Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi ziyi-13 kuZibandlela 2019

Isitatimende Somhlangano Ojwayelekile WeKhabhinethi owabanjelwa e-Union Buildings, ePitori, ngoLwesihlanu mhla ziyi-13 kuZibandlela 2019

A. Izindaba Ezisematheni

1. Inkampani yakwa-Eskom

1.1. IKhabhinethi liyeseka ngokuphelele imizamo okuhloswe ngayo ukuqinisekisa ukuthi ugesi uyatholakala ngaso sonke isikhathi ezweni lethu. Mayelana nalokhu-ke, iKhabhinethi seliyalele uNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni ukuthi axoxisane noMphathi Omkhulu uMnu Andre de Ruyter ukuze aqale ukusebenza ngaphambi kosuku obelubekiwe phambilini.
1.2. UMnu de Ruyter, ebambisene nethimba labaphathi, uzothatha izinyathelo ezisheshayo zokulungisa izinkinga eziphathelene nokuphathwa kwenkampani yakwa-Eskom, nokungaphathwa kahle kwezimali, futhi kusenjalo abuyisele isimo kwesejwayelekile emisebenzini yansukuzonke eyenziwa yile nkampani. Lokhu kubandakanya ukubhekana ngqo nomsebenzi omkhulukazi osalele emuva wokulungiswa kwezinsiza-kusebenza nengqalasizinda esigugile eziteshini eziphehla amandla kagesi futhi kulungiswe izinkinga kanye nezimo eziphathelene nokungakheki kahle kwengqalasizinda ezingadala umonakalo omkhulu eziteshini eziphehla amandla kagesi, i-Medupi kanye neKusile.
1.3. IPhini likaMongameli, u-David Mabuza uzobiza isiThangami Sokuhlela Ngobunyoninco Esizobhekana Nezinkinga Zamandla Kagesi futhi Sithathe Izinyathelo Ezisheshayo, okuyisithangami esesivuselelwe kabusha, esibandakanya uNgqongqoshe Wezezimali uTito Mboweni; uNgqongqoshe Wezezimbiwa Nezamandla uGwede Mantashe kanye noNgqongqoshe Gordhan.  Leli thimba lizobhekana ngqo nanoma yiziphi izinselele eziphathelene nokuphakelwa kwamandla kagesi kuleli.
1.4. Ugesi ovuselelekayo uzodlala indima esemqoka kakhulu ekuphakelweni kwamandla kagesi kuleli, ngenhloso yokulekelela imizamo yenkampani yakwa-Eskom yokuphakela ugesi ezweni.

2. Uhlelo Lokuhlunyeleliswa Nokuvuselelwa Kwesimo Sezimali Senkampani Yezindiza yaseNingizimu Afrika (i-SAA)

2.1. Kuleli viki eledlule inkampani yakwa-SAA ifakwe ngaphansi koHlelo Lokuhlunyeleliswa Nokuvuselelwa Kwesimo Sezimali Ebhizinisini. IKhabhinethi liyathemba ukuthi lolu hlelo lokungenelela luzolekelela ekuhleleni kabusha le nkampani kazwelonke yezindiza luyibeke esimweni sokuthi ibe yinkampani enohlonze futhi esesimweni sokuncintisana ngempumelelelo nezinye izinkampani zezindiza, futhi ngokuhamba kwesikhathi iphinde ithole ukwethenjwa yibo bonke abantu baseNingizimu Afrika futhi ihehe nezinkampani ezizosebenzisana nayo ngokuthi zithenge amasheya kuyona.
2.2. IKhabhinethi likwamukele ngezandla ezimhlophe ukuqokwa kukaNgoti Wohlelo Lokuhlunyeleliswa Nokuvuselelwa Kwesimo Sezimali Ebhizinisini uMnu Les Matuson wenkampani i-Matuson Associates.  Uzosebenzisana neziNkampani Zabantu Abamnyama ezizomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
2.3. Inkampani yakwa-SAA izothola usizo lwezimali oluvela kuhulumeni olwengeziwe oluyizigidigidi ezimbili zamarandi ngenhloso yokufaka isandla ekuhlelweni kabusha okunohlonze okuzokwenziwa kule nkampani yezindiza. Futhi, nalezo zinkampani ezikhona njengamanje eziboleka abakwa-SAA izimali nazo zizohlinzeka ngemali engeziwe eyizigidigidi ezimbili zamarandi.
2.4. IKhabhinethi liyathemba ukuthi lolu xhasomali luzobuyisa isithunzi sale nkampani yezindiza futhi lugweme ukufadalala kwayo okungaba nomthelela omubi kakhulu kubagibeli, abahlinzeki bempahla nezinsizakalo, kanye nabanye ebambisene nabo kulo mkhakha wezindiza, ikakhulukazi abasebenzi bayo.
2.5. UNgqongqoshe Gordhan uzohlinzeka iKhabhinethi njalo, futhi ngokuqhubekayo, ngemibiko yenqubekelaphambili eseyenziwe oHlelweni Lokuhlunyeleliswa Nokuvuselelwa Kwesimo Sezimali sale nkampani.

3. Izikhukhula

3.1. IKhabhinethi lidlulisa amazwi enduduzo kulabo abalahlekelwe yizihlobo zabo ngenxa yezikhukhula zakamuva ezikhahlameze izingxenye zezwe ezihlukahlukene.
3.2. Uhulumeni uhola uhlelo lokungenelela olumkhakha-mningi ngokusebenzisa iSizinda Sikazwelonke Sokuphathwa Kwezinhlekelele ukuze kubhekwane nomonakalo omkhulu odalwe yilezi zikhukhula.
3.3. IKhabhinethi lilwamukela ngezandla ezimhlophe usizo oluvela ezinhlanganweni ezihlukahlukene ezihlinzeka ngosizo oluphuthumayo lokubhekana nalesi simo. Ukuthuthwa kwabantu asebengondinga sithebeni besuswa ezakhiweni kanye nasezindaweni ezicekeleke phansi beyohlaliswa emahholo omphakathi kuwuphawu olubonisa umoya wobuntu boqobo. IKhabhinethi liyawunxusa umphakathi ukuthi ukulalele lokho okushiwo ezixwayisweni nezeluleko eziphathelene nesimo esibi sezulu.
3.4. Ayingozi enkulu kubantu amanzi ageleza ngesivinini esikhulu, futhi abashayeli kanye nabantu abahamba ngezinyawo bayanxuswa ukuba bacophelele kakhulu futhi bakugweme ngokuphelele ukusebenzisa imizila nemigwaqo enganywe yizikhukhula.
3.5. Labo bantu abahlala ezindaweni eziphansi, ezisengcupheni yokuhlaselwa yizikhukhula ezivela emifuleni nasemadanyini agcwele ngokweqile, bayaxwayiswa ukuthi bacophelele futhi basuke ngokushesha baye ezindaweni eziphephile uma bebona izimpawu zokuqala zezikhukhula. Ungabeki impilo yakho engcupheni ngokubhukuda emadanyini nasemifuleni ngenkathi kuna izimvula ezinkulu.

4. Isikhathi Samaholidi KaKhisimusi

4.1. IKhabhinethi lifisela bonke abantu baseNingizimu Afrika amaholidi kaKhisimusi aphephile nonyaka omusha onempumelelo. Njengabantu bakuleli kumele siqhubeke nokubonisa umoya wobuntu kubantu bakithi eNingizimu Afrika kanye nasezivakashini ezihambele kuleli ngalesi sikhathi sentokozo.
4.2. IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bahloniphe imithetho yomgwaqo ngenkathi besendleleni beya ezindaweni abazochitha kuzona amaholidi futhi baqhubeke nokwenzanjalo esikhathini sonkana samaholidi kaKhisimusi. Kungumthwalo osemahlombe ethu sonke ngothi lwethu ukunciphisa isibhicongo sezingozi zomgwaqo.  Ukuziphatha kahle emgwaqeni kubandakanya ukugwema utshwala uma sizoshayela izimoto zethu, sihloniphe umkhawulo obekiwe wesivinini somgwaqo, futhi sibacabangele nabanye abasebenzisi bomgwaqo, kubandakanya nabantu abahamba ngezinyawo. Masibambisane ekusindiseni imiphefumulo yabantu emgwaqeni #LiveBeyondDezemba #Arrive Alive.
4.3. Isiqalile “iMikhankaso Kahulumeni Yokuqinisekisa Ukuphepha Ngesikhathi Samaholidi KaKhisimusi” njengoba uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) uphume ngezinkani kulesi sikhathi samaholidi. Izakhamuzi zakuleli ziyakhuthazwa ukuthi zisebenzise uhlelo-kusebenza lukamakhalekhukhwini i-MySAPS App, okuwuhlelo-kusebenza oluyingqayizivele futhi olungolokuqala ngqa ukusetshenziswa kuleli zwekazi lase-Afrika.
4.4. Lolu hlelo-kusebenza lukamakhalekhukhwini olusha luvumela izakhamuzi ukuthi zikwazi ukuxhumana kahle namaphoyisa ngokuthi zihlinzeke ngolwazi oluphathelene nobugebengu ngaphandle kokudalula amagama azo, futhi luyazilekelela izakhamuzi ukuthi zikwazi ukuthola kalula ukuthi sikuphi isiteshi samaphoyisa esiseduzane kanye nezikhungo okutholakala kuzona usizo lwamaphoyisa, futhi loluhlelo-kusebenza luvumela nezisulu zobugebengu ukuthi zithumele imiyalezo esheshayo uma zihlangabezana nesimo esiphuthumayo futhi zidinga usizo ngokushesha.
4.5. IKhabhinethi liyabanxusa futhi nabazali kanye nabalondolozi bezingane ukuba baqinisekise ukuthi abazishiyi zodwa izingane ngalesi sikhathi samaholidi.
4.6. IKhabhinethi liyabakhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazibandakanye kulokho okubizwa phecelezi nge-Sho’t Left ngokuthi bavakashele izindawo zakuleli ezidumile eziheha abavakashi futhi basekele nemicimbi yakuleli. Ukusebenzisa izinkampani zokuvakasha ezibhaliswe ngokusemthethweni noma abaphelezeli bezivakazi abarejistiwe kuzoqinisekisa ukuphepha kwezivakashi futhi kwenze ukuba zikuthokozele kakhulu ukuvakasha kwazo. Imininingwane yabaphelezeli bezivakashi abarejistiwe iyatholakala kumawebhusayithi amahhovisi ezokuvakasha ezifundazweni ezihlukahlukene.

