Z Mkhize: KwaZulu-Natal Treasury Prov Budget Vote 2007/08 (Zulu)

Inkulumo ka Dr Z L Mkhize mhla kwethulwa iSabelomali
sesiFundazwe, esiShayamthetho yesiFundazwe, KwaZulu-Natali

1 March 2007

Somlomo
Ndunankulu ohloniphekile nozakwethu esigungwini esiphethe
Sekela Somlomo
Malungu ahloniphekile
Malungu esigungu samaNxusa
Zivakashi ezikhethekileyo nabaholi bamabhizinisi
Makhosazana nabanumzane

Isethulo

Ngesikhathi uNdunankulu ethula inkulumo yakhe yeSimo sesiFundazwe mhla
ziyishumi nane kuNhlangulana, ezinsukwini eziyishumi nanhlanu ezedlule,
ngaphansi kwengqikithi ethi "ukwakhiwa komnotho ngamaxhama", wabeka isithombe
seqiniso nge KwaZulu-Natali (KZN).

Wabeka I KZN njengesiFundazwe esisuka emlandweni omdaka futhi onokwahlukana
kwabantu, ebhekene nezingqinamba kodwa ezimisele ukuzikhuphula iqhathulule
konke ukungabi nathemba, iphokophele phambili njengengadlangadla engamiseki
ebheke ekusaseni elihle. Ngingomunye wabazizwa behlonipheke kakhulu
ngokusebenzela abantu balesisiFundazwe kulesisikhathi somlando wentando yethu
yeningi. Sizimisele ukwakha uzinzo kwezombusazwe, ukuthula kwaphakade,
silwisane nokuntuleka kwemisebenzi kanye nokuxosha ubuphofu futhi umlando
wobandlululo siwulahlele emajukujukwini enkumbulo yalabo bethu abaphila
ngalezozikhathi ezazimbi. Sizimisele ukwakha isiFundazwe esiphephile futhi
esinenqubekela phambili. Egameni lalabo abafela inkululeko yezwe lethu kanye
nezingane zethu nekusasa lazo, I KwaZulu Natali kufanele iphumelele. Sizimisele
ukwenza iKwaZulu-Natali umnotho ohamba phambili.

Ngethula leSabemali kulendlu ngelikhulu iqholo nethemba.

Ngikhumbula ukunconya kukaSozinkondlo waseSouth Africa u Roy Campbell
okwakwenziwa wuFranscis Carey Slater, okusho kuningi ngokuthi sifuna ukusisaphi
lesisiFundazwe… Somlomo namalunga ahloniphekile inklondlo ayitolikwa, ngakho ke
ngizoyisho injalo:

"Soar again, young eagle, soar again
Leave carrion to vultures! soar above
The blazing precipes of the sun
The huddled glaciers of the arctic moon
Soar, soar and scatter with ascending wing
The swirling hailstones of the fierce, white stars."
2

Nyakenye uMongameli enkulumweni yakhe yeSimo seSizwe wakhuluma ngokuthi
"izinkumbi zabantu bakithi bangene esiKhathini seThemba". Uma sethula isabemali
sethu, sakhuluma ngamaphupho nezifiso zabampofu nalabo abangasebenzi
isiFundazwe sonkana, esasihlangana nabo ngesikhathi sibonisana nabantu
ngesabelomali sabantu. Nonyaka siyakholwa ukuthi abantu bakithi bazimisele
ukukhuphukela phezulu nalawo maphupho bawaphumelelise.

Ukwakha isiFundazwe-ntuthuko

Ukuthasisela kulowomyalezo kulonyaka, uNdunankulu wakhuluma kuleNdlu
ngesiFundazwentuthuko. Enye yezinkomba zesiFundazwe-ntuthuko, ikakhulukazi uma
kubhekwa isimo sethu,kufanele kube amandla okwenza: ukufaneleka kwedumela
okusuka entandweni yeningi kanye nendlela elalela abantu noshintsho olwenziwa
ngenxa yabantu. Kulokhu, kufanele sikwazi umphakathi ukuhambisana naso
ekwenzeni lokho okuhleliwe.

Lolushintsho lwezomnotho sonke esilufunayo kufanele lusekelwe ukuqonda
ubunjalo beZwentuthuko kanye nesiFundazwe-ntuthuko sethu. Kucace bha uku
intando yeningi ingaphumelela kuphela uma isekelwe wumnotho onempumelelo.
Uhlaka lwalowomnotho kufanele:
"lukhombise iziphiwo zemvelo zezwe kanye nobuciko abantu abaqeqeshiwe
abangabufaka. Kufanele kube wumnotho lapho ubuchwepheshe, ukuthuthuka kwezimbo
okugxile ekwakheni amathuba omsebenzi, ingosi yosomabhizinisi abafufusayo nama
co-operative 'engqangayo', ukusetshenziswa kolwazi nezokuxhumana kanye
nezindlela zokukhiqiza ezongayo kuhlangana khona ukuqinisekisa
inqubekelaphambili kazwelonke".

Umnotho ophumelelayo esizweni esinentando yeningi udinga izimakethe
ezibhekana nokuncishwa ngokwebala nobubili komlando wobandlululo kanye
nobuphofu emakhaya nelezo zindawo ezisondelene namadolobha.

Siqhutshwa wumbono nokuzimisela ukusebenza kanzimana ukushintsha ukuqina
komnotho wethu okungangabazeki kube yiqiniso elibonakalayo. Ngokwezibalo
zakamuva, amaphesenti angamashumi amabili nesishiyagalolunye alabo abaphile
ngokwanele ukuzibandakanya emnothwewni abasebenzi. Lokhu kuwushintsho olukhulu
kunamaphesenti awu 34,4 ango 1996. Inkomba yokuThuthuka koMuntu(Human
Development Index) yesifundazwe ingu 0,57 okungcono ngo 0,52 kuno 1996. Lokhu
kusho ukuthi iKZN imama phakathi nokuthuthuka komuntu. Ngokwezibalo zakamuva
nje zakwa Global Insight, izinga lobuphofu le KZN limi ku 51,9 wamaphesenti,
ozinkumbi zabo ngama Africa amnyama. Amazinga lokufa kwezingane ezingane
ezisanda kuzalwa nezindadlana ami ku 68 kanye no 124 kweziyi nkkulungwane
ezizelwe. Lokhu kunjena phezu kwayo yonke inqubekelaphambili ekulethweni
kwamanzi nogesi kanye nezinsiza-nqala emiphakathini.

Ingxenye ebalulekile yokuba yisifundazwe-ntuthuko isho uhulumeni ovumayo
ukubonisana nabantu ngentuthuko. Lokhu kufaka ukulalela izidingo kanye nezifiso
zemiphakathi futhi uyekelele izinqubo-mgomo namasu kulandele imibono yabantu.
Lokhu kungumsuka wohlelo lwethu lokwenza kanye nesisekelo-mqondo ekwakhelwe
kuso.

Kungalomoya ke uhulumeni ozibophezele kabusha ngawo ohlelweni lwamazwe
ngamazwe, lukazwelonke, kanye nolwesifundazwe lokulwisana nobuphofu noma
buyisiphi isimo-mzimba, njengokusho kwe Millennium Development Goal (MDG),
amazinga-nhloso kazwelonke okuletha iznsiza, Accelerated and Shared Growth
Initiative of South Africa (AsgiSA) kanye ne Provincial Growth Development
Strategy (PGDS) yethu.

Ukuhambisana nalokhu, uMzansi Afrika wakhe amazinga-nhloso kazwelonke afana
nokuthi:

* Ngo 2008 yonke imindeni kufanele ibe namanzi ahlanzekile
* Ngo 2010 yonke imindeni kufanele ibe nezimfanelo zendle ezinesithunzi
* Ngo 2012 yonke imindeni kufanele ibe nogesi.
* Ngo 2014 amaphesenti angamashumi amathathu omhlaba wokulima ophethwe
abamhlophe kufanele uyobe sewabelwe ukulima okusimeme.

Somlomo, izinhloso ezinkulu ze AsgiSA ziwukubeka umnotho wase Mzansi Afrika,
endleleni yanomphela ephezulu yezinga lika 4,5% esikhathini esiya ku 2009.
Sizibekele inhloso yokukhula komnotho ngo eight percent phakathi kuka 2010 no
2014, kanye nokuhhafula ukungasebenzi ngonyaka 2014.

I Provincial Spatial Economic Development Strategy

I KwaZulu-Natal seyakhe futhi yamukela I Provincial Spatial Economic
Development Strategy(PSEDS) ngonyaka odlule njengesinyathelo esifaneleyo
kusukela kwamukelwa I Provincial Growth and Development Strategy. Imigomo kanye
nokufanele kwe National Spatial Development Perspective (NSDP) kwacha isisekelo
sanoma yiliphi isu lesifundazwe lentuthuko. Lokhu kusho ukuthi isu lesifundazwe
lentuthukok kufanele livume futhi liveze amasu nemigomo kazwelonke yentuthuko,
libe khonamanjalo linikezela ngohlaka lokuthuthukiswa kwamasu omasipala
entuthuko. I PSEDS ifuna ukulungisa ubuthaka obuhlonzwe kwi Provincial Growth
and Development Strategy (PGDS) ekhona njengamanje, okuwukuthi ayikhulumi
ngentuthuko yezindawo.

I PSEDS yancike ekuvumeni ukuthi zonke izinhlelo zikahulumeni zentuthuko
kudingeka zenzeke ngokwezindawo, ngakho ke kufanele utshalomali
lwezingqalasizinda lubhekiswe ezindaweni ezinethuba elikhulu lokuthuthuka
komnotho kanye nalezo ezintula kakhulu uma kubhekwa ukucinana kobuphofu. I
PSEDS ibuyekeze amandla okuncintelana nokuqhathanisa omnotho wesifundazwe ukuze
kuhlonzwe izingosi ezinamathuba amathuba amakhulu okukhulisa umnotho nokuba
nokugadla kuzwakale ebuphofini kanye nokuntuleka kwamathuba omsebenzi.
Lomsebenzi wahlonza ukuthi izingosi ezinqala ezakha umnotho walesifundazwe
yilezi ezilandelayo:

* Ezolimo nezimboni ezihlobene nezolimo (kubandakanya ukudwetshwa
kokusetshenziswa komhlaba nokugxila ekuguquleni ezomhlaba)
* Ezezimboni, kubandakanya ezinkulu nezincane nokukhiqiza
* Ezokuvakasha, kubandakanya okwasekhaya kanye nokwabaphesheya
* Ingosi yezinsiza, kubandakanya ezezimali, ezomphakathi, ezokuthutha,
ezokudayisa kanye nohulumeni.

I PSEDS seyethulwe kubo bonke omasipala esifundazweni ngesikhathi kukhona
inkomfa yokuthuthukiswa komnotho wezindawo nyakenye kanye nohide lwemihlangano
yomasipala yokudingida ezokukhula komnotho nentuthuko. Isetshenziswe
njengomkhombandlela wokusiza ama Integrated Development Plan (IDP) omasipala
kanye nezinhlaka ze Local Economic Development (LED). Ukukhapha lendlela,
uMgcinimafa usegqugquzele omasipala ukuthi bahlaziye ukunaba ngokwezindawo
kwezabelomalil zabo ukuze kuvinjwe ukuchemela ngasezindaweni
ezisemadolobheni.

Futhi, ukugxila kwethu ezingosini zomnotho kubandakanya lezozingosi ezidinga
abasebenzi abaningi njengalezo zezindwangu nezingubo kanye nezimbiwa. NgoNdasa
sizobe sibambe umhlangano wesifundazwe wengosi yendwangu nezingubo, onhloso
yawo enkulu kuwukuhlonza amasu okuqinisekisa ukuthi imboni yasekhaya iyasimama
futhi ikwazi ukuncintisana emva kwaleminyaka emibili yamathuba evulwe
yisivumelwano sohwebo sakamuva nje neChina. Siqhamuka namaqhinga okuvusa
zombili lezizingosi, siyokhuluma kabanzi ngalokhu uma sesethula
inkulumo-sabelomali yeVoti lesiNe, ukuThuthukiswa KoMnotho.

Ozakwethu kutshalomali eswini lesifundazwe lokuthuthukiswa komnotho

Utshalomali lwezinkampani zikahulumeni

Ukuze sithole isithombe esiyiqiniso sobungako botshalomali
kwizingqalasizinda esifundaweni kufanele sibandakanye incithomali yahulumeni
kazwelonke nezinkampani zikahulumeni noma nje izabelomali zabo zingekho
esikhwameni sikahulumeni sesifundazwe. I Transnet ne National Ports Authority
bacwaninga uhlelo lokutshala u R15 billion ekukhuphuleni izinga lamandla
okwenze umsebenzi kwechweba laseThekwini eminyakeni eyisihlanu ezayo.

Utshalomali lwezinkampani zangasese

Utshalomali ngqo oluvela ngaphandle

Utshalomali ngqo okuvela ngaphandle oluza eKZN lunyuka ngamandla amakhulu.
Phakathi kuka 2000 no 2005 izinkampani zangaphandle zitshale imali engaphezulu
kuka R27 billion kulesisfundazwe.

Lotshalomali lungene ezingosini ezahlukene, enkulu kunazozonke itshalwe
engosini yezinqola, insimbi(ikakhulukazi kwi aluminium), ezamahlathi nephepha,
ukuthuthukiswa kwezakhiwo, uwoyelal negesi. Okuvelele kakhulu ku 2004/05
kubandakanya u R3,4 billion owatshalwa yi Toyota Motor Corporation of Japan, u
R1,4 billion owatshalwa yi Anglo American Plc yase United Kingdom kwiMondi, u
R900 million owatshalwa emshinini wephepha wase Merebank yi Anglo American
Corporation, u R800 million owatshalwa yinkampani yase Portugal kwi Natal
Portland Cement, kanye no R630 million owatshalwa yi Shell/BP kwisicwengi sakwa
Sapref. Isifundazwe sizoqinisa imizamo yokuheha abatshali bezimali nokuthi
izinkampani zakhe amakomkhulu azo KwaZulu-Natal.

Izinkambo zaphesheya zokunxenxa uhwebo

Siphezu kohlelo lokuhlanganisa iminyakazo yohwebo neyotshalomali ukuze
sigweme ukuthi omasipala baye phesheya bayoqhudelana kunokusebenzela
isifundazwe esinobunye. Ibhodi entsha ye Trade and Investment KZN seyakhiwe
ukuhlanganisa bonke omasipala ngaphansi kophahla olulodwa olunxenxa uhwebo
kanye notshalomali.

I Trade and Investment KwaZulu-Natal ibimatasatasa ichumisa amathuba
otshalomali futhi ibhekisisa izimakethe ezintsha ukuze izinkampani zangaphandle
zibe nozakwabo balapha ekhaya. Ekufuneni labatshalizimali sihole amathimba
anohulumeni nezimboni zendawo ukuyokhombisa amathuba otshalomali esifundazweni.
Okungukhiye bekuwuqhathanisa izinkampani zasekhaya nezithile ezinethuba lokuba
ngozakwabo ezifundeni ezithile phesheya.

Lezizinkambo seziveze imiphumela ethize. Lokhu okulandelayo okunye
kwalemiphumela:

* I Indian Apallo Tyres yathenga izabelo kwi Dunlop
* I Indian Tata Steel yakha imboni yokukhiqiza e Richard's Bay
* I Indian UniPhos Group yenze isivumelwano sokuhlanganyela nenkampani
yabamnyama
ukuze kwakhiwe imboni yokukhiqiza iplastic eThekwini;
* I Rovoplast yase Belgium ithenge indawo Eshowe ngenhloso yokwakha imboni
yokukhiqiza I PVC
* Inkampani yase China, I Shanghai Haboa Chairs, yenze isivumelwano
sokuhlanganyela nenkampani yabamnyama ukukhiqiza izihlalo zezinkundla ezivunywe
yiFifa e Pietermaritzburg.

Amasu amathathu entuthuko

Uhlaka luka 2007/08 lwesabelomali lwakhelwe phezu kwamasu amathathu
entuthuko; okuwukuthi:

* Ukugqugquzela ukukhula komnotho okusimeme nokubanjiswana kona,
ngokwakha
amaxhama
* Ukwakhiwa kwamathuba omsebenzi nokunikwa amandla labo ebebengenawo
* Kwenza ngcono ukulethwa kwezinsiza.

Elokuqala:
Ukugqugquzela ukukhula komnotho okusimeme nokubanjiswana kona, ngokwakha
amaxhama U Chalmers Johnson owaqamba leligama le 'developmental state' wathi
'inhloso ngqangi yezwe yiyo echaza umongo walo'. Ngakho ke umongo wethu ukwakha
umnotho lapho bonke abantu benesabelo, ngaleyondlela baphose esivivaneni
sokuqedwa kobuphofu. Siqonde ukuthi umnotho wesifundazwe sethu ube ngomkhulu
kunayo yonke ezweni lethu futhi ube yiwona ophosa kakhulu kunayo yonke
esivivaneni se GDP. Ukuze lokhu kwenzeke kunezidingo-ngqangi ezimbalwa:
* utshalomali lukahulumeni emnothweni
* ukugqugquzelwa kotshalomali lwezimboni zangasese ukuze kushintshwe
umnotho
wesifundazwe ngokuthi abantu bakwazi ukuzibandakanya futhi uthathe
uwonkewonke
* kwakhiwe ubuciko bokuxhasa umnotho okhuliswa wubuchwepheshe
* ingosi yosomabhizinisi esebenzisa abantu abaningi ebhekiswa ephokophelele
ukuhhafula ukuntuleka kwamathuba omsebenzi.

Siyavuma ukuthi uhulumeni akanakuphumelela kulokhu yedwa. Kunozakwabo
abathathu ekuthuthukisweni kwalesisifundazwe. Uhulumeni, izakhamizi kanye
nengosi yosomabhizinisi ezimele. Ithuluzi elibalulekile ezandleni zikahulumeni
yisabelomali sesifundazwe yisabelomali sesifundazwe ekufanele icacise izinhloso
zethu abese yelusa intuthuko yomnotho.

Yonke imizamo yokukhulisa umnotho wesifundazwe beyibhekiswe ekukhuliseni
ukuzibandakanya emnothweni kwemiphakathi eyayivinjiwe phambilini. Ukunikezelwa
kwamandla kwabantuabamnyama enye yezinto ekufanele zibhekelelwe yilabo
abatshala izimali, abasekhaya nabaphesheya. Sifuna nokuqinisekisa ukuthi I
Black Economic Empowerment yangempela iba sesitikini seminyakazo yamabhizinisi
e KZN.

Utshalomali lukahulumeni emnothweni wendawo

Somlomo, ukuhlaziywa kusampondozankomo kwezinhlelo zengosi yezonmotho ze
Medium Term Expenditure Framework (MTEF), ka 2007/08 ihlonza ukuthi uhulumeni
uzosebenzisa u R7,637 billion kwezezindlu, ukwakhiwa nokugcinwa kwemigwaqo,
ezolimo, uguquko nokubuyisela komhlaba, ezokuvakasha nokuthuthukiswa kwe
"mihubhe ezindaweni ezihlonzwe njengeziphuthumayo esifundazweni. Lamaprojekthi
abhekeke ukwakha cishe imisebenzi yesikhashana ewu 183 000.

Utshalomali kwizingqalasizinda

Usebenziso-mali lukahulumeni wesifundazwe seluphinde ngaphezu kwakabili
phakathi kuka 2003/04 kuya ku 2007/08, kusukela ku R2,9 billion kuya ku R6,4
billion futhi lona lodwa luzokhula luye ku R9,8 billion ngo 2009/10 (Figure1).
Uma kubhekwa amandla enawo ukugqgquzela ukukhula komnotho nhlazonke, ukulethwa
kwezingalasizinda kuzohlale kuyindima uhulumeni agxilile kuyo. Futhi-ke nje
sinqume ukuthi ngeke sikubekezelele nakancane ukusetshenziswa kancane kwemali
yezingqalasizinda. Nganelisiwe wukuthi imihlangano eminingana esibanjiwe
neminyango efaneleyo izokuqeda lokhu ithole nekhambi langunaphakade.

Sizoqhubeka nokungenelela sabe kabusha izimali zeminyango engayisebenzisi
imali iye kuleyo ezokwazi, njengoba senzile nangoshintsho lwesabelomali
oludlule. Kusebenziso-mali lwezingqalasizinda zokuthutha, isabelomali
esisethula namhlanje sinikeza umnyango wezokuThutha u R3,18 billion eminyakeni
emithathu ezayo ukwenza ngcono imihubhe emikhulu yokuthuthu esifundazweni,
kubandakanya: John Ross Highway (enikezwe uR100 million ngaphezulu), U P700
osuka e Richards uya oLundi obese uhlangane i Vryheid nenyakatho, njll.

I Dube Trade Port kanye nesikhumulo sezindiza samazwe ngamazwe

Sibonga kakhulu ngamaxhama esinawo ne Airports Company of South Africa
(ACSA) ngeDube Trade Port, utshalomali olukhulu kunalo lonke olwake lwenziswa
wuhulumeni esifundazweni. Ngesikhathi i ACSA ingena kule projekhthi, izidingo
zabuyekezwa kwase kukhula imali edingekayo isuka ku R2,5 billion iya ku R5,3
billion Inkampani yokwenza lomsebenzi seyikhethiwe, okuyi Lembe Consortium.
Izingxoxo neLembe Consortium kubhekeke ukuthi ziphele ngoNdasa nonyaka.
Isivumelwano esicacisa ukuthi ubani owenza ini phakathi kwe ACSA ne Dube Trade
Port sesisayindiwe. Ngincoma kakhulu I ACSA ne Dube TradePort (DTP)
ngokuzimisela abakukhombise ngesikhathi kwenziwa lesisivumelwano. Ngifisa
ukubonga kakhulu uNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke, uMhlonishwa Jeff Radebe
ngeqhaza alibambile ekugoqeni loludaba. Ngiphinde ngifise ukubonga uNdunankulu
u Ndebele nozakwethu esigungwini esiphethe neziNhloko zeMinyango ngoxhaso lwabo
kuleprojekhthi ekudala ilindwe ngabantu baKwaZulu-Natali.

Yize kwakunesikhalo esafakwa enkantolo yamajaji malungana nokukhethwa
kwenkampani ezokwakha isikhumulo sezindiza, nganginesiqiniseko kwinqubo
eyalandelwa ekukhethweni kwalenkampani. Angizange ngicabange ukuthi lesisikhalo
singase siphumelele. Angizange nakancane ngibe nongabazane lokuthi kungase kube
nesidingo sokuthi kuhlehliswe isikhathi sokwakhiwa kwesikhumulo sezindiza.

Ngiyajabula ukubika ukuthi isimangalo ebesifakwe enkantolo ukuphikisana
nokukhethwa kwenkampani ezokwengamela lomsebenzi sichithwe nezindleko e
Nkantolo eNkulu yase Mgungundlovu ngesonto eledlule. Kusho ukuthi indlela
seyicacile ke manje ukuthi iprojekhthi ihlabele phambili ukuhlangabezana
nezikhathi migoqo ka2010 nangale.

Umthelela okhanda amanye amathuba ozokwenziwa yilomsebenzi awugcina
ngokukhulisa inhla neTheku kodwa uzozwakala isifundazwe sonke ngokuthi uzobeka
iKwaZulu Natali njengendawo yilowo nalowo mvakashi ayikhetha kuqala ukuya kuyo,
yigolide elingapheli lalesifundazwe leli.

Ezinyangeni lapho sekusondele iNdebe yoMhlaba ya 2010, izakhamizi
zalesisifundazwe ukubona znguzanguza zamabhanoyi esibhakabhakeni zisuka e King
Shaka International Airport.

INdebe yoMhlaba ya 2010

Somlomo, iNdebe yoMhlaba ya 2010 ithembisa ukuletha imivuzo emikhulu ezweni
nasesifundazweni, ikakhulukazi kwezokuvakasha. Isifundazwe sethu siqinisekile
ukuthi sizothola umdlalo owodwa owandulela owamanqamu. INdebe yoMhlaba yeFifa
ya 2010 imayelana namathuba amabhizinisi esifundazweni sethu: ezokuvakasha,
ezemidlalo, ezokuphepha, ezokuhlala, ukudla nokuphuzwayo, ezokuthutha, nezinye
eziningi. I KwaZulu-Natali mayilunge!

Kunenqubekelaphambili enhle eyenzekayo ngokwakhiwa kweNkundla yeBhola ya
2010 e Thekwini, lapho kuzodlalelwa khona umdlalo owandulela owamanqamu.
Izingxoxo sezihambe ibanga elihle ukuqinisekisa ukuthi inkampani ekhethiwe
iqede inkundla ngesikhathi. Ngendlela ebaluleke ngayo lenkundla, isifundazwe
sizinikele ekufakeni uxhaso lwezimali ekwakhiweni kwayo. Siyakholwa ukthi
lezizindleko ezikhona zokwakha lenkundla azinakuvikeka ngakho ke sizimisele
ngokufaka u R300m kwi MTEF elandelayo.

I Provincial Growth Fund

Sasiqonde ukuthi I Growth Fund ibe seyisebenza ngokugcwele kulonyakamali
ophelayo. Yize kube nogqozi olukhulu engosini yosomabhizinisi bangasese
kulobudlelwano, umgudu wokwenza izivumelwano zalesisikhwama, ezifaka
ababolekisi abahlanu bangasese, uthathe isikhathi esingaphezu kwaleso
ebesisicabangile. Kuze kwadingeka ukuthi ngingenelele ngithathe u R400 million
we Growth kulonyakamalil ngiwabe kabusha ngesikhathi sokubuyekezwa
kwesabelomali. Siye sathola nosizo kwi DBSA ukuqinisa lesisikhwama njengoba
besinenkinga ngasemandleni ezokuphatha, ngalendlela kwadedeleka umsebenzi
wokuhlonza amaprojekhthi ukuze acutshungulwe yikomiti lotshalomali
lesikhwama.

UMgcinimafa usanda kubiza umhlangano obandakanya ozakwethu bezezimali
esinabo kulesisikhwama ukuze isikhwama siqale ukukhipha izimali kumaprojekhthi
amakhulu ngejubane elikhudlwana. Nginethemba elikhulu lokuthi njengoba sesenze
kanje, sizokwazi ukusebenzisa iningi lalo R500 million ofakwe kulesisikhwama
kulonyakamali ozayo. Manje amandla okubheka ukusebenza kwesikhwama asezohlala
eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho. Ngiphosela abatshalizimali ukuthi beze
ngaphambili. Ezinye izindlela zokugqugquzela ukukhula komnotho Uhulumeni
wanquma ukusebenzisa izindlela ezithile zokugqgugquzela ukukhula komnotho
ngokuthi ezizobekwe I KZN njenge Mecca kwezamasiko nezemidlalo.

I A1 Grand Prix

Ngempelaviki eyedlule isifundazwe sibe ngofakazi ebudlelwaneni bohlobo
olwehlukile. Lapha ngikhuluma nge A1 Grand Prix, enobudlelwano obunxantathu
buka hulumeni, I Thekwini Metro kanye ne A1 Holding Company Dunrose
Investments. Lomcimbi sewenze umehluko emnothweni wethu, ngonyaka odlule nje
kuphela ufake R350 million.

IMboni yase KZN yamaFilimu

E KZN sekusekhaya kulabo abathwebula izithombe zebhayisikobho nezintengiso
zethelevishini. Ngo 2004 kwathwetshulwa amafilimu nezintengiso eziwu 59 e KZN.
Ngo 2006 zanyukela ku 77. Lokhu kwenyuka kwenziwa wukuthi izindleko
zokuthwebula eMzansi Afrika zingaphansi ngamaphesenti angamashumi amathathu
kuya kwangamashumi amane kunaseMelika naseYurophu. Ukuze siqhubekele phambili
nalolutamuzo uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nge KZN Film Commission –
icubungula izindlela eziningi zokuheha abathwebuli ukuthi benze I KZN ikhaya
labo. Imininingwane yalokhu iyovela kahle uma sekwethulwa isabelomali seMnyango
wezokuThuthukiswa koMnotho.

Imboni yezomculo

Kwezomculo I KZN isikhiqize izingqungqulu ezidle ubhedu eMzansi Afrika
nangaphandle. Kodwa labaculi nezingcweti ziphumelele ngoba seziphumele
ngaphandle kwesifundazwe. Lokhu kudala ukuthi kulahleke ithalente lasekhaya,
kulahlekelwe umnotho abese kudicileleka phansi nenqubo-mgomo kahulumeni wase
KZN yokwenza isifundazwe I Mecca yezamasiko nobungcweti.

Kulesabelomali sifaka izigidi eziyishumi ngonyaka eMnyangweni
wezokuThuthukiswa koMnotho ozosebenzisana nowezoBungweti, amaSiko nezokuVakasha
ukwakha inhlangano engenzi nzuzo ezosiza izingweti nabaculi ukuphumelela
ngaphandle kokushiya isifundazwe. Lokhu kuzosiza ukuthi abaculi baqophe khona
lapha ekhaya kuthi inzuzo kube ngeyabo.

EzokuVakasha

I KwaZulu-Natal izihola phambili manje kwezokuvakasha kwabantu basekhaya
abese ilala isibili kwezokuvakasha kwabamazwe ngamazwe. Kuleminyaka emithathu
eyedlule I KZN ibilokhu inyusa indima yayo ezinhotsheni zombili
zokuvakasha.

Ukusetshenziswa kwamahhotela kulesisifundazwe kuya kuZibandlela 2006
bekungaphezulu ngephesenti elilodwa kunezwelonke lididiyelwe. Uma
sesihlanganisa konke siphose 10% esivivaneni se Gross Domestic Product (GDP-R).
Ingosi yezokuvakasha yakhe amathuba omsebenzi ngqo ayizinkulungwane
ezingamashumi ayisiphohlongo nesiphohlongo kanti amanye awuphumela walomsebenzi
abe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nane, lokhu okuyinto
omasipala ekufanele bayikhumbule uma benza ama Local Economic Development
Summits (LED).

Luningi impela utshalomali olwenziwe kwizingqalasizinda zezokuvakasha.
Ukuvuselela okwenziwe kuleminyaka emibili eyedlule ibize izigidi ezingamashumi
ayisishiyagalombili nesishiyagalolunye. Ngaphezulu kwalokho izinkampani
zangasese zifake R2,5 billion ezingwalasizindeni ezintsha. Futhi kunamahhotela
amathathu amasha asahlelwayo, kubandakanya nendawo yokungcebeleka namaholide
ogwini.

Ukuqhubeka sihlomule, I Economic Cluster, isebenzisana noMnyango
wezokuThuthukiswa koMnotho, nowezobuCiko, amaSiko nezokuVakasha, bazokwakha
itulo lokugoqa kabusha amathuba otshalomali kwezokuvakasha ezingxenyeni
ezahlukene zesifundazwe, kulezizinyanga eziyisithupha ezizayo.

Somlomo, izinkondlo azitolikwa, ngivumele ngithi:

"Soar again, young eagle, soar above
Those jagged turrets and sky-tossing peaks…"

Elesibili

Ukwakhiwa kwamathuba omsebenzi nokunikezwa amandla

Inhloso-ngqangi yethu yokulwa nobuphofu ihlangene nesidingo sokwakha
amathuba omsebenzi nokunikeza amathuba labo abebengenawo ngalezindlela
ezilandelayo:

Umthelela ekunikezeni abamnyama amathuba ebebengenawo

Uhlelo lokuthenga izinsiza nezimpahla

Yonke iminyango yesifundazwe seyakhe izingosi ze Supply Chain Management,
kanti manje seyisesimweni esingcono sokuchumisa inqubo ye BEE kanye nezinye
izinqumo-mgomo zokuthuthukiswa komnotho. Uhlaziyo losebenzisomali kunyakamali
ababili abadlule kukhombisa ukuthi u 71% wesabelomali sika 2007/08
uzosetshenzisela amaholo, ukukhokhela izinsiza zikamasipala, Telkom, ama
non-government organisations (NGOs) kanye nezinkampani zikahulumeni. Lokhu
kusishiya no 29%, noma R12,3b wokuthenga izinsiza noma izimpahla.

Uhlaziyo luqhubeka luhlonze u 37% noma u R4,7 billion walemali ongena
ezivumelwaneni ezikazwelonke(imithi nezimoto) nezinkampani ezinkulu zamazwe
ngamazwe. Amasu ethu achema nababencishiwe awakakwazi kahle hle ukuphumelelisa
uguquko kulelizinga. Kungakho ke uMgcinimafa egwadla iqhinga elisha
lokuqinisekisa ukuthuthukiswa komnotho wendawo nabamnyama kulezizinkamani.
Sizohlangana nazo zonke lezizinkampani ukuqinisekisa nonyaka ukuqinisekisa
lokhu.

Esalayo emalini yokuthenga(63% noma R7,5b), yiyo ke uhulumeni wesifundazwe
okwazi ukujuba kuyo. Sizimisele kakhulu ukuqinisekisa ukuthuthukiswa komnotho
wendawo nabamnyama ngalemali. Umyalezo ezinkampanini ezenqabayo ukuguquka
zixhase izinqumo-mgomo zikahulumeni uthi ngeke sikunike ibhizinisi. Uhlaziyo
luyakhombisa ukuvuthwa kwendlela yabamnyama kulabo abaphakela uhulumeni
ngezimpahla nangezinsiza. Noma kukhathaza nje lokhu, kuya kucaca futhi ukuthi
lezozinkampani eziphakela lezi ezimnyama eziphakela uhulumeni azikayizwa le
eyokusimamisa abamnyama. Sizozihlonza lezizinkampani abese sinqaba ukusebenza
nazo.

Umkhankaso wokwandisa ngamandla ezolimo nezihlelo zokudla

Lomkhankaso osewamukelwe wuhulumeni wesifundazwe uyilona su lesifundazwe
elibalulekile ngokwedlulele lokuvuselela umnotho wasemaphandleni, kuhlehliswe
ubuphofu bese kuqinisekiswa ubukhona bokudla. Lelisu livumela ukuthi
sisebenzise esinakho njengomhlaba namakhono endabuko okulima.

Ngaphandle kokuvuselelwa kwemfuyo yamaNguni, ngokoMnyango wezoLimo umhlaba
onga
hectare angu 8 670 hectares uye watshalwa umbila nobhontshisi nonyaka,
uhulumeni exhase nothango, umanyolo, imbewu kanye nezibulala-khula, kuxhaswe
nangogandaganda ohlelweni lokunikezela ngemishini edingekayo. Kulindeleke
ukuthi amathani ombila nobhontshisi angaphezulu kuka 13 000 avunwe abantu
bakwaNongoma, Magudu, Nquthu, Nkandla, njll. Kufanele ke kodwa silivume iqiniso
lokuthi loluhlelo luye lwabhekana nezingqinamba ezinkulu ezinjengokungahleli
ngendlela nokungenzi umsebenzi ngendlela okuholele ekutshaleni emva kwesikhathi
nokusebenzisa imali ngokweqile ezindaweni ezithile.

UMnyango usuthole umyalezo wokuziqhathulula woMpengululimabhuku nokugxekwa
okunzima yisiShayamthetho sesiFundazwe. Yize kunjalo akungabazi ukuhlomula
kwaleyomiphakathi eyanikwa lolusizo. Loluphenyo olukhona, uma seluqediwe,
luyokwenza ukuthi kuthathwe isinyathelo zokuvala izimbobo kwezokusebenza
nokubuyisela uhlelo esimweni esifanele ukuze kufezeke izinhloso zikahulumeni
kule MTEF ezayo. Lokhu ukuzinikela kukaNdunankulu nozakwethu, uNgqongqoshe
wezoLImo nezeMvelo, nami engikwesekayo.

Sizogxila kakhulu emathubeni okuhanjiswa kwemikhiqizo yezolimo ngesikhathi
sisebenza I Dube Trade Port.

Phezu kwalokho sibheka ukuthi kungaphumelela yinii ukukhiqizwa kwetiye
njengoba kwalahleka imisebenzi engu 5 000 ngesikhathi kwehal amandla alemboni.
Selulekwe ongoti betiye base Japan ukuthi masigxile etiyeni eliluhlaza
elilungele ukuphuzwa. Silinde ke ucwaningo ngaphambi kokwenza isinqumo.

Ithala

Ukuze sifake izimali futhi sikhulise amathuba omnotho ezindaweni, sacela
Ithala ukuthi kube yilo elihamba phambili ekuxhaseni ama co-operatives,
osomabhizisi abafufusayo kanye nabantu abamnyama. Abaphathi be Ithala
sebesazise ngezingqinamba zokuthuthukisa lengosi, eseziholele ekutheni imali
esalele emuva ukukhokhwa kuleminyaka emibili edlule icishe ibe ngu R52
million.

UMgcinimafa wesiFundazwe kanye neBhodi nabaphathi baseThala bahlangana ngo
Masingana nonyaka ukuxoxa ngaloludaba njengoba kusazofakwa enye imali eThala
edingekayo ukuxhasa izinhlelo zentuthuko. Kwavunyelwana ngesu lokulungisa udaba
lwemali esilele ukukhokhwa nokuthi amabhizinisi amasha athole ukusizwa
ekuqaleni ukuze angakhalakatheli kulenkinga nawo.

Phezu kwalokho, iBhodi no Ngqongqoshe sebevumelene ngokuhlela kabusha
lenkampani. Ithala elihlelwe kabusha, lizogxila ekuqedeleni ukwamukela izimali
kweThala, nokuqondiswa kwe Development Corporation. Lokhu kuzosiza ukuthi
kudidiyelwe kalula futhi kuhambisane nokwejayelekile kulemboni. Sizokhuluma
ngalokhu uma ushintsho seluphothuliwe.

Kuyasikhuthaza kakhulu ukuzinikela kwabaphathi ukwandisa amakhono enkampani
khona kuzochuma uxhaso lweizimali lwentuthuko. Kwisabelomali esilandelayo se
Ithala kuzophakanyiswa ukuthi imali engengaphansi kuka R50 million ibekelwe
eceleni amabhizinisi entsha nemali efanayo yalawo abesifazane. Kulesabelomali
sifaka u R1,3 billion eThala eminyakeni emithathu ezayo ngenhloso yokuxhasa
amabhizinisi afufusayo, R665 million kanye nama co-operatives, R635
million.

Uxhaso lwamabhizinisi afufusayo nokutholakala kwezimali

Inhloso-nqala yokuxhasa ngezimali amabhizinisi afufusayo ukusiza
ababecindezelwe ukuziqalela futhi bakhulise amabhizinisi. Ukuvala isikhala
esikhona phakathi komnotho wokuqala nowesibili kuyimfanelo uma sizohlangabezana
nenhloso-nqala yenqubo-mgomo wokusimamisa abamnyama nokwakha amathuba
omsebenzi, phakathi kokunye. Kuze kube manje, izimali esezibolekwe
osomabhizinisi abafufusayo ezingu 465 zingafinyelela ku R478 million
emikhakheni yolimo, ukukhiqiza, izinsiza, ukwakha, amandla ambiwayo,
ezokuvakasha, njll. Lokhu sekwakhe imisebenzi ewu 3,552. Ukubhekana
nezingqinamba Ithala seliqashe Ukwakha Consortium ukusiza ngezinhlelo
zebhizinisi, ukwalusa, usizo lwezobuchwepheshe, kanye nokubhekisisa lapho
kufakwe isicelo.

Ukusebenzisa indlela yase Republic yase India, i National Small Industries
Corporation (NSIC) yase India seyisisize ukuthuthukisa isu lokuxhasa
osomabhizinisi abafufusayo ngokwezifunda okuzofakwa kwi Small Enterprise
Development Agency (SEDA). Lesu lizoqinisa ingosi yosomabhizinisi abafufusayo,
yandise amathuba omsebenzi bese isiza ukuvikela utshalomali.

Uhlelo lwama co-operatives

Uhlelo lwama co-operatives lunezinhloso-nqala ezimbili, eziwukunikezela
ngezidingo zokudla kanye nokunyakazisa umnotho emiphakathini. Abantu sebefakaze
ngokuthi sebeyakwazi ukondla imindeni yabo ngenxa yaloluhlelo. Noma engaphezulu
amacooperatives aseqeqeshiwe, awu 4000 asesebenze nama Further Education
training (FET) college ukwakha izinhlelo zebhizinisi. Angaphezulu kuka 1 000
asephumelele ezicelweni eziye eThala, ambalwa asebenzise ezawo izidleke
asebenza ngaphandle kwemali yaseThala. Ngokwamabhuku eThala imali engaphezu
kuka R169,6 million seyavunywa ukuxhasa ama cooperatives, ngaleyondlela
kwakheka amathuba omsebenzi angaphezulu kuka 7 130.

Isiko lwamacooperatives lusazohlale lukhona futhi liyakhula. Sidinga
ukugcizelela ukuthi ama co-operatives akuyona into ephethwe nguhulumeni kodwa
ephethwe wumphakathi ukuze kuhlomule wona, uhulumeni ulungisa isimo nje ukuze
ama cooperatives aphumelele.

Siphokophelele ukuthi amalunga ama cooperatives afinyelele ezigidini
esikhathini esingekude esizayo kulesisifundazwe.

Ngenxa yesicelo sethu, kunendima enkulu esihanjwe kubanjiswene ne University
of Zululand ekwenzeni izifundo ngama cooperatives nezamabhizinisi. Siyincoma
kakhulu lenyuvesi ngokuqasha o Solwazi Dele Braimoth no Anthony
Setsabi(bobabili abangabase Lesotho University) abangongoti
kwezamacooperatives. Abantu abasha manje sebefunda bazenzele ikusasa
emsebenzini wamamcooperatives ngokuthi bathole isitifiketi, I diploma noma i
degree yama co-operatives. LaboSolwazi bazokwengamela ukubuyekezwa okukhulu
kohlelo lwama co-operatives nokususa ubuthaka obukhona ohlelweni osebuholele
emehlukweni omkhulu phakathi kwamacooperatives abhalisile nasebenzayo.
Sizophothula umsebenzi wokwakhiwa kwama secondary cooperatives ukuze
siqinisekise ukuthi ama co-operatives ayahlomula ekuthengweni kwezimpahla
nezinsiza, ukuthenga kakhulu, ukukhangisa, ukuqinisekiswa ubuhle bomsebenzi.
Ekupheleni kwalonyaka, kuyobe okungenani kukhona isecondary co-operative eyodwa
esifundeni ngasinye. Sibheke ukuthi ama secondary cooperatives azibandakanye
ezintweni ezinjengemikhiqizo yenkukhu, eyenyama yenkomo, imifino, ubhontshisi
kanye nokwemishini. Kuloluhlelo kuzohlanganiswa imali abayiphiwayo naleyo
ebolekisayo. Uhulumeni uqhubeka nokuzibophezela ekuphumeleliseni
amacooperatives ngokuvula izimakethe, sincoma kakhulu uMnyango wezeMpilo
ngokuzihola phambili ekuthengeni izinto zokulala, imifino nenyama
kwasezibhedlela kuma cooperatives. Sinxenxa eminye iminyango ukuthi nayo yenze
njalo.

Izinhlelo-ngqo zokwakha amathuba emisebenzi – EPWP

I expanded public works programme (EPWP) ingezinye izindlela zokungenelela
emnothweni wesibili uhulumeni aqonde ngazo ukwakha amathuba omsebenzi,
ukunikezela ngamandla kulabo ebebengenawo, kanye nokulwa nobuphofu.
Lesabelomali sifaka imali kwi EPWP – eminyakazweni ehlobene eminyangweni
yezokuThutha, ezeMpilo, ezeNhlalakahle, ezoHulumeni baseKhaya, ezeMfundo,
ezoLimo, kanye nezeMisebenzi kaHulumeni - –ebhekiswe ikakhulu kubantu
besifazane nentsha. Izinhlelo ze EPWP zenabe kakhulu, zibandakanya u Zibambele
no Vukuzakhe woMnyango wezokuThutha(ekulindeleke ukuthi zakhe amathuba
omsebenzi angu 109,500 ngo 2009/10), ezempilo zasemphakathini nokunakekela
kwezempilo kwasekhaya eminyangweni wezeMpilo nalowo wezeNhlalakahle(16,034
wemisebenzi ngo 2009/10), uhlelo lwama Community Development Workers oluphethwe
wuMnyango woHulumeni baseKhaya(410 wemisebenzi ngo 2009/10), kanye nohlelo
lokukhuculula usandanezwe oluphethwe wuMnyango wezoLimo(4 500 wemisebenzi ngo
2009/10). Seyiyonke leminyango izosebenzisa cishe R2,6 billion ezinhlelweni ze
EPWP eminyakeni emithathu ezayo ye MTEF. Izabelomali zalokhu zifakwe ezabelweni
zaleminyango.
I Business process outsourcing

I Business process outsourcing (BPO) ukukhipha umsebenzi othize webhizinisi
njengokuholelwa kwabasebenzi, ukuphathwa kwabasebenzi, nokuphatha uwunike enye
inkampani. Imvamisa, lokhu kwenzelwa ukonga imali ngemisebenzi inkampani
eyidingayo kodwa engekho nqala ekuncintisaneni emakethe/embonini ehweba kuyo.
Izinkampani eziningi zamazwe ngamazwe sezivele zibheke ukukhiphela lemisebenzi
ngaphesheya kwezilwandle.

Kunyaka ozayo uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho uzokwakha ama call
centres
amathathu – e Pietermaritzburg, Richards Bay, kanye nase Newcastle
njengengxenye yotshalomali lwesifundazwe kulengosi. Eyokuqala i call centre
izobe seyisebenza ngo June 2007. Uhlelo lokuqeqeshwa kwama call centre agents
ayinkulungwane luzoqala ngo May 2007 kanti sekubekwe u R20,8 million
waloluhlelo.

Ukunikeza amandla ngokonga

Kuyasikhathaza ukuthi imindeni isebenza imali engaphezulu kwaleyo eyiholayo.
Izakhamizi zase Mzansi Afrika zonga kuphela u 0,2 wamaphesenti. Kubalulekile
ukuthi sivuselele isiko-mpilo lokonga emazingeni wonke. Ukunyukwa kwenzalo
yomali ebolekiwe seyisetshenziswe ukwehlisa izinga lokweboleka. Kufanele
sikhuthale ukufundisa abantu bakithi ngobuhle bokuba nohlelo lokonga imali
yingakho-ke nje sininike izikoqokoqo zemali.

Enkulumweni yakhe yeSabelomali, uNgqongqoshe Manuel, wathi: "Ezweni lapho
kunezinga eliphansi lokonga, imali ezosala ibekwe ethala wukuphosa kukahulumeni
esivivaneni sesicela izakhamizi zelandele lesibonelo."

Elesithathu

Ukwenza ngcono ukulethwa kwezinsiza

Isabelomali esisethulayo sinokukhule kwezabelo ukuze iminyango ikwazi
ukuletha izinsiza kubantu ngendlela enhle, lokho okuchaphazela amazinga
obuphofu kuphucule nekhwalithi yempilo esifundazweni. Ngo 2009/10 ezeMfundo
kanye nezeMpilo ziyothola R10,2 billion ngaphezu beyizothola uma izisekelo
zezabelo zabo zika 2003/04 bezivele zashintshelwa amandla email kuphela. Kodwa
zikhona izingqinamba zemali ekufanele sizivume.

EzeMfundo

Uhlaka lwe MTEF ka 2007/08 lunyusa ngokubonakalayo imali uma kuqhathaniswa
neMTEF ka 2006/07. Esabelweni sika 2007/08 kwengezwe isamba sika R2,4 billion
okwenzi ukunyuka kuka 14.9%. Lokhukwengeza okwezinto ezithile ezifana nezikole
ezingasavumelekile ukukhokhisa. Singasho ngeqholo sithi isabelomali semfundo
esichema nabampofu futhi uMgcinimafa wesiFundazwe wanelisekile ngokuthi
okuhamba phambili kwazwelonke kuxhasiwe ngezimali.

Lapha sekubandakanywa nemali yokwenyusa amaholo nokuqashwa kwabanye othisha.
Inani lezikole ezingasavumelekile ukukhokhisa esifundazweni selenyukile lisuka
ku 1346 ngo 2005/06 liya ku 3 342 ngo 2006/07 futhi lisazokwenyuka kule MTEF
ezayo. Kepha, uzakwethu uMhlonishwa Nkk Cronje nawowonke uhulumeni wesifundazwe
basakhathazeke kakhulu ngokuthi utshalomali olukhulu oselwenzekile
alukabonakali kumazinga okuphasa.

Izabelo zama Further Education and Training (FET) ziyaqhubeka nokukhula.
Kusukela ku R392 million ngo 2006/07, izabelo zalapha sezikhule zafika ku R513
million ngo 2009/10. Sithatha lomkhakha njengobaluleke kakhulu ekwandiseni
amakhono adingekayo ekukhuliseni umnotho wethu. Imali eyengeziwe ifaka naleyo
yokuxhasa uhlelo luka Masifundisane Literacy Campaign ukwengeza kulokho
okufakwe wuMnyango wemisebenzi.
EzeMpilo

UkuBuyekezwa kweSabelomali sika 2006/07 kufake R75 million ekulweni nesifo
sofuba esingasabi mithi. Sisazoyenyusa lemali ngokuhamba kwesikhathi. UMnyango
wezeMpilo uzothola isabelo sika R13,4 billion ngonyakamali ka 2007/08,
okukhombisa ukwenyuka ngo R1,7 billion noma 14,4% kune MTEF eyedlule. Lemali
izoqinisa impi yethu nesandulela ngculazi nengculazi ngokugqugquzela ukuhlolwa
uzisukele wena, ukukhulunyiswa nokunyuswa kwenani labantu abathola imishanguzo
yokuthambisa igciwane.

Lezizabelo zenza uMnyango wezeMpilo ukwazi ukunyusa inani labantu abathola
imishanguzo besukeka ku 30 wamaphesenti weziguli ezivunyelwe kuya ku 70
wamaphesenti ngo 2009.

Lemali inyuka isuka ku R988 million ngo 2007/08 ukuya ku R1,3 billion ngo
2009/10. Ukunyuka kwemali yamaholo kwenzelwe ukuthi kufakwe kancane kancane i
Health Professionals Remuneration Review kanye nokunyuswa kwenani lezikhala
zabasebenzi bezempilo.

Ukuthi uMnyango wezeMpilo usufikelele emazingeni angaphezulu kwawezwelonke
ekunokoloteni kukhombisa ukusebenza kahle kwe Primary Health Care Services.
Kanjalo ke uMnyango uzonyusa ukwakhiwa kwakliniki, ngaleyondlela kunyuswa
izinga lokuya kwezakhamizi ezikhungweni zempilo ngonyaka kuye ngale kuka 19.9
million ngonyaka ngo 2006 (kusuka ku 10,4 million ngo 1995). Izikhungo zethu ze
PHC zihamba phambili empini yokulwa nezifo ezejwayelekile futhi ezelaphekayo
eningi lazo linomthelela ekwenyukweni kwezinga lokufa kwezingane ezizelwe
nokudodobala kwenani labantu kanye nokwehla kweminyaka umuntu angalindela
ukuyiphila emhlabeni.

Lokulibala okukhona ekusetshenzisweni kwezimali zezingwalasizinda kuxoxwe
kakhulu kanti uma ku setshenzwa noMnyango weMisebenzi kahulumeni, isisombululo
sesitholakele ukuze kubhekwane nalengqinamba. Isabelomali sezingqalasizinda
sehliswe ngokwesinqumo soMnyang wezeMpilo kazwelonke. UMcinimafa uphothula
amalungiselelo e Private Public Partnership ukuze kubhekwane nalomsebenzi
wokulungisa izibhedlela. Lokhu kuzokwenza ukuthi kube nezikhungo zezinga
eliphezulu imali incane.

EzeNhlalakahle

Malungu ahloniphekile, niyokhumbula ukuthi ekuqaleni kuka 2006/07 isamba
esingango R13 billion wezibonelelo zenhlalakahle sathuthelwa kuzwelonke.
Lesamba esiphethwe yi South African Social Security Agency sibandakanya
izibonelelo zabadala, iminkantshibomvu yempi, abakhubazekile, izibonelelo
zosizo, ezezingane ezikwabanye abazali, ezalabo abanakelelwa abanye, nezokondla
izingane. Ngo 2002, izaguga ezingu 406,440 zazithola izibonelelo. Ngo Masingana
2007 zazingu 443,795. Izingane zazingu 530,484. Lenani selikhuphuke cishe kane
lafika ku 1,903,802 ekupheleni kuka Masingana ngo 2007.

Isabelomali senza ngcono amaholo osonhlalakahle nokuqashwa abasizi
bosonhlalakahle ikakhulukaze ukuze kusebenze lezizinhlelo ezilandelayo:

* ukuvikela ukungasetshenziswa ngendlela efanele kwezidakamizwa
* ukunakekelwa nezinsiza zabadala
* ukuvimbela ubulelesi nokunakekela abathintwe ubulelesi
* ukunakekelwa kwezingane, abakhubazekile kanye nalabo abangakwazi
kwakwenzani
* ukuvimbela isandulela-ngculazi, ingculaze kanye nokukhululelwa kwezingane
okungafuneki
* ukusiza umphakathi nje nokuqinisa amaxhama omphakathi, njll.

Ukuthuthelwa kwemisebenzi emnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho

Sekunqunywe ukuba kuthuthwe ukuphathwa kwe Provincial Growth Fund nezimali
zokuthuthukiswa kwama SMME zisuke kuMgcinimafa ziye eMnyangweni
wezokuThuthukiswa koMnotho. Amalungu amaningi aleNdlu akuphakamisa lokhu
kwinkulumompikiswano nyakenye. Lomsebenzi uzothuthwa kusukela mhla lulunye
kuMbasa, futhi amaLungu aHloniphekile azobona ukuthi izimali zalezizinhlelo
zivela ngaphansi kweVoti lesiNe kwisalebelomali esisethulayo namhlanje. Isamba
sika R1,709 billion se Provincial Growth Fund nesamba sika R665 million se
Small Medium and Micro Enterprise Fund sezithuthelwe eMnyangweni
wezokuThuthukiswa koMnotho. Kepha uMgcinimafa uzosiza uMnyango
wezokuThuthukiswa koMnotho ekuphathweni kwalezizimali kuze kube amandla
okusebenza asetholakele, sekuqashwe izimenenja zalomsebenzi.

Ukuphatha kahle

I Performance Budgeting System

Ukushisekelwa ngokwenza ngcono ukulethwa kwezinsiza kungumongo we
Performance Budgeting concept (PBS). I Performance Budget System iqale ngo
Ntulikazi 2005 eminyangweni wezeMpilo nowezokuThutha.

Ngo Mbasa 2006, loluhlelo lwase luqala kowezoLimo, okaNdunankulu,
siShayamthetho sesiFundazwe, owezokuThuthukiswa koMnotho, kanye noMgcinimafa.
Leminyango izobe seyibukhoma mhla lulunye kuMbasa ngo 2007 ngaphandle
kowezoLimo lapho iprojekhthi ihamba kancane ngenxa yokwentuleka kwamandla
okusebenza. Kunesidingo sokuthi ama data lines ayoyonke iminyango enziwe ngcono
ukuze loluhlelo lusebenze kahle, ngaphandle kwalokho kuzophela ugqozi
kubasebenzisi balo. Njengoba sisebenzisa R100m(ngonyaka owedlule)
kuleprojekhthi ayinakuphanza futhi uMgcinimafa uzokwenza konke okusemandleni
ukufaka loluhlelo ngokuphelele. Kodwa ke phela naye uMgcinimafa uzothembela
kakhulu ekusebenzisaneni kweminyango.

Ukuphathwa kwezimali

Okunye okubaluleke kakhulu ekulethweni kwezinsiza kubantu wukuphathwa
kwezimali nokubika ngalokhu. Uma kukhona ukungaphathi kahle emnyangweni,
ukulethwa kwezinsiza kuba okokuqala ukuzwela ngenxa yenhlanganisela yokumosha
nokulahlela kwezinto kanye nokukhwabanisa nenkohlakalo. UMgcinimafa uzobe
ebhekisisa kakhulu imiphumela yokuphengululwa kwamabhuku kweminyango kulonyaka
ozayo Imiphumela ka 2005/06 ayibanga mihle esifundazweni (ukuziqhathulula
okokukodwa, imibiko yokuphengulula engaphelele eyisishiyagalolunye kanye nenani
eliphezulu lezindaba ezigcizelelwayo) futhi uMgcinimafa uzimisele ukuvimbela
umphumela ofanayo eminyakeni ezayo.

Sizinikele ekuqedeni imibiko yokuziqhathulula yoMphengululimabhuku
nokuhhafula imibiko engaphelele ngo 2006/07. Ukunikela okukhulu kabi lokhu,
kodwa sizimisele ukukwenza uma sizimisele ngokuqinisa ukuphathwa kwezimali
ukuze kwenziwe ngcono ukulethwa kwezinsiza. UMgcinimafa ngeke ungabaze
ukungenelela eminyangweni enamacala amakhulu okuphulwa kwe PFMA.

Ukuqaphela ukuphathwa kwezimali komasipala

Ngicela ukugcizelela ukuthi asigxilile kuphela emazingeni okuphathwa
kwezimali eminyangweni. Ukuqala kokusebenze kwe MFMA kwaba isehlakalo
esibaluleke kakhulu endimeni yokuphathwa kwezimali komasipala. Imigomo
eyingqikithi iqinisekisa ukuphatha kahle izimali nokusimamisa umasipala
nezinhlaka zabo ukuze kube ngcono ukulethwa kwezinsiza.

Kubuye kudinge nezinguquko zokwezimali ezithile ezingeni lomasipala,
ebaluleke kunayoyonke kuwukuncika kokwabiwa kwemali kwi Integrated Development
Plan (IDP); ukubika phakathi onyakeni nangamuva kwawo, ukuphengululwa
kwamabhuku nokuqinisa ezokuphatha kwangaphakathi kanye nokuthengwa kwezimpahla
nezinsiza.

Umsebenzi woMgcinimafa waKwaZulu-Natali wukunikezela ngomkhombandlela nosizo
nge
MFMA komasipala abangu 53 kwabangu 61. Akuwona umsebenzi neze lona.
Sezihlangene zonke izabelo zomasipala zika 2006/07 ziwu R24,1 billion.
Sezikhule ngo 18,78 wamaphesenti phakathi kuka 2005/2006 no 2006/07.

Amaphesenti angamashumi ayisiphohlongo nanhlanu omasipala asezilethe
izikhathi azolungiselela ngazo izabelomali zika 2007/08. Ukuzofika manje
UThukela, Nquthu ne Mpofana basebenzisa imali abangenayo ebhange kanti sebeqale
izindlela zokunciphisa lokhu ngaphambi kuka June 2007. Ngokwesethulo
nokuphenyisisa kuka 2005/06 babili kuphela omasipala abangaka lethi imibiko
yezimali, Ulundi no Umkhanyakude.

Ukulwa nobulelesi nenkohlakalo

EzokuPhepha: Ukwenza ngcono imizamo yokuvimbela ubulelesi Bekufanele
kukhulunywe kangaka emphakathini emavikini ambalwa edlule ngamazinga obelelesi
angamukelekile.

Lokhu kwenze u Ndunankulu, eNkulumweni yeSimo sesiFundazwe athi:

"Uhulumeni akanavumela ingcosana eyizelelesi ukuthi idicelele phansi imizamo
yokwenza ngcono inhlalo nokukhulisa umnotho esifundazweni sakithi."

Isabelomali sengeza u R105 million (R20 million, R35 million no R50 million)
eminyakeni emithathu ye MTEF ukusetshenziswa wuMnyango wezokuPhepha nokuXhumana
ukuxhasa uhlelo lwamavolontiya okuvimbela ubelelesi olumenyezelwe wuNdunankulu
ezinsukwini nje. Sibona ukuthi lemali izokwanela ukuqasha kuphinde kuqeqeshwe
amavolontiya ayinkulungwane ngo 2007/08 agcine eseyizinkulungwane ezimbilli ngo
2009/10. Angingabazi ukuthi lamavolontiya (asuselwe kwi London Metro Police
Project), esebenzisana namaphoyisa nemiphakathi, azoba nomthelela osheshayo
esimweni sobulelesi kulesisifundazwe.

Ukukhwabanisa nenkohlakalo

Mayelana nokukhwabanisa nenkohlakalo, ngifuna kucace bha ukuthi lohulumeni
ngaphansi kuka Ndunankulu uNdebele nesiGungu esiPhethe KwaZulu Natali ngeke
ubekezelele ukukhwabanisa nenkohlakalo noma ngabe kundlelani, kungakanani futhi
noma yikuphi engosini yezomphakathi. Ukungabekezeleli nakancane ukukhwabanisa
nenkohlakalo sekwakhelwe phakathi kwesu eliqhubekayo layo yonke iminyango
yahulumeni wesifundazwe. Lohulumeni ngeke amele noma yiyiphi inhlobo
yokukhwabanisa nenkohlakalo yabasebenzi bahulumeni noma labo abakhethwe
ngabantu, noma ngabe bakhulu kangakanani, bayiyiphi inhlangano yombusazwe noma
bazihlanganise nobani. Wonke amacala asolelwa ukukhwabanisa nenkohlakalo
azophenywa ngaphandle kokwesaba noma ukwenzelela.

Ngingabika nje ukuthi uphenyo oluyishumi nesithupha ukusukela
ekukhwabaniseni, inkohlakalo, ubusela, ukuphatha ngendlela ebheke eceleni,
ukuphatha budedengu nezinye izigwegwe kwenziwe ngo 2005/06, kanti luning
olusendleleni kulonyakamali. Amanye alamacala aphambi kwezinkantolo futhi
neminyango ethintekayo seyivule izinkundla zokuqondiswa kwezigwegwe. Uhulumeni
uthathe isinyathelo ebesingakaze silindeleke sokuthi aphikisane necala
ebelifakwe izinkampani zabammeli abasebenzisa "abadobi" ngaleyondlela kongeka
izimali eziningi zezibonelelo. Umphumela walokho kube wukuthi i Law Society
ithole amafemu amabili enecala lokungaziphathi kahle phezu kokuthi lamacala
abikwe emaphoyiseni. Sesihlangene nabaphenyi bangaphandle, uMnyango wezaseKhaya
kanye noMqoqi weNtela ukulwa nokukhwabanisa nenkohlakalo. UMnyango woHulumeni
baseKhaya nezeNdabuko sewenze uphenyo komasipala abangamashumi amabili, noma
nini uma kungathi kukhona ukungaphathi kahle.

Ngaphansi kwazo zonke izimo izenzo zikahulumeni zilandela imiphumela
yophenyo, ngeke sihambe ngokwemimoya evunguziswa wukukhulunywa kodaba
emphakathini. Sikwamukela kakhulu ukunquma kwe SCOPA ukucela uMphengululi
mabhuku ukuthi aphenye ngezindlela zangaphakathi zokusebenza eThala
ukuqinisekisa ukuthi akukho ukwenzelela uma kunqunywa ngezicelo zokweboleka
imali. Kunophenyo-nzulu oluqhubekayo eMnyangweni wezoLimo nezeMvelo okujutshwe
wuNdunankulu kulandela isinqumo sesiShayamthetho. Umbiko ogcwele uzophuma
maduzane nje kodwa ngeke uxoxwe lapha.

Uhlaka lwezimali zika 2007/08 zesifundazwe

Imininingwane eminingi itholakala kwi Budget Statement esisethula namhlanje.
Cishe yonke iminyango ithole ukwenyuselwa imali kwi MTEF. Ngimema amaLunga
aHloniphekile ukuba azijwayeze okuqukethwe yi Budget Statements.

Isabelemali esigoqiwe sika 2007/08 siku Table 1. Imali etholakala ngenani
lezakhamizi lenyuke ngo R5.7 billion kule MTEF. Ukwenyuka kwemali ebekelwe
okuthille kuphela kungenxa kakhlukazi kokwenyuka kwezabelo ze Infrastructure
Conditional Grant. Futhi kube khona ukunyuswa-kubuyekezwa kwemali engenile
eqhamuka kakhulu emalini eyenziwa wuMnyango wezokuThutha.

Kunezabelo ezingenakuthintwa ekuyilezi ezilandelayo:

* Izimali ezivela ekubuyekezweni kwesabelomali sika 2006/07. Imininigwane
iku Table 2 ngenzansi.
* Imali esale ekungeneni koMzimkhulu nasekuphumeni kweMatatiele. Ukuthi lokho
kusho ukuthini ngokwezimali kuku Table 1.
* Izabelongqangi zikazwelonke emaholweni kwezeMfundo, ezeMpilo,
nezeNhlalakahle
akalelwe ngaphezulu kokubuyekezwa kokwehla kwamandla emali. Ukwenyuka
kwemali
yamaholi kwezeMfundo kukakhulukazi ngenxa yokwenyuka kwamazinga
okukhokhela
othishanhloko okuzokwenzeka kusukela mhla lulunye kuMbasa. Ngo 2007 bese
kunabela kubafundisi esikhathini se MTEF. KwezeMpilo, ukunyuka kungenxa
yokufakwa kancane kancane kwe Health Professionals Remuneration Review
nokwandiswa kwabasebenzi bezempilo eminyakeni emihlanu ezayo. KwezeNhlalakahle
kungenxa yokwenyuka kwesibalo sabasizi-sonhlalakahle. Iminingwane itholakala ku
Table 2.

IsiFundazwe sibeke sesisala nemali esingenayo ebhange/eyisikweletu ewu R105
million no R138m eminyakeni emibili yokuqala kwi MTEF. Ukuhlangabezana
naloshodi, izisekelo zezabelo zezinhlelo ezithile eMnyangweni wokuThuthukiswa
koMnotho kuye kwadingeka zincishiswe, lezo yi Richards Bay Industrial
Development Zone (IDZ), i Growth Fund ne small-medium and micro enterprises
(SMME) Fund.

Uma sekwenziwe lokwehlisa kwangaphakathi isifundazwe sisele no R130 million,
R84 million and R691 million ukwaba. Ukwengezwa kwezimali eminyangweni
kukhonjiswa ku Table 2.

Somlomo, kwezokuPhatha kukhuphuke kanje:

* Office of the Premier R27,5 million kwi MTEF ukubhekelela nemali evela
ekubuyekezweni kwesabelomali sika 2006/07 ukuze kuxhaswe Izimbizo.

* Provincial Legislature R34,6 million ku 2007/08, R32,5 million ku 2008/09,
no R34,8 million ku 2009/10. Lezabelo zizosetshenziselwa okulandelayo: izimali
zokwenza umsebenzi ezindaweni ezabelwe amalunga eShayamthetho, ukuyisa
iShayamthetho kubantu, nokushicilelwa kwephephabhuku Iso Elibanzi.

* Royal Household R11,2 million kwi MTEF, imali esuka ku 2006/07

* Local Government and Traditional Affairs R53,9 million; R31,6 million no
R124,8 million ukuxhasa usebenzisomali lwase Mzimkhulu, amanzi nokuhlelela
indle kanye nokuvuselelwa kwamadolobha amancane.
* Sport and Recreation uthola 19,1 million, R5,5 million no R18,7 million
yokwenatshiswa kwamahhovisi esifundaweni sonke, ukuxhasa imicimbi emikhulu
yemidlalo, kanye nosebenzisomali lwaseMzimkhulu.

Izabelo zengosi yezoMnotho zenyuke kanje:

* Agriculture uthola R33,1 million, R26,9 million kanye no R168,8
ikakhulukazi ukuxhasa ukwandisa ezolimo ngamandla.

* Transport uthola R150,6 million; R128,4 million no R399,2 million
ukwenza
usebenzisomali eMzimkhulu, ukunweba uR102 ukuze kungeneke kahle e Dube Trade
Port; ukulungiswa kwemigwaqo, nokwakhiwa kwemigwaqo engenelayo.

* Works: U R16,1 million ukusetshenziswa eMzimkhulu

* Arts and Culture uthola uR26,1 million kwi MTEF ukusetshenziswa
kuqhutshekwa, UMzimkhulu, nokunyusa isivinini soguquko embonini
yezokuvakasha.

* Economic Development R26,7 million; R30,3 million and R35 million
yokuqhubeka nomsebenzi, ukwakhiwa kwegumbi lokuqopha umculo kanye nokusizwa
kwamabhizinisi.

Isiphetho

"Soar again, young eagle, soar above
The vast expanses of that silent sea,
Whose shallow waters are grey scrub, whose foam
Is shifting sand: here drowns the sun in floods
Of orange and of gold, of purple pomp
That pales to violet ere the stains of day
Are washed out by the waters of the moon."

Somlomo, izisihla zayizolo ngeke zisephule imimoya. Njengezinsingizi
ezisezintsha, sizawukuziphakamisela ezibhakabhakeni. Ngokwenza intuthuko sizobe
sifeza isethembiso sethu kubantu: impilo engcono kuwonkewonke. Abantu bakithi
bazohlomula emnothweni. Amakhosikazi, abantwana kanye nentsha bonke bazothi
ekugcineni sesizivunile izithelo zenkululeko yethu.

Amaphupho azobe ephela abe amaqiniso. Njengamazwi a John Updike, "Amaphupho
ayafezeka, uma bekungenakuba njalo imvelo ibingeke isenze sibe nawo. Ngithanda
ukubonga bonke abantu besifundazwe abaphose esivivaneni ngokuphawula
ngesabelomali ngesikhathi sibahambele, bebuzwa emgagweni, noma befona. Kube
nokuphawula okunqala okuvela entsheni, ikakhulukazi labo abaseziGungwini zaba
Fundi emanyuvesi, abafundisa imfundo ephakeme, abezenkolo, abamabhizinisi,
abezabasebenzi, kanye nomphakathi wonkana: omama, obaba, nentsha abafike
ngezinkulungwane zabo.

Ukudweba isabelomali umsebenzi wabantu abaningi engithanda ukubabonga.
Umkhombandlela wobuholi ngiwunikwe uNdunankulu wesiFundazwe. Ngiyabonga
Manzankosi. Bengingeke ngikwazi ukuhlanganise lesabelomal ngaphandle
kobuhlakani bakho. Uxhaso engiluthole kuNgqongqoshe Manuel, ozakwethu
esiGungwini esiPhethe, ikomidi lesiShayamthetho lezeziMali nokuThuthukiswa
koMnotho ngilubonga kakhulu ikakhulukazi uSihlalo ilunga elihloniphekile u
Belinda Scott kanye namalunga ekomidi abangiphelezela sihambela abantu
eMkhankasweni weSabelomali saBantu futhi nowayengu Sihlalo u Mnumzane Cyril
Xaba. Nonkosi!

Ngithanda nokubonga izikhulu zase Treasury nakwa Economic Development,
ikakhulukazi uMshengu Sipho Shabalala no Carol Coetzee nethimba lami ehhovisini
likaNgqongqoshe, Sgananda neThimba abangisize kakhulu ukulungisa lokhu
enikubona namhlanje.

Okokugcina nkosikazi yami, May, ngoxhaso onginike lona eminyakeni
engamashumi amabili, kanye nomndeni wami wonke ikakhulukazi uDedani
namadodakazi asebe khule baze baba abayali bami, ngibonga kakhlulu ngoxhaso
nangokuqonda kwenu isimo sami. For the support spanning over two decades and my
entire family especially Dedani and the girls who have now grown to become my
advisors, thank you for all the support and understanding. Somlomo, ngineqholo
elikhulu lokwethula, kuleNdlu, I Appropriation Bill, 2007 yesiFundazwe
saKwaZulu-Natali kanye ne Budget Statements ukuze ninqume ngayo.

Ake ngeboleke ku Slater ngithi:

Soar again, KwaZulu-Natal, soar again!

Ngiyabonga.

Issued by: Department of Finance and Economic Development, KwaZulu-Natal
Provincial Government
1 March 2007
Source: KwaZulu-Natal Provincial Government (http://www.kzntreasury.gov.za)

Share this page

Similar categories to explore