Isitatimende sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa ngeNqubekela-phambili Yomzamo Kazwelonke Wokunqanda Ubhubhane lwe-COVID-19

Bantu Bakithi baseNingizimu Afrika,

Sekucishe kube iminyaka emibili ngqo selokhu ngama phambi kwenu ngimemezela ukuthi iNingizimu Afrika izobe ingena ngaphansi kokuvalwa kwezwe ukuze kuzonqandwa ukubhebhetheka kwegciwane le-COVID-19.

Lesi isinyathelo esikhulu kakhulu futhi esingakaze sibonwe.

Kodwa sadodobalisa ukubhebhetheka kwegciwane ukuze izikhungo zethu zezempilo - kanjalo nomphakathi wakithi - ube nesikhathi sokulungiselela ukuqubuka kokusuleleka okulindelekile.

Kusukela lapho, kufanele ukuthi sishintshe indlela esibhekana ngayo negciwane njengoba ubhubhane lushintshile, njengoba ukusuleleka kukhuphukile kwaphinde kwehla, futhi njengoba izikhungo zethu zezempilo zibe ngaphansi kwengcindezi.

Iminyaka emibili, izimpilo zethu ziguqulwe yilolu bhubhane.

INingizimu Afrika ibe nezigameko ezingaphezu kwezigidi ezi-3.7 yaphinde yaqopha izigameko zokufa ngenxa ye-COVID-19 ezicishe zifinyelele kwizi-100 000.

Ubhubhane lushintshe indlela esisebenza ngayo, indlela esivakasha ngayo, esikhonza ngayo kanye nendlela esihlangana ngayo nabantu.

Lukhinyabeze izindlela zokuziphilisa zabantu eziningi futhi lwacekela phansi umnotho wethu, lokho okuholele ekuvalweni kwamabhizinisi amaningi kanye nokulahlekelwa imisebenzi eyizigidi ezimbili.

Yize lubuye lwabonisa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bayanakekela futhi bangabantu abanozwelo, abasizanayo uma bedingana kakhulu.

Ngesikhathi sicelwa ukuthi sithobele imikhawulo ekuhambeni kwethu, imibuthano kanye nemisebenzi eyahlukahlukene, njengabantu baseNingizimu Afrika, senza njalo, sazi ukuthi lokhu sikwenzela impilo yethu nezimpilo kanye nobuhle baleli lizwe.

Eminyakeni emibili eyedlule, sithathe izinyathelo ezingakaze zithathwe ukuze kuzoqiniswa uhlelo-kusebenza lwethu lwezempilo.

Siqashe abantu abaningi ukubhekana nobhubhane, sakha umthamo omningi ezibhedlela nasemalabhorethri futhi saqinisekisa ukuthi iziguli eziphethwe i-COVID-19 zinakekelwa kahle ezibhedlela zethu.

Manje sesizoshintsha ukwenza.

Sesikulungele manje ukungena esigabeni esisha ekulawuleni kwethu ubhubhane.

Emva kwamahlandla amane okusuleleka ngegciwane, bambalwa abantu abagula kakhulu futhi abadinga ukulaliswa esibhedlela. Bambalwa kakhulu abashonayo kunakuqala.

Ososayensi bethu basitshela ukuthi lokhu kungenxa yokuthi ama-60% kuya kuma-80% abantu abatheleleki ngegciwane, okungenxa yokuthi bake batheleleka phambilini noma ngokugoma.

Kulokhu esidlule kukhona kule minyaka emibili eyedlule, izinsiza zezempilo zethu zikwazile ukulawula isifo ngempumelelo enkulu.

Sesikujwayele ukugqoka izifonyo nokuhlanza izandla zethu njalo-nje.

Okubaluleke kakhulu, amaphesenti angama-48 abo bonke abantu abadala sebethole okungenani umthamo owodwa womgomo.

Ngakho-ke siqala unyaka wesithathu walolu bhubhane sinethemba elikhulu kunakuqala.

Ngesikhathi ubhubhane lungakapheli, futhi sisalokhu siqaphile, sibona izingxenye eziningi zempilo yethu yansuku zonke zibuyela esimweni esejwayelekile.

Sibona umnotho wethu ubuyela usebenza ngokuphelele.

Siyakuzwa ukwesaba kanye nosizi lwale minyaka emibili eyedlule lusuka emahlombe ethu.

Ngenxa yokuguquguquka kokwakheka kobhubhane, futhi nangenxa yenqubekela-phambili esiyenziwe ngemizamo yethu sonke, sisophe ukususa izwe ngaphansi kweSimo Senhlekelele Kazwelonke uma nje ukushicilelwa kwemibono yomphakathi ngemithethonqubo yezempilo nguNgqongqoshe sekuphothuliwe.

Le mithethonqubo, uma isiphothuliwe, izosebenza esikhundleni semithethonqubo yeSimo Senhlekelele njengendlela esemthethweni esiyisebenzisayo ukulawula ubhubhane.

Bonke abantu baseNingizimu Afrika bayamenywa ukuba babeke imibono kwimithethonqubo ehlongozwayo ngaphambi komhla we-16 kuMbasa.

Okumele kucace bha ukuthi ukuphela kweSimo Senhlekelele Kuzwelonke akuchazi ukuthi ubhubhane luphelile.

Lokhu kusho nje ukuthi sishintsha indlela esilawula ngayo ubhubhane, futhi sizothembela kwimithethonqubo yezempilo kunokuthembela kwimithethonqubo yokulawulwa kwenhlekelele.

Kusho ukuthi siyafunda ukuphila negciwane phakathi kwethu.

Kusho ukuthi sibuyela, ngendlela esikwazi ngayo, ezimpilweni ebesiziphila ngaphambi kobhubhane.

Kusho ukuthi siyaqhubeka sivula umnotho wethu, nokuthi siyaqalisa futhi ngemisebenzi yokuhlanganyela nabantu kanye neyamasiko ebeyisiphuthile kule minyaka emibili eyedlule.

Kusukela ngoMfumfu ngonyaka owedlule, izwe belibekwe eSigabeni Sokuqala Sokuqapha, lokhu obekuchaza ukuthi imisebenzi eminingi eyejwayelekile iqalile futhi ngokulandela imihlahlandlela yezempilo ngazo zonke izikhathi.

Imikhawulo eminingi emisebenzini yezomnotho ibisusiwe.

Manje sesiyakwazi ukuxegisa eminye imikhawulo.

Ekunqumeni ukuthi imiphi imikhawulo ekumele ixegiswe futhi imiphi ekumele ihlale injalo, sihlahlelwe indlela – njengakuqala – iseluleko seKomidi Longqongqoshe Eleluleka nge-COVID-19.

Siphinde sabheka lokho amanye amazwe adlule kukho, kubandakanya lawo mazwe lapho imikhawulo esuswe yonke kulandelwe ukuqubuka kokusuleleka ngegciwane kanye nokufa.

Ngokwazi ukuthi kumele singene esigabeni esisha sokulawula kwethu ubhubhane sithathe isikhathi sixoxisana kabanzi nababambiqhaza abehlukahlukene, kubandakanya izinhlangano zezenkolo nabaholi bendabuko.

Ekuqaleni namuhla, sibe nomhlangano woMkhandlu KaMongameli Wezokuxhumanisa, ohlanganisa oNdunankulu, oSodolobha bawo wonke amaDolobha, oNgqongqoshe namaPhini oNgqongqoshe, abamele iNhlangano Yezohulumeni Basekhaya eNingizimu Afrika, kanjalo nabaholi bendabuko.

Ngokubheka kulezo zingxoxo kanye nezincomo zoMkhandlu Kazwelonke

Obhekele igciwane le-Corona, iKhabhinethi linqume ukuxegisa imikhawulo eminingana njengengxenye yeSigaba Esiguquliwe Sokuqapha Sokuqala.

Imikhawulo kwezemibuthano iguqulwe kakhulu.

Kwimithethonqubo yaphambilini, sasigxila ekubekeni umkhawulo ophezulu enanini labantu okumele bahambele umbuthano.

Indlela esizoyithatha ukuya phambili ukuthi zombili izindawo zokuhlanganyela ngaphakathi nangaphandle manje sezingamumatha umthamo ongamaphesenti angama-50 endawo leyo uma umthetho wokungena kuleyo ndawo kungubufakazi bokuthi ugomile noma imiphumela yokuhlolelwa i-COVID-19 ekhishwe esikhathini esingeqi amahora angama-72.

Kodwa uma bungekho ubufakazi bokugoma noma bokuhlolelwa i-COVID-19, lapho-ke umkhawulo okhona ozolokhu ume kanjalo - owabantu abayi-1 000 ngaphakathi kanye nezi-2 000 zabantu ngaphandle.

Lolu shintsho emikhawulweni yemibuthano luzokwenzela kahle imicimbi yezemidlalo, eyamasiko, eyezokuqeda isizungu kanye nemboni ehlela imicimbi ikakhulukazi.

Lokhu kusho ukuthi uma sigomile noma siqeda ukuhlolwa satholwa singenalo igciwane, sizokwazi ukubuyela ekubukeni bukhona ezemidlalo ezinkundleni kanye nokuya semadilini emiculo, nasemidlalweni yeshashalazi, ezinkomfeni kanye nakweminye imicimbi.

Inani eliphezulu labantu abavumeleke emngcwabeni lizosuka kubantu abayi-100 lenyukele kwabangama-200.

Njengakuqala, imilindelo, imibuthano eyenzeka emva komngcwabo kanye nemibuthano yama 'after tears' ayivumelekile.

Kuphinde futhi kubekhona izinguquko ezibalulekile kwimithethonqubo yokugqokwa kwezifonyo.

Njengakuqala, kuyimpoqo ukugqoka isifonyo sendwangu noma okokumboza okufanayo okumboza ikhala nomlomo uma ungaphakathi ezindaweni zomphakathi.

Kodwa-ke, isifonyo asidingeki uma ungaphandle.

Lokhu kusho ukuthi sisakudinga ukugqoka izifonyo uma sisezitolo, enxanxatheleni yezitolo, emahhovisi, emafemini, ematekisini, emabhasini, ezitimeleni noma ngaphakathi kwanoma iyiphi indawo yomphakathi.

Kodwa asidingi ukugqoka izifonyo uma sizihambela emgwaqeni noma endaweni evulekile, uma sizivocavoca ngaphandle noma sihambele umbuthano obanjelwe ngaphandle.

Imithethonqubo emayelana nokuqhelelana kwabantu nayo iyashintshwa, idinga ukuthi igebe elingangemitha elilodwa lishiywe phakathi kwabantu kuyo yonke indawo ngaphandle kwasezikoleni.

Kunezinguquko futhi kwimithethonqubo yezokuvakashela amanye amazwe. Izivakashi ezingena eNingizimu Afrika kuzofanele ziveze ubufakazi bokugoma noma imiphumela efakazela ukuthi azinalo igciwane ekhishwe esikhathini esingeqile emahoreni angama-72.

Zonke izivakashi ezingagomile ezingena kuleli lizwe ezifuna ukugoma zizonikezwa umgomo.

Lezi zinyathelo zizoqala ukusebenza kusasa, ngoLwesithathu mhla wama-23 kuNdasa 2022, uma imithethonqubo emisha isishicilelwe kusomqulu kahulumeni.

Ngalezi zinguquko, cishe yonke imikhawulo kwezemisebenzi yezenhlalo kanye nomnotho izobe isisusiwe.

Ukuya phambili, izikhali zethu ezibalulekile zokulwa nalesi sifo, esokuqala, ukugoma, esesibili, ukuthobela imithetho eyisisekelo sezempilo, njengokugqoka izifonyo uma ungaphakathi kwesakhiwo.

Ukuphinde kuxegiswe imikhawulo esasele kuzodinga ukuthi sikhuphule izinga lokugoma kubantu baseNingizimu Afrika.

Umgomo usubonise ukunciphisa ngokuphawulekayo ukugula kakhulu.

Izibalo ezivela ezikhungweni zethu zezempilo, zibonisa ngokucacile ukuthi abantu abangagomile basethubeni elikhulu lokulala esibhedlela noma lokubulawa yi-COVID-19.

Umgomo unganciphisa ukuthelelana ekhaya kanye nasezindaweni ezifana nasesikoleni kanye nasemanyuvesi lapho kunokuthintana khona.

Ngakho-ke, ngesikhathi sithokozela ukuthi abantu abangaphezu kwamaphesenti angama-68 abaneminyaka engaphezu kwama-60 ubudala sebegomile, sikhathazekile ngokuthi abantu abangamaphesenti angama-35 kuphela abaphakathi kweminyaka eyi-18 nama-35 ubudala asebegomile.

Kubaluleke kakhulu ukuthi abantu bakithi abaneminyaka yobudala ephakathi kweyi-18 nama-35 bayagoma, futhi yingakho sethula umkhankaso we-#KeReady ngenyanga eyedlule.

Lo mkhankaso ubandakanya imiyalezo eyenziwe ngabantu abasha futhi igxile ekutheni ikwenze kube yinto enkulu ukugoma kubantu abaneminyaka yobudala ephakathi kweyi-18 nama-35.

Ukwengeza kulokhu, sithanda ukugqugquzela labo asebegomile ukuthi bahambe bayothola imijovo yabo yokuvuselela.

Uma sonke sigomile, singabuyisa amandla ethu, izinsiza zethu kanye nomzamo wokwakha kabusha umnotho wethu nokusungula imisebenzi edingeka kakhulu.

Eminyakeni emibili eyedlule, ngesikhathi simemezela ukuqala kokuvalwa kwezwe kuzwelonke, ngathi ezinsukwini, emavikini nasezinyangeni ezizayo, ukucubungula kwethu, ukukhalipha kwethu kanye nobunye bethu njengesizwe buzonyakaziswa ngendlela engakaze ibonwe kuqala.

Ngacela wonke umuntu ukuthi adlale indima yakhe:

“Ukuba nesibindi, ukubekezela, ngaphezu kwakho konke, ukuba nozwelo."

Abantu baseNingizimu Afrika basabela kulelo khwelo, ngaso sonke isikhathi.

Ngiyaphinda futhi, siyacelwa ukuthi sonke sidlale indima yethu - ngokuthi sigome njengoba siphokophele esikhathini esisha ngethemba nokuzimisela empini yethu yokulwa nobhubhane.

Ngiyabonga

Share this page

Similar categories to explore