Umhlonishwa Mtholephi Mthimkhulu ngenkathi kwethulwa uhlelo lokuvuselelwa
kwamadiphu, Enkandla sportgrounds, Enkandla
24 November 2007
Mphathi wohlelo, Dokotela Mngoma
Ngibingelele amalungu ephalamende ahloniphekileyo
Ngibingelele uSihlalo wekomidi lasePhalamende elibhekene nezindaba
zezoLimo,
uMhlonishwa uMama Nahara
Ngibingelele iMeya yoMkhandlu waMasipala waseNkandla, ikhansela uZulu
Ngibingelele AmaKhosi ahlanganyele nathi kulomcimbi
Ngibingelele oyinhloko yoMnyango wezoLimo nezeMvelo, uAdv Modidima Mannya
Ngibingelele imenenja kaMasipala waseNkandla
Ngibingelele umphathi wophiko olubhekene nempilo yezilwane kwiSifunda
saseNyakatho eMnyangweni, uDokotela uMtshali
Ngibingelele osihlalo bezinhlangano zabafuyi abakhona namhlanje ezingaphansi
kweNkandla Livestock Association
Ngibingelele izisebenzi zoMnyango wezoLimo nezeMvelo
Ngibingelele izimenywa eziqavile
Ngibingelele abemithombo yezindaba
Mphathi wohlelo, Ngizoqala ngokubonga ngokunginikwa lelithuba lokuba
ngizokwethula ngokokuqala ngqa uhlelo lokuvuselelwa kwamadiphu selokhu
ngethwese lesisikhundla sokuba nguNgqongqoshe esikhathi esingunyaka.
Kulesisikhathi esingunyaka ngihola loMnyango sengikwenze inqubo-mgomo ukuba
ngihlangane nazo zonke izinhla ezibambe iqhaza elikhulu kulomkhakha wezoLimo
nezeMvelo.
Sihlangene namhlanje ukuzokwethula emphakathini uhlelo loMnyango
lokuvuselela amadiphu . Ngaloluhlelo Mphathi wohlelo singuMnyango sihlose
ukuthi sivundulule umcebo okhona lapha kubantu bakithi abangafuyi bempahla.
Lokhu sikwenza ngoba siyazi ukuthi lomcebo osezandleni zabafuyi bempahla
abamnyama lukhulu ongalwenza ukuze uhlelo esinalo singuMnyango olubhekene
nempahla efuyiwe nokuvuselelwa kwayo luphumelele.
Ngokwenza njalo siyazi ukuthi singaba nesiqiniseko sokuthi sizokwazi
ukufinyelela kulokhu esikusophile singuHulumeni kulomkhakha wezamabhinisi
kwezolimo olufaka abamnyama lapha esifundazweni sakithi saKwaZulu-Natali
(phecelezi achieving Agri-BEE targets).
Ukusungula kwethu loluhlelo lokuvuselela amadiphu kusukela kwizikhalo
ebesizithola singuMnyango ziphuma kubafuyi abasafufusa iningi labo okungabantu
abamnyama bethi abasakwazi ukudipha izinkomo zabo nenye impahla ngenxa yokuthi
amadiphu ayekhona ngaphambilini ayesemoshakele kakhulu kanti kwezinye izindawo
engekho kwanhlobo.
Kuzokhumbuleka ukuthi amadiphu amaningi ayecekeleke phansi ngalendlela
yokuthi ayengesenakuvuseleleka kanti amanye acekelelwa phansi ngesikhathi
sodlame lwezombangazwe ngaphambilini.
Kweminye imiphakathi amadiphu ayevelwe ashiywa anganakekelwa kanti kwenye
inkathi ukungabikho kwesabelo-mali esanele ukuthi alungiswe kwaholela ekutheni
angalungiswa ukuze abe sesimeni sokuthi angasetshenziswa.
Phambilini umsebenzi wokudipha impahla bewenziwa izisebenzi ezaziqashwe
nguHulumeni zaziwa ngokuthi ama Dip-Tank Assistants.
Kwaphinda futhi - ngenxa yokungabikho kwezimali ezanele kwisabelo-mali - sabona
lababafowethu ababeqashwe njengama Dip-Tank Assistants bephelelwa imisebenzi
banxeshezelwa ngezimali ngenkathi beshiya.
Ngenkathi lokhu kwenzeka kwakukhona ukuthi kungenzeka ukuthi lemali
ezokongiwa njengoba kwakungasekho maholo ayezokhokhelwa izokwazi ukuthi
isetshenziswe ekuthengeni izimfanelo zokudipha.
Mphathi wohlelo, imiphakathi yakithi ezindaweni ezahlukene yabe isinxuswa
ukuthi mayibumbe amakomidi okudipha okuyiwo ayezobhekana nezindaba zokudipha
kwempahla njengoba zabe zingasekho izisebenzi zikaHulumeni lezi ezibizwa ngama
Dip-Tank Assistants.
Lokhu kubunjwa kwalamakomidi ayebhekene nokuvuselela uhlelo lwamadiphu
kwaholela ekutheni amanye awo ahlangane ezigodini lapho abe ekhona kwagcina
ngokuthi kubumbeke izinhlangano zabafuyi bempahla (phecelezi Livestock
Associations).
Ngenkathi siqala loluhlelo kwakukhona ukuthi uMasipala weSifunda ngamunye
(each District Municipality) uzoba nenhlangano yawo yabafuyi bempahla.
Lokho kwakusho ukuthi sasizogcina sibe nezinhlangano zabafuyi bempahla
eziyishumi nanye ngendlela iSifundazwe esiklanywe ngayo imingcele.
Ngalezizakhiwo zezinhlangano zabafuyi bempahla sikwazile nathi singuMnyango
ukuthi sisungule loluhlelo lwethu olubhekene nokuthuthukisa sikhulise impahla
efuyiwe kubantu bakithi abamnyama (Indigenous Livestok Programme).
Loluhlelo alugcini ngokuvuselela amadiphu kodwa sihlose ngalo ukuthi
sivuselela lemboni yempahla efuyiwe okumanje kuthiwa ibalelwa ezigidigidini
zamarandi.
Ngokwezincwadi ezigcinwe eMnyangweni kuyavela ukuthi yizo lezizakhiwo
zempahla efuyiwe ezidale ukuba inhlangano yabafuyi bempahla baseNkandla
bazibone behlomula ngalokhu esizokwethula namhlanje.
Ngokwezibalo ezingathekisayo kuthiwa kungacishe kubize imali engacishe
ifinyelele ku R50 000 ukulungisa idiphu elikhona kusetshenziswa izinkampani
zangaphandle.
Angisayiphathi eyokwakha idiphu elisha ngoba kona kucishe kubize imali
engango R300 000.
Ngokwemibiko engiyinikwa yizisebenzi zoMnyango oMagalela bathi ukuvuselela
amadiphu angamashumi amahlanu nambili lapha kulendawo yaseNkandla kubize
izigidi ezintathu namakhulu amabili nanhlanu ezinkulungwane (52 dip-tanks that
have been rehabilitated in Nkandla cost the Department R3, 25 million).
Siyobe sesisebenzise imali eyizigidi ezingamashumi amane nesithupha (R46
million) uma sesiqede nya ukuvuselela amadiphu kwiSifundazwe sakithi.
Mphathi wohlelo lemali engiyibizayo iningi kabi ngakhoke kusemqoka ukuthi
lezizikhawo zigcinwe kahle ziphathiswe okwezikhali zamantungwa.
SinguMnyango wezoLimo nezeMvelo kumele sikusho singahlonizi ukuthi ngeke
siyeke ukusiza abafuyi bempahla abamnyama njengoba siyazi ukuthi bona abanawo
amandla ngasohlangothini lwezimali njengozakwabo laba abamhlophe.
Kungenhla yalesisizathu sokumba kweqolo uma sisebenzisa izinkampani
zangaphandle esigcine ngokuthi kungenjani sisebenzise izisebenzi zomnyango.
SinguMnyango siyohlala siyibuyekeza indlela esisebenza ngayo ukuze sikwazi
ukuletha izidingo-ngqangi ngendlela elinganayo kuyoyonke imiphakathi eyakhele
iSifundaze KwaZulu-Natal.
Ngalokho siyakholelwa ukuthi singakwazi ukuletha intuthuko nezidingo-ngqangi
ngendlela ephezulu ezokwazi ukwenelisa wonke umuntu. Ngokwezibalo esinazo
ngalendawo yaseNkandla kunezinkomo ezibalelwa ezinkulungwaneni ezingamashumi
amahlanu nesishiyagalolunye namakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu
nane (there are 59 834 herd of cattle).
Kuphinde futhi kube nezimvu ezithi azibe izinkulungwane eziyisikhombisa
namakhulu ayisithupha nesishiyagalolunye (7 609 sheep) kanti futhi kukhona
izimbuzi ezingamashumi amabile nesishiyagalombili ezinkulungwane namakhulu
amathathu anamashumi amabili nesikhombisa (28 327 goats)
Uma ubheka-nje uzobona ukuthi ngalempahla eningi kangaka muningi umcebo
okhona lapha eNkandla.
Kanti futhi uma unezezela ngemikhiqizo ephuma kuyo efana nezikhumba,
ukushukwa kwazo, ukugundwa kukavolo wezimvu kuya ngokucaca ukuthi maningi
amathuba emisebenzi angadaleka.
Mphathi wohlelo okungijabulisa kakhulu ukuthi loluhlelo lokuvuselela
amadiphu lusabalele neSifundazwe sonkana.
Ngasekuqaleni kwenyanga kaJune ngahambela indawo yaseMtshezi lapho
ngangimenywe emcimbini ofana nalona lapho amalunga enhlangano yabafuyi bempahla
baseMtshezi(Umtshezi Livestock Association) ayenosuku lokubonga ukuvuselelwa
amadiphu.
Lenhlangano yaseMtshezi ngaphansi kwayo kunezinhlangano zabafuyi bempahla
ezingu 58 ezisezindaweni zakhona koMtshezi, Ntabamhlophe, Hlathikhulu kanye
nase Weenen.
Phakathi kukanyaka ka 2000 kanye nonyaka odlule ka 2006 uphiko loMnyango
olubhekene nempilo yezilwane (Veterinary Services Section) wasiza ekuvuseleleni
kwamadiphu ango 56 omphakathi okumanje kusiza abalimi abasafufusa abangu 3 700
kanti imfuyo ehlomulayo ibalelwa ku 42 200.
Sengiphetha mphathi wohlelo ngoba ngiyazi abaningi bethu balangazelela
ukubona ukuthi iyiphi ezogoba uphondo namhlanje ntambama laphaya ezinkundleni
zemidlalo zase King's Park phakathi kwaMakhosi kanye noMagebhula ngizothanda
ukuhalalisela umphakathi waseNkandla ngokuthi uhlomule kuloluhlelo lwentuthuko
nesithembayo neminye imiphakathi izohlomula kungekudala nje.
Issued by: Department of Agriculture and Environmental Affairs,
KwaZulu-Natal Provincial Government
24 November 2007