(MPL), emcimbini Wosuku Lwabalimi, Kwambonambi Esibusisweni Centre, Richards
Bay
3 July 2007
Mphathi Wohlelo, mnumzana Mashile
Imeya Yomkhandlu Wesifunda Sasothungulu, Ikhansela VB Mthethwa
Imeya Yomkhandlu Wakwambonambi, Ikhansela ME Mthethwa
Ngibingelele Usomlomo Womkhandlu Wakwambonambi Ikhansela uZulu
Imenenja Kamasipala Wesifunda Sasothungulu, umnumzana BB Biyela
Ngibingelele Uzakwabo Emkhandlwini Wakwambonambi, umnumzana Nkosi
Ngibingelele Inkosi Yakwamkhanazi
Ngibingelele Inkosi Yakwadube
Ngibingelele Inkosi Mthiyane Yakwasokhulu
Ngibingelele Inkosi Yakwambonambi
Acting Manager of Richards Bay Minerals, Mr Bruce Beath
Umphathi-Jikelele Kwa RBM, ubaba Ukhathide
Ngibingelele izinduna namakhansela
Ngibingelele izimenenja zomnyango wezolimo nezemvelo
Ngibingelele nesingabo namhlanje
Abalimi
Mphathi wohlelo, ngizoqala ngibonge kakhulu kubagqugquzeli balomcimbi
wanamhlanje ngokulula isandla ngokumema uMnyango wezoLimo nezeMvelo ukuba uzoba
yingxenye yalolusuku lwabaLimi baKwaMbonambi.
Kusukela eminyakeni emine edlule lomcimbi wosuku lwabaLimi bakwaMbonambi
waqala usukhule ngendlela emangalisayo njengoba sibona ukuthi minyaka yonke
kuba nabalimi abasha nemikhiqizo emisha eyahlukahlukene.
Engizothanda ukukuphawula nokukutusa kakhulu iqhaza elibanjwe osozimboni
nezinkampani zangasese ekuboneleleni ukuthi lomcimbi woSuku lwabaLimi
baKwaMbonambi uba impumelelo minyaka yonke.
Ngaphandle kosizo lokuxhasa elivela kosozimboni nasezinkampanini zangasese
ezifana no Richards Bay Minerals, loluSuku lwabaLimi bakwaMbonambi ngabe
alukho.
Ezinyangeni eziyishiyagalombili ezedlule selokhu ngithwese umthwalo wokuhola
loMnyango wezoLimo nezeMvelo kungokokuqala ukuba ngihambele umcimbi ofana
nalona lapho abalimi abakithi abasafufusa bebambe iqhaza ngobuningi babo.
Enyangeni kaMeyi ngike ngahambela embukisweni waminyaka yonke wezolimo
obanjelwa laphaya eMgungundlovu owaziwa ngokuthi i Royal Agricultural Show.
Ngangimenywe abaphathi nabagqugquzeli bombukiso ukuba ngizokhuthaza abalimi
abasafufusa ngenkathi nabo babenzelwe uSuku Lwabo njengalolu olufana
nolwanamhlanje.
Mphathi Hlelo nabo Ndabezitha abahlanganyele nathi engafika ngakugcizelela
engisazophinda futhi ngikugcizelele namhlanje ukuthi abalimi bemfuyo nalaba
abalima inhlabathi sekumele bayeke manje ukufuyela ukuba nempahla eningi nje
noma balimele ukuthi badle bona nemindeni yabo.
SinguMnyango wezoLimo sikhuthaza abalimi bakithi ukuthi uma befuye izinkomo,
izimbuzi, izingulube, izimvu noma izinkukhu ake babheke ukuthi kungenzeka yini
nabo bahlomule emnothweni okhiqizwa yilempahla abanayo.
Eminyakeni engaphansi kwemithathu kusukela manje lelizwe lakithi kanye
nalesiSifundazwe sakithi saKwaZulu-Natali sizobe sisingathe umcimbi omkhulu
emlandweni webhola likanobhutshuzwayo ngenkathi kuhlangene amazwe ehlukahlukene
omhlaba eNdebeni Yebhola Lomhlaba ka 2010.
Ngiyazi-ke abanye bazozibuza bathi uNgqonggoshe uMthimkhulu ukuhlanganisa
kanjani ukubanjelwa komncintiswano weNdebe yeBhola loMhlaba ka 2010
nezoLimo.
Phela, mphathi wohlelo, lomncintiswano uzothanyelwa izindimbane zabathandi
bebhola abasuka emazweni ahlukahlukene. Ngaphandle kokuthi lababantu bazodinga
izindawo zokulala nezinto ezizobathutha ngenkathi beya ezinkundleni lapho
imidlalo iyobe ibanjelwe khona bazobe bedinga ukudla.
Yilapho-ke thina njengabalimi sibamba khona iqhaza elibalulekile. Emahhotela
lapho bezobe belele khona bazodinga ukuphekelwa amaqanda nobhekeni ekuseni uma
bedla isidlo sasekuseni. Kulabo balimi abafuye izinkukhu nezingulube bazoqonda
ukuthi ngisho ukuthini. Bazophinde futhi badinga ukudla okunenyama, imifino
nezithelo okusekusha (fresh produce).
Ngakho-ke uma sifuye izinkomo zenyama nezimvu kusho ukuthi kuzoba khona
isidingo esikhulu senyama ngenxa yesibalo esengeziwe sabantu abazobe bekhona
ezweni.
Kungakho-ke singuMnyango sesikhuthaza abalimi abakithi ukuthi uma befuya
izinkomo abazifuyele ukuba zikhule zithathwe ziye kuma feedlot ukuze
zinonophaliswe ngokudla okufanele ukuze zithathwe ziyiswe emadeleni zidayiswe
ukuze abalimi bathole imali bathenge ezinye izinkomo bazikhulise ukuze
ngokunjalo nazo zidayiswe.
Lokhu akugcini ezinkomeni kuphela, ngisho nazo izimvu ngoba siyazi ukuthi
zona zibuye zifuyelwe uvolo wazo ukuze kwenziwe ngawo amajezi nempahla
yokugqoka.
Ngisho nezimbuzi imbala, mningi kabi umcebo okuzona ngaphandle-nje kokuthi
ziyizilwane esizisebenzisa uma senza imisebenzi yesintu. Kwamanye amazwe,
inyama yembuzi iyona edliwa kakhulu ukudlula eyenkomo nemvu. Nobisi lwembuzi
lunempilo nomsoco ukudlula lolo lwenkomo.
Ngakho-ke njengoba sihlangene singabaLimi lapha kunguSuku lwethu kumele
sikwazi ukuthi ukuba ngumlimi kusho ukuthi lokho onakho kukhulise kube kuningi
ukudayise khona uzokwazi ukuba nokunye.
Mphathi wohlelo ngithokoze kabi ngasekuqaleni kwalenyanga edlule ngenkathi
ngihambele endaweni yaseMtshezi lapho bekumnomthandazo wokubonga ukuvuselelwa
kwamadiphu ezindaweni ezifana nako Mtshezi, Ntabamhlophe, Mpofana nako
Weenen.
UMnyango wezoLimo nezeMvelo ikakhulukazi uphiko lolu olubhekene nempilo
yezilwane (Veterinary Services) yilona elabamba iqhaza elikhulu ekutheni
sikwazi ukuvuselela amadiphu angaphezu kwamashumi amahlanu nesishiyagalombili
(58 dip tanks rehabilitated).
Lamadiphu asiza abalimi bempahla abevile ezinkulungwaneni ezintathu
namakhulu ayisikhombisa (3 700 farmers are benefiting) kanti impahla ehlomulayo
ngokuvuselelwa kwamadiphu ibalelwa ezinkulungwaneni ezingamashumi amane nambili
namakhulu amabili (42 200 livestock is benefiting).
Kumanje sengijube iziphathi-mandla eziphakeme eMnyangweni ukuba
zigqugquzelele ukubanjwa komhlangano omkhulu wezinhlangano zempahla efuywayo
eSifundazweni ungakapheli-nje lonyaka (Provincial Livestock Associations
Summit).
Ngalomhlangano sihlele ukuba bonke abafuyi bempahla bahlanganyele
nezisebenzi zoMnyango sidingide izinkinga, izinselelo nezingqinamba abafuyi
bempahla abahlangabezana nazo bese zikhinyabeze ukuphumelela komsebenzi
wabo.
Ngasohlangothini lwezokulima, singuMnyango sihlela ukubamba umhlangano
omkhulu wabo bonke abalimisi noma abeluki abaqashwe nguMnyango lapho futhi
siyobe sidingida izinkinga, izinselelo nezingqinamba abanazo uma besiza
imiphakathi yakithi.
Sikwenza lokhu ngoba siyazi ukuthi imizamo yethu nezinhlelo zethu esinazo
zokuthuthukisa ezolimo iyoba yize leze uma singazibandakanyi nemiphakathi
nezinhlaka ezibalulekile kulomkhakha wezolimo.
Ngizocela koNdabezitha abaphuma ezindaweni ezahlukene abahlanganyele nathi
lapha ukuba bangisize ngokukhuthaza abantu abakhe ezindaweni zabo ukuba
basebenzise umhlabathi ngendlela baphinde futhi babheke namadlelo.
Lesisicelo ngasenza ngoLwesine oludlule ngenkathi ngethula inkulumo yami
kuhlezi iNdlu yabaHoli boMdabu, eMandleni-Matleng oNdini.
Sengithatha elijikayo, ngizothanda futhi ukukhuthaza abasha ukuba babambe
iqhaza kulomkhakha wezolimo. Ngenyanga edlule kaJuni singuMnyango besazisa
emphakathini ngezinhlelo esinazo eziqondene nabantu abasha.
Kulezizinhlelo sibale imifundaze ekhona ehlukahlukene singuMnyango wezoLimo
sibambisene noMnyango wezoLimo nezeMihlaba kuzwelonke esinayo. Ngiyajabula
ukusho ukuthi kwelinye lamaphepha aphuma ngesonto (iSunday Times ukusho)
ziphumile izikhangiso kuthangi zibiza izicelo kulabo abangathanda ukuxhaswa
ngemifundaze.
Imininingwane egcwele iyatholakala ehhovisi elikhulu loMnyango eCedara
ngaphandle kancane kwaseMgungundlovu kulenamba elandelayo 033 355 9100.
Abashaye ucingo bayocela ukuxhunyaniswa nophiko lwabesimame nanasha (women and
youth directorate) ukuze banikezwe imininingwane egcwele.
Sengiphetha ngizothanda ukubonga kubagqugquzeli balomcimbi wanamhlanje.
Sithembe futhi kuning okuzozuzwa ngabalimi abasafufusa ukuze bathuthukise
umsebenzi wabo ukuze sikwazi ukunqoba lesisitha esikhulu esibhekene naso
okuyindlala nezifo ngengoba nesiqubulo soMnyango wethu wezoLimo nezeMvelo sisho
sithi:
Masilime sinqobe izifo nendlala KwaZulu-Natali.
Masisukume sakhe KwaZulu-Natali!
Ngiyabonga!
Issued by: Department of Agriculture and Environmental Affairs,
KwaZulu-Natal Provincial Government
3 July 2007