Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe nge-inthanethi ngoLwesithathu, mhla zizi-4 kuNcwaba 2021

A.  IZINDABA EZISEMATHENI

1.  Ukukhishwa komgomo weSifo seGciwane le-Corona (i-COVID-19)

1.1.  Uhlelo lokugoma lukazwelonke seluhamba ngesivinini esikhulu futhi umkhakha wezempilo (okahulumeni nozimele) ugoma okungenani abantu abayisigidi esisodwa ngezinsuku ezintathu. Kuze kube manje, bangaphezu kwezigidi eziyisishiyagalombili abantu baseNingizimu Afrika asebegonyiwe. Uma kubhekwa isivinini oluqhubeka ngaso njengamanje uhlelo lokugoma, akusensuku zatshwala uMongameli amemezele usuku olubuyekeziwe okuhloswe ukufinyelela ngalo esigabeni lapho izobe seyigonyiwe futhi seyivikelekile ingxenye enkulu yabantu bakuleli, futhi okuyokwenza ukuthi igciwane lingabe lisakwazi ukusabalala ngamandla emphakathini.
1.2.  IKhabhinethi liyaqhubeka nokunxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baphume bayogonywa, njengoba lokhu kusalokhu kuyisona isikhali esinamandla futhi esisebenza kahle kakhulu empini yokulwisana ne-COVID-19. Manje abantu sebengahamba bayogonywa kunoma yisiphi isikhungo sokugoma ngisho bengasibekisanga isikhathi nosuku abazofika ngalo, futhi okumele bakwenze nje wukuzifikela mathupha ezikhungweni zokugoma bephethe omazisi babo ukuze babhaliswe bese begonywa emva kwalokho.
1.3.  IKhabhinethi likwamukele ngezandla ezimhlophe ukufika kwemigomo yakwa-Pfizer engu-5.6 wezigidi kuleli viki, enikelwe yizwe laseMelika kuleli, okuyinto ezoqinisekisa ukuthi kuleli lizwe kunemigomo eyanele ukuze kuqiniswe futhi kusheshiswe uhlelo lwethu lokukhishwa kwemigomo. 
1.4.  Kusukela mhla lu-1 kuMandulo 2021, abantu abaneminyaka eyi-18 kuya kwengama-34 bazobe sebefanelekile ukuthola umgomo.
1.5.  IKhabhinethi likuphawulile ukwehla okukhulu kwezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu eNingizimu Afrika emva kokuba izwe selidlulile ngokusemthethweni esiqongweni sehlandla lesithathu. Kodwa-ke, izifundazwe ezine – okuyiNtshonalanga Kapa (nakuba isanda ukumemezela ukuthi yona seyifikile esiqongweni), iNyakatho Kapa, iNyakatho Ntshonalanga kanye neFreyistata – zilokhu zibonisa ukudlondlobala kwamazinga ezigameko ezintsha zokutheleleka kwabantu.
1.6.  IKhabhinethi ligcizelelile kwikhwelo lalo elibhekiswe kubo bonke abantu eNingizimu Afrika ukuba baqhubeke nokuthobela imigomo ebekiwe yokunqanda nokuvimbela igciwane, okungukugqoka isifonyo, ukugeza izandla, ukuqhela ngamamitha angu-1.5 kwabanye abantu kanye nokugwema imibuthano lapho kuqoqene khona izindimbane zabantu. 

2.    Ukuvulwa kwezikole 

2.1.  IKhabhinethi likuthokozele ukuvulwa kwezikole ngaphandle kwezihibe, ikakhulukazi ukubuyela ezikoleni kwabo bonke abafundi bamabanga aphansi njengoba bona sebezofunda nsuku zonke. IKhabhinethi linxuse zonke izikole ukuthi ziqhubeke nokusebenza ngaphansi kwemigomo yezempilo ebekiwe futhi eyaziwayo yokunqanda i-COVID-19. 
2.2.  Isinqumo sokubuyisela bonke abafundi bamabanga phansi ezikoleni ukuze bonke baqale ukufunda nsuku zonke sathathwa emva kokubheka kanye nokubona ukuthi lokho kuyadingeka ngenhloso yokubhekelela izidingo zabafundi futhi ukuze kubuyiswe isikhathi sokufunda esalahleka ngesikhathi sokuvalwa thaqa kwezwe.

3.  Isivumelwano samaholo somkhakha wezeMisebenzi Kahulumeni

3.1.  IKhabhinethi lidlulise ukubonga kubasebenzi bakahulumeni kanye nalabo abebeyingxenye yezingxoxo zamaholo, ngokuthi babeke izwe nabantu balo phambili, kulandela ukusayinwa, kamuva nje, kwesivumelwano sokukhushulwa kwemiholo emkhakheni wezeMisebenzi Kahulumeni.
3.2.  IKhabhinethi likuthokozele ukuthi bonke ababandakanyekayo kulokhu babonise ubuholi ngokuhlanganyela kanye nokuzimisela okukhulu ekutholeni isixazululo esihlomulisa abasebenzi bakahulumeni ngokunjalo futhi nezakhamuzi, futhi linxusa wonke umuntu ukuthi aqhubekele phambili ngomoya ofanayo wobambiswano nokukhathalela izwe.

4.    Ezakamuva mayelana nesimo sokuphepha nokuvikeleka ezweni

4.1.  IKhabhinethi liyayamukela imizamo yabomthetho yokusheshisa ukubuyiselwa kozinzo kanye nesimo kwesejwayelekile Kwazulu-Natali kanye nase-Gauteng. 
4.2.  IKhabhinethi libancomile futhi abomthetho ngenqubekela-phambili abayenzayo ekubopheni nokushushisa labo abebebhebhezela udlame futhi lithanda ukuqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi kuzokwenziwa konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi babhekana nengalo yomthetho abenzi bodlame nothuthuva olwenzeke kulezi zifundazwe ezimbili.
4.3.    Kuze kube manje bayisithupha abasolwa asebeboshiwe futhi abavele phambi kwezinkantolo ezihlukahlukene ngamacala okususa uthuthuva emphakathini futhi abomthetho kanye noPhiko Lukazwelonke Lwezokushushisa bamatasa nomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi labo ababekwe amacala bashushiswa ngempumelelo. 
4.4.  IKhabhinethi likuphawulile ukuthi inani labantu abashone kulolu dlame selibuyekeziwe labekwa kuma-354, kanti inani labantu okubikwa ukuthi bashone ngenxa yodlame olwenzeke e-Gauteng lona aligakuquki njengoba lime kuma-79 futhi inani labashonile e-KZN belime kuma-275 ngokwezibalo zayizolo mhla zizi-4 kuNcwaba 2021.
4.5.  Maqondana nenani labantu okubikwa ukuthi bashonile e-KZN, uMkhandludolobha weTheku yiwona onesibalo esiphezulu sabantu abashonile njengoba beyi-122. Kubantu abashone eThekwini, bangama-36 okubikwe ukuthi bashone e-Phoenix (lapho sekuvulwe amacala okubulala angama-29 futhi kunophenyo olwenziwayo mayelana nokufa kwabanye abantu abayisikhombisa, kanti kuze kube manje bangama-22 abasolwa asebeboshiwe maqondana namacala okubulala e-Phoenix futhi laba sebevelile phambi kwenkantolo). 
4.6.  IKhabhinethi linxusa imiphakathi e-KZN ukuthi isebenze ngokubambisana futhi isekele imizamo kahulumeni yokubhekana nokungezwani kanye nesimo esimanzonzo esikhona phakathi kwezinhlanga futhi kubhekwane nesimo esiza isinyelela esingabeka engcupheni futhi sidicilele phansi amagugu abasunguli beNingizimu Afrika ebuswa ngentando yabantu, engacwasi ngokobuhlanga futhi enokulingana, abadela inkululeko yabo kanye nezimpilo zabo belwela yona. 

5.    Ukwakhiwa kabusha komnotho

5.1.  IKhabhinethi lilwamukele ngezandla ezimhlophe usizo lwezimali oluyizigidigidi ezingama-36 zamarandi oluvela kuhulumeni oluyingxenye yeqoqwana lesibili lephakheji yokungenelela okuhloswe ngayo ukutakula nokusimamisa izwe kumthelela wobhubhane lwe-COVID-19 futhi okuyisimo esibhebhethekiswe kakhulu nawuthuthuva nokucekelwa phansi kwamabhizinisi okwenzeke KwaZulu-Natali, e-Gauteng kanye nakwezinye izingxenye zesifundazwe saseMpumalanga (nakuba zibe yingcosana kakhulu izigameko ezenzeke kulesi sifundazwe). 
5.2.  Ingxenye enkulu yalolu sizo lwezimali iqondene neSibonelelo sama-R350 Sokubhekelela Labo Ababhekene Nobunzima Nenhlupheko, phecelezi, i-Social Relief of Distress Grant, okuyisibonelelo-mali okuhloswe ngaso ukuxosha ikati eziko kulabo bantu ababhuqwabhuqwa kakhulu wubuphofu nendlala emphakathini kanti futhi enye yale mali izongena kwiphakheji yosizo okuhloswe ngayo ukweseka abasebenzi kanye namabhizinisi. Uhulumeni uyaqhubeka nemizamo yokuthola iphakheji yosizo olwengeziwe ukuze kuqinisekiswe ukuvuselelwa komnotho ngokushesha ngokuhambisana noHlelo Lokwakha Kabusha Nokuvuselela Umnotho.
5.3.  Umsebenzi wokwakha kabusha umnotho ngumsebenzi osemahlombe abo bonke abantu baseNingizimu Afrika. IKhabhinethi linxuse zonke izakhamuzi kanye nabomkhakha ozimele ukuba nabo bazibandakanye emizamweni yokwakha kabusha ngokuhlanganyela, kangcono futhi ngokushesha ukuze iNingizimu Afrika ibe yizwe elichumayo, elinokulingana futhi elingcono. 

6.  Ezamandla kagesi

6.1.  IKhabhinethi likwamukelile ukuphothulwa kweSiteshi Esiphehla Amandla Kagesi i-Medupi njengoba zonke izingxenye zaso zokuphehla amandla kagesi eziyisithupha sezixhunyiwe esikhungweni samandla kagesi sikazwelonke. Lokhu kuzolekelela kakhulu ekunciphiseni ingcindezi ekhona phezu kwesikhungo samandla kagesi sikazwelonke futhi uhulumeni uzibophezele ekutheni uzolokhu egxile njalo ekuqinisekiseni ukuthi kunamandla kagesi anele kuleli lizwe. 
6.2.  IKhabhinethi lithanda ukuhalalisela uNks Zandi Shange, uMqondisi Womklamo weSiteshi Samandla Kagesi i-Medupi ngokuqinisekisa ukuphothulwa komsebenzi wokwakhiwa kwalesi sikhondlakhondla sesiteshi esiphehla amandla kagesi kanye nokuqinisekisa ukuthi siwaphakela ngokuphelele amandla kagesi esikhungweni sikazwelonke samandla kagesi. Ngenkathi kuqoshwa umlando wobunjiniyela bokwakha, abesifazane bezwe lethu bazomeleka ngokuphelele njengoba uNks Shange engowesifazane wokuqala wase-Afrika ukuqhuba nokuphothula ngempumelelo umklamo omkhulu kangaka.
6.3.  Uhulumeni usenxuse abaphathi ngokunjalo futhi nabasebenzi bakwa-ESKOM ukuthi baqhubeke nomsebenzi wabo njengoba kuhleliwe futhi baphothule ukwakhiwa kwalezi ezinye iziteshi eziphehla amandla kagesi ezisilele kubandakanya neziteshi eziphehla amandla kagesi avuselelekayo.

7.   Ubungqapheli bezwe lakwa-Israel kwiKhomishana YeNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AUC)

7.1.  IKhabhinethi liyaphikisana kakhulu nesinqumo sikaSihlalo we-AUC esingenabo neze ubulungiswa futhi esithathwe ngaphandle kokubonisana namanye amalungu sokunikeza izwe lakwa-Israel imvume yobungqapheli kwiNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU). I-AU ingummeleli osemthethweni wawo wonke amazwe ase-Afrika angamalungu ayo okumele kuboniswane nawo mayelana nezinqumo ezinjalo. 
7.2.  I-AU imele izifiso zabo bonke abantu base-Afrika futhi emahlombe ayo ithwele uphawu lokwethenjwa kobuholi bayo ngabantu base-Afrika. Ngakho-ke, kumele izame ukuthatha izinqumo ezingangqubuzani nemigomo kaSomqulu we-AU.
7.3.  Ukuhlala ngodli kwezwe lwakwa-Israel emhlabeni wase-Palestine okulokhu kuqhubeke njalo kuyisenzo esingenabo nakancane ubulungiswa futhi esiyihlazo elikhulu, esiphuca abantu base-Palestine amalungelo abo esintu.  Lesi sinqumo esithathwe ngaphandle kokubonisana namanye amalungu silandela ezithendeni zezigameko zakamuva nje ezingenabo neze ubulungiswa zokuhlaselwa kwabantu base-Palestine ngabakwa-Israel eMpumalanga Jerusalema kanye nase-Gaza.
7.4.  IKhabhinethi linxusa i-AU ukuthi isicabangisise kabusha isinqumo sayo esithathe ngaphandle kokubonisana namanye amalungu ayo sokunikeza izwe lakwa-Israel imvume yobungqapheli kwi-AU. IKhabhinethi lisalokhu lizibophezele ngokungangabazekiyo emizamweni okuhloswe ngayo ukuvuselela inqubo yezepolitiki eyoholela ekusungulweni kombuso wase-Palestine osebenza kahle futhi ozimele, ophilisana nezwe lakwa-Israel njengamazwe amabili azimele futhi angomakhelwane. 

B.   IZINQUMO ZEKHABHINETHI

1.  Ukubungazwa kweNyanga Yabesifazane 

1.1.  IKhabhinethi lisigunyazile isiqubulo kanye nemisebenzi ezokwenziwa eqondene nemibungazo yalo nyaka yeNyanga Yabesifazane, okuyimibungazo ehlonipha futhi ithulele isigqoko abesifazane abangaphezu kwezi-20 000 ababamba imashi belibangise eziNdlini Zombuso ePitoli mhla ziyisi-9 kuNcwaba 1956 bebhikishela ukwelulwa kweMithetho Yamapasi  phezu kwabesifazane. 
1.2.  Imicimbi yalo nyaka izogujwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Unyaka ka-Charlotte Maxeke: Sifezekisa Amalungelo Abesifazane”. Lesi siqubulo sihambelana nomgubho ozoqhubeka unyaka wonke weminyaka eyi-150 yengqalabutho yoMzabalazo u-Charlotte Mannya Maxeke. 
1.3.  Izenzo zalaba besifazane ezibonisa isibindi ziyasikhuthaza ukuthi sakhe kabusha izwe lethu ukuze liqine kakhulu kunakuqala emva kodlame lomphakathi lwakamuva nje olwenzeke KwaZulu-Natali kanye nase-Gauteng, ngokunjalo futhi nokukhahlamezeka kwenhlalo-mnotho nezempilo ngenxa yomthelela we-COVID-19. Lezi zigameko zisibonisile ukuthi uma simunye futhi sibumbene njengesizwe esithanda uxolo futhi esiwuthobelayo umthetho, singayinqoba noma iyiphi inselele esihlangabezana nayo.
1.4.  Nakuba izwe lethu selenze amagxathu amakhulu maqondana namalungelo abesifazane, kusekuningi impela okudingeka ukuba kwenziwe ukuqinisa ukulingana ngokobulili nokulwisana nesihlava sodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile kanye nokuxhashazwa kwabesifazane emphakathini wethu. 
1.5.  IKhabhinethi liyinxusile yonke imikhakha yomphakathi ukuba yenze izinqubomgomo zokulingana ngokobulili zibe yisinkwa sethu semihla ngemihla, ngokunjalo futhi ibhukule ilwisane nodlame olubhekiswe kwabesifazane ngokubika abenzi bobubi esiteshini samaphoyisa esiseduzane.

2.    Umbiko woPhenyo Lwekomidi LoNgqongqoshe Abahlukahlukene (i-IMC) Oqondene Nohlelo Lukazwelonke Lokuxhaswa Kwabafudi Ngosizo Lwezimali (i-NSFAS) 

2.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukukhishwa kombiko woPhenyo lwe-IMC maqondana ne-NSFAS. Ikomidi laqokwa ngoNhlaba 2020 ukuba licubungule futhi liphenye izinqubo zebhizinisi, izinhlelo kanye namandla e-NSFAS okwenza lokho okuyigunya nomsebenzi wayo. 
2.2.  Uphenyo lwabe lugxile kwizimbangela zezinkinga ehlangabezana nazo i-NSFAS kanye nokuqaliswa kohlelo olusha lomfundaze kusukela ngowezi-2018. Uphenyo luhlinzeke ngezincomo eziwusizo olukhulu maqondana nokwenziwa ngcono kwemisebenzi ye-NSFAS.  
2.3.  IKhabhinethi likuthokozele ukuthi ezinye zalezi zincomo seziqalisiwe kakade. Umbiko uyatholakala kuwebhusayithi yoMnyango Wezemfundo Ephakeme Nokuqeqeshwa ku: www.dhet.gov.za.

3.   Uhlelo Lukazwelonke Lwengqalasizinda (i-NIP) lwezi-2050

3.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kwe-NIP yowezi-2050 ukuze umphakathi uphawule ngayo. Lolu hlelo yilona oluqhuba umkhankaso wezwe wokutshalwa kwezimali kwingqalasizinda, futhi oludidiyela iminotho yase-Afrika ngokusebenzisa eminye yemiklamo yalo yesifunda.
3.2.  Ngaphezu kokuqhuba umsebenzi wokukhuliswa komnotho, lolu hlelo luzolungisa futhi nezinkinga zesikhathi sobandlululo zokuhlaliswa kwabantu ngendlela engenabo neze ubulungiswa. Uhlelo lusekelwe phezu kokubamba iqhaza kukahulumeni, amabhizinisi, izikhungo nezinkampani zombuso kanye nezinhlangano zomphakathi wonkana. 
3.3.  Imikhakha eseqhulwini kulolu hlelo ngumkhakha wezamandla, owokuthuthwa kwempahla, amanzi kanye nokuxhumana ngobuchwepheshe besimanjemanje. I-NIP 2050 izoshicilelwa kuSomqulu Kahulumeni khona maduze nje ukuze kuboniswane ngayo nomphakathi.

4.  Ukufakwa koPhiko Oluxhasa Amabhizinisi Amancane Ngezimali (i-SEFA) kanye noPhiko Lokuthuthukiswa Kwamabhange Ayimifelandawonye- (i-CBDA) ngaphansi koPhiko Lokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane (i-SEDA) 

4.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukufakwa kwe-SEFA ne-CBDA ngaphansi kwe-SEDA. Ukuhlanganiswa kwalezi zikhungo kuzokwenza ukuthi uhulumeni akwazi ukuhlinzeka amabhizinisi asafufusa kanye nemifelandawonye ngosizo oludidiyelwe kusukela mhla lu-1 kuMbasa 2022. 
4.2.  Uphiko oluhlongozwayo olulodwa oluhlanganisa izikhungo ezihlukahlukene luzohlinzeka lawa mabhizinisi ngakho kokubili usizo lwezimali kanye nosizo olungaphathelene nezimali. Ngokuhlanganisa ndawonye zonke izinsiza, lolu phiko luzokwazi ukuba negalelo elikhulu impela futhi lufinyeleleke kuzo zonke izifunda nemikhandlu-dolobha. 
4.3.  Ukufakwa kwalezi zikhungo osekugunyaziwe kuzoholela ekuhlelweni kabusha kwe-SEDA (ezoqanjwa igama elisha ngokuhamba kwesikhathi) ngokoMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zikahulumeni, we-1999 (uMthetho 1 we-1999) isuka ekubeni yisikhungo ngokweSheduli 3A ibe yisikhungo ngokweSheduli 2.
4.4.  IKhabhinethi likugunyazile ukwelulwa kwesikhathi sokusebenza kweBhodi le-SEFA kuze kube ngumhla zingama-31 kuNdasa 2022 ukuze kuhanjelaniswe kahle ukuqala kokusebenza kwendlela-kusebenza ezolandelwa okwesikhashana ngenkathi kwenzeka lolu guquko. 

5.  Izinkambiso Namazinga okuqhutshwa komsebenzi ngokuphepha kwezokuvakasha ngenkathi kuqhubeka i-COVID-19 kanye nezinye izifo eziwubhubhane 

5.1.  IKhabhinethi lizigunyazile iziNkambiso Namazinga okuqhutshwa komsebenzi ngokuphepha kwezokuvakasha ngenkathi kuqhubeka i-COVID-19 kanye nezinye izifo eziwubhubhane ezihlobene nalokhu. 
5.2.  Izinkambiso namazinga kuhlinzeka ngezinyathelo eziyisisekelo zezempilo nokuphepha ezifanayo ezizoqinisekisa ukuqhutshwa komsebenzi ngendlela efanayo emkhakheni wezokuvakasha wonkana. Lokhu kuzofaka phakathi izinsizakalo ezinjengezindawo zokuhlalisa nokulalisa izivakashi, ukudla, abaqhubi bezokuvakasha, izindawo zokugembula, imishado kanye neminye imicimbi nemisebenzi ehlobene nalokho. 
5.3.  Lokhu kusenza sibe sesigabeni esifanayo futhi esilinganayo nezimakethe zamazwe ngamazwe, futhi kuzokwenza ukuthi lo mkhakha uvulwe ngokuphelele ukuze ukwazi ukwamukela abavakashi abafikayo kuleli bevela emazweni angaphandle.

6.  INgqungquthela Kazwelonke Maqondana Nokufuduka Nokuthuthela Kwabantu Emadolobheni eNingizimu Afrika

6.1.  IKhabhinethi liyigunyazile iNgqungquthela Kazwelonke Maqondana Nokufuduka Nokuthuthela Kwabantu Emadolobheni eNingizimu Afrika, eyabanjwa ngobuchwepheshe be-inthanethi kusukela mhla zingama-26 kuya kumhla zingama-30 kuNtulikazi 2021. Ukufuduka nokuthuthela kwabantu emadolobheni sekube yingxenye yezinto ezine eNingizimu Afrika eziphathelene neNqubomgomo Yezabantu ezibekwe eqhulwini kusukela ngowezi-2015.
6.2.  Ingqungquthela yacubungula imininingo nolwazi olukhona njengamanje oluphathelene nephethini yokufuduka nokuthuthela kwabantu emadolobheni   kuleli. Ulwazi olunjalo luyisisekelo sobufakazi bokuthuthukiswa kwezinqubomgomo nezinhlelo, kubandakanya nomsebenzi wokuhlela owenziwayo kuyona yomithathu imikhakha kahulumeni.
6.3.  Ingqungquthela yayihlelwe ngokuhlanganyela neminyango kahulumeni efanelekile, nomphakathi wezocwaningo kanye nezinhlangano zomphakathi wonkana. Ingqungquthela yaphothulwa ngokuthi kusungulwe iNkundla Yemininingo Nocwaningo Lokufuduka Nokuthuthela Kwabantu Emadolobheni ezoba ngumthombo wolwazi wokweseka umsebenzi ophathelene nokufuduka nokuthuthela kwabantu emadolobheni.  

7.  Ukukhethwa kweNingizimu Afrika njengeSizinda Sesifunda Sesimo Sezulu Somkhathi esiqokiwe seNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezokuhamba Emoyeni Ngezindiza (i-ICAO)

7.1.  IKhabhinethi likugunyazile futhi lakwamukela ukuqokwa kweNingizimu Afrika njengeSizinda Sesifunda Sesimo Sezulu Somkhathi se-ICAO. Lokhu kwamenyezelwa emva kokuba iNingizimu Afrika ithole imiphumela yokucwaningwa kwamabhuku emihle kakhulu evela ku-ICAO. 
7.2.  INingizimu Afrika, ngokusebenzisa uPhiko Lukazwelonke Lwezomkhathi lwaseNingizimu Afrika, iqokiwe ukuba ihlinzeke ngolwazi oluphathelene nesimo sezulu somkhathi, manje osekuwulwazi oselwamukelwe ngokusemthethweni yi-ICAO njengezinga lazo zonke izidingo zokuhamba ngezindiza emoyeni. 
7.3.  INingizimu Afrika inikezwe isikhathi esiyiminyaka emithathu ukuba ilungise amandla ayo okusebenza, njengamanje angakafinyeleli ezingeni elifanelekile, ukuze ihlangabezane kahle nezidingo ze-ICAO. Izidingo ze-ICAO zidinga ukuthi umsebenzi wenziwe amahora angama-24 nsukuzonke futhi kube nethimba elisunguliwe lababikezeli besimo sezulu abaqeqeshiwe kanye nabacwaningi abangongoti bezomkhathi. INingizimu Afrika seyinikeziwe futhi nemvume yokusebenzisana nombimbi lwaseYurophu lwabasebenzisi bolwazi lwesimo sezulu emkhathini okuhamba kuwona izindiza emoyeni, phecelezi i-Pan-European Consortium for Aviation Space Weather User Service.
7.4.  Ukuqokwa kweNingizimu Afrika kuyinikeza ithuba lokuba ikhulise ubuchwepheshe bayo bezesayensi nobunjiniyela kanye nomkhakha wokuqanjwa nokusungulwa kwezinto ezintsha, futhi kubeka leli lizwe ebalazweni njengombambiqhaza osemqoka kwezesayensi yomkhathi emhlabeni wonke jikelele.

8.  Isivumelwano Sobambiswano Lwesifunda sase-Afrika oluqondene noCwaningo, Intuthuko kanye Nokuqeqeshwa okuhlobene neSayensi Nobuchwepheshe Benuzi (i-AFRA)

8.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa ePhalamende kwesivumelwano esibuyekeziwe (i-AFRA) esizoqhubeka sisebenze kuze kuphele eminye iminyaka emihlanu engeziwe. I-AFRA yisivumelwano phakathi kohulumeni bamazwe ahlukahlukene esasungulwa ngamazwe ase-Afrika ngenhloso yokuqinisa kakhudlwana nokukhulisa igalelo lesayensi nobuchwepheshe benuzi ekuthuthukisweni kwenhlalo-mnotho ezwekazini lase-Afrika.
8.2.  INingizimu Afrika iyilungu elibambe iqhaza ngenkuthalo le-AFRA futhi isebenzisana namanye amazwe angamalungu ukugqugquzela izinjongo zalesi sivumelwano ezwekazini lase-Afrika.

9.  Inqubomgomo Kazwelonke Yokudotshwa Kwezinhlanzi Ezingafuyiwe Ezitholakala Emanzini Angenasawoti Emifula Namachibi (Ezindaweni ezimaphakathi nezwe)

9.1.  IKhabhinethi liyigunyazile iNqubomgomo Kazwelonke Yokudotshwa Kwezinhlanzi Ezingafuyiwe Ezitholakala Emanzini Angenasawoti Emifula Namachibi (Ezindaweni ezimaphakathi nezwe) ukuze iqale ukusebenza. Le nqubomgomo ihlinzeka ngemithethonqubo yokulawula kahle umkhakha wezokudoba ezindaweni ezimaphakathi nezwe. Futhi yenza ukuthi ithathwe njengesemthethweni leyo misebenzi eyenziwa ngabadobi abancane okwamanje ethathwa njengemisebenzi engahlelekile futhi engaqhutshwa ngokusemthethweni. 
9.2.  Inqubomgomo, phakathi kokunye, ihlinzekela ukusungulwa kwezikhungo zokulawula umsebenzi wokudoba ngendlela ethuthukisayo; ukweseka uchungechunge lemisebenzi ekhulayo yokudoba nokulungisa imikhiqizo yomkhakha wezokudoba ezindaweni ezimaphakathi nezwe; ukuphathwa komsebenzi osimeme futhi ozoqhubeka isikhathi eside wokudoba ezindaweni ezimaphakathi nezwe futhi ixazulula izinkinga eziphathelene nokulingana noguquko kulo mkhakha.

10.  Ikhalenda ehlongozwayo yokukhishwa kwezibalo-manani zobugebengu zonyakamali wezi-2021/22 ngaphambi kwesikhathi soshicilelo oluphelele

10.1.  IKhabhinethi liyigunyazile ikhalenda ehlongozwayo yokukhishwa kwezibalo-manani zobugebengu zonyakamali wezi-2021/22 ngaphambi kwesikhathi soshicilelo oluphelele. Ikhalenda ehlongozwayo yokukhishwa kwezibalo-manani zobugebengu ezisilele kuzoba nguNcwaba 2021 maqondana nekota yokuqala kanye noLwezi 2021 maqondana nekota yesibili. Izibalo-manani zobugebengu zekota yesithathu neyesine zizokhishwa ngoNhlolanja kanye noNhlaba 2022 ngokulandelana. 

C.  IMITHETHOSIVIVINYWA

1.  Isichibiyelo Somthethosivivinywa Wezabantu Abadala wezi-2021

1.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa kweSichibiyelo Somthethosivivinywa Wezabantu Abadala wezi-2021 ukuze wethulwe ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezabantu Abadala, wezi-2006 (uMthetho we-13 wonyaka wezi-2006) okuyiwona osebenzayo njengamanje. 
1.2.  Izichibiyelo zihlose ukuqinisa izinyathelo ezivikela abantu asebekhulile ngokweminyaka. Lokhu kuthuthukisa futhi kwenze ngcono imisebenzi nosizo oluhlinzekwa kubantu abadala olunjengezibonelelo zikahulumeni, ezempilo, ukunakekelwa kwabantu abadala abahlala emakhaya emphakathini kanye nokunakekelwa kwalabo abahlala emakhaya abantu abadala.  
1.3.  UMthethosivivinywa ohlongozwayo wethula ukubhekwa ngamehlo okhozi kanye nokuhlolwa kosizo nezinsizakalo ezihlinzekwa kubantu abadala. Uhlinzekela futhi nokususwa kwabantu abadala abanokukhubazeka esimweni esingenayo impilo nempatho enhle, ngaphandle kokuba kuqale kudingeke ukuthi kutholakale uMyalelo Wenkantolo.

2.  Uhlaka Lwesichibiyelo Somthethosivivinywa Wezezinhlangano Ezingenzi Nzuzo (ama-NPO) wezi-2021 

2.1.  IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kohlaka lweSichibiyelo Somthethosivivinywa wama-NPO ukuze umphakathi uphawule ngawo. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho wama-NPO, we-1997 (uMthetho wama-71 wonyaka we-1997) okuyiwona osebenzayo njengamanje. Ngalo Mthetho kwabe kuhloswe ukwakha isimo esikahle lapho kungasungulwa kahle ama-NPO futhi akwazi ukusebenza ngobunyoninco. Ngokuhamba kwesikhathi sekube namagebe ahlonziwe, ikakhulukazi maqondana nama-NPO amancane kanye nezinhlangano zomphakathi ezincane. 
2.2.  Lesi sichibiyelo esihlongozwayo sixazulula izinselele ahlangabezana nazo ama-NPO amancane; sixazulula inkinga yokuxhashazwa kwama-NPO futhi senza lula izinqubo zokufinyeleleka. Isichibiyelo siphakamisa futhi ukuthi kusungulwe uMgcinimabhuku wama-NPO ukuze kuqiniswe ukuhlinzekwa ngosizo, ukuqashelwa kanye nokugqugquzelwa kokusebenza ngendlela esobala kanye nokuphendula kwama-NPO ngemisebenzi yawo.

D.    UMCIMBI OZAYO

1.  Usuku Lwabesifazane 
1.1.  UMongameli u-Cyril Ramaphosa uzokwethula inkulumo yoSuku Lwabesifazane ngobuchwepheshe be-inthanethi ngoMsombuluko mhla ziyisi-9 kuNcwaba 2021, njengengxenye yokugubha kwezwe lethu iNyanga Yabesifazane ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Unyaka ka-Charlotte Maxeke: Sifezekisa Amalungelo Abesifazane”.

E.    IMIYALEZO

1.   Amazwi okuhalalisa
IKhabhinethi lidlulise amazwi okuhalalisa kanye nezilokotho ezinhle kulaba: 

  • U-Tatjana Schoenmaker, ngokuhlabana kwakhe ngendondo yegolide yokuqala yeNingizimu Afrika emqhudelwaneni wemidlalo yama-Olimpiki e-Tokyo, kwelase-Japan emva kokudlana imilala nabanye ababhukudi emjahweni wamanqamu wabesifazane i-200m breaststroke final awunqobe ngokwephula irekhodi lomhlaba. Ngaphambilini kwalokho ubehlabane ngendondo yesiliva emjwahweni we-100m breaststroke.
  • U-Bianca Buitendag, ngokuzihlabanela ngendondo yesiliva kowamanqamu lapho ebeqhudelana nomunye owesifazane emdlalweni wokuntweza phezu kwamagagasi olwandle. Le mpumelelo enkulu kangaka yalezi zintokazi emqhudelwaneni wama-Olimpiki e-Tokyo seyenze ukuthi inani lezindondo esezizuzwe yizwe lethu lifinyelele ezindondweni ezintathu uma sezizonke. 
     

2.    Amazwi enduduzo 

IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo emindenini nabangani balaba abalandelayo: 

  • UMnu Shona Ferguson (47), umdidiyeli nomlingisi wemidlalo kamabonakude (TV) kanye namafilimu obe negalelo elikhulukazi ekuthuthukisweni kwemboni yezamafilimu kuleli.
  • UMnu Clive Scott (84), umakadebona wemidlalo kamabonakude futhi ongumlingisi wodumo obesekuphele iminyaka ngeminyaka ebonakala komabonakude bethu.   
  • UMnu Pandelani Jonathan Mudziwa Makhado (99),  isishoshovu esingumakadebona kwezepolitiki esabe singomunye wabaholi bomkhankaso wonyaka we-1960 wokulwisana nokuphathwa kwamapasi, futhi owanikela ngempilo yakhe yonke emzabalazweni wentando yabantu kanye nenkululeko.
  • UMama u-Thalitha Monica Lebea-Mampuru (87), owalwa ngenkuthalo nokuzikhandla okukhulu elwela inkululeko yaleli lizwe futhi elwela iNingizimu Afrika ekhululekile, engacwasi ngokobuhlanga nangokobulili. Waba ngumphathi wabahlengikazi wokuqala wekolishi i-Solomon Mahlangu Freedom College (i-SOMAFCO).
  • UMnu Geoff Makhubo (53), iMeya yoMkhandludolobha waseGoli; obengumholi obeka phambili abanye abantu futhi esebenza ngokuzikhandla okukhulu, egqugquzela kakhulu ukuhlinzekwa kwezidingo-ngqangi kubantu. UbenguSihlalo Wesifunda we-African National Congress.
  • UMnu Luthendo Benedict Sigogo (49), obeyiBamba leJaji leNkantolo Ephakeme yaseMpumalanga futhi enguKhomishana Wekhomishani Yemisebenzi Yezobulungiswa,   obenegalelo nempumelelo enkulu emsebenzini abewenza emkhakheni wezomthetho, futhi ubeyisishabasheki soguquko esizinikele. Wabe futhi engumongameli we-Black Lawyers Association.
  • Imindeni kanye nezihlobo zamalungu ePhalamende asishiyile emhlabeni kamuva nje.
     

F.    ABAQASHIWE

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1.    UMmeli Nomalanga Petronella Sithole oqashwe njengeSikhulu Esiphezulu soMlawuli kaZwelonke Wezamandla eNingizimu Afrika.
2.    Nks Danile Nyakale oqokwe njengommeleli weNhlangano Yokuthuthukiswa Kwezimboni kwiBhodi laBahwebi Bedayimane Likahulumeni. 
3.    Amalungu eBhodi Labaqondisi beBhodi Lezindaba Zomhlaba: 
(i)    Nks Lusanda Nomasongo Netshitenzhe (uSihlalo);
(ii)    Mnu Masopha Moshoeshoe; 
(iii)    UMmeli Anthonie Viviers; 
(iv)    Dkt James Fraser Bourhill; kanye no
(v)    Nks Precious Hlengiwe Makoe.

4.    Amalungu angeziwe eBhodi Labaqondisi boMlawuli waseNingizimu Afrika weDayimane neNsimbi Eyigugu: 
(i)    Mnu Virendra Gangaram Magan; kanye no
(ii)    Nks Ndivhuho Munyai. 

Imibuzo:
Nks Phumla Williams – Umkhulumeli weKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore