Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi wangomhla wama-21 kuNhlangulana 2023

A.  Ezisematheni
1.  Izincomo zeKhomishini Yokwahlulela Ephenya Ngezinsolo Zokuthunjwa Kwamandla Ombuso, iNkohlakalo Nokukhwabanisa eMkhakheni kaHulumeni, kubandakanya neZinhlaka Zombuso.

1.1.  Namuhla, mhla wama-22 kuNhlangulana 2023, sekungunyaka selokhu uMongameli athola umbiko wokugcina weKhomishini Yokwahlulela Ephenya Ngezinsolo Zokuthunjwa Kwamandla Ombuso, iNkohlakalo Nokukhwabanisa eMkhakheni KaHulumeni, kubandakanya neZinhlaka Zombuso. 
1.2.  NgoMfumfu wezi-2022, uMongameli u-Cyril Ramaphosa wahambisa ePhalamende uhlelo lukahulumeni lokuqaliswa kwezincomo zeKhomishini. IKhabhinethi kufanele lithole umbiko ochaza ngenqubekelaphambili mayelana nokuqaliswa kwezincomo zeKhomishini.  

2.  ISivumelwano ne-France sokuthuthukisa ikhono loPhiko Olukhethekile Oluphenya Izenzo Zobugebengu (i-SIU)
2.1.  INingizimu Afrika, ngokumelwa nguNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo, uMnu Ronald Lamola kanye nezwe lase-France, yona emelwe nguNgqongqoshe wase-Europe Nezindaba Zangaphandle, uNks Catherine Colonna, basayine isivumelwano sokusebenzisana esizothuthukisa ikhono le-SIU.  
2.2.  Lokhu kusebenzisana kuphinde kucijise i-SIU ngezokuvundulula ubufakazi ngobuchwepheshe, ubugebengu obuhlobene nezezimali kanye namakhono okuhlaziya.  
2.3.  Lokhu kubambisana kuzoholela ekusungulweni kweSikhungo Esizofundisa Ngokulwa Nenkohlakalo ePitoli. Lesi sikhungo sizosiza amalungu e-SIU, amanye ama-ejensi ezomthetho nokulwa nenkohlakalo ayingxenye yamaZwe Asathuthuka aseNingizimu ye-Afrika, amazwe angozimele geqe kanye namazwe ancike kwamanye. 
2.4.  La makhono amasha azophinde aqinise ikhono lezwe lokubhekana nezinkinga ezivumbuka kwiKhomishini Ephenya Ngokuthunjwa Kwamandla Ombuso. 

3.  Ukuhanjelwa nguNgqongqoshe wase-Netherlands nowase-Denmark
3.1.  IKhabhinethi lamukele izingxoxo phakathi kukaMongameli u-Ramaphosa, uNgqonqgoshe u-Mark Rutte wase-Netherlands kanye noNgqongqoshe u-Mette Frederiksen wase-Denmark, ngesikhathi bobabili bevakashele ngokomsebenzi ePitoli kuleli viki. Lokhu kuvakasha koNgqongqoshe ngasikhathi sinye kube yingqophamlando kuleli lizwe lethu.  
3.2.  Ubudlelwane bezomnotho phakathi kwala mazwe amathathu buyizithelo zanamuhla zobudlelwane besikhathi eside phakathi kweNingizimu Afrika kanye namazwe amabili e-European Union abonise ukweseka izinyathelo zokulwela inkululeko eNingizimu Afrika kanye nokulwa nohulumeni wobandlululo. 
3.3.  Ngesikhathi salolu hambo, iNingizimu Afrika isayine iZivumelwane zokusebenzisana emkhakheni wehayidrojini ehlanzekile kanye nokusebenzisana kwezamandla nala mazwe amabili.  
3.4.  Izinkampani nezikhungo zala mazwe amathathu zenze izimemezelo zotshalomali nezokusebenzisana, kubandakanya isithembiso sesigidigidi esisodwa samaDola aseMelika sokusungulwa kweSikhwama se-SA-H2 esizonxenxa utshalomali lwehayidrojini ehlanzekile. 
3.5.  ISikhwama Sengqalasizinda Yomphakathi Yamanzi Nezamandla: I-Invest International ihlose ukusungula isikhwama soxhaso sezigidi ezingama-300 zama-Euro kanye nezibonelelo zezigidi eziyi-100 zama-Euro ezizosiza iNingizimu Afrika ukuthi ikwazi ukwethula ingqalasizinda yamanzi neyezamandla. 

4.  UMsebenzi Wokuletha Ukuthula e-Afrika 
4.1.  IKhabhinethi lamukele umbiko kaMongameli u-Ramaphosa ngoMsebenzi wakamuva-nje Wokuletha Ukuthula e-Afrika phakathi kwezwe lase-Ukraine nelase-Russia lapho uMengameli abe yingxenye kanye nabanye abaholi nalabo abamele ohulumeni base-Senegal, e-Comoros, e-Zambia, e-Egypt, e-Congo-Brazzaville, kanye ne-Uganda. UMsebenzi lo ugcizelela ukuthi iNingizimu Afrika imile ngokungathathi hlangothi kanye nokuzinikela kwezwe kwizisombululo zokuthula kule ngxabano.  
4.2.  IKhabhinethi likuphawulile ukuthi uMongameli u-Volodymyr Zelensky wase-Ukraine kanye noMongameli wase-Russia bawamukelile umzamo we-Afrika wokuletha ukuthula futhi bathembisa ukuqhubeka nezingxoxo nabaholi base-Afrika ngezindaba eziphakanyisiwe ezizoholela kwizisombululo ezinokuthula kule ngxabano.  
4.3.  Lo Msebenzi ugcizelele isidingo sokwehlisa amaphaphu kule ngxabano ukuze izingxoxo zizokwazi ukuqala ngokuphuthuma, kubuyiswe abantwana abathathwa e-Ukraine, kukhululwe iziboshwa zempi futhi kusungulwe imigudu yokwenza lula ukuthi kutholakale usizo lokusiza abantu. 
4.4.  IKhabhinethi likwamukele ukubonga okwedluliswe ngabaholi bamazwe omhlaba ngalo Mzamo Wabaholi base-Afrika Wokuthula wokuthola isisombululo esinokuthula kule ngxabano njengokusho koNgqongqoshe base-Denmark nase-Netherlands, kanjalo noNgqongqoshe Wezindaba Zangaphandle e-France, phakathi kwabanye. 
4.5.  Kulandela umsebenzi wokuletha ukuthula, iNingizimu Afrika izobamba iqhaza kwiNgqungquthela Yamazwe ase-Afrika ne-Russia ezoba se-Moscow ngoNtulikazi, nokuyilapho uhulumeni wethu azophinde asebenzise ithuba lokuphinde axoxisane ne-Russia mayelana nezindaba labo Mongameli ababili abazidingidile ukuphuma nesinqumo.
4.6.  UMeluleki Wezokuvikeleka kuZwelonke kaMongameli u-Ramaphosa, uSlz Fholisani Sydney Mufamadi, uzothamela iNgqungquthela Yokuthula, ezobe iphethwe kuMongameli u-Zelenksy, ezoba se-Copenhagen, e-Denmark, ngoNcwaba. 
4.7.  Mayelana nendiza ebithwele abasebenzi abaqaphe uMongameli waseNingizimu Afrika kanye nabamele abezindaba ebiya e-Poland yabe seyindlulela e-Ukraine nase-Russia, iKhabhinethi lizwile ngokwenzekile okungekuhle ngesikhathi le ndiza ihlala e-Warsaw, e-Poland.
4.8.  IKhabhinethi lizwile ukuthi uMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana uzoba nezingxoxo ngalolu daba ngokulandela izindlela kanye nemigudu efanele yobunxusa.

5.  Ezohwebo
5.1.  IKhabhinethi lizibonile izibalo zohwebo zakamuva njengoba bezethulwa nguMnyango Wezohwebo, Izimboni Nokuncintisana nezibonise ukuthi impahla yaseNingizimu Afrika ethunyelwa e-China ifinyelele kwizigidigidi ezingama-$33 ngowezi-2022, okwedlule ngamazinga amabili umlingani wethu esihwebelana naye, okuyi-Germany. 
5.2.  Ngaphezu kwakho konke, ukuhwebelana phakathi kweNingizimu Afrika ne-China kunyuke ngama-30% kusuka kwizigidigidi ezingama-$44 kuya kwizigidigidi ezingama-$57 ngokuphela kwezi-2022. Kusuka kowezi-2018 kuya kowezi-2022, isilinganisomvama samanani otshalomali lonyaka sama-10% (impahla ephumayo) kanye nama-4.5% (impahla engenayo) saqoshwa phansi.  INingizimu Afrika yahweba ngokweqile kuleyo minyaka emihlanu. 

6.  Ezamandla
6.1.  IKhabhinethi lamukele isivumelwano esithi i-Mozambique izothumelela iNingizimu Afrika ugesi ongama-100 megawatts (MW) ezinyangeni ezintathu (3) ezizayo emva kokusayinwa kweSivumelwano Sokuthenga Ugesi.  Ezinyangeni ezintathu kuya kweziyi-12 ezizayo sizobona iNingizimu Afrika ithenga ugesi ongafinyelela kwi-1 000 MW e-Mozambique.
6.2.  IKhabhinethi liphinde lamukela inqubekelaphambili eqhubekayo ekusebenzeni kwesiphehlimandla sakwa-Eskom esesiqinisekise ukuthi lesi sikhungo sinoGesi Otholakalayo ongama-60%.
6.3.  IKhabhinethi lidlulisa ukubonga kubantu baseNingizimu Afrika ngegalelo abalifakile ekwehliseni ukufuneka kukagesi, nokufake isandla ekutheni u-Eskom akwazi ukugcina amazinga aphansi okucima ugesi ngenhloso yokuwonga.  Ukonga ugesi kungumsebenzi wethu sonke futhi sonke siyazuza ngokwenze njalo.  
6.4.  IKhabhinethi lidlulise ukubonga ngomnikelo onikelelwe abantu baseNingizimu Afrika ovela eRiphabhulikhi yase-China wezimo eziphuthumayo kanye nemishini emincane yokuphehla ugesi yenani lezigidi ezingama-R167. Uhlelo lokwaba lo mnikelo luyasungulwa ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi imishini enikeliwe ifakwa ezikhungweni zomphakathi lezo ezingezukucinyelwa ugesi ngenhloso yokuwonga. Umcimbi wokudluliswa ngokusemthethweni uzokwenziwa ngokushesha uma impahla isidlulile futhi yaphasiswa yiziphathimandla zomnyango wempahla eNingizimu Afrika.

7.  Amanzi 
7.1.  IKhabhinethi licubungule izimpendulo zoMnyango Wamanzi Nokuthuthwa Kwendle ngezinselele zamanzi nokuthuthwa kwendle kuleli lizwe. 
7.2.  Lokhu kubuyekeza kugqamise ukusheshiswa kwemiklamo yemithombo yamanzi obekubhekenwe nayo efana nalena:
7.2.1.  Ukwakhiwa kweSigaba sesi-2 somklamo wezigidigidi ezingama-R40 i-Lesotho Highlands Water Project ezophakela i-Gauteng nezifundazwe ezakhelene nayo. Lo msebenzi uzophothulwa ngowezi-2027. 
7.2.2.  ISigaba sesi-2A somklamo wezigidigidi ezi-R4 i-Mokolo Crocodile Water Augmentation Project eNyakatho Ntshonalanga naseLimpopo. Kuqoqwa izimali zesinye isigaba lapho ukwakha kuzoqala ngoNhlaba wezi-2024, nokuhlelwe ukuthi kuphothulwe ngowezi-2030. 
7.2.3.  Ngokusebenzisana phakathi kukahulumeni nomkhakha wezimayini, ukwakha kuyaqhubeka kumklamo wezigidigidi ezingama-R24 i-Olifants River Water Resource Development Project eLimpopo, nokulindeleke ukuthi uphothulwe ngowezi-2030. 
7.2.4.  Kokunye ukubambisana okufanayo nezimayini eNyakatho Kapa, ukwakha kuzoqala makhathaleni kulo nyaka kumklamo wezigidigidi ezi-R10 i-Vaal Gamagara lapho ukuphothulwa kwawo nakho kulindeleke ngowezi-2023. 
7.2.5.  Ukwakha kuqale kule nyanga, uNhlangulana wezi-2023, kumklamo wezigidi ezingama-R500 i-Groot Letaba Water Augmentation eLimpopo, obandakanya ukukhushulwa kwedamu i-Tzaneen Dam. Umsebenzi walo mklamo uzophothulwa ngowezi-2025. 
7.2.6.  ENtshonalanga Kapa, ukwakha kuzoqala ngowezi-2024 kumklamo wesigidigidi esi-R1.2 i-Voëlvlei Augmentation Scheme, nokulindeleke ukuthi uphothulwe ngowezi-2026. 
7.3.  Le miklamo iqinisekisa ukuthunyelwa kwamanzi esizweni futhi uma uqhubeka izinkulungwane zabantu zizoqashwa, amabhizinisi aseduze nendawo yesakhiwo azozuza ngenxa yabasebenzi nosonkontileka, kanti nengqalasizinda ethuthukisiwe izoletha inzuzo emnothweni wendawo. 

8.  Ukwethulwa kwesikhungo i-South African Isotope Facility (i-SAIF)
8.1.  IKhabhinethi lamukele ukusebenzisana phakathi koMnyango Wesayensi Nokuqamba Kabusha kanye ne-IThemba LABS, okuholele ekuvulweni kwe-SAIF, okuyisikhungo esisezingeni lomhlaba esibhekene nenselele ekhulayo yesifo somdlavuza njengenye yezimbangela zokufa ezihamba phambili. Isikhungo sizokwenza ucwaningo oluseqophelweni eliphezulu kanye nokuqeqesha kanjalo nokunyusa umthamo womkhiqizo wama-radioisotope. Ukwelapha ngokusebenzisa i-radioisotope kubhekana ngqo namaseli anomdlavuza anomonakalo omncane kumaseli aseduzane anempilo.  
8.2.  Okwamanje zilinganiselwa kwizi-5 000 iziguli zaseNingizimu Afrika ngonyaka ezisizakalayo kulokhu, futhi kulindeleke ukuthi la manani anyuke ngesilinganiso sokuhlanu kuya kokuyisikhombisa, ngokunyuka komthamo womkhiqizo ngokusebenzisa i-SAIF kanye nokutholakala kweqoqo elisha lama-isotope.

9.  Ukuphasiswa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela iBhange Leposi 
9.1.  IKhabhinethi lamukele ukuphasiswa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela iBhange Leposi yiPhalamende (yiSigungu Sikazwelonke kanye noMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe), ophendla indlela yokukhishwa kwemvume yebhange lombuso. 
9.2.  UMthethosivivinywa ubhekana nobungozi okwamanje obuhlobene nokwakhekha kweBhange Leposi, ngokuchibiyela ubunikazi kanye nabaphathi ukuze kuzosungulwa inkampani entsha yeBhange Leposi.  
9.3.  IKhabhinethi lizolinda uMongameli ukuthi asayine umthethosivivinywa ube ngumthetho lokho okuzovumela ukubhaliswa kweBhange Leposi njenge-Bank Controlling Company.

10.  Ukuhlonyiswa Kwentsha
10.1.  IKhabhinethi libonge abantu baseNingizimu Afrika ngokuba yingxenye yemigubho yoSuku Lwentsha mhla we-16 kuNhlangulana 2023 ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Sisheshisa ukukhululwa komnotho wentsha ukuze izoba nekusasa elisimeme".
10.2.  IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kweBhasi Elingumahambanendlwana Lemisebenzi Yomphakathi eliseqophelweni eliphezulu nguMnyango Wezemfundo Eyisisekelo, iMfundo Ephakeme, Isayensi Nokuqamba Kabusha, kanye noMnyango Wezemisebenzi, ngokubambisana nohlelo lwe-European Union's Education for Employability. La mabhasi alethe amathuba ahambela izindawo ezikude ukusiza abafundi kanye nalabo abafuna umsebenzi ukuthi bakwazi ukubona lapho benamakhono khona kanye namandla emisebenzini ethile nakumathuba omsebenzi.  
10.3.  IKhabhinethi liphinde lamukela imizamo yoMnyango Wezolimo, Izinguquko Zomhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya yokweseka intsha ukuthi ikwazi ukubamba iqhaza emkhakheni wezolimo nasekuvuselelweni kwezindawo abahlala kuzona ezifana nenhlangano i-Marapyane-Bakgatla. Le nhlangano isisungule imisebenzi engaphezu kwe-100 ezindaweni zangakubo futhi le ntsha ingabalimi bokusanhlamvu nobhekilanga. 

11.  Umsebenzi Wohlelo Lokucisha Umlilo 
11.1.  IKhabhinethi lithulela isigqoko izicimamlilo zaseNingizimu Afrika ezingama-400 ezithunyelwe e-Canada ukuyosiza ngokusindisa izimpilo, amakhaya, amabhizinisi nezitshalo; eSifundazweni sase-Canada i-Alberta.
11.2.  Loku kuthunyelwa kwezicimamlilo ngowezi-2023 kungukuphendula isicelo esiphuthumayo seSikhungo Esilwa Nomlilo Wequbula e-Canada. Lokhu kusebenzisana kwehlandla lesihlanu phakathi kweNingizimu Afrika ne-Canada kungubufakazi bobudlelwano obuqinile phakathi kwala mazwe womabili kanye negalelo leNingizimu Afrika ekugcineni imvelo yethu, kungakhathalekile ukuthi yiyiphi ingxenye yomhlaba ethintwe ngukukhahlamezeka kwemvelo. 

12.  IMidlalo Yomhlaba YaseHlobo yama-Olympics 
12.1.  IQembu laseNingizimu Afrika liyaqhubeka nokundizisela phezulu ifulegi kwiMidlalo Yomhlaba YaseHlobo yama-Olympics yangowezi-2023 e-Berlin, e-Germany, kusuka mhla we-17 kuya mhla wama-25 kuNhlangulana 2023.  IQembu laseNingizimu Afrika liqukethe abasubathi abangama-64 nabaqeqeshi abangama-21 abaqhudelana nabasubathi abayizi-7 000 abaphuma emazweni ayi-180. Bamele ubuhle besizwe sethu futhi bangubufakazi bamandla omoya wobuntu.

B. Izinqumo zeKhabhinethi 
1.  ISiqinisekiso seNingizimu Afrika Ngenqubo ye-Luxembourg yoMhlangano Omayelana Nalokho Okufunwa Ngamazwe Omhlaba kwiMishini Ehambayo Eqondene Nezinqola Zesitimela 

1.1.  IKhabhinethi igunyaze ukulethwa kweNqubo Yezitimela ye-Luxembourg ePhalamende ukuze iqinisekiswe. INqubo Yezitimela ye-Luxembourg iqinisa ukukhula komnotho ngokuthuthukisa ukuxhasa ngezimali umkhakha ozimele embonini yezitimela. 
1.2.  INqubo Yezitimela ye-Luxembourg ingumphumela wempumelelo yoMhlangano waseKapa Omayelana Nalokho Okufunwa Ngamazwe Omhlaba Kwimishini Ehambayo owawubanjwe ngowezi-2007. INingizimu Afrika isayine le nqubo ngowezi-2022, ukubonisa ukuthi izwe lizimisele kanjani ngokuguqula ezezitimela.  

C.  Abaqashiwe

Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanelekile. 

1.  Mnu Evert Potgieter njenge-Chief Financial Officer ye-Property Practitioners Regulatory Authority. 
2.  Mnu Sandile Psychology Mkhize njenge-Chief Executive Officer ye-Magalies Water (kwelulwe inkontileka). 
3.  Amalungu oMkhandlu Wocwaningo Lwezolimo:
(a)   Nks Joyene Isaacs (ophinde wabekwa);
(b)   Dkt Poncho Mokaila (ophinde wabekwa);
(c)   Dkt Jonty Tshipa;
(d)   Mnu Neo Harrison Masithela;
(e)   Nks Clarinda Elizabeth Simpson;
(f)    Dkt Hilke Maartens;
(g)   Mnu Goodman Gcaba (ophinde wabekwa);
(h)   Dkt Troy Govender; 
(i)    Dkt Konanani Liphadzi (ophinde wabekwa);
(j)   Dkt Pieter Naude Malan (ophinde wabekwa); kanye
(k)   noDkt Owen Horwood.

4.  Ukuvalwa Kwezikhundla ku-Cross-Border Road Transport Agency:
(a)   Nks Bukeka Mahlutshana; kanye 
(b)   noMnu Leroy Nsibande. 

5.  Ukuvalwa kwezikhundla ku-Board of the South African Civil Aviation Authority:  
(a)   Ummeli Mpati Lebakeng; kanye  
(b)   noMnu Tshepo Peege. 

D.  IMithethosivivinywa
1.  UMthethosivivinywa Osahlongozwa Wezemishado wezi-2022 

1.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Osahlongozwa Wezemishado wezi-2022 ukuze umphakathi uphawule ngawo.  
1.2.  Lo Mthethosivivinywa ungumphumela woMthetho Odingidwayo Wezemishado eNingizimu Afrika, owagunyazwa yiKhabhinethi ngoNdasa wezi-2022.  UMthethosivivinywa unika amandla uMnyango Wezasekhaya ukuthi usungule uMthetho Wezemishado owodwa wezwe.  
1.3.  UMthethosivivinywa uhlose ukuqinisekisa ukuthi yonke imishado yenzeka ngendlela elandela izimiso zokulingana, ukungacwasi kanye nokugcina isithunzi somuntu njengoba kusho uMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika wangowezi-1996. 
1.4.  UMthethosivivinywa ohlongozwayo uvumela abantu baseNingizimu Afrika kanye nezakhamuzi ezikuleli lizwe ababobonke ubulili, kanjalo nenkolo namasiko, ukuthi bashade ngokomthetho ngokuhambisana nezimiso zomthethosisekelo. 
1.5.  UMthethosivivinywa ucacisa indlela yokugwema imishado efana nokushadiswa kwezingane kanye naleyo eyenziwa omunye oshadayo engekho. 

2.  UMthethosivivinywa we-Ejensi Kazwelonke Yengqalasizinda Yomthombo Wamanzi (i-NWRIA) wezi-2022
2.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa ohlongozwayo we-NWRIA ePhalamende. UMthethosivivinywa uhlongoza ukubekwa kwe-NWRIA ukuthi kube yiyona ebhekele ukuhlelwa, ukuxhasa ngezimali kanye nokuthuthukisa ingqalasizinda yamanzi kuleli lizwe. Uzophinde ubhekele ukunakekelwa kwengqalasizinda yomthombo wamanzi ekhona njengamanje.
2.2.  I-ejensi izoqinisekisa ukuthunyelwa kwamanzi okusimeme, okulinganayo nokuthembekile ngokuhambisana nezibopho zomthethosisekelo wokuthola amanzi kanye nesimondawo esiphephile esinempilo. Izokwakheka njengeNhlangano Kahulumeni ngaphansi kweSheduli yesi-2 yoMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zikahulumeni, we-1999 (Umthetho woku-1 we-1999). I-ejensi izothatha imisebenzi okuyimanje yenziwa yi-Trans-Caledon Tunnel Authority.

3.  UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Isehlukaniso Somshado wezi-2023  
3.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa osahlongozwa Wokuchibiyela Isehlukaniso Somshado wezi-2023 ePhalamende.  
3.2.  UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wesehlukaniso Somshado, wangowe-1979 (Umthetho wama-70 we-1979) ukuze uzohlinzeka ngezindlela zokuvikela inhlalakahle yabantwana abancane noma abantwana abondliwayo abazalwe emshadweni wenkolo yamaSulumane.  Izichibiyelo zihlose ukuhlinzeka ukwabiwa kwempahla uma kuphela umshado wamaSulumane; lokho okwenza omunye ukuthi alahlekelwe impahla ethile etholwe ngesikhathi somshado wenkolo yobuSulumane. 
3.3.  NgoNhlangulana wezi-2022, iNkantolo yoMthethosisekelo yathola ukuthi uMthetho Wesehlukaniso Somshado njengoba unjalo njengamanje awuhambisani noMthethosisekelo njengoba ukhiphela ngaphandle imishado yamaSulumane.  Inkantolo ithole ukuthi isahluko soMthetho Wesehlukaniso Somshado asihambisani nomthethosisekelo ngoba sicwasa abantwana abazalwa ngabazali abashadile kanye nalabo abazalwa ngabazali abangashadanga. 

4.  UMthethosivivinywa Wokuchibiyela iSikhwama Sokuvuselelwa Kwe-Afrika Nokubambisana Kwamazwe Omhlaba (i-ARF) 
4.1.  IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa oluhlaka wokuchibiyela i-ARF ukuze umphakathi uphawule ngawo. Inhloso yalo Mthethosisekelo ukuchibiyela uMthetho we-ARF (Umthetho wama-51 wezi-2000). Izichibiyelo zizophinde zichaze ukuthi i-ARF manje isizobizwa ngokuthi i-Ejensi Yobambiswano Lwentuthuko yaseNingizimu Afrika. I-ejensi izosebenza njengendlela yokuphatha, ukweseka nokulawula ukuthuthukiswa nokusizwa kweNingizimu Afrika. 
4.2.  I-ARF ibaluleke kakhulu ekugqugquzeleni izinto ezibalulekile neziligugu zezwe laseNingizimu Afrika, uKuvuselelwa Kwe-Afrika kanye nokwakhiwa komhlaba ongcono wawo wonke umuntu. 
4.3.  I-ARF iphinde ibaluleke eNingizimu Afrika njengoba ithuthukisa ukusebenzisana phakathi kwezwe lethu namanye amazwe, ikakhulukazi amazwe ase-Afrika, ngokugqugquzela intando yeningi labantu, ukubusa ngendlela efanele, ukugwema nokuxazulula ingxabano, ukuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho nokuhlangana, ukusiza abantu kanye nokuthuthukiswa kwabasebenzi.  

5.  Ezakamuva ngokukhethwa elinye ihlandla kweNingizimu Afrika ukuthi ibe iLungu loMkhandlu we-International Civil Aviation Organisation 
5.1.  IKhabhinethi likuphawulile ukukhethwa elinye ihlandla kweNingizimu Afrika ukuthi ibe iLungu loMkhandlu we-International Civil Aviation Organisation 

F.  Imicimbi Ezayo
1  INyanga kaMandela

1.1  INingizimu Afrika kanye nomhlaba wonke, ngoNtulikazi bazobungaza iNyanga kaMandela ngaphansi kwesiqubulo esithi “ISimo Sezulu, Ukudla kanye Nobumbano”. Ngale nyanga, abantu baseNingizimu Afrika babungaza impilo kaMongameli waphambilini u-Nelson Mandela, ifa lakhe kanye nokuthatha igxathu lokusiza ngoguquko emiphakathini yethu ngokuhlanganisa imizamo ezoba negalelo ekulweni nobubha nokungalingani. 
1.2  IKhabhinethi linxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise le nyanga ukwenza okuthile okuzokwenza umehluko emiphakathini yabo futhi baqinisekise ukuthi sakha iNingizimu Afrika eyayiliphupho likababa wethu. 

2  INgqungquthela yeSivumelwano Somhlaba Sezimali esisha
2.1  UMongameli u-Ramaphosa ngomhla wama-22 nama-23 kuNhlangulana 2023, uzoba yingxenye yengqungquthela yesivumelwano somhlaba sezimali esisha e-France.  
2.2  INingizimu Afrika izokhuluma ngezinkinga ezihamba phambili ezifana nezinguquko ezikhungweni zezimali zokuthuthukisa zamazwe amaningi, isimo esibi sezikweletu, uxhaso-mali lwamaqhinga amasha, intela yomhlaba kanye namalungelo okuhoxa. 

3  INgqungquthela yoMkhandlu Omele Abafundi (i-RCL)
3.1  INgqungquthela ye-RCL izobanjwa mhla wama-29 nama-30 kuNhlangulana 2023 eNyuvesi yasePitoli ngenhloso yokwakha nokuqinisa indima edlalwa i-RCL ezikoleni. 
3.2  Ingqungquthela yakulo nyaka izogxila ekuhlomiseni abafundi, ukuthola ukuthi yiziphi izidingo zabafundi kanye nokuthuthukisa ukusebenza kwama-RCL. Lena yinkundla ebalulekile ekuthuthukiseni abaholi bakusasa bezwe. 

4  IMidlalo Yendebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano yezi-2023
4.1  Njengoba kusele Izinsuku ezingama-36 ukuthi kuqale iMidlalo Yendebe Yomhlaba Yebhola Lomnqakiswano yezi-2023 ezoba se-Cape Town International Convention Centre kusuka mhla wama-28 kuNtulikazi kuya mhla wesi-6 kuNcwaba 2023, iKhabhinethi libonge bonke abantu baseNingizimu Afrika ngoBuntu ababubonisile kwamukelwa ithimba ebelihamba libukisa ngeNdebe Yomhlaba ezweni lonkana.  
4.2  Uhambo lokuzungeleza kwendebe luyingxenye yemigubho eyandulela umdlalo wokuqala wokuvula.  Uhambo lokuzungeleza kwendebe lwaqala KwaZulu-Natali kanti luzoqhubeka lubheke e-Gauteng, eMpumalanga, eLimpopo, eNyakatho Ntshonalanga, eFreyistata, eNyakatho Kapa naseMpumalanga Kapa. Uhambo luyobe seluya emphelandaba eNtshonalanga Kapa njengesifundazwe esisingathile, ngaphambi-nje kokuqala kwemidlalo mhla wama-28 kuNtulikazi 2023. 

5  Uhambo lweBanyana Banyana oluya kwiNdebe Yomhlaba Yabesifazane ye-FIFA
5.1  Ngokumela isizwe, iKhabhinethi lifisela konke okuhle iqembu lesizwe labesifazane lebhola likaNobhutshuzwayo, iBanyana Banyana, njengoba lilungiselela ukuhamba ngoLwesihlanu, mhla wama-23 kuNhlangulana 2023, liya emiDlalweni Yendebe Yomhlaba Yabesifazane ye-FIFA ezobanjelwa e-Austaralia nase-New Zealand ngoNtulikazi. 
5.2  Ukudlala lwaleli qembu emidlalweni eyehlukahlukene kudonsele amehlo omhlaba ekuthuthukisweni komdlalo wabesifazane eNingizimu Afrika, njengengxenye yokuzihlomisa kanye nokuhlomisa inhlalakahle yabesifazane kuleli lizwe. 

G.  Imiyalezo
1.  Ukuhalalisa 

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 

  • Abadlali bebhola lomphebezo abahamba ngezinqola baseNingizimu Afrika u-Donald Ramphadi no-Kgothatso Montjane abavelele njengamaqhawe e-Grand Slam ngokwehlukana kwamazinga abo emidlalweni esezingeni eliphezulu e-Roland Garros e-France.
  • Bonke abaphumelele kumjaho wezi-2023 we-Comrade Marathon kanye nabagijimi ababe yingxenye yalo mjaho obusuka eMgungundlovu uya eThekwini.  Sithi Halala! ku-Tete Dijana kanye no-Gerda Steyn ngokungaphumi phambili kuphela emijahweni yamadoda nabesifazane, kodwa nangokuqopha umlando ngokuphula amarekhodi ayo yomibili imijaho yamadoda nabesifazane. 
  • Ngokukhethekile sibalula umhlali waseLimpopo u-Ntate Johannes Mosehla, othe eminyakeni yama-81, waba nguyena muntu omdala kunabo bonke ukuqeda umjaho we-Comrades. NgeNyanga Yentsha, abantu baseNingizimu Afrika bayoyonke iminyaka yobudala bangafunda ubugugu nokubaluleka bokuphila ngendlela eyimpilo kulesi sakhamuzi esikhulile. 
  • IKhabhinethi libuye lancoma uNomhle Ngwenya ngokuba ngowokuqala omncane futhi owesifazane onsundu ukuthola iziqu ze-PhD kumkhakha wesayensi e-Wits eneminyaka engama-25 kuphela nje ubudala.   
  • Nks P Khoza owakhethwa njengoMongameli wama-42 woMbuthano we-ICAO owawubanjwe kusuka mhla wama-27 kuMandulo kuya mhla wesi-7 kuMfumfu 2022 e-Montreal, e-Canada. 


2.    Amazwi enduduzo 
IKhabhinethi lizwakalisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 

  • ILungu LePhalamende, uNks Tina Joemat-Pettersson, obenguSihlalo weKomiti LesiGungu Sikazwelonke Samaphoyisa, ngokwedlule osebenze njengoNgqongqoshe weZolimo, Amahlathi Nokudoba kanye noNgqongqoshe Wezamandla. Uphinde wasebenza njengo-MEC weZemfundo eNyakatho Kapa.  Wayephinde abe lilunga leKomidi Lesigungu Sikazwelonke seNhlangano kaKhongolose (i-ANC) kanye neNhlangano Yabesifazane ye-ANC.  Isishoshovu somzabalazo wenkululeko ne-United Democratic Front. 
  • INkosi u-Kgagudi Kenneth Sekhukhune, u-Kgoshi ya Marota Mohlaletse, Hlabirw’a a Bauba nobesebambe isikhathi eside eBukhosini ba-Bapedi. Izinhliziyo nemithandazo yeKhabhinethi inoMndeni Wasebukhosini kanye nesizwe sa-Bapedi njengoba kwenziwa amalungiselelo okugcina okutshala iNkosi esikhotheme. 
  • IQhawe elingumqeqeshi waphambilini weBafana Bafana, u-Clive Barker, owahola isizwe sakithi saze sayonqoba emidlalweni yangowe-1996 ye-Africa Cup of Nations, eyayibanjelwe kuleli lengabadi okokuqala ngqa.   


Imibuzo: Mnu Michael Currin – iBamba likaSomlono Kahulumeni
Umakhalekhukhwini: 082 462 7896

Share this page

Similar categories to explore