President Jacob Zuma: St. Joseph Cathedral

Inkulumo KaMongameli Jacob Zuma, iNhloko ye Jacob G Zuma Foundation, eNkonzweni yeBandla lamaRoma aKhatholika e St Joseph Cathedral, Marianhill, Durban

Mhlekazi, Baba uMbhishobhi uDlungwane,
Undunankulu wakwaZulu-Natal Umnumzane Senzo Mchunu,
Ubuholi Bonke Bama Roma AKhatholika namalunga wonke eBandla,
Baba uSodolobha iMeya yeTheku, iKhansela uJames Nxumalo
Amalunga Esishayamthetho SakwaZulu-Natal,
Inkosi YesiZwe samaNganga namaKhosi onke AseNdlunkulu,
OsomaBhizinisi abakhona
Usihlalo weBhodi le Jacob G. Zuma Foundation, uMama uDudu Myeni
Amalunga e Jacob G. Zuma Foundation board,
Amalunga onke omphakathi akhona phakathi kwethu,
Ngiyanibingelela nonke kulemini ebalulekile yokukhonza uMdali.

Siyanibingelela onyakeni omusha, sibonge nakuMdali osigcine kwaze kwangena lonyaka ka-2015.

Ngithanda ukuqala ngibonge kuwe Mhlekazi, nebandla lonke. Ngibonga angiphezi ngokubambisana okuhle kwamakholwa nohulumeni. Phela, kuhle ukusebenzisana nokubambisana emsebenzini wokwakha isizwe sakithi, nezwe lethu.

Ukwakha isizwe kusho khona lokhu. Ngaphandle kwebandla uhulumeni ngeke aphumelele kahle ngokugcwele ngoba ibandla lakha imiphefumulo, liqinisa isizwe libuye lenze omkhulu umsebenzi emphakathini ezemfundo, ezempilo nokunakekela abantulayo.

Nebandla liyamdinga uhulumeni ukuba alungise izinto nempilo yabantu, ukuze lisebenzele umphakathi kahle nalo ibandla.

Ngakho-ke, njengebandla nohulumeni siyadingana, izandla kufanele zigezane.

Bazalwane, ngibonga imithandazo yenu, nisikhulekela ukuba esikwenzayo kuhlume, kuchume, nokuthi kube nokuthula noxolo eNingizimu Afrika.

Sibonga imikhuleko yenu nithandazela ukuba kube nokhetho lukazwelonke, oluyimpumelelo nolunokuthula.

Ngikhumbula kahle ngoba ngangilapha kulelibandla kuqala unyaka odlule, sahamba siphethe izibusiso. Siyabonga.

Silapha namuhla sinivakashele lapha kwikomkhulu le-diocese, kubaba uMhlekazi uDlungwane, sizogcina isethembiso esasenza ekuqaleni konyaka odlule. Sathembisa ukwelekelela uMhlekazi ekuhumusheni iBhayibheli ngesiZulu.

Ngaqinisekisa ukuthi sizoweseka lomsebenzi ngalokho okuncane esinakho, ngoba baningi abantu abalidingayo leliBhayibheli ngolimi lukaPhunga noMageba olubhalwe ngendlela eyiyo hayi efuniselayo.

AmaBhayibheli ahunyushelwe esiNgisini angaphezu kwekhulu:

Uma ngiwacaphuna kancane singabala afana ne:

    King James,
    New King James,
    Good News,
    Revised Standard Version,
    American Bible,
    Jerusalem Bible,
    English Standard Version,
    Geneva Bible,

New International Version, njalonjalo.

Kukhona ngisho isichaza-ngqikithi seBhayibheli, elibizwa nge Concordance. Ngeshwa esiZulwini lilodwa vo yize bebaningi abantu abakhuluma isiZulu okwedlula abesiNgisi lapha eNingizimu Afrika.

Ngakhoke kuyinjabulo enkulu ukusekela lomsebenzi obaluleke kangaka. Lomsebenzi uhambisana nomthetho omusha oshaywe uhulumeni othi kufanele zonke izilimi ezweni zihloniswe futhi ziqhakambiswe.

Ngikhuluma nje iminyango kahulumeni isinqunyelwe ugwayi katiki ukuthi nonyaka yonke ibe nemigomo yezilwimi isho ukuthi yiziphi ezosisebenzisa futhi kanjani.

Silindele impela ukuthi yonke iminyango izonika ungqongqoshe wezamasiko imininingwane yokuthi yini abazoyenza ngoba sesihambile isikhathi zinganakiwe ezinye izilwimi.

Uzokhumbula Mhlekazi nebandla ukuthi kudala siwuhlela lomcimbi kodwa  kwangaqondana kahle hle izinsuku zethu nezebandla.

Thina sase siqoke usuku, sifisa ukuletha isethembiso, phinde kwala umsebenzi wakhe uMhlekazi ngezinsuku zePhasika.

Kwasicacela ukuthi ibandla linezinhlelo ezazingeke zisahlehliswa.

Kuye kuthiwe umnikelo awukaze ubole. Sibonga uthando, sibonga ukusebenzisana nebandla, sibonga ukubambisana ekwakheni isizwe nezwe lethu.

Makholwa amahle, siyacela futhi ukuthi masithandazeni ukuba izwe lethu lazise inhlonipho. Sifunda lukhulu kubaba umhlekazi uMbhishobhi uDlungwane, sifunda inhlonipho. Omunye umuntu awumbukeli phansi, abantu babalulekile bonke kuwena. Ubuholi ke lobo, Siyabonga ngalesisifundo.

Sishumayela inhlonipho nothando ngaso sonke isikhathi. Ake sibe yilawo Makholwa, sibe yileso sizwe esinonembeza, esidume ngobuntu, uzwelo, uthando lomunye nomunye nangenhlonipho.

Sithi zingane nentsha, ningabalaleli abantu abadala abanifundisa ukwedelela, nobuxhwanguxhwangu. Ningabaholi bakusasa. Lelizwe solishiya ezandleni zenu, thina sesikhulile. 

Yibani abaholi bakusasa abaqotho futhi abanenhlonipho.

Baba Mhlekazi nebandla,

Siyazibophezela mina ne-Foundation yami kulomsebenzi wokuhumusha IBhayibheli,libe solimini luka Phunga noMageba, isiZulu esijulile.

Ngithi mawuqhubeke umsebenzi uye phambili.

Ithimba lami le Foundation, lingazisile ukuthi, IBandla likhuthalele ukuzicija ngezikhathi zonke.

Ngitholile ukuthi  nithumele ithimba ukuthi liyofunda izilimi zeBhayibheli, isiGriki nesiHebheru nezinye izilimi elabhalwa ngazo. Ngiyezwa ukuthi babuye sebeziveteza lezilimi. Ngoba phela lokho kuveza ubumqoka balomsebenzi.

Abantu kufanele bezwe izwi ngolimi lwabo lwangempela, hhayi isifanakalo seBhayibheli.

Engathi kuzoba ithimba elicije kahle elizohumusha ngoba liholwa nguwena qobo baba Mhlekazi ngoba ufunde wagogoda ngezeBhayibheli eCANADA. Ngiyezwa futhi ukuthi kulelithimba kukhona nomunye uMbhishobhi owazenza eRome izifundo zebhayibheli, nabaPhriste ababili obathumele eRome abanolwazi lwalezi zilimi okwaqhamuka kulo ibhayibheli.

Ngiyezwa futhi ukuthi unongoti bolimi lwesiZulu kanye namasiko akithi ethimbeni elihumushayo.

Siyawubonga lomsebenzi wakho, uyancomeka.

Abathathu kulo osolwazi bolimi namasiko, kuphinde kube khona abangongoti bokholo (Theology)

Masibambisane, sakhe iNingizimu Afrika enhle, sixoxe izindaba ezimnandi ngezwe lethu.

Siyabonga kakhulu ukuthola lelithuba!

uNkulunkulu anibusise, asikelele neNingizimu Afrika yonkana.

Ngiyabonga kakhulu.

Issued by
More from

Share this page

Similar categories to explore