Ukungenisa kubuya kwamanye amazwe ucwaningo lwamasampula kanye nomzekeliso eNingizimu Afrika

Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana

 

 

Ngosizo okungenisa kusuka emazweni angaphandle icwaningo lwamasampula eNingizimu Africa

Uma ufuna ukungenisa imikhiqizo yezilwane, okungathelelana noma okuthathelanayo e Ningizimu Afrika, umthetho uphoqa ukuthi ubhalise bese uthola iphemithi ku Dokotela wezilwane etholakala ku Mqondisi wempilo zezilwane.
 
Kumele uthole iphemithi ku Dokotela wezilwane ukuze ungenise icwaningo lwamasampula nokuphathelene nezitho zomzimba, njenge:

  • Igazi noma uketshezi lwesilwane.
  • Noma ngabe yini engasetshenziswa ukuthola inkinga ezilwaneni, njengomchamo,ubisi, indle noma uthuvi, isikhumba noma izicubu zangaphakathi, kanye nokunye.
  • Ukungcola, amagciwane noma yini engasetshenziswa ukuhlolwa kwezilwane engasetshenziswa ukwenza ucwaningo.

Amaphemithi okungenisa anesikhathi esanele encanyana futhi iqulu elilodwa vo. Kufanele uthole iphemithi ngaphambi kokuba umkhiqizo uphume ezweni odluliselwa kulo.

Kungenzeka kube neminye imithetho esikhaleni semikhiqizo ethile futhi kufanele uqikelele ukuthi uyakwenza konke okudingekayo.

Okufanele ukwenze

  1. Gcwalisa ifomu lesicelo sokungenisa umzekelo wokuhlolwa kwezilwane e Ningizimu Afrika. Xhumana no Mqondisi wezempilo zezilwane uma ungenaso isiqiniseko sokuthi ugcwalise liphi ifomu.
  2.  Faka umthetho wocwaningo, noma incwadi echaza isizathu sokungenisa bese unikezela ulwazi mayelana nokuphathwa kwemikhiqizo engeniswayo, ukuqinisekisa lokhu okulandelayo:
    • Uhlobo oluthathelanayo kufanele luhanjiswe ukuyohlolwa.
    • Indawo okuhlolwa kuyo kufanele ibesemthethweni futhi nemishini esetshenziswayo kufanele kube ngefanele. (kuya ngokuthi kubucayi kangakanani)   
    • Izinto ezingeniswayo kufanele zishiswe uma sekuqediwe ukuhlola noma ucwaningo. 
    • Kufane kucaciswe ukuthi izilwane eziphilayo zizovuleleka ekutheni zingeniswe noma cha. 
    • Uma izilwane eziphilayo zivulelwe, kufanele kushiswe imikhaza uma sekuqedwe ukuhlolwa noma ucwaningo. 
    • Izinto ezingatheleleka ngezifo zezinyawo nezomlomo, kanye nanoma uluphi uhlobo lwesifo, kungahanjiswa ophikweni oluthile lezilwane e Onderstepoort. 
  3. Udokotela wezilwane osekuqondiseni kwezempilo zezilwane uzokuthinta uma kukhona eminye imininingwano edingakalayo bese ehlola inkinga engabakhona uma ephasisa isicelo sakho. 
  4. Khokha ikhulu namashumi amabili ukhokhele iphemithi. 
  5. Khokha ebhange imali yephemithi imininingwa yasebange yoMnyango
    Igama lebhange: Standard Bank of South Africa
    Igama lomnikazi wesikhwama: National Department of Agriculture
    Inombo yasebhange: 011219556 International Band
    Igatsha: 010845
    Ukwenziwa kwe IB 0001982 ikhodi
    Ikhodi emfushane: SBZA-ZAJJ
    Igama legatsha: Arcadia.
  6. Ungakhokha nangesheke, ukhokhele u Mqondisi jikelele: Umnyango wezolimo, amahlathi nezinhlanzi.
  7. Ungakhokha ehhovisi lomnyango lwezolimo, amahlathi kanye nezinhlanzi.
  8. Izindleko zebhangi kanye nezindleko zebhange lasemazweni aphesheya.
  9. Umnyango angeke ukhiphe iphemithi uma imali ephelele eyikhulu namashumi amabili engakatholakali.
  10. Isaziso esibalulekile: Imininingwano yofake imali kufanele kube igama nesibongo somuntu ongenisa kuleli.
  11. Thumela ifomu eligcwalisiwe nokuyisiqiniseko sokuthi ukhokhile ku:
    Umqondisi wezempilo zezilwane:
    Isigungu sokungenisa nokuthumela
    Private Bag X138
    Pretoria
    0001
    Eningizimu Afrika
    noma inombolo yesikhahlamezi 012 329 8292 / e-mail: VetPermits@daff.gov.za.
  12. Cacisa ngokubhala ukuthi iphemithi izolandwa noma izothunyelwa kuwena.
  13. Okulandela ukuthunyelwa kwefomu lesicelo kanye nesiqiniseko sokukhokha, Umqondisi wezempilo zezilwane uyobe esekhipha iphemithi yokungenisa kanye nohlobo lwesitifiketi sokuhlolwa kwezilwane.
  14. Ukuhlolwa kwezilwane okugunyazwe izwe elihambisa izilwane kufanele ligcwalise isitifiketi sokuhlolwa kwezilwane ngesingisi ngaphambi kokuba kuhanjiswe iqulu elithize.  
  15. Isitifiketi sokuhlolwa ezempilo zezilwane kwenye inkathi asidingeki ukungenisa  isampula locwaningo, kodwa ukudluliselwa kwezilwani ziya kwelinye izwe kufanele kwazeke iqulu elihanjiswayo. (kanye nesitifiketi esingakopishiwe sokuhlolwa kwezilwane uma sidingeka) kosebenzela ukungeniswa kwezilwlane e Ningizimu Afrika echwebeni lokungenisa.
  16. Uma udinga imininingwano yezinto ezidingakalayo kuhlobo oluthile lwesilinganiso sokuhlolwa kwezilwane noma okusazicubu zomzimba, ungathola amakhophi okulinganisa ephemithi yokungenisa izilwane kanye nesitifiketi sezempilo sezilwane ehhovisi lika Mqondisi wezempilo yezilwane.
  17. Uma ngabe ubhalisela omunye umuntu, sicela uqinisekise ukuthi uyakhokha egameni laloyo muntu noma inkampani.

Qaphela: Azikho izicelo eziphumeleliswayo ngaphandle kwesiqiniseko esikhombisa ukuthi kukhokhiwe. Isiqinisekiso sepheshana esibhalwe ukuhti kukhokhiwe kufanele sithunyelwe ngesikhahlamezi ku: 012 329 8292 siqonde ku: Ina Labuschagne.

Isikhathi esinqunyiwe

Uma u -dokotela kahulumeni osebenzela ehhovisi likazwelonke esephumelelise imvume yokungenisa, kuthatha izinsuku ezintathu kuya kwezinhlanu ukuphumelelisa isicelo kanye nephemithi.

Kubiza malini

R220

Imininingwane yokuxhumana

 

Share this page