Isitatimende Somhlangano weKhabhinethi obubanjwe ngobuxhakaxhaka bezokuxhumana ngoLwesithathu mhla zingama-25 kuNhlaba 2022

A.    Ezisematheni
1.    Imizamo yokutakula nokukhuculula kanye nokwakha kabusha ngemuva kokuhlasela kwezikhukhula 

1.1.    IKhabhinethi izwakalise amazwi ayo okutusa kanye nokubonga kubo bonke abantu kanye nezinhlangano ezibandakanyekayo emizamweni yokutakula nokukhuculula kanye nokwakha kabusha kulandela ukuhlasela kwezikhukhula ezishiye kukhalwa kwezinye izingxenye zezwe, ikakhulukazi KwaZulu-Natali. IKhabhinethi ibonge zonke izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, izinhlangano zamabandla ezenkolo, imiphakathi, osomabhizinisi kanye nezinhlangano zosizo ezihlinzeke ngokudla, izingubo zokugqoka, izingubo zokulala, izinsiza/izimpahla zokubuyisa isithunzi kanye nemifaniswano yesikole emindenini ehlwempu ukuze ikwazi ukuhlangabezana nezidingongqangi zayo.
1.2.    Isikhungo Sikazwelonke Sokuphathwa Kwenhlekelele siyaqhubeka nokudidiyela zonke izinhlaka zikahulumeni emizamweni yaso yokuhlinzeka ngezinsiza ezikhombisa isihe nobubele kubantu kuyona yonke imizi ekhahlamezekile. Izinsizakalo zokukhoselisa abantu zihlinzekiwe kubantu abangaphezu kwezi-7 000 kwizifunda okuyizona ezikhahlamezeke kakhulu KwaZulu-Natali. 
1.3.    Umsebenzi usuqalile maqondana nokwakhiwa kwezindawo zokuhlala zesikhashana zemindeni ekhahlamezekile ezindaweni zokwakha eziphethwe nguhulumeni ezihlonzwe KwaZulu-Natali ukuze abantu bakwazi ukuthuthelwa kuzona beyohlaliswa kabusha. IKhabhinethi ikuqinisekisile ukuzibophezela kukahulumeni ekuphatheni izimali zokusiza nokutakula abakhahlanyezwe yizikhukhula ngobuhlakani nobuyoninco kanjalo nokusebenzela obala. UMcwaningimabhuku Jikelele waseNingizimu Afrika uhlinzeka ngensizakalo yokuqapha ngeso lokhozi eyengeziwe futhi ukubekwa kabusha eqhulwini kwezimali kuyahambelana nohlelo lukahulumeni lokwabiwa kwezimali. 

2.    Ezakamuva ngeSifo Segciwane le-Corona (i-COVID-19) 
2.1.    IKhabhinethi inxuse bonke abantu abaseNingizimu Afrika ukuba bathathe izinyathelo zokuzivikela ukuze kunqandwe ukusabalala kwe-COVID-19 ngemuva kokuba izibalo zakamuva nje zibonise ukwenyuka okukhulu esilinganisweni sokuthelelana ngesifo kanye nokugula okuhlobene nesikhathi sasebusika lapha ezweni. 
2.2.    IKhabhinethi ikhumbuze bonke abantu ukuba baqhubeke nokuzigada bona uqobo kanye nabanye abantu ngokuhlanza njalo izandla noma ukusebenzisa isibulali-magciwane ezandleni zethu, ukugqoka isifonyo uma usendaweni evalelekile, ukugcina ibanga lokuqhelelana eliphephile, ukuvula amawindi ukuze kungene umoya kanye nokugoma. 
2.3.    Ukugoma kusalokhu kungukuzivikela okungungqa-phambili ukulwisana ne-COVID-19 njengoba kuvimbela ukugula okubi kakhulu, ukulaliswa esibhedlela ngisho nokufa imbala. Awudingi ukuthi ube nekheli lasekhaya ukuze ugome. Noma ubani, onomazisi noma ongenawo umazisi, angagoma mahhala kuzona zonke izikhungo zokugoma zikahulumeni ezweni lonkana.

3.    Nqanda ukucwasana ngokwebala!
3.1.    IKhabhinethi izihlaba zonke izenzo zokucwasa ngokwebala ezweni, kubandakanya nezigameko ezibikiwe esikoleni i-Good Hope Seminary High School kanye naseNyuvesi yase-Stellenbosch eNtshonalanga Kapa. Lezi zenzo ezithunazayo zilwisana namagugu esawathola ngokomthethosisekelo nokuyiwona esathola ngawo izwe lethu elibuswa ngentando yeningi labantu, abandakanya ukuhloniswa kwesithunzi somuntu, ukungacwasani ngokwebala, ukungacwasani ngokobulili, ubulungiswa bezenhlalakahle, ukulingana kanye nenhlonipho. 
3.2.    UMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 ungumhlahlandlela wethu esiwusebenzisayo maqondana nokuqeda ukuhlukana okwenyanyekayo kanye nokungabikhona kobulungiswa kwesikhathi esedlule. Abazali bayanxuswa ukuba bafundise izingane ukuba zikwenqabe ukucwasana ngokwebala kodwa zamukele ukubumbana yize sihlukahlukene, njengengxenye yomkhankaso wethu oqinile wokukhuthaza ukwakhiwa kwesizwe kanye nokubumbana komphakathi.
3.3.    Asisebenzisaneni ukuze siveze obala ukucwasana ngokwebala noma yikuphi lapho kuthathwa khona njengosikompilo futhi sithumele umyalezo ocacile wokuthi asinayo indawo yokucwasana ngokwebala ezweni lethu elibuswa ngentando yeningi labantu. 

4.    Ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika – kanye neJalimane
4.1.    IKhabhinethi ilwamukelile Uhambo Olusemthethweni olube yimpumelelo lukaShansela weRiphabhulikhi Yamazwe aseJalimane (i-Federal Republic of Germany), uMhlonishwa u-Olaf Scholz, ehambele lapha eNingizimu Afrika ngoLwesibili, mhla zingama-24 kuNhlaba 2022. 
4.2.    Uhambo Olusemthethweni lukaShansela u-Scholz lwenziwe ngesimemo sikaMongameli u-Cyril Ramaphosa, okunguyena ohola umkhankaso kahulumeni wokuqinisa amaxhama obudlelwano obuhle nezifunda kanye namazwe omhlaba, kanye nokuheha utshalomali oludingeka kakhulu.
4.3.    Laba baholi ababili badingide, phakathi kokunye, izindlela zokuthuthukisa ukusebenzisana emikhakheni enjengamandla kagesi kanye nokushintsha kwesimo sezulu, ukuhwebelana kanye notshalomali, kanye nokusabela kwi-COVID-19 kanye nesidingo esikhulu somgomo. Baphinde badlinza kabanzi ngentuthuko ekhona ezwenikazi lase-Afrika kanye nasemazweni omhlaba, kubandakanya nengxabano ese-Ukraine kanye nemithelela yayo eminothweni yamazwe omhlaba kanjalo nokutholakala kokudla kanye namandla kagesi okwanele. 
4.4.    IJalimane ayiyena nje kuphela umlingani wesibili ngobukhulu wokuhwebelana neNingizimu Afrika, kodwa iphinde ibe yisizinda sesithathu esikhulukazi sabavakashi baphesheya kwezilwandle, umtshalimali omkhulu kakhulu kanye nomlingani kwezentuthuko. 

5.    Ingqungquthela Yesihlanu Yamazwe Omhlaba Wonke maqondana Nokuqedwa Kokusetshenziswa Kwezingane
5.1.    IKhabhinethi ikwamukelile ukusongwa ngempumelelo kweNgqungquthela Yesihlanu Yamazwe Omhlaba Wonke maqondana Nokuqedwa Kokusetshenziswa Kwezingane ebibanjelwe eThekwini kusukela mhla ziyi-15 kuya kumhla zingama-20 kuNhlaba 2022. Ababambiqhaza abavela emhlabeni wonkana bebehambele le ngqungquthela, ebibanjwe ngokubambisana neNhlangano Yabasebenzi Yamazwe Omhlaba. 
5.2.    Ngemuva kokudingida imikhuba emihle yokusebenza eqaliswe ukusetshenziswa amazwe ahlukahlukene kanye nokuhlonza amagebe kanye nezinyathelo ezisheshayo ezidingekayo ukuze kusheshiswe ukuqedwa kwakho kokubili ukusetshenziswa kwezingane kanye nokusebenza ngempoqo, babe sebamukela isiqubulo esithi ‘Durban Call to Action’ ukuze kubhekwane nalesi sihlava esesiyinsakavukela sokusetshenziswa kwezingane.
5.3.    Ukusetshenziswa kwezingane kumele umphakathi omubi kakhulu futhi kuvulela izingane ezimweni eziyingozi. Kuhambelana nokuhlukumeza futhi kuvimbela izingane ukuba zithole imfundo kanye namanye amathuba okuzithuthukisa. Yonke ingane eNingizimu Afrika inelungelo elingenakuphikwa lokuvikelwa emikhubeni yokusetshenziswa ngokuxhashazwa.  
5.4.    Ilungelo lokuthola imfundo eyisisekelo libhaliwe kuMthethosisekelo wethu futhi ngokoMthetho Wezikole ZaseNingizimu Afrika, we-1996 (uMthetho wama-84 we-1996), “wonke umzali kufanele enze ukuthi wonke umfundi anesibopho phezu kwakhe aye esikoleni kusukela ngosuku lokuqala lwesikole lonyaka nokufanele lowo mfundi abe neminyaka eyisikhombisa kuze kube wusuku lokugcina lesikole lonyaka nokuyilapho lowo mfundi eyobe eseneminyaka eyi-15 ubudala noma esefunda iBanga lesishiyagalolunye, noma yikuphi okufika kuqala”. 
5.5.    NgokoMthetho Wezingane, wezi-2005 (uMthetho wama-38 wezi-2005), “akekho umuntu ongasebenzisa, athenge noma aqashe ingane enzela ukusetshenziswa kwezingane”.

B.    Izinqumo zeKhabhinethi
1.    Ukungena Esivumelwaneni Samazwe Omhlaba Sokuvikelwa Kwabo Bonke Abantu Ekunyamalaleni Ngempoqo (i-ICPPED)
 
1.1.    IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa kwe-ICPPED ePhalamende ukuze kucutshungulwe ukungena kweNingizimu Afrika esivumelwaneni. Le sivumelwano siyisibopho emhlabeni wonke jikelele seNhlangano Yezizwe Ezihlangene (i-UN) esibhekana nokwephulwa kwamalungelo abantu ngokunyamalaliswa kwabantu ngempoqo. 
1.2.    Isivumelwano sichaza ukunyamalaliswa ngempoqo ukuthi kubandakanye ukuthunjwa, ukuboshwa, ukuvalelwa noma yiluphi uhlobo okungaholela ekutheni umenzi wobubi anqabe ukuvuma noma afihle imbala lapho kukhona khona umgilwa. 
1.3.    Uma sesamukelwe ukuba sifakwe emithethweni yethu, iNingizimu Afrika kuzolindeleka ukuba ibike njalo ngemuva kweminyaka emibili kwi-UN mayelana nokuthi isisebenzisa kanjani isivumelwane lesi. Isivumelwano sihlinzeka ngezinyathelo zokuvikeleka okumele amazwe angamalungu aso azisebenzise ukuvimbela ukunyamalaliswa ngempoqo kwabantu emazweni awo ngokwehlukana kwawo. 

2.    Umbiko Wezwe wesine weNingizimu Afrika maqondana Nokuvikelwa kanye Nokukhuthazwa Kwamalungelo Abantu 

2.1.    IKhabhinethi igunyaze ukwethulwa koMbiko Wezwe wesine maqondana Nokuvikelwa kanye Nokukhuthazwa Kwamalungelo Abantu eMkhandlwini Wamalungelo Abantu Wenhlangano Yezizwe Ezinhlangene. Ithimba le-UN Lokubuyekezwa Komhlaba Jikelele Ngezikhathi Ezithile elibizwa ngokuthi yi-UN Universal Periodic Review lizowubuyekeza umbiko ekuhambeni kwesikhathi kulo nyaka. Selokhu yaqala ukuba ngelinye lamazwe asayinayo kwiSivumelwano se-UN Samalungelo Abantu, iNingizimu Afrika isibuyekezwe amahlandla amathathu, nalapho ubuyekezo lokugcina lwenziwa ngoMandulo wezi-2017.
2.2.    Umbiko uhlinzeka ngokwazisa kwakamuva maqondana nezincomo eziyi-187 ezavunywayo ohlelweni lokubuyekezwa lowezi-2017. Ukuphawula nezincomo kwathathwa kwimininingo eqinisekisiwe, ulwazi oluvela eminyangweni efanelekile, izikhungo ezasungulwa ngaphansi kweSahluko sesi-9 soMthethosisekelo kanye nezinhlangano zomphakathi ezifanelekile. 
2.3.    IKhabhinethi ijabule kakhulu ngenqubekelaphambili esiyenziwe ukuqalisa ukusetshenziswa kwezincomo kanye nangalezo zindawo ezisasetshenzwa. Umbiko uzotholakala emphakathini uma usuwethuliwe kwi-UN ngoNcwaba wezi-2022.

3.    Inqubomgomo Yokuphathwa Kwamanzi Asezimayini yowezi-2022
3.1.    IKhabhinethi igunyaze inqubomgomo Yokuphathwa Kwamanzi Asezimayini yowezi-2022 ukuba iqaliswe ukusebenza. Inqubomgomo ihlinzeka ngezindlela zokuvikela kanye nokulondoloza ukusetshenziswa kwamanzi. Yenza kube khona ukuhambelana phakathi kwemisebenzi yezomnotho eyenziwa ezimayini kanye nesibopho sokuhlinzeka ngokusetshenziswa kwamanzi okusimeme ezweni.
3.2.    Phakathi kokunye ukungenelela, inqubomgomo icacisa ngemisebenzi kanye nezibopho ezikhona ezinhlakeni zontathu zikahulumeni mayelana nezindaba zamanzi asezimayini. Izinguquko ezihlongozwayo zizoxazulula izingqinamba zokufakwa konswinyo kulabo abangcolisa imvelo futhi zizokwenza kube lula ukunxenxela ukusetshenziswa komgomo wokuthi lowo ongcolisile akhokhe. Inqubomgomo isungulwe ngokuhambelana noMthetho Kazwelonke Wamanzi, we-1998 (uMthetho wama-36 we-1998).

4.    Umbiko mayelana Nohlakakusebenza oluqondene Nokuhlela Okusabelayo Ezindabeni Zobulili, Ukwabiwa Kwezimali, Ukuhlolwa Kokuqapha kanye Nokucwaningwa Kwamabhuku
4.1.    IKhabhinethi yamukele umbiko wenqubekelaphambili esiyenziwe maqondana nokuqalisa ukusebenza koHlakakusebenza oluqondene Nokuhlela Okusabelayo Ezindabeni Zobulili, Ukwabiwa Kwezimali, Ukuhlolwa Kokuqapha kanye Nokucwaningwa Kwamabhuku.   
4.2.    IKhabhinethi iyincomile inqubekelaphambili enkulu eyenziwe iningi leminyango kahulumeni ekufakeni ezinhlelweni zayo uhlakakusebenza olwamukelwa ngowezi-2019 ukuze luqale ukusebenza.  
4.3.    Iminyango eminingi isiqalise ukusebenza izinto eziseqhulwini zenqubomgomo ezizoqondisa izinhlelo zokuhlukaniswa ngemikhakha ezisophe abantu besifazane, intsha kanye nabantu abaphila nokukhubazeka. IKhabhinethi isinxuse ukuba kube khona ukuqapha okuqinile kanye nokubika, ikakhulukazi kule eminye iminyango ebingakaqali ukubika.

5.    Inkulumo-mpendulwano Yentsha ka-Nelson Mandela (i-NMYD)
5.1.    IKhabhinethi ivumile ukuba i-NMYD yenzeke njalo ngonyaka kusuka ngowezi-2022. I-NMYD yokuqala ngqa izobanjwa kusukela mhla ziyi-7 kuya mhla zingama-20 kuNtulikazi 2022. Lolu uhlelo oluphethwe yihhovisi likaMongameli elinikeza intsha yaseZwenikazi lethu inkundla yokuxoxisana ngezinkulumo-mpendulwano ezakhayo maqondana nezinkinga ebhekene nazo.  
5.2.    Izinkulumo-mpendulwano – isisekelo sazo sizoba ngaphansi kwegama lengqalabutho yethu eyaziwa umhlaba wonke nowayenguMongameli waphambilini u-Nelson Rolihlahla Mandela – zizoqala izingxoxo ezizogxilisa usiko lobuholi obuqotho e-Afrika.
5.3.    Zizonikeza abantu abasha ithuba lokwabelana ngamagugu amasiko abo anothile. Lolu hlelo luzophinda luqinise ubudlelwano kumuntu nomuntu phakathi kwentsha yasezwenikazi lethu. UMnyango Wabantu Besifazane, Intsha, Abantu Abaphila Nokukhubazeka uzohlinzeka ngemininingwane yohlelo lwemicimbi ekuhambeni kwesikhathi.

6.    Umbiko Wonyaka Wokuqapha Ukusebenza wezi-2021/2022 maqondana Nokusimamiswa Kwabantu Besifazane kanye Nokulingana Ngokobulili, Ukuthuthukiswa Kwentsha kanye Nokukhuthazwa Kwamalungelo Abantu Abaphila Nokukhubazeka
6.1.    IKhabhinethi yamukele umbiko wonyaka wokuqapha ukusebenza wezi-2021/22 maqondana nokusimamiswa kwabantu besifazane, intsha kanye nabantu abaphila nokukhubazeka. Umbiko ulandelela izinkomba ezisemqoka ekukhuthazweni kokulingana, izinga lokuqashwa kanye nobunikazi kanye nokubandakanywa kwalawa maqembu abantu emisebenzini yeminyango kanye nezikhungo eziphethwe nguhulumeni.
6.2.    Umbiko uhlanganiswe ngokuqhathaniswa nokuhlelwa kwesabiwomali esisabelayo ezindabeni zobulili, ukuqapha, ukulinganisa kanye nohlakakusebenza lokucwaningwa kwamabhuku olwamukelwa yiKhabhinethi ngowezi-2019.

C.    IMithethosivivinywa
1.    UMthethosivivinywa Wokuchibiyela Wezempilo Ezimayini kanye Nezokuphepha

1.1.    IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchibiyela Wezempilo Ezimayini kanye Nezokuphepha ukuze kutholwe imibono yomphakathi ngawo. UMthethosivivinywa uhlose ukwenza ngcono ezempilo kanye nezokuphepha kwabasebenzi basezimayini, kubandakanya nendawo lapho imisebenzi yasezimayini yenzelwa khona. UMthethosivivinywa uchibiyela uMthetho wamanje Wezempilo Ezimayini kanye Nezokuphepha, we-1996 (uMthetho wama-29 we-1996).
1.2.    Izichibiyelo ezibuyekeziwe zihlinzeka, phakathi kokunye, ukucacisa amanye amagama akhona kuMthetho, ziqinisa uhlakakusebenza lokulawula ezempilo kanye nezokuphepha futhi ziluhambelanise nezindlela zokusebenza ezingungqaphambili emazweni omhlaba mayelana nezokuphepha ezimayini. 

2.    UMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa KoMthethosisekelo Kweshumi Nesishiyagalombili wezi-2022  
2.1.    IKhabhinethi igunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokuchitshiyelwa KoMthethosisekelo Kweshumi Nesishiyagalombili wezi-2022 ukuze kutholwe imibono yomphakathi ngawo kanye nokuthi uNgqongqoshe Wezobulungiswa kanye Nezinsizakalo Zokuhlunyeleliswa Kwezimilo, uMnu Ronald Lamola, angasikhipha isaziso esinemininingwane yesichibiyelo esihlongozwayo kuMthethosisekelo. 
2.2.    UMthethosivivinywa uchibiyela iSigaba 6(1) soMthethosisekelo weRiphabhulikhi YaseNingizimu Afrika we-1996, esazisa ngokuthi izilimi eziyi-11 ezisemthethweni eNingizimu Afrika yiSepedi, Sesotho, Setswana, Siswati, Tshivenda, Xitsonga, isiBhunu, isiNgisi, isiNdebele, isiXhosa kanye nesiZulu. 
2.3.    Izichibiyelo zizokwazisa noma zizokwethula uLimi Lwezimpawu LwaseNingizimu Afrika (i-SASL) njengolimi lwe-12 olusemthethweni lakuleli lizwe futhi zizothuthukisa ukwamukelwa kwalo ngokwamasiko ziphinde ziqinisekise amalungelo alinganayo kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika, kungakhathalekile ukukhubazeka kwabo abaphila nakho. UMnyango Wemfundo Eyisisekelo usuvele uyayamukela i-SASL njengolimi lwasekhaya. 

D.    Imicimbi Ezayo
1.    Isonto Lokuvikelwa Kwabantwana 

1.1.    INingizimu Afrika izoqala iSonto Likazwelonke Lokuvikelwa Kwabantwana kusukela mhla zingama-29 kuNhlaba kuya mhla zi-4 kuNhlangulana 2022 ngaphansi kwendikimba ethi: “Asivikeleni Abantwana ngesikhathi se-COVID-19 Nangemuva Kwayo”. 
1.2.    Kuleli sonto, kuzogxilwa kakhulu odabeni oluthinta uzwelonke lokukhulelwa kwamatshitshi, okubonakale kudlondlobala ngesikhathi se-COVID-19 lapho kubonakale amatshitshi amaningi ethola izingane ubuthaphuthaphu ngowezi-2020.
1.3.    IKhabhinethi inxenxe ukuba kube nomzamo ohlanganyelwe owenziwa ngabazali, izinhlangano zomphakathi, amaqoqo amabandla ahlukene kanye nomphakathi ngobubanzi ukusiza ukuguqula isimo sokudlondlobala kokukhulelwa kwamatshitshi.

2.    Inkundla Yezomnotho Womhlaba (i-WEF)
2.1.    INingizimu Afrika ibambe iqhaza kwi-WEF e-Davos-Klosters, e-Switzerland kusukela mhla zingama-22 kuya mhla zingama-26 kuNhlaba 2022, ngaphansi kwendikimba ethi: “Sisebenza Ndawonye, Sibuyisa Ithemba”. 
2.2.    INingizimu Afrika iyalazisa kakhulu ithuba lokuba yingxenye yesisombululo kanye nokwabelana ngezimo zethu esesike sabhekana nazo enkundleni yomhlaba wonke. Ukuba khona kwezwe lethu kwi-WEF kuphinde kube semqoka kakhulu ekukhuliseni isithunzi sethu njengendawo umhlaba wonke ongatshala kuyona izimali, ukwabelana nomhlaba wonke umbono wethu wekusasa kanye nokuqhakambisa intuthuko entsha eyenzeka ezweni lethu.

3.    Inyanga Yentsha 
3.1.    IKhabhinethi igun
yaze Uhlelo Lwenyanga Yentsha yowezi-2022 ngaphansi kwendikimba ethi: “Ukukhuthaza ukuziphilisa okusimeme kanye nokuphikelela kwabantu abasha ukuze babe nekusasa elingcono”. Usuku Lwentsha olusemthethweni luzogujelwa eMpumalanga Kapa.  
3.2.    Lo nyaka uwunyaka wama-46 wokubungaza izibhelu zabafundi zangomhla ziyi-16 kuNhlangulana 1976 e-Soweto lapho abantu abasha babhikishela khona ukufakwa ngempoqo kwesiBhunu umbuso wobandlululo njengolimi lokufunda nokufundisa.
3.3.    Ngokuvunguza komoya kaNhlangulana we-1976, iKhabhinethi inxuse intsha yakuleli lizwe ukuba ilwisane nenselelo yokwenyuka kokungasebenzi kwentsha ngokuthi ibambe iqhaza ezinhlelweni ezithuthukisayo ezinjengokufundela umsebenzi kanye nokufundela ukwenza umsebenzi ngaphakathi enkampanini. 
3.4.    Uhulumeni usesungule izinhlelo zokweseka ukuqashwa kwentsha kanye nokusungulwa kwemisebenzi yesikhathi esifushane. Amabhizinisi nawo ayagqugquzelwa ukuba aqashe abantu abasha abaningi ngokusungula amathuba emisebenzi yentsha. 
3.5.    Uhlelo lwentsha lwenyanga yonke kaNhlangulana lubandakanya imisebenzi enhlobonhlobo kusukela ekwethulweni komkhankaso wamavulandlela amancane, ukwethulwa koHlelo Lwenxusa Le-NYDA kanye nokuvulwa kwamagatsha amaningi eNsizakalo Kazwelonke Yentsha ezweni lonkana. 
3.6.    UNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli Wabantu Besifazane, Intsha kanye Nabantu Abaphila Nokukhubazeka uzothukulula maduze nje uhlelo lonke oluphelele. Yonke imisebenzi yentsha kuzolindeleka ukuba ithobele imigomo yezempilo ye-COVID-19.

4.    Inkomfa Yomhlaba Womphakathi 
4.1.    Uhulumeni, ngokubambisana neNdlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko, uzobamba Inkomfa Yomhlaba Womphakathi ngoLwesihlanu, mhla zingama-27 kanye noMgqibelo, mhla zingama-28 kuNhlaba 2022 ukuzodingida izindaba eziphathelene nobunikazi bomhlaba. 
4.2.    Lezi zindaba zibandakanya nohlelo lokudluliswa komhlaba womphakathi ususwa kuMbuso unikezwa abanikazi bawo bangempela abafanelekile, okusemqoka kakhulu ukuze kusimamiswe imiphakathi yasezindaweni ezisemakhaya. Ukwentuleka kobunikazi obusemthethweni bomhlaba ezindaweni ezisetshenziswa imiphakathi ngokuhlanganyela akuthunazi kuphela amalungelo abantu okukwazi ukuba abanikazi bomhlaba abaphila kuwona kodwa kuphinde kunqinde amandla abo okuwusebenzisa ngendlela ezokwenza ngcono izimpilo zabo ngakwezomnotho.

E.    Imiyalezo

1.    Siyanihalalisela
IKhabhinethi idlulise amazwi ayo okuhalalisa kanye nezifiso ezinhle ku: 

  • Nksz Leanne Manas, Umethuli Wohlelo Lwasekuseni kwa-SABC, ohlonishwe ngendondo ye-Knight of the French National Order Merit ngoLwesibili, mhla ziyi-17 kuNhlaba wezi-2022, ngegalelo lakhe emsebenzini wobuntatheli, umthombo wezindaba kanye neminye imisebenzi enhlobonhlobo esemqoka yesihe nokunikela emphakathini.
     

2.    Amazwi Enduduzo 
IKhabhinethi idlulise amazwi enduduzo nokuzwelana nomndeni kanye nabangani baka: 

  • Mnu Mpho Moerane (52), uSodolobha Omkhulu Wedolobha LaseGoli wangaphambilini, futhi obeyisishoshovu sezepolitiki impilo yakhe yonke kanye nomsebenzeli wabantu baseGoli. Ngaphambi kokuba aqokwe njengoSodolobha Omkhulu, usebenze njengeLungu Lekomidi Lomkhandlu Elibhekelele Ezemvelo kanye Nezinsizakalo Zengqalasizinda. 
  • Dkt Deborah Fraser (56), iciko lomculo wokholo eselinqobe izindondo ezehlukahlukene elisanda kuhlonishwa Ngeziqu Zobudokotela Benjulalwazi Yomculo Ongcwele ethweswa yi-Christian Leadership Academy.
  • Dkt Namane Magau (70), isifundiswa esihloniphekile kanye nelungu elihlonishwayo leBhodi Labaphathiswa BoMkhandlu Kazwelonke WaseNingizimu Afrika We-AIDS.
  • Mnu Mike Schüssler (60), usomnotho owaziwayo waseNingizimu Afrika owayeyiqhawe kule mboni futhi wayehlinzeka ngobuhlakani bakhe esimweni sezomnotho waseNingizimu Afrika.
  • Mnu Jamie Bartlett (56), umlingisi waseNingizimu Afrika obatshazwayo nonqobe izindondo ezihlukahlukene zemidlalo yaseshashalazini kanye neyakumabonakude, obaziwa kakhulu ngezindawo azidlalile njengo-Mike O'Reilly emdlalweni Isidingo kanye no-David Genaro emdlalweni i-Rhythm City.
  • IKhabhinethi iphinde yahlanganyela noMongameli u-Ramaphosa ngokwedlulisa amazwi enduduzo kuhulumeni kanye nabantu base-United Arab Emirates (e-UAE) kulandela ukudlula emhlabeni Komuntu Wakomkhulu u-Sheikh Khalifa bin Zayed Al Nahyan (73), uMongameli wase-UAE.
     

F.     Abaqashiwe
Ukuqashwa kwabo bonke abalandelayo kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikeziwe izimvume ezifanelekile.

1.    Mnu Bongani Sinenhlanhla Dladla njengeSikhulu Esiphezulu seBhodi Lokuthuthukiswa Kwemboni Yezokwakha.
2.    Mnu Shabeer Hamid Khan njengoMgcinimabhuku Jikelele eHhovisi likaMgcinimafa Kazwelonke.
3.    Nksz Mendoe Ntswahlana njengeSikhulu Sokuthengwa Kwempahla Nezinsizakalo eHhovisi likaMgcinimafa Kazwelonke.
4.    IKhabinethi ivumelene ngokuqokwa kwalaba bantu abalandelayo ukuvala izikhala eBhodini Labaqondisi Besikhwama i-Central Energy Fund:

(i)    Mnu Mosimaneotsile Jim Besnaar; 
(ii)    Nks Unati Nombakuse-Figlan. 

Imibuzo:
Nksz Phumla Williams – Okhulumela iKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore