Isicelo sokuvuselelwa kwemvume yokuqoqa imbewu yesilisa

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Mayelana nokuvuselelwa kwemvume yokuthola isidoda sezilwane

Ngaphambi kokuhambisa isilwane osibhalisele ukuqoqa isidoda ukuya kwenye indawo , kufanele uqale ufake isicelo sokuvuselela imvume yokubhaliswa kwaso yokuqoqa isidoda.

Awudingi ukuthola igazi lalesi silwane. Awusidingi futhi isitifiketi sikadokotela wezilwane ngaphandle uma uhambisa isilwane ngenxa yesifo sezilwane esibizwa nge-foot and mouth disease endaweni lapho ugcine khona isilwane. Kodwa, kufanele uthintane noMnyango Wezolimo, Izinguquko Kwezomhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya futhi ubanikeze izizathu zokuhambisa isilwane.

Okufanele ukwenze

  1. Thintana nehhovisi ekithuthukisa izilwane loMnyango Wezolimo, Izinguquko Kwezomhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya
  2. Khokha inani elibekiwe ngesheke, nge-postal order, noma nge-money order ku-Director-General: Department of Agriculture, Land Reform and Rural Development. Uma uzihambisela wena isicelo nemali yesicelo sakho, qiniseka ukuthi uthola irisidi lokuthi ukhokhile. Uma ukhokha nge-electronic fund transfer, khokha kule mininingwane ye-akhawunti elandelayo:
    Standard Bank
    Branch: Arcadia
    Account no: 011219556
    Branch code: 000845/010845.
  3. Thola bese ugcwalisa ifomu lokufaka isicelo.
  4. Faka ubufakazi bokuthi ukhokhile kwifomu.
  5. Thumela izicelo ku:
    The Registrar of Animal Improvement
    Private Bag X138
    Pretoria
    0001.

Kuthatha isikhathi esingakanani

Kuthatha izinsuku ezingamashumi amathathu.

Kubiza malini

Imali ekhokhwayo yowezi-2018/19

Amafomu okumele agcwaliswe

Application for renewal of the approval of an animal for the collection of semen (Ukufaka isicelo sokuvuselela ukuthola isidoda sezilwane)

Imininingwane yokuxhumana

 

Directorate: Animal Production

Tel: 012 319 7424/34
Fax: 012 319 7570/7425

Physical address: Delpen Building, Cnr Annie Botha Avenue and Union Street, Riviera, Pretoria
Postal address: The Registrar of Animal Improvement, Private Bag X138, Pretoria, 0001

Share this page