B Cele: Summer Holiday Road Safety Plan launch (Zulu)

Inkulumo kangqongqoshe wezokuthutha, ukuphepha nokuxhumanisa
umphakathi KwaZulu-Natal umnuz Bheki Cele yokwethula uhlelo lwezokuphepha
emgwaqeni ngamaholidi

4 December 2007

Ngiyanibingelela

Isikhathi samaholidi kaKhisimusi sihambisana nemicimbi eminingi yenjabulo
njengoba abantu bakithi nezivakashi basuke behla benyuka esifundazweni. Kuba
yisikhathi futhi lapho kwenyuka nezinga lokungaziphathi kahle kwabashayeli
okuyinto edala izingozi eziningi.

Ngalesi sikhathi, kulindeleke abantu abaningi abazobe behambele emabhishi,
ezinkonzweni zamasonto nakweminye imicimbi ehlelelwe lesi sikhathi
esifundazweni sonke. Le micimbi yenza abantu babuye baphume endleleni kwande
namathuba ezinhlekelele.

Ezinye zezinto ezivame ukuba yinkinga ngalesi sikhathi kuba yilezi:

* Udlame embonini yokuthutha umphakathi;
* Amatekisi namabhasi ahamba amabanga amade ahambisa abasebenzi emakhaya, abaya
ezinkonzweni njalo njalo;
* Ukufikelwa ukukhathala ngenkathi ushayela;
* Ukusetshenziswa kotshwala nezidakamizwa;
* Ukusetshenziswa kwezimoto ezingekho esimweni ngoba kunabantu abaningi
abadinga ukuthuthwa;
* Abahamba ngezinyawo nezilwane emgwaqeni
* Izimo zezulu ezingezinhle;
* Ukusetshenziswa kwamalayisensi omgunyathi;
* Ukubanjwa kwezimoto zemali;
* Ukudunwa kwezimpahla nezimoto.

Yingakho-ke sithi sizoqhubeka nokuqinisa umgomo wethu ka“100 % compliance”,
okusho ukuthobela yonke imithetho, okuhlanganisa nezinhlelo ezazisa zifundise
umphakathi jikelele ngezindlela zokuziphatha emgwaqeni. Sizoqhubeka nokwenza
ngcono izimo zemigwaqo ngokwenza lokho okufanele. SIZOQHUBEKA NOKUQINISA
UMTHETHO.

Sisebenza ngokubambisana nabo bonke ababambe iqhaza lapho senza khona
izimvimbamzila. Ngalesi sikhathi iPublic Transport Enforcement Unit izonkanisa
lapho kusebenza khona izithuthi zomphakathi ihambele nasemadepho esifundazweni
sonke. Kusukela ngomhlaka 1 December kuya ku-31 January 2008, ithimba
eliyisipesheli lamaphoyisa lizonkanisa emigwaqeni limise liphinde lihlole zonke
izithuthi zomphakathi namaloli ezindaweni ezahlukene.

Ukuze kwenzeke kahle lokhu, sesixhumane nabo bonke abathintekayo njengeSAPS,
SANDF, Durban Metro Police, Road Traffic Inspectorate (RTI), uMnyango
wezokuThutha kuzwelonke, omasipala, RTMC, uMnyango wezeMpilo, ososeshini
bamatekisi, TOLCON, SANRAL, SARS, uMnyango wezaseKhaya nabanye ababambe
iqhaza.

Siqalise nangomkhankaso lapho senza izimvimbamzila ngokuhlanganyela nezinye
izifundazwe. Sizokwenza imvimbamzila ehlanganisa iMpumalanga Kapa
neKwaZulu-Natal ku-N2 eKokstad nehlanganisa iFree State neKwaZulu-Natal ku-N3
eVan Reenens Pass. Sizophinda sigxile naseMajuba Pass ku-N11 esetshenziswa
njengopotsho kwabangena kuleli ngokungemthetho.

Emikhankasweni yethu sizobheka izimoto ezingenawo amalayisensi nezingekho
esimweni sokuba semgwaqeni, abashayeli abangenazo zincwadi ezifanele nalabo
abashayela bedakiwe nabadla izidakamizwa.

Izimoto ezingenazo izincwadi zizofakwa ephawundini kuze kuvezwe ilayisensi
esemthethweni. Kulabo bashayeli abangenazo izincwadi, izimoto zizobanjwa zize
zidedelwe uma sekufike umshayeli onezincwadi. Sizobamba nezimoto ezihamba
ngaphandle kwama-number plate.

Wonke amaphoyisa azobe esemsebenzini ngalesi sikhathi ukuze siqinisekise
ukuthi siqinisa umthetho ngendlela efanele. Kuzosebenza umgomo wokuthi AKEKHO
OTHATHA IKHEFU kusuka mhlaka 1 December 2007 kuze kube umhlaka 14 January
2008.

Ngifuna ukuxwayisa abashayeli nabanikazi bezithuthi, ikakhulukazi imboni
yamabhasi namatekisi ukuthi baqikelele ukuphepha kwabagibeli babo. Kumele nazi
ukuthi ingozi yebhasi noma itekisi elilodwa ingakhipha imiphefumulo eminingi
kulimale nabantu abaningi. Ungathi awuxwayiswanga – asinawo nhlobo umusa kulabo
abaphula umthetho.

Kuyiqiniso ukuthi uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uyaqhubeka nokuletha
amaqhinga amasha emizamweni yawo yokwehlisa izingozi zomgwaqo nokunqanda
abagijima ngokweqile emgwaqeni. Namhlanje sethula uhlelo olusha olubheka
ijubane lemoto.

Sesizokuba namakhamera azokwazi ukubona ijubane lemoto ebangeni elingu-8,5
km ngaphambili nangemuva kokudlula kwikhamera. Inombolo nesithombe semoto
kuzoqoshwa bese kudluliselwa ngobuchwepheshe bekhompyutha ehhovisi lamakhamera
elixhumene naleyo ndawo.

Izinombolo zemoto zizogcinwa futhi ukuze kubhekwe ukuthi ayintshontshiwe
yini leyo moto nokuthi ayinawo yini amacala omgwaqo angahlawuliwe.

Sizokuba nomkhankaso wokuqoqa abahamba ngezinyawo emgwaqeni ezindaweni
ezahlukene ku-N2 naku-N3. Kuzokuba nebhasi elizothatha abantu kule mizila.

Amaholide onyaka ka-2006/07 asifundisile njengoMnyango ukuthi kumele
siqinise izinhlelo zokufundisa nokuqwashisa ngokuphepha emgwaqeni, sibe
siqhubeka futhi nokuqinisa ingalo yomthetho. Izingozi emigwaqeni, ikakhulukazi
ukwenyuka kwesibalo sabahamba ngezinyawo abafayo, yizinto ezisikhathaza
kakhulu.

Njengamanje sisemkhankasweni onzima wokufundisa nokuqwashisa ngokuphepha
emgwaqeni ukuze kuqine izindlela zokuxhumana nokuthi kuguqulwe imiqondo
yabahamba ngezinyawo. Sesisebenzisana nosaziwayo njengoDJ namaqembu ebhola
eniwathandayo abasisiza ukusabalalisa umyalezo wokuphepha emgwaqeni.

UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal nabadlali bamaqembu abambe iqhaza –
Amazulu, iGolden Arrows, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates – bazosabalalisa
umyalezo wezokuphepha emgwaqeni emidlalweni ethile yePSL KwaZulu-Natal,
nasemidlalweni yebhola yamaqembu asemiphakathini ezindaweni ezinezingozi
nasezinxanxatheleni zezitolo, emathaveni nasezikoleni.

Mangigcine ngokuthi, njengoba sesingena esikhathini senjabulo kaKhisimusi
nje, masikhumbule lokhu:

* Bheka kwesokudla, bheka kwesokunxele, bheka kwesokudla futhi ngaphambi
kokuwela umgwaqo.
* Kuyingozi futhi kuyicala ukuhamba ngezinyawo emgwaqeni onguthelawayeka.
* Gwema umgwaqo njalo uma udakiwe.
* Bonakala, uphephe. Gqoka izingubo ezigqamile, ikakhulukazi ebusuku.
* Hamba ubheke izimoto ophambana nazo.
* Phila wenze nabanye baphile.
Ngiyabonga

Issued by: KwaZulu-Natal Provincial Government
4 December 2007
Source: KwaZulu-Natal Provincial Government (http://www.kwazulunatal.gov.za/)

Share this page

Similar categories to explore