Inkulumo kaMongameli u-Cyril Ramaphosa mayelana nezinyathelo zeNingizimu Afrika zokubhekana nobhubhane lwegciwane le-Corona

Inkulumo kaMongameli u-Cyril Ramaphosa mayelana nezinyathelo zeNingizimu Afrika zokubhekana nobhubhane lwegciwane le-Corona, 17 Nhlangulana 2020

Bantu bakithi,

Manje sekuphele izinsuku ezithi mazibe ngaphezudlwana nje kancane kwe-100 kwahlonzwa isigameko sokuqala sokutheleleka komuntu ngegciwane le-corona eNingizimu Afrika.

Kulezi zinsuku eziyi-100 ezedlule sizithole siphila ngaphansi kwethunzi lesinye sezifo eziyingozi kakhulu empilweni yabantu emhlabeni, esikhathini esingaphezu kweminyaka eyi-100.

Lesi sifo, kanye nezinyathelo esizithathile ukulwisana naso, sekudale ukuphazamiseka okukhulu impela ezimpilweni zabantu bakithi, nosekuwumise nse umnotho wethu futhi kwabeka engcupheni nezindlela zokuziphilisa zabantu bakuleli abayizigidi ngezigidi.

Kuze kube manje, lesi sifo sesidlule nemiphefumulo yabantu abayi-1 674 ezweni lethu.

Nakuba sizithola sibhekene nalesi sifo esingumbulalazwe, zisiqinise idolo izindaba esizithole kuleli viki mayelana nempumelelo ebonakele ekwelashweni kwe-COVID-19.

Ucwaningo olwenziwe yiNyuvesi yase-Oxford kwelamaNgisi luthole ukuthi umshanguzo i-dexamethasone – okhiqizwayo nakhona lapha kwelakithi eNingizimu Afrika, ngenye yezinkampani zemithi, futhi okungumshanguzo oxhaphakile impela kuleli – ukwazile ukunciphisa ngengxenye yokuthathu ukufa kwabantu abagula kakhulu futhi asebephefumula ngomshini.

UMnyango Wezempilo kanye neKomidi Eleluleka uNgqongqoshe sebencome ukuthi seyingasetshenziswa i-dexamethasone ezigulini eziphefumula ngomshini futhi ezixhunywe ku-oksijini.

Sikholelwa ukuthi lokhu kuzoyithuthukisa futhi kuyenze ngcono indlela eselapha ngayo lezo ziguli esezikhahlamezeke kakhulu.

Kusukela ekuqaleni kwalolu bhubhane, sekunabantu abayizi-80 412 osekuqinisekisiwe ukuthi bahaqekile eNingizimu Afrika, futhi kulaba, bayizi-44 331 asebeluleme – okusho ukuthi cishe bangama-55%. Futhi okusho ukuthi njengamanje bayizi-34 407 abasaphethwe yilesi sifo kuleli. Kepha-ke, njengoba sazi, besizoba phezulu kakhulu isibalo sabantu asebethelelekile kanye nalabo asebeshonile.

Sathatha isinqumo zisasuka amagqozo nje, ngenkathi kusaqala ukubheduka kwalesi sifo eNingizimu Afrika, sokuvimbela ukuphuma nokungena kwabantu emingceleni yakuleli futhi sanqabela nokubanjwa kwemibuthano ngokuthi simemezele iSimo Sizakwelonke Senhlekelele futhi emva kwalokho sanquma ukuvala izwe lonkana ngenhloso yokunciphisa ukusabalala kwesifo nokutheleleka kwabantu ngegciwane.

Ngokwenza njalo, sasihlose ‘ukunciphisa izinga lokubhebhetheka nokutheleleka kwabantu ngalesi sifo’ ukuze uhlelo lwethu lwezempilo lube sesimweni esikahle sokulungela ukunakekela izindimbane zabantu abazodinga ukunakekelwa.

Ngenxa yesinyathelo esinohlonze futhi esisheshayo esasithatha ngaleso sikhathi – futhi ikakhulukazi ngenxa yobambiswano lwenu, ukuzimisela kwenu kanye nokuzinikeza kwenu njengesizwe – sikwazile ukubambezela ukusabalala kwegciwane.

Enye yezindlela zokukala izinga lokutheleleka kwabantu yilokho esikubiza ‘ngesikhathi sokuphindaphindeka kwegciwane’. Lokhu yinani lezinsuku eziphelayo ngaphambi kokuba isibalo sabantu abahaqekile siphindaphindeke kabili.

Emasontweni amathathu ngaphambi kokuqala kwesikhathi sokuvalwa kwezwe lonkana, inani labantu abahaqekile laliphindaphindeka kabili njalo emva kwezinsuku ezimbili.

Ngezinga lesihlanu lokuvalwa kwezwe, lesi sikhathi sokuphindaphindeka kabili kwesibalo sabahaqekile sakhuphuka safinyelela ezinsukwini eziyi-15, okusho ukuthi ukusabalala kwegciwane bese kuthatha isikhathi esijana impela.

Ezingeni lesine nelesithathu isikhathi sokuphindaphindeka kwesibalo sabantu abahaqekile besilinganiselwa ezinsukwini eziyi-12.

Sasebenzisa isikhathi sokuvalwa kwezwe ukulungisa nokuthuthukisa uhlelo lwethu lwezempilo kanye nokuqhamuka nezinyathelo nezinhlelo emkhakheni wezempilo yomphakathi okuhloswe ngazo ukunciphisa ukutheleleka kwabantu.

Uyaqhubeka ezifundazweni zonke zakuleli umsebenzi wokuqinisa uhlelo lwethu lwezempilo – okubandakanya ukusungulwa kwezizinda zokugonqa ezingaphezu kwe-100, nokukhuphula inani lezikhungo ezihlinzeka ngokunakekelwa okunohlonze kulabo asebegula kakhulu futhi kukhushulwe nesibalo semibhede ezibhedlela zesikhashana ezakhiwe emphakathini, ngokunjalo futhi nokuhlonza abasebenzi bezempilo abangeziwe.

Kodwa-ke nakuba sisebenzise isikhathi sokuvalwa kwezwe ukunciphisa izinga lokubhebhetheka kwegciwane nokutheleleka kwabantu, lo msebenzi esibhekene nawo awukapheli neze futhi kusekude kakhulu ngaphambi kokuba siwuphothule. Ngisho sekuphele izinsuku eziyi-100, namanje sisesekuqaleni kwalolu bhubhane futhi lusazohlala nathi ezinye izinyanga eziningi, okungenzeka futhi kube iminyaka ngeminyaka.

Umsebenzi wokubhekana nesifo se-corona ufana nokugijima umjaho webanga elide, hhayi nje ukusubatha ibangana elifushane, futhi ngalokho-ke sekudingeke ukuthi izinyathelo esizithathayo sizenze ngendlela ezohambelana nesimo esinjalo.

Emavikini ambalwa edlule, inani labantu asebehaqekile belilokhu likhula ngesivinini esikhulu. Cishe ingxenye yokuthathu yazo zonke izigameko eseziqinisekisiwe zokutheleleka kwabantu iqoshwe ngeviki eliphelile nje kuphela futhi izigameko zokutheleleka kwabantu ezingaphezu kwesigamu esibalweni sabantu abathelelekile sebebonke ziqoshwe kula maviki amabili edlule.

Kuze kube manje isifundazwe saseNtshonalanga Kapa yisona esikhahlanyezwe kakhulu yilesi sifo, njengoba sinabantu abangama-60% asebehaqekile, esibalweni sabantu abathelelekile kuleli sebebonke.

Nakuba ukutheleleka kwabantu emphakathini kusalokhu kuphansi ezingxenyeni eziningi zezwe, kula maviki ayisishiyagalolunye adlule, ukutheleleka kwabantu kukhula ngesivinini esikhulu kulesiya sifundazwe.

Kunezinkomba ezibonisayo ukuthi ukutheleleka kwabantu esifundazweni saseMpumalanga Kapa manje sekuqala ukuphakama futhi kungenzeka ukuthi kusemuva ngamaviki ambadlwana nje kuphela uma kuqhathaniswa neNtshonalanga Kapa.

Kwabaningi bethu, lesi sifo ebesithathwa njengesikude kakhulu manje sesiqala ukusondela kakhulu.

Siyakhula isibalo sabanye bethu okukhona abamaziyo osehaqekile, okungaba semsebenzini noma esikoleni noma ebandleni, esontweni lamaSulumane, ethempelini noma esinagogweni (indlu yesonto yamaJuda). Kungenzeka kube ngomunye wabangani bethu noma ilungu lomndeni.

Abaningi benu bakhathazekile ngokukhula kwesibalo sabantu abathelelekayo futhi nikhathazekile nangokuphepha kanye nenhlalakahle yabantu enibathandayo.

Nikhathazekile ngokuthi nani ngokwenu kungenzeka nitheleleke, etekisini noma ebhasini, emsebenzini noma esitolo, esikoleni noma enyuvesi, noma ngenkathi nivakashele umtholampilo noma isibhedlela. Lokhu kukhathazeka kwenu kuyinto ezwakalayo futhi nikhathazeke kube kufanele.

Ngoba phela ngenkathi izwe livulwa kancane kancane ngokwezigaba ngezigaba, ngenkathi siqala senza eminye imisebenzi yethu ejwayelekile ebivaliwe, ubungozi bokutheleleka nabo buzokhula.

Kepha-ke nakuba ubungozi bokutheleleka bubukhulu, lokho akusho nakancane ukuthi lokhu kuyinto engenakugwemeka.

Ngokuziphatha ngendlela efanele komunye nomunye wethu singawanciphisa amathuba okuthi sitheleleke noma sithelele nabanye. Futhi yizenzo zomuntu ngamunye kanye nezenzo zethu sonke ngokuhlanganyela ezizosibeka esimweni sokuthi sikwazi ukuqhubeka nokubambezela ukudlondlobala kwezinga lokutheleleka kwabantu ezweni lonkana.

Ucwaningo luyabonisa ukuthi ukugqoka isifonyo sendwangu noma impahla yokugqoka efanayo, emboza kokubili ikhala lakho nomlomo ngaso sonke isikhathi uma usemphakathini, kungesinye salezo zinyathelo ezilinciphisayo izinga lokutheleleka kwabantu ngegciwane.

Bayizigidi ngezigidi abantu baseNingizimu Afrika – kubandakanya nezingane ezincane – manje asebegqoka izifonyo zendwangu njalo uma bephuma emakhaya abo beya ngaphandle.

Kodwa-ke, basekhona abathile kuleli, abangakazijwayezi lo mkhuba wokugqoka izifonyo.

Sithanda ukubakhuthaza bonke abantu ezweni lethu ukuthi bagqoke izifonyo uma besemphakathini.

Masingabolekani izifonyo futhi siqinisekise ukuthi siyaziwashisisa ngensipho namanzi njalo emva kokuzisebenzisa.

Kodwa-ke, ukugqoka isifonyo akusho ukuthi kumele siyeke ukugeza izandla njalo ngensipho namanzi noma ngesibulali-magciwane futhi sigcine igebe okungenani eliyimitha nesigamu phakathi kwethu nabanye abantu.

Sonke kumele sikhumbule ukuthi singalokothi sizithinte ebusweni ngezandla ezingageziwe, futhi kumele sihlanze futhi sikhuculule amagciwane njalo kulezo zindawo ezivamise ukuthintwa ngabantu.

Kumele futhi sikhumbule ukuthi ukuqhelelana kusalokhu kungenye yezindlela ezisebenza kahle kakhulu ekunciphiseni ukusabalala kwegciwane.

Lezi zinqubo-nkambiso eziyisisekelo sezibonakalisa ukubaluleka okukhulu impela njengoba manje sesiqala ukuxegisa imikhawulo yokuvalwa kwezwe futhi njengoba sesingena esigabeni esisha sezinyathelo nezinhlelo zethu zokubhekana negciwane le-corona.

Lezi zindlela kusalokhu kuyizona izindlela ezinhle kakhulu futhi eziphuma phambili ekunqandeni ukubhebhetheka kwegciwane.

Ongoti bethu bezokwelapha sebekhiphe iseluleko esithi izinyathelo ezinjengokubeka imihubhe yokubulala amagciwane nokufafaza umzimba akumele zisetshenziswe njengoba sekubonakele ukuthi azinalo nakancane usizo futhi kungenzeka zibe nobungozi.

Kusukela ekuqaleni, besazi kahle kamhlophe ukuthi kuzodingeka izinyathelo ezinqala ukunciphisa isivinini sokutheleleka kwabantu emphakathini.

Kepha futhi besazi ukuthi ngeke neze kulunge uma kungaqhubeka unomphela ukuvalwa kwezwe lonkana.

Njengoba sesehlele esigabeni sokuqapha sesithathu kusukela mhla lu-1 kuNhlangulana, izinhlelo nezinyathelo zethu zokuvimbela igciwane manje sezigxile ezintweni ezilula zansukuzonke ezingenziwa ngomunye nomunye wethu ukuze sizivikele futhi sivikele nemiphakathi yethu.

Lokhu kusho ukuthi kumele omunye nomunye wethu aqikelele futhi azinakekele, noma kuphi lapho sikhona futhi kungakhathalekile ukuthi singobani, ukuze kunqandwe ukusabalala kwalesi sifo.

Amandla okunqoba igciwane le-corona asezandleni zethu.

Futhi manje izinyathelo nezinhlelo zethu sezigxile kakhudlwana kulezo zindawo lapho igciwane lidlange khona kakhulu, nokuyizizinda lapho likhula ngokushesha okukhulu izinga lokutheleleka kwabantu, futhi-ke kulezo zindawo sithumela amathimba ethu ezempilo amkhakha-mningi ukuze kunqandwe ukubheduka nokubhebhetheka ngamandla kwalesi sifo futhi siqinisekise ukuthi labo asebehaqekile bayakuthola ukunakekelwa abakudingayo.

Kusenjalo futhi sesilikhuphule kakhulu izinga lokuxilongwa kwabantu ngenhloso yokubheka ukuthi abanazo yini izimpawu zegciwane le-corona, ezweni lonkana, kuzo zonke izindawo okusetshenzelwa kuzona, ezikoleni, emanyuvesi, ezizindeni ezinenxanxathela yezitolo, ezinkonzweni, emarenke amatekisi noma kwenzinye izindawo zomphakathi lapho kubuthana khona abantu.

Njengamanye amazwe amaningi emhlabeni, iNingizimu Afrika nayo izithola ibhekene nengwadla yokuntuleka kwezinsiza zokuhlolela igciwane kanye nezinye izimpahla ezidingekayo.

Ngakho-ke sekudingeke ukuthi sibhekisise ukuthi yibaphi abantu okusemqoka kakhulu ukuthi bahlolelwe igciwane, futhi sesibeke eqhulwini iziguli ezilaliswe esibhedlela, abasebenzi bezempilo, abantu ababuthakathaka futhi abasengcupheni njengabantu esebekhulile kanye nabantu abasezindaweni lapho igciwane lidlange khona kakhulu futhi libhebhethekisa okomlilo wequbula.

Nakuba lesi simo sesithanda ukuba ngconywana, siyaqhubeka nokuhlangabezana nenkinga yokubambezeleka nokusalela emuva kohlelo lokuhlolwa kwabantu.

Lokhu kunomthelela ongemuhle neze ekulawulweni nasekuphathweni ngendlela efanele kwabantu abathelelekile kanye nokulandelwa nokutholwa komkhondo walabo bantu abake basondelana nabantu asebehaqekile.

Ngakho-ke sisebenzisa zonke izindlela ezikhona zokuthenga izinsiza kanye nempahla esiyidingayo futhi sikhuphule namandla nekhono lethu lokuhlola abantu, sisheshise nesikhathi sokukhishwa nokutholakala kwemiphumela yalabo abahloliwe.

Phakathi kwezinye izinhlelo esizisebenzisayo, ngokubambisana namanye amazwe ezwekazini lethu, sisebenzisa isizinda-lwazi esiyingqophamlando sezinsiza zokwelapha sase-Afrika, i-Africa Medical Supplies Portal.

Lesi yisizinda esisodwa sezwekazi lonkana lapho amazwe ase-Afrika engathenga khona impahla yokwelapha ebaluleke kakhulu, njengezinsiza zokuhlolela igciwane, kubahlinzeki nabakhiqizi bezinsiza abasezwekazini lase-Afrika kanye nalabo abakwamanye amazwe emhlabeni wonke jikelele, futhi lokhu kwenza lawa mazwe akwazi ukuthola umthamo odingekayo walezi zinsiza, futhi azithole ngentengo engambi eqolo.

Ukusetshenziswa kwalesi sizinda-lwazi kuzokwengeza emsebenzini owenziwayo ukuqinisekisa ukuthi kuleli sinayo impahla yokwelapha, impahla yokuzivikela kanye nezibhedlela zokubhekana nokukhula okulindelekile kwesibalo seziguli ezine-COVID-19.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ubhubhane lwegciwane le-corona aluyona nje kuphela ingwadla yezempilo enkulukazi ebhekene nomhlaba wonke kodwa futhi luyinkinga yezomnotho yomhlaba wonke elokhu ikhule njalo.

Alikho izwe, ayikho imboni futhi akekho umuntu ongathintekile.

Lapha eNingizimu Afrika, lolu bhubhane seluziphazamise kakhulu izindlela zokuziphilisa zabantu bakuleli abayizigidi ngezigidi.

Njengoba nazi, lawo mabhizinisi amaningi ayeka ukusebenza mhla zingama-27 kuNdasa, ngenkathi kuqala ukuvalwa kwezwe, namanje awakavulwa ngenxa yemikhawulo ebekiwe, esebenzayo njengamanje, nevimbela ukuvulwa kwawo. 

Lawo mabhizinisi abandakanya izinkampani ezinkulu ezinabasebenzi abayizinkulungwane ngezinkulungwane kanye nezinye izinkampani ezincane eziningi ezinabasebenzi abambadlwana.

Lokhu kusho ukuthi kunamabhizinisi kanye nabantu osekuphele izinsuku ezingaphezu kwama-80 bengayitholi imali engenayo.

Ngisho kunezinyathelo esesiqhamuke nazo ukweseka izinkampani, abasebenzi kanye namakhaya adla imbuya ngothi njengengxenye yohlelo lokuhlinzeka ngosizo lwezigidigidi ezingama-500 zamarandi, kunomkhawulo ekutheni lawa mabhizinisi angaqhubeka isikhathi eside kangakanani evaliwe.

Ngenkathi ngimemezela ukuthi izwe lizokwehlela esigabeni sokuqapha sesithathu kusukela mhla lu-1 kuNhlangulana, ngathi sizokufakela izibuko ukuvulwa kabusha kweminye imikhakha yomnotho uma kungaqaliswa futhi kugcinwe izindlela ezidingekayo zokuqikelela ukuphepha.

Kulandela ezinye izingxoxo ezibanjwe nalabo abamele izimboni mayelana nezinqubo-kusebenza ezinqala zokuvimbela igciwane, futhi emva kokuthola izeluleko ezivela kososayensi futhi emva kokufakana imilomo noNdunankulu bezifundazwe, iKhabinethi selinqume ukuxegisa imikhawulo ebekwe phezu kweminye imisebenzi yezomnotho ethile.

Le misebenzi ibandakanya:

  • Izindawo zokudlela, esezizovunyelwa ukuba amakhasimende athenge ukudla ‘ahlale phansi akudlele lapho ngaphakathi’
  • Izindawo ezigunyaziwe futhi ezinezimvume yokuhlalisa nokulalisa izivakashi, ngaphandle kwezindawo ezingaphansi kohlelo lapho abantu beqashisa khona ngamakhaya abo ezivakashini ezizohlalisana ndawonye kulawo makhaya, njengohlelo lwe-AirBnB.
  • Izingqungquthela kanye nemihlangano lapho kuzobhungwa khona ngezindaba zebhinizinisi ngaphansi kombandela wokuthi kumele kuthotshelwe imikhawulo ebekiwe elawula imibuthano yomphakathi.
  • Izindawo zamabhayisikobho nemidlalo yeshashalazi, okumele zisebenze ngokuthobela imikhawulo ebekiwe elawula imibuthano yomphakathi.
  • Izindawo zokugembula (amakhasino).
  • Izindawo zokuzicwala nokuzitomota, kubandakanya izindawo zokucwala izinwele kanye nezindawo zobuhle.
  • Imidlalo lapho abadlali bengasondeli kakhulu kwabanye njengegalofu, ibhola lomphebezo, ikhilikithi kanye neminye. Imidlalo lapho abadlali besondelana khona kakhulu futhi bathintane izovunyelwa kuphela lapho abadlali beziqeqesha futhi kuzovunyelwa naleyo midlalo esiguqulwe ngendlela efanele, ngaphansi kwemikhawulo ebekiwe yokusetshenziswa kwezikhungo nezizinda okudlalelwa kuzona.

Esimweni ngasinye sokuvulwa kwezindawo ezishiwo ngenhla, kuvunyelenwe ngezidingo zokuphepha ezinqala okumele zithotshelwe futhi okumele zibe khona ngaphambi kokuthi livulwe kabusha ibhizinisi, kanye nezinqubo-kusebenza okumele zilandelwe ngokuphelele ukuze ibhizinisi liqhubeke livunyelwe ukuthi lenze umsebenzi walo.

Izimemezelo mayelana nalezi zinyathelo zizokwenziwa ngokuhamba kwesikhathi ukuze kuhlinzekwe ngemininingwane ephelele, futhi kuhlinzekwe nosuku ezovunyelwa ngalo ukuba iqale le misebenzi yebhizinisi.

Lesi sinqumo sisithathe ngokucophelela okukhulu futhi emva kokucabangisisa ngaso, lapho sicubungule khona ngokujulile ubungozi obuphathelene nomsebenzi webhizinisi ngamunye kanye nezinyathelo ezidingekayo ukulawula ubungozi lobo.

Uma sezizonke, lezi zimboni beziqashe abantu abangaphezu kwezi-500 000 ngaphambi kokuvalwa kwezwe.

Sibone kufanele ukuthi sibakhumbule laba bantu kanye nalabo abondliwa yibona.

Ngokuxegisa imikhawulo yokuvalwa kwezwe siyaqhubeka nokuqinisekisa ukuthi kunokulingana phakathi kwenhloso-ngqangi yethu yokuphephisa izimpilo zabantu kanye nokugcina izindlela zokuziphilisa zabantu.

Kusemqoka ukuthi sikhumbule ukuthi lolu wubhubhane oluhlasele umhlaba wonke futhi amazwe amaningi abhekene nezinselele ezifanayo nezethu futhi nawo kumele axazulule izinkinga ezifanayo abhekene nazo.

Ngakho-ke sisebenzisana kakhulu nezikhungo zamazwe omhlaba futhi sisebenzisana namanye amazwe emizamweni yethu yokubhekana negciwane le-corona.

Njengezwe elingusihlalo weNhlangano Yamazwe ase-Afrika, sibambe iqhaza elikhulu emizamweni yokuqhamuka nendlela-kusebenza efanayo ezolandelwa ezwekazini lonkana, futhi ngalokho siqinisekise ukuhlanganiswa kwezinsiza-kusebenza futhi sakhe amaqhingasu okuqinisekisa ukuthi alikho izwe elizoshiywa ngemuva.

Njengamanje kunabantu abangaphezu kwezi-250 000 osekuqinisekisiwe ukuthi bahaqekile ezwekazini lase-Afrika, futhi sekushone abantu abangaphezu kwezi-6 700.

Leli nani liphansi uma liqhathaniswa nenani labantu asebehaqekile emhlabeni wonke jikelele – manje eselingaphezulu kwezigidi eziyisishiyagalombili – ikakhulukazi ngenxa yokuthi amazwe ase-Afrika asukumela phezulu aqalisa ngokushesha izinqubo zokuvalwa thanqa kwawo.

Kodwa-ke, kumele silindele ukuthi likhuphuke izinga lokutheleleka kwabantu e-Afrika ngenkathi amazwe exegisa imikhawulo ngenxa yengcindezi enkulu yezomnotho abhekene nayo, futhi sisebenza ngokubambisana njengezwekazi ukubhekana naleyo nselele.

Sikubone kubaluleke kakhulu ukuthi siyivule imboni yokuzicwala nokuzitomota ngoba phela lena yimboni eqasha ikakhulukazi abantu besifazane.

Izinyanga ezintathu ezidlulile bezinzima kakhulu impela kwabesifazane abayizigidi ngezigidi abasebenza njengabacwali bezinwele, abasebenza ezindaweni zokubhucunga umzimba (spas), abasebenza njengababhucungi bomzimba kanye nalabo abasebenza njengochwepheshe.

Amaningi kulawa mabhizinisi ngamabhizinisi okungawabantu besifazane futhi angumthombo wemali engenayo kubantu abanyingxenye yomkhakha webhizinisi ongahlelekile.

Ukunikeza abantu besifazane ukwesekwa abakudingayo ukuze nabo bazimele ngakwezezimali kuyinto esiyibeke eqhulwini, ikakhulukazi esikhathini samanje.

Kuyadabukisa kakhulu ukuthi ngime phambi kwabesifazane namantombazane aseNingizimu Afrika kusihlwa nje ngikhulume ngolunye ubhubhane olubhebhetheka ubuhanguhangu ezweni lethu – ukubulawa kwabesifazane nezingane ngamadoda aleli lizwe lethu.

Njengendoda, umyeni kanye nobaba ngishaqekile ngalokho engikubona kufana nempi ebhekiswe kwabesifazane nezingane ezweni lethu.

Esikhathini lapho ubhubhane lwe-corona lusishiye sizizwa sibuthakathaka, sisengcupheni futhi sinokungaqiniseki ngokuthi kuzokwenzekani, sibona kuhlaselwa abesifazane nezingane ngesihluku esixakile.

Bahamba phakathi kwethu laba badlwenguli nababulali.

Basemiphakathini yethu.

Bangobaba bethu, obhuti bethu, amadodana ethu noma abangani bethu; futhi bangamadoda anesihluku esesabekayo angakugqizi qakala ukubaluleka komphefumulo womuntu.

Emavikini ambalwa edlule abekho ngaphansi kwama-21 abesifazane nezingane ababulewe.

Ababulali babo bebecabanga ukuthi bazophumelela ukubavala umlomo.

Kodwa thina ngeke neze sibalibale, futhi sizobakhulumela uma bona bengasakwazi ukuzikhulumela.

Sizomkhulumela u-Tshegofatso Pule, uNaledi Phangindawo, uNompumelelo Tshaka, uNomfazi Gabada, uNwabisa Mgwandela, u-Altecia Kortjie kanye noLindelwa Peni, bonke okungabesifazane abasebasha ababulawe ngamadoda.

Sizomkhulumela ugogo oneminyaka engama-89 ubudala owabulawa ekhaya labadala e-Queenstown, nogogo oneminyaka engama-79 ubudala obulawe e-Brakpan kanye nogogo odlwenguliwe endaweni yakwaSwayimane KwaZulu-Natali.

Sizowukhulumela umphefumulo ongenacala wendodakazi ka-Tshegofatso Pule ebingakazalwa, noka-Raynecia Kotjie obeneminyaka eyisithupha ubudala ngokunjalo futhi nomphefumulo wengane eneminyaka eyisithupha etholwe endle seyiphangalele KwaZulu-Natali.

Lezi akuzona neze izibalo nje kuphela. Kodwa ngabantu abanamagama futhi abanemindeni kanye nabangani.

Kusihlwa nje, sinabo ngezinhliziyo nasemikhulekweni yethu.

Ngithanda ukuwuncoma impela uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika ngomsebenzi wawo oncomekayo wokubopha cishe bonke abasolwa.

Njengoba laba basolwa bethole ibheyili kuleli viki, nginethemba elikhulu lokuthi izinkantolo zethu zizothumela umyalezo oqinile wokuthi udlame olunjengalolu alunayo nencane indawo emphakathini.

Emhlanganweni wokuhlala ngokuhlanganyela kwezindlu zombili zePhalamende ngoMandulo ngonyaka odlule, ngamemezela uHlelo Lwezinyathelo Eziphuthumayo lokulwisana nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabantu besifazane futhi ngamemezela noxhaso-mali lukahulumeni olungu-R1.6 wezigidigidi oluzokwabiwa kabusha ukuze kwesekwe ukuqaliswa nokuqhutshwa kwalolu hlelo kuze kube sekupheleni konyaka-mali.

Manje sesinoHlelo Lwamasu Lukazwelonke oluzohola imizamo yezwe lethu yokulwisana nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile.

Ngesikhathi sokuvalwa kwezwe siqinisekisile ukuthi izisulu zodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile ziyakwazi ukuthola ukwesekwa kanye nezinsizakalo, kubandakanya nenombolo yokubika izigameko nokuthola izeluleko mayelana nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile, i-GBV hotline, izindawo zokukhosela kanye nezizinda zokweseka izisulu zodlame lwezocansi.

Kusukela ngoZibandlela nyakenye, ziyi-10 izakhiwo zikahulumeni esezidluliselwe ezandleni zoMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi ukuze zisetshenziswe njengezindawo zokukhosela, ngenhloso yokubhekana ngqo nenye yezinselele ezinkulu kakhulu ezihlangabezana nazo izisulu ezifuna ukuphuma ebudlelwaneni obuhlukumezayo.

Kulezi zinyanga eziyi-18 ezidlule, sesenze inqubekela phambili ebonakalayo impela ekweluleni ukwesekwa nosizo olwenzelwe izisulu.

Ziyi-13 izinkantolo zesifunda esezithuthukisiwe zaba yizinkantolo zamacala ocansi.

Ngenhloso yokweseka umsebenzi wabomthetho, ayizi-7 000 amathuluzi okuqoqa ubufakazi asatshalaliswayo njalo kuzo zonke iziteshi zamaphoyisa kuleli, futhi eziteshini zamaphoyisa manje sekunamagumbi angaphezu kwe-1 000 akulungele ukuthi kuhlinzekelwe kuwona usizo ezisulwini.

Amaphoyisa amaningi, abashushisi, izimantshi kanye nabenzi bezinqubomgomo sebethole ukuqeqeshwa nokuqwashiswa okufanele ukuze bakwazi ukuphatha izisulu ngozwelo, futhi bangaphezu kwezi-3 000 abasebenzi bakahulumeni abasebenza ngezingane nabantu abakhubazekile asebehloliwe ukuthi abekho yini kuRejista Kazwelonke Yabenzi Bamacala Ocansi.

Sekulungiswe nezichibiyelo-mthetho eziphathelene, phakathi kokunye, nomkhawulo ophansi wezigwebo ezingakhishwa emacaleni odlame olubhekiswe kwabobulili obuthile, imibandela yokunikeza ibheyili kubasolwa, kanye nokuvikeleka okuthe xaxa kwabesifazane abayizisulu zodlame oluvela emasokeni abo.

Ngiyabanxusa abashayi-mthetho bethu ePhalamende ukuthi bazicubungule futhi baziphasise ngokushesha okukhulu lezi zichibiyelo-mthetho.

Ngisho nasesikhathini sokuvalwa kwezwe imbala, izinkantolo zethu zibonise isandla esiqinile impela ekuphatheni amacala odlame olubhekiswe kwabobulili obuthile, njengoba begixabezwe ngezigwebo zodilika-jele kanye nezigwebo zodilika-jele abaphindaphindiwe abenzi bala macala.

Ngifuna ukuqinisekisa abesifazane nezingane zaseNingizimu Afrika ukuthi uhlelo lwethu lokubhekana nobugebengu nobulungiswa lusazoqhubeka nokulokhu lugxile njalo emacaleni odlame olubhekiswe kwabobulili obuthile futhi kumele silindele ukuthi kusenabanye abaningi abenzi bala macala abazoboshwa futhi bashushiswe.

Abenzi bamacala abhekiswe kwabesifazane nezingane kumele bathole izigwebo ezifanele amacala anyantisa umzimba abawenzayo.

Kuyinto ekhathazayo kakhulu ukuthi ukudlondlobala kwamacala abhekiswe kwabesifazane nezingane kwenzeka ngesikhathi esifanayo lapho sekuqala ukuxegiswa ukuvalwa kwezwe okuqondiswe ekunqandeni igciwane le-corona.

Ngokusho kwamaphoyisa, kusukela kwaqala isigaba sokuqapha sesithathu mhla lu-1 kuNhlangulana sebudlondlobele ubugebengu obuhambisana nodlame – ikakhulukazi amacala okubulala kanye nokuzama ukubulala.

Asekhuphuke kakhulu futhi namacala okuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

Kumele sizibuze imibuzo enzima kakhulu thina njengomphakathi.

Ikakhulukazi, kumele siwufakele izibuko umthelela wokuxhashazwa kophuzo oludakayo, hhayi nje kuphela emazingeni odlame, kodwa futhi nasezingozini zomgwaqo kanye nokuziphatha kwabantu budedengu.

Ziningi izincwaningo zamazwe ngamazwe kanye nalezo ezenziwe kuleli ezikubonisa ngokucacile ukuxhumana phakathi kokuxhashazwa kotshwala kanye nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile. Yebo kuyiqiniso elimsulwa ukuthi akubona utshwala obudlwengula noma obubulala umuntu wesifazane noma ingane.

Kepha lokhu kwenziwa ngamadoda anodlame.

Kodwa-ke uma ukweqiwa kwabantu wuphuzo oludakanayo kunesandla kula macala, kusho ukuthi kumele kuthathwe izinyathelo ezisheshayo ukubhekana nalokhu.

Kumele sithole izifundo kulokhu kuvalwa kwezwe futhi sinqume ukuthi sizowuvikela kanjani umphakathi esihlaveni sokuxhashazwa kotshwala.

Ngokuqinisekileyo, kumele sibahlinzeke ngosizo nokwesekwa okuthe xaxa abantu abanenkinga yophuzo oludakanayo, kubandakanya nokubahlinzeka ngosizo lokuhlunyeleliswa kanye nokwelashwa.

Kumele sikhuthaze umkhuba wokuphuza ngokuzithiba, ikakhulukazi entsheni.

Kumele sibonise isandla esiqinile kulezo zitolo ezidayisa utshwala eziphula imigomo yamalayisensi azo futhi ezithengisela izingane utshwala.

Kodwa-ke futhi kuzomele sizame ukuqhamuka nezinye izinyathelo eziqinile zokunqanda ukuxhashazwa kotshwala.

Ekugcineni, impumelelo yempi yethu yokuqeda udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile izodinga ukubandakanywa nokwesekwa okuvela emphakathini wonkana.

Uma sizimisele ngempela ukuqeda la macala, asikwazi ukuqhubeka nje siwuhlabe inhlali.

Abenzi bala macala siyabazi futhi bayaziwa nasemiphakathini yethu.

Ngokushaya sengathi asiboni, ngokweluleka izisulu ukuthi zingayi ukuyomangala, ngokwenza abesifazane inhlekisa ngempilo abaqoka ukuyiphila noma ngokubalulaza ngendlela abagqoka ngayo, nathi sinesandla kula macala.

Ngiyaphinda futhi ngiyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ngothi lwabo abalalele le nkulumo yami kusihlwa nje ukuthi bayicabangisise imiphumela yokuthula kwabo.

Njengezwe, sizithola singabhekene nje kuphela nombhedukazwe owodwa, kodwa mibili imibhedukazwe esibhekene nayo.

Nakuba le mibhedukazwe ihlukile ngokohlobo nangokwezimbangela zayo, yomibili inganqobeka – uma sisebenza ngokubambisana, uma omunye nomunye wethu eqikelela ukuthi konke akwenzayo ukwenza ngokucophelela futhi uyazinakekela aphinde futhi anakekele nabanye abantu.

Iseyinde indlela esisazoyihamba futhi isazoba nzima.

Mkhulu umsebenzi odingekayo ukuvuselela nokusimamisa izwe.

Kodwa-ke uma kukhona okuthile esikufundile ngathi kulezi zinsuku eziyi-100 ezedlule, lokho wukuthi thina singabantu abakwaziyo ukubekezela nokumelana nezimo ezinzima, abakwaziyo ukuqhamuka namasu namacebo amasha futhi abaphikelelayo.

Sizonqoba.

UNkulunkulu ayibusise iNingizimu Afrika futhi abavikele nabantu bayo.

Ngiyabonga.

Share this page

Similar categories to explore