Isitatimende somhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla ziyi-16 kuNcwaba 2017

IKhabhinethi ihlangane e-Union Buildings ePitoli.

1. Izindaba Ezisematheni

1.1. Njengoba sibungaza iNyanga Yabesifazane, iKhabhinethi ifisela uNks Getrude Shope okuhle nokumhlophe osukwini lwakhe lokuzalwa lwama-92.

UMmaShope, njengoba edume ngalelo, uyingqalabutho yomzabalazo wenkululeko kanye nokukhululwa emaketangweni engcindezelo kwabantu besifazane ikakhulukazi. Wahlonywa uphaphe legwalagwala elibizwa ngokuthi Isithwalandwe/Seaparankwe, okungumklomelo wokuhlonishwa ophezulu kakhulu oklonyeliswa nguMbutho kaKhongolose (i-African National Congress) kulabo bantu ababe negalelo eliyingqayizivele futhi badela okuningi emzabalazweni wenkululeko.

IKhabhinethi iphinde yadlulisela izilokotho zayo ezinhle kuNks Zondeni Veronica Sobukwe osukwini lwakhe lokuzalwa lwama-90. INingizimu Afrika iyizwe elingcono namuhla ngenxa yokuzidela okwenziwa abantu besifazane bohlobo lwakhe.

Njengoba izwe libungaza iNyanga Yabesifazane ngaphansi kwendikimba ethi “Unyaka ka-OR Tambo: Abantu besifazane babumbene ukuqhubela iNingizimu Afrika phambili”, iKhabhinethi ihlanganyela kanye nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ekuhlonipheni abantu besifazane ababa nesibindi bamashela e-Union Buildings ngowe-1956 ukuyobhikishela imithetho yamapasi.

Egameni lesitatimende sika-OR Tambo esithi ‘Izimbali Zomzabalazo’, sibungaza futhi sihloniphe iqhaza labantu besifazane njengezindabulabuhlanga zombutho wabantu besifazane kuleli lizwe, sivume ukuthi uma unika umuntu wesifazane amandla, unika isizwe uqobo amandla.

Njengezwe sesizuze okuningi emkhakheni wokufukulwa kwabantu besifazane. Ngaphambi kowe-1994 iPhalamende lalinabantu besifazane abayi-2,7%, kanti ngemuva kokhetho lokuqala lwentando yeningi labantu, isibalo sabantu besifazane eSigungwini Sikazwelonke sasime kuma-27,7%. Ngowe-1999 leso sibalo sakhuphukela ku-30% sabe sesidlulela ku-32,7% ngowezi-2004. Ngemuva kokhetho lukazwelonke isibalo sabantu besifazane safinyelela kuma-42%. ONgqongqoshe besifazane manje sebenza u-43% weKhabhinethi.

Sinabantu besifazane abaningi ezikhundleni zobuholi kanti futhi izinhlaka zikahulumeni zikhona ukwenza ngcono izinga labantu besifazane. Njengamanje sesineHhovisi likaNgqongqoshe Wabantu Besifazane eHhovisi likaMongameli.

1.2. Abantu baseNingizimu Afrika ezweni lonkana basebenze kahle kakhulu ukubamba iqhaza kulo mbungazo. Izinqubomgomo zikahulumeni zenqubekelaphambili ziyaqhubeka nokubeka eqhulwini ukunikezwa kwabantu besifazane amandla, ikakhulukazi labo abahlala ezindaweni ezisemakhaya, okuyibona ababhekana nobunzima bobuphofu ezinhlamvini zamehlo.

1.3. Njengoba sibungaza inqubekelaphambili esesiyenzile ekuhlanguleni abantu besifazane emaketangweni engcindezelo, iKhabhinethi ikhumbuza abantu bakuleli lizwe ngesinye sezishoshovu zabantu besifazane ezalwisana nobandlululo esabulawa mhla ziyi-17 kuNcwaba 1982. URuth First wabulawa ngesihluku ngencwadi eyayinebhomu eyathunyelwa kuyena eMozambique. Wakhokha umhlabelo wokugcina wokuzidela embhidlangweni wakhe wokuzikhandla ukulwela inkululeko yabantu baseNingizimu Afrika.

Udlame olugxiliswe obulilini obuthile

1.4. IKhabhinethi isizwakalise ilaka layo nayo ekugxekweni kwevidiyo ekhombisa intombazane yesikole ihlaselwa umfundi wesilisa esikoleni esiKwaZulu-Natali futhi iyakwamukela ukuboshwa komsolwa. Ukubulawa kwakamuva kukathisha wesikole phambi kwabafundi bakhe kusikhumbuza izingqinamba esisabhekene nazo zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

1.5. Umonakalo kanye nezingozi zokuba semandleni kwabantu besilisa okuholela odlameni olubhekiswe kubantu besifazane kanye nezingane kumele kulwiswane nakho yithina sonke njengomphakathi. Izikhungo zengalo yomthetho kanye nohlelo lezobulungiswa bobugebengu kumele zibhekane ngqo nababhebhezeli bodlame.

Ingqungquthela ye-SADC

1.6. INingizimu Afrika, njengosihlalo ongenayo Wenhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC), isingethe Ingqungquthela ye-SADC yama-37 Ejwayelekile yeziNhloko Zemibuso kanye Nohulumeni kusukela mhla ziyi-9 kuya mhla zingama-20 kuNcwaba 2017 ngaphansi kwendikimba ethi: “Sisebenzisana noMkhakha Ozimele Ekuthuthukiseni Imboni kanye Nochungechunge Lokuthengwa Kwempahla Lwesifunda”.

INingizimu Afrika izosebenzisa isikhundla sayo ukuthuthukisa ngobuqhinga izimfuno zikazwelonke zezwe njengoba zibaluliwe oHlelweni Lokuthuthukiswa Kwezwe (i-NDP), izogqugquzela ukwenziwa kwezimboni zesifunda kanye nezezwekazi kanye nokuhlanganiswa kwazo ukusimamisa ukuqaliswa ukusebenza kwe-Ajenda ye-Afrika yowezi-2063 Yenhlangano Yamazwe Ase-Afrika (i-AU).

I-Ajenda yowezi-2063 iwuhlaka lokusebenza lobuqhinga lokuguqulwa kwesimo senhlalo-mnotho sezwekazi eminyakeni engama-50 ezayo. Yakhela futhi ifune ukudlondlobalisa ukuqaliswa ukusebenza kwezinhlelo zesimanjemanje ezidlulile nezikhona njengamanje zezwekazi zokukhula komnotho kanye nokuthuthuka okuqinile.

Imikhakha emithathu enamandla okukhulisa umnotho, okuyimisebenzi yokulungiswa kwemikhiqizo yezolimo, ukuhlomulisana kwezezimbiwa-phansi kanye nochungechunge lokuthengwa kwempahla kusukwa emazingeni aphansi.

Ingqungquthela izophinda ihalalisele uMongameli osephuma uJosé Eduardo dos Santos wase-Angola, ozokwehla esihlalweni ngemuva kweminyaka engama-37 njengoMongameli kanye nokuhola izwe lakhe alikhiphe empini yombango wasekhaya ebisidonse undendende.

1.7. IPhini likaMongameli uRamaphosa, esikhundleni sakhe njengoMgqugquzeli we-SADC ezweni laseLesotho, naye uzokwethula umbiko eNgqungqutheleni ye-SADC Double Troika ezobanjelwa ePitoli mhla ziyi-18 kuNcwaba, nalapho uHulumeni waseLesotho kulindeleke ukuba ethule khona umkhombandlela wezinguquko.

Lokhu kulandela izingxoxo phakathi kwePhini likaMongameli kanye nohulumeni omusha, abaholi bezinhlangano eziphikisayo, ikolishi lamakhosi kanye nababambiqhaza bezinhlangano zomphakathi e-Kingdom, ukuchaba indlela yokuqaliswa ngokugcwele kwezinqumo ze-SADC maqondana nezinguquko zomkhakha wezokunikeleka kanye nezomthethosisekelo.

1.8. IKhabhinethi iyayamukela imiphumela evela ekusingatheni kukaMongameli uJacob Zuma uMongameli u-Ellen Johnson Sirleaf waseRepublic of Liberia, ngesikhathi Sokuhambela Kombuso. Womabili amazwe avumile ukubheka ekwenzeni ngcono indawo evumela ukwenziwa ngcono kwebhizinisi emazweni ethu ngokwehlukana kwawo. IKhabhinethi igqugquzela izinkampani eziningi zomkhakha ozimele ukuba zitshale izimali eLiberia.

La mazwe omabili aphinde avuma ukuphothula ukucikicwa kweSivumelwano Senkontileka yeVisa Kubantu Abanamaphasiphothi Obunxusa kanye Nasemthethweni. Aphinde avuma ukusheshisisa izingxoxo kanye nokuphothulwa kwezinye izivumelwano zokusebenzisana kwala mazwe amabili maqondana nezolimo, ezokuvakasha, ezempilo, amanzi, ugesi kanye nokuthuthwa kwemfucuza phakathi kokunye.

1.9. IKhabhinethi ihalalisela abantu baseRwanda maqondana nokubanjwa kokhetho olunokuthula elibonise ukuqokwa kabusha kukaMongameli uPaul Kagame. Ukuphothulwa kolunye ukhetho oluyimpumelelo e-Afrika kuyinkomba ecacile yokuthi ukubusa ngokwentando yeningi labantu kuyaqhubeka ezwenikazi lonkana.

1.10. IKhabhinethi nayo njenge-AU ihalalisela ilizwe laseKenya ngokubamba ukhetho oluyimpumelelo. Manje sekulele ezandleni zazo zonke izakhamuzi zaseKenya ukwamukela imiphumela yokhetho bese zisebenzela ubumbano lukazwelonke ezweni.

I-BRICS

1.11. UMongameli uZuma kuzothi namuhla, mhla ziyi-17 kuNcwaba 2017, angamele ukwethulwa ngokusemthethweni kweSikhungo Sesifunda sase-Afrika seBhange Lezentuthuko Elisha (i-NDB) leBrazil, i-Russia, i-India, i-China neNingizimu Afrika (i-BRICS) eMichelangelo Hotel, eSandton. Ukwethulwa kweSikhungo Sesifunda sase-Afrika kuzokhombisa ngezinsizakalo ezinikezelwa yi-NDB, kuqhakambise iqhaza i-NDB ezoba nalo emkhakheni wezingqalasizinda kanye nokuthuthukiswa okuqinile emazweni asafufusayo kanye nasathuthukayo.

1.12. INingizimu Afrika iphakathi kwamazwe angamalungu e-BRICS amukele uHlelo Olunamaphuzu Ayisikhombisa olugxile ekunwetshweni kokusebenzisana kwezimboni, emhlanganweni woNgqongqoshe Bezimboni be-BRICS obubanjelwe eHangzhou, eChina.

Lawa mazwe azophinda futhi asebenzisane emikhakheni enjongokuthuthukiswa kwengqalasizinda entsha yezimboni, ukuthuthukiswa kwezobuchwepheshe kanye nokuqamba izinto ezintsha, kanye namabhizinisi amancane kanye naphakathi nendawo.

1.13. ONgqongqoshe Bezokuxhumana be-BRICS nabo baphinde babamba iqhaza ezingxoxweni zokubonisana, neqembu elishicilela Isifungo soNgqongqoshe maqondana Nezobuchwepheshe Bolwazi, ukuthi amazwe angamalungu e-BRICS ezokhuphula ukusebenza ngokubambisana maqondana nokuvikeleka kolwazi, njengoba ubuchwepheshe bokuxhumana ngobuxhakaxhaka budlala indima ebaluleke kakhulu ukugqugquzela ukukhula komnotho.

1.14. IKhabhinethi ibonga uMbusi waphambilini weBhange Lombuso laseNingizimu Afrika, uMnu Tito Mboweni, ngobungoti kanye nokuzimisela kwakhe ngesikhathi seminyaka emibili asebenze njengomqondisi ongeyona ingxenye yesigungu seziphathimandla ze-BRICS NDB. Umqondisi Jikele Womnyango Wezezimali Kuzwelonke, uMnu Dondo Mogajane, usezothatha izintambo zokuphatha.

Ubumbano lomphakathi

1.15. IKhabhinethi iyazigxeka izenzo zakamuva nje zokucwasana ngokobuhlanga okwenziwe ngabanye abathile ezweni lakithi. Ukuziphatha okunjalo kuyaphikisana nezinkambiso ezinhle zamalungelo ethu angokomthethosisekelo, izibopho kanye namagugu, futhi akunandawo nje ezweni lakithi elibuswa ngentando yeningi labantu.

IKhabhinethi iyabancoma abaphathi bezinkampani ezizimele ababhekana nokucwasana ngokobuhlanga ngokuphazima kweso, bakhombise ukuthi ukucwasana ngokobuhlanga kuyisihlava esibi emphakathini, futhi kumele kuhlale kulwiswana nakho embhidlangweni wokugxilisa ubumbano lomphakathi kanye nokwelapha izinhlungu zesikhathi esidlule. 

Sonke sinejoka lokuthatha isinyathelo ngokuphazima kweso lapho ukucwasana ngokobuhlanga kanye nokubandlululana kwenzeka emiphakathini yethu esihlala kuyona. Sonke sinejoka lokwakha isizwe esisha njengoba sasicatshangwa ngemuva kokhetho lokuqala lwentando yeningi labantu.

1.16. IKhabhinethi izwakalise ukukhathazeka kwayo mayelana nesimo sokulahleka kwemisebenzi ezweni, ikakhulukazi emikhakheni wezimayini kanye nezitolo ezinkulu. Nakuba kunjalo, iyamukele imizamo eyenziwe ngumkhakha wezimayini ukubamba inkulumpendulwano okuhloswe ngayo ukusindisa imisebenzi. Ukugunyazwa kwakamuva kwesicelo seLonmin sokuthenga isabelo se-Anglo Platinum sika-42,5% kwiPandora – okuwumsebenzi ohlanganyelwe phakathi kweLonmin ne-Anglo Platinum – kwamukelekile.

Lo msebenzi ohlanganyelwe ngakolunye uhlangothi ususindise imisebenzi engaphezu kwezi-3 000 futhi uyisihlangu, ikakhulukazi esimweni sezomnotho womhlaba esikusona njengamanje. Uhulumeni usalokhu ezinikele ukusungula indawo efanelekile ukukhulisa umnotho kanye nokusungula amathuba emisebenzi.

1.17. IKhabhinethi isamukele isinqumo senkantolo esiqinisekise igunya likahulumeni lokuthatha izinqumo zenqubomgomo kanye neziqondiso ngokuchitha kanye nezindleko isicelo esifakwe yiNhlangano Yabasebenzisa Kabusha Insimbi yaseNingizimu Afrika (i-Metal Recyclers Association of South Africa). Inkantolo Yomthethosisekelo isichithile isicelo esifakwe ngabahwebi balapha ekhaya bezikelebha zensimbi sokudlulisela phambili isinqumo seNkantolo Ephakeme yaseNingizimu Afrika kanye neNkantolo Ephakeme Yokudluliswa Kwamacala.

Inkantolo iyigunyazile imihlinzeko yoMbuso yokuhwebelana ngezikelebha zensimbi eyaziwa ngokuthi amanani anconywayo ezinkampani zezikelebha zensimbi zalapha ngaphakathi, abancibikalisi bensimbi abancane kanye nabancibikalisi bensimbi abaphakathi nendawo.

Ahlinzekela inani elinesaphulelo sika-20% emananini amazwe omhlaba ngaphambi kokuba lifaneleke ukuthola imvume yokuhweba ngaphandle. Le nqubomgomo izosiza ukwenza umnotho wezwe wenze izimboni futhi usungule imisebenzi.

1.18. IKhabhinethi ikwamukele ukuzinikela kukaHulumeni waseCanada ukusebenzisana neNingizimu Afrika ekuphathweni kwemingcelele. Lokhu kuza emva kokuba uNgqongqoshe Wezasekhaya, uSlz Hlengiwe Mkhize, ehlangane nomlingani wakhe waseCanada uNgqongqoshe Wezofuduko Lwabantu, Ababaleki kanye Nezakhamuzi uMnu Ahmed Hussen kuleli sonto.

Lo mhlangano uzophinda uqinise ubudlelwano obukhona kakade phakathi kwalamazwe amabili.

2. Izinqumo zeKhabhinethi

2.1. IKhabhinethi igunyaze Iphepha Legunya Lesabelomali sowezi-2018. Lokhu kuzophinda kugqugquzele ukuqaliswa ukusebenza kwe-NDP.

Leli phepha liqinisa ukuhanjelaniswa kwesabelomali noHlaka Lokusebenza Lesikhathi Esimaphakathi (i-MTSF). Lisungula isisekelo esisebenza ngokohlelo sokukhetha phakathi kwezinto eziseqhulwini ezincintisanayo ezenziwa ngezinsizakusebenza ezincane kakhulu. UNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli, uMnu Jeff Radebe, uzobamba isithangami sabezindaba ekuhambeni kwesikhathi.

2.2. IKhabhinethi igunyaze Ukuqaliswa ukusebenza koHlelo Lwezokuvakashela Ogwini kanye Nasolwandle, olusungulwe ngaphansi kohlelo lwe-Operation Phakisa Yomnotho Wasolwandle. Lolu hlelo luzofukula ezokuvakasha emnothweni wasolwandle.

Luzokhulisa izindawo zokuvakashelwa ezisezingeni lomhlaba neziqinile ogwini kanye nasolwandle nezizokuba nefuzela elihle ezintweni ezinhle zokuqhudelana zeNingizimu Afrika kwezemvelo, amasiko kanye namagugu. UNgqongqoshe Wezokuvakasha, uNks Tokozile Xasa, uzobamba esinye isithangami sabezindaba ukuthukulula konke mayelana nalolu hlelo.

2.3. IKhabhinethi igunyaze Ukubamba iqhaza kweNingizimu Afrika Ohambweni Lwesibili Lwamazwe Omhlaba Lwasolwandle i-Indian lowezi-2017 – 2020. Ukubamba iqhaza kuzokweseka ukuba nguSihlalo kweNingizimu Afrika we-Indian Ocean Rim Association ngowezi-2017/18.

INingizimu Afrika izosebenzisa umkhumbi wayo wezokucwaninga i-SA Agulhas II ukwenza ucwaningo lwasolwandle ngenkathi iqeqesha futhi ithuthukise namakhono ezesayensi eNingizimu Afrika kanye ne-Afrika eseMpumalanga.

Ukuqokelelwa kwenqolobane yolwazi lwezemvelo oluyisisekelo lwesikhathi eside kanye nolwazi kuzobeka amazwe asathuthuka e-Indian Ocean Rim endaweni engcono ukugcina isithunzi sezilwandle zawo kanye nokuthola izindlela zokuthukulula amandla akhona kuzona ngokwehlukana omnotho wasolwandle ukwenza ngcono izimpilo zezakhamuzi zawo. 

2.4. IKhabhinethi ichazeliwe maqondana nohlelo lwesimanjemanje Lwamalebhu e-Operation Phakisa Yomnotho Wamakhemikhali kanye Nodoti, oluhlelelwe ukuqala ngoNcwaba 2017. Lokhu kwenza ingxenye yokungenelela kwezwe ukulawula izinto ezibeka engcupheni imvelo kanye nempilo yabantu okubangelwa amakhemikhali kanye nodoti. 

Luzohlinzeka ngelinye ithuba embonini yamakhemikhali yaseNingizimu Afrika

ukuba ihlonze imisebenzi yokukhiqiza ehlobene Nokukhiqizwa Kwamakhemikhali Okungawungcolisi Umoya (ukudizayinwa kwemikhiqizo yamakhemikhali kanye nezinqubo ezinciphisa noma eziqeda ukukhiqizwa kwezinto ezinobungozi).

2.5. IKhabhinethi ithiwe fahla fahla maqondana nezicelo eziningi zokunqunywa kabusha kwemingcele yesifundazwe ezivela emiphakathini esezifundazweni ezihlukahlukene. Phakathi kwezinye izindawo ezithintekile kukhona uMasipala Wasekhaya i-Elisa Motsoaledi, uMasipala Wasekhaya wase-Marblehall kanye noMasipala Wasekhaya wase-Matatiele.

Le miphakathi ibale inqwaba yezizathu zalezi zicelo, ezinjengendawo ekuyo le miphakathi kanye nokufinyelela ezinsizakalweni. Izicelo zamukelwa yiBhodi Lokuklanywa Kwemingcele kaMasipala kanye noMnyango Wokwengamela Ngokubusa.

Imingcele yesifundazwe ihlinzekelwe kuMthethosisekelo. Nanoma yikuphi ukucutshungulwa kwezicelo ezinjengalezi kumele kwenziwe ngokomthethosisekelo.

IKhabhinethi ivumile ukuthi uhlelo lokunquma kabusha imingcele, olubandakanya iMatatiele, kumele lwethulwe. Lolu hlelo lwephalamende luzobandakanya futhi ukubamba iqhaza komphakathi njengoba kudingwa nguMthethosisekelo kanye nomthetho.

3. Imicimbi ezayo

3.1. IKhabhinethi igcizelela ikhwela likaMongameli uZuma, ngokukhumbuza amalungu omphakathi ukuba aqoke abantu abavela kuyo yonke imikhakha abafanelwe ukuthola izindondo zokuhlonishwa eziphezulu kakhulu ezweni, Izindondo Zikazwelonke, ngoMbasa ngonyaka ozayo.

Lo mcimbi uhlonipha abantu baseNingizmu Afrika kanye nezicukuthwane zasemazweni angaphandle ezisebenze ngobungqaphambili emikhakheni enhlobonhlobo.

Amafomu okuqoka ayatholakala kwiwebhusayithi yeHhovisi likaMongameli (www.thepresidency.gov.za), ema-Thusong Service Centre, emahhovisi kamasipala kanye nasemahhovisi amaziko abavoti. Incazelo emfushane enikeza izizathu zokuqoka lowo muntu kumele ifakwe kanye nala mafomu. Ukungeniswa kwamagama abaqokelwe Izindondo Zikazwelonke zowezi-2018 kuzovalwa mhla zingama-31 kuNcwaba 2017.

3.2. Umnyango Wezesayensi Nobuchwepheshe uzosingatha Izindondo zowezi-2017 Zabantu Besifazane baseNingizimu Afrika Abakwezesayensi (WISA). Lezi zindondo ziqhakambisa imisebenzi eyimpumelelo yososayensi abaqavile ziphinde zibe yisithangami sokukhuthaza ososayensi besifazane ababamba iqhaza ocwaningweni.

I-WISA izosingathwa ngaphansi kwendikimba ethi: “Ukufukulwa Kwabantu Besifazane Endaweni Yomsebenzi Eguqukayo”, ehambelanayo neKhomishana Yenhlangano Yezizwe Ezihlangene maqondana nendikimba yokuseqhulwini ngeSimo sabantu besifazane yowezi-2017.

3.3. IKhabhinethi ibonga amalungu eNdlu Yesihlanu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko (i-NHTL) isikhathi sawo esesifinyelela ekupheleni. I-NHTL ingumgwamanqa owakhiwe ngabaholi bendabuko abayizithunywa ezivela ezindlini zezifundazwe zabaholi bendabuko zaseNingizimu Afrika, abamele izindlu zezifundazwe ezingeni likazwelonke.

Leli qeqebana lakhiwe ngamalungu aphumayo e-NHTL kanye namalungu abeqokwe kabusha ukusebenza enye ithemu eyodwa. Bamele ubuholi bendabuko kanye nemiphakathi yabo futhi bakhuthaza indima yobuholi bendabuko ezweni elibuswa ngokomthethosisekelo.

IKhabhinethi nayo njengoMongameli uZuma ibonga Ingonyama u-PP Maubane (uSihlalo), neNgonyama u-SE Mahlangu (Iphini likaSihlalo) kanye namalungu wonke eNdlu Yobuholi Bendabuko. IKhabhinethi yamukela ngezandla ezifudumele amalungu angenayo e-NHTL Yesithupha kanye nalawo ezindlu zezifundazwe eziyisikhombisa.

4. Imiyalezo

4.1. IKhabhinethi ihalalisela uNks Senamile Masango obe ngumuntu wesifazane wokuqala wase-Afrika ukubamba umzekeliso wokuqala oholwa ngumuntu wase-Afrika elabhorethri Yocwaningo Lwenuzi yeNhlangano yaseYurophu (i-CERN) eSwitzerland. Ubeyingxenye yeqembu labacwaningi abayizitshudeni abavela eNyuvesi yaseNtshonalanga Kapa abafunda i-isotope selenium-70 ukuze baqonde kangcono ukuthi umumo wayo ofana ne-nucleus uhlobana kanjani namazinga ayo amandla.

4.2. IKhabhinethi ihalalisela Abantu Abaphikisana Nokuhlukunyezwa Kwabantu Besifazane (i-POWA), asebesungule i-App esiza abantu abaphunyule odlameni olubhekisweni ebulilini obuthile, abasezinhlungwini noma abasalengela engozini, ukuba bathole izinsizakalo ezihlanganisiwe nezididiyelwe.

Ngenxa yokuba nentuba eyixhumanisa neSikhungo Solwazi soMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi, le -App ingakuxhumanisa nezinye izinsizakalo ezifana namaphoyisa kanye nosonhlalakahle, abangakwazi ukuhlonza indawo lapho umyalezo uqhamuka khona.

Ngokucindezela nje enkinobhweni yokwethuka kumakhalekhukhwini, isisulu sizoxhunyaniswa neSikhungo Solwazi. Lokhu kusebenzisana phakathi kukahulumeni kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni kuzosiza kakhulu kwimizamo yokulwisana nesihlava esibi sokuhlukumeza.

4.3. IKhabhinethi ihalalisela Iqembu laseNingizimu Afrika ngokuhlabana kwalo okuhlabahlosile emikhakheni yokugijima kanye neyasenkundleni Emidlalweni Yompetha Bomhlaba beNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yemibutho Yabasubathi (i-IAAF) ebibanjelwe eLondon.

UCaster Semenya uwine igolide ku-800m kanye nethusi ku-1 500m wabantu besifazane, khonamanjalo ube esephula irekhodi lakhe elihle kunawo wonke asawabekile. USemenya wenze izwe laziqhenya yize bekunezinkulumo ezingezinhle ebezikhulunywa ngaye, usalokhu eqinisele futhi ephokophele phambili. Ulandela ezinyathelweni zikaZola Budd, uNatalie du Toit, ongumsubathi okhubazekile, kanye noPenny Heyns, umbhukudi.

UWayde van Niekerk uwine igolide ku-400m wabantu besilisa kanye nesiliva ku-200m. Sibonge ngokukhethekile kumqeqeshi, uNks Anna Botha. ULuvo Manyonga uwine indondo yegolide ngomgxumo wakhe ka-8.34m kowamanqamu omgxumo omude wabantu besilisa, uRuswahl Samaai uwine ithusi emgxumweni omude wabantu besilisa, kanye no-Akani Simbine ophume endaweni yesihlanu kowamanqamu ka-100m wabantu besilisa.

Ukusebenza kwabo kukhombise ubuchule bezemidlalo besizwe sethu, okuyisigqugquzelo kanye nesikhuthazo kubona bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abasubathi abasebancane ababukela kubona.

Laba basubathi benze izwe lethu laziqhenya futhi baphatha ifulegi lethu ngamalengiso. Simema bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqhubeke nokweseka wonke amaqembu ethu esizwe, kanjalo nabadlali bethu besilisa kanye nabesimame. Bayisithombe esihle sezwe lethu elihle kakhulu, futhi asingabazi nakancane ukuthi bazogqugquzela abanye abantu abasha ukuba balandele ezinyathelweni zabo.

5. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.
5.1. Mnu AD Matseke njengoMphathi Omkhulu Oyinhloko (i-CEO) wakwa-Broadband Infraco, kusukela mhla lu-1 kuMandulo 2017 kuya mhla zingama-30 kuNcwaba 2022.
5.2. Ukwelulwa kwenkontileka yesikhathi esinqunyiwe ye-CEO yamanje yakwa-Broadband Infraco, uNks PV Kwele, ngezinyanga ezintathu, kusukela mhla lu-1 kuMandulo kuya mhla zingama-30 kuLwezi 2017.
5.3. Ukuqashwa kabusha kukaMnu Ian van Niekerk njengeSikhulu Esiyinhloko Sezezimali sakwa-Broadband Infraco.
5.4. Dkt Moshibudi Priscilla Rampedi njenge-CEO ye-South African National Biodiversity Institute.
5.5. Nks IL Mathenjwa njengePhini likaMqondisi-Jikelele (i-DDG): Ukuqapha Nokulinganisa eHhovisi leKhomishana Yemisebenzi Kahulumeni (i-OPSC).
5.6. Nks Wilhemina Reshoketswe Tshabalala njenge-DDG: Inguquko Kwezenhlalo kanye Nenguquko Kwezomnotho eMnyangweni Wabantu Besifazane.   
5.7. Mnu Matome Emmanuel Malatsi njenge-DDG: Isithunzi kanye Nokulwisana Nenkohlakalo kwi-OPSC.

Imibuzo:
Nksz Phumla Williams – Ibamba likaMqondisi-Jikelele (GCIS)
Inombolo kamakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore