Inkulumo Kanqgoqgoshe Wezabasebenzi ethula uhlahlo-Mali Lomyango Luka 2016/17, Endlini Yesishayamthetho Sikazwelonke Ekapa
Sihlalo Ohloniphekile,
Ongqonqgoshe kanye Namasekela abo ahloniphekile,
Amalunga Alendlu ahloniphekile,
Abaholi Bemibutho Esibambisene nabo,
Mqondisi Jikelele kanye nethimba lakho lomnyango,
Izivakashi zethu ezihloniphekile,
Abasebenzi bonke basemzansi-Afrika,
Manene namaNenekazi,
Ngiyanibingelela,
Mangithathe lelithuba lokubonga uNkulunkulu ukuthi sikwazile ukuma phambi kwenu namhlanje, ukuzothula uhlahlo-zimali loMnyango wezabasebenzi. Mangisho-ke ukuthi isisekelo saloluhlahlo-zimali, izibopho esazenza siwumbutho kakhongolose uma siya okhethweni langonyaka ka 2009 kanye no 2014.
Sikwazi kahle kamhlophe ukuthi abantu bakulelizwe banika uKhongolose igunya lokubusa izwe ngoba bewazi umlando walombutho, futhi, bayakholwa ukuthi siyokwenza lokhu esikushoyo. Loluhlahlo-mali angeke luqale izinto ezintsha ezingekho ohlwini lwezibopho esazenza siwu-Hulumeni kaKhongolose ngesikhathi sithatha izintambo zombuso, kodwa sizoqhubeka lasagcinakhona ngonyaka ofile.
Umsebenzi wethu omkhulu ukuvikela abasebenzi ukuthi bangaxhashazwa emisebenzini. Lokhu sikwenza ngokushaya imithetho ebhekele inhlalakahle kanye nentuthuko yabasebenzi. Uma sishaya lemithetho, siyaqiniseka ukuthi loko akuthikamezi imizamo yokukhulisa umnotho nalezo-zinhlelo zokuvula amathuba emisebenzi. Lokhu sikwenza ngokubambisana nabaqhashi kanye nezinhlangano zabasebenzi.
Isisekelo sako konke esikwenzayo, uMqulu weNkululeko owathathwa indibano yabantu base-Mzansi Afrika, E-Kliptown ngo-1955.
Unyaka ofile ube unyaka unempumelelo eyisimangaliso emnyangweni wezabasebenzi. Osaziwayo umhlaba wonke bathi akukaze kwenzeke emlandweni wamazwe ukuthi uhulumeni ophethe, acushise izichibiyelo zemithetho yabasebenzi eyevile kwemibili, iminyaka emibili ilandelana. Ngisho nozakwethu bamazwe omhlaba laphaya enhlanganweni yabasenzi yomhlaba, abawuvali umlomo.
Lokhu kuyajabulisa kakhulu ngoba kwenzeka onyakeni la-sigubha iminyaka engamashumi amabili kwamukelwa umthetho-sisekelo walelizwe. Futhi lona unyaka wamashumi ayisithupha nambili abantu basemzansi Afrika bethula izifiso zabo mhla-behlangene eKliptown ngo 1955.
Labo abalithandayo iqiniso, bayavumelana nathi ukuthi cishe konke okwathulwa indibano yabantu eKliptown, nezibopho esazenza masiya okhethweni lukazwelonke luka 2009 kanye no 2014, uHulumeni kaKhongolose ukulandela njengoba kunjalo.
Yonke imithetho yabasebenzi yakulelizwe, ngaphezu kokuthi ithathelwa kumthetho-sisekelo walelizwe, ihamba ezinyathelweni zoMqulu weNkululeko, kanye nezibopho zokhetho luka Khongolose.
Umqulu weNkululeko uthi uhulumeni wentando yeningi, uyothi uma uthatha izintambo zombuso, ashaye imithetho eyonika ilungelo elithi “Bonke abasebenzi bayokhululeka ukusungula izinyunyana zabo, ukukhetha abaholi babo nokwenza izivumelwano zamaholo nabaqashi babo;
Sihlalo namalunga ahloniphekileyo, akukho noyedwa kulendlu ongaphika ukuthi lohulumeni kaKhongolose ukwenzile lokhu ngale kwamathandabuzo, futhi nabasebenzi bakwazi kamhlophe lokho.
Umqulu wenkululeko uphinde uthi:“ Uhulumeni uyokwenza kube ilungelo labo bonke abasebenzi ukuthi bathole ukunxephezelwa uma belahlekelwe imisebenzi”;
Kuyaziwa-ke ukuthi sinesikhwama esibhekene nalombandela, abanye bathi iBlue Card, abanye bathi Upoyinandi. Okungijabulisa kakhulu, ukuthi, ngisho nabasebenzi basezindlini nasemapulazini imbala, nabo sebayahlomula kulesisikhwama. Kuningi-ke nokunye okuhlongozwa yilesi-sichibiyelo-mthetho okuzokwenza izimpilo zabasebenzi kanye nemindeni yabo ibengcono kakhulu.
Siyathemba-ke ukuthi lendlu izokuphuthumisa ukuchibiyela lomthetho ukuze abasebenzi nemindeni yabo bahlomule. Kulonyaka, isikhwama sesibeke imali engango 9.2 billion wamaRandi ukuhlangabezana nokukhokhela abasebenzi okungenzeka balahlekelwe imisebenzi kulonyaka njengoba isimo somnotho womhlaba sintengantenga.
Umqulu uphinde ugunyaze uhulumeni ukuthi ubeke imithetho ezoqiniseka ukuthi - Abesilisa nabesifazane bazo zonke izinhlanga bayakwamukeliswa amaholo afanayo uma benza imisebenzi ofanayo;
Sizokhumbula ukuthi lokhu kuke-kwaba yindaba egudwini ngesikhathi sichibiyela umthetho wokuqeda ubandlululo ezindaweni zemisebenzi. Bebekhona-ke ebebeshaya phansi ngonyawo bethi akusoze kwenzeka lokhu, kodwa amathe abuyela kwasifuba ngoba ukhongolose, ekhokhelwa Umqulo wenkululeko ka 1955, wawushicelela lomthetho.
Umqulu wenkululeko uphinde uthi “Kuzosetshenzwa amahora-amane ngesonto, abasebenzi bazokwazi ukuhlaba ikhefu elikhokhelwayo emva kokusebenza unyaka, futhi bayobanelungelo lokukhokhelwa uma bengakwazi ukuya emsebenzini ngenxa yokugula , kanye nabesimame uma beyobeletha nabo bayonelungelo lokuhlaba ikhefu elikhokhelwayo ukuze bakhulise izinsana zabo, futhi kuyoba neholo likazwelonke.
Ukhongolose usekwenzile okuningi ngalombandela, futhi sonke siyazi ukuthi uma ungaphilanga usuyakwazi ukuthi utshele umqashi ukuthi angeke ukwazi ukuya emsebenzini ngoba uyagula. Uma ulovile emsebenzini ngoba ugula, wawukhishwa ngesango mhlazane ubuya. Yayingekho futhi indaba yokuthi uzohamba uthi uyophumula emva kokusebenza unyaka ucabange ukuthi uzokhokhelwa, kodwa namhlanje konke lokhu sekulawulwa umthetho njengoba sikhuluma nje.
Abasebenzi besimame sebayakwazi ukuyobeletha bahlale emakhaya izinyanga okungenani izinyanga ezine bekhokhelwa. Abasebenzi bababazi kahle kamhlophe ukuthi ukukhulelwa kwakusho ukulahlekelwa umsebenzi. Siyabonga kuhulumeni kaKhongolose, abanamehlo bayibona imisebenzi yakho emihle. Akugcini nje lapho, Umqulu wenkululeko uphinde uthi “Abavukuzi, abasebenzi basemasezindlini, abasebenzi basemapulazini kanye nabasebenzi bakahulumeni bayoba namalungelo afana nabo bonke abasebenzi”; Bonke abasebenzi banamalungelo afanayo kulolonke lelizwe.
Kuthe uma senza izichibiyelo zokuthi abasebenzi bezinkontileka nabo babenamalungelo afanayo nabobonke abasebenzi, amanye amaqembu aphikisayo ashaya phansi ngonyawo, bethi lingawa licoshwe ‘zinkukhu, angeke kwenzeke lokho. Umbimbi wabasebenzi, amadlandawonye kanye nenhlangano yezakhamuzi beholwa uKhongolose, balwa ukuthi leziziphakamiso zibe umthetho.
Uyasho futhi Umqulu wenkululeko ka 1955 ukuthi “Ukugqilazwa kwabasebenzi, uhlelo lokuholela abasebenzi ngotshwala, izinkontileka zabasebenzi zamatoho ezingenamalungelo, kuyoqedwa.”
Siyazi-ke ukuthi ukhongolose useshaye imithetho ekuqeda nya ukuxhashazwa kwabasebenzi besikhashana kanye nalabo bezinkontileka zesikhashana. Yize kusekhona abathi lokhu akwanele, inkinga yabo ukuthi bayakhohlwa ukuthi imithetho yabasebenzi ithi umsebenzi ngamunye uqashwa ngokulawulwa imithetho yezabasebenzi.
Okusho ukuthi imithetho ayikuvumeli ukuthi umsebenzi ahlukunyezwe noma ngabe uqhashwe ngaphansi kwayiphi imigomo.
Futhi umthetho uthi bonke abasebenzi banelungelo lokuvula icala kwi- Khomishane yokuxazulula izinkinga nokuqondisa izigwegwe. Uma benganelisiwe izinqumo zaleKhomishana, abasebenzi bayakwazi ukudlulisa izikhalo zabo baziyise ezinkantolo zabasebenzi. LeKhomishana yabelwe u 770 million wamaRandi ukuze yenze umsebenzi wawo osuthe xaxa, ngenxa yezichibiyelo zemithetho yakabusha.
Ngingakubeka ngembaba nje ukuthi thina siwuKhongolose, ikakhulukazi siwuMnyango wezabasebenzi, cishe sesikwenze konke umqulu wenkululeko othe masikwenze, kanjalo nezibopho zokhetho esazenza ngo 2009 nango 2014. Lokho esingakakuqedi, okufana neholo likazwelonke, kuyaziwa ukuthi senzani ngakho.
10
Sihlalo ehloniphekileyo, njengamanje siphezu komshikashika okwenza izichibiyelo emthethweni wokunxephezela labo abasuke belimale emsebenzini nalabo abathole ukugula ngenxa yemisebenzi abayenzayo. Kelezichibiyelo sifuna ukuthi abasebenzi basezindlini nabo banxeshezelwe uma belimala noma bethola izifo ngenxa yemisebenzi abayenzayo.
Sifuna futhi ukuthi kube nezinhlelo zokulekelela labo abesuke belimele ukuthi bakwazi ukubuyela emisebenzini ngokushesha. Abanye, sibanika amakhono amasha ukuze babesemathubeni angcono okuthola eminye imisebenzi noma baziqalele amashishini abo.
Besicela-ke Sihlalo Ohloniphekileyo ukuthi, uma lomthetho-sichibiyelo ufika kulendlu ube ingxenye yezinto yezinhlelo eziphuthumayo ukuze abasebenzi bahlomule. Abanye babo sifuna ukubaqhasha thina siwumnyango embonini yethu yalabo abaphila nokukhubazeka. Injongo yethu ukuthi lezizichibiyelo zithulwe kulesiShayamthetho ungakapheli lonyaka ophezulu.
Kubalulekile-ke ukuthi sikusho lokhu. Yonke imithetho yezabasebenzi ikhandwa yithi sonke ngokubambisana nezinhlangano zabaqashi, izinhlangano zabasebenzi kanye nenhlangano yezakhamuzi uzwelonke. Kanjalo nomphakathi-jikelele uyanikwa ithuba lokuphawula ngeziphakamiso zethu. Lokhu kubalulekile kakhulu ngoba, esikhathini esiningi kuye kubekwe sengathi uhulumeni uvele athi makwenziwe zinto ngale kokubonisana nezinhlangano ezithintekayo.
Lokhu sikwenza eMkhadlwini wezokuxoxisana kazwelonke. Kulonyaka ophezule lomkhandlu wabelwe u 31 million wanmaRandi ukuze ukwazi ukwenza imisebenzi obekelwe yona.
Malunga Ahloniphekileyo; Kunezinhlelo eziningi esizenzayo ukusiza abasebenzi uma belahlekelwa imisebenzi, noma, kutholakala ukuthi izimboni abasebenza kuzona, zizithola zinengcindezi.
Sinezihlelo lapho izimboni zithola khona usizo lokugwema ukuthi zivalwe; sinohlelo lapho sibambisana nezimboni ukuze sivimbe ukudilizwa kwabasebenzi, uma behlangabezana nemigomo ethile.
Okokuqala kumele ukuthi umqashi osuke ebika ingcidenzi, aveze ubufakazi okuqandikhanda ngokuvula izincwadi zakhe zezimali zicutshungulwe ukuze kubonakale ukuthi ngempela lokho akushoyo kuyiqiniso, futhi kumele kube nobufakazi bokuthi uyayigcina yonke imithetho yezwe. Ngale kwalokho, kuye kube inkinga ukuthatha imali yabasebenzi kusizwe umqashi ubengabakhathelele abasebenzi, futhi ongayigcini nemithetho yezwe.
Ezinye izinto ebisethe sizozenza, Usekela-Mphathiswa womnyango, Inkosi Holomisa uzonika imininingwane nanokuthi sihambe safika-phi. Sihlalo Ohloniphekile, Isikhwama esibhekele ukunxephezela abasebenzi uma belimala emsebenzini, noma bethola izifo ngenxa yemisebenzi abayenzayo, sesibeke imali engango R5,2 billion wamaRandi ukuthi mawutshalwe ezintweni ezizovula
amathuba emisebemzi. Kuze kube manje, cishe imali egango R1,9 billion wama-Randi isitshaliwe emshikashikeni wokuvula amathuba emisebenzi.
Ngenyanga edlule, ngibe nethuba lokuyovula Isakhiwo laphaya eWelkom eFree state esinemibhede eyikhulu namashumi amabili esizosiza abasebenzi abesuke belashwa emva kokulimala noma ukuthola izifo emisebenzini. Lesakhiwo esiqale ukusebenza ngenyanga edlule, sizosiza kakhulu ekutheni abasebezi abasuke belimele bakwazi ukusimama ngokushesha ukuze babuyele emisebenzini ngokushesha.
Futhi bengishilo ukuthi lesisiKhungu sokubhekela abasebenzi abasafumana ukwelashwa, sizophinda siqeqeshe abasebenzi emakhonweni adingwa umnotho okuyinto esihlongoza ukuyifaka kulomthetho-sichibiyelo ozayo.
Umqondisi Jikelele womnyango kanye noKhomishani, benza konke okusemandleni ukushintsha isimo salesisikhwama, Ngenxa yezinkinga ebesibhekene nazo.
Sizoqhubeka nokwenza konke okusemandleni ethu ukuthi uma siphinda sibuya sizobika lapha, sinitshele okungcono kunayizolo.
Njengoba-ke imithetho siyichibiyele ngempumelelo, amandla ethu sizowabhekisa ekutheni lemithetho iyagcinwa. Sizoqinisa isandla kulabo abaqhubeka ngokungayishayi-ndiva lemithetho. Emasontweni amabili edlule besithula umbiko wokuthi uguquko luhamba kanjani ezindaweni zemisebenzi. Ikhomishani ebhekele uguquko ezindaweni zemisebenzi lukubeke kwacaca ukuthi inqubekela phambili ayigculisi nakancane.
Lokhu sekuholele ekutheni sithi labo baqashi abaqhubeka nokungayishayi-ndiva imithetho yabasebenzi, kumele balutheze olunenkume. Kudala sibanika ithuba lokwenza okumele bakwenze ngaphandle kokubaphoqa singuhulumeni, kodwa kusobala ukuthi abazimisele ukuguqula isimo.
Sekufike lapho kubonakala sengathi ukungayi landeli imithetho yabasebenzi sekuhlangene nokubukela phansi umnyango. Angikubeke ukuthi, labo abaqhubekayo nokwenza ushintsho olubonakalayo, sizoqhubeka nokubakhuthaza, kodwa ondlebekazizwa bazohlangana nezimbila zithutha, ziholwa emhlophe phambili.
Abahloli bezokugcinwa kwemithetho yabasebenzi bazophuma umkhankaso wokuzingela labo abayiziphula mthetho ukuze bajeziswe ngendlela ebafanele. Isebe labahloli lizohlomula izigidi ezingamakhulu amahlanu amaRandi (R500million) kulonyaka ukuze bakwazi ukuphakamisa izinga lokugcinwa kwemithetho.
Uhlelo lwethu lokuqeqesha abasebenzi abasuke belahlekelwe imisebenzi, lunikwe amandla athe thuthu esabelweni sezimali salonyaka. Futhi selungcono kakhulu ngoba kusukela onyakeni ophelileyo, izinhlelo seziqeqesha abantu emakhonweni anezikhala zemisebenzi.
Kunabasebenzi njengoba sikhuluma nje, abaqeqeshwayo ukuze bakwazi ukushayela amabhanoyi kanti futhi kunabanye abafundiswa ukutshuza ukuze bakwazi ukufumana imisebenzi ezindaweni ezifana nasemtateni, noma emachwebeni alelizwe. Loku sikwenza ngoba silungiselela ukuthi uma uhlelo luka Mongameli wezwe, Iphakisa – emnothweni wasolwandle, sibe sesikulungele ukuqhasha abantu bethu.
Sesitshale futhi izimali ezishisiwe ekulolongeni amakhono okwakha, lokhu sikwenza nezikole eziqeqesha amakhono kuzona zonke izifundazwe zalelizwe. Nalo loluhlelo lubekelwe imali eyizigdi ezingamakhulu amahlanu zamaRandi, (R500million). [Building and Civil Construction]
Okusho ukuthi uma umuntu eqeda ukuqeqeshwa, ungena emsebenzini. Lokhu sikwenza sibambisene neminye iminyango kahulumeni. Izinhlelo zikahulumeni zokugwema indlala, sezizoba seqophelweni eliphezulu njengoba sihlongoza ukuthatha labo abasuke beqeda ezinhlweni ezifana ne Expanded Public Works Programme, sibafake ezinhlelweni zokuqeqeshwa ezizobanika amakhono adingekayo emnothweni. Abanye sibafake ezinhlelweni ezizobaqeqesha emakhonweni okuphatha amabhizinisi kanye namaCo-operatives. Inqobo-nje uma kunobufakazi bokuthi abasebenzi abathintekayo bake bathela esikhwameni sokunxephezela abasebenzi abalahlekelwe imisebenzi.
Lokhu kuzoqiniseka ukuthi, uma abantu bethu bephuma kwi EPWP, ababuyeli endlaleni, kodwa banikwa amathuba okubuyisa izithunzi zabo futhi bakwazi ukuziphilisa, ngokuthi bathole imisebenzi, noma babe usomabhizinisi ngokwabo.
Lolu kuzoba uhlelo lukazwelonke, kodwa luzoqala kulezozifundazwe eseziqalile ukwenza loluhlobo lomsebenzi njengasesifundazweni sase North West, nalezo esezikulungele ukuqala. Ukwakha izivumelwano phakathi kweminyango eyahlukene sekuqalile ukuze lezinhlelo zihambe ngokushesha.
Sihlalo ohloniphekile, Yize isabelo sethu sezimali sehlile kulonyaka kunaleso esasiphiwe sona ngonyaka odlule, futhi sincane kakhulu uma siqhathanisa nezinto okumele sizenze, kodwa sizozama konke okusemandleni ethu ukuthi izinhlelo zethu ziphumelele. Kuthiwa-ke kubongwa okuncane, kubongwe okukhulu.
Ngivumele Sihlalo ohloniphekile, ukuthi ngibonge amalunga ahloniphekile alendlu ngokusixhasa nokusinika umkhombandlela kuyoyonke imizamo esiyenzayo yokuthuthukisa lelizwe lethu. Ngivumele futhi ngibonge Usekela-Mphathiswa weSebe Labasebenzi, Inkosi Holomisa ngoxhaso nokubambisana nathi sonke, ukuze siphumelele kukho konke esikwenzayo.
Ngibonge nabaholi bezinhlangano zabaqashi, izinhlangano zabasebenzi kanye nezinhlangano zezakhamuzi ngokubambisana nathi kukho konke esithi makwenziwe. Ngidlulisa ukubonga ku Mqondisi-Jikelele Womnyango nethimba lakhe.
Ontamo-lukhuni ebebezama ukucekela phansi uhlelo lokuxoxisana phakathi kwasebenzi kanye nabaqashi ngamaholo, luqunjwe phansi inkantolo enkulu ngesonto elendlule. Lawa ngamalungelo abasebenzi abawalwela, kukubi eminyakeni yobandlululo. Abanye babebhandle emajele kanti abanye balahlekelwa imiphefumulo yabo, belwela lamalungelo. Kuyajabhisa ke ukuthi, kukhona abafuna ukuwacekela phansi lamalungelo. Kuzomele abasebenzi basukume ngazo-zombili ukuvikela amalungelo abo.
Ngithi kini nonke, Ukwanda kwaliwa umthakathi. Uthixo anisikelele.
Ngibeka phambi kwenu Uhlahlo-Mali loMnyango Wezabasenza luka 2016/17 – olungu 2.8 billion wama-Randi ukuthi nilwamukele.
Nkosi Sikelela Umzans’ iAfrica.