Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi WangoLwesithathu, ziyi-21 kuMbasa 2021

IKhabhinethi libambe umhlangano walo wokuqala lihlangene siqu selokhu kwethulwa ukuvalwa kwezwe ngowezi-2020, lokhu kuyingxenye yokuziguqulela iKhabhinethi endleleni yokuphila entsha okumele ijwayelwe njengoba izwe liqhubeka nokuzivula kabusha.

A. Izindaba Ezisematheni

1. Ukumiswa okwesikhashana koHlelo Lokugoma lweSisonke kanye nesincomo sokuba kususwe lokhu kumiswa

1.1. IKhabhinethi libikelwe ngokumiswa okwesikhashana koHlelo Lokugoma lweSisonke lwe-Johnson and Johnson (i-J&J), obekuyindlela yokugwema ubungozi nokunika ososayensi baseNingizimu Afrika ithuba lokubuyekeza imininingo yaseNingizimu Afrika ngomgomo we-J&J. Lokhu kuze emuva kokumiswa kokuqaliswa kohlelo lomgomo we-J&J e-Melika (e-USA) emuva kokuba abantu abayisithupha abagonywa ngomgomo we-J&J bebe nohlobo olungavamile lwehlule legazi. Esinye isizathu sokumiswa okwesikhashana kube yisinqumo esithathwe i-J&J ngokwayo sokumisa okwesikhashana ukuqaliswa komgomo wayo emazweni aseYurophu.

1.2. Ukumiswa okwesikhashana eNingizimu Afrika bekuhambisana nokuzinikela kukahulumeni ukuqinisekisa ukuthi kusetshenziswa izindlela ezididiyelwe zokuvikela ubungozi obuqondene nokuqaliswa komgomo. Imininingo ebuyekeziwe iqinisekisile ukuthi iNingizimu Afrika beyingabhekananga nhlobo namahlule egazi angavamile kubasebenzi bezempilo asebegonyiwe (ama-HCW).

1.3. IKhabhinethi lamukele isincomo seZiphathimandla Ezilawula Imikhiqizo Yezempilo eNingizimu Afrika sokuqeda ukumiswa okwesikhashana koHlelo Lokugoma lwe-Sisonke lwe-J&J. 

1.4. Ososayensi bethu bazoqhubeka nokuziqapha zonke izakhamuzi zaseNingizimu Afrika uma sezigonyiwe. Maphakathi nenyanga kaMbasa 2021, abesengaphezu kwezi-292 623 ama-HCW abesegonyiwe ngaphansi koHlelo Lokugoma lweSisonke.

2. Ukuqaliswa kohlelo lokugoma 

2.1. IKhabhinethi lamukele inqubekela-phambili ngokusayina inkontileka ne-J&J ngokutholakala kwemigomo ye-J&J maqondana nokuqaliswa ngokugcwele kohlelo, futhi lancoma uNgqongqoshe Wezempilo, uDkt Zweli Mkhize kanye noNgqongqoshe Wezohwebo, Izimboni Nezokuncintisana, uMnu Ebrahim Patel, ngokuxazulula izinkinga ezisasele eziqondene nokutholakala kwemigomo ngaphandle kokubeka isimo seNingizimu Afrika engcupheni.

2.2. Phezu kwalokho, iKhabhinethi lamukele ukubonisana ngempumelelo ngemithamo yokwengezela eyizigidi eziyi-10 zemigomo yakwa-Pfizer, okwenza imigomo yakwa-Pfizer ifinyelele kuzigidi ezingama-30. Lokhu kusho ukuthi iNingizimu Afrika izokwazi ukugoma abantu abayizigidi eziyi-15 ngemigomo yakwa-Pfizer kunokuthi ibe yizigidi eziyi-10 kuphela.

2.3. Ukuze kulungiselelwe Isigaba sesibili sohlelo lokuqaliswa kwemigomo oluzoqala mhla ziyi-17 kuNhlaba 2021, iKhabhinethi likhuthaza abantu abaneminyaka engama-60 nangaphezulu ukuba babhalise oHlelweni Lokubhalisela Ukugoma Ngendlela Yezobuchwepheshe ku: https://vaccine.enroll.health.gov.za.

2.4. Abantu abangakwazi ukufinyelela ku-inthanethi bangabhalisa siqu ezikhungweni zokugoma ezingaphezu kwezi-3 338 ezweni lonke. Kuzokhishwa amathimba awomahambanendlwana azosiza abantu asebekhulile, abangenamakhaya kanye nabantu abahlala ezindaweni zasemakhaya. 

3. Amazinga okutheleleka ngeSifo segciwane le-Corona (i-COVID-19)

3.1. IKhabhinethi lithola ulwazi lwakamuva ngokutheleleka nge-COVID-19 ezweni lonke futhi lancoma izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ngokuqhubeka nokulandela imigomo yezempilo engasiyo eyokusebenzisa imithi ngokugqoka izifonyo uma zisezindaweni zomphakathi, ukugcina ibanga lokuqhelelana kwabantu ngamamitha ayi-1.5 nokugeza izandla ngensipho namanzi njalo noma ukusebenzisa isibulali-magciwane sezandla esine-alcohol engama-70%.  

3.2. Nokho, umbiko uveze nokunyuka kancane ngama-4,9% kwabantu abatholakala benegciwane ezinsukwini eziyi-14 ezidlule, ngomhla ziyi-18 kuMbasa 2021. Izigameko zinyuke zisuka kuzi-14 113 ezinsukwini ezi-14 emuva kwalokho lezi zigameko sezibe yizi-14 807 ezinsukwini eziyi-14 ezidlule. 

3.3. Ukunyuka kancane kwezigameko kuhambisana nokuqubuka kwegciwane emaqoqweni abantu e-Free State naseNyakatho Kapa, kanye nokushesha ukungenelela kwamathimba asizayo osekuqalisiwe ukuze kube nokulandelela abantu abaxhumane nalabo abathelelekile.

4. Ukuvuselelwa komnotho 

4.1. IKhabhinethi lamukele Ucwaningo lwe-Front Office Business Process Outsourcing (i-BPO) Lwaminyaka Yonke lowezi-2021, olubeke iNingizimu Afrika ezingeni lokuqala emhlabeni njengendawo ye-BPO. 

4.2. Lolu cwaningo belubandakanya izikhulu ezingaphezu kwama-600 zasezimakethe eziyisishiyagalombili ezisemqoka, okubandakanya i-Australia, i-Canada, i-France, i-Germany, i-Italy, i-Spain, i-United Kingdom (i-UK) kanye ne-USA.

4.3. Lokhu kuqinisekisa umsebenzi owenziwe uhulumeni kuqala kanye nomkhakha ekwakheni amandla okusebenzisa i-BPO yezwe, ngokukhulisa izikhungo zezingcingo, ukwesekwa ngobuchwepheshe kanye nemisebenzi yababa semuva nangaphambili emahhovisini okwamukela abantu emafemini amazwe amaningi kanye nawaseNingizimu Afrika.  

4.4. Ingqalasizinda yezobuchwepheshe yezwe esezingeni eliphezulu, abasebenzi abanamakhono, ulwazi lwezobuchwepheshe kanye nemisebenzi yezimali, kanye nolwazi lwesiNgisi, kuyaqhubeka nokwenza ukuthi leli lizwe libe yindawo eheha i-BPO.

5. Ukwakhiwa kwemisebenzi 

5.1. IKhabhinethi lijabulile ngokuthi inqwaba yezinhlelo zokungenelela kukahulumeni ngenhloso yokusimamisa ukubamba iqhaza kwezakhamuzi zaseNingizimu Afrika eziningi emnothweni, ikakhulukazi abantu abasha, sekuqalile ukuba nezithelo.

5.2. Uxhaso Lwezomsebenzi lukaMongameli olwethulwa kuMfumfu 2020 ukuze kungenelelwe emtheleleni we-COVID-19 kwezomnotho ludale noma lwagcina imisebenzi eyizi-360 010 ekupheleni kukaNhlolanja 2021, ikakhulukazi entsheni engasebenzi. Phezu kwalokho, uxhaso lwabangasebenzi lweseke indlela yokuphila yabahlomulile abayizi-60 539 ngokudluliselwa kokweseka, okubandakanya ukukhishwa kwamavawusha abalimi abalimela ukuziphilisa.

5.3. Angaphezu kwezi-300 000 amathuba avele ngokuqashwa kwabantu abasha babe ngabasizi ezikoleni ezweni lonke ngokoHlelo Lokuqasha Lwezemfundo Eyisisekelo. Laba basizi basezikoleni babambe iqhaza elibaluleke kakhulu ekuqiniseni isimo sendawo yokufunda ezikoleni ngesikhathi esinzima.

6. Ukwakhiwa kwengqalasizinda

6.1. IKhabhinethi lincome inqubekela-phambili ebekhona yokuthuthukisa ukugculisa nokuncintisana kweChweba laseThekwini edale ukuncipha okukhulu kokuminyana futhi kwathuthukisa izikhathi zokuqedwa komsebenzi.

6.2. UMongameli Ohloniphekile u-Cyril Ramaphosa uvakashele iChweba laseThekwini ngoLwesine, ziyi-15 kuMbasa 2021 ukuhlola inqubekela-phambili yokuthuthukiswa kwengqalasizinda yechweba emuva komhlangano wakhe nabasebenzisi bechweba nababambiqhaza kuMfumfu 2019.

6.3. Ukuthuthukisa ukusebenza kwamachweba aseNingizimu Afrika, ikakhulukazi eChwebeni laseThekwini, kusemnyombweni wezimpokophelo zikahulumeni zokugcina isimo seNingizimu Afrika phakathi kwamachweba ohwebo amakhulu nasebenza ngokugculisayo njengesango lesifunda nezwekazi.

6.4. IKhabhinethi liphinde lamukela umbiko ovele ngokuvakashelwa kweChweba laseSaldanha Bay eNtshonalanga Kapa wuNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni Nezingqalasizinda uPatricia de Lille - ehamba nePhini likaNgqongqoshe uNoxolo Kiviet noDkt Kgosientsho Ramakgopa, iNhloko Yezotshalomali Nengqalasizinda eHhovisi likaMongameli - ngoLwesibili, ziyi-6 kuMbasa 2021.  

6.5. UHlelo Lokulungiswa Nokugcinwa Kwamachweba Amancane, okuwuMsebenzi Wohlelosu Oludidiyelwe njengengxenye yoHlelo Lotshalomali Kungqalasizinda olwagunyazwa yiKhabhinethi kuNhlaba 2020, sewuqedwa ngama-77% njengamanje. Lidale amathuba omsebenzi angama-611 kanye nenqwaba yamabhizinisi amancane, amaphakathi kanye namancinyana alethe inzuzo elinganiselwa kuzigidi ezingama-R55. Umsebenzi bekulindeleke ukuthi uqedwe kuNdasa 2022.

7. Imibiko Yezibalo Zanyangazonke

7.1. Ezezibalo eNingizimu Afrika ziyaqhubeka nokukhipha inqwaba yemibiko yenyanga ngokusebenza kwemikhakha enhlobonhlobo emnothweni. Yize eminye imikhakha iqhubeka nokulwa nokuvuselelwa komnotho, ukubekezela kwezimboni zezolimo, ezokukhiqiza nezokuvukuza kuyaqhubeka nokukhuthaza ukuzimisela ngokuvuselela umnotho waseNingizimu Afrika. 

7.2. IKhabhinethi lithokozile ngokuthi ukuqaliswa koHlelo Lokwakhiwa Kabusha Nokuvuselelwa Komnotho selunomthelela obonakalayo ekuvuselelweni komnotho waseNingizimu Afrika.

8. Ukubhoklolo ezikoleni

8.1. IKhabhinethi lidlulise ukukhathazeka ngokuvama kobubhoklolo ezikoleni zethu, okubandakanya izigameko zakamuva ezikoleni zamabanga aphezulu iMbilwi Secondary School eThohoyandou, eLimpopo, esikoleni i-Dinwiddie High School e-Germiston, e-Gauteng kanye nasesikoleni iMathole High School KwaZulu-Natali. 

8.2. IKhabhinethi lidabukile ngokushona kukaLufuno Mavhunga (15) wasesikoleni samabanga aphezulu iMbilwi Secondary School eThohoyandou, eLimpopo, futhi ladlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMavhunga nabangani bakhe. IKhabhinethi linxuse bonke abasemagunyeni ukuba benze uphenyo olusheshayo ngalolu daba futhi kuqinisekiswe ukuthi kuba nobulungiswa obunempumelelo.

8.3. IKhabhinethi linxuse ukuthi ababambiqhaza kwezemfundo, okubandakanya abazali nabanakekeli bezingane, bahlangane balwisane nobubhoklolo ukuze kwakhiwe indawo elungele ukufunda. Kuwumsebenzi womunye nomunye wethu ukukhuluma futhi sibike ngezigameko zobubhoklolo kuziphathimandla ezifanele, ikakhulukazi lapho izisulu zingakwazi noma zesaba ukwenza njalo.

9. Ubugebengu obudalwa yinzondo

9.1. IKhabhinethi libugxeka kakhulu ubugebengu obudalwa wukuzonda ama-LGBTIQ+ okudale ukuthi kushone u-Andile Ntuthela, uSiphamandla Khoza noNathaniel Mbele.

9.2. USomqulu Wamalungelo obhalwe kuMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika yowe-1996 unxusa ukuthi sonke siwahloniphe amalungelo awo wonke amalungu omphakathi kunoma iluphi uhlobo lokucwaswa.  La macala amabi kangaka kanye nezenzo zokuhlukumeza akunandawo kuntando yeningi labantu yethu, futhi kumele agxekwe kakhulu yithi sonke. 

9.3. IKhabinethi linxusa noma ubani ongase asize ngokuboshwa nokushushiswa kwababhebhethekisi bala macala ukuthi bathinte amaphoyisa ngenombolo yamahhala ethi: 10111 noma baye esiteshini samaphoyisa esiseduze.

10. Umkhuhlane Wezingulube (i-ASF) kanye Nomkhuhlane Wezinyoni  

10.1. IKhabhinethi liqaphele ukuqubuka kwe-ASF epulazini lase-Potchefstroom eNyakatho Ntshonalanga kanye noMkhuhlane Wezinyoni epulazini elihwebayo eMpumalanga Randi e-Gauteng. 

10.2. UMnyango Wezolimo, Izinguquko Zomhlaba kanye Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya kanye nabanye ababambiqhaza abathintekayo banyuse izindlela zokuphepha futhi baqalisa ukuvalelwa kwezilwane.

10.3. I-ASF iyisifo esithathelanayo esithelela izingulube zasemakhaya nezasendle. Umkhuhlane Wezinyoni uthinta izinkukhu futhi ngeke udluliseleke ebantwini.

11. Imisebenzi Yokucisha umlilo

11.1. IKhabhinethi lincome izinhlelo zabasebenzi bezotakulo kanye nezicishamlilo ezisebenze ngobuqhawe ngaphandle kokuyeka kuze kuphele umsebenzi wokucisha imililo eKapa nasesiBhedlela i-Charlotte Maxeke Academic Hospital eGoli ngokwahlukana kwalezi zindawo.

11.2. Imililo yaseKapa idicilele phansi amabhilidi anomlando kube umlilo wasesiBhedlela i-Charlotte Maxeke Academic Hospital ubize ukuthi kudluliselwe iziguli ezingaphezu kwama-400 kwezinye izibhedlela. IKhabhinethi lifisele bonke labo abalimele ukwelulama ngokushesha. Uphenyo lokunquma ngembangela yale mililo seluqaliwe.

12. Umdonsiswano waseMozambique

12.1. IKhabhinethi lamukele izinhlelo zeNhlangano Yokuthuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) zokuletha ukuthula nokuvikeleka okungezukuphela, kanye nokubuyisana kanye nokuthuthuka, eRiphabhulikhi yaseMozambique.

12.2. INgqungquthela ye-Extraordinary Double Troika Yomongameli Bamazwe kanye oHulumeni be-SADC ebanjwe ngoLwesine, mhla ziyi-8 kuMbasa 2021 eMaputo iveze ukuthi kumele kuthunyelwe ithimba longoti eMozambique ngokuphazima kweso.

12.3. IKhabhinethi liphinde laneliseka ngokuthi izakhamuzi zaseMozambique zithole usizo lwamanye amazwe esiKhungweni Samanxusa soMnyango Wezobudlelwane Namanye Amazwe esisebenza ubusuku nemini. Kunenqwaba yezakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezibuyile kube ezinye zithuthele ezindaweni eziphephile eMozambique.

13. Isenzo Sobuwula Sokubulawa kwezinsizwa ezizalanayo zakwaCoka

13.1. IKhabhinethi ligxeke ukubulawa, okubonakalisa ubuwula, kwakamuva kwezinsizwa ezizalanayo, uZenzele no-Amos Coka, epulazini eliseMpumalanga. Laba abazalanayo bebengabanye beqembu labantu abahlala epulazini befuna umsebenzi wamatoho epulazini.

13.2. IKhabhinethi lincome amaphoyisa ngokungenelela ngokushesha ukubopha abasolwa ngokwenza icala asebeyibingelelile imantshi eNkantolo kaMantshi yase-Piet Retief. 

13.3. IKhabhinethi linxuse ukuthi umphakathi wehlise umoya ukuze kubonakale ukusebenza kobulungiswa futhi kuqinisekiswe ukuthi labo abatholakale benecala babhekana nengalo yomthetho ngokuphelele.

14. Isixazululo ngababhikishi baseKapa

14.1 UNgqongqoshe woMnyango Wezasekhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, wazise iKhabhinethi ngenqubekela-phambili eyenziwe Inhlangano Yezomhlaba Ebhekelele Ezokufuduka (i-UNHCR) ukuxazulula inkinga eqondene nababhikishi eKapa, iningi labo bayizakhamuzi zase-Democratic Republic of Congo. 

14.2 Ababhikishi banikwa indawo yokuhlala yesikhashana e-Paint City nase-Wingfield eKapa ngaphansi kweMithethonqubo yeSimo Senhlekelele Kuzwelonke se-COVID-19. 

14.3 I-UNHCR ithe izobasiza bonke ababhikishi ukuze bakwazi ukubuyela baye kohlala emiphakathini yaseKapa naseduze kwakhona. Inhlangano Yamazwe Ngamazwe Yezofuduko (i-IOM) iphinde yahlinzeka labo abafisa ukubuyela ezweni abadabuka kulo ngethikithi lebhanoyi. IKhabhinethi liyasamukela lesi siphakamiso sosizo, futhi linxusa ukuthi ababhikishi basamukele.

B. Izinqumo ZeKhabhinethi

1. UMthethosivivinywa Osadingidwa Wezemishado 

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthetho Osadingidwa Wezemishado ukuze kutholakale izimvo zomphakathi. Lo Mthethosivivinywa Osadingidwa ubheke ukuthuthukisa uMthethosivivinywa omusha Womshado Owodwa. Wenza umthetho womshado uhambisane nomgomo womthethosisekelo wokulingana.

1.2. Lo Mthethosivivinywa wenza iziphakamiso ebantwini abathandana nabantu banoma ibuphi ubulili, inkolo kanye namasiko abawalandelayo. Uphakamisa ukuthi kube nokususwa ngokuphelele kwemishado yezingane emthethweni womshado wethu wangomuso. 

2. Uhlelo Lokuvuselela Umkhakha Wezokuvakasha

2.1. IKhabhinethi ligunyaze uHlelo Lokuvuselela Umkhakha Wezokuvakasha. Lolu hlelo lumele ukungenelela ngokuhlanganyela kukahulumeni nomkhakha wezokuvakasha emonakalweni odalwe wubhubhane lwe-COVID-19. Uhlelo oluwuhlaka lwakhishwa ukuze kubonisanwe nomphakathi kuNcwaba 2020. 

2.2. Lolu hlelo luhlongoza ukungenelela ngokwamasu okuyisikhombisa, okubandakanya ukusimamisa ukudingwa kwalo mkhakha ngaphakathi ezweni; ukwethulwa kotshalomali kanye nezinhlelo zokunxenxa okudingekayo; kanye nokudidiyela ezokuvakasha ezifundeni.  

2.3. Izindlela zokungenelela eziphakanyiswayo ziphinde zihambisane noHlelo Lokwakhiwa Kabusha kanye Nokuvuselelwa Komnotho (i-ERRP) yezwe. Impokophelo yalolu hlelo wukugcina imisebenzi nezindlela zokuphila, kanye nokwakha amathuba omsebenzi amasha. Uhlelo luzophinde luqinise ukungenelela kokuletha uguquko emkhakheni futhi luhole ukuthuthukiswa kwabantu besimame, intsha kanye nabantu abaphila nokukhubazeka emkhakheni. 

2.4. UNgqongqoshe Mamoloko Kubayi-Ngubane wethule uHlelo Lokuvuselela Ezokuvakasha ngokuhlanganyela nemboni yezokuvakasha ekuseni namuhla.

3. Umbiko ngoHlelo Lokwenziwa Kocwaningo Nokuthuthukiswa (i-R&D) Kwenzuzo Yezentela 

3.1. IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMbiko ngoHlelo Lokwenziwa kwe-R&D Yenzuzo Yentela yowezi-2018/19 ePhalamende njengoba kudingeka ngokweSigaba 11 D soMthetho Wezentela Yengeniso, 1962 (uMthetho 58 we-1962).  

3.2. Uhlelo lwenzuzo yentela lwethulelwa ukusiza izwe lifinyelele emgomweni wemikhiqizo yangaphakathi ezweni engaba yi-1% ngezindleko ze-R&D ngowezi-2024. Lo mbiko uzotholakala emphakathini uma sewudlule enqubweni yasephalamende. 

4. Uhlelo Lwesikhwama Sokunxephezela Lingekho Iphutha

4.1. IKhabhinethi ligunyaze ukusungulwa kweSikhwama Sokunxephezela Lingekho Iphutha. Ukusungulwa kwalesi Sikhwama kuhambisana nezivumelwano zenkontileka nezinkampani ezikhiqiza imithi ezizohlinzeka iNingizimu Afrika ngemigomo ye-COVID-19.

4.2. ISikhwama sibalulekile futhi ukuze kuvikelwe izakhamuzi zaseNingizimu Afrika okungenzeka zithikanyezwe imiphumela engemihle yomgomo ukuze zithole ukwesekwa nokwelashwa kangcono.

4.3. Isikhwama sizosungulwa ngokuchitshiyelwa kweSigaba 27 soMthetho Wokuphathwa Kwenhlekelele, 2002 (uMthetho 57 wezi-2002). Lolu hlelo luzophathwa umahluleli.

5. Umbiko wePhaneli Elisezingeni Eliphezulu (i-HLP) Wezokuphathwa Kokuphila Kwezilwane Zasendle

5.1. IKhabhinethi ligunyaze umbiko we-HLP Wezokuphathwa Kokuphila Kwezilwane Zasendle, elasungulwa uMnyango Wezamahlathi, Ezokudoba Nezemvelo ukuba libuyekeze izinqubomgomo, umthetho nezinqubo eziqondene nokuphatha, ukukhulisa, ukuzingela, ukuhweba nokuphathwa kwalokho okuphila endle okusengcupheni ezweni. Lokhu kubandakanya indlovu, ibhubesi, ingwe nobhejane. 

5.2. UMnyango kulindeleke ukuba ukhiphe izincomo ephanelini ukuze ziqaliswe futhi kube nokubonisana okudingekayo.

C. UMthethosivivinywa 

1. UMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wenqubo Yezobugebengu 

1.1. IKhabhinethi ligunyaze ukuthunyelwa koMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wenqubo Yezobugebengu owethulwe ePhalamende. Lo Mthethosivivinywa uchibiyela Isigaba 154(3) soMthetho Wenqubo Yezobugebengu, 1977 (uMthetho 51 we-1977), lapho isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo yathola ukuthi uyehluleka ukuhlonza izisulu eziyizingane ezinqubweni zamacala obugebengu. 

1.2. Isigatshana somthetho samanje sivikela ukuhlonza izingane eziyizaphulimthetho, izisulu nofakazi ekulinyazweni wukushicilelwa kokubandakanyeka kwazo enqubweni yecala lezobugebengu ize ibe neminyaka eyi-18.

1.3. Izichibiyelo ezihlongozwayo zinqanda ukuchitshiyelwa kwanoma iluphi ulwazi, oluveza noma olungase luhlonze umsolwa noma ufakazi oneminyaka noma uneminyaka engaphansi kweyi-18 ngesikhathi sokwenzeka kwecala.  Ukushicilelwa kungase kwenziwe emuva kokugunyazwa yisikhulu esingumahluleli noma umahluleli ecaleni.

D. Imicimbi Ezayo

1. Inyanga Yenkululeko Nosuku Lwenkululeko 

1.1. Inyanga yeNkululeko yakulo nyaka ibungazwa ngaphansi kwesihloko esithi: "Unyaka ka-Charlotte Maxeke: Incazelo Yenkululeko Ngaphansi kwe-COVID-19".

1.2. IKhabhinethi linxusa bonke abantu ukuba basebenzise Inyanga Yenkululeko noSuku Lwenkululeko ukuqhubeka nokulwa negciwane kube kuphokophelwe ekubandakanyeni okukhulu kanye nokubunjwa komphakathi.

1.3. Sonke sinomsebenzi wokusebenzisa intando yeningi labantu nenkululeko ukuze sisebenzisane futhi sibumbe uhlelo okuvunyelwene ngalo lokwakha ubunye neNingizimu Afrika ephumelele.

1.4. Embungazweni wakulo nyaka ozosingathwa e-Free State sizosebenzisa uhlelo oluzoba nabantu abahambele umbungazo siqu bese abanye bazibandakanye kuwo ngohlelo lwe-inthanethi.

2. Usuku Lwezincwadi Lomhlaba

2.1. Usuku Lwezincwadi Lomhlaba, olubuye lwaziwe ngoSuku Lwezincwadi Lwamazwe Ngamazwe, luhlonishwa minyaka yonke mhla zingama-23 kuNhlaba. Lolu suku lusetshenziselwa ukukhuthaza abantu ukuba bathande izincwadi futhi lusiza ukusungula usiko lokufunda olungcono. 

2.2. IKhabhinethi linxuse izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuba zeseke usiko lokufunda futhi zilwenze lube yingxenye yezimpilo zazo zansuku zonke. Ukufunda kuyikhono eliyisisekelo okwakhelwa kulo okunye ukufunda futhi kudale ithuba lokufinyelela emathubeni omsebenzi ofundelwayo. 

E. Imiyalezo

1. Amazwi Enduduzo 
IKhabhinethi lidlulise amazwi enduduzo kumndeni nabangani babalandelayo: 
• UDkt Sindisiwe van Zyl (45), obengudokotela wezempilo obethandwa kakhulu futhi engumphathi wohlelo emsakazweni i-Kaya FM owaba nomthelela ezimpilweni zabantu abaningi futhi waba negalelo elikhulu kwezempilo nakunhlalonhle yezwe. 
• UVukosi Ringani, uNhlaluko Maluleke, uFreedom Rihlamfu, u-Aubrey Chauke, uTemba Nyambi, noThomy Masipenda abayizingane eziyisithupha ebezifunda esikoleni iJim Chavani Secondary School esifundeni saseVhembe, eLimpopo abashone lapho imoto eyisikhenke abebehamba ngayo ishayisa umuzi.
• Umntwana Wasebukhosini baseNgilande uPhilip, uMbusi wase-Edinburgh (100) e-UK
• UMnu Bhekizizwe Vusimuzi  Mpila (43), obewumkhwenyane wePhini likaMongameli uDavid Mabuza.
• UMongameli Idriss Déby Itno (69) weRiphabhulikhi yase-Chad. IKhabhinethi ligxeke udlame oludlule nemiphefumulo eminingi, okubandakanya uMongameli Déby, odlule ngenxa yokulimala ngenkathi ehola amasosha akhe kuliwa namavikelambuso abehlasele.  

F.  Abaqashiwe
Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele.
1.    IBhodi Labaqondisi beSikhwama Somshwalense Wabalahlekelwe Umsebenzi: 
(i)    Mnu Zola Luswazi (USihlalo);
(ii)    Mnu Edward Malometje Thobejane;
(iii)    Nks Martle Keyter;
(iv)    Mnu Donald Khumalo;
(v)    Nks Louressé Specht;
(vi)    Nks Vuyiswa Miya;
(vii)    Mnu Thembinkosi Josopu;
(viii)    Nks Thandiwe Mfulo;
(ix)    Dkt Hamilton Daluxolo Ntsinde;
(x)    Mnu Takalani Musekwa;
(xi)    Nks Brenda Sibeko; kanye
(xii)    noNks Ogalaletseng Gaarekwe.

2. Ukwandiswa kwesikhathi sokusebenza samalungu eBhodi leZokuvakasha eNingizimu Afrika:
(i)    Mnu Siyabonga Dube (USihlalo);
(ii)    Nks Mojankunyana Gumbi;
(iii)    Mnu Aloysius Ikalafeng;
(iv)    Mnu Enver Duminy;
(v)    Nks Michelle Constant; 
(vi)    Mnu Ravi Nadasen;
(vii)    Nks Kathleen Elizabeth Rivett-Carnac;
(viii)    Nks Lindiwe Sangweni-Siddo;
(ix)    Mnu Mduduzi Zakwe;
(x)    Nks Zola Baba Tshefu;
(xi)    Nks Gloria Serobe; kanye
(xii)    noNks Nomzamo Bhengu.

3. IBhodi Labaqondisi be-National Nuclear Regulator: 
(i)    Nks Vuyiswa Miya;
(ii)    Mnu Allan Taylor;
(iii)    Mnu Peter Becker; kanye
(iv)    Nks Khangela Baloyi.

4. Amalungu oMkhandlu weBhodi lezokuqoshwa kweFilimu kanye Nokushicilelwa: 
(i)    Nks Zamantungwa Mkosi (USihlalo);
(ii)    Dkt Siyasanga Mhlangabezi Tyali; 
(iii)    Nks Lungelo Nxele;
(iv)    Nks Agalutchmi Pillay;
(v)    Mnu Phosa Mashangoane;
(vi)    Nks Gloria Zanele Nkosi;
(vii)    Nks Mpho Sedibe;
(viii)    Dkt Andile Nontso; kanye
(ix)    noMmeli Lufuno Tokyo Nevondwe.

5. IBhodi Labaphathiswa be-Independent Development Trust:
(i)    Nks Tebogo Magogodi Malaka;
(ii)    Mnu Krishen Sukdev;
(iii)    Nks Lerato Kumalo;
(iv)    Nks Karabo Siyila;
(v)    Nks Nthabiseng Mkhwanazi;
(vi)    Slwz Raymond Nkado;
(vii)    Mnu Mpilo Sakile Mbambisa; 
(viii)    Nks Zimbini Hill;
(ix)    Mnu Tim Sukazi; kanye
(x)    noDkt Michael Sutcliffe. 

6. Inxusa Elikhulu kanye Nelinye Inxusa Elingasetshenziswa kuKhomishana ye-Lesotho Highlands Water: 
(i)    Mnu Teboho Nkhahle; kanye
(ii)    noDkt Musa Furumele.

7. Nks Thembelihle Mbatha njengeSikhulu Esiphezulu Sezimali (i-CFO) we-Community Schemes Ombud Service kuMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu, Ezamanzi Nezemfucuza.
8. Nks Nonhlanhla Nyewula njengo-CFO we-SENTECH. 
9. Mnu Shonisani Mathews Munzhedzi njengeSikhulu Esiphezulu se-South African National Biodiversity Institute. 
10. Nks Nondumiso Mandisa Tshikwatamba njengePhini Likamqondisi-Jikelele (i-DDG): Wemisebenzi Yesikhungo eMnyangweni Wezemidlalo, Ezobuciko Namasiko.  
11. Nks Constance Moitse njenge-DDG: Wezenkohlakalo Nezokuvikela eMnyangweni Wezasekhaya. 
12. Dkt Nicholas Gilmour Crisp njenge-DDG: YoMshwalense Wezempilo Kazwelonke eMnyangweni Wezempilo.  
13. Mnu Allan Golden Zimbwa njenge-DDG: Yezokwesekwa Ngokwezobuchwepheshe kwi-Ejenti Yokweseka Ingqalasizinda Yomasipala.
14. Mnu Lindokuhle Cedric Mkhumane njengoMqondisi-Jikelele woMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Asafufusa. 

Imibuzo: Nks Phumla Williams - USomlomo weKhabhinethi 
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore