Ukuhlola imbewu lapho kunesikhalazo kanye nengxabano

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo nezikhalazo ngokuhlolwa kwezinhlamvu zezitshalo

    Uma ufuna ukwenza ucwaningo nezinhlamvu zezitshalo ezingacoekile noma ezingekho ezingeni, xhumana no Mqondisi wezokuhlolwa emnyangweni wezolimo, amahlathi kanye nezezinhlanzi ukuze izinhlamvu zihlolwe.

    Umqondisi wezokuhlolwa uzocela osebenzela igumbi locwaningo ukuze kwenziwe uphenyo ngesikhalazo.

    Nanoma ngubani, ithimba, inkampani noma ngumlimi angafaka isikhalo.

    Okufanele ukwenze

    1. Xhumana Mqondisi wezokuhlolwa bese umunikeza yonke imininingwano ephathelene nesikhalazo.
    2. Gcwalisa ifomu lokufaka isikhalazo bese ulithumela ehhovisi lika Mqondisi wezokuhlolwa eliseduzane.
    3. Umqondisi wezokuhlolwa uyobe esebhala isifanekiso sezinhlamvu okukhalazwa ngazo bese ethumela izinhlamvu la kuhlolwa khona e OSTL.
    4. Uma isikhalazo sakho samukelekile, okusho ukuthi izinga lezinhlamvu aluhambisani nomthetho wokwenza ncono izitshalo ka 1976, angeke ukhokhe. Uma isikhalazo sakho singamukelekile, Uzothola isitatimende bese ukhokha inani elifanele.

    Imininingwano yasebhangi:

    Ibhange: Standard Bank
    Igama legatsha: Arcadia
    Inombolo yegatsha: 01-08-45
    Inombolo yasebhange: 011 244887
    Igama lesikhwama : NDA- Seed Testing Services

    Ungakhokha ngesimanje noma ezindaweni okukhokhwa kuzo.

    Khumbula ukufaka inombolo yesitatimende ukuze kubonakale ukuthi nguwena okhokhile.

    Khokha inani lokuhlolwa kwezinhlamvu zezitshalo ku OSTL ngesikhahlamezi noma nge meyili ukuze kudedelwe imiphumela.

    Qaphela: Uma okhalazayo isikhalazo sakhe singamukelekile, Ucubungulo lwenziwa emva kokuba kukhokhiwe.

    Isikhathi esinqunyiwe

    I OSTL ibhekelele kakhulu ukuhlolwa kwezinhlamvu okukhalwazwa ngazo. Usisindo sesikhalazo. Isisindo sesifaniso, uhlobo lohlamvu kanye nohlobo lokuhlolwa okufanele lwenziwe. Ayikho imininingwano eyokhishwa. Izimpendulo zizotholakala emnyangweni uqobo (Bheka izinombolo ezibhalilwe).

    Kubiza malini

    Imali ekhokhwayo yowezi-2024/25

    Amafomu okumele agcwaliswe

    Umqondisi obhekele ezokuhlolwa uzodlulisela amafomu uma usuxhumane naye.

    Imininingwane yokuxhumana

     

    Directorate Inspection Services

    Phindile Ngesi
    Tel: 012 319 6043
    E-mail: PhindileN@dalrrd.gov.za  

    Lazarus Rachidi
    Tel: 011 971 5136
    E-mail: LazaruR@dalrrd.gov.za  

    Physical address: Official Seed Testing Station, Directorate Plant Production,
    Plant Genetic Resources Centre, KwaMhalanga Road, Roodeplaat, Pretoria

    Postal address: Official Seed Testing Centre, Directorate Plant Production,
    Private Bag X250, Pretoria, 0001

    Share this page