ISitatimende soMhlangano weKhabhinethi wangoLwesithathu, mhla wama-27 kuMandulo 2023

A.    Ezisematheni
1.    UMhlangano Jikelele weZizwe Ezibumbene (i-UNGA) 


1.1.    IKhabhinethi lamukele inkulumo kaMongameli u-Cyril Ramaphosa kwi-UNGA yama-78 ebibanjelwe e-New York, e-United States of America kusuka mhla we-18 kuya mhla wama-26 kuMandulo 2023.
1.2.    Inkulumo eyamukelwe kaMongameli iqinisekise ukuthi iNingizimu Afrika ime kuphi ekwesekeni izimfuno, kanye nokuzibandakanya okulinganayo nokubonakalayo kwezwekazi i-Afrika kanye noMhlaba Oseningizimu jikelele kwi-UN nakwezinye izinkundla zamazwe ahlukahlukene. 
1.3.    Le nkulumo iqinisekise ukuqina kweNingizimu Afrika ekugqugquzeleni ukwesekwa kwalokhu okulandelayo: 
(a)    Ukuvuselelwa kokuzinikela ekusebenzisaneni kwamazwe ahlukahlukene, ngokulandela imithetho ecacile nokwesekwa kwezikhungo ezifanele.
(b)    Ukuguqulwa koMkhandlu Wezokuvikeleka we-UN (i-UNSC), lokho okuzoholela ekulinganeni kwamazwe nokuzovumela i-UNSC ukuthi ixazulule ngendlela eyimpumelelo izinkinga ezikhona zepolitiki. 
(c)    Amazwe acebile azokhuphula uxhaso ngokwezimali ukuze kuzoqaliswa ukusebenza kwe-Ajenda yowezi-2023 YeNtuthuko Esimeme kanye nokufeza izinjongo zokuguquguquka kwesimo sezulu ngendlela ecacile nedidiyelwe, kubandakanya nesidingo sokuqalisa ngokuphuthuma ukusebenza kwesikhwama i-Loss and Damage Fund esizosiza amazwe abuthakathaka ashayeke kakhulu izinhlekelele ezidalwa isimo sezulu, njengoba kwavunyelwana kwiSeshini yama-27 yeNgqungquthela Yamaqembu eyayibanjwe e-Egypt ngoLwezi wezi-2022.
1.4.    UMongameli u-Ramaphosa uqinisekise ukuzinikela kweNingizimu Afrika ekuqhubekeni nokubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu nokuthi leli lizwe lizohamba phambili kwezamandla avuselelekayo, ihayidrojini enganukubezi imvelo kanye nokuthuthukiswa kwezimboni okusimeme. 
1.5.    UMongameli u-Ramaphosa uphinde wakhuluma kwiNgqungquthela Yokugwema, Ukulungela kanye Nokubhekana neZifo Ezilubhubhane, ngokwesikhundla sakhe njenge-African Union Champion yeZindlela Zokubhekana Nesifo Segciwane i-Corona (i-COVID-19).

2.    Uhlelo lwamazwe amabili lweNingizimu Afrika oluqhubeke ngesikhathi se-UNGA yama-78 
2.1.    Ngesikhathi kuqhubeka i-UNGA yama-78, uMongameli u-Ramaphosa uhole ithimba likahulumeni elibambe imihlangano eminingana yamazwe amabili inhloso yayo kungukuqinisa ubudlelwano ngokwamacebo, ngokwepolitiki, ubunxusa kanye nobudlelwano kwezokuhweba.  
2.2.    UMongameli uhlangane nozakwabo wase-Ukraine u-Volodymyr Zelensky ukuze bazodingida ngenqubekelaphambili esiyenziwe ngezinyathelo zoMzamo Wokuletha Ukuthula nokubuyisa ukuzethemba kanye nokunye ukuthuthuka.
2.3.    UMongameli u-Ramaphosa uphinde wahlangana nalaba abalandelayo:
2.3.1.     UMongameli u-Recep Tayyip Erdoğan wase-Türkiye, badingida ngokuqinisa ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika ne-Turkey, nokudlana indlebe mayelana nemizamo yokuletha ukuthula kwingxabano phakathi kwe-Russia ne-Ukraine.
2.3.2.     UMongameli u-Bola Tinubu wase-Federal Republic of Nigeria, badingida ngokuqinisa ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika ne-Nigeria. Uphinde watshelwa ngohlelo olubenzima loMnotho Wamazwe aseNtshonalanga ye-Afrika e-Nigeria kanye nemizamo yokubuyisa ukubusa ngentando yeningi e-Sahel.
2.3.3.     UMongameli u-Emmerson Mnangagwa waseRiphabhulikhi yase-Zimbabwe, lapho bedingide ngezinhlelo zikahulumeni wase-Zimbabwe zokuhlanganisa ukwakhiwa kabusha kwaleliya lizwe emva kokhetho lwakamuva olube nokuthula.
2.4.    UMongameli u-Ramaphosa uphinde wabamba iqhaza eMhlanganweni Wezohwebo Notshalomali phakathi kwe-United States (i-US) kanye neNingizimu Afrika, obubandakanya abaholi bamabhizinisi baseNingizimu Afrika nabaseMelika. Njengoba kunezinkampani ezingaphezu kwama-600 zase-US ezisebenza lapha eNingizimu Afrika, le nguyazana ibibaluleke kakhulu ezingxoxweni eziqhubekayo zokuqinisa amaxhama phakathi kweNingizimu Afrika ne-US.  
2.5.    Ngesikhathi kuqhubeka le ngqungquthela, kumenyezelwe ngokusemthethweni ukuthi i-US-Sub-Saharan Africa Trade and Economic Cooperation Forum yama-20, (i-AGOA Forum) izobanjelwa eGoli kusuka mhla wesi-2 kuya mhla wesi-4 kuLwezi 2023. Le ngqungquthela izoba nombukiso obizwa nge-‘Made in Africa Exhibition’ ozobe ubukisa ngobuxhakaxhaka bemikhiqizo yezwekazi.  
2.6.    UMongameli u-Ramaphosa uphinde wazizwela ngokusebenzisana phakathi kwe-Novo Nordisk ne-Aspen. Lokhu kusebenzisana kuzoholela ekukhiqizweni kwekhambi lokwelapha ushukela i-insulin ezikhungweni zase-Aspen eGqeberha, eMpumalanga Kapa. Lokhu kusebenzisana kuhloswe ngakho ukuthumela imithamo engaphezu kwezigidi eziyi-16 ze-insulin ngowezi-2024, okuzokwengezwa ngowezi-2026. Lokhu kuzokwenza ngcono ukuthi ukwelashwa nge-insulin kutholakale hhayi kuphela eNingizimu Afrika, kodwa kulolonke izwekazi.  

3.    Ezamandla
3.1.    IKhabhinethi lamukele ukuthi i-National Energy Regulator of South Africa igunyaze ukuhweba kanye nezicelo zemvume yokuthumela nokwamukela impahla kwamanye amazwe kwe-National Transmission Company of South Africa, lokho okuzophemba indlela yokuthengwa kukagesi esifundeni jikelele.  
3.2.    Ukusebenza futhi kwe-Unit 4 esiteshini sikagesi i-Kusile Power Station emva kokulungiswa obekuhleliwe kubuyise ugesi ongama-800 megawatts kwisizinda sikagesi. Lo msebenzi ubaluleke kakhulu ekuthuthukiseni umthamo wokuphehlwa kukagesi kwisizinda sikagesi sikazwelonke kanye nokubhekana namazinga okucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga. 
3.3.    IKhabhinethi liphinde latshelwa kafushane ngenqubekelaphambili yokulungisa ama-Unit 1, 2 no-3 e-Kusile Power Station ngaphambi kwesikhathi ebesibekiwe.   
3.4.    IKhabhinethi lamukele imiphumela yokuhlolwa kozinzo lwe-Eskom okwenziwe yi-Moody’s Investors Service, okuzokwenza ngcono ukusebenza kweziphehlimandla zikagesi futhi kuvumele ukuthi kuhlelwe kusenesikhathi ukunakekelwa kweziphehlimandla.  

4.    Ukutholakala kwamanzi
4.1.    IKhabhinethi litshelwe kafushane ngemizamo yokubhekana nezinselele zamanzi ezithinta izindawo eziningana ezweni lonkana. UNgqongqoshe Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle, uMnu. Senzo Mchunu kanye nezimeya zamanye amadolobhakazi ase-Gauteng bazokhipha imibiko yokwazisa ngezingenelelo eziqhubekayo zokuletha uzinzo ekuthunyelweni kwamanzi esifundazweni.  
4.2.    IKhabhinethi lifisa ukukhumbuza wonke umuntu ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe elintula amanzi. Bonke abantu baseNingizimu Afrika nawowonke umuntu okuleli lizwe kufanele bonge futhi basebenzise amanzi ngokuwonga.  

5.    Ezohwebo
5.1.    IKhomishini Yamazwe Amabili okuyiNingizimu Afrika ne-Lesotho (i-BNC) kanye noMhlangano WoNgqongqoshe 

5.1.1.     I-BNC yeNingizimu Afrika ne-Lesotho kanye noMhlangano Wongqongqoshe obubanjwe mhla zingama-25 kuya mhla zingama-28 kuMandulo 2023 ugxile ekusebenzeni ngokubambisana kwezomnotho, izinkinga zokweqa imingcele, kanye nokuhamba ngokukhululeka kwabantu, impahla kanye nezinsizakalo phakathi kwala mazwe amabili.
5.1.2.     UMongameli u-Ramaphosa kanye noNdunankulu u-Samuel Ntsokoane Matekane bazobambisana ngokuba ngosihlalo kwiSeshini Yokuqala ye-BNC phakathi kweNingizimu Afrika ne-Lesotho ngoLwesine, mhla wama-28 kuMandulo 2023. Kule BNC kuzodingidwa ngobudlelwano bamanxusa, ezokuzivikela nokuvikeleka, amanzi, ezokuthutha, ugesi kanye nezohwebo.

5.2.    Inkundla Yezobuchwepheshe Exazulula Izinkinga Zezimakethe
5.2.1.    IKhabhinethi lithole umbiko obuya kwiKhomishini Yezokuncintisana omayelana nokutholakele kanye nezinyathelo zokulungisa iNkundla Yezobuchwepheshe Exazulula Izinkinga Zezimakethe. IKhabhinethi lincome umsebenzi wekhomishini ekubhekaneni nezikhalazo zokuba nomthengisi oyedwa ezinkundleni zedijithali, kubandakanya i-ecommerce, ama-ejensi ezokuvakasha, ukuhanjiswa kokudla, ama-app store, abezikhangiso kanye nezinjini zokubheka okuthile ngobuchwepheshe. 
5.2.2.     IKhabhinethi liyalele oNgqongqoshe beminyango kahulumeni efanele ukuthi baqhubeke balandele izincomo ukwenza ngcono isimo, babheke imithelela yenqubomgomo baphinde balandele izinguquko ezifanele zenqubomgomo ezizobhekelela ukubandakanyeka kwabantu baseNingizimu Afrika kanye namabhizinisi amancane nasafufusa ekukhuleni kwamabhizinisi obuchwepheshe.  

6.    Umkhuhlane wezinyoni
6.1.    IKhabhinethi likuqaphele ukuthi kunokuqubuka okukhona komkhuhlane obanga isifo (i-HPAI) H5 ne-H7 embonini yezinkukhu eNingizimu Afrika. INtshonalanga Kapa neKwaZulu-Natali babhekane nokuqubuka kwe-HPAI H5 kanti i-HPAI H7 kubikwe ukuthi ihlasele esifundazweni sase-Gauteng, e-Limpopo, eMpumalanga naseNyakatho Ntshonalanga. Izinyathelo zokunqanda nokulawula ukubhebhetheka komkhuhlane zime ngomumo futhi nabalimi bayagqugquzelwa ukuthi balandele izindlela zokuvikeleka abanikezwe zona. 
6.2.    Lo mkhuhlane ufaka engcupheni ukutholakala kokudla kanti kungahle kuthathwe izinyathelo zokuhweba ezifana nokuthola ukudla kwamanye amazwe ukuze kuzolawuleka ukutholakala kwamaqanda avundile, amaqanda alungele ukudliwa kanye nenyama yenkukhu. UMnyango Wezolimo, Ukuguqulwa Komhlaba Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya, iZiphathimandla Ezilawula Imikhiqizo Yezempilo eNingizimu Afrika kanye nemboni yonkana bahlolisisa izicelo zokubhaliswa kwemigomo engasetshenziswa, ngokulandela izinyathelo ezihambiselana nokuphepha, ukusebenza kahle kanye nobukhethelo ukuthi kube yikho okubekwe phambili uma kubhaliswa le migomo.    

7.    Uhlelo oludidiyelwe lokulwa nobugebengu 
7.1.    IKhabhinethi lamukele umbiko wakamuva omayelana nokulwisana nobugebengu, ophinde wethulelwa isizwe nguNgqongqoshe Wamaphoyisa, uJenene Bheki Cele, kanye ne-National Joint Operational and Intelligence Structure. 
7.2.    Umkhankaso omikhakhaminingi wokulwisana nokumba izimayini ngokungemthetho kanye nokuthuthela kwamanye amazwe ngokungemthetho eNyakatho Kapa kuholele ekuboshweni kwabantu abangama-867, abaningi okungabase-Lesotho, e-Zimbabwe, e-Mozambique kanye nabanye abangalapha eNingizimu Afrika. IKhabhinethi ligcizelele umbono wama-ejensi aqinisekisa ukugcinwa komthetho ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abafuye izinswelaboya ezibandakanyeka ekumbeni izimayini ngokungemthetho bazobhekana nengalo yomthetho. 

8.    Isimo sezulu esibi
8.1.    Isimo sezulu esibi siqinisekisa umphumela wokuguquguquka kwesimo sezulu ezimpilweni zethu kanye nesidingo sokuthatha isinyathelo sokuguqukela kumnotho wekhabhoni ephansi ngesikhathi silwela ukuzinza kwentuthuko.   
8.2.    IKhabhinethi laziswe ngokukhahlamezeka okudalwe izivunguvungu nezikhukhula ezimbi eMpumalanga Kapa, eNtshonalanga Kapa nase-Gauteng, nokunezinkomba zokuthi zingahle zidlulele kwezinye izifundazwe.  
8.3.    IKhabhinethi licela yonke imiphakathi ukuthi ihlale iqaphe ngeso lokhozi kwezinye izexwayiso zesimo sezulu esibi, esingaletha okunye ukukhahlamezeka ezweni lonkana. 
8.4.    Uhulumeni uyaqhubeka nokweseka abezimo eziphuthumayo kanye nezikhungo ezilawula inhlekelele ukuthi basebenze ngokuphepha kanye nokunikeza usizo kubantu.

9.    Umgwaqo u-Winnie Mandela Avenue 
9.1.    IKhabhinethi likuphawulile ukushintshwa komgwaqo u-William Nicol Drive e-Sandton waba ngu-Winnie Mandela Avenue njengesinyathelo esibalulekile sokubhala kabusha umlando waseNingizimu Afrika nozoqhayisa ngegalelo lalabo abalwela inkululeko yethu. 
9.2.    Lo mcimbi uhambisane nosuku lokuzalwa luka-Winnie Madikizela-Mandela lapho ebezobe egubha iminyaka yokuzalwa engama-87 mhla wama-26 kuMandulo 2023.  

B.    Izinqumo zeKhabhinethi 

1.    IQhingasu Elibuyekeziwe Lenyama Yenyamazane leNingizimu Afrika 
1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuqaliswa kweQhingasu Elibuyekeziwe Lenyama Yenyamazane leNingizimu Afrika, okuhloswe ngalo ukusebenza ngokulandela imithetho kanye nokuguqula imboni yenyama yenyamazane. 
1.2.    Leli qhingasu kuhloswe ngalo ukuqinisa umkhakha wenyama yenyamazane njengabahlinzeki bokudla kanye nomkhakha okhulisa umnotho futhi ongaba nesandla ekusungulweni kwemisebenzi. 
1.3.    INingizimu Afrika ibalwa njengephuma phambili ezwenikazini i-Afrika ngokukhiqiza inyama yenyamazane. Iqhingasu leli lihlose ukuqinisekisa ukusungulwa kwemisebenzi esimeme eyizi-202 666 embonini yenyama yenyamazane uma kushaya unyaka wezi-2030.  
1.4.    Leli qhingasu lizoshicilelwa kwisizindalwazi soMnyango Wezamahlathi, Ukudoba Nemvelo ku: www.dffe.gov.za.

2.    UHlelo Olukhulu Lomkhakha Wezokuvakasha 
2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuhanjelaniswa koHlelo Lokuvuselela Umkhakha Wezokuvakasha kanye noHlelo Olukhulu Lomkhakha Wezokuvakasha olusha.  
2.2.    Ingxenye ebalulekile yoHlelo Olukhulu ngukuqeda nya ngemithelela yobhubhane lwe-COVID-19 emkhakheni wezokuvakasha. Luphinde luhlinzeke ngomhlahlandlela wokuvuselelwa kwezokuvakasha kuleli lizwe. Ngesikhathi uHlelo Lokuvuselelwa Komkhakha Wezokuvakasha lwasungulelwa ukuqapha ukuvuselelwa kwalo mkhakha, ukugcinwa kwemisebenzi kanye nokuvikela indlela yabantu yokuziphilisa, uHlelo Olukhulu Lwezokuvakasha lona luzothatha lo msebenzi uluse kwelinye izinga futhi uqaphe amathuba amasha kulo mkhakha.
2.3.    Uhlelo lolu luhlongoza amaqhinga ayisikhombisa okungenelela ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi umkhakha wezokuvakasha ubuyela kuleziya zikhathi ezinhle, nokuthi uba ngummongo wokusungulwa kwemisebenzi nokuvulwa kwamabhizinisi amasha. 
2.4.    Imboni yezokuvakasha inegalelo elibalulekile emnothweni kanti isize ngemisebenzi eyizi-725 000 ngaphambi kokuhlasela kobhubhane lwe-COVID-19. 

C.    IMithethosivivinywa

1.    UMthethosivivinywa weNkampani Yezokusakaza eNingizimu Afrika (i-SABC) wangowezi-2023
1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa we-SABC wezi- ePhalamende. 
1.2.    Uma usuphasisiwe waba ngumthetho, uMthethosivivinywa uzochitha uMthetho Wezokusakaza, wangowe-1999 (Umthetho wesi-4 we-1999) okhona njengamanje. Izichibiyelo zizoqinisa ukusebenza kahle kwendlela yokusebenza yabasakazi bomphakathi. 
1.3.    UMthethosivivinywa uphinde uhlongoze izinguquko kwindlela yokuxhasa ngezimali i-SABC kanye nendlela yokukhishwa kwamalayisensi e-TV. 

2.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Osahlongozwa Wezinsizakalo Zamanzi 
2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela ukuze umphakathi uzophawula ngawo. 
2.2.    Izinhlosonqangi zalo Mthethosivivinywa ngukuqinisa ukuphendula kwabahlinzeki bezinsizakalo zamanzi kanye nokwethula uhlelo lokusebenzela obala kungafihlwa lutho.  
2.3.    Izichibiyelo zoMthetho Wezinsizakalo Zamanzi, we-1997 (Umthetho we-108 we-1997) zizoqinisekisa ukuthi abahlinzeki bezinsizakalo zamanzi bathumela amanzi asemgangathweni ophezulu ngokuya ngemibandela yamalayisensi abo.
2.4.    Izichibiyelo zizophinde zibhekana nezinkinga ezibonakale kumkhakha wezinsizakalo zamanzi.
2.5.    Umthethosivivinywa ubeke ubuncane bezindinganiso zabahlinzeki bezinsizakalo zamanzi, okufanele iziphathimandla zeZinsizakalo Zamanzi ziqinisekise ukuthi ziyalandelwa. 

3.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Osahlongozwa Wezamanzi Kuzwelonke
3.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela osahlongozwa Wezamanzi Kuzwelonke ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Kazwelonke Wezamanzi, we-1998 (Umthetho wama-36 we-1998). 
3.2.    Lezi zichibiyelo zizothuthukisa imithethonqubo futhi zizoqinisekisa ukuthi imithombo yamanzi kuleli lizwe iphethwe kahle, ivikelekile futhi iyalondolozwa.  
3.3. UMthethosivivinywa uzophinde wenze iziphakamiso zokuqeda nya ukungalingani esikhathini esidlule okuhlobene nokuphakelwa kwamanzi, uphinde uhlinzeke ngezindlela ezisebenzayo nezisheshayo zokuxazulula izingxabano zangaphakathi. 

D.    Abaqashiwe 
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo zemfundo kanye nokuhlolwa okufanele.
1.    Mnu. Kuberndran Moodley esikhundleni sokuba nguMphathi Jikelele: Kwezokukhiqiza Nobunjiniyela e-Government Printing Works.
2.    Mnu. Sihle Ngubane esikhundleni sokuba nguMphathi Jikelele: Kwezokuphathwa Kwemisebenzi e-Government Printing Works. 
3.    Nks. Mmolaeng Mooki esikhundleni sokuba nguMphathi Jikelele: Kwizinsizakalo zeNkampani e-Government Printing Works. 

4.    Ukubekwa kwabaqondisi abangebona abaphathi beBhodi le-South African Special Risk Insurance Association
4.1.    Nks. Deshnie Subbiah; kanye
4.2.    noMnu. Jannie Venter.

5.    Ukubekwa kwabaqondisi abangebona baphathi beBhodi le-Development Bank of Southern Africa
5.1.    Mnu. Bongani Nqwabana (uphinde wabekwa);
5.2.    Mnu. Petrus Matji (uphinde wabekwa);
5.3.    Nks. Pinkie Nqeto (uphinde wabekwa);
5.4.    Mnu. Jonathan Muthige;
5.5.    Nks. Chantal Naidoo;
5.6.    Nks. Disebo Moephuli;
5.7.    Mnu. Barry Hore;
5.8.    Mnu. Joel Netshitenzhe; 
5.9.    Slz. Edgar Pieterse; kanye
5.10.    noNks. Zodwa Mbele. 

E.    Imicimbi Ezayo

1.    INyanga Yezokuthutha 
1.1.    Kulo nyaka iNyanga Yezokuthutha izogujwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Siyakha – Sakha ingqalasizinda engcono ezokhulisa iNingizimu Afrika”. 
1.2.    INyanga Yezokuthutha ngowezi-2023 izogxila kutshalomali olukhulu kwingqalasizinda yezokuthutha, kanye nekhwelo lokuthatha igxathu lokuvikela ingqalasizinda yezokuthutha ukuthi ingebiwa futhi ingacekelwa phansi.

2.    Usuku Lomhlaba Lothisha 
2.1.    INingizimu Afrika izohlanganyela nomhlaba wonke ekukhumbuleni uSuku Lomhlaba Lothisha ngoLwesine, mhla wesi-5 kuMfumfu 2023, ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Othisha esibadingela imfundo esiyifunayo: Ukubaluleka komhlaba ukuthi uvale igebe lokuntuleka kothisha”. Lolu suku kuhloswe ngalo ukuqwashisa, ukuqondisisa kanye nokubonga igalelo elibaluleke kakhulu elifakwa ngothisha kwezemfundo kanye nentuthuko emhlabeni jikelele.
2.2.    Lolu suku luphinde lwamenyezelwa ngokuhlanganyela yiNhlangano Yabasebenzi Yamazwe Ngamazwe kanye neNhlangano Yezizwe Ezibumbene Yezemfundo, Isayensi Namasiko njengendlela yokubungaza umsebenzi obaluleke kakhulu owenziwa ngothisha.  

F.    Imiyalezo

1.    Ukuhalalisa
IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 

  • UJenene Bheki Cele, uNgqongqoshe Wamaphoyisa, oklonyeliswe nge-Great Wall Commemorative Medal ephuma e-People’s Republic of China ngegalelo loPhiko Lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika lokusebenzisana ekuqinisekiseni ukuthotshelwa komthetho phakathi kwala mazwe womabili. 
  • Nks. Angie Motshekga, uNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo, ngokukhethwa nguNobhala-Jikelele we-UN, uMnu. Antonio Guterres, ukuthi abe yingxenye ye-Global High-Level Panel okuyithimba elizomeluleka ngokuthi amazwe angaziguqula kanjani izindlela-kusebenza kwezemfundo. Ukukhethwa kukaNgqongqoshe u-Motshekga kuleli thimba eliphezulu kubonisa ukungcitha-buchopho bakhe emkhakheni wezemfundo futhi kubonisa ukuthi indlela yezemfundo eNingizimu Afrika ithenjiwe.
  • Ithimba liqukathe abamele iNhlangano Yabasebenzi Yamazwe Ngamazwe, iThimba Lothisha beNhlangano ye-UN Yezemfundo, Isayensi Namasiko, Izinyonyana Zothisha Zomhlaba kanye noNgqongqoshe bezemfundo abathathu. OMongameli baphambilini ababili bebebambisene ngokuba ngosihlalo baleli thimba.  
  • I-Cape Town Film Studios, abalingisi balapha ekhaya, nalaba abenza ama-stunt, ngomsebenzi wabo abawenze kuchungechunge lomdlalo odlala ku-Netflix, osihloko sithi One Piece, obe sesicongweni emhlabeni jikelele enkundleni yezobuchwepheshe.
  • Van Ryn's Distillery, ngokuklonyeliswa ngendebe ye-World's Best Brandy ngogologo ohluzisisiwe iminyaka eyi-12 emncintisanweni we- 2023 International Spirits Challenge e-London.

2.    Amazwi Enduduzo 
IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani balaba abalandelayo: 

  • Mnu. Aziz Goolam Hoosein Pahad (82), isishoshovu saphambilini ebesilwisana nobandlululo nowaba yiPhini likaNgqongqoshe Wezindaba Zangaphandle lokuqala likahulumeni wentando yeningi labantu waseNingizimu Afrika kusuka ngowe-1994 kuya ngowezi-2008. 
  • Lieutenant Commander Gillian Elizabeth Hector, u-Master Warrant Officer William Masela Mathipa, kanye no-Warrant Officer Class One Mmokwapa Lucas Mojela, abashone besemsebenzini ngesikhathi bephakathi komkhumbi-ngwenya, i-SAS Manthatisi, ngaphandle-nje kwase-Kommetjie eNtshonalanga Kapa. 
  • Abasebenzi basemayini abangama-22 base-Venetia Diamond Mine e-Limpopo, abashone engozini yomgwaqo eMusina (eSifundeni sase-Vhembe). 
  • Nks Zoleka Mandela (43), umbhali kanye nesishoshovu, nongumzukulu wamaqhawe ayelwisana nobandlululo u-Nelson Mandela no-Winnie Madikizela-Mandela.
  • Abantu abayishumi nanye abashone ngenxa yesimo sezulu esibi ebesihlasele izingxenye eziningana zezwe lakithi evikini eledlule.

Imibuzo: Nks. Nomonde Mnukwa – iBamba likaSomlomo kaHulumeni 
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485

Share this page

Similar categories to explore