5. Imiphumela kaMatikuletsheni yowezi-2019

5.1. IKhabhinethi lidlulisa amazwi okubonga kothisha, abafundi kanye nabazali ngokubambisana kwabo nohulumeni ekuqinisekiseni ukuthi kuphothulwa ngempumelelo ukuhlolwa kukamatikuletsheni kowezi-2019. Imiphumela izomenyezelwa kusihlwa mhla ziyisi-7 kuMasingana 2020 futhi abafundi bakamatikuletsheni bayakhuthazwa ukuthi bavakashele iwebhusayithi yoMnyango Wezemfundo Eyisisekelo (www.education.gov.za) noma babhalise nge-SMS ngokuthumela izinombolo zabo zomazisi kanye nenombolo yokubhalisela ukuhlolwa ku-35658 ukuze bathole imiphumela yabo.   

B. Izinqumo ZeKhabinethi

6. Uhlaka Lomthethonqubo Wokulawula Imikhiqizo Yezibaseli Ezenziwe Ngezinto Zemvelo

6.1. IKhabhinethi lilugunyazile uHlaka Lomthethonqubo Wokulawula Imikhiqizo Yezibaseli Ezenziwe Ngezinto Zemvelo, oluzoqalisa ukusebenza kweQhingasu Lezimboni Lemikhiqizo Yezibaseli Ezenziwe Ngezinto Zemvelo. Izibaseli ezenziwe ngezinto zemvelo zamukelekile emhlabeni wonke jikelele njengezibaseli ezikhiqiza ikhabhoni encane ezingasetshenziswa esikhundleni sezibaseli ezijwayelekile. Lezi zibaseli zihlanganiswa nemikhiqizo yezibaseli embiwa phansi ejwayelekile, futhi lokhu kwenzelwa ukunciphisa izingcolisi-moya ezikhiqizwa ngamafutha ezithuthi.
6.2. Lolu hlaka luhlinzeka ngemikhakha emihlanu okumele ilawulwe, (1) iNqubo-kusebenza yemikhiqizo eluhlaza. Le nqubo-kusebenza inciphisa ubungozi bohlelo lwemikhiqizo yezibaseli ezenziwe ngezinto zemvelo ukuze kuqinisekiswe ukutholakala kokudla okwanele. (2) Imithethonqubo yokuxuba ephoqelekile ukuze kulethwe ukuqiniseka ngemfuno-sidingo yemikhiqizo yezibaseli ezenziwe ngezinto zemvelo.  (3) Indlela yokubuyisa izindleko zokuxuba imikhiqizo yezibaseli ezenziwe ngezinto zemvelo. (4) Indlela yesibonelelo semikhiqizo yezibaseli ezenziwe ngezinto zemvelo esiqondiswe ekuxhaseni abalimi kanye nabakhiqizi bemikhiqizo yezibaseli ezenziwe ngezinto zemvelo. (5) Imigomo yokukhethwa kwemiklamo yemikhiqizo yezibaseli ezenziwe ngezinto zemvelo edinga izibonelelo-mali. Lo mbhalo wohlaka lomthethonqubo uyatholakala kuwebhusayithi yoMnyango Wezamandla: www.energy.gov.za.

7. UMkhandlu Kazwelonke Wezokuvikeleka

7.1. IKhabhinethi likugunyazile ukuvuselelwa kabusha koMkhandlu Kazwelonke Wezokuvikeleka ukuze kuhlelwe kabusha ukuhanjelaniswa kahle kwawo wonke umsebenzi ophathelene nokuvikeleka kuleli. Lo mkhandlu yiwona ozokwenza umsebenzi wokugunyaza iQhingasu Likazwelonke Lezokuvikeleka, futhi lengamele izinto ezibekwe eqhulwini kweZobunhloli Kuzwelonke kanye neZilinganiso Zobunhloli Zikazwelonke.
7.2. UMongameli nguyena ozoba ngusihlalo walo mkhandlu, ngokwesikhundla sakhe njengoMkhuzi Omkhulu Wamasosha Nemibutho Yezokuvikela. Amanye amalungu omkhandlu kuzoba yiPhini likaMongameli uMabuza; uNgqongqoshe Wezokuvikeleka KoMbuso u-Ayanda Dlodlo; uNgqongqoshe Wezokuvikela Nezigagayi Zempi uNosiviwe Mapisa-Nqakula; uNgqongqoshe Wezasekhaya u-Aaron Motsoaledi; uNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo uMnu Ronald Lamola; uNgqongqoshe Wezamaphoyisa uBheki Cele; uNgqongqoshe Wezezimali uTito Mboweni kanye noNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko uNkosazana Dlamini-Zuma.

8. UMthetho Odingidwayo Wezasekhaya

8.1. IKhabhinethi liwugunyazile uMthetho Odingidwayo Wezasekhaya, kanye neqhingasu elisezingeni eliphakeme nomkhombandlela wokuhlelwa kabusha koMnyango Wezasekhaya ukuze ukwazi ukuthatha indawo yawo njengomnyango ozokhuthaza futhi wokhele inhlansi yokuthuthuka komnotho kanye nokuvikeleka kwezwe.  
8.2. Lo Mthetho Odingidwayo ususelwe kwisisekelo senqubomgomo yokwakha uhulumeni wesimanjemanje futhi osebenzisa ubuchwepheshe, okuyinqubomgomo esondeza leli lizwe ekufezekiseni izinjongo zokuba nohulumeni owenza umsebenzi wakhe ngobuchwepheshe be-inthanethi futhi uqhube ibhizinisi nge-inthanethi.

9. IKhabhinethi likugunyazile ukuthi sithunyelwe ePhalamende iSivumelwano sase-Madrid Sokubhaliswa Kwezimpawu Zokuhweba Zamazwe Ngamazwe (sowe-1989) ukuze siqinisekiswe futhi samukelwe ngokusemthethweni.

9.1. Isivumelwano sase-Madrid sibandakanya ukuvikelwa kwezimpawu zokuhweba. Izimpawu zokuhweba zenza umkhiqizo ubonakale kalula futhi ube sesimweni esihle uma uqhathaniswa nezimbangi zawo, ekukhangisweni kwezimpahla nezinsizakalo ngaphakathi kuleli kanye nangaphandle emazweni omhlaba wonkana.
9.2. Ukwamukelwa kweSivumelwano sase-Madrid kuzothuthukisa futhi kuqhubekisele phambili iNqubomgomo Yamalungelo Obunini Bempahla (i-IP) yaleli lizwe. Lokhu kuzohlinzeka amabhizinisi aseNingizimu Afrika, ikakhulukazi amabhizinisi amancane, ngethuba lokusebenzisa uhlelo lwe-IP ukukhangisa izimpahla nezinsizakalo zawo emhlabeni wonke jikelele.

10. Uphiko Lokuthuthwa Kwabagibeli Ngezitimela lwaseNingizimu Afrika (i-PRASA)

10.1. IKhabhinethi likugunyazile ukuhlakazwa kweBhodi Lesikhashana le-PRASA kanye nokufakwa kwalesi sikhungo ngaphansi kolawulo.
10.2. INingizimu Afrika idinga uhlelo lokuthutha ngezitimela oluthembakele, olungambi eqolo futhi oluqhubeka ngaphandle kwezihibe, oluzoba ngumgogodla wezokuthuthwa komphakathi ngokuxhumana nezinye izinhlobo zezithuthi ezihlukahlukene. Imiphumela yakamuva nje ekhishwe nguMcwaningi-mabhuku Omkhulu yowezi-2018/19 iveze ukuthi kunokuhluleka okukhulu kanye nokungahambisi izinto ngendlela kwezokuphathwa nokulawulwa kwe-PRASA, futhi ayikho inqubo ephusile nesebenza kahle yokuphathwa kwezimali, okuyiyona into eholele ekutheni i-PRASA ithole umbiko wokucwaningwa kwamabhuku omubi kakhulu, obonisa ukuthi uMcwaningi-mabhuku Omkhulu akakwazanga ngisho nokukhipha umbiko oqondile ngenxa yobunhlakanhlaka bemininingwane yokuphathwa nokusetshenziswa kwezimali.
10.3. Maqondana nalokhu-ke, iKhabhinethi seligunyaze ukuqokwa koMlawuli, uMnu Bongisizwe Mpondo, ukuba alawule izindaba zalesi sikhungo isikhathi esiyizinyanga eziyi-12. Le nqubo yokungenelela izolekelela ekubuyiseni isimo sokusebenza kwe-PRASA ngendlela efanele.

11. Uhlelo Lokufudukela Ekusakazeni Ngobuxhakaxhaka Bedijithali

11.1. IKhabhinethi lithulelwe umbiko mayelana nesimo nesigaba olukusona njengamanje uhlelo Lokufudukela Ekusakazeni Ngobuxhakaxhaka Bedijithali maqondana nokuphathwa nokulawulwa kwenqubo yokugcinwa, ukusatshalaliswa kanye nokuxhunywa kwamadikhoda.
11.2. IKhabhinethi liluphawulile uhlaka lwenqubo yokuxhunywa nokufakwa kwamadikhoda akhona njengamanje, okungamadikhoda agcinwe emagunjini okugcina impahla ePosi laseNingizimu Afrika. IKhabhinethi likugunyazile ukuthi kube ngomasipala abazoqasha abantu abazoxhuma amadikhoda asele, angakaxhunywa kuze kube manje. Lolu hlelo lokuhlinzekwa kwamadikhoda olubuyekeziwe kuhloswe ngalo ukusheshisa inqubo yokufuduka kusukwa ekusakazeni ngobuxhakaxhaka be-analogi kungenwe ekusakazeni ngobuxhakaxhaka bedijithali futhi kukhishwe noMthamo Wamagagasi Okusakaza Ngomoya Adingeka Kakhulu.
11.3. IKhabhinethi likugunyazile futhi nokuqashwa kuka-Newyear Niniva Ntuli njengoMlawuli Nesiphathimandla Esiphendulayo se-Universal Service and Access Agency of South Africa isikhathi esiyizinyanga ezingama-24.

12. Uhlelo Lokubuyekeza Inqubo Yokuhlonyiswa Nokuthuthukiswa Kwabesifazane kanye Nokulingana Ngokobulili eNingizimu Afrika Esikhathini Esiyiminyaka engama-25: 1994-2019

12.1. IKhabhinethi liwugunyazile lo mbiko, ozoba yiMbuyisa-Mbiko yaleli lizwe maqondana neSimemezelo sase-Beijing kanye Nesithangami Sokuthathwa Kwezinyathelo Zokuthuthukiswa Nokuhlonyiswa Kwabesifazane (i-Beijing +25) seNhlangano Yezizwe (i-UN). IKhomishana ye-UN mayelana Nesimo Sabesifazane izogubha ukuhlangana kweminyaka engama-25 kwenziwa iSimemezelo sase-Beijing kanye Nesithangami Sokuthathwa Kwezinyathelo Zokuthuthukiswa Nokuhlonyiswa Kwabesifazane ngoNdasa 2020. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe asayine iSimemezelo sase-Beijing. 
12.2. Lo mbiko uhlinzeka ulwazi mayelana nenqubekelaphambili eseyenziwe emikhakheni ehlukahlukene maqondana nokuthuthukiswa nokufukulwa kwabesifazane kanye nemizamo yokuvala igebe lokulingana ngokobulili. Nakuba lo mbiko ukuveza ngokusobala ukuthi iNingizimu Afrika inemithetho ebanzi yokubhekelela udaba lobulili kanye nemithetho yokunqanda nokulungisa isimo esibangelwa wukucwaswa kwabantu besifazane, namanje zisekhona izinselele ekuqedeni ukungalingani kwesikhathi esedlule kanye nokulungisa inkinga elokhu iqhubeke njalo yokubekwa kwabantu besilisa eqhulwini kukho konke okwenziwayo kanye nokubonwa kwabantu besifazane njengabantu abafanelwe yizindima ezithile kuphela. 

13. Uhlelo Lobuqhinga Lukazwelonke (i-NSP) Lokulwisana Nodlame Olubhekiswe Kwabobulili Obuthile kanye Nokubulawa Kwabesifazane (i-GBVF) lowezi-2020-2030

13.1. IKhabhinethi lithulelwe umbiko mayelana ne-NSP yowezi-2020-2030, okuwuhlelo oluhlinzeka ngohlaka lwenqubomgomo kanye nokuhlela, olumkhakha-mningi, futhi olusebenza ngendlela ehambelanayo okuhloswe ngalo ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni uthatha izinyathelo ngendlela ehambelanayo zokulwisana ne-GBV ezikhungweni zikahulumeni kanye nasezweni lonkana. IKhabhinethi livumile ukuthi zonke izinhlelo esezabelwe imali ziqaliswe eminyangweni ethintekile ehlukahlukene.
13.2. Kodwa-ke, iKhabhinethi seliyalele ukuthi kwenziwe umsebenzi othe xaxa ekulungiseni ngokubanzi lolu hlaka lwenqubomgomo oluhlongozwayo futhi kuqinisekiswe ukuthi luhambelana kahle futhi ngendlela efanele. ONgqongqoshe abalandelayo bayalelwe ukuthi kube yibona abenza umsebenzi othe xaxa mayelana nalokhu: uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi uLindiwe Zulu; uNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo u-Ronald Lamola; uNgqongqoshe Wezamaphoyisa uBheki Cele kanye noNgqongqoshe Wezabesifazane, Intsha kanye Nabantu Abanokukhubazeka uMaite Nkoana-Mashabane. UNgqongqoshe Nkoana-Mashabane nguyena ozohlanganisa leli thimba.

14. Izincomo Zethimba Lokweluleka uMongameli mayelana Nezinguquko Kwezomhlaba kanye Nezolimo

14.1. Mhla zingama-24 kuNtulikazi 2019, iKhabhinethi lithole uMbiko weThimba Lokweluleka uMongameli mayelana Nezinguquko Kwezomhlaba kanye Nezolimo, usihlalo walo okunguDkt Vuyokazi Mahlati, elenze izincomo ezingama-73. Ngokusebenzisa iKomidi LoNgqongqoshe Beminyango Ehlukahlukene eliqondene Nezinguquko Kwezomhlaba eliholwa yiPhini likaMongameli uMabuza, yonke iminyango ethintekayo yanxuswa ukuba izicubungule izincomo eziphathelene nemikhakha yawo bese iphendula mayelana nalokho.
14.2. Emva kwalokho iKhabhinethi seligunyaze futhi lasekela ezingama-60 zalezi zincomo. Ziyisishiyagalolunye kuphela izincomo ezingagunyazwanga futhi ezintathu zazo ziphawuliwe. Iminyango ehlukahlukene izohlinzeka ngolwazi oluphelele mayelana nalezo zincomo eziphawuliwe futhi ezingagunyazwanga.

15. Umklamo Wokulungiswa Nokuthuthukiswa Kwemigwaqo Engothelawayeka yaseGauteng (i-GFIP)

15.1. IKhabhinethi liwuphawulile umbiko ophathelene ne-GFIP (ama-e-tolls) weThimba Ebelijutshwe Ukuphenya Ngalokhu eliholwa nguNgqongqoshe Wezokuthutha uFikile Mbalula. Isinqumo sokugcina mayelana nezincomo zaleli Thimba eziqukethwe kulo mbiko owethuliwe sizokwenziwa onyakeni omusha.

16. Inqubomgomo Yokukhethwa Kwabahlomuli kanye Nokwabiwa Komhlaba

16.1. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kwale nqubomgomo ukuze umphakathi uphawule ngayo. Le nqubomgomo ihlinzekela inqubo enobuqotho futhi esobala yokwabiwa komhlaba kanye nokukhethwa kwabahlomuli.
16.2. Le nqubomgomo yenzelwe, ikakhulukazi, ukubhekana nodaba lokungalingani ngokobulili ekwabiweni komhlaba kanye nokutholakala kwawo, kanye nokungabi khona kwezindlela ezizokwenza ukuthi abantu abahluphekayo emphakathini kanye nabantu abahlala ezindaweni zasemakhaya bakwazi ukuthola umhlaba uma kwenzeka behlangabezana nezinhlekelele zemvelo kanye nezinye izimo eziphuthumayo.

C. Imithethosivivinywa

17. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa koMthethosivivinywa Wezinsizakalo Zokwesekwa Kwezisulu wezi-2019 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uhlinzekela ukusetshenziswa kwendlela edidiyelwe futhi emkhakha-mningi okuhloswe ngayo ukubhekelela izidingo zezisulu zobugebengu kanye nodlame. Ngokusebenzisa lo Mthethosivivinywa kuzoqinisekiswa ukuhanjelaniswa kwemisebenzi kanye nezinsizakalo ezihlinzekwa yiminyango ehlukahlukene engaphansi kweQoqwana Lezobulungiswa, Ukuvinjelwa Kobugebengu kanye Nokuvikeleka, kanye neQoqwana Lezenhlalo Yomphakathi, njengengxenye yochungechunge lwemisebenzi engaphansi komkhakha owodwa. IKhabhinethi liyigunyazile futhi neNqubomgomo Yezinsizakalo Zokweseka Izisulu yowezi-2019.

18. IKhabhinethi likugunyazile futhi ukuthi uMthethosivivinywa Wezabasebenzi Benhlalakahle Yomphakathi wezi-2019 ushicilelwe kusomqulu kahulumeni ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa wenzelwe ukwelula ukulawulwa kwabasebenzi benhlalakahle yomphakathi ngokwamukela ngokusemthethweni ukuthi kukhona abasebenzi abangongoti kulo mkhakha kanye nabasebenzi abeseka ongoti balo mkhakha ngaphansi kwemisebenzi yezinsizakalo zenhlalakahle yomphakathi. Uma usuphasisiwe waba ngumthetho, lo Mthethosivivinywa uzoqeda ukusebenza koMthetho Wezabasebenzi Benhlalakahle Yomphakathi, we-1978 (uMthetho we-110 we-1978), okuyiwona okhona njengamanje futhi osebenzayo. Ngokuhamba kwesikhathi uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uzochaza kabanzi futhi uhlinzeke ngolwazi oluthe xaxa mayelana nale mithethosivivinywa emibili ehlongozwayo.

19. IKhabhinethi likugunyazile ukuthunyelwa koMthethosivivinywa Wokudliwa Komhlaba wezi-2019 ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa usuthuthukiswe futhi waqiniswa ngokufakwa kwemibono etholakale ohlelweni olubanzi futhi olunohlonze lokubonisana nomphakathi kanye nemibono etholakale kwezinye izinhlaka nezinhlangano ezihlukahlukene. Uma usuphasisiwe waba ngumthetho, lo Mthethosivivinywa uzohlinzeka ngezinqubo-kusebenza ezifanayo ezizolandelwa uma kudliwa umhlaba. UMthethosivivinywa uhlinzeka ngohlaka lomthetho oluzosetshenziswa yiminyango kahulumeni kanye nezinye izinhlaka zikahulumeni ukuze zisebenzise izinqubo-kusebenza ezifanayo zokudla umhlaba kanye nezinye izingqalasizinda. 

20. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kohlaka loMthethosivivinywa Wokuthungathwa Nokumbiwa Kwamapitsi Okumpompa Uwoyela Ongahluziwe kanye Negesi Yemvelo Emajukujukwini Omhlaba kanye Nolwandle ukuze umphakathi uphawule ngawo.  Lo mthethosivivinywa uhlose ukwakha isimo esizogqugquzela ukutshalwa kwezimali emkhakheni wokuthungathwa nokumbiwa kwamapitsi okumpompa uwoyela ongahluziwe kanye negesi yemvelo emajukujukwini omhlaba kanye nolwandle. Uhlinzeka ngomhlahlandlela oqondene nokwenziwa nokuqhutshwa kwemisebenzi yokuthungathwa kanye nokukhiqizwa kwemikhiqizo kawoyela ongahluziwe negesi yemvelo ngendlela ezofaka isandla ekukhulisweni komnotho kanye nokuqikelela ukulethwa koguquko. Lo Mthethosivivinywa uhlinzekela futhi ukulawulwa ngokwehlukana kwemithombo yemikhiqizo kawoyela. Usungula uPhiko Lwezemikhiqizo Kawoyela lwaseNingizimu Afrika, oluzokwenza izincomo kuNgqongqoshe Wezezimbiwa Nezamandla.

21. IKhabhinethi likugunyazile ukushicilelwa kweSichibiyelo SoMthethosivivinywa Wemisebenzi Namandla Omasipala Aphathelene Nezezimali ukuze umphakathi uphawule ngawo. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Wemisebenzi Namandla Omasipala Aphathelene Nezezimali, wezi-2007 (uMthetho we-12 wezi-2007). Ulawula amandla omasipala okukhokhisa intela maqondana nezicelo zokuthuthukiswa komhlaba ezithunyelwe komasipala. 

Intela yokuthuthukiswa komhlaba ingelinye lamathuluzi angasetshenziswa ngomasipala ukuthola izimali zokuxhasa ukuthuthukiswa kwengqalasizinda kamasipala. Lokhu kuzokwenza ukuthi omasipala bakwazi ukwenza umsebenzi wabo wokuhlinzeka ngezinsizakalo zengqalasizinda esesimweni esikahle ngaso sonke isikhathi futhi esebenza kahle ezosetshenziselwa ukukhulisa umnotho.

22. IKhabhinethi likugunyazile ukuthi uthunyelwe ePhalamende uMthethosivivinywa Womsebenzi Wokucwaningwa Kwamabhuku Ezimali. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela uMthetho Womsebenzi Wokucwaningwa Kwamabhuku Ezimali, wezi-2005 (uMthetho wama-26 wezi-2005). Lo Mthethosivivinywa uphakamisa ukuthi iBhodi Elizimele Elilawula Abacwaningi Bamabhuku Ezimali lihlinzekwe ngamandla okubiza noma yimuphi umuntu ongaba nanoma yiluphi ulwazi oludingekayo ekuphothulweni kophenyo mayelana nesenzo sokungaziphathi kahle kwabacwaningi bamabhuku ezimali. Lezi zichibiyelo zinikeza futhi noNgqongqoshe Wezezimali amandla okuthatha isinqumo mayelana nesamba esiphelele senhlawulo engakhokhiswa umcwaningi-mabhuku olahlwe yicala esigcawini sokuqondiswa kwezigwegwe.

D. Imicimbi Ezayo

23. Ukunxuswa kwabemithombo yabezindaba ukuba bathumele imingenelo yomncintiswano weZindondo Zemithombo Yabezindaba zeNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ye-Afrika (i-SADC)

23.1. Abemithombo yabezindaba yaseNingizimu Afrika bayamenywa ukuba bathumele imingenelo yabo yomncintiswano weZindondo Zemithombo Yabezindaba ze-SADC zowezi-2020 ungakadluli umhla zingama-28 kuNhlolanja 2020. Izintatheli ezinesifiso sokungenela lo mncintiswano ezifuna ulwazi oluthe xaxa zingaluthola ku-www.sadc.int kanye naku-www.gcis.gov.za.

E. Imiyalezo

24. Amazwi Okuhalalisa

IKhabhinethi lithanda ukudlulisa amazwi okuhalalisela laba abalandelayo:

24.1. Uzime waseNingizimu Afrika uZozibini Tunzi ngokunqoba kwakhe isicoco sika-Miss Universe 2019 e-Atlanta, kwelase-USA.

24.2. I-Restaurant Mosaic ngokumenyezelwa kwayo njengendawo yokudlela ekleliswe phezulu kunazo zonke izindawo zokudlela zaseNingizimu Afrika eMqhudelwaneni Wezindondo Zezindawo Zokudlela waminyaka yonke, i-La Liste World Restaurant Awards, obubanjelwe e-Paris, kwelase-France.

24.3. Amaphoyisa amasha ayizi-4 971 aphothule ukuqeqeshwa kwawo ngoLwesihlanu mhla ziyi-13 kuZibandlela 2019 emakolishi okuqeqeshelwa umsebenzi wobuphoyisa. Lawa maphoyisa asanda kuphothula ngempumelelo ukuqeqeshwa kwawo azongena embuthweni we-SAPS ukuze aphucule futhi enze ngcono ukuphepha kwezakhamuzi zakuleli.

UNdunankulu we-United Kingdom (i-UK) u-Boris Johnson kanye neqembu lakhe i-Conservative Party ngokudla umhlanganiso okhethweni lukazwelonke lwase-UK lowezi-2019, futhi iNingizimu Afrika isikubheke ngabomvu ukuqiniswa kakhudlwana kobudlelwano phakathi kwalawa mazwe amabili ngaphansi kwehlandla lakhe lokuphatha njengoNdunankulu we-UK.

24.4. Iqembu lesizwe likanobhutshuzwayo labafana abaneminyaka yobudala engaphansi kwama-20, Amajita, ngomdlalo walo obonise isibindi nobuqhawe eliwudlale neqembu lase-Zambia lapho ligcine liphume isibili emqhudelwaneni we-U20 COSAFA Cup.

F. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

1. Umkhandlu wezokuthuthukiswa kwabasebenzi, i-Human Resource Development Council of South Africa:

a. Adv Richard Sizani (Public Service Commission);
b. Nkz Phindile Mkwanazi (ISikole Sikazwelonke Sikahulumeni);
c. Nkz Riefdah Ajam (Federation of Unions of South Africa);
d. Mnu Narius Moloto (National Council of Trade Unions);
e. Mnu Bheki Ntshalintshali (Congress of South Africa Trade Unions);
f. Dkt Octavia Mkhabela (Osethathe umhlalaphansi);
g. Dkt Chris Nhlapo (Cape Peninsula University of Technology);
h. Dkt Dudu Mkhize (South African Youth into Engineering);
i. Mnu Sanele Mlotshwa (South African College Principals Organisation);
j. Mnu Thulani Dlamini (Council for Scientific and Industrial Research);
k. Dkt Glenda Kruss (Human Sciences Research Council);
l. Mnu Joe Samuels (South African Qualifications Authority);
m. Mnu Bruno Peter Nkosi Druchen (Deaf Federation of South Africa);
n. Mnu Sifiso John Mtsweni (National Youth Development Agency);
o. Dkt Jeremia Gule (Institute of People Management);
p. Nkz Busisiwe Mavuso (Business Leadership South Africa);
q. Mnu Mustak Ally (Minerals Council South Africa);
r. Mnu Dumisani Mphafa (Black Business Council);
s. Slz Sibongile Muthwa (Universities South Africa);
t. Nkz Sesi Nombulelo Nxesi (Sector Education and Training Forum);
u. Dkt Randall Carolissen (National Student Financial Aid Scheme);
v. Nkz Yvonne Pelle (Continuation Education and Training Sector);
w. Mnu Christo van der Rheede (AgriSA);
x. Mnu Michael Peter (Forestry South Africa);
y. Nkz Sithembiso Dlamini (Tourism South Africa); kanye no
z. Mnu Gerhard Hattingh (Manufacturing Enterprise Solution Association).

2. Ibhodi LwesiKhwama Sezingozi Zomgwaqo (i-RAF).

3. Nkz Nompumelelo (Mpumi) Mpofu oqashwe njengoMqondisi Ophetheyo we-Airports Company South Africa.

Imibuzo: Nkz Phumla Williams – iBamba Lomkhulumeli weKhabhinethi
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore