Ngosizo
Okufanele ukwenze
Isikhathi esinqunyiwe
Kubiza malini
Amafomu okumele agcwaliswe
Imininingwane yokuxhumana
Mqondana nokuthatha ingane yakuleli kodwa udabuka kwelinye izwe
Uma ungowangaphandle kanti uhlala lapha eNingizimu Afrika kanti ufuna ukuba ngumzali wengane yakuleli, kufanele uxhumane nosonhlalakahle osemthethweni noma inhlangano enegunya lokwenza lokhu.
Kufamele kube usuhlale kuleli isikhathi esiyiminyaka eyisihlanu kanti kufanele ubenesiqinisekiso sephephamvume lendawo lapho uhlala khona kanye nalapho usebenza khona. Ungafaka isicelo sokuzitholela umntwana kanti siyokwenziwa ezingeni likazwelonke.
Okufanele ukwenze
- Xhumana nenhlangano eseduze nawe eqinisekisiwe ukwenza lokhu.
- Leyonhlangano iyobe isikuhlola ikuphonse nemibuzo iyohlola nekhaya lakho ukuze ithole ukuthi ukulungele na ukuba unganikezwa igunya lokuba ngumzali womntwana lowo.
- Uma inhlangano yenelisekile ngemiphumela, iyobe isikufaka ohlwini lwalabo ababhalisele nabakulungele ukuba bangathola igunya lokugcina abantwana unomphela nolwaziwa nge Register of Adoptable Children and Adoptive Parents (RACAP) ngenkathi bekusiza ukuba uthole umntwana okulungele ukuba ungamthatha.
- Uma umntwana ekhona, bayokubizela emahovisi abo ukuba uzohlangana nomntwana umbone , bese bekubuza ukuthi usazimisele ngokumthatha emva kokuba umbonile.
- Uma uvuma, bayothumela umbiko ngawe enkantolo yabantwana ukuze kuphothulwe konke ngokunikezelwa komntwana nokufumana amaphepha afanele.
- Umbiko wenkantolo uyobe usuthunyelwa emnyangweni wezokuthuthukiswa nenhlalakahle yomphakathi ukuze ubheke ukuthi ingabe kulandelwe izindlela ezifanele na uphinde ushicilele umbiko wakho nowomntwana.
Kubiza malini
Ukhokha esikhungweni esisemthethweni sokuvikela abantwana leso samba esidingekile ngokunikezelwa kwabantwana kulelozwe.
Amafomu okumele agcwaliswe
Wonke amafomu atholakala emahovisi aseduze nawe omnyango wezokuthuthukiswa komphakathi.
Imininingwane yokuxhumana
Uhlu lokuxhumana namahhovisi esifundazwe oMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi