N Nkonyeni: Launch of HIV and AIDS Voluntary Counselling and Testing
Campaign (Zulu)

Speech by KwaZulu-Natal Provincial Government Health MEC,
Neliswa Nkonyeni upon the launch of the Voluntary Counselling and Testing (VCT)
Campaign at KK Hostels KwaDabeka

16 March 2007

Rev L Mandindi
Our committed partners
Ukhozi Station, Manager Baba Bhodloza
Mayor of Ethekwini, Obed Mlaba
Chair of Health Portfolio Commette, Mama Ludidi
Ethekwini District Manager, Timmy Msiza

Masiqale ngokuphakamisela amehlo ethu KuMdali sicelele ungqongqoshe wethu
uDr Manto Shabalala-Msimang ukululama okusheshayo.

Ukhozi FM sisebenza nalo ngoba siyazi ukuthi lufinyelela kuzo zonke izindawo
nakulezo esizithatha ngama high risk transmissition areas okubalwa amahostela,
amajoyinti kanye nakulezo ndawo ezihanjwa yilabo abadayisa ngemizimba.

Ingqikithi yodaba esihamba ngayo ithi, 'knowledge is power, know your
status'. Kulezinsuku ezimbili ezidlule singabaholi bezepolitiki,
siyizinhlalangano ezizimele kanye nalezo zabantu esebaphila naleligciwani,
singochwepheshe ngokwezokulapha besihlalangene eBoksburg, eGauteng sizovumelana
ngazwi linyenge National Strategic Plan for HIV and AIDS and Sexually
Transmitted Infections (STIs). Lapha besibheka imizamo okufanele ilandelwe
kuthenwa amandla lesisifo esingumbulalazwe.

Kuyaqala ngqa ukuthi zonke lezinhlangano zivumelane ngohlelo okufanele
lulandelwe nokuyinto ezokwenzeka kuleminyaka emihlanu ezayo.

Uhulumeni usewushayile phansi uR14 billion wathi imali ezokhishwa
kuleminyaka emihlanu ezayo.

Izinhlangano ezizimele kanye nosomambizinisi nabo basazofaka elabo igalelo
njengaloku kubhekeke ukuthi kugcine kunesamba sika R45 billion ukubhekana nje
ngqo nengculazi.

Sizoyinqoba lengculazi!

Lapha kuphinde kwavunyelwana ngelokuthi bonke laba abaphathekile kufanele
bathole usizo. Usizo lapha ke luqala ngokuthi umuntu azazi isimo sakhe VCT.

Usizo lolu esikhuluma ngalo lufaka izeluleko zokuthi:
* uma ungenalo igciwane, zithibe
* thembeka kulona othandana naye, naye athembeke kuwe
* ungalwenzi ucansi olungakhuselekile
* yiya emtholampilo nothandana naye nizelaphe izifo zocansi
* yazi nanokuthi isifo setuberculosis (TB) siyelapheka nomangabe usuphila
negciwane lengculazi
* yazi ukuthi kuyicala elibomvu ukusulela umuntu ngegculazi uma sewazi ukuthi
unayo.

Umnyango weZeMpilo kulesifunda uzimisele futhi ukulungele ukunakekela bonke
abahlali abaphathekile.

Kumanje sesisithathile isinqumo sokuthi bonke abantu abathola imishanguzo
kanye nalabo abadla imithi yokulwisana nesifo sofuba sibanikeze amanutritional
packs azosiza ukuthi babe nokudla eziswini uma bethatha lemithi kanye
nokubhekelela
ukusimama kwemizimba yabo ngokugcwele.

Ngiyaphinda ngithi usizo lukhona, ungabe usaquba kanti ukuyazisola ukuthi
uphathekile. Kuyo yonke imitholampilo yethu lutholakala mahhala usizo lwe VCT
and Prevention of Mother to Child Transmission (PMTCT). Bakwethu asingabe
sizadlulisela leligciwane kubantwana isidingo singekho.

Ezindaweni nje ezakhelene nalendawo yakwa Dabeka ziyishumi nanhlanu
izikhungo lapho abantu bangayothola khona usizo kubalwa:
* KwaDabeka Community Health Centres (CHC)
* Hlengisiwe
* Clermont
* New Germany
* Kwa Ndengezi
• Pinetown Clinic

Kuyo futhi lendawo sinezizinda ezine ezikhipha zinikezele ngemishanguzo yama
antiretrovirals (ARVs):
* KwaDabeka CHC
* Saint Marys Hospital
* RK Khan
* Don Mckenzie (newly accredited)

Lezindawo kanye nzikhungo ngizibala ngoba ngifuna kucace ukuthi usizo
lukhona. Singumnyango siyazi ukuthi abahlali abakhele nalendawo babalelwa ku
200 000 kodwa okusidumazayo ukuthi kulezinyanga ezine ezadlule bangu 3 474
kuphela abantu abeze phambili bazohlola.

Masibambisaneni sikushintsheni konke loku.

Phansi nokuhlukunyezwa kwabantwana!
Phansi nokudlwengulwa kwabesifazane!
Phambili ngengqubekela phambili kanye!
Nokusebenzisa amathuba alethwe intando yeningi!

"Knowledge is power, know your status!"

Issued by: Department of Health, KwaZulu-Natal Provincial Government
16 March 2007
Source: KwaZulu-Natal Provincial Government (http://www.kznhealth.gov.za/)

Share this page

Similar categories to explore