Isitatimende Somhlangano WeKhabhinethi 30 kuMfumfu 2019

IKhabhinethi labamba umhlangano walo ngoLwesithathu mhla zingama-30 kuMfumfu 2019 e-Tuynhuys eKapa

A. Izindaba Ezisematheni

1. INgqungquthela Yotshalomali yaseNingizimu Afrika (i-SAIC)

1.1. IKhabhinethi liyilindele ngamehlo abomvu, futhi ngethemba elikhulu, i-SAIC Yesibili yowezi-2019 ezobanjwa ngeviki elizayo kusukela mhla ziyisi-5 kuze kube ngumhla ziyisi-7 kuLwezi 2019 e-Sandton Convention Centre eGauteng, ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Sisheshisa Ukukhula Komnotho Nokwakhiwa Kobambiswano”.
1.2. I-SAIC yowezi-2019 izokwakhela phezu kwe-SAIC yokuqala eyabanjwa ngoMfumfu 2018, eyaheha izithembiso zotshalomali olungamabhiliyoni angama-300 amarandi. Lokhu kubandakanya notshalomali lwenkampani yamazwe ngamazwe eyisikhondlakhondla kwezobuchwepheshe be-inthanethi ezosungula isizinda sokuhlinzekwa kwezinsizakalo zekhompyutha nge-inthanethi, (phecelezi i-cloud-computing hub) eNingizimu Afrika; notshalomali oluzofakwa yinkampani yamazwe ngamazwe yezezimayini i-Vedanta Resources enkampanini yakuleli encibilikisa itshe-nsimbi; kanye notshalomali lwenkampani yezobochwepheshe ezinze kwelase-Rwanda, i-Mara Corporation, ezokwakha omakhalekhukhwini bakanokusho abanobuchwepheshe besimanjemanje, ngokunjalo futhi notshalomali lwenkampani eyakha futhi ithake imithi i-Aspen Pharmacare oluzofakwa ekwakhiweni nasekukhiqizweni kwezidambisi-nhlungu ezingenawo amagciwane.
1.3. Sihlanganyela nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ekwamukeleni izithunywa ezingaphezu kwe-1500 ezimele amabhizinisi akuleli nawamazwe omhlaba wonke okulindeleke ukuthi zethamele iNgqungquthela Yotshalomali.
1.4. Mhla ziyisi-7 kuLwezi, le ngqungquthela izoqhutshelwa eKhempasini yaseSoweto yeNyuvesi yaseGoli, lapho izogxila khona ekusungulweni kwamabhizinisi, ukuqanjwa kwezinto ezintsha kanye nasekukhulisweni kwamabhizinisi amancane ngokunjalo nalawo amaphakathi ngobukhulu.

2. ISithangami Sotshalomali sase-Afrika (i-AIF)

2.1. Inkampani Yebhange Lentuthuko lase-Afrika izobiza iSithangami Sotshalomali sase-Afrika esizobanjwa kusukela mhla ziyi-11 kuze kube ngumhla ziyi-13 kuLwezi 2019 edolobheni laseGoli. Leli ngelinye futhi ithuba lokutshalwa kwezimali elingasetshenziswa yiNingizimu Afrika ukuthola izimali zokuqhuba umsebenzi wokuthuthukiswa kwengqalasizinda yase-Afrika.
2.2. Lesi sithangami sizoqoqela ndawonye izikhwama zempesheni, izikhwama zotshalomali zemibuso, abatshalizimali abazimele, izinkampani zamasheya ezizimele kanye nezinhloko zohulumeni. Sizogxila ekwakheni nokuqalisa ukusebenza kwezivumelwano ezizovula amathuba otshalomali lwase-Afrika olungamabhiliyoni ngamabhiliyoni amadola aseMelika.
2.3. Ekuphishekeleni injongo yethu eyaziwayo yokuqalisa nokuqhuba uhlelo lwengqalasizinda yomkhakha ozimele nokahulumeni, uhulumeni usebeke eceleni imali engamabhiliyoni ayi-100 amarandi ezosetshenziswa kulesi sikhathi esiyiminyaka eyi-10 ezayo ukuqhuba iSikhwama Sengqalasizinda Sikazwelonke, futhi uhulumeni ukulindele ngabomvu ukusebenzisana nabatshalizimali abazimele ngokunjalo nezikhungo zezimali zamazwe ngamazwe, ukuze athole izimali ezizosetshenziselwa ukuthuthukisa ingqalasizinda yezwe lethu.

2. Isitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi (i-MTBPS)

2.1. IKhabhinethi liyamukelile i-MTBPS yowezi-2019 eyethulwe nguNgqongqoshe Wezezimali uTito Mboweni, eyethulwe ngaphansi kwezimo ezinzima ezibhekene nomnotho wakuleli kanye nomnotho womhlaba wonke jikelele, futhi i-MTBPS yowezi-2019 iphakamisa izinyathelo ezizonqanda ukudlondlobala ngokweqile kochitho-mali lukahulumeni kanye nesikweletu sezwe uma kuqhathaniswa  nesamba-mkhiqizo sezwe (i-GDP).
2.2. IKhabhinethi liyiphawulile futhi nemiphumela yoCwaningo-kuhlola Lwenani Labasebenzi Olwenziwa Njalo Ngekota Yonyaka oluqondene Nekota yesithathu yowezi-2019, okuyimiphumela ekhishwe wuPhiko Lwezibalo-manani LwaseNingizimu Afrika, ebonisa ukuthi izinga elisemthethweni lokuntuleka kwamathuba omsebenzi likhule ngama-0,1% layofinyelela kuma-29,1% uma liqhathaniswa nezinga lekota yesibili yowezi-2019.
2.3. IKhabhinethi linethemba lokuthi uma bonke abantu baseNingizimu Afrika behlanganyela nohulumeni ekuqaliseni ukusebenza kwezibophezelo ezishiwo ku-MTBPS yowezi-2019, sizokwazi ukukhulisa iNingizimu Afrika ngokubambisana, sikhuphule izinga lokukhula komnotho wezwe futhi sikhulise nenani lamathuba omsebenzi, okuyinto edingeka kakhulu kuleli.

3. Inkampani yakwa-Eskom

4.1. IKhabhinethi liwamukelile umbhalo-sethulo osihloko sithi “Umkhombandlela oqondene no-Eskom Ngaphansi Kwesimo Semboni Yokuphakelwa Kukagesi Esiguquliwe”, okungumbhalo-sethulo okhishwe nguNgqongqoshe Wezamabhizinisi Kahulumeni u-Pravin Gordhan ngoLwesibili mhla zingama-29 kuMfumfu 2019. 
4.2. Lokhu kulandela esimemezelweni esenziwa nguMongameli Ramaphosa eNkulumweni yakhe Echaza Isimo Sezwe ayethula ngoNhlolanja 2019 sokuthi, ngenhloso yokwenza ngcono indlela asebenza ngayo u-Eskom, uzohlukaniswa ube nezikhungo ezintathu ezizoba ngaphansi kwakhe, okuyisikhungo sokuthumela ugesi, isikhungo sokuphehla nokukhiqiza ugesi kanye nesikhungo sokusabalalisa ugesi kumakhasimende.
4.3. IKhabhinethi liyavumelana nesiphakamiso esisohlelweni lwebhizinisi lwe-Eskom, olungumhlahlandlela wakamuva ozobeka u-Eskom emgudwini wokukhula. Lo mkhombandlela uhlose ukuthi kube nokuphakelwa kukagesi okungambi eqolo futhi okunembuyiselo, ukutholakala kukagesi ngaso sonke isikhathi kanye nokusetshenziswa kwemithombo yamandla kagesi ehlukahlukene, ngokuhambisana noHlelo Lwezinsiza Oludidiyelwe, olushicilelwe kusomqulu kahulumeni ngasekuqaleni kwale nyanga futhi oluhlinzeka ngemininingwane ephelele yokusetshenziswa kwemithombo yamandla exubile kuleli lizwe kule minyaka eyi-10 ezayo.
4.4. Siyabanxusa bonke ababambiqhaza kanye nabo bonke abathintekayo emkhakheni wezamandla ukuthi bakweseke ngokuphelele ukuqaliswa kwalolu hlelo.

5. Umdlalo Wamanqamu Womqhudelwano Wendebe Yebhola Lombhoxo (i-RWC)

5.1. Ngokuziqhenya okukhulu, iKhabhinethi lihalalisela iqembu lesizwe lebhola lombhoxo, amaBhokobhoko, ngokufinyelela kowamanqamu we-RWC yowezi-2019. IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika kanye nabalandeli bamaBhokobhoko emhlabeni wonkana ukuthi bawasekele amaBhokobhoko futhi bakhombise ukweseka kwabo iqembu lakubo ngokubamba iqhaza kuma-Green Friday (okuwusuku lapho abantu begqoka izingubo ezinemibala eluhlaza yamaBhokobhoko njalo ngoLwesihlanu) futhi bathumele imiyalezo yokweseka amaBhokobhoko ezinkundleni zokuxhumana ngokusebenzisa ama-hashtag alandelayo #StrongerTogether, #Bokke, #Rugbyworldcup.
5.2. UMongameli Ramaphosa uzokwethamela umdlalo wamanqamu kwelase-Japan lapho ezokweseka khona iqembu lesizwe sethu yena ngokwakhe mathupha.
5.3. IKhabhinethi liyasithokozela futhi nesinqumo seNhlangano Yezokusakaza Ngomoya yaseNingizimu Afrika (i-SABC) sokuthi izowusakaza bukhoma umdlalo wamanqamu phakathi kweNingizimu Afrika neNgilandi ngoMgqibelo mhla zi-2 kuLwezi kusukela ngehora le-11h00 ekuseni. 

6. Ukongiwa kwamanzi

6.1. IKhabhinethi liyabakhuthaza bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokonga amanzi. Lokhu kulandela ukwehla komthamo wamanzi emadanyini akuleli okubikiwe kamuva nje. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe angama-30 emhlabeni anamanzi ayingcosana kakhulu. Isimo esesiqhubeke isikhathi eside sokutholakala kwemvula engaphansi kwesilinganiso esijwayelekile ezingxenyeni ezithile zezwe, kuhlangene namazinga eshisandlu abonakele kamuva nje, sekwenze isimo saba sibi kakhulu.
6.2. Nakuba uMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle usuqalise izinyathelo nezinhlelo zokubhekana ngqo nesimo esiphuthumayo, iKhabhinethi liyasinxusa thina sonke abantu bakuleli ukuthi sisebenzisane futhi sibambisane ekuqinisekiseni ukuthi lo mthombo wempilo osemqoka futhi oyingcosana kakhulu usetshenziswa ngokucophelela okukhulu. Amacebo okonga amanzi abandakanya ukubheka nokuhlola ompompi namapayipi avuzayo, ukusebenzisa amanzi asesetshenzisiwe ukunisela izingadi ngaphambi kwehora lesi-06:00 ekuseni noma emva kwehora le-18:00 kusihlwa kanye nokutshala izihlahlana ezikwaziyo ukumelana nesomiso. Kumele sonke sidlale indima yethu ekongeni amanzi.

7. Ubambiswano olukhethekile phakathi kweNingizimu Afrika ne-China

7.1. IPhini likaMongameli u-David Mabuza lisohambweni olusemthethweni lokuvakashela kwelase-China, lapho lizoba ngusihlalo obambisene nomunye eMhlanganweni wesi-7 weKhomishana yeNingizimu Afrika ne-China (i-BNC) ozobanjwa kuze kube ngumhla zi-3 kuLwezi 2019. I-BNC phakathi kweNingizimu Afrika ne-China yasungulwa ngowezi-2002 ukuze isebenze njengesigcawu esikhethekile sokubhunga ngezindaba ezithinta lawa mazwe womabili, njengokugqugquzelwa kohwebo kanye nokushintshisana kwezomnotho.
7.2. Zingama-26 izinkampani zaseNingizimu Afrika ezitshale izimali kwelase-China, esezikhiphe isamba sochitho-mali olungamabhiliyoni angama-88 amarandi phakathi kukaMasingana 2003 noNcwaba 2019. Ngakolunye uhlangothi, zingama-88 izinkampani zase-China ezitshale izimali eNingizimu Afrika, esezikhiphe uchitho-mali olungamabhiliyoni ayi-116 amarandi esikhathini esifanayo.
7.3. IKhabhinethi liyakwamukela ukusayinwa kwesivumelwano sobambiswano olukhethekile phakathi kophiko lwezokuvakasha lwakuleli, i-South African Tourism kanye nenkampani yase-China, i-Tencent, engumnikazi wenkundla yezokuxhumana i-WeChat. Lolu bambiswano lweminyaka emibili luzohlinzeka iNingizimu Afrika ngethuba lokufinyelela ngqo kubavakashi base-China abayizigidi ngezigidi, okungabavakashi bezebhizinisi kanye nabavakashi abavakasha ngenhloso yokushaywa ngumoya nokungcebeleka, futhi lokhu kuzolekelela ekukhangiseni leli lizwe njengezwe elingungqaphambili kubavakashi abavela kwamanye amazwe.
7.4. INingizimu Afrika ihlose ukusiphinda kabili isibalo sabavakashi abavela emazweni angaphandle abavakashela kuleli, sisuka kubavakashi abayizigidi eziyi-10,4 siyofinyelela kubavakashi abayizigidi ezingama-21 ngaphambi kokufika kowezi-2030.
7.5. IKhabhinethi liyalwamukela futhi nohlelo loMnyango Wezemfundo Eyisisekelo lokuhlonyiswa nokucijwa kwabaphathi bezikole ngamakhono, obeluqhutshwa ngokubambisana nohulumeni wase-China, lapho othishanhloko abangama-25 babelane nozakwabo base-China e-Shanghai ngolwazi oluphathelene nezindlela ezingungqaphambili zokusebenza kanye nokuphatha izikole.

8. Ukuvinjelwa kobugebengu

8.1. IKhabhinethi liyawuthokozela umsebenzi womkhankaso i-Operation O Kae Molao, oholwa nguMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (i-SAPS) futhi oqhubekayo nokwenza inqubukelaphambili enkulu impela empini yokulwisana nobugebengu eGauteng.
8.2. Bangamakhulu ngamakhulu abasolwa asebeboshiwe beboshelwa amacala ahlukahlukene futhi laba babandakanya nabasolwa abangama-717 abebefunwa kakhulu ngamaphoyisa, kanti futhi abasolwa abangama-90 kulaba ngabantu abebebalekela ingalo yomthetho befunwa phansi phezulu mayelana namacala aphathelene nodlame olubhekiswe kwabobulili obuthile (i-GBV).
8.3. IKhabhinethi liyabanxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokweseka amaphoyisa futhi bazibandakanye empini yokulwisana nobugebengu, ngokubika izenzo zobugebengu emaphoyiseni. Izakhamuzi zakuleli zingasebenzisa futhi nohlelo-kusebenza olusha lwe-SAPS lokulwisana nobugebengu olubizwa nge-MySAPS, ukuluma indlebe amaphoyisa nokubika izenzo zobugebengu, ngaphandle kokuziveza ukuthi bangobani, futhi bayisebenzise uma befuna ukuthola ukuthi sikuphi nendawo isiteshi samaphoyisa esiseduzane noma uma befuna ukuthumela izixwayiso kanye nemiyalezo ephathelene nesimo esiphuthumayo. IKhabhinethi lizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi imiphakathi yakuleli iphila endaweni ephephile futhi evikelekile.

9. I-GBV kanye Nokubulawa Kwabantu Besifazane

9.1. IKhabhinethi liyasithokozela isigwebo sakamuva sodilika-jele abangama-20 kanye neminyaka engama-758 ejele esigixabezwe umdlenguli ongumalugaju, uBongani Lucky Masuku, ngokunjalo futhi nesigwebo sikadilika-jele esinikezwe u-Nicholas Ninow. Lokhu kuthumela umyalezo oqinile kubenzi bobubi ukuthi uhlelo lwethu lwezobulungiswa nokulwisana nobugebengu ngeke neze luwabekezelele amacala abhekiswe kwabesifazane nezingane.
9.2. Uhulumeni usalokhu ezibophezele ekunakekeleni izisulu futhi uyazikhuthaza izisulu ze-GBV ukuthi zisebenzise izinsizakalo ezihlinzekwa yiSizinda Eseseka futhi Sihlinzeke Ngosizo Ezisulwini ze-GBV. Lesi sizinda sisebenza amahora abangama-24, izinsuku ezingama-365 ngonyaka. Izisulu zingafonela inombolo ethi 0800 428 428 noma zithumele u-please call me ku-*120*7867# noma zivakashele kuwebhusayithi ethi www.gbv.org.za. Namuhla, uMongameli Ramaphosa uzohlinzeka iPhalamende kanye nesizwe sonkana ngolwazi lwakamuva mayelana nemizamo eyenziwayo ukuqeda i-GBV Nokubulawa Kwabantu Besifazane, ngenkathi ephendula imibuzo phambi kweSigungu Sikazwelonke, ePhalamende.

B. IziNqumo ZeKhabhinethi

1. UHlelo-ngqangi Lukazwelonke Lokulwisana Nezidakamizwa (i-NDMP) lowezi 2019-2024

1.1. IKhabhinethi liyigunyazile i-NDMP yowezi 2019-2024 kanye nohlelo lokuqaliswa kwayo, oluhlinzeka imininingwane mayelana namasu okulwisana nokuxhashazwa kwezidakamizwa eNingizimu Afrika. Le NDMP yowezi 2019-2024 ilandela ukuhlolwa nokucutshungulwa kwe-NDMP yowezi 2013-2017. 
1.2. Lolu hlelo luphakamisa izinjongo okuhloswe ukufinyelela kuzona ezikhethekile eziyisikhombisa, zokulwisana nokuxhashazwa kwezidakamizwa emiphakathini yethu. Futhi luphakamisa ukuthi kubhekwane ngqo nokuncishiswa kwemfuno-sidingo yezidakamizwa, ukuqiniswa kolawulo mayelana nokusetshenziswa kwezidakamizwa zokwelapha kanye nokuphatha ngendlela efanele, nokuhlinzekwa kobuholi kanye nokuphendula mayelana nokuqaliswa kokusebenza kwe-NDMP.

2. INqubomgomo Kazwelonke Yokunakekelwa Nokuvikelwa Kwezingane (i-NCCP)

2.1. IKhabhinethi liyigunyazile i-NCCP, okuyinqubomgomo eqalisa ukusebenza koMthetho Wezingane (uMthetho 38 wezi-2005). Isigaba sama-28 soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika we-1996 siyalimukela futhi siyalihlonipha ilungelo lazo zonke izingane lokuhlinzekwa ngezibonelelo nezinsizakalo zikahulumeni kanye nokuvikelwa odlameni, ukuhlukunyezwa, ukunganakwa kanye nokuxhashazwa.
2.2. I-NCCP egunyazwe ngokusemthethweni iqinisa ukuhanjelaniswa kohlelo lokunakekelwa nokuvikelwa kwezingane, futhi iyaqinisekisa ukuthi zisetshenziswa ngokuphelele izinsiza ezikhona njengamanje ukuze kuhlinzekwe ngezinsizakalo ezenziwe ngcono ezizogqugquzela ukukhula nokuthuthuka kahle kwezingane. Le nqubomgomo ifezekisa futhi nesinqumo seNkantolo Ephakeme yaseNyakatho Gauteng esakhipha umyalelo wokuthi uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi kumele enze izichibiyelo zokuqinisa uhlelo lokukhuliswa kwezingane ngosingamzali noma ukukhuliswa kwazo ezikhungweni ezithile.

3. Izimvume Ezikhethekile Eziqondene Nezakhamizi zase-Lesotho (ama-LSP)

3.1. IKhabhinethi likugunyazile ukwelulwa kwama-LSP ngeminyaka emine engeziwe. Uhlelo-nqubo lwezimvume olukhona njengamanje luzophelelwa yisikhathi mhla zingama-31 kuZibandlela 2019. Ukwelulwa kwezimvume kuzonikeza uMnyango Wezasekhaya (i-DHA) ithuba lokuphothula umsebenzi wawo emzamweni wokuthola izindlela zokulungisa izinkinga eziphathelene nokufudukela kwabantu kuleli, ikakhulukazi izakhamizi ezivela esifundeni seNhlangano Yokuthuthukiswa Kwamazwe aseNingizimu ne-Afrika (i-SADC).
3.2. Ukwelulwa kwezimvume kuqondene kuphela nalabo bantu abanezimvume ze-LSP njengamanje. I-DHA izohlinzeka imininingwane ethe xaxa mayelana nenqubo ezolandelwa.

C. Imicimbi Ezayo

1. Ukuvulwa Ngokusemthethweni KweNkantolo Ephakeme

1.1. UMongameli Ramaphosa uzovula ngokusemthethweni iNkantolo Ephakeme yaseMpumalanga eMbombela, ngoLwesihlanu mhla ziyisi-8 kuLwezi 2019. UMongameli uzobe ehambisana noNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo u-Ronald Lamola kanye noNgqongqoshe Wezemisebenzi Kahulumeni Nezingqalasizinda u-Patricia de Lille kulo mcimbi wokuqopha isigameko esiyingqophamlando ohlelweni okuhloswe ngalo ukuhlinzeka bonke abantu baseNingizimu Afrika ngethuba lokufinyelela kubulungiswa.  Lesi yisigaba sokugcina salolu hlelo oluqinisekisayo ukuthi kusungulwa iNkantolo Ephakeme esifundazweni ngasinye ezifundazweni zaseNingizimu Afrika eziyisishiyagalolunye.
1.2. Manje abantu baseMpumalanga sebezoba neNkantolo Ephakeme okungeyabo futhi ngeke sisaba khona isidingo sokuthi bakhokhe izimali ezishisiwe bekhokhela izithuthi ezizobahambisa ePitori beyofuna usizo lwezomthetho nobulungiswa.

D. Imiyalezo

1. IKhabhinethi lihalalisele:

1.1. u-Olwami Shangase waKwaZulu-Natali oneminyaka eyi-12, obhale incwadi esihloko sithi Rejected Treasure okuyincwadi ehlose ukufundisa wonke umuntu, ikakhulukazi izingane, mayelana namandla okuxolela nokubonisa uthando nenkathalo kwabanye abantu.
1.2. u-Amahle Zenzile waseKapa oneminyaka eyi-11, omenyiwe ukuba ayomela iNingizimu Afrika eMqhudelwaneni we-Chess Wabantu Abasha base-Afrika ozobanjelwa kwelase-Namibia ngoZibandlela.
1.3. umdidiyeli kanye nomqambi wezingoma waseNingizimu Afrika, uMnu Lebohang Morake, oqinisekisile ukuthi iqembu lomculo i-Drakensberg Boys Choir lindizisela ifulegi lezwe lethu phezulu ngenkathi linandisa emcimbini okhethekile womdlalo weshashalazi i-Lion King e-London.
1.4. uMongameli Mokgweetsi Masisi kanye nabantu baseBotswana ngokubamba olunye futhi ukhetho olube nokuthula, okuwukhetho oluyiqinisa kakhudlwana intando yeningi labantu baseBotswana. INingizimu Afrika izothumela ithimba lezithunywa ezizoba yingxenye yoMcimbi wokugcotshwa kukaMongameli waseBotswana ozobanjwa kusasa, mhla lu-1 kuLwezi 2019. Sikubheke ngabomvu ukuqhubeka nokukhula kobudlelwano bethu nezwe laseBotswana okungubudlelwano phakathi kwabantu balawa mazwe amabili, obezomnotho, obezepolitiki kanye nobudlelwano emkhakheni wezosomaqhinga.

E. Abaqashiwe

Ukuqashwa kwabo bonke abasebenzi kuzokwamukelwa ngokusemthethweni kuphela uma sekuqinisekiswe ubufakazi beziqu zabo zemfundo futhi uma sebenikezwe izimvume ezifanelekile.

1. Amalungu eBhodi le-ZA Domain Name Authority:

1.1. Nkz Palesa Legoze (uSihlalo)
1.2. Nkz Veronica Motloutsi
1.3. Nkz Sizo Mzizi
1.4. Slz Kasturi Moodaliyar
1.5. Nkz Malekgoloane Malapane
1.6. Slz Daniel Mashao
1.7. Nkz Anriette Esterhuysen
1.8. Mnu Rendani Mbuvha, kanye no
1.9. Mnu Nicholas Msibi (oqokwe kabusha)

2. UNkz Mmakgomo Anna Tshatsinde, oqashwe njengePhini likaMqondisi-Jikelele (u-DDG): Ophikweni Oluqaphe Imikhakha, loMnyango Wezokuhlela, Ukuqapha Nokuhlola (i-DPME).

3. UMnu Blake Keith Mosley-Lefatola, oqashwe njengo-DDG: Ophikweni Lokuqapha Umkhakha Kahulumeni Nokuhlomisa Ngamakhono Nezinsizakalo, ku-DPME.

4. UMnu Luambo Thomas Sigama, oqashwe njengo-DDG: Ophikweni Lwezinsizakalo Zomphakathi, eMnyangweni Wezasekhaya (i-DHA).

Imibuzo:
Nkz Phumla Williams
Iselula: 083 501 0139

Share this page

Similar categories to explore