Ukubhalisa njengomhlengikazi oqeqeshiwe

Uma ufuna ukusebenza njengomhlengikazi noma umbelethisi eNingizimu Afrika, kufanele ubhalise ngaphansi koMkhandlu wabaHlengikazi WaseNingizimu Afrika.

Zonke izitifiketi zokubhalisa ezikhishwe nguMkhandlu ziwubufakazi bokuthi lowo muntu ubhaliswe njengonalezo zitifiketi ezibaluliwe isikhathi esiyizinyanga eziyi-12 kusukela ngosuku olubhalwe esitifiketini. Emva kwalokho, kumele ukhokhe imali yonyaka bese ushicilelelwa ngesiTifiketi sokuSebenza soNyaka (i-APC) ukuze ukwazi ukuqhubeka nokusebenza kulowo mkhakha. I-APC ibe isisebenza njengobufakazi bokubhalisela zonke iziqu ezibhalwe lapho.

Thola ulwazi oluthe xaxa mayelana nenqubo yokubhalisa kusizindalwazi soMkhandlu wabaHlengikazi noma thintana nabo kule nombolo:  012 420 1000 noma nge-imeyili ku: registrar@sanc.co.za

 

Share this page