Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi wamhla ziyisi-5 kuZibandlela, 2018

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu, mhla ziyisi-5 kuZibandlela 2018 e-Tuynhuys eKapa.

A. Izindaba Ezisematheni
1. Ukukhula komnotho


IKhabhinethi liyakwamukela ukukhula ngama-2.2% komnotho waseNingizimu Afrika ngekota lesithathu, okusiza ukukhipha izwe kunzikamnotho. Izibalo zokukhula komnotho zidalwe ukwanda okube semkhakheni wezolimo (6.5%), emkhakheni wezezimali (2.3%); emkhakheni wezokukhiqiza (7.5%) nasemkhakheni wezamawoliseli nezitolo zokudayisa imikhiqizo (3.2%). Izibalo zokukhula komnotho ziwuphawu lokuvuka komnotho futhi uma sekuhlanganiswe namasu amasha avele eNgqungqutheleni Yezemisebenzi neNgqungquthela Yotshalomali eNingizimu Afrika, zizoqhubeka nokuthuthuka.

IKhabhinethi liphinda lihlanganyela nabantu baseNingizimu Afrika ukwamukela ukwehla kwentengo kaphethilomu nodizili kule nyanga okuwukwethulwa komthwalo, ikakhulukazi njengoba sesingena esikhathini samaholide. Yonke imikhakha yomphakathi iyanxuswa ukuthi yakhele phezu komfutho omuhle wesikhathi sekota lesithathu ukusiza ukubeka umnotho waseNingizimu Afrika endleleni entsha yokukhula.

2. Iholo Okungeholelwe Ngaphansi Kwalo Ezweni Lonke (i-NMW)

IKhabhinethi liyakwamukela futhi nokusayinwa koMthethosivivinywa we-NMW, nguMongameli Cyril Ramaphosa, ukuze ube wumthetho. Lo Mthethosivivinywa uyisibonelo esiyingqophamlando ekuvikelweni kwabasebenzi abahola kancane nokuncishiswa kokungalingani emiphakathini. I-NMW yokuqala izokhuphula amaholo abasebenzi baseNingizimu Afrika abahola kancane abalinganiselwa kuzigidi eziyisithupha. Kuzoba nesikhathi sokuqaliswa kwayo kancane kancane ngokwezigaba ngezigaba kubasebenzi basemapulazini, abasebenzi basemahlathini nabasebenzi basezindlini.
 
Yize le-NMW ingeke ikuqede ukungalingani ngokwengeniso, iKhabhinethi likholwa wukuthi izoba negalelo elikhulu ekuqedeni ukungalingani okudlondlobalayo kanye nobuphofu obulokhu bubelesele. 

3. Ucwaningo Lwesikhungo Sokukhiqiza se-Toyota Wessels (TWIMS)

IKhabhinethi liyakwamukela ukwethulwa kwe-TWIMS, esanda kwakhiwa, ebize izigidi ezingama-56 zamarandi. Lesi sikhungo sizoxhasa umkhakha wezokukhiqiza waseNingizimu Afrika, sithuthukise amakhono asezingeni lomhlaba futhi sikhuthaze ukusebenza kwezimboni e-Afrika. Sizosheshisa nokusungulwa kosikompilo lokukhiqiza oludingwa yizwe ukufeza izidingo zezwe futhi sidale eminye imisebenzi.

Lesi yisikhungo esizimele nesingabheke nzuzo esisungulwe ngoxhasomali oluphuma kuThrasti Yezemfundo yakwa-Toyota eNingizimu Afrika. Sisungulwe ngokubambisana neSikhungo Sezifundo Zamabhizinisi i-Gordon Institute of Business Science yaseNyuvesi yasePitoli ukuhlinzeka ngeziqu ze-Master of Business Administration ezigxile kwezokukhiqiza.

4. Umnotho oqhutshwa yimifelandawonye nezinye izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni

IKhabhinethi liyiphawulile iNgqungquthela Yomnotho Wemifelandawonye Nezinhlangano Zomphakathi Ezingekho Ngaphansi Kukahulumeni, obe yimpumelelo, obusingethwe nguhulumeni ngokubambisana neNhlangano Yezabasebenzi Yamazwe Ngamazwe (i-ILO) kanye noHulumeni wase-Flanders ngoLwesihlanu, mhla zingama-30 kuLwezi 2018. Lo mhlangano ubuholwa wuMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho ngokwesekwa wuMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Asafufusa. 

Umnotho wemifelandawonye nezinhlangano zomphakathi ezingekho ngaphansi kukahulumeni uhlanganisa izinkampani namasu amasha aqonde ukufeza izimpokophelo zenqubomgomo yezenhlalakahle njengokwakhiwa kwemisebenzi, ukubeka phambili abantu ababekhishwe inyumbazana, nokuhlinzeka imiphakathi yasemakhaya ngokudla nezinsiza. Lo mnotho ungaba namandla okweseka ukubandakanywa kwezomnotho nokwakhiwa kweminye imisebenzi eyizinkulungwane. Lo mhlangano uhlanganise osomabhizinisi basemphakathini, abenzi bezinqubomgomo nemithetho, abacwaningi kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni, futhi uzosiza ukuthuthukisa, ngowezi-2019, uHlaka loMthetho loMnotho Oqhutshwa Yimifelandawonye Nezinhlangano Ezingekho Ngaphansi Kukahulumeni.

5. Ukubhalisela ukuvota

Njengoba kulungiselelwa ukhetho lowezi-2019, iKhabhinethi linxusa izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi njengezakhamizi eziyidlalayo indima yazo ezweni, zisebenzise ilungelo lazo ngokuthi ziqinisekise ukuthi zinawo umazisi oluhlaza satshani onebhakhodi, umazisi wekhadi noma isitifiketi esiwumazisi wesikhashana nokuthi zibhalisele ukuvota ezifundeni zazo. IKhomishana Yokhetho Ezimele izoba nempelasonto yokubhalisela ukuvota mhla zingama-26 - 27 kuMasingana 2019 futhi izakhamizi zaseNingizimu Afrika ziyakhuthazwa ukuthi zisebenzise leli thuba ukubhalisela ukuvota noma ukuyobheka nokuqinisekisa ukuthi ngempela zibhalisiwe.

IKhabhinethi linxusa labo abafake izicelo zokuthola oMazisi Bekhadi ukuthi babalande emagatsheni oMnyango Wezasekhaya (i-DHA). 

6. Umqondisi Wephiko Lezokushushiswa Lukazwelonkhe (i-NDPP)

IKhabhinethi lincoma uMongameli Ramaphosa ngokuqokwa kuka-Advocate Shamila Batohi njenge-NDPP entsha. Lokhu kulandela umsebenzi kaMongameli wokucubungula abaqokwa abahlanu ababehlonzwe yiphaneli labeluleki njengabantu abangaba sethubeni lokuthola lesi sikhundla. Lokhu kuqashwa kuletha uzinzo ebuholini boPhiko Lwezokushushisa Kuzwelonke (i-NPA) futhi kuqinisa ukulwisana nobugebengu nenkohlakalo ezweni.  IKhabhinethi lidlulisa ukubonga uNgqongqoshe Wezamandla u-Jeff Radebe kanye nephaneli ngegalelo ababe nalo kule nqubo yokuqokwa kuka-NDPP ebe yingqophamlando.  

7. Odokotela baseLimpopo

IKhabhinethi likugxeka kakhulu ukuhlaselwa kodokotela ezibhedlela zaseLimpopo. Odokotela kanye nezikhungo zezempilo basiza umphakathi, ikakhulukazi abantu abagulayo abathola usizo kulezi zikhungo. Ukuhlasela labo okumele basindise izimpilo kuyicala lobugebengu futhi ngeke kubekezelelwe nakancane nje. UNgqongqoshe Wezempilo, uDkt. Aaron Motsoaledi, uhola ithimba elixube imikhakha enhlobonhlobo elijutshelwe lo msebenzi - elakhiwe amathimba ezobunhloli, abaphenyi, amaphoyisa abhekelele ukuthula emphakathini, izikhungo zonogada abazimele kanye nabasebenzi be-DHA - ukubukeza izinhlelo zezokuphepha ezikhungweni zezempilo zomphakathi.

IKhabhinethi linxusa umphakathi ukuthi usebenzisane nezimpiko eziphoqelela ukuthotshelwa komthetho ukuze kuqinisekiswe ukuthi abenzi balobu bugebengu obubi kangaka bayaboshwa futhi balahlwe ngamacala.

 8. Amaholide Aphephile

IKhabhinethi linxusa zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika ukuthi ziqikelele ukuthi zihlala ziphephile kulawa maholide kaKhisimusi. Abantu abasebenzisa umgwaqo bayanxuswa ukuthi bathobele imithetho yomgwaqo, futhi bangashayeli budedengu, ikakhulukazi bangalokothi neze bashayele uma sebedle amanzi amponjwana. Abantu abahamba ngezinyawo nabo bayanxuswa ukuthi bahlale bevule amehlo futhi baqaphele kakhulu emgwaqeni. Iqoqwana Lezobulungiswa, Ukuvimbela Ubugebengu kanye Nokuvikeleka (i-JCPS) seliqinise imikhankaso yokulwisana nobugebengu nezokuphepha ezweni lonke. I-DHA yandise isibalo sabasebenzi ezintubeni zokungena nokuphuma emingceleni yakuleli ukuqinisekisa ukuthi kubhekanwa ngendlela efanele nokukhula kwesibalo sezivakashi ezilindelekile emingceleni yezwe ngesikhathi samaholide. I-DHA ihlela futhi nokwelula izikhathi zokusebenza kuleyo mingcele ematasa kakhulu, ukubhekana nesiphithiphithi sokungena nokuphuma kwabantu emingceleni yezwe esikhathini esandulela ukuqala kwamaholide, nangesikhathi samaholide uqobo kanye nesikhathi sokuvulwa kwezikole.

9. Ukubungazwa kweminyaka emihlanu uMadiba adlula emhlabeni

IKhabhinethi lihlanganyela nezakhamizi zaseNingizimu Afrika ukubungaza iminyaka emihlanu kwashona uMongameli wethu wokuqala owakhethwa ngokwentandoyeningi labantu u-Nelson Rolihlahla Mandela, owadlula emhlabeni mhla ziyisi-5 kuZibandlela 2013. UMongameli Ramaphosa wamemezela unyaka wezi-2018 njengonyaka oqopha ukuhlangana kweKhulunyaka Kwazalwa uMandela.  Ukhondolo lwakhe lubungazwe yizakhamizi zaseNingizimu Afrika unyaka wonke ngemicimbi ehlukahlukene, futhi umcimbi osanda kwenzeka yidili lomculo elikhulukazi, i-Global Citizens Mandela 100 Festival ebelibanjwe ngempelasonto edlule. IKhabhinethi linxusa bonke abantu ukuthi bazibophezele kulokho uMadiba ayekholelwa kukho, okubandakanya ukuzibophezela nokunganqikazi kwakhe kubulungiswa, ukulingana kanye nokungacwasi ngokwebala.

10. I-Global Citizen Festival Mandela 100

IKhabhinethi libonga bonke ababambe iqhaza ku-Global Citizen Festival Mandela 100 ebibanjelwe eGoli ngeSonto, zizi-2 kuZibandlela 2018. Leli dili lomculo beliyingxenye yemicimbi yemibungazo kazwelonke yokubungaza ikhulunyaka likaTata Nelson Mandela futhi ubusakazelwa amazwe angaphezu kwe-180. Lo mcimbi uqoqele ndawonye izinkulungwane ngezinkulungwane zezakhamizi zomhlaba jikelele, izishoshovu, abaholi bamazwe omhlaba, abaculi kanye nabantu abanamandla okwenza umehluko ukuqhubezela phambili iziNjongo Zentuthuko Esimeme zeNhlangano Yezizwe (i-UN) njengophawu lokuhlonipha uMandela ngomsebenzi wakhe oncomekayo awenzile ngenkathi esadla anhlavana.

IKhabhinethi lidlulisa ukuzwelana nabo bonke labo ababanjwe inkunzi yizinswelaboya ngenkathi sebephuma enkundleni yezemidlalo obekubanjelwe kuyo lo mbhiyozo.   Lizigxeka kakhulu lezi zenzo zobugebengu futhi linxusa abezomthetho ukuthi bazivalele izigilamkhuba. 

11. Usuku Lwengculazi Lomhlaba 

INingizimu Afrika iqophe uSuku Lwengculazi Lomhlaba mhla lu-1 kuZibandlela ngaphansi kwesiqubulo esithi: "Cheka Impilo. Know Your Status." IKhabhinethi liyaluncoma impela uhlelo lukahulumeni olumkhakha-mningi lokubhekana neGciwane Lesandulelangculazi (i-HIV) neNgculazi (i-AIDS) oseluthathe izinyathelo ezinohlonze njengomzamo wokuqeda lolu bhubhane. Lolu hlelo lube nomphumela wokwengezelwa kwabantu bafinyelela kuzigidi ezimbili ohlelweni lokwelashwa ngemishanguzo (ama-ARV). 

ENingizimu Afrika bangaphezu kwezigidi ezingu-4,2 abantu abadla imishanguzo, okwenza kube wuhlelo lokwelapha olukhulukazi emhlabeni. Umkhankaso we-HIV ne-AIDS uyaqhubeka nokuba negalelo elikhulukazi ekushintshweni kwendlela yokuziphatha, ukwelashwa kanye nokuqeda ukucwaswa nokukhishwa inyumbazane kwabantu abanalesi sifo emphakathini. IKhabhinethi limile esicelweni salo sokuthi zonke izakhamizi zaseNingizimu Afrika zihlolelwe i-HIV ukuze zisazi isimo sazo, okuzozisiza ukuthatha izinqumo eziphusile mayelana nezinyathelo zokuvimbela ukusuleleka, ukwelashwa, ukunakekelwa kanye nokwesekwa.

12.  usuku Lwamazwe Ngamazwe Lwabantu Abanokukhubazeka lwe-UN
INingizimu Afrika ihlanganyele namazwe omhlaba ukuhlonipha uSuku Lwamazwe Ngamazwe Lwabantu Abanokukhubazeka lwe-UN ngoMsombuluko, mhla zi-3 kuZibandlela. 
 Uhulumeni usazibophezele ekubandakanyeni nasekuvikeleni abantu abanokukhubazeka ngokusebenzisa izinhlelo ezimisiwe nezindlela zokungenelela ukuqinisekisa ukutholakala kwamathuba ngokulinganayo, njengoba lokhu kubekwe ngokucacile kuMthethosisekelo waseNingizimu Afrika we-1996. 

B. Izinqumo ZeKhabhinethi
13. Indawo Eklamelwe Umnotho Okhethekile ENkomazi (i-SEZ) 


IKhabhinethi lisigunyazile isinqumo sikaNgqongqoshe Wezohwebo Nezimboni, uDkt. Rob Davies, sokuqoka i-SEZ kanye nokuhlinzeka uMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho Nezokuvakasha wesifundazwe saseMpumalanga ngeLayisensi ye-SEZ.

INkomazi SEZ izoba "yiSizinda Sokulungiswa Kwemikhiqizo Yezolimo" esisebenzisa ugesi obhekelela futhi unakekele imvelo. Izokwesekwa yimisebenzi enhlobonhlobo enjengokuba nezindawo zokugcina imikhiqizo kanye nezokuthutha. Lokhu kuyingxenye yomklamo we--Maputo Development Corridor, okuwumzila wezohwebo omkhulukazi oxhumanisa iGauteng, iLimpopo neMpumalanga kanye neMaputo eMozambique. Phakathi kwezinye izinto, lo mklamo ufaka phakathi imigwaqo, amachweba kanye nojantshi besitimela.

Lo mklamo uzoba negalelo ekusheshiseni ukukhula komnotho, ukuheha utshalomali oluvela ngqo emazweni angaphandle kanye notshalomali oluvela kubatshalimali bakuleli, wandise umkhakha wezokukhiqiza futhi udale namathuba omsebenzi esifundeni. 

14. IKhabhinethi ligunyaze ukusayinwa kokuqhutshezelwa kweSivumelwano Sokubambisana Kwezomnotho (i-EPA) ne-United Kingdom (i-UK) uma sekuxazululwe izinkinga ezisilele mayelana nezinqubo ezizolandelwa futhi uma nezindaba zokuphatha zangaphakathi seziphothuliwe. IKhabhinethi ligunyaze futhi ukwethulwa ePhalamende kweSivumelwano sokusungula i-EPA phakathi kweNhlangano Yentela Yekuhwebelana Yamazwe AseNingizimu ne-Afrika (i-SACU) neMozambique kanye ne-UK, ukuze samukelwe ngokusemthethweni.

15. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kohlaka oluhlelwe labusha loMthetho Osadingidwa Wezasekhaya ukuze kutholakale izimvo zomphakathi. Uhlaka loMthetho Osadingidwa lubeka umbono wokuthi ukuze iNingizimu Afrika ikwazi ukuzuza nokuhlomula ngokuphelele kulesikhathi sobuchwepheshe besimanjemanje, i-DHA kumele idlale indima esemqoka ekufukulweni nokuthuthukiswa kwezakhamizi, intuthuko ebandakanyayo, uhulumeni osebenza kahle kanye nokuvikeleka kwezwe. 

Lolu hlaka luncike futhi ekutheni i-DHA yiyo kuphela enqunyelwe umsebenzi wokuphatha nokulawula imininingwane esemthethweni ehlonza futhi ibonise ukuthi umuntu ngamunye ungubani kanye nesimo sakhe ezweni, ukuvakashela nofudukela kwamanye amazwe, kanye nalabo abafuna indawo yokubhaca ezweni kanye nababalekile emazweni abo.  Lo Mthetho Osadingidwa uhlongoza izindlela zokunciphisa ukudluliswa kwemali emabhange ngokukhwabanisa kanye nokonga imali ethe xaxa ngokuthi kuqedwe amaphutha futhi kunqandwe nokuhluleka ukwenza umsebenzi ngendlela efanele.

16. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa kweSivumelwano Somhlaba SeNhlangano Yamalungelo Abaqambi Nabasunguli (i-WIPO) Sokugodlwa Kwamalungelo Abaqambi (i-WCT) sowe-1996 ePhalamende ukuze samukelwe ngokusemthethweni futhi sigunyazwe.
Lesi yisivumelwano esimkhakha-mningi futhi esikhethekile esingaphansi kweSivumelwano sase-Berne esibhekene nokuvikelwa komsebenzi namalungelo ababhali abasemkhakheni womsebenzi oqhutshwa ngekhompyutha. Ukugunyazwa nokwamukelwa ngokusemthethweni kwe-WCT kuhlomulisa nemboni yezobuciko yaseNingizimu Afrika, ikakhulukazi ababhali bamanoveli kanye nemisebenzi yezobuciko. I-WCT izosiza iNingizimu Afrika njengoba iqinisekisa ukuthi umthetho wakuleli wokugodlwa kwamalungelo abaqambi uzohambisana noshintsho olwenzekayo kwezobuchwepheshe. Lokhu kuzohlinzeka ukuvikeleka okubalulekile kubanikazi bamalungelo ngokuvimbela ukukhiqizwa nokutshalaliswa kwamakhophi omgunyathi emkhakheni wezinhlelokusebenza zekhompyutha nezizindalwazi.

17. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa kweSivumelwano se-WIPO Sezokunandisa kanye Namafonogramu sowe-1996, ePhalamende ukuze samukelwe ngokusemthethweni.

Lesi yisivumelwano esimkhakha-mningi esibhekana namalungelo abanandisi kanye nabakhiqizi bamafonogramu, ikakhulukazi emkhakheni wemisebenzi eqhutshwa ngekhompyutha. Lesi sivumelwano sizovikela abantu noma izinhlangano ezengeza ubuciko obukhulu, amakhono ezobuchwepheshe noma esikhungo enqubweni yokuhambisa umsebenzi emphakathini futhi sizothuthukisa ingenisomali ezobahlomulisa futhi ibalekelele.

18. IKhabhinethi likugunyazile ukwethulwa kweSivumelwano sase-Beijing ePhalamende ukuze samukelwe ngokusemthethweni. Lesi yisivumelwano esimkhakha-mningi, esilawula ukugodlwa kwamalungelo okukhiqizwa kwemisebenzi yobuciko bokunandisa obulalelwayo futhi obubukelwa ngamehlo futhi sandisa namalungelo abanandisi. Samukela futhi sihloniphe ngokusemthethweni ilungelo lobunikazi bobuciko labanandisi bobuciko bokunandisa obulalelwayo nobubukelwayo emsebenzini abawenzayo wezobuciko futhi sibakhela nendlela yokwenza inzuzo. Siphinde sihlinzeke abanandisi bobuciko obulalelwayo nobubukelwayo ngamalungelo aqondene nokuvikelwa komsebenzi wabo futhi samukele ngokusemthethweni amalungelo abo emkhakheni wemisebenzi yezobuchwepheshe. 

19. IKhabhinethi likugunyazile ukusungulwa kweKomidi loNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene (i-IMC) elizohola umsebenzi wokubuyekeza osesigabeni esiphakeme kakhudlwana uma kuqhathaniswa nokubuyekezwa nokuhlolwa kwamazwe okwenziwe ngaphambilini, okuwumsebenzi owenziwa ngaphansi kweNqubokuhlola Yokuqapha Nokuhlaziya Umsebenzi Esetshenziswa Ngamazwe Ase-Afrika Angontanga  (i-APRM). Lokhu kuzokwenziwa emuva koKhetho Lukazwelonke lwangowezi-2019. I-IMC izokwesekwa ngokusungulwa okugunyaziwe koMkhandlu Wokulawula i-APRM Kuzwelonke. Le nqubo yokubukeza ye-APRM inika amazwe angamalungu inkundla yokuxoxisana kuzwelonke ngokuphatha nangezinkomba zezenhlalomnotho kanye nethuba lokuvumelana ngazwi linye mayelana nendlela eya phambili. 

20. IKhabhinethi likugunyazile ukuthi iNingizimu Afrika isayine iSivumelwano sokusungula, ngaphansi komthetho wamazwe ngamazwe, inhlangano yohulumeni abahlukahlukene ebizwa nge-Square Kilometre Array (i-SKA) Observatory, ezobhekelela izigaba zokwakha nezokusebenza zephrojekthi yesibonakude samagagasi se-SKA samazwe ngamazwe, esizoba seNingizimu Afrika nase-Australia.

Ukusayinwa kwalesi sivumelwano kuzoba ngokubalulekile ekuhlinzekeni lolu bambiswano lwamazwe ngamazwe ngezindlela zokuphatha ezifanele, okuzoqinisekisa ukuqaliswa nokuqhutshwa kwalo mklamo ngempumelelo. INingizimu Afrika izokwazi nokuthola utshalomali oluvela kwamanye amazwe, kanye namakhono kanye nezinzuzo zokuthuthukiswa kwengqalasizinda, okuyimihlomulo ehambisana nephrojekthi ye-SKA. 

21. IKhabhinethi ligunyaze uHlaka Lukazwelonke lweSikhungo Sentuba Yomngcele Esinguntozonke (i-OSBP) ukuze luqaliswe. Lokhu kuhlinzeka umhlahlandlela ozolekelela ekusunguleni ama-OSBP ngokushesha phakathi kweNingizimu Afrika namazwe angomakhelwane. I-OSBP izokhuthaza ukulawulwa kohwebo ngaphandle kokubeka engozini ukuvikeleka kwezwe noma ukuqoqwa kwengenisomali ngokuthi ukungena nokuphuma kwempahla nabantu kanye nezinsizakalo kulawulwe ngobunyoninco obukhulu phakathi kweNingizimu Afrika namazwe angomakhelwane, njengeBotswana, iLesotho, iNamibia, iMozambique kanye neZimbabwe.  

Kuzophinde kuholele ekutheni isifunda sikwazi ukusheshisa imisebenzi yemibhalo yokungena ezweni kanye nokunciphisa ukuphindaphindeka komsebenzi owenziwa ngamathimba asemngceleni, okuyinto ezothuthukisa ukuncintisana kwezokuhweba kanye nokungena nokuphuma kwabantu ngokunciphisa izindleko futhi konge nesikhathi.

22. IKhabhinethi likugunyazile ukuthi uMnyango Wezezimali Kuzwelonke neSikhungo Sezobunhloli Bezezimali (i-FIC) bazolawula futhi bahole ukulungiselela kweNingizimu Afrika ukuhlolwa kobungozi kuzwelonke kanye nenqubo ezayo yokuhlolwa ngontanga ezoqala maphakathi noMbasa 2019.

Ukuhlolwa ngontanga yinqubo yokubukeza kontanga eqhutshwa ngochwepheshe bamazwe ngamazwe abavela emazweni angaphandle angamalungu ophiko oluhlanganisa ohulumeni abahlukahlukene, i-Financial Action Task Force, ukuhlola ukuthi lusebenza kahle yini uhlelo lokulwisana nokushushunjiswa kwemali (i-AML) nokunqanda ukuxhaswa ngemali kwabavukelimbuso nabashokobezi (i-CTF) eNingizimu Afrika. Imiphumela yale nqubo izosiza ukuqinisa ubuqotho bohlelo lwezimali lwaseNingizimu Afrika ngokuhlonza izinyathelo ezizothathwa ukuze kubhekanwe nanoma ikuphi ukuntenganteka ohlweleni lwe-AML/CFT lwethu. 

23. IKhabhinethi ligunyaze izincomo ezethulwe eMnyangweni Wezemfundo Eyisisekelo (i-DBE) nguMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola. Lezi zincomo ziphuma oCwaningweni lokuhlola nokucubungula umthelela Wokufunda Izincwadi Emabangeni Ayisisekelo emuva kweminyaka emibili yokungenelela. I-DBE yaqalisa uCwaningo Lokufunda Izincwadi Emabangeni Ayisisekelo ngokusebenzisana namanyuvesi ahlukahlukene. Lokhu kuwukucutshungulwa komthelela wemfundo okubanzi okuhlose ukuqoqa ubufakazi ngokuthi yini esebenzayo ukuthuthukisa ukufundisa nokufunda kokufunda izincwadi emabangeni ayisisekelo ngezilimi zesintu ezweni. Lo Mbiko uzofakwa kuwebhusayithi ye-DPME.

24. IKhabhinethi ligunyaze uHlaka Lwenqubomgomo Yezigcinamagugu Zikazwelonke. Inhloso yalokhu ukuguqula ukuphatha nokusebenza kwezigcinamagugu maqondana nokufinyeleleka, ukulungisa lokho okungahanjiswanga ngendlela efanele esikhathini esedlule, ukuletha ukulingana, ukwakha isizwe nokubumbana komphakathi. Le nqubomgomo iphakamisa ukudidiyelwa kwezigcinamagugu zibe yizinhlaka zokuphatha ezintsha ukuze zikwazi ukunciphisa izindleko zokuqhuba umsebenzi futhi zikhuphule nomkhiqizo-nsebezo wazo, ngokunciphisa inani lemikhandlu.

Luphinde luhlinzekele ukukleliswa nokuhlukaniswa kwezigcinamagugu ngokwezigaba ngokubheka ubuhle bomsebenzi wazo, ububanzi kanye nokubaluleka kwazo ukuze kwabiwe uxhasomali ngendlela elingana nesigaba neqophelo lesikhungo ngasinye.

25. IKhabhinethi liwugunyazile uMhlahlandlela Kazwelonke Wokuqokela Abantu EmaBhodini nanjengeZikhulu Eziphethe (ama-CEO) ezinkampanini zikahulumeni kanye Nezikhungo Ezilawulwa Wuhulumeni. Lo mhlahlandlela uhlinzeka ngemigomo kazwelonke nemihlahlandlela yokusebenza okuhle yokukhuthaza inqubo efanayo lapho kuqokwa laba bantu. Lo mhlahlandlela usabela esicelweni seKomidi Lokubuyekeza LikaMongameli Lamabhizinisi Kahulumeni sokukhuthaza ukuvuleleka, isibopho sokuphendula kanye nenqubo yokuphatha okuhle kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni.

26. IKhabhinethi ligunyaze umbiko wesi-6 wenqubekelaphambili eseyenziwe yiThimba LoNgqongqgoshe eNyakatho Ntshonalanga. Kuyalijabulisa iKhabhinethi ukuthi kunenqubekela phambili ebonakalayo impela ekuletheni uzinzo eminyangweni kahulumeni yesifundazwe eNyakatho Ntshonalanga futhi ukuhlinzeka ngezinsiza eziyisisekelo kubekwe eqhulwini.  Lolu hlelo lokungenelela selusize ukukhokhela izikweletu ezingaphezu kwama-90% zabahlinzeki bempahla nezinsizakalo obekusalele emuva ukukhokhelwa kwazo, futhi ngenxa yalokho sekungcono kakhulu ukuhlinzekwa kwemithi nempahla yokusebenza.  Amagumbi okuhlinzela iziguli amane kwamahlanu esibhedlela saseMafikeng asebuyiselwe esimweni sokusebenza.  Sekugcwaliswe izikhala zomsebenzi eziningana ezihlinzekelwe ngemali kuleyo minyango okwenziwe kuyona uhlelo lokungenelela. Sekuqaliswe inqubo yokukhathula umsebenzi osalele emuva wokulungisa ingqalasizinda futhi nezikhungo zokuphoqelela ukuthotshelwa komthetho ziyaqhubeka nokwenza inqubekela phambili ekuqinisekiseni ukuthi bayaphendula ngezenzo zabo labo ababandakanyeka enkohlakalweni. 

27. Ngokusebenzisana nobuholi baseNyakatho Ntshonalanga aBalawuli abaqokiwe bayaqhubeka nokwenza inqubekela phambili ekumiseni izinqubo zokuphatha okuhle. Umkhandlu Kwazwelonke Wezifundazwe (i-NCOP) wavakashela eNyakatho Ntshonalanga ngoMfumfu futhi sewuwuthulile umbiko wayo owagunyaza ukungenelela kukaHulumeni kazwelonke esifundazweni. 

28.  IKhabhinethi ligunyaze ukusingathwa kwemicimbi elandelayo:

  • Imihlangano Yonyaka Yesine Yebhange Elisha Lentuthuko (i-NDB), ngekota yokuqala yowezi-2019. I-NDB yasungulwa yi-Brazil, Russia, India, China neNingizimu Afrika (i-BRICS) ukuze kwenziwe imizamo yokuthola izinsiza kanye nezimali zokweseka imiklamo yengqalasizinda nentuthuko esimeme emazweni e-BRICS, kanye namanye amazwe asafufusa kanye nalawo athuthukayo. 
  • Isigcawu Esijwayelekile se-17 seNgqungquthela yoNgqongqoshe base-Afrika Bezemvelo (i-AMCEN) esizobanjwa ngoNhlangulana/Ntulikazi 2019. I-AMCEN iyinkundla esebenza ngokugcwele lapho oNgqongqoshe Bezemvelo base-Afrika befakana imilomo bese bethatha izinqumo mayelana nezindaba zemvelo ezisemqoka kuleli Zwekazi. INingizimu Afrika izothatha izintambo njengosihlalo walesi sigcawu kusukela ngowezi-2019 kuya kowezi-2021.


C.  Imithethosivivinywa

29. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wokudliwa Komhlaba Obuyekeziwe ukuze kutholakale izimvo zomphakathi. Umthethosivivinywa obuyekeziwe wengeza isigaba esihlinzeka ngezimo ezicace ngokuphelele okungadliwa umhlaba ngaphansi kwazo ngaphandle kokuhlinzeka isinxephezelo ukuze kusizakale umphakathi.  Lesi sigaba siqinisa uMthethosivivinywa Wokudliwa Komhlaba wangaphambilini owahoxiswa enqubweni yasephalamende.  UMthethosivivinywa uzosiza ukusheshisa uhlelo lokulethwa kwezinguquko kwezomhlaba futhi nakuba kunjalo uqhubeke nokuba ngaphakathi kohlaka lwemigomo yomthethosisekelo. 

30. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wenqubo Yokuziphatha Ngendlela Efanele Kwezikhungo Zezimali wezi-2018 ukuze kutholakale izimvo zomphakathi. Lokhu kuyingxenye kahulumeni yokuletha izinguquko ekulawulweni komkhakha wezezimali ophokophele ekufinyeleleni kwi-Twin Peaks model futhi lokhu kulandela ukushaywa koMthetho Wokulawula Umkhakha Wezezimali, wezi-2017 (uMthetho wesi-9 wezi-2017) phakathi kokunye, ohlose ukuqinisekisa ukuthi baziphatha ngendlela efanele labo ababambe iqhaza kulo mkhakha futhi kuqinisekiswe nokuthi aphathwa kahle amakhasimende emkhakheni wezezimali. Ukulawula indlela abaziphethe ngayo labo abakulo mkhakha kuhlose ukuvikela, kepha uma ukuvikela kungaphumeleli, kuqhanyukwe nezindlela zokuphatha nokulawula imiphumela engemihle equbuka ezikhungweni zezimali eziqhuba umsebenzi wazo ngezindlela ezingawalungele amakhasimende noma ezidelela ubuqotho bezimakethe zezimali nokwethenjwa kohlelo lwezimali. 

UMthethosivivinywa uzoqinisa ukuvikelwa kwamakhasimende ngokubeka umthetho obanzi wokuziphatha kahle ezimakethe zezimali. Lokhu kuzoholela ekutheni kube nokusetshenziswa kwemigomo yokuvikela amakhasimende ngendlela ehambisanayo kuwo wonke umkhakha wezezimali. Uhlinzeka ngendlela yokusebenza eyodwa yokukhiphela zonke izikhungo zezimali amalayisense, nokuqinisekisa ukulawula nokuqapha ngokuphelele. 

Lokhu kuzovumela ukuthi uPhiko Lokuziphatha Ngendlela Efanele Komkhakha Wezezimali olusanda kusungulwa luwufeze kangcono umsebenzi walo wokuvikela amakhasimende ezezimali ngokuqinisekisa ukuthi aphathwa ngendlela elungile futhi enobulungiswa. Lo Mthethosivivinywa, ozosebenza kuzo zonke izikhungo zezimali, uphinde weseke uguquko emkhakheni wezezimali ngokuqalisa iNkambiso Yokuziphatha Kahle Emkhakheni Wezezimali ngaphansi koMthetho Onabile Wokufukulwa Nokuthuthukiswa Kwabantu Abamnyama Kwezomnotho, wezi-2003 (uMthetho wama-53 wezi-2003) ngokuphoqelela ukuthi kwethulwe izinqubomgomo zokuthobela inkambiso yokuziphatha ngendlela efanele kanye nokuqapha ukuqaliswa kwazo lezo zinqubomgomo. 

31. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa kweSichibiyelo SoMthethosivivinywa Wezindaba Zezimali wezi-2018 ePhalamende.

Lezi zichibiyelo ziphathelene nokulandelayo:
a)    UMthetho Wokucwila Ezikweletini we-1963, ngenhloso yokuqinisa ukulawulwa kwezivumelwano zangasese ezingadluli esikhungweni sohwebomali esisemthethweni, ngokuhambisana nokuzibophezela kwe-G20;
b)    UMthetho Wezimpesheni Zamasosha we-1976, ngenhloso yokubhekana nezinhlinzeko-migomo ezicwasayo;
c)    UMthetho Wezamabhange we-1990, ukuze kuvunyelwe izinkampani zombuso ezifanelekile ukuthi zifake izicelo zamalayisense okusungula amabhange; 
d)    UMthetho Wezimpesheni Zabasebenzi Bahulumeni we-1996, ngenhloso yokushintsha umgomo wokunikezwa komlingani welungu lesikhwama sempesheni ingxenye yakhe ngokushesha, uma abashadikazi behlukanisa umshado, ngalokho-ke kuqinisekiswe ukuthi imali ekhokhelwa umuntu obeshade nelungu lesikhwama sempesheni ayiphenduki ibe yisikweletu; kanye
e)    noMthetho Wezomsebenzi Wezocwaningomabhuku wezi-2005, ukubhekana nezinselele nemikhawulo iBhodi Elilawulayo Elizimele Labacwaningimabhuku elihlangabezana nazo lapho lenza umsebenzi walo wokulawula nokuqapha indlela okusetshenzwa ngayo.

D.  Imicimbi Ezayo
32. Isimemezelo se-NMW

UMongameli Ramaphosa uzomemezela i-NMW emcimbini ozobanjelwa e-Kliptown eSoweto ngoLwesihlanu, mhla ziyisi-7 kuZibandlela 2018. I-NMW izohlomulisa ngokushesha abasebenzi abangaphezu kwezigidi eziyisithupha futhi isize ukubhekana nezinga lokungalingani kanye nobubha eNingizimu Afrika. Lesi simemezelo esiyingqophamlando sizokwandisa ukwelulela kwethu isandla kubantu ababuthaka kakhulu.

33. Usuku Lokulwisana Nenkohlakalo Emhlabeni Jikelele

Njengengxenye Yokubungaza Usuku Lokulwisana Nenkohlakalo Emhlabeni Jikelele ngeSonto, mhla ziyisi-9 kuZibandlela 2018, iKhabhinethi lithanda ukugcizelela kabusha impi yaleli lizwe ekulwisaneni nenkohlakalo emikhakheni ezimele nakuhulumeni. Umkhakha weQoqwana le-JCPS ubeke eqhulwini ukulwisana nalesi sihlava okuhambisana nesinyathelo sikahulumeni sokungayibekezeleli nakancane inkohlakalo.
Inkohlakalo iyinkinga yomphakathi okumele bonke abantu balwisane nayo njengoba iphazamisa ukuthuthukiswa kwenhlalomnotho futhi idlondlobalisa ububha ngokunika abantu abangafanele lokho obekumele kutholwe ngabantu abakudinga kakhulu.  

34. Usuku Lwamalungelo Esintu Emhlabeni Jikelele

INingizimu Afrika izohlanganyela namazwe omhlaba ukuhlonipha uSuku Lwamalungelo Esintu Emhlabeni Jikelele ngoMsombuluko, mhla ziyi-10 kuZibandlela 2018. Lokhu kuqopha umgubho wosuku lapho isiGungu Jikelele se-UN samukela iSivumelwano Somhlaba Wonke Samalungelo Esintu ngowe-1948. Uhulumeni uyaqhubeka nokuqinisekisa ukuthi bonke abantu baseNingizimu Afrika bayawathokozela wonke amalungelo esintu njengelungelo lokuphila, ukulingana nokuhlonishwa kwesithunzi somuntu. Isakhamuzi ngasinye sakuleli sinomthwalo wokuqinisekisa ukuthi amalungelo esintu kanye nesithunzi sezwe lethu kuyavikeleka.  

35. IKhomishana Yomhlaba Jikelele Yekusasa Lemisebenzi 

Umbiko ophuma kuKhomishana Yamazwe Ngamazwe Ngekusasa Lemisebenzi uzokwethulwa mhla zingama-22 kuMasingana 2019. Yasungulwa yi-ILO ngowezi-2017 ngenhloso yokuhlola uguquko olusheshayo olwenzekayo emnothweni womhlaba kanye nasemikhakheni yezemisebenzi, kanye nokuhlonza izinselele ezisemqoka nezincomo.  Le Khomishana Yamazwe Ngamazwe Esezingeni Eliphezulu, usihlalo wayo nguMongameli Ramaphosa ebambisene nosihlalo wesibili, uNdunankulu waseKingdom of Sweden u-Stefan Löfven. 

E. Imiyalezo
36. Amazwi Enduduzo


NjengoMongameli Ramaphosa, iKhabhinethi nalo lizwakalisa ukudabuka ngokudlula emhlabeni kwengqalabutho yoMzabalazo futhi eyabe iliNxusa lakuleli kwelase-United Kingdom, uMnu. Mendi Msimang, ngoMsombuluko, mhla zi-3 kuZibandlela 2018, kulandela ukugula kwakhe isikhathi eside. IKhabhinethi lidlulisa ukuzwelana nomndeni, abangani, amaqabane kanye nalabo ababesebenzisana noMnu. Msimang. UMnu. Msimang uzohlonishwa ngoMgcwabo Okhethekile Wombuso osesigabeni soku-1 oqukethe ukuhlonishwa ngumbutho wamasosha, ngokuhambisana nenqubomgomo yemigcwabo esemthethweni yoMbuso kanye neyeziFundazwe.

37. Ukuhalalisa

37.1 IKhabhinethi lihalalisela iBanyana Banyana ngokufinyelela emdlaweni wamanqamu wendebe yomqhudelwano wezi-2018 wabantu besifazane wamazwe ase-Afrika, i-2018 Africa Women's Cup of Nations. Ngokwenza njalo sebezitholele ithuba lokuba yingxenye yemidlalo yoMqhudelwano Wabesifazane Wendebe Yomhlaba ye-FIFA ozobanjelwa kwelase-France ngonyaka ozayo.
37.2 IKhabhinethi lincoma uDkt. Lindiwe Sidali, oqophe umlando ngokuba ngowesifazane womdabu wokuqala ezweni ongudokotela ohlinza inhliziyo (i-cardiothoracic surgeon) ezweni.

F.    Abaqashiwe
Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

38.    Inkampani Yokuthuthukiswa Kwezimboni (i-IDC)
Mnu. Tshokolo Nchocho njenge-CEO ngaphansi kwenkontileka yeminyaka emihlanu.
39.    Amalungu eBhodi leSiKhungo Sesimo Sezulu saseNingizimu Afrika (i-SAWS):
a.    Nksz. Nana Magomola (uSihlalo);
b.    Dkt. Phillip David Dexter (iPhini LikaSihlalo);
c.    Mnu. David Lefutso;
d.    Adv Derek Jeffrey Block;
e.    Nksz. Sowbakiam Mudly-Padayachie;
f.    Dkt. Mphekgo Patrick Maila;
g.    Nksz. Feziwe Yolanda Renqe;
h.    Mnu. Itani Phaduli;
i.    Dkt. Owen Peter Muller Horwood;
j.    Nksz. Kelebogile Shirley Moroka-Mosia;
k.    Mnu. Jerry Lengoasa (i-CEO); kanye 
l.    noDkt. Tsakani Ngomane (Omele u-DG eMnyangweni)

40.    Adv Sandile Nogxina njengeLungu elingeyona ingxenye yesigungu seziphathimandlafuthi onguSihlalo weBhodi le-Airports Company South Africa(i-Acsa). 
41.    UMkhandlu Wehhovisi Lezezibalo eNingizimu Afrika (i-Stats SA): 
a.    Mnu. Ian Assam – oqokwe kabusha; 
b.    Mnu. Faldie Esau –oqokwe kabusha;
c.    Dkt. Jacky Galpin – oqokwe kabusha;
d.    Mnu. Ettienne le Roux – oqokwe kabusha; 
e.    Dkt. Ariane Neethling – oqokwe kabusha; 
f.    Dkt. Thabi Leoka;
g.    Nksz. Reshoketswe Mokobane;
h.    Mnu. Thapelo Molahloe;
i.    Nksz. Blanche Motsosi;
j.    Nksz. Nompumelelo Nzimande;
k.    Mnu. Wandile Sihlobo;
l.    Nksz. Vuyelwa Mantyi (omele iMpumalanga Kapa);
m.    Nksz. Zeenat Ishmail (omele iNtshonalanga Kapa);
n.    Mnu. Kuberin Packirisamy (omele iNyakatho Kapa);
o.    Mnu. Thulani Bhengu (omele iKwaZulu-Natali);
p.    Mnu. Thuso Ramaema (omele i-Free State);
q.    Dkt. David Everatt (uSihlalo futhi omele iGauteng);
r.    Solz. Andries Monyeki (omele iNyakatho Ntshonalanga);
s.    Dkt. Nomuso Mlondo (oemle iMpumalanga); kanye no
t.    Dkt. Modjadji Malahlela (omele iLimpopo).

42.    IKhomishana Yemisebenzi Yombutho Wezokuvikela:
a.    Dkt. Siphelele Zulu;
b.    Dkt. Ziyaad Essop;
c.    Adv Nokuzola Gloria Khumalo; kanye
d.    Mnu. Ian Hugh Robertson.

43.    IBhodi leNkampani Yamandla Enuzi laseNingizimu Afrika
a.     Dkt. Robert Adam;
b.     Dkt. Ramatsemela Masango;
c.      Mnu. Aadil Patel;
d.     Mnu. Bishen Singh;
e.     Nksz. Pulane Kingston;
f.       Nksz. Matlhodi Ngwenya;
g.     Mnu. Jabulani Ndlovu; kanye no
h.     Nksz. Pulane Molokwane;

44.    IBhodi leMhlathuze Water
a.    Nksz. Thabi Agatha Shange (uSihlalo)
b.    Mnu. Silas Zwelakhe Hlophe (iPhini LikaSihlalo)
c.      Dkt. Purshottamma Sivanarain Reddy
d.    Nkk. Nica M Gevers
e.    Dkt. Mosidi Makgae
f.      Mnu. Musa Moses Xulu
g.    Mnu. Bonginkosi Vincent Mshengu
h.    Nkk. Amita Badul
i.      Nksz. Nothando Nonkululeko Mkhize
j.      Nksz. Gloria Dumisile Biyela
k.      Mnu. Petros Mzothule Zikalala

45.    Ama-CEO e-Sector Education and Training Authorities (ama-SETA):
a.   I-Bank SETA – Mnu. Trevor Rammitlwa;
b.   I-Food and Beverages SETA – Nksz. Nokuthula Selamolela;
c.   I-Fibre Processing and Manufacturing SETA– Nksz. Felleng Yende;
d.   I-Insurance SETA e – Nksz. Nadia Starr;
e.   I-Services SETA– Nksz. Amanda Buzo-Gqoboka;
f.    I-Agriculture SETA – Mnu. Zenzele Gilbert Myeza; 
g.   I-Chemical Industries Education and Training Authority SETA (i-CHIETA) – Mnu. Mike Khathutshelo Ramukumba;
h.   I-Culture, Arts, Tourism, Hospitality and Sports SETA– Mnu. Keitumetse Lebaka;
i.   I-Education, Training and Development Practices SETA– Nksz. Nombulelo Nxesi;
j.   I-Finance and Accounting SETA– Nksz. Ayanda Pearl Zinhle Mafuleka;
k.  I-Health and Welfare SETA– Nksz. Elaine Brass;
l.     I-Public Services eSETA– Nksz. Bontle Portia Lerumo; kanye
m.   ne-Wholesale and Retail SETA– Mnu. Blessing Tom Mkhwanazi.

Imibuzo:
Nkz Phumla Williams - iBamba Lomkhulumeli WeKhabhinethi 
Umakhalekhukhwini: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore