Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla zingama-21 kuLwezi 2018

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu, mhla zingama-21 kuLwezi 2018 e-Tuynhuys eKapa.

A. Izindaba Ezisematheni

1. Utshalomali

1.1. IKhabhinethi liyawamukela uMhlangano Wotshalomali Wokuqala wase-Afrika obeyimpumelelo, obubanjwe kusukela mhla ziyisi-7 kuya kumhla ziyisi-9 kuLwezi e-Sandton Convention Centre eGauteng. Ohulumeni base-Afrika nabezamabhizinisi, izikhungo zezimali zamazwe ngamazwe kanye nabanye okubanjisenwe nabo kwezentuthuko bagxile ekwenzeni i-Afrika ibe yizwekazi elilandelayo elithuthukayo futhi eliphuma phambili kwezotshalomali emhlabeni jikelele.

1.2. Le ngqungquthela ivalwe sekunezivumelwano ezingama-45, ezilinganiselwa kuzigidigigi ezingama-32 zamadola aseMelika, ezenziwe ukuze kuzuze leli zwekazi. Kuleyo mali, iNingizimu Afrika izozuza ngotshalomali lwezigidigidi eziyi-6.8 zamadola aseMelika.

2. Ingqungquthela yeNhlangano Yamazwe ase-Afrika (i-AU)

2.1. IKhabhinethi likhuthazekile ngezingxoxo ezinohlonze ezibanjwe eNgqungqutheleni ye-AU ebeyibanjelwe e-Addis Ababa, kwelase-Ethopia mhla ziyi-17 nomhla ziyi-18 kuLwezi 2018, lapho uMongameli Cyril Ramaphosa ebebambe khona iqhaza. Lo Mhlangano Okhethekile udingide izindaba eziphathelene nezinqubo zezinguquko eziqhubekayo okuhloswe ukuthi zisungule i-AU enempumelelo, esebenza kahle futhi enomfutho omusha, ekwaziyo ukufinyelela kulokho okuyimigomo eseqhulwini kanye nezinjongo zezwekazi njengoba kubekwe ngokucacile ku-Ajenda 2063, okuwuhlaka olungokweqhingasu loguquko kwezenhlalomnotho e-Afrika eminyakeni engama-50 ezayo.

2.2. Ukulethwa koguquko ku-AU kuyinqubo eqhubekayo, futhi ezinye zezincomo zayo seziqalisiwe, ikakhulukazi maqondana nokuzibophezela ekutheni amazwe angamalungu e-AU kube yiwo afaka uxhasomali olukhulu enhlanganweni. Amazwe amaningi ayaqhubeka nokusayina Isivumelwano Sohwebo Olungenamikhawulo Ezwenikazi Lase-Afrika ukuqinisekisa ukuthi Izwekazi lithokozela isivumelwano sohwebo olungenamikhawulo ezwenikazi lonkana. 

3. Ukusebenzisana Ngokweqhingasu neNhlangano Yamazwe aseYurophu (i-EU)

3.1.IKhabhinethi liyawuthokozela impela umphumela omuhle weNgqungquthela yesikhombisa phakathi kweNingizimu Afrika ne-EU eyabanjwa mhla ziyi-15 kuLwezi kwelase-Belgium. Imiphumela nezibophezelo ezenziwa engqungqutheleni zakhela phezu komkhankaso wethu oyingqayizivele wokubeka ukukhula komnotho nokwakhiwa kwemisebenzi emnyombweni wohlelo lukazwelonke lweNingizimu Afrika.

3.2.Emazweni ase-Afrika, yiNingizimu Afrika kuphela esebenzisana ne-EU futhi ingenye yamazwe ayi-10 emhlabeni jikelele anobudlelwano ngokweqhingasu ne-EU. I-EU ngumlingane wezohwebo omkhulu kunabo bonke abalingane  beNingizimu Afrika, futhi ingumtshalimali omkhulukazi njengombimbi lwamazwe, njengoba utshalomali olungena ngqo kuleli oluvela kule Nhlangano Yamazwe aseYurophu lulinganiselwa kuma-73.7% otshalomali oluphelele olungena ngqo kuleli oluvela emazweni angaphandle.  

3.3. UMongameli Ramaphosa, kuleli sonto, usingathe uMongameli waseRiphabhulikhi yase-Germany, uMnu. Frank-Walter Steinmeier, Ohambweni Lombuso obeluqonde eNingizimu Afrika. Izwe lase-Germany yilona zwe langaphandle elitshale imali eningi kakhulu eNingizimu Afrika, njengoba kunezinkampani zase-Germany ezingaphezu kwama-600 ezinamabhizinisi noma imikhiqizo kuleli, okuqashwe kuzona abantu ababalelwa ezi-100 000.

3.4. Uhambo Lombuso lokuvakashela kukaMongameli wase-Germany kuleli luholele ekusayinweni kwezivumelwano zohwebo notshalomali phakathi kwalawa mazwe amabili, futhi kwanika bobabili abaholi ithuba lokubonisana ngezinkinga ezinhlobonhlobo nokuthi babambisane kakhudlwana njengamalungu asebenza ngokungagcwele eMkhandlwini Wezokuvikela weNhlangano Yamazwe (i-UN) isikhathi seminyaka emibili kusukela ngowezi-2019 kuya kowezi-2020.

4. Uguquko kwezomhlaba

4.1. IKhabhinethi likuphawulile ukuthi iKomidi lasePhalamende Lokubuyekeza uMthethosisekelo Elididiyele liwamukelile umbiko walo ovuna ukubuyekezwa kweSigaba 25 soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996. Lesi sichibiyelo sinikeza uMbuso amandla okuthatha umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo ukuze uhlomule umphakathi. Umbiko wekomidi kulindeleke ukuthi wethulwe eSigungwini Sikazwelonke, ePhalamende, ukuze kube nenkulumompikiswano ngalokhu. 

4.2. Inqubo yokubonisana nomphakathi yaholela ekutheni izinhlangano ezihlukahlukene zithole ithuba lokwenza izethulo mayelana noMthethosivivinywa futhi kwabanjwa izimbizo zokulalela izimvo zomphakathi kuzo zonke izifundazwe zakuleli eziyisishiyagalolunye. Kuze kube manje uMthethosisekelo usuchitshiyelwe amahlandla ayi-17 ngokulandela inqubo yokubonisana nokubandakanya abathintekayo. 

4.3. Uhulumeni usalokhu ezibophezele enqubweni yezinguquko kwezomhlaba eqhutshwa ngendlela efanele ezohlomulisa bonke abantu. IKhabhinethi liyagcizelela ukuthi uhulumeni uyawuhlonipha umthetho futhi, ngaso sonke isikhathi, izinyathelo nezenzo zakhe zihambisana noMthethosisekelo.  

5.  Isinqumo Senkantolo YoMthethosisekelo

5.1. IKhabhinethi liyasamukela isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo ethathe isinqumo sokuthi uMthetho Wokuthuthukiswa Kwezimbiwa Nemikhiqizo Kaphethilomu, wezi-2002 (uMthetho wama-28 wezi-2002) olawula ukukhishwa kwamalungelo okumba izimbiwa, kumele ufundwe uhambisane noMthetho Wesikhashana Wokuvikelwa Kwamalungelo Omhlaba Osetshenziswa Ngokungahlelekile, we-1996 (uMthetho wama-31 we-1996), ovikela amalungelo omhlaba abantu ababuthaka abadinga ukubhekelelwa nokuvikelwa kakhudlwana. 

5.2. Lokhu kunqoba komphakathi waseLesetlheng eNyakatho Ntshonalanga kubonakalisa ukuqala kokwamukelwa nokuhlonishwa ngokusemthethweni kwamalungelo omhlaba owaphucwa izizukulwane ngezizukulwane zabantu baseNingizimu Afrika ababephila ngaphansi kwengcindezelo esikhathini esedlule. Lapho umsebenzi wezimayini unomthelela ekuhlalisweni kwabantu, imindeni nemiphakathi, okuyibona abathinteka ngqo ngenxa yezimayini kumele banikeze imvume yabo kuqala mayelana nanoma yiluphi ushintsho oluthinta amalungelo abo omhlaba. 

6. Imiphumela Yocwaningomabhuku

6.1. IKhabhinethi liyayamukela futhi liyayihalalisela iminyango nezikhungo zikahulumeni eziqhubekayo nokuthola imiphumela yocwaningomabhuku engenagcobho. Lokhu kulandela ukukhishwa koMbiko Wocwaningomabhuku Wokuphathwa Kwezimali Zikahulumeni wonyaka wezimali wezi-2017/18, okhishwe nguMcwaningimabhuku Jikelele (u-AG) u-Kimi Makwetu.

6.2. Nokho iKhabhinethi likhathazekile ngombiko obonakalisa ukwehla kwemiphumela yocwaningomabhuku isiyonke kweminye iminyango nezikhungo zikahulumeni kuzwelonke nasezifundazweni. Ukusayinwa kube wumthetho koMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Socwaningomabhuku loMphakathi nguMongameli Ramaphosa, okuzoqinisa umsebenzi weHhovisi lika-AG, kuzosiza ngokuqinisekisa ukuthi bayaphendula ngezenzo zabo labo abaqhubekayo nokungalugqizi qakala uhlaka lwenkambiso yokuphatha lukahulumeni.

6.3. IKhabhinethi likhuthaza yonke iminyango nezikhungo zikahulumeni ukuthi baqhamuke nezindlela zokuxazulula izinkinga ezihlonzwe ngu-AG nokuqapha inqubekela phambili njalo ukuze kulungiswe lezo zinkinga ezikhona zokungahambisi ngendlela ngaphambi kokuba kube nocwaningomabhuku olulandelayo.  

7. Ezokuphepha Nokuvikeleka

7.1. IKhabhinethi lethembisa ukweseka uMkhankaso Kazwelonke Wezokuphepha Ngesikhathi SaKhisimusi owethulwa uNgqongqoshe Wamaphoyisa uBheki Cele ngaphansi kwesiqubulo esithi "i-Operation Quiet Storm".  

7.2. Lo mkhankaso uhlose ukwenza iNingizimu Afrika ibe yindawo ephephile njengoba sibheke ekupheleni konyaka nasesikhathini samaholide. Umbutho Wamaphoyisa AseNingizimu Afrika uzoqhuba imikhankaso yokuqinisekisa ukuhlonishwa nokuthotshelwa komthetho kuwo wonke amadolobha akuleli, nasezindaweni zasemakhaya kanye nasemalokishini kuze kuphele uMasingana 2019. Bazogxila ekutheni amaphoyisa abonakale ndawozonke, ebe enza umsebenzi okhethekile wokuqwashisa nokuvikela ubugebengu. 

7.3. IKhabhinethi linxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokusebenzisana namaphoyisa ukugcina imiphakathi yethu iphephile.  Abazali nabalondolozi bezingane bayelulekwa ukuthi baqikelele kakhulu ekubhasobheni nokunakekela izingane zabo ngalesi sikhathi esizayo sikaKhisimusi.
  
7.4. IKhabhinethi linxusa nokuthi kwesekwe uMkhankaso Wezokuphepha Emgwaqweni Ngesikhathi SikaKhisimusi sowezi-218, owethulwe uNgqongqoshe Wezokuthutha, uDkt. Blade Nzimande, eLimpopo ngempelasonto. 

7.5. Ukwethulwa kwalo mkhankaso kuhambisana neNgqungquthela Yezokuphepha Emgwaqweni yezinsuku ezimbili yaminyaka yonke kanye noSuku Lomhlaba Lwe-UN Lokukhumbula izisulu zezingozi zomgwaqo.   Kuyosisiza impela ukudlala eyethu indima ekuqinisekiseni ukuphepha ngalesi sikhathi sikaKhisimusi ngokushayela ngokuqikelela nokuhlonipha imithetho yomgwaqo. 

8. Ibhuloho iMaputo-Catembe

8.1. IKhabhinethi lihalalisela onjiniyela baseNingizimu Afrika ababandakanyeka emsebenzini wokwakha ibhuloho eliyingqophamlando elisekelwe ngamakhebula alenga phezulu emoyeni, elide kunawo wonke e-Afrika. Ibhuloho iMaputo-Catembe lakhiwa yinkampani i-China Road and Bridge Corporation futhi lixhumanisa iMaputo eMozambique neKwaZulu-Natali. 

8.2. UMongameli waseMozambique, uMnu Filipe Nyusi, walivula ngokusemthethweni leli bhuloho iMaputo-Catembe elingamakhilomitha amathathu ubude, elakhiwe iminyaka emine ngenani lezigidi ezingama-785 zamadola aseMelika.

8.3. Leli bhuloho lizosimamisa futhi likhuthaze ukuhwebelana nezokuvakasha phakathi kweMozambique neNingizimu Afrika njengoba isikhathi sokuhamba phakathi kweMaputo neKosi Bay esemngceleni woGu oluseMpumalanga yeKwaZulu-Natali sizoncipha kakhulu sisuka emahoreni ayisithupa sibe yimizuzu engama-90 nje kuphela.

B. Izinqumo ZeKhabhinethi

9. ISonto Lokwethulwa Kwemibiko Yohlelo Lokusebenza

9.1. IKhabhinethi linikwe imibiko yenqubekela phambili eyenziwe ekufezekiseni imiphumela eseqhulwini yesikhathi esiqale mhla lu-1 kuMbasa 2018 kuya kumhla zingama-30 kuMandulo 2018. IMinyango esebenza ngaphansi kwamaqoqwana ahlukahlukene asungulelwe ukuqalisa imiphumela eseqhulwini eyi-14 iyaqhubeka nokuphumelela emisebenzini okumele ihlinzeke ngayo ngokwahlukana kwayo. Le miphumela isuselwa oHlakeni Lwesu Lwesikhathi Esimaphakathi lowezi-2014-2019 neNhlosombono yowezi-2013 yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe. 

9.2. IKhabhinethi selizigunyazile izinyathelo ezidingekayo ukuze kubhekanwe nezinselele ezithinta ukuqaliswa kwemisebenzi. Imibiko ishicilelwe kuwebhusayithi yoMnyango Wokuqapha Nezokuhlolwa Komsebenzi (i-DPME) ku: www.dpme.gov.za 

10. Uhlelo Lokukhiqizwa Nokuthuthukiswa Kwezimoto (i-APDP)

10.1. IKhabhinethi ligunyaze ukwelulwa kwe-APDP kusukela ngokwezi-2021 kuya kowezi-2035 ngezichibiyelo zokweseka uHlelongqangi Lwezimoto lwase-Ningizimu Afrika (i-SAAM). 

10.2. I-SAAM igxile emikhakheni eyisithupha: Ukusetshenziwa kakhulu futhi ngendlela enenzuzo kwezimakethe zakuleli; Ukuthuthukiswa kwezimakethe zasesifundeni; Ukwenza umsebenzi wokulungiswa kwemikhiqizo ngaphakathi kuleli; Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda; Ukuletha uguquko ezimbonini, Nezobuchwepheshe kanye nokuthuthukiswa kwamakhono okuhambisana nakho.

10.3. Lezi zichibiyelo zihlose phakathi kokunye ukukhuthaza amazinga aphezulu okulungiswa kwemikhiqizo ngaphakathi kuleli ukuze kudaleke amanye amathuba omsebenzi angeziwe.  Ukuqapha nokuhlolwa kohlelo kanye nezimo ezihambisana nemboni kuyaqhubeka nokuthuthukiswa ukuqinisekisa inqubekela phambili ekufezekisweni kwenhlosombono nezinjongo ze-SAAM.  

10.4. UNgqongqoshe Wezohwebo Nezimboni, uDkt. Rob Davies, uzokhuluma nabemithombo yezindaba ngalezi zichibiyelo ngoLwesihlanu, zingama-23 kuLwezi 2018.

C. IMithethosivivinywa

11. IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wenhlawulo Ephathelene Nezimali Ezimoshiwe Ezihlonzwe Wucwaningomabhuku lukaHulumeni (Public Audit Excess Fee Bill of 2018) ozokwethulwa ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa uhlinzekela ukuthi uMncwaningimabhuku Jikelele athathe izinyathelo zokulungisa isimo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi, lapho kunokwenzeka, ziyabuyiswa izimali zoMbuso ezimoshiwe nezisetshenziswe ngendlela engafanele futhi kudluliselwe izinsolo zokukhwabanisa kulezo zikhungo ezinamandla namagunya okuphenya ngalokhu. Lo Mthethosivivinywa uhlose futhi nokunikeza u-AG amandla namagunya okuthi enze umsebenzi wocwaningomabhuku nakwamanye amazwe futhi ahlole nokuthi kusetshenzwa ngendlela efanele yini, futhi uhlose nokuqondanisa nezinhlelo zokulawula kuka-AG nezinqubo ezingungqaphambili ezisetshenziswayo emhlabeni njengamanje. 

D. Imicimbi Ezayo

12. 100 #WomenOfFortitude

Kulandela isikhathi sokwenziwa kweziphakamiso zokuqokwa kwabesifazane abavelele, i-100 #WomenOfFortitude izokwethulwa ngokusesikweni e-Union Buildings ePitoli mhla zingama-22 kuLwezi 2018. IKomidi loNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene Elijutshwe Umsebenzi Wokulawula Nokuqhuba Imicimbi Yemigubho Yekhulunyaka Lika-Nelson Mandela kanye neKhulunyaka lika-Albertina Sisulu lamemezela umkhakhanso we-#WomenOfFortitude, mhla ziyi-11 kuMfumfu 2018, njengomunye wemicimbi yomgubho weKhulunyaka likaMama uSisulu. 

Umkhankaso i-#WomenOfFortitude wumkhankaso wabesimame abayi-100 abazoqhuba ingxoxo mayelana nokuthi abesifazane banamuhla bangalugcina futhi baluqhubekise kanjani ukhondolo lukaMama uSisulu. 

13. Izinsuku eziyi-16 Zokulwisana nodlame olubhekiswe Kubantu Bobulili Obuthile (i-GBV)

UMnyango Wezabesifazane ulawula futhi uhlela imicimbi kahulumeni yoMkhankaso Wezinsuku eziyi-16 Zokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabesifazane ozobanjwa kusukela ngomhla zingama-25 kuLwezi kuze kube ngumhla ziyi-10 kuZibandlela 2018. Amalungu Esigungu Seziphathimandla Sikazwelonke kanye nabaholi bezifundazwe nabohulumeni basekhaya bazobamba imicimbi eqondene nemisebenzi/nemikhakha kahulumeni ethile ezweni lonke ngezinhlelo zokuxhumana kanye nokubonisana nomphakathi. Imininingwane ngezinhlelo zikahulumeni iyatholakala ku-www.gov.za/16DaysofActivism2018.  

IKhabhinethi liyabanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise leli thuba ukubamba iqhaza kuleyo micimbi kahulumeni ezobanjwela ezindaweni eziseduze nabo.  Izinhlangano zomphakathi kanye zinye izinhlangano zabantu besifazane ziyakhuthazwa ukuthi zigcwalise amakhalenda azo ngemicimbi yalesi sikhathi. 

Bonke abantu baseNingizimu Afrika bayanxuswa ukuthi basebenzisane ngenhloso yokusabela esimemweni somkhankaso othi #HearMeToo, ngokulalela isikhalo sabesifazane, nokuthatha izinyathelo zokuqeda isihlava sazo zonke izinhlobo zodlame olubhekiswe kubantu besifazane.

E. Amazwi okuhalalisela

14. IKhabhinethi lihalalisela amaqhawe ezemidlalo akuleli andizisela ifulegi laseNingizimu Afrika phezulu. Impumelelo yalabo abasebenze ngendlela encomekayo emidlalweni abayidlalayo, yahlonishwa emcimbini wakamuva Wemiklomelo Yabadlali Abavelele. 

14.1. U-Caster Semenya waseNingizimu Afrika wahlabana ngezindondo zegolide ezimbili, njengoba aklonyeliswa ngendondo yesiHlabani Sezemidlalo Sonyaka kanye neNdondo yoMdlali Wesifazane Wonyaka. 

14.2. Iqhawe lezokubhukuda laseNingizimu Afrika u-Chad le Clos wahlabana ngeNdondo yoMdlali Wesilisa Wonyaka. 

14.3. UNdodomzi Ntutu wahlabana ngeNdondo yoMdlali Onokukhubazeka Wesilisa Wonyaka.

14.4. U-Anrune Liebenberg wahlabana ngeNdondo Yomdlali Onokukhubazeka Wesifazane Wonyaka.  

14.5. IBanyana Banyana yahlabana ngeNdondo Yeqembu Lonyaka, okuyindondo engaconsi phansi futhi ehlonishwa kakhulu. IBanyana Banyana inqobile emdlalweni wayo lapho beyibhekene khona ne-Nigeria eMqhudelwaneni Wabesifazane Kanobhutshuzwayo Wendebe Yamazwe Ase-Afrika (i-AFCON) wezi-2018.

14.6. IBafana Bafana idlale ngokulingana ngegoli elilodwa ngapha nangapha ngenkathi ibhekene ne-Nigeria emdlalweni wokuhlungela umqhudelwano we-AFCON.

14.7. Iqembu LeNingizimu Afrika Lebhola Lombhoxo linconyiwe ngendlela elidlala ngayo futhi lafiselwa okuhle kodwa emdlalweni walo olandelayo lapho lizobhekana khona ne-Wales mhla zingama-24 kuLwezi 2018. 

IKhabhinethi linxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokweseka abadlali bakuleli besifazane nabesilisa.

15. IKhabhinethi lihalalisela futhi nalaba abalandelayo:

15.1. UNgqongqoshe WezeSayensi Nobuchwepheshe uMmamoloko Kubayi-Ngubane, oqokelwe ukuthi abe yingxenye yophiko loMkhandlu Wesigungu Sezomnotho Emhlababeni oqondene noGuquko Lwezimboni Lwesine, okuwumkhandlu ohlanganisa ohulumeni, izinhlangano zomphakathi kanye nezifundiswa. Lokhu kuzosiza amazwe emhlabeni jikelele akwazi ukusabela nokusebenzisa amathuba ahlinzekwa wuGuquko Lwezimboni Lwesine.

15.2. UNgqongqoshe Wezezimali uTito Mboweni ngokuqokelwa kwakhe eBhodini Labaphathiswa beSikhwama Sezokuthula se-AU, elizoxhasa ngezimali izinhlelo zokulamula nokuvimbela ukungqubuzana kwamazwe, izidingo zezikhungo ukuze zikwazi ukusebenza, kanye nemisebenzi yokweseka ukuthula e-Afrika. Njengelungu leBhodi Labaphathiswa, uNgqongqoshe uMboweni uzoba negalelo ekusebenzisaneni kwamazwe ngendlela ehambelanayo nasekuthuthukiseni ukuphatha, ukuqapha ezezimali nezokuphatha eSikhwameni Sezokuthula. Ukuqokwa kwabaphathiswa beSikhwama Zezokuthula se-AU kuyisinyathelo esisemqoka ekuqalisweni kokuxhaswa kohlelo lwe-AU, oluyingxenye yezinqubo eziqhubekayo zokuvuselela nokuletha uguquko ngaphakathi ezikhungweni ze-AU.

15.3. UNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme Nezokuqeqesha uNaledi Pandor, ozohlonishwa ngendondo i-French National Order of Legion of Honour ngoLwesihlanu, mhla zingama-30 kuLwezi 2018. Le ndondo iwuphawu lokuhlonipha amangwevu nemisebenzi yakhe emihle futhi emangazayo ayenze empilweni yakhe yonke kanye nemizamo yokucathulisa nokuqhubezela ukusebenzisana phakathi kwe-France neNingizimu Afrika emkhakheni wezeSayensi Nobuchwepheshe. Lo mcimbi uzobanjelwa endlini yeNxusa lase-France elizinze eNingizimu Afrika ePitoli.

F. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

16. Izinhloko Zezifundazwe zoPhiko Lwezophenyo Ngobugebengu Obuseqhulwini (ama-Hawks):

16.1. E-Free State: Brigadier Kubandran Moodley; kanye 

16.2. NaseNyakatho Ntshonalanga: Major General Dumisani Patrick Mbotho

17. Ukuqokwa kabusha kuka-Adv Makhosini Solomon Msibi njengoMphathi Omkhulu we-Road Traffic Management Corporation (i-RTMC).

18. Ukuqokwa kabusha kukaMnu. Thulani Matiki Norman Kgomo njengeLungu Elingasona isikhulu seBhodi le-RTMC.

19. Ukuqokwa kabusha kukaNkz. Daphline Harridene Charlotte-Ann Ewertse njengeLungu elingeyona ingxenye yesigungu esithatha izinqumo mayelana nokuphathwa kwenhlangano nsuku zonke seBhodi le-RTMC.

20. Ukuqokwa kabusha kuka-Adv Sandile Nogxina njengeMqondisi Ongeyona Ingxenye Yesigungu Esithatha Izinqumo mayelana Nokuphathwa Kwenhlangano Nsuku Zonke kanye noSihlalo weBhodi le-Airports Company South Africa (Acsa).

Imibuzo: Nkz Phumla Williams – iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore