Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wangomhla ziyi-19 kuMandulo 2018

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu mhla ziyi-19 kuMandulo 2018, e-Union Buildings, ePitoli.

A. Izindaba Ezisematheni
1. Ezomnotho


1.1. IKhabhinethi liyasamukela isiphakamiso somkhakha wamabhizinisi sokuphakanyiswa kwamagama ongoti bomkhakha ozimele abazolekelela uhulumeni. Lokhu kuvele emhlangamweni wokulungiselela obanjwe nguMongameli Cyril Ramaphosa nabaholi bamabhizinisi, amanxusa otshalomali akhethekile kanye nenhlangano yabaphathi abakhulu bakuleli, i-CEO Initiative, ngaphambi kweNgqungquthela Yezemisebenzi kanye neNkomfa Yotshalomali ezobanjwa khona maduze nje. 
1.2. Lo mhlangano wavumelana ngazwi linye ukuthi ukuvuselelwa komnotho waseNingizimu Afrika kudinga ukuthi kuqaliswe ngokushesha iphakheji yezinyathelo zokuvuselela nokugqugquzela ukusimama komnotho kanye nezinguquko ezithenjisiwe zokuthuthukisa umnotho. Kwaxoxiswana futhi nangeziphakamiso zokuheha uxhasomali oluvela emkhakheni ozimele kanjalo nobungoti nobuchwepheshe bokuqhuba umsebenzi obuvela kulo mkhakha.

2. Umkhankaso wotshalomali

2.1. IKhabhinethi liyawamukela futhi nomkhankaso oholwa nguNgqongqoshe Wezohwebo Nezimboni wokuyonxenxa utshalomali kwelase-Japan. Lo mkhankaso uhlose ukuheha utshalomali oluyimali engamabhiliyoni e-US$ ayi-100 oluzongena emnothweni waseNingizimu Afrika kule minyaka emihlanu ezayo.
2.2. I-Japan ngelinye lamazwe ayi-10 aphuma phambili asetshale izimali eNingizimu Afrika isikhathi eside, njengoba kunezinkampani zayo ezingaphezu kwe-140 eziqhuba ibhizinisi ezweni lethu, okuyizwe elibonwa njengesizinda sezokukhiqiza kulesi sifunda sase-Afrika. IKhabhinethi liyazikhuthaza izinkampani ukuthi zitshale izimali eNingizimu Afrika futhi ziphinde zelule umsebenzi webhizinisi eziwenzayo kuleli.

3. Izinhlelo Zokuqeqesha

3.1. IKhabhinethi liyakwamukela ukwethulwa komklamo wokuqeqesha, odle imali ezizigidi ezingama-22 zamarandi, owethulwe nguNgqongqoshe Wezabasebenzi, uNkz Mildred Oliphant, ozovula amathuba omsebenzi emkhakheni wezokuhamba ngezindiza, nasemkhakheni wabatshuzi abakhokhelwayo abasebenza ngaphansi kolwandle kanye nowezolimo. Lo mklamo uqhutshwa ngokubambisana ne-Dr John Langalibalele Dube Institute kanye neSikhwama Somshwalense Wabantu Abaphelelwe Ngumsebenzi (i-UIF), okuyisikhungo soMnyango Wezabasebenzi. Lo mklamo uzogxila kulabo asebephelelwe ngumsebenzi ababengamalungu e-UIF. 
3.2. Iqembu lokuqala labantu abazohlomula libandakanya amalungu e-UIF angama-50 avela esikhumulweni sezindiza saseThekwini, i-Virginia Airport; abangama-50 abavela emklamweni ose-Scottsburg, KwaZulu-Natali, wabatshuzi abakhokhelwayo abasebenza ngaphansi kolwandle, kanye nabesifazane abaphuma endaweni esemakhaya yaseMadungeni, abazoqeqeshwa ukuze basungule umfelandawonye ozotshala futhi ulime izithelo, imifino kanye nokotini, kubandakanya nokulungiswa kwemikhiqizo yezivuno zabo ukuze ilungele ukuthengiswa. Le mifelandawonye seyisayine isivumelwano nenkampani yakwa-Pick n Pay, abazoyithengisela imifino, kanye noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi, ozothenga kubona indwangu yokwenza umfaniswano wesikole.

4. UMnyango Wezasekhaya 

4.1. IKhabhinethi liyakwamukela ukuvulwa ngokusemthethweni kwamahhovisi amasha oMnyango Wezasekhaya eHluhluwe, KwaZulu-Natali, okwenziwe nguMongameli Ramaphosa. 

4.2. Ukwelulwa kokuhlinzekwa kwezinsizakalo zikahulumeni emiphakathini eyabe incishwe amathuba phambilini kudlala indima esemqoka kakhulu impela ekuqhubekiseni nasekujuliseni intando yeningi labantu kanye nobulungiswa emphakathini. Lokhu kuyingxenye yokuzibophezela kukahulumeni ekuletheni izinsizakalo eduze kwabantu.

5. UHlelo Lokufudukela Ekusakazeni Ngedijithali

5.1. IKhabhinethi ligculisekile ngenqubekelaphambili eyenziwayo ekufudukeni kwezwe lisuka ekusakazeni nge-analogi liya kudijithali. Njengengxenye yokulungiselela ukufika kwenyanga kaZibandlela 2018, okuzocinywa ngayo i-analogi esifundazweni saseFreyistata, mhla zingama-20 kuMandulo 2018 kuzocinywa umbhobho wokusakaza wokuqala e-Senekal e-Freyistata. Lokhu kuhambisana nesibophezelo okwavunyelwana ngaso neNhlangano Yamazwe Ngamazwe Yengqalasizinda Yezokuxhumana (i-ITU).

5.2. Uyaqhubeka umkhankaso wokwazisa umphakathi ukuze kuqinisekiswe ukuthi wonke amakhaya asekulungele ukucinywa kwe-analogi. Lawo makhaya anomabonakude (i-TV) abasebenza nge-analogi anesifiso sokuthenga omabonakude abasha ayelulekwa ukuthi akhethe omabonakude anomshini owamukela isiginali yedijithali owakhelwe ngaphakathi kumabonakude. Lawo makhaya athola ingenisomali engaphezu komkhawulo obekiwe ongama-R3 200 ngenyanga, uma ethanda, angaqoka ukuzithengela umabonakude omusha onedikhoda eyakhelwe ngaphakathi eyamukela isiginali yedijithali, otholakala ezitolo ezinkulu ezithengisa impahla yasendlini.

6. Ukudilizwa kwabasebenzi

6.1. Ngenhloso sokusabela ekhweleni elishaywe nguMongameli Ramaphosa lokumiswa kwezinhlelo zokudilizwa kwabasebenzi ngenxa yesimo somnotho esibhekene naleli lizwe, iKhabhinethi liyabanxusa abaqashi ukuba baqinisekise ukuthi ukudilizwa kwabasebenzi kuyinto abayenza kuphela uma sekuhluleke wonke amakhambi atholakalayo, futhi kumele kuzanywe ikakhulukazi eminye imizamo yezindlela zesimanjemanje ezikhona  zokunciphisa izindleko ukuze kuvikelwe imisebenzi.

7. Izibalomanani zobugebengu

7.1. IKhabhinethi lilugunyazile uhlelo lweQoqo Lezobulungiswa, Ukuvinjelwa Kobugebengu kanye Nokuvikeleka lokungenelela ngokuthi kuqaliswe ngokushesha iqhingasu elibanzi lokubhekana nezinkinga ezihlukahlukene ezivezwe yizibalomanani zobugebengu ezikhishwe esikhathini esifushane esedlule. 

7.2. Lokhu kubandakanya neNgqungquthela Kazwelonke Yokuvimbela Ubugebengu Nodlame ebibanjwe esikhathini esifushane esedlule ngaphansi kwesiqubulo esithi “Sakha imiphakathi ephephile ngokusebenzisa indlela edidiyelwe futhi ethuthukisayo yokuvimbela ubugebengu nodlame”, okuyingqungquthela eyathuthukisa inhlosombono efanayo yokubheka udaba lokuphepha njengomsebenzi osemahlombe omuntu wonke, futhi eyahlinzeka ngesigcawu sokuthi ababambiqhaza kanye nongoti abasemqoka baxoxisane ngokuqaliswa kahle kuyo yonke imikhakha koMthetho Odingidwayo wezi-2016  Ophathelene Nokuphepha Nokuvikeleka. 

8. Izigameko zodlame 

8.1. IKhabhinethi likhathazeke kakhulu ngokuphakama kwezinga lodlame kuleli futhi linxusa yonke imikhakha, imiphakathi kanye nezikhungo zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho ukuba basebenzisane ukuqinisekisa ukuthi izikole kanye nezindawo zomphakathi ziphephile futhi zivikelekile. 
8.2. Azamukelekile nakancane izenzo zodlame eziqubuke ezingxenyeni eziningana zakuleli futhi lokhu kuphambene noMthethosisekelo wezwe. IKhabhinethi liyawuncoma impela uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) ngokuthatha izinyathelo ezisheshayo ekubopheni labo okusolakala ukuthi bayabandakanyeka ezigamekweni zodlame lomphakathi kanye nalabo abatholakale nezimpahla okusolakala sengathi zintshontshiwe. 

9. Ukubheduka kobhubhane lwesifo se-Klebsiella 

9.1. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emindenini yabantwana abayisithupha abashonile kulandela ukubheduka kwesifo se-Klebsiella pneumoniae esibhedlela i-Thelle Mogoerane Hospital e-Vosloorus.
9.2. Njengamanje selunqandiwe lolu bhubhane. UNgqongqoshe Wezempilo, uDkt Aaron Motsoaledi, usememezele ukuthi abantwana nomama babo bazothunyelwa esibhedlela i-Nelson Mandela Children’s Hospital kanye ne-Charlotte Maxeke Johannesburg Academic Hospital.
9.3.  Lokhu kuzonikeza umnyango wezempilo wesifundazwe ithuba lokukhuculula nokususa igciwane lalesi sifo esibhedlela, futhi kulungiswe izinkinga eziphathelene nokuqhutshwa komsebenzi kulesi sibhedlela ngaphandle kokuphazamiseka.

B. Izinqumo ZeKabhinethi

10. Iphakheji yezinyathelo zokuvuselela nokugqugquzela ukusimama komnotho

IKhabhinethi lifakane imilomo, laphinde lagunyaza iphakheji yezinyathelo zokuvuselela nokugqugquzela ukusimama komnotho, ephakamisa ukuthi kuthathwe izinyathelo zokuvuselela kabusha umnotho wezwe ngokugxila emikhakheni ethile ehlobene. Kuzobanjwa isithangami sabezindaba esizoholwa nguMongameli Ramaphosa mhla zingama-21 kuMandulo lapho kuzokwethulwa khona le phakeji.

11. Izinguquko eziphathelene nama-VISA

IKhabhinethi lithole futhi nombiko owethulwe ngokuhlanganyela nguNgqongqoshe Wezasekhaya kanye noNgqongqoshe Wezokuvakasha, mayelana nezinguquko eziphathelene nezimvume zokungena kwabantu bakwamanye amazwe kuleli, ama-visa, ezizokwenza kube lula ukuza eNingizimu Afrika kwezivakashi, osomabhizinisi kanye nezifundiswa.  

Lezi zinguquko zibandakanya ukuchitshiyelwa kwemithethonqubo eqondene nezingane zakwamanye amazwe ezingena eNingizimu Afrika, futhi lokhu kuzoshicilelwa kusomqulu kahulumeni ngoMfumfu. Akusensuku zatshwala kuphothulwe nezingxoxo eziphathelene nokugudlulwa kwesidingo sama-visa kubantu abavela emazweni athile. Eminye imininingwane mayelana nalokhu izomenyezelwa kuleli viki. 

C. IMithethosivivinywa

12. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kwale Mithethosivivinywa elandelayo ukuze umphakathi uphawule ngayo:
12.1. Isichibiyelo Somthethosivivinywa Wezokulingana wezi-2017. Lezi zichibiyelo zihlose ukuqinisa izindlela zokuqinisekisa ukuthotshelwa komthetho futhi zizovumela ukusungulwa kwemigomo nemikhawulo yezibalomanani zokuqasha ngokulingana okuhloswe ukufinyelela kuyona eziqondene ngqo nomkhakha ngamunye. UNgqongqoshe Wezabasebenzi, ebambisene nababambiqhaza bemikhakha, uzokwazi ukubeka imigomo nemikhawulo yezibalomanani zokuqasha ngokulingana okumele kufinyelelwe kuyona eziqondene ngqo nomkhakha ngamunye.

12.2.  Isichibiyelo Somthethosivivinywa Wemithetho Yomkhakha Wezimali wezi-2018: Lezi zichibiyelo zihlose ukuqinisa izimiselo zobufukamelimafa (i-curatorship) bamabhange, kubandakanya amabhange amakhasimende (ama-mutual bank) kanye namabhange ayimifelandawonye (ama-cooperative bank), kanjalo nezinye izikhungo zezimali ezingagunyaziwe ukusebenza njengebhange. Lezi zinguquko zizoqinisekisa ukuthi izikhungo zezimali ezihlangabezana nobunzima, zithola ukulekelelwa ngendlela ezovikela abafakimali abasengcupheni futhi kuqinisekiswe ukuthi aziphazamiseki kakhulu izinhlelo zezimali kanye nomnotho wonkana.

D. Imicimbi Ezayo
13. Usuku Lwamagugu  


13.1. Imigubho yoSuku Lwamagugu Lukazwelonke lowezi-2018 ezoqhutshwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Unyaka ka-Nelson Mandela: Siqhubekisela phambili uguquko kwezamagugu eNingizimu Afrika”, izobanjelwa eNkundleni yase-Riverview e-Kokstad, KwaZulu-Natali. Lokhu kuyingxenye yohlelo lwenyanga yonke lwemibungazo okuhloswe ngayo ukubhekana nezindaba eziphathelene noguquko, ukugqugquzelwa nokulondolozwa kwamagugu acebile futhi ahlukahlukene akuleli, ubuzwe, ukwakhiwa kwesizwe kanye nobumbano lomphakathi eNingizimu Afrika.

13.2. Umgubho woSuku Lwamagugu kuzohlonishwa ngawo u-Adam Kok kanye nesizwe samaHilikwa (ama-Griqua) ngenxa yesibindi, ukuzimisela kanye namandla amakhulukazi abawabonisa ngenkathi belwisana nokuqonelwa ngabezizwe.
13.3. IKhabhinethi liyawunxusa umphakathi ukuthi ugubhe ubunye bawo nakuba wakhiwe ngabantu abanemvelaphi ehlukahlukene, ngenkathi sisebenza ngokubambisana ekwakheni izwe lapho bonke abantu balo bebonisa ukunakekelana nokuhloniphana.

14. Ukhukhulelangoqo Womhlangano Wenhlangano Yezizwe (i-UNGA)

14.1. Njengophawu lokufaka isandla emigubhweni yeminyaka eyikhulu kwazalwa uMongameli waphambilini u-Nelson Mandela, mhla zingama-24 kuMandulo 2018 i-UNGA izobamba umhlangano ozokwethanyelwa nayizicukuthwane okuzobhungwa kuwona ngodaba lokuthula emhlabeni, owaziwa ngeNgqungquthela ka-Nelson Mandela Yokuthula, ngenhloso yokubungaza ukuhlangana kweminyaka eyikhulu kwazalwa uMadiba.
14.2.  Kulindeleke ukuthi lo mhlangano wamukele isivumelwano sezepolitiki okufinyelelwe kusona emva kwezingxoxo phakathi kwamazwe angamalungu e-UNGA. Lokhu kulandela ukubonisana kohulumeni bezwekazi ezingxoxweni ebeziholwa ngokubambisana nguMmeleli weNingizimu Afrika Osebenza Ngokugcwele KwiNhlangano Yezizwe kanye nozakwabo wase-Ireland, mayelana nalokho okuqukethwe esivumelwaneni. Kulindeleke futhi ukuthi uMongameli Ramaphosa abambe iqhaza emhlanganweni weNhlangano Yezizwe ozokwethanyelwa nayizicukuthwane okuzobhungwa kuwona ngesifo sofuba (i-TB), mhla zingama-26 kuMandulo 2018. I-TB yisifo esiyinkinga enkulu e-Afrika futhi amanye alawo mazwe omhlaba anesibalo esiphakeme kakhulu sabantu abatheleleke nge-TB atholakala kulona leli lizwekazi. 

E. Imiyalezo
15. Amazwi enduduzo


IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe yizihlobo zayo engozini yebhasi eyenzeke emgwaqeni onguthelawayeka u-N1-25 eduze kwase-Tobias kuMasipala Wesifunda i-Waterberg eLimpopo. Futhi iKhabhinethi libafisela ukwelulama okusheshayo bonke abalimele. 

16. Amazwi okuhalalisela

IKhabhinethi lihalalisela uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwamabhinisi Amancane, uNkz Lindiwe Zulu, ohlonishwe nguhulumeni wase-Brazil ngendondo esesigabeni esiphezulu kakhulu i-Order of Rio Branco (i-Ordem de Rio Branco), kanye ne-Grand Cross nguhulumeni wase-Brazil. 

Lokhu kuwukuhlonishwa kukaNgqongqoshe ngemizamo yakhe, elokhu iqhubeke njalo, yokwenza ngcono ubudlelwano phakathi kwe-Brazil neNingizimu Afrika. Le ndondo yase-Brazil inikezwa labo abazibonakalisile ngemisebenzi yabo encomekayo futhi abagqame nangezenzo zabo ezinhle kakhulu zokusebenzela umphakathi. UNgqongqoshe uZulu wayeyinxusa leNingizimu Afrika kwelase-Brazil phakathi kowezi-2004 nowezi-2008.

F. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.
17. Ibhodi le-Rand Water:
a. Adv Faith Matshidiso Hashatse (uSihlalo);
b. Nkz Massacha Khulekelwe Glynnis Mbonambi (iPhini likaSihlalo);
c. Mnu LL Makibinyane;
d. Nkz Phindile Sweetness Mbanjwa;
e. Mnu Ahmed Mohammed Pandor;
f. Nkz Mahlatse Martha Kabi;
g. Nkz Mankone Ntsaba;
h. Nkz Nomsa Georgina Mbileni; 
i. Mnu Protas Thamsanqa Phili;
j. Nkz Sophie Fende Molokoane;
k. Nkz Savannah Nonhlanhla Maziya; kanye no
l. Mnu Ramateu Johannes Monyokolo.

18. Mnu Percival Sechemane, oqokwe njengoMphathi Omkhulu (i-CEO) we-Trans-Caledon Tunnel Authority. 

Imibuzo:
Nkz Phumla Williams – iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 1039

Share this page

Similar categories to explore