Isitatimende Somhlangano Wekhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla ziyisi-9 kuNdasa 2022

A.    Ezisematheni

1.    Ukungqubuzana phakathi kwe-Russia ne-Ukraine 

1.1.    IKhabhinethi lisalokhu likhathazeke kakhulu ngokunqubuzana okuqhubekayo phakathi kwezwe lase-Russia nelase-Ukraine.  Umphumela kwezenhlalo-mnotho odalwa ilokhu kungqubuzana uyalimaza kakhulu futhi umthelela wakho uzozwakala emhlabeni jikelele. 
1.2.    IKhabhinethi licela amanxusa ukuthi axoxisane aphume nesisombululo futhi lincenga bonke ababandakanyekayo ukuthi bagcine futhi bavikele amalungelo abantu, futhi bagcine izibopho zabo ngokomthetho wamazwe omhlaba kanye nomthetho wobuntu wamazwe omhlaba. 
1.3.    Uhulumeni uyaqhubeka nokusiza izakhamuzi zaseNingizimu Afrika  ukuthi zihambe e-Ukraine futhi iningi labo selibuyile ekhaya. Sikhathazekile futhi ngokungaphathwa kahle kwabantu base-Afrika abazama ukweqa imingcele ngalesi sikhathi. 
1.4.    Sikholwa ukuthi amazwe asathuthuka kumele athokozele ukwabelana ngemibono namandla ezikhungweni eziphethwe umhlaba. Ngakho-ke iNingizimu Afrika yeseka uhlelo lokusebenza lomhlaba olulinganayo kanye noguquko ezikhungweni zamazwe amaningi ukuthi agqugquzele ukulingana.  

2.    INgqungquthela Yotshalomali yaseNingizimu Afrika (i-SAIC)

2.1.    INingizimu Afrika izosingatha i-SAIC yesine ngoLwesine, mhla zingama-24 kuNdasa 2022 e-Sandton Convention Centre eGoli. Ingqungquthela iyingxenye yomkhankaso wotshalomali kahulumeni ukuheha imali eyi-R1.2 trillion eminyakeni emihlanu, futhi iheha izihambeli eziphuma eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele ukuzoxoxisana ngamathuba otshalomali.
2.2.    Kusukela ngengqungquthela yokuqala yotshalomali ngowezi-2018, iNingizimu Afrika isithole izethembiso zotshalomali eziyizigidigidi ezingama-R774 kulolonke uchungechunge lwemikhakha yezomnotho. Lolu tshalomali olusha luzosisiza ukuthi sikhulise umnotho, sisungule imisebenzi edingekayo futhi sithuthukise izimpilo zabantu.

3.    Ezakamuva ngeSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19) 

3.1.    IKhabhinethi liyayibonga imizamo yezwe ekulweni ne-COVID-19 kodwa laxwayisa ukuthi impi ayikapheli, futhi lanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahlale beqaphile futhi baqhubeke nokuzivikela ukunqanda ukubhebhetheka kwegciwane elibulalayo. 
3.2.    IKhabhinethi lithokozele ukuthi icishe ibe izigidi ezingama-32 imithamo yomgomo we-COVID-19 esikhishiwe futhi amaphesenti angama-42 abantu abadala sebegome ngokuphelele. 
3.3.    Noma kunjalo, abantu abangakagomi basalokhu bengakavikeleki kwi-COVID-19 futhi babeka engcupheni yokugula bona kanye nalabo abaseduze kwabo. Ukugoma kusalokhu kuyisikhali esihamba phambili ekulweni ne-COVID-19, futhi iKhabhinethi licela wonke umuntu oneminyaka eyi-12 ubudala nangaphezulu ukuthi agome ngaphandle kokuchitha isikhathi. 
3.4.    Imijovo yokuvuselela isiyatholakala manje mahhala ukuze abantu bayithole futhi iKhabhinethi licela labo abafanelekile ukuthi bahambe bayothola imijovo yokuvuselela ngokuphazima kweso. Kumele futhi siqhubeke nokugqoka izifonyo ezimboza umlomo nekhala, sihlanze noma sifafaze izandla zethu ngesibulali-magciwane njalo nje, siqhelelane futhi siqinisekise ukuthi umoya ungena ngokwanele ngokuvula amafasitela.

4.    INkomfa Yezamandla e-Afrika

4.1.    IKhabhinethi likwamukele ukuphothulwa kweNkomfa Yezamandla e-Afrika ebibanjwe nge-inthanethi nangokuthanyelwa siqu eKapa kusuka mhla lu-1 kuya mhla zi-3 kuNdasa 2022 ngaphansi kwesiqubulo esithi: "UMhlangano Webhizinisi Wokuzikhethela woMkhakha Wezamandla e-Afrika". Umhlangano uhlanganise ababambiqhaza abaziwayo emhlabeni nalapha ekhaya abasuka emkhakheni wezamandla ukuzochaza ukuthi izwekazi i-Afrika lingazisebenzisa kanjani ezamandla njengesikhuthazi esizokhulisa umnotho nokuthuthukisa izimpilo zabantu.
4.2.    INingizimu Afrika isalokhu izinikele ekutholeni ingxubevange yezamandla ehambisana nemigomo yentuthuko kanye nemigomo yayo yokuguquguquka kwesimo sezulu ngesikhathi ihambisana nokuqinisekisa ukutholakala kwezamandla. 

5.    Ukuqashwa kwabantu kuMkhakha Wezokuvikeleka

5.1.    IKhabhinethi lamukele ukuqashwa kwakamuva ezikhundleni eziphezulu oPhikweni Lwezokushushisa Kuzwelonke (i-NPA) nakuPhiko Lwezokuvikelwa Kombuso (i-SSA). UMongameli u-Ramaphosa ubeke uMmeli u-Andrea Johnson ukuthi aphathe uPhiko Lwezokuphenywa Kwamacala e-NPA kanye neNxusa uThembisile Majola njengoMqondisi-Jikelele (u-DG) we-SSA.  
5.2.    UMongameli uphinde wabeka uMmeli u-Navilla Somaru njengoMqondisi Wezokushushiswa Kuhulumeni (i-DPP) eFreyistata; uMmeli uMatodzi Rachel Makhari-Sekhaolelo njengo-DPP eNyakatho Ntshonalanga kanye noMmeli u-Nicolette Bell njengo-DPP eNtshonalanga Kapa.
5.3.    Lokhu kuqashwa kuzoqinisa ikhono lethu lokuphenya nokushushisa zonke izenzo zobugebengu nenkohlakalo.

6.    Uhambo lokuyobona ukulethwa kwezidingo

6.1.    IKhabhinethi lilwamukele uhambo olube yimpumelelo lokuyobona ukulethwa kwezidingo lukaNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nezingqalasizinda, uNks Patricia de Lille kanye noNgqongqoshe waseHhovisi LikaMongameli, uMnu Mondli Gungubele, obeluyobona umklamo we-N2 Nodal Project kuMasipala wase-Nelson Mandela Bay eMpumalanga Kapa ngoLwesibili, mhla ziyisi-8 kuNdasa 2022. 
6.2.    Lolu hambo luyingxenye yemizamo kahulumeni yokuhlola njalo inqubekela-phambili esiyenziwe ekuqalisweni koHlelo Lotshalomali Lwezingqalasizinda ukuze kuzovuselelwa umnotho futhi kusungulwe imisebenzi. 
6.3.    Lo mklamo uqukethe amathuba amasha okwakhiwa kwezindlu eziyizi-12 100 ezinendawo eyizi-500 000 m² yokwakha izitolo zokudayisa, amabhizinisi, amahhovisi kanye nezinsiza zezimboni, kanye nochungechunge lwezinsiza zomphakathi nokuhlalisana kwabantu.

7.    USuku Lomhlaba Lwabesifazane 

7.1.    INingizimu Afrika ihlanganyele nomhlaba wonke ekubungazeni uSuku Lomhlaba Lwabesifazane ngoLwesibili, mhla ziyisi-8 kuNdasa 2022. Lolu suku luyithuba lokubheka lapho sibuya khona ekuthuthukiseni ukulingana ngokobulili nokuthi yini edingeka ukuthi yenziwe ukuze sibe isizwe esilinganayo ngokobulili.   
7.2.    IKhabhinethi lihlabeke umxhwele ngenxa yempumelelo enkulu efanele ukubungazwa selokhu sathola intando yeningi labantu. INingizimu Afrika seyenze inqubekela-phambili ekugqugquzeleni ukulingana kubesifazane emikhakheni efana nekahulumeni, emphakathini, kwezobulungiswa, ezemidlalo namasiko. Noma kunjalo, iKhabhinethi liyagcizelela ukuthi kuningi okusamele kwenziwe ukuqinisekisa ukuthi abesifazane babamba iqhaza ngokuphelele nangokulingana emnothweni waseNingizimu Afrika.
7.3.    IKhabhinethi liphinde lamukela ukubekwa kweNingizimu Afrika ukuthi ibe nguSihlalo kwiseshini yamashumi ayisithupha nesithupha yeKhomishana Yenhlangano Yezizwe Ezibumbene ngeSimo Sabesifazane ezobanjwa kusukela ngoMsombuluko, mhla ziyi-14 kuNdasa kuya kuLwesihlanu, mhla zingama-25 kuNdasa 2022.

8.    Ukuvikelwa Kombuso 

8.1.    IKhabhinethi likuphawulile ukuboshwa kwabantu kwezaMafa eMelika abasolwa ngokubandakanyeka ekugunyathweni kwemali. Siyaqhubeka nokusebenzisana nozakwethu kwamanye amazwe ukuqeda ukuhanjiswa kwemali ngokungemthetho. 
8.2.    Ezokuvikeleka zakuleli lizwe zisalokhu ziqaphe ngeso lokhozi futhi balokhu bexhumana nezobunhloli kwamanye amazwe, ngaphakathi eNingizimu Afrika nangaphesheya. Umsebenzi wabo ubandakanya ukwabelana ngolwazi ngokusatshiswa okudalwa ukufuna ukwenza izinguquko kwezepolitiki ngodlame kanye nobuphekula.

9.    Udlame lwasemphakathini

9.1.    IKhabhinethi liyazigxeka izigameko zakamuva zodlame nokunqgubuzana komphakathi e-Alexandra eduze kwase-Sandton. Akukho neze ukungagculiseki okungathethelela ukwephulwa kwamalungelo abantu kuleli lizwe.
9.2.    IKhabhinethi lamukele ukungenelela okusheshayo kwabezomthetho, okuholele ekudambiseni isimo endaweni kanye nokuboshwa kwabasolwa ngokubhebhezela udlame lwasemphakathini. 
9.3.    Imiphakathi iyanxuswa ukuthi isebenzise izindlela ezinokuthula ukuxazulula izingxabano kanye nokubika zonke izenzo ezingekho emthethweni kwabomthetho.
 
10.    Umnotho

10.1    Ikhabhinethi liwaphawulile amanani esamba somkhiqizo wasekhaya (i-GDP) akhishwe Ezezibalo eNingizimu Afrika kamuva abonisa ukuthi i-GDP yeNingizimu Afrika ikhule ngephesenti eli-1.2 kwikota yesine ngowezi-2021, emuva kokwehla ngephesenti eli-1.7 kwikota yesithathu ngowezi-2021. Lokhu kubeka izinga lonyaka lokukhula leNingizimu Afrika langowezi-2021 kumaphesenti angu-4.9. Igalelo elikhulu kulokhu kukhula kubonakale kwezolimo, ezokukhiqiza, ezokulethwa kwezinsiza kanye nezokuthutha.
10.2 IKhabhinethi lisalokhu limile nokuqhubeka lisebenze nozakwabo emphakathini ukuthola ukukhula komnotho wethu obandakanya wonke umuntu nokusungula isimo-ndawo lapho sizokwazi ukubhekana nezinselele zokuswelakala kwemisebenzi, ububha kanye nokungalingani.

11.    Ukufakwa endalini kochungechunge lwamagagasi omoya ezobuchwepheshe bokuxhumana 

11.1.    IKhabhinethi lihalalisele iSikhungo Sezokuxhumana  Esizimele SaseNingizimu Afrika ngokuqalisa ukufaka endalini uchungechunge lwamagagasi omoya ezobuchwepheshe bokuxhumana, yize kusenombango oqhubekayo. 
11.2.    Liphinde lahalalisela abafakizicelo ababe yingxenye yale ndali ngoLwesibili, mhla ziyisi-8 nangoLwesine, mhla ziyi-10 kuNdasa 2022, okubonisa inhloso yemboni yezokuxhumana yokutshala izimali kwingqalasizinda yedijithali eNingizimu Afrika. 
11.3.    Uhulumeni usalokhu ezinikele ekwakheni isimo-ndawo esivumela ubuchwepheshe bokuxhumana ngamagagasi omoya ukuthi busetshenziswe ngokufanele, hhayi nje kuphela yizimboni zokuxhumana kodwa futhi ukuze kuzuze umnotho nomphakathi. 
11.4.    Ukunikezwa kwemvume ubuchwepheshe bezokuxhumana ngamagagasi omoya kuzothuthukisa abasebenza ngezokuxhumana komakhalekhukhwini ukuthi bakhe ezokuxhumana eziqinile ezibanzi futhi ezifinyelela ekudeni. Inzuzo enkulu yale nqubo ekade ilindiwe ibandakanya ukuncishiswa kwezindleko zedatha kanye nokuxhumana ngokukhuluma ocingweni.  
11.5.    Ubuchwepheshe bezokuxhumana futhi kulindeleke ukuthi kube negalelo ekuguqulweni komnotho emikhakheni eyehlukene futhi izimali ezenziwe endalini zizofaka ngaphezu kwezigidigidi eziyisi-R8 emalini kazwelonke. 

12.    Uphenyo lweKhomishama Yeze-Lotto Kuzwelonke (i-NLC)

12.1.    IKhabhinethi liphawule inqubekela-phambili eyenziwe uPhiko Oluphenya Amacala Akhethekile ophenyweni lalo olunzulu lokungaphathi ngendlela ekahle kanye nenkohlakalo ngaphakathi kwi-NLC, futhi yanxusa amanye ama-ejensi ezomthetho abhekene nalolu daba ukuthi aluphothule ngokuphazima kweso. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi izinyathelo ezidingekayo ziyathathwa ukuze labo bantu noma izikhungo ezithintekayo ekuphatheni ngokungalandeli umthetho kwezimali ezibekelwe ukusiza abantulayo bezoziphendulela.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi
1.    Uhlelo-lisu Lwezingqalasizinda Lukazwelonke (i-NIP) yangowezi-2050


1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuqaliswa kokusebenza kwe-NIP 2050. I-NIP ihlinzeka ngemiklamo eyizikhuthazi ehlose ukufaka igalelo kwimigomo yesikhathi eside yokuthuthukisa umnotho wezwe kanye nezenhlalo. 
1.2.    Lolu hlelo-lisu luthole imibono ebhaliwe eminingi emuva kokuthi lwashicilelwa ukuze umphakathi uzophawula ngalo ngoNcwaba ngowezi-2021. Imibono yaphinde  yaqhamuka ezingxoxweni zomphakathi nababambiqhaza abehlukene emkhakheni wezengqalasizinda. Izingxoxo zaphinde zafaka phakathi izinhlangano zesifunda kanye nezwekazi ezifana neNhlangano Ethuthukisa Imiphakathi eseNingizimu ne-Afrika kanye neKhomishana Yezingqalasizinda Yobumbano Lwamazwe ase-Afrika. 
1.3.    I-NIP ihlinzeka ngezindlela zokuthuthukiswa kwezingqalasizinda zezwe ezihambisana noHlaka Lukazwelonke Lokuthuthukiswa Kwezindawo kanye noHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda (i-DDM). Iphinde igxilise ukwakhiwa kwezingqalasizinda ekuthuthukisweni kwenhlalo-mnotho, kanye nokusungula amathuba emisebenzi kanye nokuthuthukiswa kwamathuba okwakha umnotho wabantu abamnyama.

2.    Ukuqaliswa kweQhingasu Lwegesi Eluketshezi (i-LPG) langowezi-2022

2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa Kokukhishwa Kweqhingasu le-LPG langowezi-2022 kuSomqulu Kahulumeni ukuze umphakathi uzophawula ngalo. Leli qhingasu lihlose ukufaka igalelo ekubhekaneni nezinselele zezwe zokuphakelwa kogesi. 
2.2.    Iqhingasu libhekene, phakathi kokunye, ukwakheka kwemakethe ekhona ye-LPG, ingqalasizinda ekhona, uhlelo lwamanani kanye nomthamo wokukhiqizwa kwamasilinda e-LPG kuleli lizwe. Iqhingasu liphinde libhekane nokuphepha kanye nomkhankaso wokuqwashisa ukuze igesi yalapha ekhaya izokwaziwa njengowoyela ongangcolisi imvelo.

3.    IQhingasu Lemizamo Emisha Embonini Yezezimayini eNingizimu Afrika.

3.1.    IKhabhinethi ligunyaze iQhingasu Lemizamo Emisha Embonini Yezezimayini eNingizimu Afrika. Leli qhingasu, phakathi kokunye, lizohlinzeka ngokungenelela kwamanje ohlelweni lwayo lokuqalisa ukubeka kwibalazwe isayensi yezwe ukuze kuzothuthukiswa ulwazi lwesayensi yezwe kuleli lizwe. 
3.2.    Iqhingasu liphinde lihlongoze ukusebenzisana phakathi noMnyango Wezezimbiwa Nezamandla kanye neNhlangano Yezokuthuthukiswa Kwezezimboni ukuqinisekisa ukuthi imizamo emisha ihlinzeka ukubandakanyeka kwezinkampani ezintsha ezisafufusa. Iphinde iqinise indima yocwaningo okumele idlalwe izikhungo zocwaningo ezifana ne-MINTEK kanye noMkhandlu Wocwaningo Lwezesayensi Nezimboni, kanye nohlelo lokuthuthukiswa kwamakhono.
3.3.    Iqhingasu lingumkhiqizo wezingxoxo ezinzulu phakathi kukahulumeni, imboni nabanye ababambiqhaza emphakathini. Imboni yezezimayini isalokhu ibaluleke kakhulu ekuphileni komnotho wakuleli lizwe.  

4.    IQhingasu Lokuvuselela Ukusebenza kwe-Batho Pele langowezi-2021

4.1.    IKhabhinethi ligunyaze iQhingasu Lokuvuselela Ukusebenza kwe-Batho Pele langowezi-2021. Iqhingasu lingumphumela wocwaningo oluningi olwenziwe nguhulumeni kanye nezikhungo ezingekho ngaphansi kukahulumeni ngokusebenza kahle kweNqubomgomo ye-Batho Pele yangowe-1997.  
4.2.    Iqhingasu lihlinzeka ngezinsika ezinhlanu ezizoba ngumhlahlandlela wezindlela okumele zilandelwe yiyona yonke iminyango. Izingenelelo ezihlongoziwe zizophumelelisa uhlelo lokuletha izidingo-ngqangi emphakathini olubeka izakhamuzi phambili. 
4.3.    Leli qhingasu lizophumelelisa ukuqinisa umbuso okhonayo, olandela umthetho futhi othuthukayo, nokusalokhu kungukungenelela okubaluleke kakhulu ekusebenzeleni izakhamuzi sazeNingizimu Afrika. Lizophinde liqinise ukuqalisa kokusebenza kwezimiso eziyisishiyagalombili ze-Batho Pele. Ekugcineni, lihlose ukuqhubela phambili uguquko ngendlela yokuziphatha ngaphakathi kwiMisebenzi Kahulumeni.

5.    Ukuchitshiyelwa komthetho wobuchwepheshe bezokuxhumana ngamagagasi omoya kanye nenqubomgomo ebhekiswe ekunikweni imvume kwenethiwekhi engenazintambo (i-WOAN) 

5.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuchitshiyelwa komthetho wobuchwepheshe bezokuxhumana kanye nenqubomgomo ebhekiswe ekunikweni imvume i-WOAN ukuthi ushicilelwe ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Izichibiyelo ezihlongoziwe zisusa isidingo sokuthi i-WOAN ibe nemvume. 
5.2.    IKhabhinethi ngowezi-2019 lagunyaza lo mthetho wezobuchwepheshe bezokuxhumana kanye nenqubomgomo ebhekiswe ekunikeni imvume i-WOAN ukuphumelelisa uMthetho Wezokuxhumana Ngendlela ye-Elekhthronikhi, wangowezi-2002 (Umthetho wama-36 wangowezi-2005). Ukunikezwa kwemvume ubuchwepheshe bokuxhumana kusalokhu kubaluleke kakhulu emkhankasweni wokuvuselela umnotho wezwe. 

6.    UXhasomali Lwamatekisi (i-TRF) lokunciphisa umthelela we-COVID-19 

6.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukwelulwa kosuku lokuvala ukufakwa kwezicelo ze-TRF ye-COVID-19, kusuka kumhla wama-31 kuNdasa 2022 kuya mhla zingama-31 kuNdasa 2023. I-TRF, enesabelomali esiyizigidigidi ezi-R1.135,  esasibekwe njengenkokhelo eza kanye ezonciphisa imithelela yezezimali emibi edalwe i-COVID-19 embonini yamatekisi.  
6.2.    ISikhwama Sikazwelonke Sokuhlomisa sinomsebenzi wokukhokhela izinxephezelo zosomatekisi abasemthethweni abanezimvume zokusebenza ezisemthethweni, kubandakanya amatekisi angamakhumbi, amatekisi angama-metered taxi kanye namatekisi angama-ehailing. 

C.    IMithethosivivinywa

1.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezamaposi eNingizimu Afrika (i-SAPO) wangowezi-2021

1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela we-SAPO ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlose ukuchibiyela uMthetho we-SAPO, wangowezi-2011 (Umthetho wama-22 wangowezi-2011).
1.2.    Izichibiyelo ezihlongoziwe zihlose ukuvumela i-SAPO ukuthi isebenzise ukuthuthukiswa kwezobuchwepheshe endaweni yayo yokusebenza. Izokwazi ukubuyekeza imisebenzi yayo futhi ikhulise negunya layo. Izoba umhlinzeki-nsiza wezamaposi nokuthunyelwa kwamaphasela emhlabeni; ukuthunyelwa kwempahla; ukuthenga nokudayisa nge-inthanethi, futhi izoba inkundla yokuhweba ngedijithali yamabhizinisi nemiphakathi. Izichibiyelo ezihlongoziwe, ezihambisana noMthetho Odingidwayo weNqubomgomo Kazwelonke Ehlanganisile ye-ICT wangowezi-2016, ziphinde zenze ngcono ukuphathwa kwe-SAPO.

2.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela weBhange Leposi laseNingizimu Afrika wangowezi-2021

2.1    IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Webhange Leposi laseNingizimu Afrika wangowezi-2021 ePhalamende. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Webhange Leposi, wangowezi-2010 (Umthetho wesi-9 wezi-2010) ukuthi uhambisane noMthetho Wamabhange, wangowe-1990 (Umthetho wama-94 we-1990). Uhlinzeka ngokusungulwa kweNkampani Enkulu Yebhange Leposi laseNingizimu Afrika ngokoMthetho Wamabhange wangowe-1990. 
2.2    UMthethosivivinywa usudlulile esigabeni sokuxoxisana nomphakathi ukuze uphasiswe. Uma sewamukelwe waba ngumthetho, iBhange Leposi lizokwazi ukusebenza njengenkampani eseceleni enohlaka lwayo lokulawula ngaphandle kokuba ngaphansi kwe-SAPO.

3.    UMthethosivivinywa Wesikhwama Sokulawula Ukulahlwa Kodoti Onamakhemikhali

3.1    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wesikhwama Sokulawula Ukulahlwa Kodoti Onamakhemikhali ukuze umphakathi uzophawula ngawo. UMthethosivivinywa uhlinzeka ngokusungulwa kwesikhwama njengokuyalelwa iNqubomgomo Yezokulawulwa Kokulahlwa Kodoti Onamakhemikhali.
3.2    Izimali zizoqoqelwa ukuthi zisetshenziswe ekulawulweni kokulahlwa kodoti onamakhemikhali. Zizosiza ekwakheni ingqalasizinda ezophatha, igcine futhi ibhekelele ukulahlwa unomphela kodoti onamakhemikhali. Isikhwama sizolawulwa yiSikhungo Sokulahlwa Kodoti Onamakhemikhali Kuzwelonke. 
3.3    INingizimu Afrika iyazuza kwezamandla ezihlanzekile eziphehlwa ngokusebenzisa iSiphehlimandla seNuzi esise-Koeberg. Futhi iNingizimu Afrika isalokhu ingabanye babakhiqizi abakhulukazi bemikhiqizo engamakhemikhali yokwelapha ekwazi ukuhlonza iphinde yelaphe umdlavuza emhlabeni. 

D.    Imicimbi Ezayo

1.    Uhambo Olusemthethweni lukaMongameli wase-Mozambique

1.1.    UMongameli u-Cyril Ramaphosa uzobe esingathe uzakwabo wase-Mozambique, uMhlonishwa uMongameli u-Filipe Nyusi ngoLwesihlanu, mhla ziyi-11 kuNdasa 2022. 
1.2.    Uhambo luzophinde luqinise amaxhama, ukusebenzisana kwizifunda nakwizwekazi phakathi kwale zizwe ezimbili. Luzophinde luqinise ubudlelwano bala mazwe womabili kanye nokusebenzisana phakathi kweNingizimu Afrika ne-Mozambique, kwezepolitiki nakwezomnotho. 

2.    IMbizo kaMongameli eNyakatho Ntshonalanga

1.1.    NgoMgqibelo, mhla ziyi-12 kuNdasa 2022, uMongameli u-Ramaphosa uzohola ithimba lezithunywa ukuya eNyakatho Ntshonalanga ukuyobamba iMbizo kaMongameli. Kulo mcimbi, uMongameli kanye nabaholi abaphuma kuzo zontathu izinhlaka zikahulumeni bazoxoxisana nemiphakathi yaseNyakatho Ntshonalanga. 
1.2.    IMbizo kaMongameli yokuqala yangowezi-2022 izohlinzeka ngenkundla yokuthi uMongameli axoxisane nemiphakathi ngehlangabezana nakho empilweni yansuku zonke kanye nokulethwa kwezidingo-ngqangi nguhulumeni. Izakhamuzi zizophinde zikhulume ngqo ngeziphakamiso zabo zokuthi singayikhulisa kanjani iNingizimu Afrika ndawonye, ngaphandle kokushiya omunye emuva.
1.3.    Ukwakhela phezu kwe-DDM, okubiza ukusebenzisana okukhulu phakathi kwezakhamuzi nalabo abamele umphakathi, iKhabhinethi linxusa imiphakathi yaseNyakatho Ntshonalanga ukuthi isebenzise leli thuba ukuxoxisana nqgo noMongameli kanye nokwenza izikhalazo kanye neziphakamiso zayo zizwakale. 

2.    USuku Lwamalungelo Abantu

2.1.    IKhabhinethi lamukela uchungechunge lwezingxoxo kanye nemicimbi ngaphansi kwesiqubulo esithi: "UNyaka Wobumbano Nokwakha kabusha: Sivikela futhi Sigcina Izinzuzo Zamalungelo Abantu" ukuthi ibanjwe njengengxenye yokukhumbula uSuku Lwamalungelo Abantu kulo nyaka ngoMsombuluko, mhla wama-21 kuNdasa 2022. Lokhu futhi kufaka igalelo ekuhloleni inqubekela-phambili yomklamo womthethosisekelo wentando yeningi labantu wesizwe. 
2.2.    IKhabhinethi licela bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basebenzise iNyanga Yamalungelo Abantu ukugqugquzela ukubumbana komphakathi, ukwakhiwa kwesizwe kanye nokwabelana ngobuzwe. Kungumsebenzi wethu njengesizwe ukuphokophelela ukuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho ebandakanya wonke umuntu, ngesikhathi siqinisekisa ukuthi siqeda ukucwasana ngokobuhlanga, ukubandlulula ngokwebala nakho konke ukungabekezelelani okuhlobene nalokhu.  

3.    Iviki Lamanzi Kuzwelonke  

3.1.    Umkhankaso weViki Lamanzi Kuzwelonke uzoqala kusuka ngeSonto, mhla wama-20 kuze kube nguMgqibelo, mhla wama-26 kuNdasa 2022, futhi ugxile kwisidingo sokuvikela nokugcina imithombo yethu yamanzi.
3.2.    Naphezu kwezimvula ezinkulu ezingajwayelekile ezingxenyeni eziningi zezwe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, iNingizimu Afrika isalokhu iyizwe eleswele amanzi. Ingelinye lamazwe angama-30 anesomiso emhlabeni futhi amanzi amaningi iwathola emvuleni. 
3.3.    IKhabhinethi liqinisekisa izakhamuzi ukuthi amanzi ethu aphuma kompompi aphephile ukuthi aphuzwe ngabantu, njengoba kuqinisekisiwe iSikhungo Sikazwelonke Sezifo Ezithathelwanayo, futhi nemibiko emayelana nobungozi bamanzi aphuzwayo ayenanyiswa nomkhuhlane we-typhoid ingamampunge. Uhulumeni ubeke eqhulwini ukuthunyelwa kwamanzi emiphakathini.

E.    Imiyalezo

1.    Ukuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle kodwa kulaba abalandelayo: 

  • Iqembu lekhilikithi laBesifazane laseNingizimu Afrika, abandizisela ifulegi lesizwe phezulu kwiMiqhudelwano ye-ICC Yendebe Yomhlaba Yekhilikithi Labesifazane e-New Zealand. 
  • Umsubathi u-Stephen Mokoka, oqophe umlando ngokwephula irekhodi lomhlaba lamadoda lama-50 km ngesikhathi samahora amabili, imizuzu engama-40 kanye nemizuzwana eyi-13, emjahweni we-Nedbank Runified Breaking Barrriers obubanjwe eGqeberha, eMpumalanga Kapa, ngeSonto, mhla ziyisi-6 kuNdasa 2022. 

2.    Amazwi enduduzo 

IKhabhinethi lizwakalisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani baka:

Mnu Mandla Ka-Mabuza (47), iciko, isikhulumi nobenguMongameli waphambilini weNhlangano Yabafundi eNingizimu Afrika i-South African Students’ Congress. Ubengumsebenzi kahulumeni waphambilini kuMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nezingqalasizinda.

F.    Abaqashiwe 

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.

1.    Mnu Zane-Udien Dangor njengo-DG kuMnyango Wezobudlelwano Bamazwe Nokubambisana. 

2.    Nks Phindile Patronella Mkwanazi njengePhini lika-DG: ohlangothini Lokufunda Nokuthuthukiswa Kobungoti eSikoleni Sikahulumeni Kuzwelonke. 

3.    Mnu David Mamphitha njengoMphathi Omkhulu woMkhandlu Wezempilo Nokuphepha Ezimayini.   

4.    Abantu abazosebenza kuMkhandlu Wamazwe Ngamazwe Wezezindiza: 

(a)    Nks Nomveliso Ntanjana (uSihlalo);
(b)    Mnu Nare Thupana (uSekela-sihlalo);
(c)    Mnu Grant Reagon Son;
(d)    Mnu Tumelo Chipfupa; kanye no
(e)    Nks Pfumelani Dorcas Mbulayeni.

5.    Abantu abazosebenza kuMkhandlu Okhipha Izimvume Kwezezindiza: 
(a)    Mnu Leroy Musa Nsibande (uSihlalo);
(b)    Nks Raesibe Sharon Kekana (uSekela-sihlalo);
(c)    Mnu Rickie Rodger Rennie; 
(d)    Nks Zonica Leanda Mtshali; kanye no 
(e)    Mnu Ramovha Emmanuel Mbuwe.

Imibuzo: Nks Phumla Williams – uSomlomo Wekhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore