occasion World TB Day Celebrations in Greytown
24 March 2007
Our warm felt greetings to all of you on this important moment of the World
tuberculosis (TB) Day commemorations. Let it be known to all of us that the
theme for this year is, "TB anywhere is TB everywhere". Umhlaba wonke namhlanje
uhlanganise amakhanda ubhekelele ukuthi iziphi izindlela ezingasetshenziswa
kuqedwa isifo sosifuba, TB emazweni ahlukene. Thina njengoMnyango wezeMpilo
KwaZulu-Natal siseke ngokugcwele i TB Crises Plan ngokuba sibeke ecaleni isamba
sika R30 million ukubhekana nezinhlelo zayo. Ngaphezu kwalokho siphinde
sakhipha kuwo lo nyaka isamba sika R70 million ukuthi usebenze ukulwisana ne
Multi Drug Resistant
(MDR) kanye ne Extreme Drug Resitant (XDR) TB strains.
Le mali ayifaki isamba sika R120 million okuyimali esiyibekele ama
nutritional packs atholakala kuyo yonke imitholampilo yethu enikezwa laba
abathatha imithi yayo i TB kanye naleyongculazi. Kuso le sifunda sethu
seminingi kakhulu imizamo
eyenziwe ukuthi kunqandwe ukubhebhetheka kwalesi sifo esilaphekayo kodwa
esiqhubekayo nokuhamba nemiphefumulo yabahlali balelizwe. Kule ndawo yase
Greytown izincwadi zethu zisitshela ukuthi abahlali bangu 93200. Kule sibalo
isamba sabantu abalashelwa isifo sofuba kumanje sime ku 691. Kule District yase
Umzinyathi kusukela ngo January ka 2005 kuya ku February walo nyaka bangu 126
abahlali izimpilo zabo ezishabalele ngengxa ye MDR Tb. Abasaphathekile bangu
72. Ngaso futhi le sikhathi esikhuluma ngaso, kuyo le District, abantu abangu
184 badlulile emhlabeni ngodaba lwe XDR TB iningi lalaba abaswelekile babe
bevela endaweni yase Msinga.
Umyalezo esiwuphethe namhlanje yilowo wokuthi: TB is completely curable.
Isexwayiso sithi, uma uhlala nomuntu one TB engeyelaphi nakanjani nawe
izokungena. TB testing and treatment is free. Nazi izimpawu ezikhona ezikhomba
ukuba khona kwe TB:
* a cough for longer than two weeks
* chest pains
* tiredness and weakness of the body
* loss of appetite and weight
* night sweats, even when it is cold
* coughing up blood.
Usizo kulaba abaphathekile lukhona maduze nalapho uhlala khona. Kule ndawo
yase Greytown nje kuphela abadinga usizo nge TB siyabanakekela lapha:
* district hospital rendering first level care
* seven provincial clinics
* two local Authority clinics
* two mobile clinics
* one NIP site
Umnyango wezeMpilo KwaZulu uzimisele ngokwenza ngcono izimpilo zabantu
balesifunda noma ngabe bakuphi. Imizamo yethu yokuthuthukisa nokwenza ngcono
izizinda zethu iyaqhubeka. Bheka nje esikwenzayo:
1 MDR unit e Greytown Hospitalâthis unit will accommodate patients from all
four sub-districts within the district. Sibuyane Clinic sesikhiphe isamba sika
R 914.200 ukuthi kungezwe nge labour ward, delivery room and ablution
facilities. Ntembisweni Clinic khona sikhiphe isamba sika R796 000 ukuthi
kufakelwe ngaphezulu.
Two counselling rooms, labour ward, delivery room and ablution facilities,
Kranskop sizokwakha umtholampilo omusha ngesamba sika R4.002.494.00 sizokwazi
ukususa le Parkhome esetshenziswayo njengamanje. Eshane Clinic sikhiphe isamba
sika R1 163 700 ukuthi kwengezwe labour ward, two counselling rooms with sub
waiting area. Kwasenge Clinic khona sibeke isamba sika R1 734 420 Ithala Bank
isiqoke oso contractor abasha ngoba laba esasibanikeze lo msebenzi ekuqaleni
behoxile. Nakwezinye izindawo zale District izinhlelo zethu zentuthuko
ziyaqhubeka. Bheka nje, Washbank Clinic siyibekele isamba sika R4 421 million
njengoba sinethemba lokuthi ngoOctober kuwo lonyaka siyobe siwuvula loya
mtholampilo.
Muden Clinic, izincwadi zakhona kumanje sizidlulisele ku Ithala Bank
njengaloku lilindeleke ukuthi liqoke abazodweba ama Plan bese ukwakhiwa
kuyaqala kulonyaka ozayo. Gome Clinic, abakwa CUPB esikhathini esingamaviki
amabili bazobe bephothula ucwaningo mayelana nokwakhiwa kwawo lo mtholampilo.
Bakwethu masibambisaneni ekwenzeni impilo yawo wonke umuntu ukuthi ibe ngcono.
Abantu abadla amaphilisi esihlala nabo masibagqugquzele ukuthi bawaqede.
Abaholi bethu abalapha ngamakhambi esintu sithi sinxusa ukubambisana
okuphezulu, bayazi ukuthi i TB siyisebenza kanjani indaba yayo.
Impilo iyasetshenzelwa!
Issued by: Department of Health, KwaZulu-Natal Provincial Government
24 March 2007
Source: KwaZulu-Natal Provincial Government (http://www.kznhealth.gov.za)