Ukuzithathela ngokusemthethweni ingane yesihlobo uzikhulisele yona njengeyakho kwelinye izwe

Ngosizo 
Yini okufanele yenze 
Kuthatha isikhathi eside kangakanani
Kubiza malini 
Amafomu agcwaliswayo
Ubani ongaxhumana naye

 

 

Mayelana nokuthatha kwelungu lomndeni noma legazi ingane yesihlobo lizikhulisele yona ngokusemthethweni kwelinye izwe 

Kuyinto engenzeka ukuba uzithathele ingane yesihlobo sakho saseNingizimu Afrika izohlala nawe ezweni langaphandle. Uma useNingizimu Afrika kanti ingane ihlala kwelinye ilizwe, ungayiletha izohlala nawe eNingizimu Afrika uma usuyithathe ngokusemthethweni ezweni langaphandle wayifaka ngaphansi kwesandla sakho ukuze uzikhulisele yona.

Ukuthathwa kwezingane ngokusemthethweni phakathi kwamazwe kubandakanya ukudluliselwa kwamalungelo omzali ngokomthetho kanjalo nezibopho kusuka kubazali begazi kuza kuwena ukwelinye izwe.

Ukuze uzithathele ngokusemthethweni ingane yesihlobo sakho esizinze eNingizimu Afrika kufanele uxoxisane ne-Central Authority ezweni ohlala kulona. Uma kungekho sikhungo esifanelekile ezweni lakho, ungaxhumana ne-International Social Services  (i-ISS) kulelo zwe ukuze baqalise inqubo yokuba unikezwe ingane ngokusemthethweni.

Abakwa-ISS bayinhlangano yomhlaba engenzi nzuzo egxile ikakhulukazi ezinganeni ezisengcupheni zakwamanye amazwe. Isebenza emazweni abalelwa kwayi-140 ngokusebenzisa inxanxathela yamagatsha asemazweni ahlukahlukene, osonhlalakahle, izikhungo ezisebenzisana nayo kanye nabayimele.

Uma ingane ihlala kwelinye izwe, kufanele uthintane ne-South African Central Authority (i-Saca), yona ezobe isikudlulisela enhlanganweni egunyaziwe evikela izingane. Uma inhlangano egunyaziwe evikela izingane ikuthola ufanelekile ukuba ngumzali ozoba ngusingamzali wengane emva kokuba uhlungiwe futhi wavivinywa, izohlanganisa umbiko onzulu bese iwuthumela kwi-Central Authority yezwe lelo langaphandle. I-Central Authority yezwe langaphandle iyobe, emva kwalokho, isiphenya bese ihlanganisa umbiko wokucwaninga ngengane bese iwuthumela eNingizimu Afrika.

Uma kwenzeka womabili amazwe evumelana ngokuthi ube ngusingamzali wengane, kuyodingeka uye ezweni lelo langaphandle ukuze kuphothulwe inqubo yokufakwa kwengane ngaphansi kwesandla sakho ngokusemthethweni.

Ukuthathwa ngokusemthethweni kwengane yomndeni noma yesihlobo segazi kungenziwa nanoma yiliphi izwe ngaphandle kwesivumelwano esimile phakathi kwamazwe (okungaba ngamazwe asayine iSivumelwano sase-Hague noma amazwe angeyona ingxenye yeSivumelwano sase-Hague).

Yini okufanele yenze

  • Uma iNingizimu Afrika kuyizwe lendabuko, inqubo ihamba njengalokhu okulandelayo:
    • Uma uhlala ezweni langaphandle futhi ufuna ukuba ngumzali wengane yaseNingizimu Afrika ohlobene nayo, kufanele uxhumane ne-Central Authority ezweni ohlala kulona.
    • Inhlangano egunyaziwe yezokuthathwa kwezingane ngokusemthethweni izokuhlola bese ikuvivinya ukuze ikwazi ukubona ukuthi ufanelekile yini ukuba ngumzali onganikezwa ingane ngokusemthethweni ukuze azikhulisele yona. Uma inhlangano ikuthola ufanelekile ukuba ngusingamzali, izohlanganisa umbiko onzulu wocwaningo lwekhaya bese iwuthumela kwabe-Saca, yona-ke eyobe seyiwudlulisela enhlanganweni egunyaziwe yokuvikelwa kwezingane.
    • Inhlangano evikela izingane eNingizimu Afrika izophenya futhi ihlole ukuthi ingane ifanelekile yini ukutholelwa usingamzali. Usonhlalakahle uzoqinisekisa ukuthi wonke umuntu okufanele anikeze imvume ngalokhu kufakwa ngokusemthethweni kwengane ngaphansi kwesandla somunye umuntu unikeza imvume ngokulandela inkambiso yeNkantolo Yezingane.
    • Abantu abathintekayo kulokhu bazonikezwa izinsuku ezingama-60 lapho besenelungelo namandla okuhoxisa imvume yabo ngaphambi kokuba ingane ithathwe njengengane ekulungele ukuthathwa ifakwe ngaphansi kwesandla somunye umuntu.
    • Inhlangano yokuthathwa kwezingane ngokusemthethweni izohlanganisa umbiko onzulu ngokucwaningwa kwengane bese iwuthumela ezweni langaphandle.
    • Uma kwenzeka womabili amazwe evuma ukuba ingane ithathwe ngusingamzali, kuzodingeka wena uze eNingizimu Afrika ukuze kuphothulwe le nqubo yokuthathwa kwengane ngokusemthethweni.
  • Uma uhlala eNingizimu Afrika futhi ufuna ukuzithathela ngokusemthethweni ingane ohlobene nayo kodwa ehlala ezweni langaphandle, inqubo yokuthathwa kwengane ngaphansi kwaleso simo yile elandelayo:
    • Kufanele uxhumane nabakwa-Saca bona-ke abazobe sebedlulisela udaba enhlanganweni evikela izingane.
    • Inhlangano evikela izingane izokuhlola futhi ikuvivinye ukuze ibone ukufaneleka kwakho ukuba umzali ongusingamzali. Uma inhlangano ikuthola ufanelekile ukuba usingamzali, izohlanganisa umbiko wekhaya obanzi bese iwuthumela ku-Central Authority yezwe langaphandle.
    • I-Central Authority yezwe langaphandle, izothumela inhlangano yayo, ukuba iphenye ukufaneleka kwengane ukuthathwa ngusingamzali bese ihlanganisa umbiko onzulu wocwaningo mayelana nengane. Umbiko uyobe usuthunyelwa kwa-Saca.
    • Uma amazwe womabili evumelana ngenqubo yokuthathwa kwengane ngokusemthethweni, kuyodingeka uhambe uye ezweni lelo langaphandle ukuze kuyophothulwa inqubo le yokuthathwa kwengane ifakwe ngaphansi kwesandla sakho ngokusemthethweni.

Kuthatha isikhathi eside kangakanani

Kuyehluka ngokwezimo ezahlukne

Kubiza malini

Kufanele ukhokhele inhlangano yokuvikelwa kwezingane egunyaziwe mayelana nokuthathwa kwezingane emazweni ahlukene.

Amafomu agcwaliswayo

Xhumana ne-Central Authority ezweni ohlala kulo.

Ubani ongaxhumana naye

Xhumana ne-Central Authority ezweni ohlala kulona.

 

Share this page