Umyalezo kamongameli Cyril Ramaphosa mayelana nobhubhane i-COVID-19

Bantu bakithi eNingizimu Afrika,
Ngiyanibingelela nonke kusihlwa nje,

Sekuphele izinsuku ezine izwe lethu lingene kulokho esikubiza ngokuvalwa kwezwe lonkana, okungokokuqala ngqa emlandweni wezwe lethu elibuswa ngokwentando yeningi labantu.

Lesi yisinyathelo esingajwayelekile neze futhi esinqala esizithole siphoqelekile ukuba sisithathe ukuze sibhekane ngqo nobhubhane lwesifo i-COVID-19.

Njengohulumeni, sazi kahle kamhlophe ukuthi lokhu kuvalwa kwezwe sekuzithikameze kakhulu izimpilo zethu sonkana futhi sekudale nokuphazamiseka okukhulukazi nasemnothweni wezwe. 

Kodwa-ke sonke siyazi futhi siyavumelana ukuthi lokhu kuvalwa kwezwe lonkana kuyinto edingekayo kakhulu ukuze sisindise futhi sivikele izimpilo zezinkulungwane ngezinkulungwane zabantu bakithi.

Amazwe amaningi ezwekazini lethu kanye nasesifundeni sethu i-SADC nawo aseqalise izinyathelo ezifanayo.
    
Lesi sifo sisabalala ngokushesha okukhulu emazweni amaningi emhlabeni, njengoba sebelinganiselwa kwizi-740,000 abantu asebehaqekile emhlabeni wonke jikelele. 

Bangaphezu kwezi-35,000 abantu asebelahlekelwe yizimpilo zabo kulolu bhubhane.

Izinhlelo zezempilo zamazwe amaningi, kubandakanya izibhedlela nemitholampilo, zingaphansi kwengcindezi enkulu njengoba zenza imizamo yokulwisana nalolu bhubhane.

Abacwaningi nososayensi bethu bathi isinqumo sethu sokuvala izwe siyisinqumo esihle futhi esifanelekile. 

Laba bebekhathazekile ngokuthi uma kungathathwa izinyathelo ezisheshayo besesisalelwe ngamaviki ambalwa nje ngaphambi kokuba sizithole sisesimweni esifana ncamashi nesalawo mazwe asekhahlanyezwe kakhulu yilolu bhubhane.

Yilokho okwenze ukuthi sithathe isinyathelo esinohlonze sokuvala izwe isikhathi esiyizinsuku ezingama-21.

Abantu abaningi baseNingizimu Afrika, babonise ukusamukela ngezandla ezimhlophe kanye nokusihlonipha lesi sinqumo, ngokuthi bahlale emakhaya, bathobele imithethonqubo ebekiwe futhi benze izinto ngokucophelela nokuzinakekela okukhulu. 

Ngithanda ukudlulisa amazwi okubonga kubantu baseNingizimu Afrika ngokwenza izinto nokuziphatha ngendlela ebonisa ukuhlonipha imithethonqubo ebekiwe kulesi sikhathi esinzima kakhulu esibhekene naso.

Kodwa-ke, sikhathazekile impela ngalabo abangakabuboni neze ubucayi nobungozi balesi sifo.

Njengesizwe, kusizwisa ubuhlungu obukhulu ukuzwa ukuthi kulezi zinsuku ezimbalwa ezedlule, sekushone abantu baseNingizimu Afrika abathathu ngenxa yalesi sifo.
    
Sithanda ukuzwakalisa ukuzwelana kwethu nemindeni, nabangani kanye nemiphakathi yalaba asebesishiyile emhlabeni, futhi sithi akwehlanga lungehlanga.

Isibalo sabantu asebethelelekile silokhu sikhuphuke njalo futhi manje sebeyi-1,326 abantu osekuqinisekisiwe ukuthi bahaqwe yigciwane le-corona eNingizimu Afrika.

Ngakho-ke ngiyaphinda futhi ngiyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlale emakhaya, bangaphumi, kulezi zinsuku eziyi-17 ezizayo. 

Kumele uphume kuphela uma kumele uyothenga ukudla kanye nezinye izidingo ezisemqoka, noma uma uyohola imali yesibonelelo sikahulumeni, uyothenga imithi noma uyofuna usizo lokwelashwa oluphuthumayo. 

Abantu abavumelekile ukuya emsebenzini kuphela ngabasebenzi bezempilo, abezokuphepha nokuvikeleka kanye nabezimo eziphuthumayo, nalabo abenza umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi abantu bakithi bayakuthola ukudla, imithi kanye nezimpahla eziyisisekelo, ngokunjalo futhi nabahlinzeki bezinsizakalo ezisemqoka njengoba lokhu kuchaziwe kwimithethonqubo ebekiwe.

Uma kwenzeka uphuma ekhaya lakho, qinisekisa ukuthi wenza konke okusemandleni akho ukugwema ukutheleleka ngaleli gciwane futhi nawe ungabatheleli abanye abantu.

Abanye kunokwenzeka bacabange ukuthi lesi sifo siyinto engahlangene neze nayo futhi okuyinto engeke izithinte noma izithikameze izimpilo zabo.

Futhi babone sengathi lokhu kuyinto nje kuphela abafunda ngayo emaphephandabeni noma abayibona kubikwa ngayo komabonakude.

Kodwa-ke lesi sifo sikhona ngempela, futhi siyingozi enkulu kithina sonke kanye nasemphakathini esiphila kuwona.

Asikhethi, sithelela abacebile nabampofu, abancane nabadala, abamnyama nabamhlophe, abahlala emadolobheni nalabo abahlala ezindaweni zasemakhaya. 

Masingalenzi neze iphutha lokucabanga ukuthi lena yinkinga yomunye umuntu hhayi thina. 

Ngaso sonke isikhathi uma uphula imithethonqubo ebekwe nguhulumeni noma uzama ukuthola indlela yokuphunyuka kule mithetho ebekiwe, uzibeka wena kanye nabanye abantu engcupheni enkulu, futhi ngalokho ulekelela igciwane ukuthi libhebhetheke futhi lisabalale.

Lezi zinsuku eziyi-17 ezizayo zizoba yisikhathi esinzima kumuntu wonke.

Abazali bakhathazekile ngokuphepha kwezingane zabo. 

Abanikazi bamabhizinisi amancane kanye nabathengisi basemgwaqeni balahlekelwa yingxenye enkulu, noma-ke balahlekelwa yiyo yonke, imali abebezozitholela yona  ngokuthengisa izimpahla zabo.

Abasebenzi bakhathazekile ngemisebenzi yabo.

Abantu asebekhulile kanye nalabo ababuthakathaka badinga abantu abazobanakekela. 

Abanye balabo abahlala emgwaqeni abanayo indawo yokufihla ikhanda futhi baswele nokuya ngasethunjini.

Abafundi basalele emuva ezifundweni zabo futhi bakhathazekile ngekusasa labo.

Sonke sibhekene nobunzima obesabekayo kanye nokukhathazeka okukhulu kulesi sikhathi samanje. 

Sesihlangabezane nezinselele eziningana esezibeke umthwalo nobunzima obukhulu phezu kwabantu bakithi. 

Yingakho-ke sithatha izinyathelo ezihlukahlukene zokweseka amabhizinisi abhekene nobunzima, ukulekelela abasebenzi esengcupheni imisebenzi yabo kanye nokuxhasa ngezimali amabhizinisi amancane.

Sihlinzeka abantu abangenamakhaya ngezindawo zokufihla ikhanda. 

Siyaqhubeka nokuthumela amanzi kulezo zindawo ezingenawo amanzi ukuze abantu bakithi bakwazi ukugcina amazinga aphakeme enhlanzeko.

Sikhathazekile kakhulu ngomthelela wokuvalwa kwezwe ikakhulukazi kulabo abazisebenzayo noma abaqhuba amabhizinisi okuziphilisa nokuxosha ikati eziko.

Njengamanje sihlanganisa izinyathelo eziphuthumayo zokubalekelela nokubahlinzeka ngosizo kulesi sikhathi esinzima.

Siyazi ukuthi kunabantu baseNingizimu Afrika abaningi abavaleleke emazweni angaphandle futhi abafuna ukubuyela kuleli. 

Lokhu kuyinto esiyifakela izibuko futhi sizohlinzeka ngosizo lapho kunokwenzeka, ngokwamandlana lawo amancane esinawo ngakwezezimali.

Bantu bakithi eNingizimu Afrika,

Manje sesingena esigabeni esisha empini yethu yokulwisana nalesi sifo esiwubhubhane i-COVID-19.

Kulezi zinsuku ezizayo, uhulumeni uzoqalisa uhlelo olungukhukhulelangoqo lokuhlola, nokulandela umkhondo wabantu abathelelekile nalabo abasondelene nabo, kanye nokwelapha.

Babalelwa ezi-10,000 abasebenzi abazovakashela abantu emakhaya abo ezindaweni ezisemakhaya nasemadolobheni ukuyobheka ukuthi abanazo yini izimpawu ze-COVID-19.

Labo okutholakala ukuthi banezimpawu zalesi sifo bazothunyelwa emitholampilo yendawo noma engomahambanendlwana ukuze bayohlolwa.

Abantu asebehaqwe yigciwane le-corona kodwa abangabonisi izimpawu zaleli gciwane noma abangaguli kakhulu kuzodingeka bazivalele emakhaya bahlale bodwa bangahlangani namanye amalungu omndeni kanti futhi-ke labo abagula kakhulu bazothunyelwa ezibhedlela.

Ngokusebenzisa ubuchwepheshe bomakhalekhukhwini, kuzolandelwa uhlelo olubanzi lokulandela nokuthola umkhondo wabantu abake baxhumana nalabo osekuqinisekisiwe ukuthi bahaqwe yigciwane le-corona kanye nokuqapha ngeso lokhozi izindawo okuzoqubuka kuzona leli gciwane ukuze lihlonzwe ngaso sona leso sikhathi elizoqubuka ngaso.

Lona ngumkhankaso obanzi, onohlonze futhi ongukhukhulelangoqo.

Lesi simo sezempilo esiphuthumayo futhi esibucayi kakhulu senzeka esikhathini lapho umnotho wezwe ungaphansi kwengcindezi enkulu.

Ngenkathi singena esikhathini sokuvalwa kwezwe, sithole izindaba zokuthi isikhungo esenza izilinganiso zeminotho yamazwe, i-Moody’s, sesihlise isilinganiso somnotho wezwe sawufaka esigabeni sikavobo.

Lokhu kuzozikhuphula kakhulu izindleko zokuboleka izimali zokuxhasa imisebenzi kahulumeni futhi lokhu kuzoba nomthelela ongemuhle neze emnothweni wezwe.

Kepha-ke lokhu ngeke nakancane kuyinciphise imizamo yethu yokulwisana nobhubhane lwe-COVID-19.

Siqhubekela phambili nokuqalisa izinhlelo ezidingekayo zokulekelela nokungenelela kwezempilo futhi sithathe nezinyathelo zezomnotho kanye nezokungenelela kwezenhlalo yomphakathi ukuze sinqande ukusabalala nokubhebhetheka kwalesi sifo futhi sinciphise nomthelela waso kubantu bakithi.

Nakuba sibhekene nezingqinamba ezibangelwa yile nkinga enkulukazi esibhekene nayo njengamanje, sisalokhu sizibophezele ekuqaliseni izinguquko ezinohlonze kwezomnotho ukuze sizame ukuxazulula inkinga yokungakhuli kahle komnotho wezwe, ukushoda nokuntuleka kwezimali emgodlagodleni kahulumeni kanye namabhinizinisi kahulumeni abhekene nobunzima.

Sisebenzisana nezinye izinhlaka esibambisene nazo emphakathini ukuhlonza ezinye izinyathelo esingazithatha ukunciphisa umonakalo ozokwenzeka emnothweni wezwe, kanye nokuqinisekisa ukuthi uma sesiphumile kulolu bhubhane sibeka umnotho wezwe emgudwini ocacile wokukhula.

Nakuba izwe lethu libhekene nezinselele ezijulile futhi ezinzima kakhulu nxazonke, anginakho ngisho nokuncane ukungabaza emqondweni wami ukuthi noma kanjani sizonqoba.

Lokhu ngikusho ngoba abantu baseNingizimu Afrika sebebonise ukubumbana nokubambisana okungakaze kubonakale ngaphambilini ngenhloso yokulwisana naleli gciwane.

Amabhizinisi amaningi kanye nabantu abahlukahlukene sebexhase lo mkhankaso ngezimali futhi bafaka isandla nangezinye izindlela.

Ngaphezu kwezithembiso zoxhaso-mali ezimenyezelwe ngeviki eledlule sisamukela ngezandla ezimhlophe nesithembiso soxhaso-mali oluyisigidigidi esisodwa samarandi oluvela ku-Motsepe Foundation kanye noxhaso-mali oluyisigidigidi nesigamu samarandi oluvela ku-Naspers, okuwuxhaso-mali lokulekelela empini yokulwisana negciwane le-corona.

Siyambonga kakhulu uMnu Jack Ma, ongumsunguli wenkampani ezinze kwelase-China, i-Alibaba, onikele ngezinsiza-kwelapha ezisemqoka kakhulu kwiNingizimu Afrika nakwamanye emazwe ezwekazini lase-Afrika lonkana.

Siyabonga kubahlengikazi, odokotela kanye nabanye abasebenzi bezempilo, osonhlalakahle kanye nabasebenzi bahulumeni abahlinzeka umphakathi ngosizo, amavolontiya kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni ama-NGO, okuyizinhlaka okuyizona ezihola impi yokulwisana nalesi sifo.

Siyabonga kubasebenzi bezokuphepha nokuvikeleka abayi-18,000 abavela embuthweni wamaphoyisa nowezokuvikela, amaphoyisa kamasipala kanye nezinye izikhungo, okuyibona abenza umsebenzi wokuqinisekisa ukuphepha kwethu.

Sesikubeke kwacaca ukuthi umsebenzi wabasebenzi bezokuphepha nokuvikeleka wukweseka nokuqinisa idolo kubantu bakithi, kanye nokugcina uxolo nokuqinisekisa ukuhanjiswa kwezinto njengendlela efanele.

Bayazi ukuthi ngaso sonke isikhathi konke abakwenzayo kumele bakwenze ngaphansi komthetho futhi akumele nene balimaze abantu bakithi nganoma iyiphi indlela. 

Futhi nikhona nani nonke, omunye nomunye wenu, njengezakhamuzi nabahlali baseNingizimu Afrika abayizi-58 ababambisene futhi abayimbumba ekulwisaneni nalesi simo sezempilo esiphuthumayo. 

Phakathi kwethu kukhona abesilisa nabesifazane abavuka entathakusa nsuku zonke, futhi abasebenza ubusuku bonke ukuqinisekisa ukuthi leli lizwe liyaqhubeka nokusebenza.

Lapha ngikhuluma ngomlimi osilekelela ngokuqinisekisa ukuthi siyakuthola ukudla esikudingayo.

Lapha ngikhuluma ngabasebenzi bezikhungo zamandla kagesi abasebenza amashifu elandelana ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi izwe liyaqhubeka nokuthola ugesi.

Lapha ngikhuluma ngonompilo abasebenza emakhaya abantu abadala, emakhaya anakekela izingane kanye nasezikhungweni ezinakekela abantu asebesethunzini lokufa, okungabasebenzi abaphuma nsuku zonke bayolekelela izakhamuzi zakuleli ezibuthaka futhi ezidinga ukubhekelelwa kakhudlwana.

Ngikhuluma ngomshayeli wetekisi, umqoqi kadoti, umshayi-sisefo wesitolo sempahla, umhlanzi-sibhedlela, umsebenzi othela uphethiloli egalaji kanye nabo bonke abasebenzi abenza imisebenzi esemqoka kakhulu, yinina eningamaqhawe ezwe lethu, ngakho-ke sinithulela isigqoko.

Phakathi kwakho konke lokhu kudideka nokungaqiniseki, nokho ikhona indaba esilethela ithemba nokukhuthazeka. 

Izolo, ngihambile ngayohlangana nabantu baseNingizimu Afrika abayi-114 abathuthwa balethwa kuleli besuswa e-Wuhan kwelase-China futhi njengamanje asebebhekise amabombo emakhaya abo, emva kokugcinwa endaweni lapho bebevalelwe bodwa kude nabanye abantu ePolokwane.

Bayiqembu labantu baseNingizimu Afrika okumnandi kakhulu ukuba phakathi kwabo abahlukahlukene ngokweminyaka yobudala, ngokwezinhlanga, ubulili kanye nezindawo abadabuka kuzona.

Sekuphele izinyanga ngezinyanga bevalelekile. Okokuqala babevaleleke e-Wuhan isikhathi esiyizinsuku ezingama-51, baphinda futhi bavaleleka ePolokwane esinye isikhathi esiyizinsuku eziyi-14.

Manje sekumele bachithe esinye isikhathi esiyizinsuku eziyi-17 bevaleleke emakhaya abo.

Kumele sonke sikuthokozele ukuthi ngenkathi behlolwa kutholakale ukuthi abanalo igciwane futhi baphile saka.

Bathokozile kakhulu emoyeni futhi bayabonga kakhulu ngalokho elibenzele khona leli lizwe ngokuthi libathuthe libalethe ekhaya bafike bephephile. 

Abanye babo bangabafundi, abanye bangothisha kanti futhi abanye babo bebesebenza kwelase-China. 

Siyabonga kubasebenzi bakwa-SAA, ithimba lezokwelapha, amaphoyisa kanye namasosha ngokunjalo futhi nabasebenzi abakhuthele futhi abanobubele nabaphathi behhotela i-Ranch Hotel ngomsebenzi wabo oncomekayo owenze lo mkhakhanso waba impumelelo.

Izigameko abadlule kuzona laba bantu baseNingizimu Afrika ababuya e-Wuhan zisinika isibindi ngenkathi sibhekana ngqo nesinselele ezisihlalele.

Lena yindlela engakaze ihanjwe ngisho noyedwa kithina.

Asikaze sihlangabezane nesimo esinjengalesi ngaphambilini futhi maningi amaphutha azokwenzeka, kodwa-ke siyabanxusa abantu bakithi ukuthi baqonde ukuthi konke esikwenzayo sikwenzela ukuthi kusizakale umuntu wonke. 

Sizoqhubeka nokuwalungisa amaphutha noma kuphi lapho ezokwenzeka khona.

Kodwa-ke nginesiqiniseko sokuthi sizophumelela, ngoba phela igciwane le-corona silibona njengesimo esibucayi okumele sithathelwe izinyathelo ezinohlonze, futhi njengesizwe sizoguqula indlela esenza ngayo izinto ukuze ihambelane nesimo esikhona njengamanje futhi konke esikwenzayo sizokwenza ngendlela efanelekile.

Uma sisebenza ngokubambisana, uma siqhubeka endleleni okumele sihambe ngayo sizosinqoba lesi sifo.

Angingabazi ukuthi sizonqoba.

Nibe nobusuku obuhle.

UNkulunkulu sengathi angayibusisa iNingizimu Afrika futhi abavikele nabantu bayo.

Share this page

Similar categories to explore