ISitatimende soMhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngoLwesithathu, mhla wama-29 kuLwezi 2023 

A. Ezisematheni
1. Umnotho 

1.1. Ukuthuthwa Kwempahla
1.1.1. IKhabhinethi lamukele izinhlelo ezibekwe ngu-Transnet ukuxazulula inkinga yokusalela emuva emachwebeni (eThekwini nase-Richard’s Bay). I-Transnet yenza imizamo emikhulu ukuthola imishini yokusebenza, efana nemishini yokuthwala izinto ezisindayo, ukuqinisekisa ukuthi uhlelo lwabo luqaliswa ngempumelelo emhlabeni wonkana. 
1.1.2. Iyagqugquzela kakhulu inqubekelaphambili eyenziwe ngu-Transnet ngokuqeda ukusalela emuva esiKhumulweni seZiqukathi esiseKapa, ngomkhumbi owodwa osusele echwebeni. U-Transnet usalokhu uzimisele ekusebenzisaneni nabo bonke ababambiqhaza ukuxazulula izinkinga ezingaphakathi emkhakheni wezokuthuthwa kwempahla.  

1.2. Ukuthuthukiswa kwengqalasizinda

1.2.1. IKhabhinethi lamukele inqubekelaphambili esiyenziwe ekuthuthukisweni nasekuvuselelweni kwengqalasizinda ukuze kuzothuthukiswa umphakathi. 
1.2.2. Ngenxa yalokhu, iKhabhinethi lithokozele ukuvulwa kwesibhedlela i-Dr Pixley Ka Isaka Seme Memorial Hospital eThekwini, KwaZulu-Natali. Lesi sibhedlela, esivulwe ngokusemthethweni nguMongameli u-Cyril Ramaphosa, sizoletha usizo lokubhekana nezidingo zokunakekelwa ngokwezempilo kubahlali abalinganiselwa esigidini esi-1.5 baseNanda, eNtuzuma naKwaMashu, kanye nemiphakathi eyakhelene nalezi zindawo.   
1.2.3. Ngaphezu kwalokhu, iKhabhinethi liphinde lamukela ukuvulwa kwesikhungo sekolishi (isikhungo saseMsinga) soMgungundlovu Technical and Vocational Education and Training (i-TVET) KwaZulu-Natali nguNgqongqoshe Wemfundo Ephakeme, iSayensi Nobuchwepheshe, uDkt. Blade Nzimande. Lesi sikhungo sekolishi le-TVET esakhiwa ngezigidi eziyi-R143.5 sihlinzeka ngoqeqesho emikhakheni efana neZolimo kanye ne-Mechatronics, phakathi kweminye.  
1.2.4. Lesi sikhungo siyingxenye yokuzinikela kukahulumeni ekuqinisekiseni ukuthi okungenani kunekolishi le-TVET elilodwa esifundeni ngasinye, bese kuthi esifundeni lapho kunabantu abaningi kakhulu abe ngaphezu kwelilodwa. Lokhu kuyingxenye yokutshala izimali kukahulumeni okuqhubekayo nokuhlosiwe ukuze kuzothuthukiswa ukufinyelela emfundweni ephakeme emva kukamatikuletsheni, njengengxenye yokucijisela isizwe sakithi ikusasa.   

1.3. Ezokuvakasha

1.3.1. IKhabhinethi liphinde lamukela ukuvulwa komgudu womkhumbi i-Nelson Mandela uvulwa yi-Mediterranean Shipping Company (i-MSC) ngokwesivumelwano no-Transnet sokusebenza ngokubambisana komkhakha kahulumeni nozimele (i-PPP). I-MSC itshale izimali ezilinganiselwa kwizigidi ezingama-R296.7 ekwakhiweni komgudu omusha, kanye nezigidi ezingama-R30 ezengeziwe ezibekelwe ukunwetshwa kwalo mgudu.  
1.3.2. IKhabhinethi livumelane nenkulumo kaMongameli u-Ramaphosa ngesikhathi ethi: “Lo mgudu ozosetshenziswa ngabaningi sewenze iTheku laba indawo elangazelelwa kakhulu imikhumbi yokuvakasha esuka emhlabeni jikelele”.

1.4. I-SA Connect isiqala ukudonsa 

1.4.1. IKhabhinethi lamukele ukwethulwa kwe-Gigabit Mesh Network eSigcemeni sokuQala sakuMasipala Wendawo i-Greater Kokstad eSifundeni i-Harry Gwala esiKwaZulu-Natali nezoxhuma amakhaya ayi-1 600 iphinde ivumele amalunga omphakathi ayizi-6 000 ukuthi afinyelele kwizinsizakalo ze-inthanethi.   
1.4.2. I-Gigabit Mesh Network Mzanzi Comnet yokuqala, eSifundeni sase-Harry Gwala, iyingxenye yohlelo lukahulumeni lwe-SA Connect okuhloswe ngalo ukuthi umhlaba wonke ufinyelele kwi-inthanethi exhaswe yisikhwama se-Broadband Access Fund. Le-inthanethi ingeyokuqala ukufakwa endaweni nokwenza iSigceme sokuQala sakuMasipala Wendawo i-Greater Kokstad kube yindawo yokuqala okufakwa kuyona i-inthanethi KwaZulu-Natali. 
1.4.3. Isikhwama i-Broadband Access Fund sesixhase amabhizinisi amancane, aphakathi namancanyana (ama-SMME) ahlinzeka nge-inthanethi ezweni lonkana nokusiza ekusungulweni kwamathuba emisebenzi kubantu abathile okuyintsha, abesifazane kanye nabantu abaphila nokukhubazeka. 
1.4.4. KuMasipala Wesifunda i-Harry Gwala ikakhulukazi, i-Broadband Access Fund ikwazile ukuthuthukisa ama-SMME ayi-12 (ngokusebenza ngaphansi kwenye inkampani) nalapho kusunguleke khona amathuba emisebenzi angama-79 kwintsha, abesifazane kanye nabantu abaphila nokukhubazeka. 
 
2. Ukulwisana nobugebengu nenkohlakalo

2.1. Ukubambisana emizamweni yomhlaba yokulwa nobugebengu
2.1.1. IKhabhinethi lincome uPhiko Oluphenya Ngobugebengu Obuphambili (oKlebe), ngokubambisana ne-Airports Company South Africa (i-ACSA), bahole umkhankaso obophe abasolwa abahlanu e-OR Tambo International Airport mhla we-15 kuLwezi 2023. 
2.1.2. Abasolwa baboshwa ngezinsolo zokushushumbisa izidakamizwa, ukwephula uMthetho Wezindiza zomphakathi, wezi-2009 (uMthetho we-13 wezi-2009) kanye nokwephula uMthetho Wentela Yempahla, we-1964 (uMthetho wama-91 we-1964). 
2.1.3. Lokhu kuboshwa kuyaxhumana nezidakamizwa ezashaqwa kamuva-nje e-Australia. Izidakamizwa ezashaqwa phesheya nakanjani ziyaxhumana nalaba basolwa abaseNingizimu Afrika, nokuholele ekuboshweni kwabasolwa ababili abasebenza e-ACSA, abasolwa ababili abasebenza e-Menzies Aviation kanye noyedwa osebenza e-Swissport.
 
2.2. Isilinganiso seRandi neDola (i-ZAR/USD) 
2.2.1. IKhomishini Yezokuncintisana kanye Nomgcinimafa Kazwelonke batshele kafushane iKhabhinethi ngodaba lwesilinganiso se-ZAR/USD. Ikakhulukazi, iKhomishini Yezokuncintisana ichaze kabanzi ngodaba olusenkantolo njengamanje kanjalo nezivumelwano ne-Citibank N.A. kanye ne-Standard Chartered Bank. 
2.2.2. IKhabhinethi leseka umsebenzi obalulekile owenziwa yiKhomishini Yezokuncintisana kulolu daba. Ngokubalula izinyathelo kwezinye izindawo odabeni olubandakanya isilinganiso sokuhweba se-ZAR/USD, iKhabhinethi linxusa ababhange aphendulayo abhekene nokushushiswa ezinkantolo zalapha ukuthi asebenzisane neziphathimandla zalapha njengoba enzile kulezo zakwamanye amazwe.  
2.3. Ukulwa nobhubhane lodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabesifazane (i-GBVF)
2.3.1. IKhabhinethi seliqinisekise isidingo sokubeka eqhulwini ukuqaliswa kweQhingasu Likazwelonke (i-NSP) elizobhekana nobhubhane lwesibili lwe-GBVF.  
2.3.2. IKhabhinethi liphinde layibona inqubekelaphambili esiyenziwe ngokungenelela kwe-NSP okuqhutshwa ngezinhlaka eziyisithupha ezilandelayo:

  • Uguquko olunzulu kwezomthetho;
  • Ukwesekwa kwabasindile ngokuhlinzeka ngezinsiza zokuqoqa ubufakazi eziteshini zamaphoyisa; 
  • Izinsizakalo ngokwengqondo nangokwenhlalo;
  • Ukusungulwa kweSikhwana Sokubhekana ne-GBVF esizoqinisekisa ukuthi uhulumeni nomkhakha ozimele bayaxhasa ekulweni ne-GBVF;
  • Ukweseka izikhungo Zokunakekela zeThuthuzela nezeKhuseleka, ezihlinzeka ngezinsizakalo ezibaluleke kakhulu kwabasinde kwi-GBV; 
  • Ukucijiswa ngokwezomnotho kwabantu besifazane.

2.3.3. Uhulumeni uzoqhubeka nokubamba izingxoxo nemikhakha eyehlukahlukene ukuhlanganisa indlela evumelana nomphakathi wonke yokulwisana ne-GBVF, kubandakanya nokulandelwa kwe-NSP emiphakathini ngokusebenzisa indlela yoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezifunda (i-DDM) ukuze iqaliswe ezingeni lezigceme. 
2.3.4. Ngalokhu-ke, iKhabhinethi lishayele ihlombe ukusingathwa ngokubambisana ngempumelelo kweNgqungquthela Yesithathu Yamadoda yoBumbano Lwamazwe ase-Afrika (i-AU) emayelana naMadoda Ahola uMkhankaso Wokuqeda uDlame Olubhekiswe Kwabesifazane Namantombazane neRiphabhulikhi yase-Comoros ePitoli kusuka mhla wama-27 kuya mhla wama-28 kuLwezi 2023.
2.3.5. INgqungquthela Yamadoda inikezele ngethuba lokuhlanganisa imizamo esithathwe iZinhloko Zombuso kanye Nohulumeni, neminye imikhakha ekuqedeni udlame olubhekiswe kwabesifazane namantombazane ezwenikazini. Le mizamo ifaka phakathi ukuziphendulela ekuqalisweni kweSimemezelo sase-Kinshasa kanye nezinqumo ezathathwa kwiNgqungquthela yangoNhlolanja wezi-2023 yeZinhloko Zombuso Nohulumeni mayelana nokuxoxisana ngeSivumelwano se-AU soKuqeda Ngodlame Olubhekiswe Kwabesifazane Namantombazane. 

3. Izindaba Zamazwe Ngamazwe

3.1. UMhlangano Okhethekile we-Brazil, i-Russia, i-India, i-China neNingizimu Afrika (i-BRICS) mayelana neSimo sase-Middle East.
3.1.1. IKhabhinethi lamukele ukuqhutshwa koMhlangano Okhethekile nguMongameli u-Ramaphosa, njengoSihlalo wamazwe angamalungu e-BRICS, omayelana neSimo sase-Middle East. 
3.1.2. Njengamazwe anezwi eliqavile eNingizimu yoMhlaba, umphumela walo Mhlangano Okhethekile weseka ikhwelo lomhlaba wonke lobumbano, ukubekezelelana kanye nokuxoxisana kubantu base-Palestine nakwa-Israel. 
3.1.3. Abaholi be-BRICS bacele ngazwilinye ukuthi kube khona ukuphendula kule ngxabano, esibulale izinkulungwane zabantu yashiya abaningi dengwane.  
3.1.4. IKhabhinethi ligcizelele ikhwelo lezizwe eziyingxenye ye-BRICS lokubeka phansi izikhali kanye nokuqeda udlame, okufaka phakathi ukubulawa kabuhlungu kwezakhamuzi nokuhlasela ngokungakhethi okuphinde kuqondiswe kwingqalasizinda yomphakathi. 
3.1.5. IKhabhinethi linethemba lokuthi ukubuyiswa kwabathunjiwe nokumiswa kwesikhashana kwempi ukuze labo abazosiza abantu bezokwazi ukungena e-Gaza kunikeza ithuba lokuxoxisana ngokubeka phansi izikhali kanye nesisombululo kulolu sizi lwabantu base-Palestine esingeke siguquke kanye nezinkinga zokuvikeleka kwabantu bakwa-Israel. 
3.2. INgqungquthela Yamaqembu yama-28 (i-COP28) emayelana neSivumelwano soHlaka lwe-UN Lokuguquguquka Kwesimo Sezulu (i-UNFCCC) 
3.2.1. INingizimu Afrika iyingxenye ye-COP28 ye-UNFCCC ebanjelwe e-United Arab Emirates (e-UAE) kusuka mhla wama-30 kuLwezi kuya mhla ziyi-12 kuZibandlela 2023. Kule ngqungquthela kuzokwenziwa okokuqala i-Global Stocktake, nezohlinzeka ngohlolo olunzulu lwenqubekelaphambili kusukela kwamukelwa iSivumelwano sase-Paris ngowezi-2015 iphinde isize ukwazisa amaqembu ukuthi alungiselele iminikelo yawo kazwelonke ebekiwe.  
3.2.2. Ithimba laseNingizimu Afrika lijutshwe ukuthi liyoxoxisana ngokuqaliswa ngokuphelele kwe-UNFCCC kanye neSivumelwano sase-Paris, kubandakanya nezinhloso zomhlaba mayelana nokunciphisa, ukuhambisana nesimo kanye nezindlela zokuqalisa izinyathelo zokubhekana nesimo sezulu. INingizimu Afrika igxile kakhulu kulokhu okulandelayo: 
3.2.2.1. Isidingo esiphuthumayo sokwenza kangcono ukusebenzisana kwamazwe ngamazwe ukuze kuthathwe izinyathelo zokubhekana nesimo sezulu kuyoyonke imikhakha yezomnotho nezenhlalo;
3.2.2.2. Isidingo senhloso eyandisiwe yalinganiswa kabusha yezezimali eyesekelwe phezu kwezidingo zamazwe asathuthuka futhi eyesekwa ukuqaliswa komhlahlandlela okuxoxisenwe ngawo;
3.2.2.3. Isidingo sokwakha umfutho wokuguqula indlela yokusebenza yezezimali emhlabeni ukuze amabhange athuthukisa amazwe ehlukene kanye nezikhungo zezezimali zingakwazi ukuhlinzeka ngemininingwane ephathelene nezezimali edingekayo ukumelana nokuguquka kwesimo sezulu, ikakhulukazi emazweni athuthukayo; 
3.2.2.4. Inqubekelaphambili ekusunguleni inhloso yomhlaba wonke ehambisana nesimo esifanele esisha nesibikezeliwe sezezimali.
3.3. Izwe lizophinde lethule i-South African Pavilion mhla wesi-6 kuZibandlela 2023, kwi-COP28 e-Dubai, e-UAE. I-South African Pavilion izohlinzeka umhlaba wonke ngobufakazi bokuthi ukusebenza ngokubambisana kwemikhakha eminingi e-Afrika kuyasebenza ngempela ukunciphisa imiphumela yokuguquguquka kwesimo sezulu, kanye nokubonisa umsebenzi wokuguqula iminotho kanye nokuqinisa imiphakathi ngendlela elula futhi elinganayo.

B. Izinqumo zeKhabhinethi 
1. Amagagasi Okusakaza Ngomoya Esikhathi Samanje 

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kweNqubomgomo yokugcina Yamagagasi Okusakaza Ngomoya Esikhathi Samanje.  
1.2. Inhloso yenqubomgomo ngukuvala igebe nemikhawulo eyabonakala kuMthetho Odingidwayo Wobuchwepheshe Bolwazi Nokuxhumana wangowezi-2016 futhi ilungiselela ukuchitshiyelwa kwezahluko ezifanele zoMthetho Wokuxhumana Ngobuchwepheshe Bemishini, wangowezi-2005 (uMthetho wama-36 wezi-2005), okufaka lokhu okulandelayo: 

  • Indima kanye nomsebenzi ongacacile kahle phakathi kukaNgqongqoshe nesiphathimandla (i-ICASA) okuholele ekungasebenzini kahle;
  • Igebe elibekhona ngesikhathi sokulawulwa kwamagagasi okusakaza ngomoya; 
  • Amagagasi okusakaza ngomoya azosebenzela labo abambalwa futhi abakhulu;
  • Ukungasebenzi kahle ekuhambiseni i-inthanethi ezindaweni ezisemakhaya, izindawo ezikude nezindawo ezinganakiwe. 

2. UMthetho Odingidwayo Wezimoto Ezihamba Ngogesi (ama-EV)

2.1. IKhabhinethi ligunyaze uMthetho Odingidwayo wama-EV okuhloswe ngawo ukuqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika iba yingxenye yoguquko lomhlaba olusuka ekusebenziseni izinjini ezishunqayo kuya ekusebenziseni ubuchwepheshe obusha bezimoto (izimoto ezihamba ngogesi). 
2.2. Inqubomgomo yeseka ukutshalwa kwezimali ekuthuthukisweni nasekukhulisweni kwezikhungo zokukhiqiza ezintsha nezikhona ukuze zizosiza ekukhiqizweni kwezimoto ezihamba ngogesi kuleli lizwe.
2.3. Imboni yezimoto eNingizimu Afrika idlala indima ebaluleke kakhulu ekukhuleni komnotho futhi isungule izinkulungwane zemisebenzi, kanti nezwe nalo licebe ngezimbiwa ezilibeka phambili endimeni yokwakhiwa kwezimoto ezihamba ngogesi. 
3. Ezakamuva ngokusungulwa kweSikhwama Sokuxhasa Abafundi emva kokuqeda isikole kanye nokuqeqeshwa
3.1. IKhabhinethi ligunyaze iSikhwama Sokuxhasa Abafundi emva kokuqeda isikole nokuqeqeshwa okuhloswe ngaso ukuxhasa abafundi, abangafanelekile ukuthola uxhasomali lokufunda kodwa futhi abangakwazi ukukhokha izindleko zokufunda.
3.2. Lolu hlelo loxhaso luzosiza abafundi imindeni yabo engafanelekile ukuthola uXhasomali Lwabafundi Lukazwelonke, ngemali efinyelela kwizi-R600 000 ngonyaka.   
3.3. Lolu xhasomali luzogxila ekugqugquzeleni ekutholeni amakhono kanye neziqu ezizosebenza kusasa, ngezicelo ezifanelekile ezingama-70% ezithole uxhasomali lwamakhono abalulekile kanye nama-30% ezifundo eziphathelene nabantu. 

4. UMthetho Odingidwayo Wokuhlaliswa Kwabantu Osahlongozwa 

4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthetho Odingidwayo Wokuhlaliswa Kwabantu osahlongozwa ukuze umphakathi uphawule ngawo. 
4.2. Kuhloswe ngawo ukuqinisa indlela umnyango uhlinzeka ngakhona izindawo zokuhlala abantu ezisimeme. Lo Mthetho Odingidwayo wazisa uhulumeni ukuthi asebenzise indlela eqonde ukusiza amakhaya ahlwempu kanye nalabo ababuthakathaka abafana nabantu abaphila nokukhubazeka. 
4.3. Inqubomgomo igqugquzela ukuxhumana phakathi kwezinhlaka ezintathu zikahulumeni ukuze ukwakhiwa kwezindlu zokuhlala abantu kuzoba yimpumelelo futhi kuhambe kahle. Izoqhakambisa ukufezeka kwamalungelo abantu baseNingizimu Afrika ukuba nezindlu ezanele nezindawo ezisimeme, kubandakanya nokweseka amathuba ezomnotho kanye nobumbano lomphakathi. 

5. INqubomgomo Esahlongozwa Ngokuhlinzekwa Kwezinsizakalo Zamanzi Nokuthuthwa Kwendle endaweni enomnikazi wayo 

5.1. IKhabhinethi ligunyaze iNqubomgomo esahlongozwa Ngokuhlinzekwa Kwezinsizakalo Zamanzi Nokuthuthwa Kwendle endaweni enomnikazi wayo. Le nqubomgomo ehlongozwayo kuhloswe ngayo ukubheka izindlela zokulungisa ukuhlinzekwa kwezinsizakalo zamanzi kubahlali abasezindaweni ezinabanikazi bazo ngokuqinisekisa ukuthi bathola amanzi aphephile naphuzwayo kanye nezindlu zangasese. 
5.2. Lokhu kuzakwesekwa kahle ngokuthi abantu abahlala kulezi zindawo ezingaphandle komasipala balandele izindlela zokuhlanzeka nezempilo ngokoMthetho Wezinsizakalo Zamanzi, we-1997 (uMthetho we-108 we-1997). 

6. UMthetho Odingidwayo Obuyekeziwe Wemindeni (i-WPF)

6.1. IKhabhinethi ligunyaze i-WPF Ebuyekeziwe ukuthi iqale ukusebenza. Inqubomgomo kuhloswe ngayo ukugqugquzela imindeni ephila kahle ethandanayo, enokuthula, ephephile, ezinzile futhi esimeme ngakwezomnotho.  
6.2. Inqubomgomo ibuka umndeni njengendawo engummongo yokukhula futhi ifuna ukuhlanganisa izinkinga zomndeni nezinhlelo zikahulumeni zokusungula imithetho ezogqugquzela imindeni ephile kahle kanye nokuthuthukiswa kwenhlalo-mnotho kuleli lizwe.  
6.3. I-WPF igcizelela iphuzu lokuthi imindeni ephilile iyisisekelo semiphakathi eqinile. Iyabona ukuthi imindeni iyayidlala indima yawo emphakathini uma isendaweni lapho ikwazi ukwenza izinto futhi ithola ukwesekwa. Uhulumeni uzoqalisa i-WPF ngokubambisana nomphakathi, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, izikhungo ezenza ucwaningo kanye nabanye ababambiqhaza emphakathini. Le nqubomgomo iyatholakala ku:www.gov.za

C. IMithethosivivinywa

1. UMthethosivivinywa Ngokuchithwa koMthetho weNkampani Yezindiza eNingizimu Afrika (i-SAA) 
1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa osahlongozwa Ngokuchithwa koMthetho we-SAA, wezi-2007 (uMthetho wesi-5 wezi-2007). 
1.2. Inhloso yalo Mthethosivivinywa ngukuchitha umthetho we-SAA wezi-2007, nozovumela ukutholwa ngokuphelele kozosebenzisana ne-SAA. Uzogcwalisela isinqumo seKhabhinethi sokuhlela kabusha i-SAA futhi ibe nezosebenzisana nayo kule nkampani ephethwe nguhulumeni.  
1.3. Yize i-SAA ifuna inkampani ezosebenzisana nayo ezoba nezabelo eziningi, uhulumeni uzolokhu engumnikazi wezabelo omkhulu enkampanini. 
2. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Obuyekeziwe Wegesi
2.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela obuyekeziwe Wegesi ukuze umphakathi uzophawula ngawo. Lo Mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukuhambelanisa imboni yegesi, phakathi kokunye, ubuchwepheshe obusha bezokuthutha igesi yemvelo negesi engajwayelekile engabalwanga kuMthetho Wegesi wamanje, wangowezi-2001 (uMthetho wama-48 wezi-2001).   
2.2. Izichibiyelo zizophinde zihambelanise umkhakha wegesi waseNingizimu Afrika nezindlela zokusebenza zomhlaba wonke kanye nentuthuko embonini yegesi. UMthethosivivinywa wethulwa okokuqala ePhalamende ngowezi-2021 kodwa wahoxiswa ngowezi-2022 ukuze kuzobhekwa imibono yabanye ababambiqhaza.  

3. UMthethosivivinywa Osahlongozwa Wezemishado wangowezi-2022

3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuchitshiyelwa koMthethosivivinywa Wezemishado osahlongozwa ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa ugcwalisela uMthetho Odingidwayo Wezemishado eNingizimu Afrika, owagunyazwa yiKhabhinethi ngoNdasa wezi-2022. 
3.2. UMthethosivivinywa ubeka iNingizimu Afrika ekutheni ibe noMthetho Wezomshado owodwa ophinde uhloniphe inkolo namasiko. UMthethosivivinywa uhlose ukuqinisekisa ukuthi yonke imishado iqhutshwa ngokuhambisana nezimiso zokulingana, ukungacwasi kanye nokugcina isithunzi somuntu njengokusho koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika wangowe-1996. 
3.3. UMthethosivivinywa ucacisa izinyathelo zokugwema ukushadiswa kwezingane kanye nalabo abashadiswa ngaphandle kwemvume yabo. 

4. UMthethosivivinywa Ohlongozwayo Womngcele Omikhakhaminingi (i-OSBP) 

4.1. IKhabhinethi ligunyaze uMthethosivivinywa we-OSBP ukuthi ulethwe ePhalamende.
4.2. Lo Mthethosivivinywa kuhloswe ngawo ukweseka izindlela zomthetho zamazwe ngamazwe ezifanele ezihambisana nokuhweba, ukuhamba kwabantu kanye nokuhanjiswa kwempahla, kanye nokusungulwa kwama-OSBP.
4.3. UMthethosivivinywa uphinde ugunyaze izivumelwano ezimayelana nezinhlelo ze-OSBP.  

5. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezezimali Zomhlalaphansi 

5.1 IKhabhinethi igunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezezimali Zomhlalaphansi.  
5.2 Lo Mthethosivivinywa wethula izichibiyelo zoMthetho Wezimali Zomhlalaphansi, wangowe-1956 (uMthetho wama-24 we-1956) ukuze uzonikeza ukuqaliswa kwendlela yokusebenza kwezomhlalaphansi embaxambili ezokwenza ukuthi imali yomhlalaphansi edonswayo iye ezindaweni ezimbili, eyokuqala izogcinwa kuze kufike isikhathi somhlalaphansi bese kuthi enye yona ingakwazi ukuthi ikhishwe ngaphambi kwesikhathi somhlalaphansi.   
5.3 Okunye okuhlinzekwa kulo Mthethosivivinywa ngukuthi amalunga esikhwama somhlalaphansi azokwazi ukuthola ingxenye ethile yemali yawo ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi. 

6. UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezokhetho wangowezi-2023 

6.1. IKhabhinethi ligunyaze ukulethwa ePhalamende koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Ezokhetho wangowezi-2023. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wezokhetho, wangowe-1998 (uMthetho wama-78 we-1998), uMthetho Wekhomishini Yezokhetho, we-1996 (uMthetho wama-51 we-1996), uMthetho Wezokuxhumana Ngobuchwepheshe be-Elektroniki wangowezi-2005 kanye noMthetho Wokuphathwa Kwezimali ZasePhalamende Nemithetho yezifundazwe wangowezi-2009. 
6.2. Lokhu kwenziwe ukuhlinzekela ukukhethwa kwalabo abangenela ukhetho abazimele kwiSigungu Sikazwelonke nakwizishayamthetho zezifundazwe. Lo Mthethosivivinywa, phakathi kokunye uphinde uchibiyele uMthetho Wokuxhasa Ngezimali Amaqembu Epolitiki, wangowezi-2018 (uMthetho wesi-6 wezi-2018) ukuze uzokwazi ukulawula uxhasomali oluzimele nolukahulumeni lwamaqembu epolitiki kanye nalabo abazimele abangenele ukhetho. 
D. Abaqashiwe 
Bonke abaqashiwe kufanele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
1. Nks. Ntsoaki “Shoeshoe” Qhu esikhundleni sokuba nguMphathi Omkhulu (i-CEO) woPhiko Lokuthuthukisa Ezokusakaza Nokwahlukana. 
2. Mnu. Sifiso Mdakane esikhundleni sokuba nguMqondisi-Jikelele (u-DG) woMnyango Wezemisebenzi Kahulumeni Nengqalasizinda.  
3. Dkt. Mokoditloa Eliakim Moemi esikhundleni sokuba ngu-DG kuMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu.  

E. Imicimbi Ezayo
1. USuku Lomhlaba le-AIDS 

1.1. Lo nyaka usho ukuphela kweminyaka engama-25 kukhunjulwa uSuku Lomhlaba lwe-AIDS ngaphansi kwengqikithi ethi: “Masivumele Imiphakathi Ihambe Phambili”. IPhini LikaMongameli u-Paul Mashatile, ngokwesikhundla sakhe njengoSihlalo woMkhandlu Kazwelonke we-AIDS eNingizimu Afrika uzohola umcimbi wesikhumbuzo osemthethweni ozobe useMandeni, kwiSifunda se-Ilembe KwaZulu-Natali.
2. IMbizo kaMongameli ye-DDM eFreyistata 
2.1 UMongameli u-Ramaphosa, ephelezelwa ngamalungu esigungu esiphezulu sazo zontathu izinhlaka zikahulumeni, bazobamba iMbizo kaMongameli ye-DDM ezoba kwiSifunda sase-Lejweleputswa, eFreyistata, mhla wesi-7 kuZibandlela 2023. 
2.2. Lena yiMbizo kaMongameli ye-DDM ye-11 kuHulumeni wehlandla Lesithupha. Inhloso yayo ngukunikeza ngezimpendulo kanye nokubuka emuva lokho okuphunyelelwe kukho kanye nalokho okwakwethenjiswe ngesikhathi sembizo kaMongameli yokuqala.
2.3 IMbizo kaMongameli ye-DDM iyinkundla ebaluleke kakhulu lapho umphakathi uzibandakanya khona ukuze kuqinisekiswe ukuthi imibono nezimvo zemiphakathi ziyazwakala. Ihlomisa imiphakathi ngolwazi oluzoletha uguquko abalufunayo.  
3. USuku Lomhlaba Lokulwa Nenkohlakalo  
3.1. INingizimu Afrika izohlanganyela nomhlaba wonke ekubungazeni uSuku Lomhlaba Lokulwa Nenkohlakalo mhla wesi-9 kuZibandlela 2023. Ukulwisana nenkohlakalo kuyinto uhulumeni ayibeke eqhulwini, nencike kakhulu ekuzibandakanyeni kwezakhamuzi nayo yonke imikhakha yomphakathi. 
3.2. IKhabhinethi licela wonke umuntu ukuthi ahlanganyele kule mpi ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi sinomphakathi onganayo inkohlakalo. Ngokusebenza ngokubambisana, singaqinisekisa ukuthi labo abenza inkohlakalo abanandawo yokucasha. 
4. INdebe Yomhlaba Yekhilikithi Lamadoda Angaphansi kwe-19 (U19) yoMkhandlu Wamazwe Ngamazwe Wekhilikithi (i-ICC) ngowezi-2024
4.1. INingizimu Afrika izosingatha imidlalo yeNdebe Yomhlaba Yekhilikithi Lamadoda angaphansi kwe-19 ye-ICC ngowezi-2024 kusukela mhla wama-20 kuMasingana kuya mhla ziyi-11 kuNhlolanja 2024. Lokhu kulandela emva kokuthi i-ICC isuse imidlalo yeNdebe Yomhlaba e-Sri Lanka yayiletha eNingizimu Afrika, okuyisinyathelo esithathwe kusele isikhathi esifushane kakhulu ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo. Lokhu kungokunye ukubonisa ukuthenjwa kweNingizimu Afrika kanye nekhono layo lokusingatha imicimbi emikhulu esezingeni lomhlaba ngaphandle kwezinkinga. 
5. Ingqungquthela ye-NGO Yezokuhlaliswa Kwabantu kanye Nomphakathi
5.1 Uhulumeni uzobamba ingqungquthela ye-NGO/CSO Yezokuhlaliswa Kwabantu ezoba mayelana nokubambisana kanye nokusheshiswa kokulethwa kwezidingonqangi mhla wama-30 kuLwezi kuya mhla lu-1 kuZibandlela 2023 eHhotela i-Birchwood e-OR Tambo Conference Centre ngaphansi kwengqikithi ethi: “Siqinisa Ukusebenzisana Okuzoletha izindawo Zokuhlalisa Abantu Ezingcono, Eziphephile futhi Ezisimeme”. 

E. Imiyalezo
1. Amazwi okuhalalisa

IKhabhinethi lihalalisela futhi lifisela okuhle laba abalandelayo: 
1.1. Nks. Nomsa Chabeli ngokubekwa esikhundleni sokuba i-Group CEO entsha yase-SABC. 
1.2. Abaphumelele emikhakheni eyehlukahlukene yemiklomelo yesibili kuleli lizwe ye-National Presidential SMMEs and Cooperatives Awards ngowezi-2023, okuyimiklomelo yokubungaza labo abenze ezibukwayo kuma-SMME nakumabhizinisi ngokubabeka ebalazweni likazwelonke nokubabonga.
1.3. IBanyana Banyana, njengoba bendizisela ifulegi lethu phezulu emidlalweni yokungenela i-Women's Africa Cup of Nations njengoba bezodlala ne-Burkina Faso e-Lucas Moripe Stadium, mhla we-4 kuZibandlela 2023.

2. Amazwi enduduzo 

Ikhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kumndeni nakubangani balaba abalandelayo:  
2.1. Iqhawe lama-Springbok u-Hannes Strydom, owayeyingxenye enkulu yeqembu elanqoba iNdebe Yomhlaba Yebhola Lombhoxo ngowe-1995. 
2.2. UKhomishani uLindiwe Lindiwe Octavia Ntuli-Tloubatla, obeyisishoshovu esilwela amalungelo obulili owasebenza emakomidini ehlukahlukene kwiKhomishini Yezokulingana Ngobulili.  
2.3. Umndeni wakwaKhomane, nabalandeli bonke bebhola ngokudlula emhlabeni kukaKapteni waphambilini weqembu le-Orlando Pirates uPapi Khomane, umama wakhe uNkk. Mrs Rita Khomane kanye nelinye ilunga lomndeni, abadlule emhlabeni emva kwengozi yemoto. UKhomane waphinde waba yingxenye yeqembu leBafana Bafana elanqoba indondo yethusi emidlalweni ye-Africa Cup of Nations ngowezi-2000.
2.4. Abasebenzi basemayini abayi-12 abashone kabuhlungu engozini eyenzeke e- Impala Platinum (e-Implats) liphinde lifisele abalimele abangama-88 ukululama okusheshayo. Umkhakha wemayini udlala indima ebaluleke kakhulu emnothweni neKhabhinethi linxusa imboni yemayini ukuthi ibeke phambili ukuphepha ezindaweni zokusebenza ezimayini. 

Imibuzo:
Nks. Nomonde Mnukwa
IBambela likaSomlomo kaHulumeni
Umakhalekhukhwini: 083 653 7485

Share this page

Similar categories to explore