Ukudweba ngenhloso yohwebo

Ngosizo | Okufanele ukwenze | Isikhathi esinqunyiwe | Kubiza malini | Amafomu okumele agcwaliswe | Imininingwane yokuxhumana

Ngosizo lokubhalisela ukudobab ngokusemthethweni

Ukukhiqiza izinhlanzi noma okuphathelene nokudoba ngokwenza ibhizinisi, kume kuqala ubenemvumo yokudoba. Ungafaka isicelo sokuthola imvumo yokudoba uma sezikhishiwe izimemo kwi Government Gazette. Isimemo sokugcina sasingo 2005 kanti esilandelayo siyoba ngo 2013
Izikhungo ezikhethiwe zigxile kwinani selilonke okuthiwa I Total Allowable Catch (TAC/E) enikezela ngemvumo yokudoba.

Uma usuthole imvumo yokudoba ngokusemthethweni, usungafaka isicelo sokudoba ngokwenza ibhizinisi kwa Department of Agriculture, Forestry, and Fisheries e Kapa.

Qhaphela: Akekho umuntu ovunyelwe ukwenza ibhizinisi ngokudoba ngaphandle kwemvumo. Ngaphezu kwemvumo yokudoba kumele uthole nemumo yokungenisa imoto ezohambisa izinhlanzi. Kumele uvuselele imvumo njalo ngonyaka. Uma uhluleka ukwenzenjalo imvume yakho inganqnyulwa noma isulwe emabhukwini.

Okufanele ukwenze

  • Uma kukhishwa isimemo kwi Government Gazette, uzokwaziswa ukuba atholakala nini amafomu okufaka izicelo.
  • Funda ngokuqondisisa futhi waneliseke ngokuthi uyayiqonda imigomo.
  • Gwalisa bese uhambisa amafomu, hambisa ifomu lesicelo semvumo yokudoba nemininingwano edingekayo ezobe ibhaliwe kusimemo kwi Gazette kahulumeni.
  • Khokha imali ebekiwe engeke ibuye lakhuthiwe kukhokhwekhona kwi gazette.

Isikhathi esinqunyiwe

Ilingelo lokudoba:
Kungathatha inyanga eyodwa kuya kwezintathu noma ngaphezulu kulele esibalweni sezicelo noma isikhathi sokudoba. Ukuhlunga kuqala emva kokuvalwa kokwamukelwa kwezicelo, isikhungo sezolimo, ezamahlathi kanye nesokudoba simemezela imiphumela.

Imvumo yokudoba:
Kungathatha izinsuku eziyisikhombisa zokusebenza noma ngaphezulu okuncike enanini lezicelo.

Kubiza malini

Inani lidalulwa ngesimemo somqulu I gazette kahulumeni.

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu okufaka isicelo atholakala esikhungweni elizomenyezelwa uma kumenywa abafuna ukubhalisela amalungelo okudoba uma ilungelo liphelelwa isikhathi lobhalwa kwi gazette. Ilungelo lokuqala lophelelwa isikhathi ngonyaka ka 2013.

 

Share this page