mcimbi uzophinda ufukule umkhakha wethu wezokuvakasha kanye nokunakekelwa kwezivakashi.

IKhabhinethi igunyaze ukusungulwa kweKomidi loNgqongqoshe Abahlukene (i-IMC) maqondana ne-WRC yowezi-2023. I-IMC izoqondisa inqubo yokungenela ukusingatha i-RWC yowezi-2023 futhi iqinisekise ukuthi izwe liyahlomula ngokomnotho kulo mcimbi. UNgqongqoshe Wezemidlalo kanye Nokungcebeleka, uMnu Thulas Nxesi, uzobamba isithangami sabezindaba esihlukile lapho ezodingida kabanzi ngohlelo lokungenela ukusingatha.

1.4. IKhabhinethi igunyaze Uhlaka lweNqubomgomo yeMisebenzi Yobuciko (i-IP) yaseNingizimu Afrika – Isigaba I (2017) ukuze lushicilelwe kuSomqulu Kahulumeni ukuze kutholakale imibono yomphakathi.

Lokhu kuphendula ekhweleni loHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP) lokugcizelela kakhulu ekuqanjweni kwezinto ezintsha, ukwenziwa komkhiqizo okwenziwe ngcono, ukulandelelwa okuqinile komnotho onolwazi, kanye nokusetshenziswa kangcono kwemihlomulo eqhathanisekayo kanye neqhudelanayo.

Inqubomgomo ye-IP iyinqubomgomo esemqoka ekukhuthazeni ukuqanjwa kwezinto ezintsha, ukudluliselwa phambili kwezobuchwepheshe, ucwaningo kanye nokuthuthukiswa, imisebenzi yobuciko, ukuvikelwa kwabathengi, ukuthuthukiswa kwezimboni kanye nokukhuliswa komnotho kabanzi.

1.5. IKhabhinethi igunyaze Uhlaka Lweqhinga Lezinto Zokuthutha Ezingawungcolisi Umoya ukuba lushicilelwe ukuze kutholakale imibono yomphakathi. Leli qhinga lizokuba ngumgogodla wokuthuthukiswa kwenqubomgomo ngaphakathi emkhakheni wezokuthutha mayelana nokwehliswa kwezintuthu ezingcolisa umoya (i-GHG.

Inhloso yaleli qhinga ukunciphisa umthelela omubi wezinto zokuthutha kwezemvelo ngenkathi libhekana nezimfuno zamanje kanye nezakusasa zezinto zokuthutha ngokugxila emigomweni eqinile yezokuthuthukiswa.

Izinhlelo zezinto zokuthutha zakha umgogodla wemisebenzi yezenhlalo-mnotho yaseNingizimu Afrika ngokuvumela ukuhamba kwabantu kanye nezimpahla. Nakuba kunjalo, izintuthu eziphuma emkhakheni wezokuthutha zimele u-10.8% wesamba sezintuthu ezingcolisa umoya ezweni lonke, nalapho izimoto zikhipha u-91.2% walezi zintuthu ze-GHG. INingizimu Afrika isifunge yagomela ukwehlisa izintuthu ze-GHG ngama-34% ngonyaka wezi-2020 kanye nangama-42% ngonyaka wezi-2025.

1.6. IKhabhinethi ikugunyazile ukuthi Umnyango Wezasekhaya uvule kabusha uhlelo lokufakwa kabusha kwezicelo zabanikazi Bemvume Ekhethekile yaseZimbabwe abakhona njengamanje, ngaphansi kwemibandela ethile. Isibonelelo Esikhethekile sokuqala sabantu baseZimbabwe sagunyazwa ngoMbasa 2009 ukuze kuqoshwe phansi abantu baseZimbabwe ababeseNingizimu Afrika ngokungemthetho. Izimvume zabo zizophelelwa yisikhathi ngoZibandlela 2017.

UNgqongqoshe Wezasekhaya, uSlz Hlengiwe Mkhize, uzobamba isithangami sabezindaba ukuze ezochaza ngemibandela kanye nohlelo okuzomele lulandelwe uma ukufakwa kabusha kwezicelo sekuvuliwe.

1.7. IKhabhinethi igunyaze amadizayini e-South African Mint Company ochungechunge lowezi-2017 lokubungaza izinhlamvu zemali eziyimibalabala: Izimbali kanye Nezinyoni Zasesiqiwini Sezemvelo sasoGwini oluseNtshonalanga Kapa. Lokhu kuyisengezelelo ezinhlamvini zemali ezizoba yisikhumbuzo kanye nalezo ezizosetshenziswa emphakathini ezizokhishwa ngowezi-2017.

2. Imithethosivivinywa

2.1. IKhabinethi igunyaze ukushicilelwa kweSichibiyelo soMthethosivivinywa Wokubhaliswa Kwamatayitele wowezi-2017 ukuze kutholakale imibono yomphakathi. Sichibiyela uMthetho Wokubhaliswa Kwamatayitele, we-1937 (uMthetho 47 we-1937), ukuze kwenziwe ngcono futhi kuthuthukiswe ukusetshenziswa kanye nokuqaliswa ukusebenza koMthetho.

UMthethosivivinywa uzophinda ugxilise futhi uthuthukise ukuphathwa kanye nokubhaliswa kwamatayitele.

3. Amazwi Enduduzo

IKhabhinethi izwakalise amazwi ayo enduduzo emindenini yabalandeli bebhola likanobhutshuzwayo ababili abalahlekelwe yizimpilo zabo ngenkathi kunokugxobana kwabantu e-FNB Stadium ngoMgqibelo, mhla zingama-29 Ntulikazi 2017. UMongameli uJacob Zuma usemise iKomidi Lophenyo elinoNgqongqoshe Abahlukene, elizoholwa nguNgqongqoshe uNxesi, ukuba liphenye ngezimo eziholele kulo mshophi.

4. Abaqashiwe

IKhabhinethi igunyaze ukuqokwa kwalaba abalandelayo kodwa ukuqokwa kwabo kuzoqinisekiswa uma sebekhombise ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi sebenikeziwe imvume efanelekile.

4.1 Mnu Lefentse Cuitzen Radikeledi uqokwe kabusha njengomuntu omele uMnyango Wezezimali Kuzwelonke eBhodini leNhlangano yaseNingizimu Afrika i-SOC Limited yoMshwalense Wesikweletu Sokuhweba Emazweni Angaphandle.
4.2 Ukwelulwa kwesikhathi sokusebenza sikaNksz Thabang Charlotte Christine Mampane njengoKhomishana weKhomishane yeLotto Kazwelonke (i-NLC).
4.3 Slz Ntshengedzeni Alfred Nevhutanda uqokwe kabusha njengoSihlalo we-NLC.
4.4 Nksz Fadila Ethne Lagadien njengelungu Lesikhungo Sokusatshalaliswa Kwezobuciko, Amasiko kanye Nezomlando Kazwelonke, Ezemvelo, Ezamasiko kanye Nezakhiwo Ezingamagugu seBhodi le-NLC.
4.5 Mnu Sunrise Vusumuzi Mkhize njengoMqondisi-Jikelele (i-DG) woMnyango Wezobuciko Namasiko. 
4.6 Nksz Thathakahle Jordan-Dyani njengePhini lika-DG: Izindaba ze-ICT Yamazwe Omhlaba kanye Nezohwebo eMnyangweni Wezengqalasizinda Yezokuxhumana Nezinsizakalo Zeposi.
4.7 Ukuqokwa kabusha kanye nokuqokwa kwabaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla zeBhodi leBhange Lokuthuthukiswa kwe-Afrika eseNingizimu iminyaka emithathu (kuze kube umhla zingama-31 Ntulikazi 2020):
4.7.1 Nksz Anuradha Sing (uqashwe kabusha);
4.7.2 Nksz Gugu Mtetwa (uqashwe kabusha);
4.7.3 Slz Mark Swilling (uqashwe kabusha);
4.7.4 Nksz Zanele Monnakgotla (uqashiwe);
4.7.5 Mnu Lufuno Motsherane (uqashiwe);
4.7.6 Nksz Bulelwa Ndamase (uqashiwe);
4.7.7 Nksz Pinkie Nqeto (uqashiwe);
4.7.8 Nksz Letlhogonolo Meko (uqashiwe); kanye no
4.7.9 Mnu Blessing Mudavanhu (uqashiwe);
4.8 Ukuqokwa kanye nokuqokwa kabusha kwabaqondisi abangeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla zeBhodi leNhlangano Yotshalomali Lomphakathi i-SOC Limited iminyaka emithathu (kuze kube umhla zingama-31 Ntulikazi 2020):
4.8.1 Dkt Xolani H Mkhwanazi (Iphini likaSihlalo) (uqashiwe);
4.8.2 Nksz Mathukana Mokoka (uqashiwe);
4.8.3 Nksz Dudu Hlatshwayo (uqashwe kabusha);
4.8.4 Nksz Sibusisiwe N Ngubane (uqashwe kabusha); kanye no
4.8.5 Dkt Trueman Goba (uqashwe kabusha).

Imibuzo:
Nksz Phumla Williams – Ibamba likaMqondisi-Jikelele (GCIS)
Inombolo kamakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore