Faka isicelo sokufundisela ingane yakho ekhaya

Uma ubona kungcono ukuthi ingane yakho uyifundisele ekhaya kumele ufake isicelo kwinhloko yoMnyango Wezemfundo Wesifundazwe sakho ukuze ubhalisele ukuthi ingane yakho ifundiselwe ekhaya. Uma uthanda, ungazifundisela ngokwakho ingane yakho noma uqashe uthisha ozoyifundisela ekhaya.

Izifundo okumele zifundwe yingane yakho kumele kube yizifundo ezingena ngaphansi kwalezi zigaba zemfundo eziphoqelekile:

  • isigaba samabanga ayisiyisisekelo (amabanga 1 - 3)
  • isigaba samabanga aphakathi nendawo (amabanga 4 - 6)
  • isigaba samabanga aphakeme (amabanga 7 - 9).

Thola imininingwane ethe xaxa mayelana nokufundiselwa kwengane ekhaya noma uxhumane noMnyango Wezemfundo Eyisisekelo.

Share this page