Isitatimende soMhlangano weKhabhinethi Obubanjwe Ngohlelo Lwe-inthanethi ngoLwesithathu, ziyi-09 kuNhlolanja 2022

A.       Izindaba Ezisematheni

1.       Inkulumo kaMongameli Echaza Ngesimo Sezwe (i-SoNA)

1.1.    IKhabhinethi lamukela i-SoNA yowezi-2022 eyethulwe wuMongameli Cyril Ramaphosa eMhlanganweni weKhabhinethi Obuhlanganise iNdlu Yesishayamthetho Kazwelonke kanye noMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe eHholo Ledolobha laseKapa ngoLwesine, ziyi-10 kuNhlolanja 2022, okuyindawo yokuhlanganyela yezwe lonke. 

1.2.   I-SoNA iwumcimbi obalulekile ekhalendeni likahulumeni wentando yeningi labantu njengoba inika uMongameli wezwe ithuba lokukhuluma ngesimo sezwe sezenhlalomnotho nesezepolitiki, nokwethulela osopolitiki abamele abantu kanye nezwe lilonke izinhlelo zonyaka oqhubekayo nangale kwawo zikahulumeni ophethe.  

1.3.   Emavikini azayo oNgqongqoshe abahlukene bazochaza kabanzi ngoHlelo Lokusebenza lukahulumeni lowezi-2022, oluzosuselwa eNkulumweni Yesabelomali Sikazwelonke ezokwethulwa ngoLwesithathu, zingama-23 kuNhlolanja 2022 kanye nezinkulumo zokuvotela isabelomali sayo yonke iminyango kahulumeni.

2.       Ukubamba iqhaza Ekubalweni Kwabantu kowezi-2022

2.1.    IKhabhinethi linxuse zonke izakhamuzi kanye nabantu abahlala kuleli lizwe ukuba babambe iqhaza ekuBalweni Kwabantu kowezi-2022, okuqale ngoLwesine, mhla zi-3 kuNhlolanja 2022 futhi okuzoqhubeka kuze kuba mhla zingama-28 kuNhlolanja 2022. 

2.2.    Lokhu kungukubalwa kwabantu kwesine selokhu kwangena uhulumeni wentando yeningi labantu futhi okokugcina kwenziwa ngowezi-2011. Imiphumela yokuBalwa kwabantu idlala indima ebaluleke kakhulu ekwabiweni kwezinsiza ukuze kuhlangatshezanwe nokuhlinzekwa kwemisebenzi kanye nezidingo eziyisisekelo zemiphakathi yethu.

2.3.    Izakhamuzi zaseNingizimu Afrika zingakhetha ukubamba iqhaza ekuBalweni Kwabantu kowezi-2022 ngocingo, ngokubala okusebenza ngekhompyutha noma ukuvakashelwa umuzi nomuzi. Ukubala ngohlelo lwekhompyutha kusebenza kulabo ababhalisa ngohlelo lwe-inthanethi ngaphambi komhla ziyisi-5 kuNhlolanja.

3.       Ukwaziswa Ngokuqhubekayo Ngesifo Segciwane le-Corona (i-COVID-19) 

3.1.    IKhabhinethi lishayele izakhamuzi zaseNingizimu Afrika izandla ngokuqhubeka kwazo ukuzimisela ukulwa ne-COVID-19, okusize ukugcina ukusuleleka ngesifo kusezingeni eliphansi yize bekunobungozi behlandla lesine legciwane. 

3.2.    I-COVID-19 isayingxenye yempilo yethu, futhi zonke izinqubo zezempilo nezokuphepha kumele zilandelwe ngazo zonke izinkathi, okubandakanya ukugqagqana nabantu, ukugeza izandla nokusebenzisa isibulali-magciwane, nokugqoka isifonyo esimboza umlomo nekhala. Njengoba leli gciwane elibulalayo liqhubeka nokudlula nemiphefumulo yabantu, ukugoma kusayiyona ndlela yokuzivikela ephuma phambili. Uma beba baningi abantu abagomayo, sizophepha kangcono njengezwe. 

3.3.    Njengoba izwe libuyela esimweni esejwayelekile kancane kancane kube nokuvulwa komnotho kabusha kanti nezikole seziqale ukuba kufundwe nsuku zonke kuzo futhi kufundwa ngokugcwele, iKhabhinethi linxuse ukuba bonke abantu abangagomanga abaneminyaka engaphezu kweyi-12 ukuba bagome ngokuphazima kweso. Okumele ukwenze nje wukuvele uzifikele kunoma isiphi isikhungo sokugoma, noma ungasihlelanga isikhathi sokufika, ukuze ubhaliswe bese ugonywa mahhala.

3.4.    IKhabhinethi likhuthaza nokuthi labo abagome ngokugcwele baye kothola umgomo wokuthasisela, osiza ukwandisa amazinga amasosha omzimba ukuze kudanjiswe kangconywana imixhantela ye-COVID-19. Imigomo yokuthasisela ikhona ingatholwa yinoma ubani othole umthamo womgomo wakhe wokugcina nowokuqala ezinyangeni eziyisithupha okungenani. Ngokungasaleli emuva ngemigomo, asizukugcina ngokunciphisa ukugula okubucayi, ukulaliswa esibhedlela nokufa, kodwa sinciphisa nobungozi bangomuso bemixhantela yesifo esibulalayo.

4.       IKhomishana Yezobulungiswa Yophenyo Ngombiko Wokuqhwagwa Kwamandla Ombuso 

4.1.   IKhabhinethi lazisa ukudluliswa komqulu wokuqala nowesibili weKhomishana Yezobulungiswa Ngombiko Wokuqhwagwa Kwamandla Ombuso unikwa uMongameli uRamaphosa njengesinyathelo esibaluleke kakhulu ekulweni nenkohlakalo. 
4.2.    IKhabhinethi liqinisekisa ukuyisekela kwayo inqubo ezodala ukuthi uMongameli endlale izindlela zokungenelela zokuqalisa izincomo zekhomishana lapho ethula umbiko ogcwele ePhalamende mhla zingama-30 kuNhlangulana 2022. 

5.       Umbiko wophenyo Ngezibhelu Zomphakathi zakuNtulikazi 2021  

5.1.   IKhabhinethi lihlanganyele noMongameli Ramaphosa ukwamukela ukukhishwa kombiko weThimba Longoti elaqokelwa ukubuyekeza indlela yokungenelela kukahulumeni lapho kuqubuka udlame lomphakathi, ukucekela phansi kanye nokulimaza okwakuhleliwe kuNtulikazi 2021. UMongameli wendlale umbiko weThimba Longoti emhlanganweni woMkhandlu Wezokuvikela Kazwelonke ngoLwesihlanu, mhla we-4 kuNhlolanja 2022 kwase kugunyazwa ukuba ukhishelwe umphakathi.

5.2.   Ithimba osihlalo walo kunguSolwazi uSandy Africa futhi ebelibandakanya uMmeli Mojanku Gumbi noMnu Silumko Sokupha njengamalungu, noMnu Michael Sajoo obesebenza njengonobhala wethimba. 

5.3.    Ithimba lalinikwe umsebenzi wokuhlola konke okuqondene nezindlela zokungenelela kwezokuvikela maqondana nezibhelu ezaqubuka ikakhulukazi KwaZulu-Natali nase-Gauteng nokwenza izincomo ngezindlela zokuqinisa amandla ezokuvikela. Umbiko kanye nezimvo ezitholakala kuwo zihlinzeka ngomsebenzi nezinselele ezibhekene nabezokuvikela, amaphoyisa ngokwahlukana kwawo kanye nezinhlangano ezifanele zikahulumeni ezizocaba indlela ewumhlahlandlela wokungenelela kukahulumeni.

6.       Udlame olubhekiswe kwabobulili obuthile nokubulawa kwabantu besimame (i-GBVF)

6.1.   Njengengxenye yokulwa kwezwe ne-GBVF, uMongameli Ramaphosa uqeda kusayina iMithetho emithathu ukuba ibe wumthetho ngezinhloso zokuqeda i-GBVF - uMthetho Oyisichibiyelo Wezobugebengu Nezindaba Ezihambisana Nabo, uMthetho Oyisichibiyelo Womthetho Wezobugebengu (Amacala Ezocansi Nezindaba Ezihambisana Nawo) kanye noMthetho Oyisichibiyelo Wodlame Lwasekhaya.

6.2.    IKhabhinethi likholwa wukuthi ukusayinwa kwale mithetho emisha kuyisinyathelo esikhulu sokunqoba i-GBVF futhi linxusa uMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika kanye noPhiko Lwezokushushisa Kuzwelonke ukuba bazisebenzise izinhlinzeko ezintsha ukuhlinzeka ngobulungiswa kulabo abalahlekelwe abathandiweyo babo, abangani noma ozakwabo ngenxa yalesi sihlava.   

6.3.    IKhabhinethi lilangazelele ukusetshenziswa ngokushesha kwale mithetho ukuze kuvikelwe kakhulu izisulu zalolu dlame nokuhlukunyezwa. 

6.4.  Khumbula ukubika izigameko ze-GBVF esiteshini samaphoyisa esiseduze nawe, ngenombolo yamahhala Yokunqanda Ubugebengu ku: 086 00 10111 noma ngenombolo yocingo yokubika ngezimo eziphuthumayo yeSikhungo Esilawula i-GBV esisebenza amahora angama-24 ku: 0800 428 428. 

7.       Uhambo Lomsebenzi obelubheke e-Mozambique

7.1.    IKhabhinethi lamukele ukubandakanywa ngempumelelo koHambo Lokusebenza obelubheke eRiphabhulikhi yase-Mozambique lukaMongameli uRamaphosa ngoLwesine, mhla we-3 kuNhlolanja 2022, emenywe wuMongameli u-Filipe Nyusi, uMongameli weRiphabhulikhi yase-Mozambique. 

7.2.    Esikhundleni sakhe njengoSihlalo weNhlangano Yokuthuthukisa Amazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC) oPhikweni lwezePolitiki, Ezokuvikela Nemisebenzi Yezokuvikela, uMongameli Ramaphosa uvakashele amasosha ayingxenye ye-SADC Mission e-Mozambique futhi wabamba iqhaza eSikhumbuzweni sama-53 sokubulawa kukaDkt. Eduardo Mondlane, umsunguli noMongameli wokuqala we-Mozambique Liberation Front (i-FRELIMO). 

7.3.   UMongameli Ramaphosa nozakwabo wase-Mozambique baxoxa ngezindaba zamazwe womabili, zezwekazi kanye nezamazwe ngamazwe, futhi baqinisekisa ukuzibophezela kwabo ekuqhubekeni nokubambisana ezimweni ezinhlobonhlobo. 

8.       Ingqungquthela yeZizwe Ezibumbene (i-AU) 

8.1.    IKhabhinethi lamukele umphumela weNgqungquthela ye-AU yama-35 ebibanjelwe e-Addis Ababa, e-Ethiopia ngomhla wesi-5 nangomhla wesi-6 kuNhlolanja 2022, ebihlose ukuthuthukisa ukuthula nezokuvikela ezwenikazi futhi yalugxeka kakhulu ushintsho oluphambene nemithethosisekelo kohulumeni base-Afrika.

8.2.    INingizimu Afrika yethule uMbiko Wezokubusa we-Afrika wezi-2021 eMhlanganweni we-AU, obhale ngenqubekela-phambili ekudidiyeleni intando yeningi labantu nokuqhubekela phambili ekudidiyeleni ngokwezomnotho ngeNdawo Yokuhwebelana Ngenkululeko Ezwenikazi lase-Afrika. Kunconywa ukuba abaholi bathathe izinyathelo eziphuthumayo ukubhekana nokuhola ukungabibikho kozinzo njengokwanda kokungasebenzi kwabantu abasha, ukuba wondlovukayiphikiswa, ukufuduka kwabantu abaningi nokwanda kokungalingani.

8.3.    Maqondana nokumiswa komyalelo wezempilo womphakathi omusha wezwekazi, ingqungquthela isekele isu leNingizimu Afrika ukuze kusungulwe isikhwama se-Afrika sokungenelela kubhubhane kanye neziphakamiso zokuthi izwekazi lingazifihla kanjani ukuze ligweme ukuthuswa ngezinye izinkinga zezempilo.

8.4.    IKhabhinethi liphinde lamukela ukukhethwa kweNingizimu Afrika kuMkhandlu Wezokuthula Nezokuvikelela we-AU (i-AUPSC). I-AUPSC iwuphiko olumile oluthatha izinqumo ze-AU zokuvikela, ukuphatha nokuxazulula izinxushunxushu. Kuwuhlelo lokuvikela oluhlanganisile kanye noluxwayisa kusanesikhathi okuhloswe ngalo ukuba kulawulwe ngesikhathi nangendlela egculisayo lapho kubhekanwa nezinxushunxushu kanye nezimo zenhlekelele e-Afrika. Kuphinde kube yinsika esemqoka Ekwakhiweni Kokuthula Nezokuvikela e-Afrika, okuwuhlaka lokukhuthaza ukuthula, ukuvikela nozinzo e-Afrika. I-AUPSC yakhiwe ngamalungu ayi-15 anamandla okuvota alinganayo. 

8.5.    Abaholi base-Afrika bazohlangana e-Brussels, e-Belgium kwiNgqungquthela yesithupha ye-European Union ne-AU ngomhla we-17 nowe-18 kuNhlolanja 2022, ezogxila kulokho okukhathazayo umhlaba obhekene nakho njengoguquguquko lwesimo sezulu, kanye nokuvuselelwa kokuthula nezokuvikela.

9.       Uhlelo Lokuhlolwa Ngamanye Amazwe Angabalingani i-African Peer Review Mechanism (I-APRM)

9.1.    INingizimu Afrika iqede isikhathi sayo sokuba wusihlalo we-African Peer Review Forum, okuwuhlelo lwe-APRM, oluhlose ukukhuthaza nokuvikela amalungelo abantu, kudidiyelwe intando yeningi labantu futhi kuthuthukiswe ukuphatha okuhle kanye nengalo yomthetho phakathi kwamazwe ase-Afrika.

9.2.    Kuthe lapho ihlolwa wozakwayo, iNingizimu Afrika yathola imibiko emihle maqondana nengalo yomthetho, amaphiko ezokuqapha njengezikhungo ezingaphansi kweSahluko sesi-9, ukuthuthukiswa kwamalungelo abantu besimame, ukuvikelwa kwabantu abacashe ezweni okuqinile kanye nokusungulwa kohlelo lwethu lokuvota, ukuphatha kwezinkampani okuhle kakhulu, izinqubo zesabelomali ezivulelekile kanye nokwanda kwezinhlelo zokusiza umphakathi. Izwe liphinde lashayelwa ihlombe ngobuholi kanye nendlela okuphathwe ngayo ubhubhane lwe-COVID-19. 

9.3.    Izindawo okukhalwe ngazo lapho kuhlolwa - njengokunyuka kokungalingani nokungabibikho kwemisebenzi, inkohlakalo, izigameko zokungabamukeli abantu bakwamanye amazwe kanye nokuhlinzeka ngezidingo ngendlela engagculisi - kudingidiwe ezinhlelweni zethu zokuhlela nezokuphatha.

10.     Imiklomelo Yabezindaba ye-SADC

10.1.   IKhabhinethi likhuthaze abemithombo yezindaba baseNingizimu Afrika ukuba bathumele iziphakamiso zokungenelela kwayo emncintiswaneni we-SADC Wokuklomelisa Abezindaba. Le miklomelo izokhuthaza ukungenelela kwamazwe nokusebenzisana, futhi kwazise ubunyoningco kwezobuntatheli emkhakheni wezamaphephandaba, izithombe, umabonakude nomsakazo, futhi ikhuthaza abasebenzi bakumithombo yezindaba emazweni angamalungu ukuba babhale ngezindaba ezithinta la mazwe.

10.2.   Abathole imiklomelo yokuqala bazomenyezelwa eNgqungqutheleni ye-SADC yama-42 yoMongameli Bamazwe kanye noHulumeni. Amafomu nemithetho yomncintiswano wezi-2022 ingatholakala ku-www.gcis.gov.za/newsroom/media-releases/launch-2022-sadc-media-awards-co....

11.     Ezemfundo 

11.1.   IKhabhinethi lincome Abafundi bebanga le-12 bangonyaka wezi-2021 futhi labonga bonke abantu ababe negalelo emiphumeleni yabafundi noma ngabe bekunezingqinamba ze-COVID-19. Abafundi ababhale izivivinyo bebonke babe yizi-897 163 ekuhlolelweni Isitifiketi Sikamatikuletsheni Sikazwelonke (i-NSC), okuwukunyuka ngama-23.6% kunowezi-2020.

11.2.   Izinga lokuphasa le-NSC lowezi-2021 belingu-76.4% kube abafundi abayizi-256 000 baye bakulungela ukungena enyuvesi, okuwukuthuthuka ngama-0.2% kusukwa ezingeni lokuphasa elingama-76.2% lokuphasa labaFundi Bebanga le-12 ngowezi-2020.

11.3.   IKhabhinethi lifisele bonke abafundi okuhle njengoba bebhekene neminyaka elandela ukuqeda isikole. Ngohlelo lweSikimu Sikazwelonke Sokusiza Abafundi Ngezimali, uhulumeni weseka ngokwezimali abafundi abafanelekile abavela emindenini edla imbuya ngothi nesezingeni lokusebenza okuholela imali emaphakathi nendawo abafisa ukufunda enyuvesi noma emaKolishi Emfundo Ephakeme Okufundela Ezobuchwepheshe Nomsebenzi Wezandla.

B.       Izinqumo zeKhabhinethi

1. Imibiko yenqubekela-phambili yokwenziwa kwemisebenzi ekhishwa kabili ngonyaka 

1.1.    IKhabhinethi ligunyaze imibiko yenqubekela-phambili yokwenziwa kwemisebenzi ekhishwa kabili ngonyaka kusukela ngomhla lu-1 kuMbasa kuya kumhla zingama-30 kuMandulo 2021. Imibiko iyingxenye yoHlaka Oluyiqhingasu Lwehlandla Elimaphakathi Nonyaka lowezi-2019 kuya kowezi-2024. Imibiko ehlukaniswe ngokweminyango igxile kokuyisikhombisa okuseqhulwini kuhulumeni nokungenelela okuhambisana nakho ehlandleni lesithupha lokuphatha kukahulumeni.
1.2.    IKhabhinethi lamukele izindawo okube nenqubekela-phambili kuzo ngokwemigomo emisiwe ngesikhathi esibuyekezwayo. Liqaphele nezinhlelo zokungenelela zokubhekana nokubambezeleka ekufezeni eminye yemigomo.  
1.3.    Kuzohlelwa uchungechunge lwemihlangano yokukhuluma nabemithombo yezindaba okuzokwenziwa woNgqongqoshe ngokusebenzisa i-GCIS ukuze iminyango ikwazi ukuhlaziya imibiko yokwenziwa kwemisebenzi. 

2.      Ukuthunyelwa kwesiphakamiso sokuqokwa kwezindawo Zendabuko Yabantu zaseNingizimu Afrika ukuze zibe yizindawo Ezingamagugu Omhlaba

2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuthunyelwa kwezindawo Zemvelaphi Yabantu Besimanje: Izindawo Zendabuko Yabantu eziyisithupha ukuze zibhekwe futhi zimiswe njengezindawo Ezingamagugu Omhlaba. Ezintathu kulezi zindawo ziseNtshonalanga Kapa (Umpheme i-Diepkloof Rock Shelter; imigede i-Pinnacle Point Site Complex kanye ne-Blombos Cave); enye yazo iseMpumalanga Kapa (Imigede i-Klasies River Caves) bese ezimbili ziKwaZulu-Natali (Imigede i-Sibhudu Cave kanye ne-Border Cave).

Lezi zindawo, zindawonye zinegalelo ekuqondeni indabuko yabantu, sekunqunyiwe vele ukuthi ziyizindawo Ezingamagugu Ezweni ngokoMthetho Wemithombo Engamagugu Kuzwelonke, we-1999 (uMthetho wama-25 we-1999). Ziveza uchungechunge lokuhlala kwabantu isikhathi eside eminyakeni eziyinkulungwane nezinkulungwane kube kunobufakazi obubuyela esikhathini sokudabuka kwabantu besimanje.
2.2.    Ukwethulwa kwalezi zindawo kuhambisana noMthetho Wezivumelwano Ngamagugu Omhlaba, we-1999 (uMthetho wama-49 we-1999), ohlinzekela ukuthi amazwe enze lezi zethulo njengengxenye yokuqonda komhlaba wonke ngokudabuka kwabantu.

3.       Ukwelulwa Kwesimo Senhlekelele Sikazwelonke 

3.1.    IKhabhinethi laziswe ngomsebenzi owenziwe ngohlelo lweNhlangano Yohlaka Lwezobunhloli Nemisebenzi Yokubambisana Kuzwelonke
wokunquma ngokuthi ukulawulwa kobhubhane lwe-COVID-19 kusadinga isikhathi esingakanani sokuqhubeka kweSimo Senhlekelele Kuzwelonke. Kwatholakala imibono evela eminyangweni kahulumeni ehlukene ukuze kunqunywe ngokubheka izindawo esebenzela kuzo esezisondele esigabeni sokuqedwa.

3.2.    Nokho, emuva kokubona ukuthi eminye iminyango esemqoka ebhekene ne-COVID-19 ayikaphothuli uhlaziyo lwayo, iKhabhinethi lagunyaza ukwelulwa kokugcina kweSimo Senhlekelele Sikazwelonke kuya kumhla we-15 kuNdasa 2022, ngokweSigaba sama-27(5)(c) soMthetho Wokuphathwa Kwenhlekelele, wezi-2002 (uMthetho wama-57 wezi-2002).

4.       Uhlaka Lwenqubomgomo Yamanani Kagesi (i-EPP)

4.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa kokubuyekezwa kwezimvo zomphakathi nge-EPP. I-EPP ebuyekeziwe ihlose ukulinganisa ukuhlinzeka ngamanani kagesi ongambi eqolo wabathengi abahola imali encane kanye nenani likagesi elihambisana nezindleko zawo wonke amanye amakhasimende.  

4.2.    Inqubomgomo ihlinzeka ngemigomo yokuklanywa kwamanani awujikelele, uhlelo lukagesi odayiswayo uwonke kanye nokudluliswa kwamanani, kanye nohlelo lokusabalalisa nokuklanywa kwamanani okudayisa. I-EPP izoshicilelwa kuSomqulu Kahulumeni futhi ingatholakala kuwebhusayithi yoMnyango Wezengcebo Embiwayo Nezamandla (i-DMRE) ethi: www.dmr.gov.za.

C.      Imithethosivivinywa

1.       UMthethosivivinywa Oyisichibiyelo weNhlangano Kazwelonke Yokuthuthukiswa Kwentsha (i-NYDA) wezi-2022

1.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukwethulwa koMthethosivivinywa Oyisichibiyelo we-NYDA wezi-2022 ePhalamende. Ushintsho oluhlongozwayo lushintsha uMthetho we-NYDA, wezi-2008 (uMthetho wama-54 wezi-2008). UMthetho wamanje uhlinzeka ngohlaka lomthetho lwesihlinzeko seNsiza Yentsha Kuzwelonke, ukusekelwa kokubamba iqhaza kwezomnotho kwabantu abasha, imisebenzi yokwelulekwa kwentsha kanye nolwazi. 

1.2.    Izichibiyelo ezihlongozwayo ziqinisa izindawo ezicacisiwe zokungenelela ezinselelweni intsha ebhekene nazo; zichaza ngohlelo lokwethula imibiko kwezepolitiki kwesikhungo futhi zihlongoza ukwandisa ubungako beBhodi le-NYDA elinamalungu ayisikhombisa abe yishumi. Zihlinzekela ukumiswa kwemisebenzi ye-NYDA emazingeni asendaweni, ikakhulukazi maqondana nentsha ezindaweni zasemakhaya engakwazi ukufinyelela kalula emisebenzini ye-NYDA.

1.3.    Izichibiyelo ezihlongozwayo zavela ngenxa yokubonisana okunzulu nabo bonke ababambiqhaza abafanele kuzo zoyisishiyagalolunye izifundazwe.

2. UMthethosivivinywa Wokungcoliswa Kolwandle Ngo-Oyili (Ukulungela, Ukungenelela kanye Nokubambisana) (i-OPRC) wezi-2022

2.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuthunyelwa koMthethosivivinywa we-OPRC wezi-2022 ePhalamende, owagunyazwa ngokubonisana komphakathi kuMfumfu wezi-2019. Imibono enzulu etholakele kubabambiqhaza abanhlobonhlobo ididiyelwe kulo Mthethosivivinywa.

2.2.    Uma sewuphasiswe ukuba ube ngumthetho, uMthethosivivinywa uzohlinzeka ngemithethonqubo nokuphathwa kwendlela yokungenelela kwezwe ezigamekweni zokungcoliswa kolwandle ngo-oyili olwandle lwezwe olusogwini.

2.3.    INingizimu Afrika isolwandle oluphithizela kakhulu futhi olunemizila yemikhumbi enqamula kuLwandle i-Indian, i-Atlantic ne-Southern Sea, edlula kuhhafu iye kofinyelela esifundeni esise-Antarctic. Izwe liphinde libe yingxenye yabasayine isivumelwano se-OPRC.

3.       INqubomgomo ewuhlaka Kazwelonke Yokuqashwa Kwabantu Bokufika (i-NLMP) kanye noMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wemisebenzi Ehlongozwayo (i-ESAB)

3.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukuqaliswa kokubonisana komphakathi nababambiqhaza ngohlaka oluhlongozwayo lwenqubomgomo ewuhlaka kazwelonke yokuqashwa kwabantu bokufika kanye ne-ESAB ehlongozwayo. Inqubomgomo ihlinzeka ngokulinganisa phakathi kokuvikela ukuqashwa kwezakhamuzi zaseNingizimu Afrika kube kubhekwa ukuhambisana kwamakhono ezomnotho adingekayo ezweni. Ibheka nezibopho zezwe ku-SADC, i-AU kanye nezinye izimiso zokuqashwa kwabantu bokufika.

3.2.    I-NLMP ihlinzeka ngohlaka kanye nesisekelo sezomthetho sokulawula ukuthi abaqashi bangabaqasha kangakanani abantu bakwamanye amazwe ezikhungweni zabo kube kuvikelwa amalungelo abantu bokufika. Le nqubomgomo ihlinzeka ngesisekelo se-ESAB ehlongozwayo.

3.3.    IKhabhinethi ligunyaze uMnyango Wezemisebenzi Nezabasebenzi ukuthi ungaqala ukubonisana nomphakathi ngale nqubomgomo, okuzonika izakhamuzi kanye nababambiqhaza abafanele ithuba lokuveza izimvo nge-NLMP ezweni.

4.       UMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wokulawulwa Kukagesi 

4.1.    IKhabhinethi ligunyaze ukushicilelwa koMthethosivivinywa Oyisichibiyelo Wokulawulwa Kukagesi. Lo Mthethosivivinywa uhlongoza uMthetho Wokulawulwa Kukagesi, wezi-2007 (uMthetho wama-28 wezi-2007). Izichibiyelo ezihlongozwayo zandisa uhlaka lokulawula lukazwelonke lwemboni ehlinzeka ngogesi. Ihambisana nezinqubo zezwe zokusebenza ngendlela ephambili kwamazwe ngamazwe futhi ihlinzeka ngemisebenzi ye-Transmission System Operator, nohlaka lokuthola imvume yokukhiqizwa kwamandla, ukudluliswa, ukusabalalisa nokuhweba.

4.2.    Izichibiyelo ezihlongozwayo ziyingxenye yezinyathelo eziyisikhombisa ezithathwa yizwe ukuguqula umkhakha kagesi ukuze ukwazi ukuhlinzeka ngamandla ngendlela enozinzo nevikelekile. Izoqinisa nokusebenza kwemboni kagesi futhi kugcine ngokuthi yakhe isimo esizolungela ukukhula komnotho.

4.3.    Lo Mthethosivivinywa uzoshicilelwa kuSomqulu Kahulumeni futhi ungatholakala kuwebhusayithi ye-DMRE ethi: www.dmr.gov.za 

D.       Umyalezo

1.       Ukuhalalisa

IKhabhinethi lidlulise amazwi okuhalalisa futhi lafisela abalandelayo okuhle: 

1.1.    Indlovukazi uNkosikazi Nomandla Dorothy Mhlauli, okhethwe njengoSihlalo omusha weNdlu Kazwelonke Yabaholi Bendabuko naBathwa. UNkosikazi Mhlauli ungowesimame wokuqala ukuhola uphiko lwabaholi bendabuko. Ukhethwe emuva kokudlula emhlabeni kukasihlalo wangaphambilini iNkosi Sipho Mahlangu.

E.       Abaqashiwe 

Bonke abaqashiwe kumele kuqinisekiswe iziqu zabo futhi bahlolwe ngokufanele. 
1.       Amalungu oMkhandlu Wezokweluleka Ngezamahlathi Kuzwelonke (i-NFAC). IKhabhinethi livumelene noNgqongqoshe Wezamahlathi, Ezokudoba kanye Nezemvelo ngokuthi kuqokwe amalungu eBhodi alandelayo ku-NFAC iminyaka emithathu:

a.       Nks. Nosisa Euticus Nzuza (uSihlalo); 
b.       Dkt. Pulane Elsie Molokwane (IPhini LikaSihlalo);
c.       Nks.Getrude Mathithwa Nonginzi; 
d.       Nks. Maropeng Dipitseng Manamela;
e.       Mnu. Bhutinyana Calvin Chirwa;
f.        Nks. Phindiwe Keletso Mokoena;
g.       Nks. Manushka Moodley;
h.       Mnu. Bishop Ngobeli;
i.        Nks. Nombuso Mlambo;
j.        Mnu. Mzwandile Roy Mendu;
k.       Mnu. Sikhumbuzo Sipho Masuku;
l.        Mnu. Thabo Simon Moloi;
m.      Nks. Felicity Blakeway;
n.       Mnu. Jim Matsho;
o.       Nks. Fefekazi Sefara;
p.       Mnu. Phemelo Sebitlo;
q.       Mnu. Goodman Gcaba;
r.        Mnu. Nkosipendule Quvile;
s.       Mnu. Sixolile Msayi; kanye
t.        noMnu. Makale Ngwenya.

2.       UDkt. Jennifer Molwantwa – Isikhulu Esiphezulu (i-CEO) seKhomishana Yocwaningo Lwezamanzi. 
3.       Mnu. Petrus Maselaganye Matji – u-CEO we-Amatola Water. 
4.       Mnu. Frans Moatshe – Isikhulu Esiphezulu Sezezimali kuMnyango Wezamanzi Nenhlanzeko.
5.       U-Brig Mokgadi Bertha Bokaba – Inhloko Yophiko Lwezokuphenywa Kobugebengu Obuseqhulwini (i-DPCI) Esifundazweni sase-Freyistata.
6.       U-Brig Mathipha Solomon Makgato – Inhloko Ye-DPCI Esifundazweni saseNtshonalanga Kapa.

Imibuzo:
Nks Phumla Williams
 USomlomo WeKhabhinethi ku-083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore