the occasion of the Voluntary Counselling and Testing (VCT) Campaign at
Inkandla
2 March 2007
Ingqikithi yodaba esihamba ngalo namhlanje icacile, ithi:
"Knowledge is Power: Know Your Status!"
Izibalo zethu zikhomba ukuthi umphakathi owakhele lendawo enhle kangaka
ungaphezu kuka 36 000. Ingxenye enkulu yabahlali lapha ineminyaka engaphansi
kuka 35 kunjalo nje abesifazane babe bengu 54%. Kuhle nginazise ukuthi
singuMnyango wezeMpilo sikhathazekile ngempela ngamanani aphansi abantu
abeza
phambili bezohlola ukuthi sime kanjani isimo sabo mayelana nalesisifo
esingumashayabhuqe. Izibalo zethu ngenyanga edlule zikhombe loku:
Area site client tested
* Mamba Osungulweni 50
* Mathungela 40
* Nxamalala 60
* Kuma Mobiles 20
* Nkanini Mobile 18
* Vuma Mobile 14
Ndabezitha, sicela usizo lwakho ukuthi kuyo yonke imihlangano kanye
nezimbizo eziba khona kulendawo yakho, udaba lokuyohlolelwa igciwane lengculazi
kanye nesandulela ngculazi, kuhlale kuxoxwa ngalo. Kubalulekile ukuthi
ngicacise ukuthi thina njengoMnyango wezeMpilo sizosizakala kakhulu
ngemiphumela etholakala uma kuhlolwa ngoba sizokwazi ukuthi uma sakha isabelo
zimali sikwazi ukuzitshala lapho zidengeka khona ngempela. Esikuthanda kakhulu
ngaloluhlelo ikakhulukazi uma kukhulunywa ngendaba ye Counseling ukuthi
akudingekile ukuthi umuntu aze abe umhlengikazi noma udokotela ukunikeza
ngalolusizo.
With proper training, members of the clients' local community, regardless of
their educational level, can do the counselling component. Angikugcizelele
ukuthi loluhlelo lwe Voluntary Counselling and Testing luphezulu ezinhlelweni
zethu zokuthena amandla lombulalazwe. Akulula ukuthola usizo mayelana
nokuzivikela, mayelana nokuthola imishanguzo kanye nokunakekelwa uma
ungadlulanga kulohlelo. The VCT programme must be understood as the entry
point
for prevention, treatment and care interventions.
Mphakathi othandekayo makusicacele ukuthi luningi usizo olutholakala
kuhulumeni kodwa olungeke lufinyelele kithi uma singaziwa. Bheka nje
ekukhishweni kwemishanguzo, sincane kakhulu iibalo sabahlali abawatholayo.
Lemishanguzo kulendawo ikhishwa ezibhedlela kuphela nalapho isimo sakhona esime
kanje:
* Mbongolwane Hospital nine clients from Mamba
* Eshowe Hospital 150 clients from
* Mamba, Vuma
* Nkanini
Okunye okuphawulekayo ngalendawo esikuyo namhlanje udaba lokuntuleka
kwemisebenzi. Kuzokhumbuleka ukuthi evula iphalamende uMongameli wezwe
uphakamise ukuthi kulonyaka makusetshenzelwe ukulwisana nobubha.
Izibalo zethu zikhomba ukuthi bangu 5% kuphela abahlali balendawo abazisebenza
bona. Thina sifuna kushintshe loku. Sifuna abantu basebenzise amakhono abanawo
ukuphakela izinto ezidingwa izibhedlela zethu zase Mbongolwane kanye nase
Showe.
Izimpahla kanye nokudla okudingwa iziguli sifuna nisebenzise amakhono enu
bese
loko kutholakale kinina. Phambi kwethu nawa amathuluzi okusebenza
esizoninikeza
wona mahhala. Akubuyelwe enhlabathini. Asikhiqize futhi njengasemandulo
njengoba siyabona nokuthi idolobha liqhele kangakanani nakulezindawo esihlala
kuzona.
Laba asebaqalile ngama Co-operatives ngithi mabaqhubekele phambili,
mabazihluphe bafune imisebenzi eminyangweni eyahlukene kahulumeni.
Ngihalalisela nabo bonke laba okumanje abazimbandankanye nama projects
aqhubekayo kulendawo
kufaka:
* sewing projects
* disposable napkins projects
* catering
* water project
* khulisa project which is a youth friendly initiative
* poultry project.
Inkulumo yami ngizoyiphetha ngokunxusa ukuthi akuphele ukucwasa abantu
asebaphila negciwane lengculazi. Akuphele ukucwasa abantu abanesifo sofuba
ngoba uma befihla bazoqhubeka bathelele nabanye. Masigqugquzele bonke esihlala
nabo ukuthi basebenzise izikhungo zezempilo bayozihlola uma umuntu
esekhohlele
amasonto angaphezu kwamabili. Abesifazane mabazibheke izinguquko ezenzeka
emizimbeni yabo kuthi labo abaneminyaka engaphezu kwamashumi amathathu beze
phambili bazokwenza I Pap Smear ukuthi bazovimbela ukungenwa umdlavuza
wesibeletho.
Akuphele ukubhema phambi kwabantwana
Akuphele ukuhlukunyezwa kwabantu abadala, abesifazane kanye nabantwana
Phansi nokuthula uma uhlukunyezwa noma unukubezwa
Phansi nocansi olungaphephile
Phansi ngobusoka obungabuyiseli
Phambili nokuzithiba uma sisebancane.
Issued by: Department of Health, KwaZulu-Natal Provincial Government
2 March 2007
Source: KwaZulu-Natal Provincial Government (http://www.kznhealth.gov.za)