Ungqongqoshe U-Alec Erwin Kwi-National Assembly
17 May 2007
Ukubuyekeza
Ukusebenza ngendlela efanele kwaMabhizinisi Angaphansi Kukahulumeni (State
Owned Enterprises [SOE]) kubaluleke kakhulu kunoma yimuphi uhulumeni
osathuthuka Ukungaqondakali nokukhula komnotho womhlaba, amandla ezimakethe,
nokungenisa kwezindlela zembulunga yonke zokulondoloza imali kuletha inselele
kuyo yonke imibuso njengoba ithuthukisa inqubo-mgomo yokuthuthukisa iminotho
yayo. Ngakho-ke siye sanquma ukusebenzisa igunya lombuso ezindaweni zomnotho
eziyinhloko ukuze siqinisekise injongo ezinzileyo.
Amabhizinisi kahulumeni kufanele abe ngazinzileyo nazimele kwezezimali ukuze
akwazi ukuhlanganisa zonke izidingo zezimakethe zezimali kuzwelonke nasemazweni
omhlaba. Nakuba uhulumeni engase asize lamabhizinisi ngezimali lapho
esasungulwa nakwezinye izimo kamuva kufanele akwazi ukukhula ngezimali zawo
nasezimakethe zezimali. Lokhu kudinga ukuthi aqine kwezezimali futhi abe
nekhono lokubambisana namanye amabhizinisi azimele
Ukusebenza ngendlela efanele enye into ebalulekile kakhulu kumabhizinisi
kahulumeni. Lokho kusebenza ngokufanele kudinga izinga lokuphatha, izisebenzi
kanye nezobuchwepheshe okuhambisana nenqubo engcono kakhulu Ngokubambisana la
mabhizinisi kahulumeni angaba nengxenye enkulu emnothweni ngolondolozo-mali
lwawo, izisebenzi kanye nocwaningo lwawo kanye nangezinhlelo zawo
zentuthuko.
U-Alexkor
Njengoba uhulumeni efisa ukuthuthukisa izinga lokuzuza ngedayimane
eNingizimu Afrika, u-Alexkor yiyona nqola yokwenza lokhu. Nokho, kunezindima
ezimbili ezengeziwe okumelwe uzifeze futhi ezibalulekile ngenxa yezizathu
zentuthuko. Eyokuqala kulezi, njengenqola yezohwebo kufanele ihlanganise
umphakathi wase-Richtersveld entuthukweni yawo. Eyesibili esanda kwenzeka kodwa
inomgomo ohlanganisiwe owukunikeza isisekelo sokuhlelwa kabusha kwezindawo
zedayimane zaseNamaqualand. Nokho, ukungaqiniseki ngomhlaba sekuye kwabeka
u-Alexkor esimweni esibucayi ngakwezezimali nasezimweni zokusebenza. Manje
isikhathi siyasishiya ngaphandle kwalokho asizubanayo enye indlela ngaphandle
kokuba silungise ezinye izinhlelo noma sichithe ezinye izinto ezingabalulekile
kwezohwebo
I-Infraco Yezokuxhumana
U-Infraco uye wasungulwa ukuze siqinisekise ukuthi sithuthukisa isisekelo
esibalulekile kwezokuxhumana. Akulula kangako ukuncintisana nolwazi lomnotho
womhlaba ngaphandle kwamanani aphansi, athembekile kanye natholakala kabanzi
amaza okuxhumana (bandwidth). Kunamabhizinisi angaqhubeka ekhona emnothweni
wethu kodwa ngeke akwazi ngenxa yokuthi amanani ethu amaza okuxhumana awakwazi
ukumelana nawo. Ukukhula komnotho waseNingizimu Afrika kuye kwakhutshazwa amaza
okuxhumana angekho esimweni nabizayo.
U-InfraCo , kanye nabanye abambisene nabo, abanjenge-South African Research
Network kanye ne-South African Square Kilometre Array (SKA) banikeza
uchungechunge lwezindlela zokwandisa amaza okuxhumana futhi ngendlela
engakhoneka.
U-Denel
Kuye kwakhululwa imali engu-R400 million ngokulahlwa kwezinto
ezingabalulekile. Ukulahlwa kwezinye izinto zakwa-Denel ezingabalulekile
ezisasele kuzoqedelwa ngonyaka-zimali ka-2007/08. Ukuqinisa ngokwengeziwe
u-Denel kulokhu kuwumgomo oyinhloko futhi umnyango wami, u-Denel kanye
noMnyango Wezokuvikela basebenza ngokubambisana ukuze bafeze lokhu. Mayelana
nezidingo zezokuvikela, kunezinkontileka ezimbalwa esezenziwe nezimboni
zakuleli, lokhu kuhlanganisa nenkontileka ye-Hoefyster Infantry Fighting
Vehicle kanye nokuthuthukiswa kwesiqhumane i-5th generation A-Darter.
Ukuthuthukiswa kwe-Oryx mid life nakho futhi kuyalandela. Izinkontileka
eziyisibonelelo ngaphansi kwe-A400M ziyaqhubeka zivula amathuba embonini
yezokundiza iyonke
Mayelana nekusasa, u-Denel uzohola ukusungulwa kwemifelandawonye yokukhiqiza
ezoba yisiqalo sokudlulisewa kokukhiqizwa kobuchwepheshe okusezingeni
eliphakeme kanye nolwazi oluvulekile embonini yezokukhiqiza.
Amandla, u-Eskom, i-PBMR
U-Eskom umemezele uhlelo lwakhe lolondolozo-mali lweminyaka emihlanu
olungu-R150 bn. NgoJune nonyaka, lapho iziteshi esezilungisiwe seziqalile
ukusebenza, u-Eskom uyobe esenomthamo angawuphakela ongaphezu kwama-megawatt
angu-38 000, okuyosiza ukuba akwazi ukuhlangabezana nezidingo eziphakeme
zasebusika, ezilinganiselwa kuma-megawatt angaphezudlwana nje kuka-36 300, yize
kukuncane okugcinelwe izimo eziphuthumayo. Umnyango wami uzoqhubeka nokuqapha
izinhlelo zokwakha kanye nesimo sokuqinisekisa ukuphakela. Sixoxisana no-Eskom,
no-DME kanye no-NERSA ukuba baqalise ukushicilela umbiko ngobungako
bohlelo.
Esikhathini esizayo u-PBMR uzongena kwi-site okuzokwakhiwa kuyo indawo
yokufaka upethiloli ezindizeni ePelindaba futhi uqhubezele izimvume zokwakhiwa
kweSikhungo Samandla Kagesi sokuqala eKapa.
Isithakazelo samazwe omhlaba siye saqhubeka sikhula futhi u-SASOL uphawule
ukuthi usezingxoxweni no-PBMR ngenani lezindlela okungenziwa ngazo amandla
kagesi. Kunentuthuko enhle kakhulu esiyenziwe ngokuhlanganisa uhlelo lokuhlela
lwakwa-Eskom lwe-PWR kanye namacebo ethu e-Generation IV. Lokhu kuzokwandisa
ubuchwepheshe obuyinhloko ukuze kwenze iNingizimu Africa ikwazi ukuncintisana
futhi ihlangane nabanye kulenkathi entsha yamandla enuzi.
Izingxenye ezintsha zizothuthukiswa kwa-Eskom ukuze zibhekane namandla
enuzi, nomthamo wezobunjiniyela owandisiwe kanye nokuhlanganiswa komthamo
wocwaningo no-DME, i-DST kanye ne-NECSA. UThulani Gcabashe uzohola ithimba
elizosebenza nebhodi ka-Eskom kanye no-DPE ukufeza lomsebenzi.
U-SAA/SAX
Manje esigxile kukho kakhulu ukuqedela izidingo zokuxhaswa nokuhlelwa
kabusha kwamaqhinga ka-SAA, okuzokwenza ukuba i-SAA ithembele kakhulu ezimalini
zayo. Nokho ukuhlakazwa nokwenziwa kabusha kwezinye izingxenye kungaba
okudingekile. Lokhu kuzohlanganisa ngokuyinhloko ukwenziwa lula kohlelo
lwabasebenzi, ukufaka abalingani kanye nokukhishwa kwemisebenzi engenasidingo.
Izingxoxo zokubonisana nezinyunyana ziyaqhubeka.
Kulonyaka umnyango uzosusa i-South African Express (SAX) emabhukwini
akwa-Transnet futhi umenze abe inkampani ezimele . Ngenkathi u-SAA kanye
nophiko lwakhe olunamanani aphansi u-Mango begxile kakhulu emizileni ematasa,
u-SAX uzonikeza ukuxhumana okudingekayo emizileni emincane.
U-Safcol
Nakuba lenkampani inengxenye ebalulekile engangamaphesenti angu-30 embonini
yokhuni, manje imane nje ifake amaphesenti angu-2,5 kuphela emnothweni wayo
yonke imboni, kanye namaphesenti angu-3,5 okuqashwa. Ngakho i-cabinet iye
yagunyaza ukuthi ingxenye esasele ka-Safcol, amahlathi ase-Komatiland, kufanele
ichithwe.
U-Transnet
Ngo-2006/07 ibhodi labaqondisi liye lagunyaza uhlelo lweminyaka emihlanu
lolondolozo-mali engango-R64,5bn. Lolu hlelo lweminyaka emihlanu luye
lwabuyekezwa ngo-2007/08 futhi manje selufinyelele ku-R78bn. Lolulondolozo-mali
lwaluhloselwe ukusimamisa nokwandisa ukusebenza ngokukhulisa umthamo wensimbi
yethu exubene netshe kanye namalahle, ukuthuthukisa ingqalasizinda yamachweba
kanye nokwandisa umumo wepayipi elisuka eThekwini liye eGoli.
Sisebenzisana nebhodi manje sisohlelweni lokuhlela kabusha uhlaka
lokusebenzisana ekusebenzeni ezindaweni ezintsha zama-container ezakhiwayo
njengamanje echwebeni laseNgqura futhi sizokwenza isaziso esiningiliziwe ngakho
maduze nje.
Ama-Joint Projects Facility
Isidingo esikhula ngokushesha sezimpahla zokusebenza emhlabeni wonke
sibangela izihibe ekutholakaleni kwazo. Ngohlelo lokuthuthukisa umphakeli
osezingeni (competitive supplier development programme [CSDP]) sihlose ukwenza
lula intuthuko yemboni yokukhiqiza eNingizimu Afrika.
Sidinga ukuqinisekisa ukutholakala kwezinto ezibalulekile ngakho indlela
engcono kakhulu yokwenza lokhu ukuthuthukisa umthamo wethu. Nokho, lowomkhiqizo
wethu kufanele uhambisane nowamazwe omhlaba ngenani nangezinga. Imizamo
yokubambisana phakathi kuka-JPF, uMnyango Wezemfundo, uMnyango Wezabasebenzi
nama-SETA athintekayo kanye na-SOE iyaqhubeka ukuba kubhekwe izifundo,
amakholeji kanye nalabo abaneziqu abangase bakwazi ukuqedela uqeqesho lwabo
lomsebenzi emabhizinisini kahulumeni ngaphambi kokuba bahlolelwe umsebenzi
ofanele.
Umzila wepayipi likasimende elisuka e-Phalaborwa usacutshungulwa.
I-Africa Project izobhekisisa amathuba ayinhloko kulelizwekazi lapho
amabhizinisi kahulumeni aseNingizimu Afrika engasiza khona ekuthuthukiseni
uhlelo lwentuthuko.
Issued by: Department of Public Enterprises
17 May 2007
Source: Department of Public Enterprises (http://www.dpe.gov.za)