Inkulumo Echaza Isimo Sezwe Ethulwa NguMhlonishwa Jacob G Zuma, UMongameli WeRiphabhulikhi YaseNingizimu Afrika Ngenkathi Kuhleli Ngokuhlanganyela Izindlu Zombili zePhalamende, eKapa

Somlomo ohloniphekile weSigungu Sikazwelonke,
Sihlalo woMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (NCOP),
IPhini LikaSomlomo weSigungu Sikazwelonke kanye nePhini LikaSihlalo we-NCOP,
IPhini LikaMongameli weRiphabhulikhi, uMhlonishwa Kgalema Motlanthe,
IPhini LikaMongameli Waphambilini u-FW de Klerk,
IPhini LikaMongameli Waphambilini uBaleka Mbete,
UMhlonishwa iJaji Eliyinhloko leRiphabhulikhi, kanye nawo wonke amalungu ahloniphekile oPhiko Lwezobulungiswa,
USihlalo ohloniphekile weSithangami sePhalamende se-SADC noSomlomo wePhalamende laseZimbabwe, uMnu Lovemore Moyo,
ONgqongqoshe Abahloniphekile namaPhini oNgqongqoshe,
UNgqongqoshe ohloniphekile Wezobudlelwane Namanye Amazwe weRiphabhulikhi Yase-Angola, uMnu Rebelo Chikoti,
UNgqongqoshe ohloniphekile Wezangaphandle eRiphabhulikhi yaseMozambique, uMnu Julio Baloi,
ONdunankulu kanye noSomlomo beZifundazwe zethu Abahloniphekile,
USihlalo we-Salga, nabo bonke ubuholi bohulumeni basekhaya,
USihlalo WeNdlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko,
Izinhloko Zezikhungo ZikaHulumeni Ezeseka Ukubusa Ngentando Yabantu,
UMphathi WeBhangengodla,
Abaholi bemikhakha yonke, kusukela kwezamabhizinisi, ezemidlalo, ezendabuko kanye nabaholi bezenkolo,
Amalungu ezigungu zamanxusa,
Izivakashi ezikhethekile neziqavile,
Zakhamizi zakwelakithi eNingizimu Afrika,

Dumelang, good evening, goeienaand, molweni, thobela, xewani!

Ngithanda ukunibingelela ngemfudumalo nonke ngalolu suku olubalulekile.

Kuyilungelo ukukhuluma nabantu baseNingizimu Afrika kule Ndlu nasemakhaya abo nasezindaweni ababukele kuzo kulo lonke leli.

Ngamukela ngemfudumalo namaNxusa noKhomishana Abaphakeme abamelele amazwe ayi-146, iNingizimu Afrika enobudlelwane nawo. Siyakwazisa kakhulu ukuba khona kwenu ezweni lakithi.

Bantu bakithi nabangane,

Le Nkulumo Echaza Isimo Sezwe yenzeka onyakeni obalulekile emlandweni wezwe lakithi, lapho iqembu elibusayo, uKhongolose, eqeda iminyaka eyikhulu.

Njengoba siphawula lesi senzakalo, siqaphela umsebenzi wabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ekuletheni izwe elikhululeke ngempela, elingacwasi ngokobuhlanga nangokobulili, elibuswa ngentando yabantu nelichumayo.

Sifisa ukuqokomisa omongameli baphambilini bakaKhongolose abahola umzabalazo wethu wenkululeko futhi bakha impilo engcono ezizukulwaneni ngezizukulwane. Simethulela isigqoko uJohn Langalibalele Dube, uSefako Makgatho, uZac Mahabane, uJosiah Gumede, uPixley ka-Isaka Seme, u-AB Xuma, u-JS Moroka, iNkosi Albert Luthuli, u-Oliver Tambo, uNelson Mandela kanye noThabo Mbeki.

Siyayamukela imindeni yoMongameli baphambilini bakaKhongolose eyizivakashi zethu eziqavile namuhla kusihlwa.

Siyabaqaphela nabanye ababa neqhaza emzabalazweni wenkululeko ? i-Black Consciousness Movement, eyayiholwa uMnu Steve Biko, ondodana yakhe uSamora nayo iyisivakashi sethu esiqavile, ne-Pan-Africanist Congress, eyayiholwa uMnu Robert Sobukwe.

Siphinde siqaphele neqhaza leLungu lePhalamende laphambilini elingasekho, uNksz Helen Suzman, owayeyizwi elikhuluma lodwa kuyo le Ndlu, lilwisana nemithetho yengcindezelo.

Malungu ahloniphekile,
Bantu bakithi nabangane,

Unyaka wezi-2012 ubalulekile futhi ngoba uphawula ukugujwa kweminyaka eyi-16 yoMthethosisekelo weRiphabhulikhi, ovela ngokucacile ezimisweni zethu zokubusa ngentando yabantu.

UMthethosisekelo isitatimende sombono waseNingizimu Afrika, esiqondisa izinqubo-mgomo nezenzo zethu. Siqinisekisa kabusha ukuzibophezela kwethu ekuthuthukiseni izimiso zoMthethosisekelo wezwe lethu ngazo zonke izikhathi.

Bantu bakithi nabangane,

Kumhlangano (i-Lekgotla) weKhabhinethi wangoMasingana, sanquma ukwenza ukubuyekeza kwaphakathi nehlandla, sibheke inqubekela-phambili kusukela ngowezi-2009 kuze kube manje, kunokuba senze ngendlela evamile yokubuyekezwa konyaka.

Loku kubuyekeza kwaphakathi nehlandla kwabonisa ukuthi ikhona inqubekela-phambili emikhakheni yezempilo, ezemfundo, ukulwa nobugebengu, ukuhlaliswa kwabantu, amandla, ukuhlinzekwa kwamanzi, ukuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya nokunye.

Nokho, inselele engunxantathu yokwesweleka kwemisebenzi, ubumpofu nokungalingani isaqhubeka, naphezu kwenqubekela-phambili eyenziwe. Abantu base-Afrika, abesifazane nentsha bayaqhubeka behlupheka kakhulu ngenxa yale nselele.

Somlomo noSihlalo abahloniphekileyo,

Njengekhabhinethi kazwelonke sithathe isinqumo sokuthi kufanele senze ngokwedlulele, ukukhulisa umnotho wezwe, ukuze siqede lezizinkinga zokwesweleka kwemisebenzi, ubumpofu kanye nokungalingani ezweni.

Ilezo zinto ezintathu esizobhekana nazo ngqo, kulonyaka naseminyakeni ezayo.

Bantu bakithi,

Ngesikhathi sithola inkululeko ngonyaka we-1994, iNingizimu Afrika yathola nenkinga yokwesweleka kwemisebenzi ngenxa yokuntuleka kwamakhono nokunye okuhlehlela emuva kuya kowe-1970. Imisebenzi yaqhubeka iwohloka ngonyaka we-1990 nasekuqaleni kowezi-2000 ngenxa yokukhula kancane komnotho nokuncipha kwemisebenzi ezimayini zegolide nakwezolimo.

Nakuba imisebenzi yavuleka kakhulu phakathi kowezi-2003 nowezi-2008, ukwesweleka kwemisebenzi akuzange kwehle kube ngaphansi kwamaphesenti angama-20.

Imisebenzi yabuye yathikamezeka futhi phakathi nokuwohloka komnotho ngowezi-2009.

Ngenhlahla, uhulumeni wangena kule nkathi yokuwohloka komnotho ngowezi-2008 kuya kowezi-2009 enesimo sezimali esikahle, kanye nezinga eliphansi lesikweletu uma kuqhathaniswa.

Lokhu kwenza ukuba sikwazi ukusabela kahle ezimweni zomnotho eziwohlokayo.

Ngokwesibonelo, senyusa imali esiyisebenzisa kwezokuvikeleka komphakathi nasekuthuthukiseni izingqalasizinda ukuze sikhuthaze umnotho, ikakhulukazi ngohlelo lokwakha lweNdebe Yomhlaba Yebhola Likanobhutshuzwayo ye-FIFA Yowezi-2010.

Ngokubona obunye balobu bunzima kanye nesidingo sokuqhela ekuhleleni izinto ngamacozucozu, sathatha isinqumo ngowezi-2009 sokusungula iKhomishane Yokuhlela Kuzwelonke futhi sayicela ukuba yenze uhlelo lokuthuthukiswa kwezwe lonke, njengoba kusho uMthethosisekelo weRiphabhuliki.

Le khomishana yakhipha uhlaka lokuqala loHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe ukuze lucatshangelwe, olubheka ukuthi sifuna ukuzibona sikuphi eminyakeni engama-20 ezayo.

Lolu hlelo lubuye lubhekelele nggo ukuqedwa kobumpofu nokungalingani njengezinto ezibalulekile okumelwe zinakwe.

Ngakho-ke, isixazululo saleli zwe ukukhula komnotho okuthe xaxa kanye nokuvulwa kwamathuba emisebenzi ukuze kuncishiswe futhi ekugcineni kuqedwe ubumpofu nokungalingani.

Njengezwe elisathuthuka elisesizindeni somnotho oxubile, sibona ukuthi indima yethu ukuhola futhi siqondise umnotho nokuthi singenelele ukuze kusizakale labo abadla imbuya ngothi, uma sicabangela umlando wezwe lakithi.

Ngenxa yalo msebenzi osemahlombe ethu, ngowezi-2010 saqalisa uhlaka loMgudu Omusha Wokukhulisa Umnotho futhi sahlonza le mikhakha ezovula amathuba emisebenzi, ukuthuthukiswa kwezingqalasizinda, ezokuvakasha, ezolimo, ezokumbiwa phansi, ezokukhiqiza kanye nomnotho obhekelela imvelo.

Samemezela owezi-2011 njengonyaka wokuvulwa kwamathuba emisebenzi, futhi sahlela nalabo esibambisene nabo, abamabhizinisi, abasebenzi kanye nomphakathi, ukuba basebenzisane nathi ekuqaliseni loMgudu Omusha Wokukhulisa Umnotho.

Imiphumela iqinisa idolo, nakuba zisekhona izingqinamba, ngenxa yesimo sezomnotho emhlabeni wonke.

Izibalo zekwata yesine ezikhishwe ngoLwesibili, zibonisa ukuthi izinga lokusweleka kwemisebenzi lehlile lisuka kumaphesenti angama-25 liya kwangama-23,9 ngenxa yemisebenzi emisha.

Phakathi nowezi-2011, kwaqashwa abantu abangama-365 000 sebebonke. Isibalo esihle kakhulu kuleli zwe kusukela ekuwohlokeni komnotho ngowezi-2008.

Okunye okubalulekile ukuthi yonke le misebenzi emisha isemikhakheni yomnotho ehleliwe, imikhakha enjengowezokumbiwa phansi, ezokuthutha, izinsizakalo zomphakathi nezokuhweba, ukusho nje okumbalwa.

Zimbili izinto eziyinhloko esazenza kahle ngowezi-2011, ezibe neqhaza kule mpumelelo esiyithole ngokubambisana.

Okokuqala, safaka ukuvulwa kwamathuba emisebenzi kuzo zonke izinhlangano zikahulumeni, kuhlanganise namabhizinisi kahulumeni.

Okwesibili, saqinisa izingxoxo nokubambisana phakathi kukahulumeni, amabhizinisi kanye nomphakathi.

Izivumelwano, ezasayinwa uhulumeni, amabhizinisi nabasebenzi mayelana nokuthengwa kwezimpahla nezinsizakalo, ukuthuthukiswa kwamakhono, imfundo eyisisekelo kanye nomnotho obhekelela imvelo, ziqinisekisa injongo yethu eyodwa kanye nokuzimisela ukwakha leli zwe.

Uhulumeni eyedwa ngeke azixazulule izinkinga ezibhekene naleli zwe, kodwa ngokusebenzisana, singakwazi ukuthola izixazululo.

Bantu bakithi,

Ake ngithathe leli thuba ngibike ngalokho okwashiwo eNkulumweni Echaza Isimo Sezwe ngonyaka odlule.

Isikhwama Esigqugquzela Ukuvulwa Kwamathuba Emisebenzi, esasimemezela ngonyaka odlule saqala ukusebenza ngoNhlangulana. Kwamukelwa izicelo ezingaphezu kwezizi-2500 esigabeni sokuqala. Ingaphezu kwesigidigidi samaRandi imali eye yabelwa amaphrojekthi.

Samemezela nemihlomulo engabiza izigidigidi zamaRandi ezingama-20 ngaphansi kweSigaba 12(i) soMthetho Wentela, eklanyelwe ukusekela amaphrojekthi amasha asezimbonini nakwezokukhiqiza, futhi kwavunywa amaprojekthi ayisikhombisa anenani lotshalo-mali elingu-R8,4 erandini.

Imigomo yokuthenga izimpahla nezinsizakalo enikeza amandla uMnyango Wezokuhweba Nezimboni ukuze uqoke izimboni ezithile lapho kuqondiswa khona izinto zakuleli yaqala ukusebenza ngoZibandlela.

Le mikhakha ihlanganisa owezindwangu zezimpahla zokugqoka, imifino esemathinini, isikhumba nezicathulo.

Kuye kwaba khona nentuthuko ekuhlanganiseni izinhlangano zamabhizinisi amancane, futhi kuzokwethulwa inhlangano entsha kulo nyaka.

Sasimemezele ukuthi Isikhungo Sokuthuthukiswa Kwezimboni sizobeka eceleni izigidigidi eziyishumi zamaRandi ukuze kuvulwe amathuba emisebenzi.

Ngikhuluma nje, sekugunyazwe imali engaba yizigidigidi zamaRandi ezingu-1,5 ukuze izinkampani ezingama-60 zivule amathuba emisebenzi.

Bantu bakithi nabangane,

Imboni yezokumbiwa phansi, engenye yezizovula amathuba emisebenzi kuloMgudu Omusha Wokukhulisa Umnotho, inendima ebaluleke kakhulu ekuthuthukisweni kwezenhlalo nezomnotho kuleli zwe.

Njengengxenye yokubhekana nenselele engunxantathu yobumpofu, ukungalingani nokusweleka kwemisebenzi, uhulumeni usenze isu lokuhlomulisa abantu, elifuna ukunikeza amathuba engxenyeni esezansi yemboni yezimbiwa.

Sisalokhu sizibophezele ekwakheni imboni yezokumbiwa phansi ekahle nesezingeni lomhlaba, nokuyikhangisa ukuze ihehe ukutshalwa kwezimali futhi ilethe ukukhula kwezezimboni kanye nenguquko edingeka kakhulu.

Somlomo ohloniphekile,

Sihlalo ohloniphekile we-NCOP,

Malungu ahloniphekile,

Umsebenzi owenziwa ngonyaka odlule ubonisa ukuthi uma siqhubeka sikhula kahle, siyoqala ukubhala indaba entsha ngeNingizimu Afrika ? indaba yokuthi sasebenzisana kanjani ukuze sixoshe ukusweleka kwemisebenzi, futhi sinciphise ukungalingani kwezomnotho nobumpofu.

Sekuqala ukubonakala kuyinto engenzeka.

Akufanele siwudedele lo mfutho.

Onyakeni wezi-2012 nangale kwawo, simema isizwe ukuba sihlanganyele kanye nohulumeni embhidlangweni omkhulu wokuthuthukiswa kwezingqalasizinda.

Baba Somlomo noSihlalo,

Sizoqala umkhankaso omkhulu wokwakha izingqalasizinda ezweni lonke. Lokhu kuzophakamisa izinga lomnotho, futhi kuvuleke amathuba emisebenzi.

Bantu bakithi,

Sizosebenzisa ubuchule bokulawula iphrojekthi esibuthole phakathi neNdebe Yomhlaba Yebhola Likanobhutshuzwayo ye-FIFA Yowezi-2010 ukuze senze le phrojekthi iphumelele.

Lolu hlelo lwengqalasizinda luzoqhutshwa futhi luqashwe iKhomishana KaMongameli Yokuqondisa Ingqalasizinda (PICC), eyasungulwa ngoMandulo, ehlanganisa oNgqongqoshe, oNdunankulu kanye noSodolobha boMasipala Abakhulu eholwa uMongameli kanye nePhini likaMongameli.

I-PICC isihlonze futhi yasungula amaphrojekthi nemikhankaso yengqalasizinda emabhizinisini kahulumeni kanye naseminyangweni kazwelonke, yesifundazwe neyohulumeni basekhaya.

Aye aqoqelwa ndawonye, alandelaniswa, futhi abekwa eqhulwini lamaphrojekthi ahlangene esikhathi eside azokwenziwa.

Siye sakhetha izinhlelo ezinhlanu eziyinhloko ezigxile ezindaweni ezithile, kanye namaphrojekthi agxile kwezempilo nemfundo eyisisekelo, ingqalasizinda, ulwazi nobuchwepheshe bezokuxhumana kanye nokuhlanganiswa kwezinto esifundeni.

La maphrojekthi ami kanje:

Okokuqala, sihlela ukwakha futhi sihlanganise ingqalasizinda kajantshi, umgwaqo namanzi, esezindaweni ezimbili eziyinhloko eLimpopo: i-Waterberg engxenyeni esentshonalanga yesifundazwe kanye ne-Steelpoort esempumalanga yesifundazwe.

Le mizamo ihloselwe ukwembula indawo echichima izinto ezimbiwa phansi njengamalahle, iplathinamu, iphaladiyamu, i-chrome namanye amaminerali, ukuze kube lula ukwandisa ukumbiwa kwezinto phansi futhi kukhushulwe ukuhlomula kwabantu kwezokumbiwa phansi.

Sakhela kulokho okuyobe sekwenziwe eLimpopo, siyonweba ezokuthutha ngojantshi eMpumalanga, sixhume izinkundla zamalahle neziteshi zikagesi.

Lokhu kuyokwenza ukuba sikwazi ukuthatha isinqumo sokushintsha sisuke ekuthutheni amalahle ngezithuthi zomgwaqo siwathuthe ngojantshi, okuye kwawohloza imigwaqo yaseMpumalanga.

Izingxenye ezisempumalanga yesifundazwe saseNyakatho Ntshonalanga nazo zizozuza uma sigxila kwingqalasizinda exhumene nezokumbiwa phansi nokuhlomula kwabantu kukho.

Okwesibili, sizothuthukisa ukuhamba kwezimpahla nokuhlanganiswa komnotho ngomgudu wezimboni nezokuthutha i-Durban-Free State-Gauteng.

Le phrojekthi ihloselwe ukuxhumanisa izikhungo zezomnotho eziyinhloko eGauteng naseThekwini kanye nasePinetown, futhi ngesikhathi esifanayo kuxhunyaniswe lezi zikhungo nohlelo lwezokuthumela izinto kwamanye amazwe oluthuthukisiwe ngamatheku ethu.

Kulokhu, ngiyajabula ukumemezela iSu Lokubhekelela Isidingo Semakethe Lakwa-Transnet, oluhilela utshalomali eminyakeni eyisikhombisa ezayo, lwamaphrojekthi amakhulu azothatha izigidigidi ezingama-300 zamaRandi.

Kuleli nani, izigidigidi ezingama-200 zamaRandi zabelwe amaphrojekthi kajantshi kanti enye esele, yabelwe amaphrojekthi amatheku.

Phakathi kohlu lwamaphrojekthi ahleliwe, kukhona ukunwetshwa komgudu wokuyisa i-iron ore emazweni angaphandle isuka kumathani ayizigidi ezingama-60 ngonyaka kuya kumathani ayizigidi ezingama-82 ngonyaka.

Kukhona nokulungiswa okuhlukahlukene koMgudu Kajantshi Oxhumanisa i-Durban neGauteng kanye nokwakhiwa okuhlukaniswe ngezigaba komgudu omusha wokuthwala i-manganese eya emazweni angaphandle engamathani ayizigidi eziyi-16 ngonyaka ngeTheku LaseNgqura eNelson Mandela Bay.

Leli Su Lokubhekelela Isidingo Semakethe lizokwenza kuvuleke amathuba emisebenzi amaningi emnothweni waseNingizimu Afrika, nokwanda kwezinto ezenziwa lapha kanye noKunikeza Amandla Kwabansundu Kwezomnotho. Lizophinde libeke iNingizimu Afrika njengesidleke sokuthuthwa kwezinto ziya kwamanye amazwe aseningizimu yeSahara yezwekazi lase-Afrika futhi yenze ngokuvumelana nenhloso yokuhlanganisa isifunda se-Nepad.

Besibheka nesidingo sokunciphisa inani lenkokhelo ebizwa kumatheku, njengengxenye yokunciphisa izindleko zokwenza ibhizinisi. Indaba yamanani amba eqolo asethekwini yayingezinye zalezo ezaphakanyiswa kakhulu imboni yezimoto eBhayi naseTinarha ngesikhathi ngivakashele khona ngiyoqapha ukusebenza kule mboni ngonyaka odlule.

Kulokhu, ngiyajabula ukumemezela ukuthi uMqondisi Wetheku newe-Transnet baye bavumelana ngohlelo oluzoholela ekutheni abathuthi bezimpahla ezikhiqiziwe, bathole ukwehla okukhulu emananini emali ekhokhwa emathekwini kulo nyaka ozayo, engafika esigidigidini samaRandi isiyonke.

Okwesithathu, sizokwenza isitobhi esisha esikhulu eningizimu nempumalanga esizothuthukisa okwenzeka kwezezimboni nakwezolimo kanye namandla okuthuthela izinto kwamanye amazwe zisuka engxenyeni eseMpumalanga Kapa, futhi sinwebe imizila yezomnotho neyezokuthutha yalesi sifundazwe neNyakatho Kapa neKwaZulu-Natali.

Engxenyeni yaseMpumalanga Kapa eyayiyiTranskei ngaphambilini, sizibophezele ukwakha idamu elizodonsa eMfuleni Umzimvubu, ukuze sandise ukukhiqiza kwezolimo.

Ngaphezu kwalokho, ukuqaliswa kwePhrojekthi Yokuvuselela uMthatha, okuyiphrojekthi kaMongameli eyisipesheli, kuqhubeka kahle kakhulu.

Usuqhubekile impela umsebenzi wokuthuthukisa amanzi, ukukhucululwa kwendle, ugesi, imigwaqo, ukuhlaliswa kwabantu, ukulungiswa kwesikhumulo sezindiza kanye nezindaba zezinhlaka nokubusa.

Okwesine, eNyakatho Ntshonalanga, sizokhulisa ingqalasizinda yamanzi, imigwaqo, ujantshi nogesi. Kuzolungiswa imigwaqo eyishumi ebekwe eqhulwini.

Okwesihlanu, sibona izinto eziningi ezingenzeka ogwini olusentshonalanga yezwe futhi sibona isidingo sokuthuthukisa ingqalasizinda ukuze kwenzeke lezo zinto.

Izinhlelo zethu zihlanganisa ukwandiswa kukajantshi we-iron ore ophakathi kweSishen eseNyakatho Kapa neSaldanha Bay eseNtshonalanga Kapa, okuzovula imisebenzi eminingi kuzo zombili lezi zifundazwe.

Ngasohlangothini lwezokuthutha, izokwanda i-iron-ore ezothuthwa iye kumathani ayizigidi eziyi-100 ngonyaka.

Lokhu kuzovumela ukunwetshwa kwemayini ye-iron-ore kuleli shumi leminyaka ezayo ukuze kunakekelwe utshalo-mali lwezwe elisathuthuka olukhulayo kwingqalasizinda nemisebenzi yezimboni.

Bantu bakithi,

Siye sahlonza namaphrojekthi abalulekile emphakathini. Lawa ahlanganisa amaphrojekthi ahloselwe ukubeka isisekelo sohlelo loMshwalense Wezempilo Kazwelonke njengokulungiswa kwezibhedlela kanye nezindawo zokuhlala amanesi.

Kuye kwabiwa ingqikithi eyizigidi ezingama-300 zamaRandi ngenxa yomsebenzi wokulungiselela ukwakha amanyuvesi amasha eMpumalanga naseNyakatho Kapa.

Enye iphrojekthi yengqalasizinda engaba nemiphumele emihle kakakhulu yisicelo esifakwe iNingizimu Afrika sokuba isibonakude okuthiwa i-Square Kilometre Array radio telescope sakhiwe kuleli zwe ngokubambisana namanye amazwe ayisishiyagalombili ase-Afrika. Ophumelele kulesi sicelo uzomenyezelwa ngenyanga ezayo. Sininxusa ukuba nisisekele isicelo saleli zwe.

Okokugcina, umsebenzi wethu wengqalasizinda ufinyelela nangale kwemingcele yethu. INingizimu Afrika ihola uMgudu Womgwaqo Nojantshi Osuka Enyakatho Uye Eningizimu, oyingxenye yomkhankaso Wokugqugquzela kukaMongameli Ingqalasizinda kwe-Nepad yeNhlangano Yamazwe Ase-Afrika.

Umsebenzi kulokhu uhlanganisa amaphrojekthi ahlukahlukene kodwa ahlobene ahlanganisa imigwaqo nojantshi, izindlela ezinqamula imingcele, amandla, ulwazi nobuchwepheshe bezokuxhumana.

Bantu bakithi,

Utshalomali olukhulu kwingqalasizinda kumelwe lungagcini nje ngeziteshi zikagesi, olayini bakajantshi, amadamu nemigwaqo. Kumelwe luhlele izwe ngokwezimboni, luhlakulele amakhono futhi lusize ekuvulweni kwamathuba emisebenzi okuyinto edingeka kakhulu.

Ngizohlanganisa ingqungquthela yengqalasizinda kaMongameli ukuze sixoxe ngokuqaliswa kohlelo kanye nalabo abasemathubeni okuba abatshalizimali nabasebenzisani bethu.

Somlomo ohloniphekile,

Sihlalo ohloniphekile we-NCOP,

Ngizothanda ukuxoxa ngezinto eziphathelene nokunwetshwa kwezinsizakalo eziyisisekelo, ukubhekana nokungalingani, ukuthula nokuvikeleka kanye nokubumbana komphakathi.

Ngithole izincwadi eziningi eziwusizo ngaphambi kwale Nkulumo Echaza Isimo Sezwe. Ukuxhumana nathi okunjalo kwenza sikwazi ukuhlala sazi ngabantu bakithi nezidingo zabo.

Ngithole i-imeyili emayelana nenkinga yezindlu evela kuMzukisi Mali, ongumsebenzi wombuso endaweni yaseFingo eRhini. Wabhala wathi:

?Ngonyaka we-1994 imali engangiyihola yayiphezulu kakhulu ukuba ngingathola indlu ye-RDP kodwa incane kakhulu ukuba ngingathola imali-mboleko yendlu ebhange, lokhu kwaqhubeka kanjalo kuze kube yinamuhla. Nginezingane ezintathu futhi unkosikazi wami akasebenzi.

?Uma ngifaka isicelo sendlu ye-RDP, ngitshelwa ukuthi angifaneleki kanti ngakolunye uhlangothi angikwazi ukuthola imali-mboleko yendlu ebhange ngoba amabhange athi ngiwafaka engcupheni yokulahlekelwa...??

Lena inkinga ekhungethe abantu abasesigabeni esithile kuleli zwe. Kuyiqiniso elingephikiswe.

Ngenhlanhla, sesihambe ibanga elithile ukuze sixazulule inkinga ekhungethe uMnu Mali nabanye abaningi.

Ngowezi-2010, samemezela isikhwama semali eyisibambiso eyisigidigidi samaRandi ezothuthukisa ukukwazi ukuthola imali-mboleko yendlu.

Siyajabula ukubika ukuthi lesi sikhwama sizoqala ukusebenza ngoMbasa, silawulwa yiNhlangano Yezimali Zezindlu Kazwelonke. Lolu hlelo luzokwenza ukuba amabhange akwazi ukubolekisa imali kubantu abasesimweni esifana nesikaMnu Mali.

Ngaphezu kwalokho, kusukela ngoMbasa, abantu abahola imali ephakathi kuka-R3 500 no-R15 000, bazokwazi ukuthola uxhaso olungafika kuma-R83 000 ezifundazweni, okuzokwenza ukuba bakwazi ukuthola imali yezindlu emabhange aqashelwa ngokomthetho.

Ungalilahli ithemba Mnu. Mali nabaningi abanye, kuzolunga ngenxa yalomxhaso ozotholakala kohulumeni bezifundazwe, kanye nalomshwalense omusha ozokwenza kubelula kumabhange ukuthi aniboleke imali.

Bantu bakithi,

Kunokukhathazeka okuqhubekayo emabhizinisini nasemiphakathini mayelana nezindleko eziphezulu zikagesi.

Ngicele u-Eskom ukuba afune izindlela zokuthi imfuneko yokwenyuswa kwamanani ingancishiswa kanjani eminyakeni embalwa ezayo, ukuze kusekelwe ukukhula komnotho nokuvulwa kwamathuba emisebenzi futhi anginikeze isihlongozo ukuze sicatshangelwe.

Sidinga umgudu wamanani kagesi, ozoqinisekisa ukuthi u-Eskom kanye nemboni bahlala besebenza kahle futhi basimeme ngokwezimali, kodwa futhi akhonekayo, ikakhulukazi kwabampofu.

Nokho, ukuze sifinyelele loku kusimama, kuzodingeka isivumelwano nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ? kuhlanganise amabhizinisi, abasebenzi, omasipala, imiphakathi kanye nawo wonke amakhasimende nabaphakeli.

Kumele songe ugesi.

Eminyakeni emibili ezayo, kuze kube yilapho sekusebenza isiteshi saseMedupi neKusile, uhlelo lukagesi luzompintsheka kakhulu.

Sonke kufanele sidlale indima yethu ukuze sigweme ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.

Ukuze sandise amandla kagesi, sizoqhubeka sicinga imithombo kagesi ozivuselelayo, ikakhulukazi ugesi welanga nowezitshalo njengoba siqalisa iSivumelwano Somnotho Obhekelela Imvelo nababambiqhaza kwezomnotho.

Kuze kube manje, sesifake amagiza asebenza ngogesi welanga angaphezu kwama-220 000 ezweni lonke.

UHulumeni uzibekele umgomo wamagiza asebenza ngogesi welanga ayisigidi ngowezi-2014 kuya kowezi-2015.

Malungu ahloniphekile,

Bantu bakithi,

UHulumeni uyaqhubeka andisa izindawo abantu abakwazi ukuthola kuzo amanzi ayisisekelo. Nokho, kusobala ukuthi ukuthola amanzi kuseyinselele kwezinye izindawo.

I-imeyili evela kuMmatsheko Pine eHammanskraal ibonisa lokhu.

Lo mbhali uthi: ?Kunendawo ebizwa ngokuthi i-Ngobi eduze neHammanskraal, engaphansi kukaMasipala WaseMoretele, abantu abahlala kule ndawo sebebadala, bakhulile futhi abaningi bayagula.

?Sekuphele iminyaka emibili le ndawo ingenawo amanzi. Abantu babheke imvula ukuze bathole amanzi.

?Akhona amaphayiphi amanzi nemishini eyafakwa kodwa kuthiwa inkinga ingcindezi ekumpompeni amanzi. Besicela ihhovisi lakho lisize ngamandla adingekayo.?

Ngicele uNgqongqoshe Wezamanzi Nezemvelo ukuba aphenye lolu daba ukuze athole isixazululo esisheshayo.

Uhlelo lokwandiswa kwamanzi luye lwabambezeleka kwezinye izingxenye zezwe ngenxa yokuntuleka kwengqalasizinda. Lokhu siphezu kwako. Ngokwesibonelo, kunezinhlelo ezinhlanu ezintsha zokwandisa amanzi ezisohlelweni.

Yilezi ezilandelayo, ukusetshenziswa koMthombo Wamanzi OnguMfula I-Olifants eSteelpoort esifundazweni saseLimpopo, iNgxenye Yohlelo Olusempumalanga YoMfula I-Vaal eSecunda eMpumalanga, uHlelo Lokwandisa Amanzi AseKomati eNkangala eMpumalanga, ukukhuphuka kweDamu iHazelmere KwaZulu-Natali kanye neDamu iClan William eClan William eNtshonalanga Kapa. Ngaphezu kwalokho, amadamu ayisishiyagalolunye kwangama-25 aye avuselelwa.

Ngokuqondene nezimemezelo esazenza phakathi neNgqungquthela Yokuguquguquka Kwesimo Sezulu Yezizwe Ezihlangene I-COP17, imali eyizigidi ezingu-248 zamaRandi izotshalwa eminyakeni emibili ezayo ukuze kubhekanwe nendaba yokudonswa kwamanzi ane-esidi eWitwatersrand.

Mangithathe leli thuba ngihalalisele iKomiti Elakhiwa Ongqongqoshe Abahlukene Le-COP17 ngokwenza le ngqungquthela ibe yimpumelelo enkulu.

Umphumela wokugcina we-COP17 wawuyingqophamlando futhi ubeka isibonelo sokulandelwa, usezingeni lengqungquthela yango-1997 okwamukelwa kuyo iSivumelwane sase-Kyoto.

Ngokwakhela empumelelweni ye-COP17, iNingizimu Afrika izobamba iqhaza eNgqungqutheleni ebizwa ngokuthi i-Rio plus 20 eBrazil, ephawula ukugujwa kweminyaka eyishumi kwabanjwa iNgqungquthela Yomhlaba Yentuthuko Esimeme.

Somlomo ohloniphekile noSihlalo ohloniphekile we-NCOP,

Ukugxila kwethu kakhulu kwezemfundo sekuthela izithelo.

Siyajabula ukuthi izinga lokuphasa kwabafundi bakaMatikuletsheni lilokhu likhuphuka. Siyabahalalisela othisha, abafundi, abazali kanye nemiphakathi ngemizamo yabo.

Sizoqhubeka sakhela ekutheni kube nothisha abengeziwe abazofundisa iZibalo, iSayensi neZilimi Zomdabu.

Bantu bakithi,

Ukunxusa kwethu othisha ukuba babe sesikoleni, sekilasini, ngesikhathi futhi bafundise okungenani amahora ayisikhombisa ngosuku kusalokhu kusemqoka empumelelweni. Siyazibonga izinyunyana zothisha ngokusekela lo mkhankaso.

Into enkulu esiyifinyelele ukuphinda kabili inani labafundi beBanga R, lisuka kwabayizi-300 000 ngowezi-2003 liya kwabayizi-705 000 ngowezi-2011. Simi ngomumo ukufinyelela umgomo wethu wamaphesenti ali-100 kuBanga R ngowezi-2014.

Ukuze silwe nobumpofu nokungalingani futhi sigcine abafundi besesikoleni, bangaphezu kwezigidi eziyisishiyagalombili abafundi abaya ezikoleni ezingakhokhisi imali yesikole kanti abangaphezu kwezigidi eziyisishiyagalombili bayazuza ohlelweni lukahulumeni lokuphakela abafundi ukudla.

Ngonyaka odlule, uhulumeni kazwelonke wasungula iSigaba 100 (1)(b) sokungenelela eMpumalanga Kapa, ukuze asize uMnyango Wezemfundo uthuthukise ezemfundo.

Izinkinga ezikhona zazihlanganisa ukungabi bikho kwezincwadi zokufunda, ukungakhokhelwa kwabathuthi bezingane zesikole, othisha abeqile kanye nesiko lokufunda nokufundisa elisezingeni eliphansi.

Ukuqaliswa kwaloku kungenelela kuzoqhubeka futhi sisebenzisana kahle nalesi sifundazwe kulokhu. Sizimisele ukwenza isimo semfundo sibe ngcono eMpumalanga Kapa. Sinxusa bonke ababambiqhaza ukuba basebenzisane nathi ukuze lokhu kube yimpumelelo.

Bantu bakithi,

Phakathi neNdebe Yomhlaba Yebhola Likanobhutshuzwayo Ye-FIFA Yowezi-2010, sazimisela ukuthi ifa laseNingizimu Afrika kuzoba ukuthuthukisa ukufinyelela imfundo kubo bonke.

Abafundi abaya esikoleni kuleli zwe manje sebecishe bafike kumaphesenti ayi-100kuleso sigaba esiphoqelekile, iminyaka eyisikhombisa kuya kweyi-15 ubudala. Kodwa siyakhathazeka ngoba umbiko we-General Household Survey wangowezi-2010 wathi izingane ezingaphezudlwana kwezi-120 000 ezikuleso sigaba azifundi.

Abafundi abayeka isikole befunda iBanga leshumi bayinkinga, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya nasemapulazini aseNtshonalanga Kapa.

UHulumeni kazwelonke uzosebenzisana eduze noHulumeni waseNtshonalanga Kapa, ukuze kulandelelwe laba bafundi futhi basekelwe ukuze bangalahlekelwa yikusasa labo.

Mayelana neMfundo Ephakeme, sidlulelengale kwemigomo. Babalelwa ezi-14 000 abafundi abathola amathuba okufunda besebenza kulo nyaka odlule, futhi bangaphezu kwezi-11 000 abafundela amakhono omsebenzi wezandla asebephothule ukuhlolwa kwabo kokufaneleka.

Siyajabula ukubona ukuthi liyanda inani lentsha efunda amakhono kulamaKolishi Okuqhuba Imfundo Nokuqeqesha.

Siyaninxusa bazali ukuthi nigqugquzele izingane zifunde kulamakolishi. Akufanele zicabange ukuthi imisebenzi ifundelwa emanyuvesi kuphela.

Siyawadinga amakhono atholakala kulamakolishi.

Ukuze sandise ukufinyelela emfundweni ephakeme njengoba sasho ngonyaka odlule, imali eyizigidi ezingama-200 zamaRandi yasetshenziswa ukuze kusizwe abafundi abayizi-25 000 bakhokhele isikweletu sabo ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Bantu bakithi nabangane,

Siyawuhalalisela umkhakha wezempilo kanye noMkhandlu Kazwelonke WeNgculazi WaseNingizimu Afrika oholwa iPhini LikaMongameli weRiphabhuliki ngokuphumelela ohlelweni lweNgculazi Negciwane layo.

Nakuba senza kahle odabeni lokwelashwa nokuvinjelwa kokudluliselwa kwegciwane enganeni lisuka kumama, imizamo evamile yokuvinjelwa kwezifo kufanele isheshiswe.

Sifisa nokukhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuba baphile ngendlela enempilo ukuze banciphise umthelela wezifo ezingathathelwana njengesifo sikashukela, isifo senhliziyo nomfutho wegazi ophezulu.

Bantu bakithi nabangane,

Unyaka wezi-2013 uzobe uphawula iminyaka eyikhulu kwashaywa uMthetho Womhlaba Wabansundu wangowezi-1913, owathatha amaphesenti angama-87 womhlaba kubantu base-Afrika.

UMthethosisekelo udinga ukuba uHulumeni afezekise amalungelo okubuyiselwa komhlaba kubaniniwo labo ababephucwe umhlaba ngenxa yomthetho ka-1913.

Sisasabalalise amaphesenti ayisishiyagalombili kuphela emgomweni wamaphesenti angama-30% wokubuyiselwa komhlaba kubaniniwo esizibekele wona ngowezi-2014. Le nqubo ihamba kancane futhi iwumzukuzuku futhi baningi abavumelana ngokuthi indlela yomthengi ozimisele ukuthenga nomthengisi ozimisele ukuthengisa ayibanga isixazululo esingcono kakhulu.

Yingakho sethule uhlaka olusha lwenqubomgomo, uHlaka Lomthetho Wokuguqulwa Komhlaba.

Sinxusa umphakathi ukuba ubambe iqhaza kule nqubo yokuthuthukisa ukusabalaliswa komhlaba nokuguqulwa kwawo ukuze siqede umthelela woMthetho wangowezi-1913.

Somlomo ohloniphekile,
Sihlalo ohloniphekile,
Bantu bakithi,

Enguqukweni yezomnotho, sichibiyela uMthetho Wokunikezwa Amandla Kwabansundu Okubanzi. Phakathi kokunye, izichibiyelo zisungula ikhomishana yomthetho ezobhekana nalabo abangahambisani nawo nabawugwemayo.

Lo mthetho ohlongozwayo uzokwenza kube yicala lobugebengu ukubeka abansundu ezikhundleni eziphezulu ngegama nje kuphela kanye nezinye izinhlobo ezifuze lokho.

Mayelana nodaba lwalabo abanokukhubazeka, siye sanikeza isiqondiso kuyo yonke iminyango kahulumeni ukuba iqinisekise ukuthi siyawufinyelela umgomo esawubeka eminyakeni eminingana edlule wokuba namaphesenti amabili wabantu abanokukhubazeka abaqashwe eMinyangweni KaHulumeni.

Kanti futhi siphezu koMthethosivivinyo Wokunikezwa Amandla Kwabesifazane Nokulingana Ngokobulili, ukuze sithuthukise ukuba khona kokubili abamabhizinisi azimele kanye nohulumeni bahambisane nawo futhi bathole unswinyo labo abangahambisani nawo.

Khona manjalo, isiqediwe iNqubo ye-Nedlac eZinhlotsheni Zokuqashwa Ezingavamile kanye Nezinkampani Ezifunelana Imisebenzi.

Uhulumeni ufuna ukuqeda zonke izinhlobo zemikhuba ehlukumezayo esezinkampanini ezifunelana imisebenzi, ukuze aqinise ukuvikelwa kwabasebenzi abangaphathwa ngendlela efanele. Sithemba ukuthi sizothola isivumelwano mayelana nalolu daba kulo nyaka.

Bantu bakithi,

Ngowezi-2009, sazibophezela ukusheshisa ukulwa nobugebengu nenkohlakalo.

Izibalo zobugebengu zenkathi yowezi-2010/11 zikhomba ukuthi izwe lethu libonise ukwehla ngamaphesenti ayisihlanu enanini lobugebengu obunqala obubikiwe uma kuqhathaniswa nonyaka ofile.

Nokho, ngeke siyekelele. Siyaqhubeka siqalisa izinhlelo zethu zokwenza abantu baseNingizimu Afrika bazizwe bekhululekile futhi bephephile.

Sizoqhubeka futhi sithuthukisa ukusebenza kukaHulumeni ngezindlela eziningi, kuhlanganise nokulwa nenkohlakalo.

Iqembu okuthiwa i-Multi-Agency Working Group lokuthenga izimpahla nezinsizakalo, eliholwa uMgcinimafa Kazwelonke, i-Sars kanye neSikhungo Sobunhloli Kwezezimali, libuyekeza lonke uhlelo lokuthenga izimpahla nezinsizakalo lukahulumeni ukuze kuqinisekiswe ukuthi kutholakala okungcono kakhulu ngemali ekhishwa uhulumeni.

Imikhankaso ihlanganisa ukuhlola labo basebenzi abaseketangeni lokuphakela ngezimpahla eminyangweni kahulumeni.

Ukuze sithuthukise ezokuvikeleka, uMnyango Wezasekhaya usayine iSivumelwano Sokusebenzisana nemboni yamabhange, ukuze ukhiphe uHlelo Lokuqinisekisa Imininingwane Yomuntu Ngezithupha Emshinini kuwo wonke amabhange abamba iqhaza, lokhu kuzosiza ekuvimbeleni nasekutholeni ukukhwabanisa.

Bantu bakithi nabangane,

Sisebenzisana nezifundazwe ezihlukahlukene ukuze sithuthukise ukubusa, izinhlelo nokuphatha.

Lezi zihlanganisa iGauteng ukuze sithuthukise insizakalo yezempilo, eFree State sithuthukise ezokuthutha nemigwaqo kanye neLimpopo lapho sizothuthukisa khona ukubusa nokuphathwa kwezimali eminyangweni emihlanu, kuhlanganise nehhovisi loMgcinimafa Wesifundazwe.

Siyakwamukela ukwethulwa koKuqashwa Kwenkohlakalo yi-Cosatu, kanye nesivumelwano samuva phakathi kukahulumeni namabhizinisi sokuqalisa izinhlelo zokulwa nenkohlakalo.

Le mizamo izophelelisa umsebenzi kahulumeni ekulweni nenkohlakalo.

Bantu bakithi nabangane,

Njengengxenye yokuthuthukisa ukubumbana komphakathi, kulo nyaka sizoqala futhi siqhubeke namaphrojekthi amaningi amayelana namagugu esizwe.

Amamnyuziyamu kanye nezikhungo ezizovulwa kuzohlanganisa uMnyuziyamu iMatola Raid wonyaka we-1980 waseMaputo, uMnyuziyamu iNcome KwaZulu-Natali, isigaba sesiBili soMnyuziyamu iFreedom Park kanye neSikhungo Samagugu Esizwe iSteve Biko eGinsberg eQonce.

Siphinde sabeka eqhulwini imizi namathuna omongameli bakaKhongolose baphambilini kanye namanye amaqhawe esizwe, kuhlanganise uThomas Maphikela, uLillian Ngoyi, uWalter no-Albertina Sisulu, uGriffiths noVictoria Mxenge, uRobert Sobukwe nabanye.

Izindawo zezikhumbuzo ezizobekwa eqhulwini zihlanganisa eyoMbhikisho WasePondo, izindawo zezimpi zasemingceleni, uMbhikisho Wabesifazane Base-Afrika eFree State ngowe-1913, uMbhikiso Wabesifazane BaseZeerust Olwisana Nomthetho Wamapasi Ngowe-1957, i-Rocklands Civic Centre eMitchells Plain lapho kwasungulwa khona i-United Democratic Front kanye neGugulethu Seven Monument eKapa.

Okunye futhi siphezu kwamalungiselelo okuthenga nokuvuselela uMuzi KaWinnie MandelaoseBrandfort, uMuzi kaDkt. Moroka oseThaba Nchu noMuzi KaBram Fischer oseWestdene.

Amanye amaprojekthi ahlanganisa ukwethulwa kweDube Tradeport nokuvulwa kwesithombe sikaJohn Dube eSikhumulweni Sezindiza Samazwe Ngamazwe SeNkosi uShaka ngenyanga ezayo kanye nokuqamba kabusha uMuzi WamaKhosi oyindawo yokuhlala omongameli eThekwini uqanjwe ngoDkt. Dube.

IKhaya Lezivakashi LikaMongameli elisePitoli lizoqajwa ngoMnu Sefako Makgatho kanti iKhaya Lezivakashi Lamanxusa elisePitoli lizoqanjwa ngoMnu Johnny Makatini owayayeyinxusa elikhuthele ongasekho.

UHulumeni uzokwethula noMthethosivivinyo Wezindaba Zendabuko Kazwelonke, obhekelela ukuqashelwa kwemiphakathi yamaKhoi-San, ubuholi bawo kanye nezinhlaka zawo.

Kubalulekile ukukhumbula ukuthi amaKhoi-San yiwo ahlukunyezwa kakhulu yilabo abafika nendaba yamakoloni futhi bazama ukuwaqothula, babhekela phansi ulimi lwawo kanye nobuwona. NjengeNingizimu Afrika ekhululekile nebuswa ngentando yabantu, ngeke singakunaki ukulungiswa kwalokho okwenzeka esikhathini esedlule.

Ngaxoxa kabanzi ngalolu daba nomphakathi wamaKhoi-San lapho ngangihlangene nawo eKapa ngonyaka odlule futhi savumelana ukuba sisebenzisane ukuze silungise ukungabi nabulungiswa kwesikhathi esedlule.

Bantu bakithi,

Ngonyaka ozayo, wezi-2013, indawo yokuhlala uhulumeni, i-Union Buildings yobukhosi, izoqeda iminyaka eyi-100 ikhona futhi sizoqala kulo nyaka ukwenza amalungiselelo womgubho wokuphawula ukuqeda kwayo iminyaka eyikhulu.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika ,

Kumelwe senze kangcono kwezemidlalo kulo nyaka! Iqhawe lethu, u-Oscar Pistorius, ubeke indinganiso yalo nyaka ngokuphumelela eMklomelweni Womdlali Oqavile Onokukhubazeka Wonyaka Wezi-2012. Siyakuhalalisela ngalempumelelo.

Sihalalisela neqembu lesizwe labesifazane lebhola likanobhutshuzwayo, iBanyana Banyana, ngokuphumelela ukungena kuma-Olimpiki ase-London kokuqala ngqa. Uma sibasekela, bayokwenza kahle.

Sinikezwe ilungelo lokusingatha iNdebe Yamazwe Ase-Afrika ngonyaka ozayo, sithatha indawo yeLibya njengoba ingeke ikwazi ukwenza kanjalo.

Bantu bakithi,

Ngivumeleni ngisebenzise leli thuba ukuba ngihalalisele futhi ngimfisele izilokotho ezinhle uMama Rebecca Kotane, unkosikazi womgcinimafa-jikelele kaKhongolose wangaphambilini, uMoses Kotane, futhi owaye ngunobhala-jikelele we-SACP, ozohlanganisa iminyaka eyi-100 ubudala ngeSonto mhla ziyi-12 kuNhlolanja.

Abanye abaqeda iminyaka eyikhulu iNhlangano Yezinsizwa yeSonto iMethodist LaseNingizimu Afrika, Amadodana aseWesile.

Abanye abaqeda iminyaka eyikhulu Omama Besililo be-United Congregational Church of South Africa.

Bonke sibafisele impumelelo emigubhweni yabo.

Banti bakithi,

Siye sabeka uhlelo lokuqaliswa kwengqalasizinda olumatasa manje kuze kube unyaka wezi-2014 nangale kwawo.

Ngizothanda ukunxusa bonke abantu bakithi ukuba bahlangane njengoba behlale benza, njengoba sibhekana nezinselele ezingunxantathu zokusweleka kwemisebenzi, ubumpofu kanye nokungalingani. Akekho umuntu ozosenzela lokhu, kusezandleni zethu. Futhi sonke singawenza ngokufanayo lo msebenzi.

Njengoba sibuyela emsebenzini kusasa, masicabange ngamazwi omongameli owasungula iNhlangano Yabesifazane BakaKhongolose uCharlotte Maxeke owathi lapho ebeka inkulumo yakhe yokuba uMongameli eMkhandlwini Kazwelonke Wabesifazane Base-Afrika.

?Lo msebenzi akuwona owenu ? bulalani lowo moya wokuziqhayisa, futhi ningaphili nibe phezu kwabantu benu, kodwa philani nabo. Uma ukwazi ukuya phezulu, khuphuka nomunye.??

Ngiyabonga.

Issued by: The Presidency

Additional Formats

 

Share this page

Similar categories to explore