Faka isicelo sokulethwa kweposi elisha

Mayelana
Okumele ukwenze
Kuthatha isikhathi esingakanani
Kubiza malini
Amafomu okufanele agcwaliswe
Kuthintwe bani

 

 

Mayelana nokufaka isicelo seposi elisha

Uma ufuna ibhokisi leposi elisha, ibhokisi leposi noma isikhwama sakho, faka isicelo sokulethwa kweposi ePosini eliseduze nawe. Usizo lokulethwa kweposi lusebenza kusukela mhla lu-1 kuMasingana kuya kumhla zingama-31 kuZibandlela ngonyaka ngamunye futhi ikhokhwa ngaphambi kwenyanga kaZibandlela.

Qaphela: Amafomu okufaka isicelo athunyelwe ngeposi ngeke emukelwe.

  • Ngabanikazi ababhalisile kuphela noma abahlala ezindaweni zokuqasha ezindaweni lapho ukuthunyelwa kweposi emgaqweni kungenzeka khona, isibonelo amapulazi, izakhiwo zezolimo, izindawo zasemakhaya nezisathuthuka, izindawo zasemakhaya nezisathuthuka zinelungelo lokuba nebhokisi leposi elilodwa lamahhala endaweni yokukoleka iposi eseduze noma eposini ngokusho kwemingcele yamaposi kanti ubufakazi bobunikazi noma bokuhlala kufanele bulethwe.
  • Iposi linegunya lokuqinisekisa imininingwane ebhalwe esicelweni.
  • Eminye imibandela iyatholakala kunoma yiliphi IPosi noma isizindalwazi sePosi.

Okumele ukwenze

  1. Vakashela iPosi eliseduze nawe ucele ifomu lokufaka isicelo kumshayisisefo
  2. Gcwalisa ifomu lokufaka isicelo
  3. Ifomu lokufaka isicelo liyatholakala futhi kusizindalwazi sasePosini.
  4. Phanyeka ikhophi yamazisi wakho noma isifakaziselo esifana nephasiphothi, izincwadi zokushayela kulelo fomu bese ulinikeza umshayisisefo eposini eliseduze nawe.

Kuthatha isikhathi esingakanani

Kuthatha imizuzu eyi-10 kuya kweyi-15.

Kubiza malini

Mailbox renewal

Amafomu okufanele agcwaliswe

Amafomu okufaka isicelo ayatholakala kuwo wonke amaPosi kulo lonke leli.

Kuthintwe bani

 

E-mail: customer.services@postoffice.co.za
Tel: 0860 111 502 

Share this page