Isitatimende SikaMongameli u-Cyril Ramaphosa Ngenqubekela-phambili Emizamweni Yezwe Yokunqanda Ubhubhane Lwe-COVID-19

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Ngalolu Lwesihlanu oluzayo sizobe siqeda unyaka owodwa selokhu kwabikwa ngesigameko sokuqala segciwane le-corona eNingizimu Afrika.

Kusukela ngalelo langa, bangaphezu kwesigidi esisodwa nengxenye abantu, eNingizimu Afrika, abahaqekile futhi bacishe babe yizi-50 000 abantu okubikwe ukuthi badlulile emhlabeni ngenxa yalesi sifo.

Kuningi kakhulu okushintshile ezweni lethu kanye nasezimpilweni zethu.

Kodwa umoya wabantu bakithi awukashintshi.

Nibekezelele ubunzima obukhulu kakhulu, kodwa niqhubekile nokuzimisela, nokubumbana futhi nahlala ethembeni.

Manje, sekuphele unyaka igciwane lafika ezweni lethu, sesinendlela ecacile yokunqanda amandla okudluliseka kwalo futhi, okuyogcina, ngokunqotshwa kwalesi sifo.

Esikhathini esingaphansi konyaka ososayensi basemhlabeni jikelele bakhe, bahlola futhi bakhiqiza imigomo enhlobonhlobo ephephile futhi esebenza ngempumelelo ekulweni nesifo.

Ososayensi baseNingizimu Afrika kanye nezikhungo zocwaningo babe negalelo elibalulekile kulezi zinhlelo baphinda baba negalelo olwazini lomhlaba jikelele ngalesi sifo, okubandakanya ukuqubuka kwezinhlobo ezintsha zalesi sifo.

Sesiside isikhathi sinombono wokuthi umgomo uyoba yindlela yethu ecutshungulisisiwe yokunqanda i-COVID-19, futhi lowo msebenzi ube sewumisa izinqubo ezingeni lezwekazi nasezingeni lezwe ukulungiselela ukutholakala komgomo osebenza ngempumelelo.

Njengamazwe amaningi, sesiluqalile manje uhlelo lwethu lokugoma.

Ezinsukwini eziyi-10 selokhu sathula uhlelo lokugomela igciwane le-corona, sekugonywe abasebenzi bezempilo abangaphezu kwezi-67 000 - abahamba phambili beyibambe ishisa ekulweni ne-COVID-19.

Izolo kufike imithamo emisha eyizi-80 000 yomgomo we-Johnson & Johnson ezweni, futhi kancane kancane siyasikhuphula isibalo semithamo ekhishwayo usuku nosuku.

Ukuqala komkhankaso wethu wokugoma kuhambe kahle kakhulu.

Kuveze lokho esingakwazi ukukwenza ngempumelelo uma sisebenza ngokubambisana njengohulumeni, ososayensi kanye nomkhakha ozimele.

Zonke izifundazwe zihlele izindawo zokugoma futhi zadidiyela izinhlelo zokwelula uhlelo lapho seluqala ukusabalala.

Isibalo sezindawo okuzogonyelwa kuzo sizokwandiswa ngesonto elizayo sisuke ezindaweni eziyi-17 kube nezindawo ezingama-49.

Kulezi zindawo ezingama-49, ezingama-32 zizoba sezibhedlela zikahulumeni bese eziyi-17 zibe sezibhedlela ezizimele.

Lokhu kubandakanya izindawo ezisemakhaya ukuze abasebenzi bezempilo basezindaweni zasemakhaya bafinyelele kangconywana.

Uma sekuqediwe ukugonywa kwabasebenzi bezempilo, sizobe sesiqala isigaba sesibili sokukhishwa kwemigomo ekupheleni kukaMbasa noma ekuqaleni kukaNhlaba.

Isigaba sesibili sizobandakanya abantu abakhulile, abasebenzi bemisebenzi esemqoka, abantu abaphila noma abasebenza ezikhungweni zokunakekela impilo kanye nalabo abaphila nezifo ezingalapheki.

Kulesi sigaba, sizovula nezinye izindawo zokugoma ezikhungweni zempilo zikahulumeni nezizimele ukuze sikwazi ukufinyelela ebantwini abaningi esikhathini esifishane.

Sisanda kusayina isivumelwano ne-Johnson & Johnson sokuthola imithamo eyizigidi eziyi-11.

Kuleyo mithamo, imithamo eyizigidi ezi-2.8 izothunyelwa ekoteni lesibili bese eminye ikhishwe ngokuqhubeka konyaka.

Sithole nemithamo eyizigidi ezingama-20 evela kwa-Pfizer, ezolethwa ngekota lesibili.

Phezu kwalokho, sithole imithamo yemigomo eyizigidi eziyi-12 evela esikhungweni i-COVAX futhi ukulungiswa kwaleyo mithamo yethu esiyabelwe Inhlangano Yobumbano Yamazwe ase-Afrika sekuyaqedwa. 

Siyaqhubeka nokuxhumana nabakhiqizi bemigomo abanhlobonhlobo ukuqinisekisa ukuthi sinezibalo ezanele zemigomo lapho siyidinga.

Bantu bakithi baseNingizimu Afrika,

Mhla ngigcina ukwethula inkulumo ezweni, ekuqaleni kwale nyanga, izwe laselidlulile esicongweni sehlandla lesibili lokutheleleka ngegciwane le-corona.

Njengoba leli gciwane laliqhutshwa wuhlobo olusha lwalo, ihlandla lesibili laba libi ngokwedlulele futhi ladlula nemiphefumulo eminingi kakhulu kunehlandla lokuqala.

Sekusobala ukuthi izwe selidlulile ehlandleni lesibili legciwane.

Sezehle kakhulu izigameko zokutheleleka okusha, ukulaliswa kwabantu ezibhedlela kanye nokushona kwabantu futhi kuyaqhubeka nokwehla kancane kancane.

Evikini elisanda kudlula, izwe libhalise ukutheleleka ngegciwane okungaphansana kwezi-10 000.

Enyangeni edlule, ngeviki lokugcina likaMasingana, izwe lalibhalise izigameko ezintsha ezingaphezu kweziyizi-40 000.

Futhi enyangeni engaphambi kwaleyo, ngeviki lokugcina likaZibandlela, izwe labhalisa izigameko ezintsha ezazisondele kweziyizi-90 000.

Lokhu kwehla okumangazayo kwezigameko emavikini ayisishiyagalombili kungenxa yezindlela ebezihlanganyelwe zezikhungo zempilo zikahulumeni, ukushintsha kwendlela yokuziphatha kanye nokungasatheleleki kwalabo abake batheleleka emiphakathini yethu.

Sikwaze ukudlula ehlandleni lesibili ngoba abantu abaningi bayilandelile imikhawulo enzima futhi bahlonipha izimiso zezempilo, okubandakanya ukugqoka isifonyo emphakathini kanye nokuqhelelana kwabantu.

Izindlela esazimisa kuZibandlela zazidingeka ukuze kunqandwe ukubhebhetheka kwegciwane futhi kuvikelwe izikhungo zethu zezempilo ekugcwaleni ngokweqile.

Zazidingeka ukuze kuhlengwe izimpilo zabantu.

Kwadingeka ukuba sithathe lezi zinyathelo sibe sazi ukuba zazibeka imikhawulo ezindleleni zansuku zonke zokuphila zabo bonke abantu abakuleli lizwe. Zadala ukuphazamiseka okukhulu ebantwini abaningi.

Futhi yize sikwenze konke ukugcina umnotho uvulekile, besazi ukuthi kunezingxenye zomnotho ebezizothinteka futhi ebezingeke zikwazi ukusebenza ngokugcwele.

Indlela esiyisebenzisayo bekulokhu kungeyokuthi imikhawulo kumele imiswe ngesikhathi ebidingeka ngaso ngempela ukuze kunqandwe ukusabalala kwesifo.

Ngenxa yokwehla kokutheleleka, izwe selingakwazi ukuthambisa eminye imikhawulo yezokuhamba nokwenziwa kwemisebenzi.

Siyaphinda futhi, lokhu sikwenza ngokucophelela.

Nangemuva kwesikhathi esigciniwe sokudluliseka okusezingeni eliphansi, sibonile ukuthi ukutheleleka okusha kunganyuka kanjani ngokushesha futhi kungazange kuqale ngokusexwayisa.

Ngokususela ekuhloleni isimo samanje sobhubhane ezweni, iKhabhinethi lithathe isinqumo ekuseni namuhla sokususa izwe Esigabeni Sokuqaphela igciwane le-Corona Sesi-3 liye Esigabeni Sokuqaphela Soku-

Isigaba esisha sokuqaphela sizoqala ukusebenza namuhla ebusuku uma imithethonqubo seyibhalwe kusomqulu kahulumeni.

Lokhu kuzobe kusho ukuthi:

  • Amahora esikhathi somthetho wewashi azoqala ngehora le-12 ezinzulwini zobusuku kuya kwelesi-4 ekuseni.
  • Imibuthano izovumeleka, kuncike emkhawulweni wesibalo sabantu, ukulandelwa kwezimiso zokuqhelelana kwabantu kanye neminye imithethomgomo yezempilo.

Lokhu kubandakanya imibuthano yezenkolo, yomphakathi, yezepolitiki kanye neyamasiko.

  • Isibalo sabantu abangabuthanela endaweni engaphakathi kwezakhiwo esivumelekile yi-100 noma ama-250 ezindaweni ezingaphandle. Lapho indawo yokuhlanganyela iyincane kakhulu ukwanela lezi zibalo ngendlela evumela ukuqhelelana kwabantu, kuzovumeleka amaphesenti angama-50 kuphela omthamo waleyo ndawo ukuba asetshenziswe.
  • Imilindelo noma eminye imibuthano ngaphambi noma emuva komngcwabo ayikavumeleki.
  • Izindawo zokuzithokozisa zasebusuku (ama-nightclub) zizoqhubeka nokuvalwa.
  • Ukudayiswa kotshwala kuzovumeleka, ngokwezinhlinzeko zemvume yokudayia ejwayelekile. Nokho, akuvumelekile ukudayisa utshwala ngesikhathi somthetho wewashi.
  • Ukugqokwa kwezifonyo ezindaweni zomphakathi kusaphoqelekile, futhi ukuhluleka ukugqoka isifonyo lapho kudingeka kusayicala lobugebengu.
  • Imingcele yezwe engama-33 ebilokhu ivaliwe ngalesi sikhathi isazoqhubeka nokuvalwa, kube eminye engama-20 izoqhubeka nokuvulwa.
  • Zizoba zinhlanu kuphela izikhumulo zezindiza ezizovulelwa ukuhamba kuyiwe kwamanye amazwe kube kulandelwa izindlela zokulawula ukutheleleka. Lezi zikhumulo yi-OR Tambo, i-Cape Town, i-King Shaka, i-Kruger Mpumalanga kanye ne-Lanseria.

Njengoba sesithambisa imikhawulo, asikwazi ukunethezeka singasaqapheli.

Imikhawulo embalwa esele ngaphansi Kwesigaba Sokuqaphela Soku-1 kuhloswe ngayo ukugcina amazinga okutheleleka ephansi futhi, ikakhulukazi, ukuvikela imicimbi esabalalisa ukuhaqeka kwabantu ngegciwane.

Uhlobo olusha lwegciwane - olwaziwa ngokuthi i-501Y.V2 - sekuyilo uhlobo lwegciwane olunamandla ezweni.

Ngoba uhlobo olusha lwegciwane ludluliseka kalulana, lunamandla okuthelela abantu abaningi, lubeke umthwalo omkhulu ezikhungweni zethu zezempilo futhi ludale ukushona kwabantu abaningi.

Ngakho, ukuqhelelana kwabantu kubaluleke kakhulu.

Ukugqoka isifonyo nokugwema izindawo ezinezixuku kubaluleke ngokwedlulele.

Futhi manje sekubaluleke kakhulu ukuthi sonke sifake uhlelokusebenza lweselula i-COVID Alert SA kumaselula ethu.

Zilinganiselwa ezigidini ezimbili izakhamuzi zaseNingizimu Afrika esezisebenzisa uhlelokusebenza lweselula i-COVID Alert SA ukuze zaziswe uma zihlangabezana negciwane.

Sicela uye kohlolwa uma kukhona izimpawu ze-COVID-19 onazo.

Lezi zindlela akuzona nje ezokuvikela thina uqobo kodwa ziphinde zivikele labo esibathandayo nesibakhathalele.

Ukulandela lezi zindlela kumayelana nokuzivikela wena uqobo, umndeni wakho kanye nomphakathi.
Kumayelana nokwenza okufanele kanye nokunakekela.

Kumele siqhubeke nalezi zindlela njengoba banda abantu abagonywayo.

Imigomo iwanciphisa kakhulu amathuba okuba umuntu aqalwe izimpawu zesifo kanye nokugula kabucayi, futhi yehlisa izinga labantu abathelelekayo.

Ngakho, sidinga ukubona imigomo njengezinye zezindlela esinazo ezinsizeni zethu zokulwa nobhubhane.

Njengoba sesishilo phambilini, imigomo seyiyiyona ndlela esebenza ngempumelelo esinayo.

Kusenjalo, sizogcina sesikwaze ukunqoba ubhubhane uma siqhubeka nokulandela nezinye izindlela zokuvikela.

Kumele sikwenze kokubili lokhu ukuze sinqobe ubhubhane futhi sikwazi nokusheshisa ukuvuswa komnotho wethu.

Kumele sikwenze lokhu ukuvuselela izwe lethu ukuze likhule futhi kubuyiselwe abantu emsebenzini.

Nanjengoba imisebenzi yezomnotho ibuyela, nanjengoba siqalisa uhlelo lwethu lokusungulwa kwemisebenzi kanye nezinhlelo zotshalomali lwengqalasizinda, nanjengoba kusetshenziswa izinhlelo ezahlukene zokuguqula umnotho ngokuphazima kweso, amabhizinisi amaningi asabhekene nobunzima.

Abantu abaningi abakabuyeli emisebenzini yabo futhi imizi eminingi isawuzwa umthelela wokulahlekelwa imalingeniso eningi.
Njengoba ngimemezele eNkulumweni Ngesimo Sezwe, sibe sesiselula isikhathi seSibonelelo Esikhethekile se-COVID-19 ngezinye izinyanga ezintathu, kuze kube sekupheleni kukaMbasa.

Siphinde selula isibonelelo Sesikhwama Somshwalense Wabantu Abalahlekelwe Umsebenzi se-COVID-19 sokweseka amaholo kuze kube wumhla ziyi-15 kuNdasa 2021 senzela lezo zinhlaka zomnotho ezingakwazanga ukusebenza ngalesi sikhathi.

Lezi zindlela zibonakale zinempumelelo ekunciphiseni umthelela wobhubhane emnothweni kwabanye balabo ababuthaka kakhulu emphakathini wethu.

Isimo sezimali zikahulumeni ezweni, nokho, sisenkingeni kakhulu, futhi angeke sikwazi ukugcina lezi zinhlelo zokusiza unomphela.

Ukubuya kweSigaba Sokuqaphela soku-1 kusho ukuthi imikhawulo eminingi esele emisebenzini yezomnotho isusiwe.

Silindele ukuthi lokhu kuholele ekusetshenzisweni kakhulu kwezabelomali, okudalwa wukuvuseleleka okuhamba kancane kokusungulwa kwemisebenzi.

Silindele ukuthi amabhizinisi aqalise izinhlelo okungenzeka ukuthi azimisile.

Njengoba silandela ezinye izinhlelo zokuvuselela uhlelo, lokhu kuzogxilisa izinyathelo esesiziqalile ukuzibona emnothweni.

Yingakho manje wonke amandla nezinhlelo zethu kumele zibheke ekukhuliseni umnotho - futhi lokhu kubandakanya ukugcina izibalo zokutheleleka ngegciwane ziphansi.

Ngenxa yalesi sizathu, phakathi kwezinye, ukuthanjiswa kwemikhawulo akumele kubukwe njengesizathu sokuyeka ukuqikelela.

Ubungozi bokuqubuka kwegciwane ihlandla lesithathu bulokhu bukhona, njengabo ubungozi bokuqubuka kwezinye izinhlobo zaleli gciwane.

Njengoba sabona ngonyaka odlule, izindlela esiqhuba ngazo njengomuntu nomuntu kanye nanjengeqoqo zizonquma ukuthi ingabe lizoqubuka futhi na leli gciwane nokuthi lokho kuzoshesha kangakanani.

Kusenjalo, igciwane liyaqhubeka nokuzungeza emindenini yethu, ezindaweni esisebenza kuzo kanye nasemiphakathini yethu.

Njengoba umkhankaso wethu wokugoma usimama, kumele siqhubeke nokuqikelela kakhulu ukuze sizivikele thina kanye nabanye abantu.

Sindawonye nososayensi bethu kanye nongoti, sizoqhubeka nokusiqaphisisa isimo futhi senze indlelakwenza yethu ngendlela ephendulayo kulesi simo futhi ibe ingeshintshashintshekayo ngokuhambisana nesimo.

Lolu bhubhane lusiphuce okuningi, kodwa aluwathathanga amandla ethu, isibindi sethu noma ubunye bethu njengabantu ababumbene.

Aluzange luwudikibalise umoya wethu noma lusenze buthakathaka.

Umoya wethu ongowethu sodwa njengezakhamuzi zaseNingizimu Afrika usenze sakwazi ukuma singanyakazi lapho sibhekene nobungozi obungakaze babonwa phambilini, futhi ozoqhubeka nokusikhuthaza sisalungisa indlela eya ekuvuseleleni izwe lethu.

Masiqhubeke nokuba munye, sibe nethemba futhi sizimisele ngamandla ethu wonke ukulwa nale nselele.

Sengathi uNkulunkulu angaqhubeka nokubusisa iNingizimu Afrika futhi avikele abantu bayo.

Ngiyabonga
 

Share this page

Similar categories to explore