Isicelo sokubhalisela ukusetshenziswa kwamanzi

Bonke abasebenzisa amanzi kudingeka babhalise kuMnyango wezaManzi. Kufanele ubhalisele ukusebenzisa amanzi uma ungawatholi amanzi kumhlinzeki wezinsiza, iziphathimandla zasendaweni, ibhodi yezamanzi, ibhodi yezokuchelela, isikimu sezamanzi sikahulumeni noma abanye abahlinzeki abakhulu futhi amanzi uwasebenzisela lokhu:

  • ukuchelela
  • izinhloso zezokuvukuza emayini
  • ukusetshenziswa embonini ethile
  • endaweni yokufuya imfuyo noma
  • ngesizathu esiJwayelekile sokuGunyaza.

Esikhathini esizayo, uma abasebanzisi bamanzi kudingeka bafake izicelo zamalayisensi, labo abangazange babhalise bazokwehlisa amathuba abo okuthola ilayisensi yokusebenzisa amanzi.

Bonke abantu noma izinhlangano okudingeka zibhalisele ukusebenzisa amanzi zingathinta noma ngeliphi iHhovisi lesiZinda loMnyango wezaManzi.

 

E-mail: warmsenquiries@dwa.gov.za
Toll free number 0800 200 200

Share this page