Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana
Isivumelwano sase Hague ngokukhulisa ingani ekungesiyo yakho
Uma ungowangaphandle kwalapha eNingizimu Afrika kanti ufuna ukuthatha ingane yakuleli ibe ngeyakho, kufanele uqale uthole ukuthi ingabe izwe lakho lasayinda isivumelwano sase Hague. Lesivumelwano suqagula nezindlela ezifanelekile zezindlela zokuthatha abantwana phakathi kwamazwe athintekayo.
Ungasebenzisa loluhlelo lokuthatha umntwana uma izwe lakho, njengaleli laseNingizimu Afrika, lisayindile isivumelwano esaziwa ngeHague convention.
Loluhlobo lokwenza izinto lubeka phambili ingane kanti luphinde lusebenze ukuvikela ukuthathwa ngenkani kwabantwana, ukuxhashazwa, ukuthengiswa kanye nokushushumbiswa kwabo.
Ihovisi elisemthethweni ezweni ohlala kulo kufanele likudlulisele enhlanganweni egunyaziwe yokuvikela abantwana ukuze ubuzwe imibuzo ukuze kutholakale ukuthi ukulungele lokhu na. Lenhlangano iyobe isixhumana nenhlangano egunyaziwe yokuvikela izingani yakuleli laseNingizimu Afrika ukusiza ukubheka ukuthi ingabe ukhona yini umntwana okhona ongamthatha.
Okufanele ukwenze
- Xhumana nehovisi elisemthethweni ezweni ohlala kulona.
- Lelihovisi elisemthethweni liyobe selikudlulisela kwinhlangano esebenza ngokuthathwa okusemthethweni kwabantwana elisezweni okulo ukuze uyohlolwa uphinde uphendule imibuzo ukuze kutholakale ukuthi ingabe ukulungele ukuthatha ingane ibe ngeyakho ngokusemthethweni.
- Uma lenhlangano yokuvikela abantwana ikuthola ukulungele ukuthatha umntwana abengowakho ngokusemthethweni, iyobhala umbiko ogcwele ngekhaya lakho ibe isiwudlulisela ehovisi lalapha eNingizimu Afrika elaziwa ngeSouth African Central Authority (SACA).
- I-SACA yona iyobe isiwudlulisela kwinhlangano evikela abantwana nenesivumelwano sokuthathwa kwabantwana namazwe angaphandle ukuba lithole ukuthi ingabe ukhona yini umntwana okhona ongamthola.
- Uma ekhona umntwana okhona ongamthatha, inhlangano evikela abantwana iyohlanganisa umbiko ngomntwana lowo iwuthumele kwi SACA ukuze ithole igunya lokuhambisa umntwana ngaphandle (Article 17).
- Inhlangano yokuvikela abantwana yalapha eNingizimu Afrika iyothumela umbiko kwinhlangano yangaphandle ukuze kuqhathaniswe umntwana kanye nalowo ofuna ukuba ngumzali.
- Uma ke usazimisele ukuthatha untwana abe ngowakho ngokusemthethweni, ihovisi elisemthethweni ezweni okulo liyokunikeza i- Article 17, ukugunyaza ukuthatha lomntwana njengowakho.
- U-Article 17 obuya ehovisi lezwe okulo uyobe usuthunyelwa kwinhlangano esemthethweni yokuvikela abantwana lapha eNingizimu Afrika. Inhlangano esemthethweni yokuvikela abantwana iyokwazisa ngokuthi kufanele uzelapha eNingizimu Afrika ukuyophothula yonke imininingwane ngokuthatha umntwana enkantolo yabantwana.
- Inkantolo iyobe isiphothula konke ngokuthathwa kontwana kanye namaphepha ahambisana nalokho ayobe esedluliselwa kwiSACA ukuze acutshungulisiswe bese kubhaliswa ngokunikezelwa komntwana kuwe. Inkantolo iyobe isiphothula konke ngokuthathwa kontwana kanye namaphepha ahambisana nalokho ayobe esedluliselwa kwiSACA ukuze acutshungulisiswe bese kubhaliswa ngokunikezelwa komntwana kuwe.
- I-SACA iyobe isikunika isitifiketi sekuqinisekisa lokhu.
- Inhlangano yokugcinwa kwabantwana yangaphandle iyonikezela ngosizo olwaziwa nge- after-care isikhathi esiyiminyaka emihlanu.
Isikhathi esinqunyiwe
Lokhu kwenziwa ngendlela eyehlukile ngokwehlukana kodaba nodaba.Lokhu kwenziwa ngendlela eyehlukile ngokwehlukana kodaba nodaba.
Kubiza malini
Ukhokha esikhungweni esisemthethweni sokuvikela abantwana leso samba esidingekile ngokunikezelwa kwabantwana kulelozwe.
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana
Xhumana nehovisi elisemthethweni le Competent Authority noma i- ISS ezweni ohlala kulona.
Uhlu lokuxhumana namahhovisi esifundazwe oMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi